Ngithike bantwana baseKuphakameni, engazathi uJehova engaba nathi sibe ngamaNazaretha nasemzini yethu lapho esingekho khona emehlweni abantu. Sibafundise nabantwana esibazele leli vangeli libe khona noma kungesilona iSabatha, abantwana abangafundisiwe lelivangeli, bafike babonakale nalapha esontweni!
Intshumayelo kaMfundisikazi: Nomcebo Nxumalo Mpanza ngeSabatha ekuseni mhlaka 20 May 2023.
101. ISIHLABELELO
1 Lukhozi olunamaphiko
Phakamisa iphiko lakho,
Singene sizifihle kuwe
Dwala labadala.
2 Nqaba yimbe asinayo
Ngaphandle kwakho,
Esingazifihla kuyo
Thina bampofana bakho.
3 Sikhukhukazi esihle
Simi phambi kwakho
Akuyiso iJerusalema kuphela
Owayithandayo.
4 Sithande usifukamele
Sikhukhukazi esihle,
Sisebusweni bakho
Sikhukhukazi sasezulwini.
5 Kufukamele Nkosi
Loku Kuphakama,
Njenge sikhukhukazi
Sithanda abantwana baso.
6 Jerusalema, Jerusalema
Mina bengithanda kangakanani
Ukubuthela abantwana bakho,
Phansi kwama phiko ami
Kepha awuvumanga
Sengikushiya uchithekile.
1.Ngiphinde ngiyikhethe iNkosi yaseKuphakameni. Ngibonge ukunikezwa ukuthi kulemini yeSabatha eseyisigaba sesibili ngikwazi ukuguqa phakathi kwabangcwele ngikhulume ngoNkulunkulu waseKuphakameni. Isihloko sithi: “Sikhumbula uJehova mhla ethuma uShembe emhlabeni.” Sekukhulunyiwe kakhulu ivangeli ekukhulunywa ngalo, esikhathini esedlule bekuyaye kuphakame izalukazi ezindala uma kuyisikhumbuzo.
2.Kodwa lezi zalukazi zazingakhulumi ngenhloso kaJehova, zazikhuluma ngezinto ezazenzeka uma uMprofethi ekhuluma noNkulunkulu. Zazikhuluma ngabantu ababegula, zikhuluma ngabantu ababengabatholi abantwana, zikhuluma ngabantu abase befile bavuswa, kwabake isikhathi eside, konke kunesikhathi sakho.
3.Kodwa ivangeli loMprofethi namuhla akusesilo lelo, kodwa sekuyivangeli elichazela umhlaba wonke ukuthi uShembe wathunywa uNkulunkulu. Sekuyivangeli lokuthi kuchazwe ukuthi akaqalanga eselapha emhlabeni ukuba isimangaliso, akaqalanga esezelwe, kodwa waba isimangaliso khona ekuqaleni kwakhe. Akekho omunye umuntu esake sezwa ukuthi wafika njengoShembe emhlabeni.
4.UJehova wayesebonile ukuthi umhlaba wonakele ezakuthuma uShembe, uma ngisho uShembe ngisho uMperofethi Isaiah Shembe. Wabe esefuna isitsha, isitsha esihlanzekile lapho ayezobeka khona umuntu wakhe, nguye yedwa owafika eyisimo sembali. Namuhla sikhumbula uJehova mhla ethuma uShembe emhlabeni. Konke esiyikho kungaye!
5.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni sekufanele ukuthi sibheke ukuthi wathini lo muntu wasezulwini owagijima ngendlela eyisimangaliso, kodwa ehamba ngezinyawo. Angeke bantwana baseKuphakameni ngikhulume ngomlando wakhe ngoba kukhona lapho engingashayisa khona, kodwa ngikhuluma ngothando lukaJehova, ngikhuluma ngomusa ohlezi phakade owasimema wasisondeza kuJehova.
