UShembe nguyena yedwa kubaprofethi bonke owabuyisa ibandla lamaNazaretha elalisungulwe nguJohane, laholwa nguYeshua noSha’ul.
Njengokusho kukaMose kuNumeri 6, umNazaretha akakuphuzi utshwala newayini, uma ethinta isidumbu uba ngongcolile, akaligundi ikhanda lakhe.
Lemfundiso kaMose eyaqhutshwa nguYeshua noSha’ul, yavuselelwa nguShembe ngokuphelele.
Isihlabelelo 208
1.Thabani thabani
Bufikile ubuNazaretha
Thabani thabani
Izizwe zosinda
Ebezihlakazekile
Zizula emahlane
Ngezwi lakhe.
2.Thabani, thabani
Bufikile ubuNazaretha
Thabani, thabani
Izizwe zosinda
Buphelile ubumnyama
Jabulani nithokoze
Zizwe zonke.
3.Izizwe eziningi
Eziphansi kwezulu
Sizibona zihlakazekile
Zihlabelela zijabhile.
4.Thuthuka, thuthuka
Thuthuka buNazaretha
Thuthuka, thuthuka
Izizwe zomile
Zifuna ukuphuza kuwe
Zikholwe zichichime
Ngezwi lakho.
1.Enkonzweni edlule sigcine uBabamkhulu eshiya umuzi wakhe, waye wajoyina amaWeseli, ehamba eshumayela, esindisa abantu.
2.Kuso leso sikhathi wathola umsebenzi kwelinye ipulazi, okwakuthi njalo uma esaphumile emsebenzini bese eyoshumayela.
3.Kodwa ngobunye ubusuku elele, wabona kufika kuye amadoda amathathu, amtshela ukuthi amlandile ukuba baye naye eMpumalanga beyoshumayela.
4.Kodwa uShembe wakhononda kulamadoda, wathi uzokuya kanjani eMpumalanga eshiye unina yedwa, ngoba lapho abathi akaye khona kukude.
5.Kwaphela unyaka engakaze ebuyele ekhaya, kwathi ekuqaleni konyaka wesibili wabe eseya ekhaya eyobona unina.
6.Kuthe ngelinye ilanga ehleli ekhaya kwaqhamuka umbani ezintabeni zoKhahlamba, wathi nje dwi! Kwase kuvela izwi, lithi: “Lombani uzodla inyama yakho!” Wangazi ukuthi kusho ukuthini lokho.
7.Kuthe ntambama wabophela izinkabi ukuba ziyothatha umhlanga. Kwakunenkabi, uKolber, eyayizizela ejokweni.
8.Kodwa ngalelo langa yenqaba ukuza ejokweni. Ethi uma eyibiza, inikine ikhanda, ibukeka ikhathazekile.
9.Wamangala uShembe ukuthi lenkabi yenzani. Wabe esebiza omunye umfana owayehamba naye, ethi akazombukisa nasi isimanga.
10.Naye wafika wasibona isenzo salenkabi. UShembe wabe eseyibopha ngomchilo ekhanda eyidonsa, lomfana wayishaya ngemuva.
11.Bathe sebesendleni ebusuku behamba nezinkabi, laguqubala izulu, laqhaphazela amathonsi amakhulu, laduma. Washawa uvalo uShembe, wakhumbula leliyazwi elithe: “Lombani uzodla inyama yakho.”
12.Khona lapho laduma kakhulu, wabe esebona into encane ngangempukane ivela phezulu iza kuye. Ithe lento uma isiseduze kwakhe, yaphenduka inyoni enkulu, enamaphiko amakhulu.
13.Laduma izulu izikhathi ezinhlanu, kuqhamuka umbani ufuna ukumshaya, kodwa lenyoni imvikela ngalamaphiko amakhulu. Kodwa kwathi ngokwesithupha, umbani wehla wafike washaya lenkabi uKolber, yafa khona lapho.
14.UShembe lombani wamshaya ethangeni, waquleka, waze waphaphama esesemzini wenyanga eyayimelapha.
15.Ekulenyanga, kwafika izwi likaJehova lathi: “Wena ukhonze unyoko kunami, yikho lombani ubufuna ukukubulala!”
16.UShembe lomyalezo kaJehova wawuhambisa kunina. Unina wayesethi: “Namathela kuJehova mntanami, hleze uJehova aze akubulale. Angifuni ukuba ufe, kulungile uhambe uzula ezintabeni, kodwa uphila.”
