Ngelinye ilanga iNkosi iLanga ishumayela ithi, uma ungakaze uye ezulwini uselapha emhlabeni, ngephupho noma ngengqondo, nasekufeni kwakho kungenzeka ukuthi ungawuboni umbuso wezulu!
Sinenhlanhla bantwana basezulwini, ngoba sithe siselapha emhlabeni salethelwa umuntu wasezulwini, osifundise konke ngelizwe elizayo, okulikhaya lethu laphakade!
Isihlabelelo 190
1.Ngiyahamba ngikhathele
Ngiyahamba ngikhathele
Ngiyahamba ngikhathele
Ngiya kulelo lizwe lobomi
2.Lelo lizwe alidingi lutho
Siyohlala ngokwenama
Siyohlala noBongekile
Kulelo lizwe lokwenama.
3.Usizi alukho khona
Izinyembezi azikho khona
Siyohlala ngokwenama,
Kulelo lizwe lokwenama.
4.Umfelokazi akabonwa khona
Ziyesulwa izinyembezi,
Ziyaduduzwa izintandane
Kulelo lizwe lobomu.
5.Thina asikafiki lapho
Kulelozwe lokwenama
Silangazele kulelozwe
Kulelo lizwe lokwenama.
6.Wozanini zihlobo zethu
Siye kulelozwe lokwenama,
Siyohlala kwanguna phakade
Kulelo lizwe lokwenama.
7.Bamenywa bonganini
Ngalelo lizwe lokwenama
Siyohlala neNkosi yethu
Kulelo lizwe lokwenama.
1.Entshumayelweni kaMageba yesonto eledlule, uthi wathi uthisha wakhe: “UMpanza ungumKrestu, sekusele ukuba ayeke uShembe nje.” Angazi noma nanamuhla lothisha usangakusho yini lokho. Kusobala ukuthi naye wayengakalazi leli vangeli lase NCG!
2.Angiqondi ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi ufike uthunywe nguShembe ukuthi hamba uyoshumayela, akutshele nokuthi shumayelani, bese ukushumayela kwakho kube ngukuphikisa okufundiswe nguShembe.
3.Lenkuluma kalothisha ingubufakazi bokuthi amaNazaretha akasalandeli lona ivangeli elalishunyayelwa nguShembe! Kodwa namaKrestu aduke njengawo amaNazaretha, ngoba esikhundleni sokukhonza uJehova, bazenzela okwabo nje!
4.Njengokwezimfundiso zikaShembe, thina sinoNkulunkulu oyedwa, okungu Jehova kuphela; sigcwalisa izimfundiso eziseBhayibhelini nokubhalwe kusihlabelelo saNazaretha unamba 119, esithi ‘nguJehova kuphela onokusindisa!’
5.Enkonzweni edlule nginke ngezwa futhi uMntwana ethi akakwesabi ukufa, kanti ngaphambili ngezwa umfundisi uDr Xakaza ethi engakafiki kulelibandla ukufa wabe ekwesaba kakhulu, kodwa wake wangena kulelibandla awabe esakwesaba ukufa. Ngase ngibona ukuthi kanti angihlanyi uma nami ngingakwesabi ukufa!
6.Uma ukulelibandla wesaba ukufa, ubokwazi ukuthi kukhona okungakaqondi ekuhambeni kwakho, kusho ukuthi usenonembeza wesono esithile ongasiyekile ukusenza!
7.Ekhasi 176 lencwadi kaMnyandu, uthi uBaba iLanga: “Ngokubona kwami okufishane, ayikho enye indawo emhlabeni eseduzane noNkulunkulu njengalapha eKuphakameni.
8.Akukho okunye ukukhonza okuseduzane noNkulunkulu njengalokhu kwenu! Kodwa ningakoni, ngoba abantu bomhlaba bayavama ukona izinto zabo!”
9.Lenkulumo yeNkosi iLanga isifakazelwe ukuthi kulelibandla kwehle ingelosi ezulwini yazohlala nathi, into enjalo ayikaze yenzeke emhlabeni, ngaphandle kwesikhathi sabantwana bakwa-Israel.