6.Kwase kungazeki bangcwele ukuthi emhlabeni indlu kaJehova nabadumisa uJehova kuyobuye kube khona yini. Kodwa isivumelwane esidala esenziwa ngenye imini sekubonakele ukuthi le nqola izokuhamba ihambe bese iyabhajwa. Uyabuzwa uMprofethi ukuthi uyokwenzenjani uma sekunjena, uthi-ke: “Cha, ikhona intandane yami ekuyothi uma ithola abantwana, kuthi noma kungesibona abakwaShembe kodwa uMoya kaShembe uhlale kuye.”
7.Bantwana baseKuphakameni lo Moya kaShembe wasebenza wasebenza phakathi esinyokothweni, babakhona ababa namehlo, bawubona, kodwa lona owawukuye, wayengaboni ukuthi kukhona uMoya kaShembe kuye. Wayethi naye uwumuntu nje ofana nabantu bonke, kanti uJehova umkhethile ukuthi kuyothi uma indlu kaJehova iwa, ebese eyivusa ngaye. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni akekho umuntu emhlabeni owake wavela wamemeza wathi iSabatha namuhla bantu bonke.
8.Akekho owake wamemeza wathi mesabeni uJehova, kubo bonke abaholi abamhlophe nabamnyama kwagcina nguShembe, ngoba wabe ethunywe uNkulunkulu. UShembe nguye yedwa ofundise abantu ukuthi ngosuku lwenhlupheko babize uJehova, nguye yedwa otshela abantu ukuthi uJehova uyokuza abasindise. Akekho omunye esesike samuzwa ememeza ethi abantu ababuyele kuJehova. Kwaqala ngaye lapha eNingizimu Africa, kwagcina ngaye, namhlanjena sesino Shembe abayizinkulungwane, kodwa labo Shembe abayizinkulungwane, akusibona oShembe abafundisa abantu ukuthi besabe uJehova. Akusibona oShembe abatshela abantu ukuthi uShembe wathi ngosuku lwenhlupheko sibize uJehova. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni sibuthwe ilowo musa, owasehlela singelutho.
9.Uma ngabe kwakhiwa lelibandla, kwathiwa akobhekwa ezihlabelelweni zoMprofethi, ngithike bantwana baseKuphakameni iBhayibheli yami namuhla ilesi sihlabelelo. IBhayibheli lokuqala esengilifundile lelo naleli lalesisihlabelelo, uShembe wayefundisa ngisho nangezihlabelelo. Wayekhuluma nabantu abamukele uNkulunkulu ukuthi abanayo enye inqaba abangazifihla kuyo.
10.Waphinde wasitshela nokuthi akusiyona iJerusalema kuphela eyathandwa uNkulunkulu, kodwa nathi usithandile, kuphela bantwana baseKuphakameni ibanga eselisele, lisele kithi ukuthi uNkulunkulu esesithandile wathatha isitsha sasezulwini esiphethe izwi lakhe wasibeka phakathi kwethu ukuthi leso sitsha sisiphethe kahle. Esikufundisiwe sikwenzile yini?
11.UNkulunkulu uma esikhipha, wayesikhipha emathembeni ayize, esiletha endaweni lapho okuzothi uma ngabe sihluphekile sibize uJehova kuphela. Ngithike bantwana baseKuphakameni umbuso wezulu uyasetshenzelwa, awugcini ngokuthi ube ngumNazaretha kaNkulunkulu, awugcini ngokuthi ugqoke ingubo emhlophe, kodwa okufanele kube mhlophe kakhulu umsebenzi wakho phambi kwa Jehova, umsebenzi wakho phambi kwabantu. Ube ngumNazaretha kaNkulunkulu noma uhamba wedwa endleleni, ube ngumNazaretha kaNkulunkulu noma uhluphekile noma ubusa.
12.Kukhona omunye umntwana owashumayela lapha endlini, ekhuluma ngokushaywa nguSathane, ithi-ke le ngane: “Sathi uma sesingena kulelibandla, wacasuka uSathane wasishaya ngazo zonke izinto, wasephuca yonke into.” Ithi ingane: “Sasala noNkulunkulu kuphela!” Kodwa abazange bahambe! Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngiyambonga uJehova ngoba namhlanjena siyibandla elibizwa ngamaNazaretha kaNkulunkulu, futhi elihamba ngeziyalo zikaNkulunkulu!