17.Nempela izwi likaJehova labuyela kuShembe, lathi: “Awuzukuphiliswa imithi yalenyanga, kodwa uzophiliswa nguJehova!”
18.Yathi uma ifika kuye inyanga wayitshela ukuthi uzoyikhokhela inkomo yayo, kodwa useyahamba ngoba uthe uJehova uzophiliswa nguye, hhayi umuthi. UShembe waphila ngaso leso sikhathi.
19.Emva kwalokho wabona ukuthi ayikho indlela yokubalekela uJehova: basebefile abantwana bakhe, esehlukene nabafazi bakhe, inxuluma lomuzi selishabalele, nonina esemkhulule, engasenalutho ongabambelela kuyo!
20.Wasuka lapho owayegulela khona esephilile. Waqala phansi washumayela izindawo eziningi eFree State, esindisa abantu, kodwa engasonti ndawo, futhi engabhajadisiwe.
21.Ngesikhashana uShembe waduma yonke iFree State, kukhulunywa ngoMprofethi othandazela abantu abakhiphe amadimoni.
22.Kwaba noMsuthu owabe kade enguthisha eWeseli, wabe eseba ngumshumayeli ebandleni lase African Native Baptist Church, uSoul Luphuthi.
23.USoul Luphuthi wathatheka kakhulu ngalendlela kaShembe yokushumayela ebe ethandazela abantu ebakhipha amadimoni, ngoba leyonto yayingaziwa, kwaziwa ukuthi yagcina ngezikhathi zikaYeshua nabaprofethi.
24.USoul Luphuthi wabe esetshela uShembe ukuthi kuzofika abafundisi abakhulu abasuka eGoli ebandleni, wathi ucela uShembe abe khona ngoba futhi kuyoba kubhabhadiswa.
25.Nempela uShembe wahlangana nalaba bafundisi, base bemmema ukuthi afike ngakusasa ngoba boba bebhabhadisa emfuleni.
26.UShembe wathatheka kakhulu ngalendlela yokubhabhadisa emanzini, ngoba ebandleni lamaWeseli owayeke sonte kulo babengayemukile indlela yokubhabhadisa emanzini. Wase ecela ukuba bafike endaweni owayekuyo bezombhabhadisa.
26.Wathi uShembe ebhajadiswa wabe esedume izwe lonke ukuthi ungumprofethi. Kwathi mhla ezobhajadiswa kwagcwala abantu abaningi bezobona lesi simanga somuntu sibhajadiswa.
27.UShembe wabhajadiswa nguMfundisi W.L. Leshega owayengumholi we African Native Baptist Church. Wabhajadiswa mhla ka 22 July 1906, umfundisi uLeshega wametha igama lokubhajadiswa elithi u-ISAIAH SHEMBE.
28.Lapha asizukuzibala izindawo owahamba kuzo nezimangaliso owayehamba ezenza ekushumayeleni kwakhe eFree State.
29.Ngenxa yokuthi wathi ebhajadiswa wayevele esedume njengoMprofethi, eqeda ukubhajadiswa umfundisi uLeshega wamkhulula ukuthi ashumayele njengokuholwa kwakhe iNkosi, kodwa wabe esinikwa isikhundla sokuthi ungumvangeli.
30.Mhla umfundisi esemkhulula wamnika isibusiso emkhulekela, wathi: “Hamba mntanami ungabheki emuva, uzishumayeze izizwe, uzibhabhadise egameni likayise nelendoda nelikaMoya ongcwele! UNkulunkulu wakho ahambe phambi kwakho.” Nebandla lasho lonke lathi: “Hamba naye Nkosi ungamshiyi!”
“INkosi ikubusise weNceku yeNkosi
Ulihambise weNceku yeNkosi
Nazo izizwe zililindele
Zonke eziphansi kwezulu.
31.INkosi ikubusise weNceku yeNkosi
Ikwandisele imihla phansi kwezulu
Zililindele zonke lezo zizwe
Zonke eziphansi kwezulu.
INkosi ikubusise weNceku yeNkosi
Uhambise izwi lakhe Nceku yeNkosi
Lezi zizwe zililindele
Zonke eziphansi kwezulu.
32.UJehova akwakhe Nceku yeNkosi
Uhambise izwi lakhe Nceku yeNkosi
Lezi zizwe zililindele
Zonke eziphansi kweZulu.