10.Kulesi sikhathi sanamuhla abakho abantu abanobufakazi ngobukhona bombuso wezulu njengathi. Imihla namalanga sivakashelwa ngumuntu ovela khona ezulwini asifundise konke ngombuso wezulu, ngisho amanye amabandla aseKuphakameni awazi lutho ngekhaya labangcwele, yize ayaye ethi wona ahamba nonkulunkulu!
11.Sifundisiwe ukuthi ukuze singene embusweni wezulu kumele siziphathe kanjani. Ulwazi lwethu ngobukhona bukaNkulunkul kusenza njalo sihlale silangazalela ukungena ezulwini, nobukhona bengelosi phakathi kwethu kusenza sazi ukuthi ngempela ukhona umbuso wezulu!
12.Ngaleyondlela-ke asingabazi ukuthi ekufeni kwethu sizongena ezulwini, ngoba siyazama ukukwenza konke ingelosi esifundise khona ngokuhamba ngezimiso zikaJehova!
13.Sesifundiswe kakhulu ngekhaya lethu, ukuthi uma siziphathe kahle angenke siye ethuneni; kodwa kothi uma umphefumulo wethu uhlukana nenyama sivele siye ezulwini!
14.Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguwe.
Lokhala icilongo
Lokwamkela umoya wami
Songena entokozweni
Yabakhethiweyo.
15.Hhayi umusa kaJehova
Ngami mina ngedwa,
Ebengingafanele lutho
Okhukhweni lwakho.
Namhla sengicambalele
Kanye nabangcwele
Abamagama alotshiwe
Ebusweni bakho.
16.Angazi ukuthi uma ekukholweni kwakho ungazitholi usuninga ngalowo muzi wethu uShembe osichazele ngawo, uyoya kanjani lapho siya khona.
17.Ngelinye ilanga iNkosi iLanga ishumayela ithi, uma ungakaze uye ezulwini uselapha emhlabeni, ngephupho noma ngengqondo, nasekufeni kwakho kungenzeka ukuthi ungawuboni umbuso wezulu!
18.Sinenhlanhla bantwana basezulwini, ngoba sithe siselapha emhlabeni salethelwa umuntu wasezulwini, osifundise konke ngelizwe elizayo, okulikhaya lethu laphakade!
19.Konke namuhla esiyikho, kungenxa yokuthi kwehle ingelosi yazohlala nathi, yasifundisa ukuthi kumele sizilungisele kanjani ukuze singene kulowo muzi okhazimulayo.
20.Manje yini ezokwenza singakulangazeleli ukuya ezulwini, ngoba sesiyazi ukuthi yini ebhekeke kithi uma sifuna ukuya kulowo muzi wamaNazaretha okhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga, nomkhokheli wakhona okunguJehova kuphela, iNkosi enamandla onke!
21.Ngiyalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo
Ngokhululwa ngilibone
We nhliziyo yami.
Ngokwenama kangakanani
Uma ngilibona lelo lizwe
Engilithanda ngingalibonanga
Wenhliziyo yami.
22.Wenhliziyo yami
Ungamdeli uJehova
Ulidwala lenhliziyo yami
Ungumthunzi wokuphumula
Nguyena owangithanda
Ngalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo
Wenhliziyo yami.
Wenhliziyo yami ngisize
Unamathele kuJehova
Selikhalile elokuqala
Sengilindele elesibili.
Amen, amen, amen!
23.Ngalezi zihlabelelo ngizama ukubuyisa izingqondo nemizwa yethu kuJehova, ininge ngalesi simanga sasezulwini esabonwa ngabazali bethu.
24.Ngelinye ilanga umama engixoxela ngoBabamkhulu, uthi: “Mntanami, angithandi ukukukhohlisa, mina ngangingazi ukuthi uBabamkhulu engafa, ngoba yonke into owayeyenza, nesimo sakhe, sasingabonisi ukuthi ungumuntu wakulomhlaba ongake afe.
25.Ngamangala nje ukuthi umuntu onje ufa kanjani, ngoba ngangingacabangi ukuthi umumtu onjengoBabamkhulu angase afe.”