13.Alikho ibandla lapha emhlabeni, lapha eNingizimu Africa engike ngezwa ukuthi kukhona okhulumayo kodwa futhi oqhamuka ezulwini. Kodwa thina ngoMusa kaNkulunkulu, uNkulunkulu uvuse lelibandla ngathi, wasibona ukuthi singase siwe, wase esithumelela umuntu wakhe, ingelosi yakhe! Uthi uShembe kwenye indawo, kwelinye ivesi, emthandazweni weSabatha, uthi “ulalele wenze, ungalaleli nje ungenzi!” Salalela senza, namhlanjena kwavela isifo, lesi sifo esasinonya, sabhubhisa saze sabhubhisa ngisho amakhosi.
14.Kodwa umusa kaJehova owayesigcinele wona, awusishiyanga, weza kithi wasitshela ukuthi kuza impi enkulu engaphezulu kwempi eyake yaba khona emhlabeni, yesifo. Wathi zincengeleni kuJehova, okokuqala nivume izono zenu, siqale ukunikelela lesi sifo, i-Corona, lathi izwi asivume izono phambi kwaJehova, siwukhiphe umnikelo wezono, sisho ukuthi sonile phambi kobuso bakho, bese sicela ukuvikelwa. Ngoba ingelosi yasho yathi konke lokhu kungenxa yokona, uJehova washo wathi uma ngabe niyakulalela umthetho kaJehova niyakubusiswa, nibusiswe ekungeneni, nibusiswe nasekuphumeni kwenu, uJehova uyakubusisa namasimu enu.
15.Uma ngabe ningenaku kwenza lokho, niyaku qalekiswa ekungeneni nasekuphumeni, kuyakuqalekiswa namasimu enu. Yathi ingelosi khiphani iminikelo nithi siyaxolisa Baba kuwe, sonile ebusweni bakho, kodwa Baba siyacela ukuthi usivikele. Isho njalo nje ikhuluma ngesifo esingakasazi ukuthi siyini. Zange kuphele nesikhathi esingakanani, wase uyadilika uzamcolo wesifo, abantu bawa njengezimpukane zifakwa i-doom. Sacekeleka phansi, izihlakaniphi ezinkulu, abamhlophe bafa, seza kwabamnyama.
16.Waphinde wathi: “Nikelani sesifikile.” Asizange sisho ukuthi sinikelile izolo, saguqa sanikela, akekho umuntu owumNazaretha kaNkulunkulu namanye owahamba ngalesi sifo, emabandleni wonke baphela. Namuhla amabandla amanye ayabuka lapha okwakume khona umfundisi, nalapho okwakume khona umshumayeli, akasekho wathathwa ilesi sifo!
17.Noma senza isiikhumbuzo sabafowethu nodadewethu abasishiya kulelibandla, akekho esimkhumbula owathathwa ilesi sifo, sikhumbula abantu abathathwa uNkulunkulu ngesikhathi sakhe. Ukube lento beyenzeke esizweni sabamhlophe ngabe seyibhaliwe, ibekwe phansi, itholakale yonke indawo ukuthi uNkulunkulu wenze isimangaliso! Sasinda bantwana baseKuphakameni, bawa abantu ngapha nangapha, asinaye umuntu owathathwa ilesi sifo, konke kusukela emseni ohlezi phakade owawulondoloziwe ugcinelwe abantu abayomukela uJehova.
18.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kuze kube namuhla, alikho elinye ibandla, uma lizakuba khona liyobe selikopisha lapha kithi, ekuye kuthi ngosuku nje oluthile kuthiwe kuyobe kunikelelwa into ethile, kungasuki khona enqondweni yomuntu, kodwa kuyisimemezelo esivela ezulwini!