INkosi ikubusise weNceku yenkosi
Usesule izinyembezi ngegama leNkosi
Zonke lezi zinyembezi zilindele wena
Zonke lezi eziphansi kwezulu.”
33.Noma umndeni wakwaShembe wawudabuka eNatal, kodwa yena wayekhulele eFree State.
34.Kusukele ekukhuleni kwakhe kwakuhlale kufika izwi lithi: “Asihambe siyoshumayela eMpumalanga.”
35.Esebhajadisiwe, lafika futhi leli lizwi lathi: “Shembe, hamba uye eMpumalanga, ilapho sohlangana khona.”
36.Mhla ka 10 March 1910 uShembe wasuka eFree State, wathatha isitimela, wehla eThekwini esiteshini eMsizini. Wafika ebusuku eThekwini, wabe eselala esiteshini.
37.UShembe wayeqala ukufika eThekwini, engazi muntu! Wabonwa yinkosikazi yomfundisi uMathe, naye engowase African Baptist Church. Yathi uma imbuka yamdabukela, yabe isithi akaze endlini yakhe.
38.Wafika umyeni wayo, yase imbikela ngalesi sihambi esifice silele kabi esiteshini sesitimela. Wasechaza uShembe ukuthi naye ungumvangeli eBaptist Church.
39.Wajabula kakhulu lomfundisi, wabe esethi abaye enkonzweni eyayisebusuku. Nempela wahamba naye uShembe. Lomfundisi wabe engazi ukuthi kanti uhamba nesilwane sasezulwini!
40.Wathi evula inkonzo, wabe esethi uShembe akayiphathe lenkonzo ngoba wabe esevele eshilo ukuthi ungumvangeli. Wathi uyasukuma uyahlabelela, sesuka isidumo, kwakhala amadimoni, abanye abantu baphuma ngamafastela babaleka, wethuka lomfundisi ukuthi kanti inhloboni yomuntu lo ohamba naye.
41.Ngakusasa kwathi koshona ilanga wabe uShembe eselandelwa zihlwele zabantu, wayeshumayela khona eMsizini, ekhipha amadimoni kubantu, enza zonke izinhlobo zezimangaliso!
42.ekufikeni kukaShembe eThekwini wayehamba elala emzini yabantu, kwesinye isikhathi uma engatholwanga muntu othi umlungisele emzini wakhe, alale entabeni.
43.Washumayela waze wafika eMgwahume ethandazela futhi ekhipha abantu amadimoni.
44.Washumayela waze wafika eVondela, eVokwe, eFiniksi, wakhuphukela eDanganye lapho watholwa khona iNdiya uParsaria elamnika indawo yokulala.
45.Wavuka ngakusasa waqonda ngasOhlange ehamba eshumayela, ephilisa abantu abagulayo.
46.Bonke abantu abaphenduka wayebanikela kumabandla aseduze, njengamaWeseli nama-American Board.
47.Esefikile eNatal uShembe waduma izwe lonke, kodwa waba isitha esikhulu sezimishini; wathukwa kuthiwa ungumhunguli, ungumkhohlisi, unomlingo.
48.Kodwa lapho eqhamuka khona abantu bashiye konke bamlandele, bezwa ukushumayela, ukuphilisa abangakwazi, nababazi ukuthi kwagcina ngoYeshua nabapostoli.
49.Kwathi uma ephendula abantu, ebathumela kuyizimishini, kodwa zona zabenqaba, zathi azikwazi ukwamukela abantu abaphendulwe umkhohlisi nomhunguli.
50.Kwathi uma izimishini seziwaxosha amakholwa aphendulwe nguShembe, abe esemlandela nomaphi lapha eya khona.
51.Uma elala entabeni, nabalandeli bakhe belale lapho elala khona, uma enikwa ngumuntu indawo yokulala, nabo belale lapho elele khona.
52.Laba balandeli bakhe uShembe wababiza ngokuthi NGAMANAZARETHA.
53.Alukho usuku lapho uShembe owake wahlala khona phansi waqamba igama lebandla, kodwa wavele wabiza abantu abamlandelayo ngokuthi ngamaNazaretha; kwase kuba NEBANDLA LAMANAZARETHA.
54.Kwathatha iminyaka engaphezulu kwemithathu uShembe eshumayela izwe lonke, kodwa engenawo umuzi, ehamba elala ezintabeni.