26.Ezintshumayelweni eziningi, iNkosi iLanga, yayihlala igcizelela ukuthi ayikho into eyayithandwa nguBabamkhulu eyedlula uthando lwakhe ngomuntu!
27.Noma ubani uma ekhuluma naye wayethi: “Mntanami!” Noma indoda, noma inkosikazi, ingane, isalukazi, ikhehla, bonke abantu uBabamkhulu wayebabiza ngokuthi: “Mntanami!”
28.Ayikho into eyakhathaza uBabamkhulu esezohamba emhlabeni njengokuzibuza ukuthi uma engasekho sosala siziphatha kanjani. Lokhu sikuzwa ngoBaba iLanga uma ethi:
29.UShembe-ke wayebuza kuNkulunkulu ethi: “Nkosi, njengoba uthi angize kuwe, uyangibiza, emuva kwami kosala kube njani eKuphakameni?”
30.Wahla izinsuku ezilishumi elindile, engadli. Nabamlethela amanzi bawabeke laphaya kude, azithathele ageze.
31.Nobeka amanzi okuphuza awabeke kude aphume, azithathele yena aphuze. Wayehluphekele thina!
32.Abantu bomhlaba uma sebezohamba bayaye beqoqe ifa labo, kodwa uShembe akakwenzanga lokho.
33.Wembatha ingubo yamasaka wathi: “Nkosi, ngitshele, uma ngihamba lapha emhlabeni, laba bantu bazosala babe yini emva kwami?
35.Abayikuyilahla lemvunulo engibaphe yona, lokhu kusina engibafundise khona angenke kube yinto yokusina izidakwa?”
36.(Ngike ngabona amaNazaretha esina eqimbile ebukelwa zihlwele zabantu! Baqala ngokusina bengayifakile imiNazaretha, bebophe amaduku ekhanda nasezithweni. Manje sebesina beqimbile! Umgidi oyingcwele usuyafana nje nokushaya ingoma)
36.Uthi-ke uBaba iLanga: “Wanithanda enganazi uShembe. Kwathi yonke intando yasemhlabeni efunwa ngamadoda wayenza ize!
37.UBaba iLanga uthi ngelinye ilanga iNkosi ithi: “Ningathini bantabami uma umuntu elime insimu yakhe, kuthi ekuseni lingakaphumi ilanga nimfice esephakathi ensimini. Uma umbuza ukuthi ekuseni kangaka ufunani ensimini? Athi ngilinde izinkomo nezimbuzi ukuthi uma ziphuma ekuseni zingangeni zindle ensimini yami.
38.Nasemini umthole ekhona. Athi, ngiluse nabafana, nami ngiyelusile insimu yami, nezinyoni ngizibhekile, konke nje ngikubhekile ukuba kungayidli insimu yami.
39.Nantambama umthole ekhona ensimini. Uthi: “Yini ndoda na? Athi ngibheke izinkomo ezingabuyanga nezifohlile ukuba zingangeni ensimini yami.
40.Uma uhamba ebusuku, uyithole lendoda isensimini. Uma ubuza ukuthi kwenzenjani ndoda ebusuku? Athi: “Ngibheke izinkomo ezingafohla ebusuku ukuthi zingangeni ensimini yami.
41.Uthi-ke uShembe: “Ningathini ngalendoda? Ngiphenduleni?” Base bethi, singathi: “Hhawu, yeka indoda ithanda insimu yayo!”
42.Uthi-ke: “Nami bantabami, uthando lwami lunjalo-ke. Nina niyalala, mina angilali, nina niyadla, mina anginaso isikhathi sokudla nesokujabula. Nina niyaganwa, niyaganisa, mina anginaso isikhathi sokuganisa nokuganwa!”
43.Noma ngihamba bantabami, angazi ukuthi ngiyaphi, kodwa ngazi ukuthi ngiya kuNkulunkulu. Noma uNkulunkulu ungibeka elangeni, noma enyangeni, noma phezu kolwandle, noma ezintabeni zase Ntshonalanga, noma eMpumalanga, lapho engiyobe ngikhona ngiyolokhu nginikhumbula nje!