19.Namhlanjena sizoba sinenkonzo, inkonzo enkulu yokuncenga kuJehova ukuba uJehova asigomele abantwana, nakho lokho kube yizwi lengelosi yezulu, eshilo ukuthi kunomkhuhlane omubi ozayo, nawo uyingozi, wathi abagonywe abantwana, lesi simemezelo sinesikhathi eside, besilokhu seqa senza okunye. Sizoba sicela ukuthi uNkulunkulu asigomele abantwana, asiqinisele bona, ukuthi lo mkhuhlane ungabengameli.
20.Namhla sizoba sinenkonzo enkulu, lapho sizoba sincenga khona uJehova, sicela ukuba asigcinele abantwana esikoleni, avale isango lokuhlubuka ezinganeni, avale isango lokuthi abantwana uma beya ezikoleni eziphezulu noma ema university befike bengaba saba yiwo amaNazaretha. Sizocela kuJehova ukuthi asigcobele abantwana bethu ngamafutha omusa ezinhliziyweni zabo, babe ngamaNazaretha noma bengekho emehlweni ethu, babe ngamaNazaretha noma sebesema university, babe ngamaNazaretha noma bekuphi.
21.Siyabacelela abantwana bethu ukuthi bagane amaNazaretha, ngoba bayifa likaJehova, bagane abantu abazi uNkulunkulu, abamaziyo, baganwe ngabantu abazi uNkulunkulu, uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba! Ngithike bantwana baseKuphakameni, awunakukuthola lokho kwezinye izindawo, lokho kudalwa ukuthi bahamba bodwa, abanikezwanga muntu ozobheka abantu!
22.Lapha kulelibandla kunomuntu esiyaye sithi sihleli sisontile abheke, abheke izinkinga esinazo, abheke izifo nasemzimbeni yethu! Uma ebona ukuthi kukhona lapho esesihambe kakhulu isifo, kukhona umuntu ongase afe, asitshele athi phuthumani niyocela kuNkulunkulu ukuthi anqobe lesi sifo esithile, nicele kuNkulunkulu ukuthi alivale ithuna, sonke sinikelele lokho.
23.Ngithena sikhumbula uJehova mhla ethuma uShembe, ngiyakuphinda futhi ukuthi konke kungaye, konke okuhle esinakho, nengubo emhlophe esiyigqokile, ingaye. Nguye yedwa owakhuluma ngayo, owafika nayo, wayaba wathi nayi eyabomama, nansi eyabobaba, bonke ubuhle bethu buNgaye!
24.Ngithike bantwana baseKuphakameni, engazathi uJehova engaba nathi sibe ngamaNazaretha nasemzini yethu lapho esingekho khona emehlweni abantu. Sibafundise nabantwana esibazele leli vangeli libe khona noma kungesilona iSabatha, abantwana abangafundisiwe lelivangeli, bafike babonakale nalapha esontweni!
25.Umntwana bantwana baseKuphakameni ofundiswa ngobuNazaretha, okokuqala uyamazi uyise, okwesibili uyamazi unina, ebese azi abantu abangangoyise nabangangonina, abese azi uNkulunkulu. Umntwana bantwana baseKuphakameni ofundisiwe kanjalo, okutholakala ukuthi nasekhaya, inkonzo ikhona, uyatshelwa ngabazali ukuthi uma wenza lokhu uzoshaywa, uma wenza lokhu kuzovela ukuthi, uyaye abone.
26.Kodwa uma ingane ingatshelwa lokho noma bengathi bayafihla abazali bayo, iyavela, ibonakale igxobagxoba uyise, ngoba ayizange ifundiswe ukubaluleka kukayise ukuthi uyise uyini. Kukhona abantu abathi behleli babe bephothwa ilevu, bephothwa ngabantwana ngoba sebephenduke unodoli. Alikhoke ivangeli likaNkulunkulu kulowo muzi, alikho kumama wekhaya, ngoba ukuhlonipheka kukababa, kusezandleni zikamama. Uma ubona ingane ingamuhloniphi uyise kufanele kuphenywe unina ngoba umuntu oseduze kwezingane unina.