“Ekufikeni kwethu kulelizwe
Lase Mpumalanga
Sazula singenandawo
Lapho singaphumula khona
55.Kepha wena Nkosi Jehova
Awuzange usilahle
Ekudabukeni kwethu
Wasilondoloza njalo.
Namuhla sesiyakubonga
Wena Dwala labadala
Wena Mthunzi wokuphumula
Mpompozela phezu kwethu.
56.Thina siyesaba umusa wakho
Wehleli phezu kwethu
Hlezi singawugcini
Ulaka lwakho lusehlele.”
57.Okwanamuhla asizukukhuluma ngokuya kukaShembe entabeni yaseNhlangakazi, ngoba kuyindaba ende kukodwa, futhi asizukukhuluma ngokwakhiwa komuzi waseKuphakameni.
58.Kodwa uShembe waya eNhlangakazi ngo 1913, emva kwalokho, kusukela ngo 1914 kwaqalwa ukwakhiwa komuzi waseKuphakameni.
59.Ingelosi isifundise ukuthi inyanga uShembe owaya ngayo eNhlangakazi, iyona ebaluleke kunazo zonke ezinye, okwakungu January 1913, ngoba kulapho wahlangana khona noJehova wavuselela ngaye imithetho owayeyinike uMose.
60.Ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu asinawo umhlangano kaMarch 10, ngoba asikaze sitshelwe lutho ngawo.
61.Umhlangano ngesikhathi seLanga kuze kube iNyangayezulu kwakungu-April, okungumhlangano wamadokodo.
62.Kuyaye kube nokukhuluma kokuthi uShembe wagcotshelwa emaMpondweni.
63.Kodwa uma usufunda umlando walabo uShembe owabe ehamba nabo ukuthi uBabamkhulu waze walandwa ingelosi yaya naye eMaMpondweni ngo 1930, bese kuphambana.
64.Ngo 1930 kwasekusele iminyaka emihlanu uBabamkhulu ahambe emhlabeni.
65.Kunokudideka-ke ukuthi lokhu kuzalwa kobuNazaretha esingakubonanga kuBaba iLanga neNyangayezulu, osekukhulunywa ngenkomo uMthambeka okuthiwa yayingeyokugcoba uShembe, nini, ngoba saqala ukuyizwa ngesikhathi soThingo?
66.Kuyadinga ukuthi siziqaphele izinto ezakhiwa ngabantu ngezinhloso ezithile, bese bethi uma bezenza bese bezisekela ngento esuka engqondweni yabo, njengokungaydli nje inkukhu!
67.Ngomunye unyaka kusekhona iNyangayezulu kwathi kufanele kungene umhlangano kaJuly, eBuhleni, abantu babheka eLinda, bathi kwathiwa asoya eLinda solanda ukhiye!
68.UBaba iNyangayezulu yangeza kulowo mhlangano, saze sathola icala lokungenisa umhlangano kaJuly eLinda, lokho sikususa ezingqondweni zethu! Siyedlula-ke lapho.
69.UBabamkhulu ehla eNhlangakazi ngo 1913, washumayela kuyiTheku namaphethelo alo, wabe esebheka eNyakatho KwaZulu.
70.Eningizimu yeTheku washumayela eManzimtoti nase Mbumbulu nakwa Makhutha. KwaMakhutha wakha ithempeli, noma imishini yakhe owayibiza ngokuthi IBEKIZITHA. Ilokishi lakwaMakhutha lalingakabi bikho ngaleso sikhathi.
71.Washumayela emakhosini asemaQadini nawakaShangase; esifundakantolo iNdwedwe wakha amaThempeli ENGONWENI, EGAMENI, nase-HOMIS.
72.Enyakatho yeTheku washumayela endaweni yase Verulem, oThongathi, Stanger naseGroutville.
73.EGroutvile wahlaselwa ngamakholwa akuleyo ndawo, bamephuca ubhoko lwakhe.
74.Sebeluthathile ubhoko balubeka endlini yesonto labo, lwaphenduka lwabashaya lungasaphethwe muntu, balubuyisela kuye sekukubi lubashaya!
75.Washumayela wabheka ngaseMsinga; endaweni yakwaMaphumulo wakha imishini noma ithempeli, IKHANGELA.
76.Washumayela waze wawela uThukela, wakhuphukela kwelenkosi yaseLangeni, inkosi uMhlongo.
77.Kulenkosi yakwaMhlongo isizwe sakhona esasesibuswa imishini, bamxosha uShembe, waze wemukelwa inkosi yakwaMathonsi esizweni sakwaMathonsi.