44.Angiyikukhathala, angiyikudinwa, angiyikuphela amandla! Nezono zenu angenke zingivimbele, ngonikhumbula ngothando lwami olungapheli!
45.Bantabami, uma ngiphakathi kwenu nginjengomfazi onabantwana. Noma umntwana ebulele umuntu, unina akaze abona, noma umntwana ebile, unina akaze abona, noma umntwana enjani, unina akaze abona.
46.Ngilindile ukuba loluthando lwami nilwembathe nonke. Ngilindile ukuthi mzukwane nifika esangweni lomuzi ongcwele, uma ningqongqoza nithi: “Baba sivulele, ngiyonivulela, ngoza nengubo yami endala enkulu ngiyembethe, noma yesikhumba, noma yamasaka, bese nginifaka lapha ngaphansi, nginifukamele, nginithwale ngingene nani!
47.Uma bebuza abasezulwini bethi: “Shembe uthweleni, wamkhulu kangaka namuhla?” Ngothi: “Cha Nkosi, impahla yami.” Akekho omunye oyobuye angiphenye! Kodwa lokho ngokwenza kwabangangisoli, kwabangangihlubuki!”
48.Ithi-ke iNkosi iLanga: “Akukho lutho uShembe afika nalo lapha emhlabeni ngaphandle kothando! Wayethanda ukuba nimazi uNkulunkulu, ethanda futhi ukuba nihlale kahle lapha emhlabeni, engakhohlwa ukuthandazela abagulayo!
49.Kwathi noma esezodlula emhlabeni eMkhayideni, wathi abamthwale engasakwazi ukuhamba, bamyise lapho kwakugula khona umfundisi uMngoma, eyomthandazela.
50.UMngoma wasinda, kepha yena wahamba. Kwathi ebuya lapho ekuthandazeleni uMngoma,
wayesecimeza, wadlula kulomhlaba.
51.Ngalokhu wayebonakalisa ukuthi akazikhathalele yena, kodwa into enkulu kuye ukuthanda abantu!
52.UBabamkhulu wayaleza cishe kusasele unyaka ukuthi useyahamba emhlabeni. Waqamba isihlabelelo 91 esithi:
54. “Akunganisindi Sizukulwane esikhona Enizokuzwa ngikukhuluma Phakathi kwenu. Yalezani ukuthi Esizukulwaneni esizayo
55.Mina bengithanda ukusibona Sengiya kuBaba ongithumile Ngiyanishiya, Mina sengiya kuBaba Ungigcine ngethemba. Kepha angisena sikhathi Sokusibona Isikhathi sami sifikile Sengiyani shiya mina.”
56.Ngo December 1934 uBabamkhulu wayeseVelabahleke. Uthi umama uBabamkhulu wahlabelela ubusuku bonke eshaya ugubhu kwaze kwasa. Ekuseni wabe esembiza ethi akambasele umlilo othe ngoba kwakumakhaza kakhulu.
57.Uthi-ke umama wathi esabasa umlilo, wabe esethi: “Mntanami ubukeka ungaphilile.” Uthi-ke umama wabe evukwe isifuba ngoba wayenaso, manje sesivuswa umoya wokubanda.
58.Uthi ngathi “Baba, ngivukwe isifuba.” Wabe esethi: “Cha mntanami, awuvukiwe isifuba, kodwa ukhumbule ekhaya!”
59.Uthi umama: “Ngadideka ukuthi usho ukuthini uBaba uma ethi ngikhumbule ekhaya, ngoba lapha eVelabahleke kusekhaya.”
60.Wabe esethi: “Awukhumbule ekhaya kini, kodwa ukhumbule ekhaya kithi. Manje mntanami sengiyahamba ngibuyela kithi.
61.Nginovalo ukuthi uma ngikushiya, sengihambile, uzosala uhlupheka. Uyafuna ukuhamba nami siye kithi?”
62.Uthi umama: “Ngavele ngashawa uvalo oluyisimanga, ngoba ngangazi ukuthi usho ukuthi ufuna ukuhamba nami aye ezulwini. Ngathi: “Baba ngiyesaba ukuhamba nawe ngiye kini!”