27.Uma ingane igxobagxoba uyise, kuyintando kanina ngoba akakwazi ukuthula ukuthi njengoba sisenkolweni kaNkulunkulu nabantwana ababe kuyo. Ubaba umuntu obalulekile okufanele ukuthi izingane zisabe ukumgxobagxoba, kodwa uma umama lelivangeli lingangenile kuye, ubona ngezingane zakhe. Noma uyise ezibiza zifike zimgqolozelele emehlweni zibuze zithi uthini ubaba, ngoba azinalo ivangeli ezilithola kunina elimfundisa ukuthi uma ibizwa umuntu omdala, ibizwa uyise, ayifike iguqe ngamadolo uyise asho afuna ukukusho.
28.Ngithike bantwana baseKuphakameni izingane ezinjalo, ziyihlazo zikhombisa ivangeli ukuthi ivangeli likaThixo alikho kuloya muzi. Ngithike bantwana baseKuphakameni lelivangeli kusho yena uShembe ukuthi nabo abantwana bethu sibafundise kahle. Kunzima ukuthi wena ngoba umdala, ubonakale uhlonipha uguqa, kodwa abantwana bakho ungabaniki inhlonipho ukuthi bahloniphe, ngoba uma abantwana behlonipha uyise, bayamuhlonipha ngisho umuntu omunye ongangoyise.
29.Ngithike bantwana baseKuphakameni engathi lapha phakathi kwebandla likaJehova engazabakhona umnumzane oyophothwa isilevu siphothwa ngabantwana ngoba uyinto yokudlala, azifundiswe ukuthi ngubaba wazo kufanele ukuthi zimesabe. Zimuphathe, zimuphathe ngisho ekhanda into okungafanele ukuthi into enjalo yenzeke. Lesi sihluthu safunwa uNkulunkulu, uyena owathi bangagundi. Lesi silevu safunwa uNkulunkulu uyena owathi bengasisuthi!
30.Kubuhlungu kabi uma ususisasazela ngezingane ukuthi azisiphothe ukuze kubonakale wena ubukhulu bakho, kodwa uJehova ehle yena abe ngezansi. Ngithike bantwana baseKuphakameni, sizocela kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi asikhumbule, asinikeze abantwana abayosesaba njengabazali, umntwana azi ukuthi ubaba uyinto enkulu layikhaya, umama uyinto enkulu, ubaba uma ethi angihlale phansi, ngihlale phansi.
31.Ngithike bantwana baseKuphakameni, namhlanjena sizocela, sicela uJehova ukuthi asigomele izinhliziyo zabantwana bethu ukuthi uma ngabe siba phambi kwabantu kwezinye izinhlanga noma kwezinye izizwe, bese bebona ukuthi ubuNazaretha buyihlazo. Kodwa zonke izinkolo ezinabantwana, inkolo ikhona nakhona lapho befunda khona, izingane zigcina inkolo yalapho eziqhamuka khona. Kodwa bese kuthi lezi izingane ezingamaNazaretha zona, zibone ukuthi kuyihlazo ukuthi zona zibe ngamaNazaretha, noma zingekho, bese ziqala manje sezibaleka, zihlehle enkolweni.
32.Sizocela uJehova ukuthi alwe naye uSathane, alwe naye ahluleke kulokhu, lapha babe ngamaNazaretha kaNkulunkulu noma bekuphi lapho esingekho khona thina. Ngithike bantwana baseKuphakameni le ngelosi uBaba uMelusi wathi esengale lapho esisuka khona noma eBuhleni, wayethi uShembe nobuNazaretha, ngaleso sikhathi eqala ukushumayela emsakazweni. UBaba uMelusi abantu ngiyathanda ukuthi bazi ukuthi akaqali namuhla, akaqalanga njengoba nike nibezwe bekhuluma abantu bebheda, babeye bebhede nangalesi sikhathi uMfundisi uBonga eselapha, kuthiwe hhawu uyena phela omfakile uyise. UBaba uMelusi waba semsakazweni UMfundisi uBonga engakasebenzi emsakazweni.