78.Kulenkosi wakha iThempeli owaliqamba igama wathi kuse-VUNIZITHA; wathi inkosi yakwaMathonsi ivune izitha ezixoshwe kwaMhlongo eNdulinde!
79.Wedlula waze wayofika esifundankatolo eMtunzini, wakhuphukela kwesenkosi uNzuza, wafike wakha imishini iJUDIYA.
80.Wehlela kwesikaMathaba ehamba eshumayela, wafike wakha imishini iZIBINDLELA. Waqonda phezulu kwesenkosi yaseManzimeleni, washumayela ethandazela abantu, lapho wakha imishini iZILIYA ne VELABAHLEKE.
81.Waqala wakha umuzi ezintabeni zoNgoye, wawubiza ngokuthi kuse NSALABEBUZA.
82.Wathi kuza isikhathi lapha lomuzi uyosuswa lapha, abantu bayobuza ukuthi kwakwakhe bani lapha, abanye bese bethi: kwakwakhe uShembe.
83.Nempela ngesikhathi sikaBaba iLanga imishini yamaLuthela yalwa namaNazaretha, wagcinwa ususwa lomuzi iNsalabebuza, yabe isiyokwakhiwa kwenye indawo, sekubhaliswa ngokuthi ngumuzi kaVelemu uMpanza, ubaba wami, kuvikwa amaLuthela ayengafuni ukumbona uShembe eduze kwemishini yakwaManzamnyama.
84.Wakhuphukela kwesakwaMkhwanazi eduze kwe-University yasoNgoye. Kukulenkosi lapho okwaphenduka amakhehla akwaMjadu, athi uma ephenduka wayowabhabhadisa elwandle. Lapha uShembe wakha imishini owayibiza ngokuthi KUSENELISIWE.
85.Wabheka enyakatho kwesenkosi yakwaDube uMagemegeme. Njengenkosi yase Manzimeleni, lenkosi yaba ngumNazaretha. Yakhula kakhulu yaze yafa isindala kakhulu. Kulendawo uShembe wakha izimishini iBHEKIZITHA ne GIBISILE.
86.Washumayela uMprofethi waze wawela uMhlathuze wayofika emakhosini akwaBiyela.
87.Noma ukuhamba lezi zindawo kokunye kungalandelani njengoba sisho, kodwa ngo 1930, uMprofethi wathathwa ingelosi yase Mpondweni ukoshumayela emaMpondweni.
88.Washumayela waze wafika eMthwalume. Washumayela kuso sonke isifuna saseMzumbe, waye wayofika eMzimkhulu. Kuzo zonke lezi zindawo wayefike akhe amaThempeli noma izimishini.
89.EMthwalume wakha iGOSPEL, eNhlangwini wakha imishini ILETHEZINYE, waqhubeka EXOPHO wakha IKHANGELA neBHEKIMESIYA.
90.Enyakatho waqhubekela kwelakwa Mthethwa, wenza izimangaliso eziningi, inkosi yakwaMthethwa, uMhlane, yathi uma isihamba emhlabeni yathi uShembe akayigone, yafa uShembe eyigonile.
91.Imishini iTHEMBALIMBE isendaweni yakwaMthethwa. Ngaphambi kokufa lenkosi yanikela ngezwe layo kuShembe, yikho amaNazaretha amaningi esezweni lakwaMthethwa!
92.Washumayela waye wafika kwaMbonambi eNkosini yakwaMbuyazi ngase Richards Bay, wakha imishini uMKHAYIDENI, lapho umphefumulo wakhe waphumela khona.
93.Washumayela waze wafika enkosi yasemaNdlazini, inkosi uMthiyane, eduze kwase Richards Bay, lapho wakha imishini IMPUNZABANELE. Washumayela enseleni kwesika Khoza.
94.Washumayela wawela imfolozi wayewafika kwesikaMtubatuba. Washumayela kwaphenduka abantu, wakha umuzi iBHEKUZULU, KWASISUSOMFAZI naseNSABALELE.
95.Waqhubeka waye wafika kwaHlabisa lapho owakha imishini I ZILIPHA, waqhubeka eshumayela waze wakha imishini UDUMABESABE!
96.Washumayela wangena Phakathi kwaNongoma, lapho wakha imishini ILINDA. Wedlulela eNgoje, lapho owakha imishini EDLOZINI.