63.Wabe esethi: “Kodwa ngibona uzohlupheka kakhulu sengingasekho,”
64.Uthi-ke umama wabe esenginika imali ethi sohlangana eNhlangakazi ngoJanuary ka 1935.
65.Baya eNhlangakazi. Uthi kuthe uma sekwehliwa eNhlanhangakazi, wambiza futhi uBabamkhulu. Wabe esethi: “Uyakhumbula ukuthi ngathini eVelabahleke, ngifuna ukuhamba nawe uma sengiya kithi. Uthini kulokho?”
66.Uthi umama: Lwavele lwangishaya ngamandla uvalo. Ngase ngithi: “Baba ngiyesaba ukuya kini.” Wasethula!
67.Uthi-ke umama: “Nempela esehambile uBabamkhulu ngahlupheka kakhulu.”
68.Umama wagana kwaMpanza, okwathi sezoshada, wavele wafa uBaba. Wabe esebuyela kwaShembe kuBaba iLanga. Ekugcineni wabuya wayogana kwaMpanza, esegana ubaba osizalayo.
69.Esemganile ubaba, amanye amakhosikazi amhlupha kakhulu umama, embiza ngomfelokazi, bethi indoda yakho yafa, lokhu okwenza uBaba iLanga agcine ngokusilanda kwaMpanza ukuba sohlala eVelabahleke.
70.Umama wayefelwa kakhulu. Ezinganeni ezingu 7 owazizalayo, zafa ezingu 4, kwasala ezintathu. Mina ngelama izingane ezingu 4 ezashona!
71.Kodwa engikujabulelayo, ukuthi ngo 1981 uBabamkhulu wafika wazomlanda umama, lagcwaliseka igama lakhe lokuthi ngu LANDIWE!
72.Angazi ukuthi ebuya eNhlangakazi ngo 1935 uBabamkhulu wayaphi. Kodwa wathi nxa esuka eKuphakameni ebheke KwaZulu, kuthiwa wathi uma ephuma emzini waseKuphakameni, waphuma egaqa ngamadolo, abantu bangakwazi ukuthi kusho ukuthini lokho!
74.Uthi-ke uBabamkhulu: “Bantabami, uJehova ungithathile ngomoya, wathi angiyobona lapho amaNazaretha ekhona, ngifice izigidi zamaNazaretha esesigodini sosizi, ekhala ethi yimina engidale ukuba aye kulendawo, ngoba ngaqinisa kakhulu imithetho kaJehova.
75.KulamaNazaretha bekunomfundisi wami engimthole engagqokile. Ucoshe itshe wangishaya ngalo esweni. Ngibe sengithatha umjiva wami ngimembathisa wona ngoba ngimbona engagqokile.
76.Nempela kwathi uma kobhekwa lowo mjiva watholakala ungekho ezimpahleni zikaBabamkhulu.
77.Uthi-ke uShembe: “Bantabami, angisoze ngawuxegisa umthetho kaNkululu!”
78.Asazi noma lento eyayikhulunywa nguBabamkhulu yayisi bonakaliso kokwakusazo kwenzeka, ngoba ngaleso sikhathi amaNazaretha ayengakabi yizo izigidi.
79.Kodwa uthi uBabamkhulu wafica izinkulungwane nezigidi zamaNazaretha zisesigodini sosizi, zikhala, ezinye zisola yena ukuthi waqinisa umthetho kaNkulunkulu.
80.Ngaso sonke isikhathi umuntu nomuntu akakulwele ukuba angabi phakathi kwalezo zigidi zamaNazaretha uBabamkhulu owazithola zisesigodini sosizi!
81.Uthi-ke
uBababmkhulu:“Ngiwafice amaNazaretha esesigodini sosizi, ekhala, kodwa abengangibizi ngoBaba, ebesengibiza ngoBabamkhulu.
82.Yithina esibiza uMqaliwendlela ngoBabamkhulu. Abazali bethu babembiza ngoBaba esahamba naye! Wabe eseqamba
Isihlabelelo 219 esithi:
Besilizwile
WeBabamkhulu
Sehlulwa ukwenza
We Babamkhulu
Thambisa izwi lakho
We Babamkhulu
Sozama ukulenza
Izwi lakho.