33.Ngithike bantwana baseKuphakameni, wayeshonjalo athi uShembe nobuNazaretha, bonkeke bangena basho njalo. Kodwa sithe uma ngabe uJehova esemthuma ngomlomo weNkosi iLanga ethi akakhe lendlu, wathi uma engena emsakazweni, wabe eseshintsha isisho ethi: “Imini yesabatha ayibenhle kwabangcwele!”
34.Sesiyamangalake sesizwa nabanye besho njalo. Kodwa bathi kubantu babo bangezi lapha, basibeka babi bathi singabantu ababi, abantu uma besijoyina ngeke bangene ezulwini, akufuneki nje into ethinta thina. Kodwa isimemezelo sala e-NCG sithi: “Imini yeSabatha mayinhle kwabangcwele”, sizwa nabo sebesho njalo, asazi sebesho kanjani. UBaba uMelusi nguye owathi uma efika esengumholi laphayana wamemeza ngamavesi abhalwe esihlabelelweni wathi “Mesabeni uJehova” sesizwa besho njalo nabo!
35.Asazi ukuthi basho kanjani ngoba bathi izingane zingenzi njengathi, baphinde bengamlandeli, ukuthi baphinde bamlandele kanjani kulezi hloko. Lelibandla bantwana baseKuphakameni ilona elivezile ukuthi uMprodethi wayethunywe uNkulunkulu ukuthi abuyisele abantu kuJehova. Lelibandla ilo elitholile ukuthi lo Jesu okade kulokhu edunyiswa, uJesu wokudlala, lokho kutholwe umholi wethu wakulelibandla, sesibezwa begedeza nabanye. Kodwa konke bakuthola lapha!.
36.Ngithike bantwana baseKuphakameni ingelosi ithe mayifika yafika imbethe wona lo musa, yafike yabheka bantwana baseKuphakameni ukuthi sizigaba ezingaki. Yathola ukuthi nampa abakhokheli, yathola ukuthi nanka amanye amakhosikazi, yabona esinye isigaba samantombazane, lawa asuke enabantwana. Le ngelosi iyona eyafika yawalamulela amantombazane, yathi uma ngabe sebeyicelile intethelelo, benza isifungo sokuthi ngeke baphinde, sebelindele ukuthi bethole umendo.
37.Yathi uma ngabe sebethethelelwe abangene emgidini bagide nabo. Yathi ingelosi abangene badle isidlo ngoba bathethelelwe. Yathi umuntu ongcolile akangeni ethempelini. Le ngelosi iyona eyabuza ukuthi uma ngabe amantombazane ayilento abayishoyo, kubangwa yini ukuthi iminikelo yalamantombazane ithathwe. Ngoba ngokwenqubo yebandla ayithathwa iminikelo yomuntu ongahlambulukile. Konke bantwana baseKuphakameni kwaqubuka kulelibandla elinoNkulunkulu, eliphethwe nguJehova nezithunywa zakhe.
38.Namuhla sewukhona umbutho kulamabandla amaNazaretha sekukhona sebeyaqala ukuwahlonipha amantombazane, kodwa abakangeni emgidini. Konke lokhu kuqaleke la kulelibandla! Ngithike bantwana baseKuphakameni, lelibhande lika 14, sasingenalo ulwazi ngalo. Kodwa le ngelosi yafike yathi ibhande lika-14 liyisembatho sokukholwa lafika noShembe wasezulwini, yathi alingeni ogqokweni!
39.Akusiyo into umuntu ongayiboshelwa, kuthiwe akakwazi ukuya esidlweni, akakwazi ukusina ngoba akabophile ibhande lika-14, akhululeka amakhosikazi angena ohlwini lwamakhosikazi wonke! Ngithike bantwana baseKuphakameni asikakawenzi umcimbi wokuzibongela kuJehova, baqala obaba bangena emgidini beboshelwe ukuthi amakhosikazi awabanga, kodwa lokhu kwaba kwakungasikhona ukuthi kwakwabelwa uJehova, kwakwabelwa abantu!