97.Waze wayofika esifundankantolo saso Bonjeni, kwaMhlabuyalingana. Washumayela eBiyela eMkhuze, wakhuphukela oBonjeni.
98.Wehlela eMakhathini waze wayofika kwesakwaNxumalo lapho owakha imishini- ILOMBO, esibizwa ngokuthi kuSesibusisweni.
99.Wehla wabheka ngasolwandle kwesenkosi yakwaMdluli lapho owakha khona izimishini INTONGANE kanye NEMZIPHATHE manje esibizwa ngeNKANYEZINI.
100.Wabheka enhla nenyakatho eNgwavuma lapho owakha khona Imishini-IMPANDE.
101.Zonke lezi zindawo wayezihamba ngezinyawo, engenamoto, ngaphandle kokuthi mhlawumbe uma kuseduze naseKuphakameni agibele isitimela!
102.Kodwa kwezinye izindawo uShembe wayefiaka ngoMoya, afike ashumayele ephilise abantu, kodwa engekho kulendawo ngokwenyama, kodwa abantu bengakuboni lokho.
103.Eswatini uShembe akaze abe khona ngokwenyama, kodwa njengoba sake sachaza, uShembe wayefika kuMfundisi uHlophe oseSwatini, kwaze kwaba nemishini eSwatini igama layo IMVELABUSHA.
104.Ivangeli likaShembe lalithi asikhonze uJehova ngokugcina imi0thetho yakhe owasilobela yona ngeNceku yakhe uMose. Akakho omunye uMprofethi owake waba nalokhu kukhuluma emva kwaYeshua, ngaphandle kwaMprofethi uMahumed esizweni sama-Arab!
105.UShembe wakwenza kwaba isisekelo sobuNazaretha ukugcina umthetho kaJehova, waze wakubhala phansi kuvesi 3-4 womthandazo wesabatha, lapho ethi:
106.“MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE OWANILOBELA YONA UJEHOVA NGENCEKU YAKHE UMOSE, UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI.
107.NGOKUBA UMA NINGAMDUMISI NGEMITHETHO YAKHE, AKAYIKUYA MUKELA IMITHANDAZO YENU, AKASOZE ANEHLISELA IZIBUSISO UMA NINGAYILALELI IMITHETHO YAKHE NIYIGCINE.”
108.UShembe nguyena yedwa kubaprofethi bonke owabuyisa ibandla lamaNazaretha elalisungulwe nguJohane, laholwa nguYeshua noSha’ul.
109.Njengokusho kukaMose kuNumeri 6, umNazaretha akakuphuzi utshwala newayini, uma ethinta isidumbu uba ngongcolile, akaligundi ikhanda lakhe.
110.Lemfundiso kaMose eyaqhutshwa nguYeshua noSha’ul, yavuselelwa nguShembe ngokuphelele.
111.Noma kungsenjalo manje, kodwa alikho ibandla emhlabeni wonke ebeligciina umthetho kaNkulunkulu njengebandla lamaNazaretha!
112.KuMthandazo wokuvuka, igama likaJehova uBabamkhulu uliphindaphinde ka 18, kuMthandazo wokulala livela ka 21, kuMthandazo wesabatha livela ka 32.
113.Kuzihlabelelo noma amahubo livela ka 87. Kuyo yonke incwadi yezihlabelelo zamaNazaretha livela ka 158. Igama elithi JESU livela ka 11, kanti elithi SHEMBE livela kanye.
114.Njengoba ngaso sonke isikhathi sikhuluma njoJEHOVA, sifeza izinhloso zikaBabamkhulu zokuthi SIDUMISE UJEHOVA NGOKUGCINA IMITHETHO YAKHE OWAYILETHA KITHI NGENCEKU YAKHE UMOSE!
“Ufikile olandelwa yizizwe
Ufikile semzwile
Babazani wemadoda
Babazani zizwe nonke.
115.Ufikile abakhuluma ngaye
Abaprofethi
Babazani wemadoda
Babazani zizwe nonke.
Uyeza uThumekile
Uzofika emhlabeni.
Babazani wemadoda
Babazani zizwe nonke.
116.Ufikile uMthokozisi
Mlandeleni zizwe nonke
Mlandeleni makhosikazi akithi
Mlandeleni zintombi zakithi.
Kwathiwa asiyikushiwa sisodwa
Ufikile simzwile
Mlandeleni bantu nonke
Ufikile simzwile.
iNkosi ibusise enikuzwile!