40.Kwaphela laphoke bantwana baseKuphakameni kulelibandla ukuthi umuntu aboshelwe ukwaba impilo yakhe yonke. Aze ahambe emhlabeni ngoba akanalutho, akakwazi ukuthi aqhoyise umkakhe! Ingelosi yakukhipha konke okwabantu, yakumisa ngenxanye konke okukaNkulunkulu.
41.Lelibhande bantwana base Kuphakameni kwakugilwa iziga ngalo, kwakuthi noma kuthiwa umuntu uyaqhoyiswa, kulandwe imbuzi, kuboshwe u-14 wasekhanda uboshwe lapha embuzini, nebhande lika 14 liboshwe njengoba liboshwa umuntu embuzini. Kuthiwe le mbuzi ayiyobikela abantu abadala ukuthi lona useyangena esithebeni sakulowo muzi, ngisho umntwana nje omncane uyayibona lento ukuthi iphambene nomthetho kaNkulunkulu!
42.Bakhululeka abantu, abantu bangena emgidini basina, abantu kwathi nezimali abanazo bakwazi ukuzakhela imizi ngaphandle kokufuna inkomo, impongo zokuthi kuqala kudumiswe abantu abangasekho. Ingelosi iyasenqabela thina bantwana bakaNkulunkulu ukuthi sishade esontweni siphinde siyoshadiswa ngabantu, yathi konke okwenzeka egameni likaJehova kuphelele, akudingi ukuthi kube khona enye into phezu kwakho!
43.Kwaphuma amazwi anzima kwathiwa labo ababopha lelibhande kanjena ngeke baze bayithole ingane, kodwa bayithola ubuthaphuthaphu, ngoba uJehova wayengeke ebabophele ukugcina umthetho wakhe. Ngithike bantwana baseKuphakameni bengikhuluma ngoShembe wasezulwini, ngikhuluma ngomuntu owaba isimo sembali, akekho namuhla uShembe ongaphumela obala ethi yena mhla yena engakazalwa kwake kwabonakala imbali eyadliwa ngothile, kwagcina kuye uMprofethi u-Isaya Shembe.
44.Ikhoke sifundisa nabantwana bethu lapha ukuthi bazi ukuthi uma kushiwo uShembe kushiwo uMprofethi u-Isaya Shembe kuphela. Ngithike bantwana baseKuphakameni, lamazwi ngendulela ngawo inkonzo ezobakhona sicela uJehova asigomele abantwana bethu, sibacelela isibuso sokuthi babe ngamaNazaretha sibacelela kowabadalayo!
45.Ngithike bantwana baseKuphakameni, iye ithi ingelosi umnikelo wakho kufanele uke uwesekele, uwesekele ngokuncenga kuJehova, ungathi esontweni kuthandaziwe, kodwa nawe uncenge kuJehova, usho ukuthi “Nkosi nginikelile, ngiyacela nami ukuthi ungikhumbule, Nkosi uyifunde nami eyami incwadi engikubhalele yona!” Ngoba umnikelo uyincwadi bantwana baseKuphakameni osuke uyibhalele uJehova, ngalokhoke kufanele ukuthi ngaso sonke isikhathi umhluphe uNkulunkulu ngencwadi osuke umbhalele yona!
46.Uthi Baba ngiyacela ukuthi uyifunde incwadi yami ngoba ngikubhalele, ngabika lonke usizi lwami kuwe, ngicela Nkosi ukuthi uma usuzifunda, nami bese uyayifunda eyami, uma usubapha, ungiphe nami, hhayi ukuthi kwathandazwa esontweni! UJehova ufuna wena, ufuna ukuzwa wena, noma abaholi bengamemeza, kodwa ufuna ukuzwa wena ukuthi wena uthini mnikazi wencwadi, uma usukwakho uthini, Wenzani!
47.Ngithike bantwana baseKuphakameni, umnikelo bantwana baseKuphakameni uyincwadi, kungakho uma unokungabaza kungafanele ukuthi unikele. Ngoba uma unikela usuke ubhala umbhalo owubhekisa kuNkulunkulu! Ithike ingelosi siyeza isikhathi uma ngabe nimphathe kahle lo Nkulunkulu waseKuphakameni uNkulunkulu kaShembe, nafundisa nabantwana benu ukuba baziphathe kahle, siyeza isikhathi lapho eniyothi niguqa nicela, kube kuvela lokhu enikucelayo, uNkulunkulu ekhombisa injabulo kini ukuthi niyibandla elimesabayo, niyibandla eligcina umthetho wakhe!
48.Ayikho bangcwele into egadwe ingelosi njengalelibandla, ayikho into egadwe ingelosi njengokuthi kwephulwe umthetho kaNkulunkulu! Uthi lelibandla uJehova uyohlala kulo uma ngabe kuyothi noma abaholi abakhona manje esebathathile, nomholi olandelayo, angabi umholi ozolalela okushiwoyo ngabantu, kodwa abheke ukuthi uShembe wathini.ngalelibandla.
49.Uma ngabe bonke abaholi bakulelibandla bayokuvimba bafake enkulu ingidi ukuthi ongqingili bangangeni kulelibandla, uma bengenile, uJehova akehlise umlilo bashe baphume. Oyoqinisekisa ukuthi lelibandla engiliholayo, ngelikaNkulunkulu, uJehova wathi singahlanganyeli nezangoma, uShembe wathi sibophuma sithathe amagugu kaJehova sihambe, ebese eyawakhumbula lawo mazwi lowo mholi!
50.Angakukhathaleli ukuthi ibandla libe likhulu, angakukhathaleli ukuthi yena abe mkhulu abe nebandla elikhulu kodwa uJehova anciphe! Umholi onganakuvuma ukuthi kube khona izangoma, noma ngabe ingayiphi indlela, noma ngabe singathi sizamula sithi sikubonela izulu, oyokwazi ukuba asikhiphe siphele phakathi komkhandlu kaJehova, kusale abantu abazofundisa abantu ngobungcwele bukaJehova kuphela!
51.Aphume umuntu ozodukisa abantu, ozotshela abantu ukuthi abakhulume nabantu abadala, ebasusa elayinini lapho ababekwe khona uMprofethi u-Isaya Shembe, owamemeza wathi ngosuku lwenhlupheko akubizwe uJehova. UmNazaretha kaNkulunkulu akavumelekile ukuyobhula, akavumelekile ukuthi ayokuzwa, uvumeleke ukuthi uma ehlelwa into athathe ibhayibheli afunde, athathe isihlabelelo sikaShembe, uyoyithola yonke impendulo, uyokwenza leyonto ahlangana nayo la, iyosuka inkinga.
52.Akavumelekile umuntu oba ngumNazaretha ngeSabatha, umuntu ongafuni ukuba umNazaretha uma esephakathi komndeni wakubo. Akavumelekile umuntu okuthi engumNazaretha kaNkulunkulu, kodwa atholakale futhi ingxenye yakhe ihlanganisa nomndeni ongahlanganise lutho noNkulunkulu.
53.Bengikhumbuza abantu ukuthi namuhla sizoncenga kuJehova, bengikhumbuza izinhliziyo zethu ukuthi noma sidla, siphuza, kodwa sikhumbule ukuthi namhla sizoncenga kuNkulunkulu. Ngoba uShembe usho njalo wathi sibobiza uJehova!
Isihlabelelo 101 verse 1 line 3&4.
Singene sizifihle kuwe
Dwala labadala
54.Sizongena, sizozifihla, sizifihla kulezi zifo, siyamcela uJehova ukuthi angagomi abantwana kuphela nathi asigome, siyacela kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi uma esekhipha isibusiso sobuNazaretha esinikeza abantwana, nathi abadala esinikeze. Ilawa mazwi bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu angivumele ukuba ngiwadlulise.
INkosi ibusise enikuzwile