83.Izinkulungwane
Ngezigidi
Zimi lapha
We Babamkhulu
Zehlulwa izwi lakho
We Babamkhulu,
Thambisa izwi lakho
We Babamkhulu.
Izwi leziboshwa
WeBabamkhulu
Mawulizwe izwi labo
We Babamkhu
Zifuna uMphumuzi
We Babamkhulu
Lezo ziboshwa
Ziphumuze!
84.Sihleli osizini
We Babamkhulu
Kuleli lizwe
We Babamkhulu
Izinyembezi zodwa
We Babamkhulu
Kuleso sigodi
Sosizi!
85.Esuka eNelisiwe ngoLwesihlanu, wagibela isitimela esiya eNyakatho, wehla esiteshini iBiyela esibuqamama noMkhuze.
86.Washumayela kuyo yonke indawo yaseMkhuze, kwase kuthi ngeSonto wathatha uhambo oluya eMseleni, emzini wakhe iLombo, kwesikaMbazini.
87.Wahlelwa ezintabeni zaseBonjeni, kwaShayinduku, umhlangano wonke walala khona. Wavuka ekuseni wakhuphukela enkantolo oBonjeni eyofuna incwadi yokushumayela, ngoba wayengavunyelwe ukushumayela engenayo imvume yemantshi.
88.Esuka enkantolo oBonjeni ekuseni, umhlangano wahamba waze wayohlwela ezansi eMakhathini Flats.
89.Ngenkathi abantu sebekhathele belele eMakhathini Flats, nguyena uShembe owahamba wayofuna izinkuni, wabonakala esebuya ethwele ugodo olukhulu, kwabaswa umlilo abantu botha!
90.Kwathi umhlangano usukhathele ulele, yena wahlala lapha buqamama nomhlangano, washaya ugubhu lwakhe ehlabelela kwaze kwasa ebabhekile!
91.Bavuka ekuseni baqonda eMseleni, kwathi koshona ilanga kwabonakala ibhulukwe likaBabamkhulu selidabukile, naye sekubonakala ukuthi usekhathele, kanti kwakungumuntu ongaze ngabonakala ekhathele.
92.Bafika eMseleleni eLombo, abantu sebegcwele, belindele ukufika kukaBabamkhulu. Ngenkathi befika eLombo ntambama, abantu basebekhathele bezimvuthu.
93.Khona lapho uBabamkhulu wavuka waba musha, wabiza inkonzo washumayela; uthe eqeda ukushumayeloa wayethandazela iziguli, kwatholakala ukuthi laba ohamba nabo abasakwazi ngisho ukumelekelela ekubambeni ingubo ngenxa yokhathala.
94.Ekuseni wavuka wayobhabhadisa abantu abangu 80. Ebuya ekubhabhadiseni, sekungolwesiThathu, kwabe sekuyasinwa isihlabelelo esithi,”Sakubona kuPhakama sakubona Judiya.” Yasina lensizwa yasezulwini ngesambulela yavuka yaba yintsha. Yakhomba eNingizimu, yakhomba eNyakatho, yakhomba eMpumalanga, yakhomba eNtshonalanga.
95.Waphenduka wabheka izinsizwa owayesina nazo, wabe esethi: “Niyangiqinela bafana ngoba sengimdala.” Wabe eseshaya isaga esingaziwa esethi, ” Hoo! Hoo! Kuyophela konke lokhu lapho sengembethe inyama entsha!”
95.Emva kwalokho wabiza inkonzo, wathatha iBhayibheli, wabe esefunda incwadi yamaHubo 71:17-18: “Nkulunkulu, ungifundisile kwasebuntwaneni bami, kuze kube manje, ukushumayela ngezimangaliso zakho.
96.Noma sengimdala, ngimpunga, Nkulunkulu ungangishiyi, ngize ngitshengise amandla akho esizukulwaneni esizayo, nakubo bonke abezayo.”
97.Wathi eseqedile ukufunda wabe esethi: “Kwakukhona indoda eyayinamadodana alishumi, kodwa ayengakwazi ukuzingela, ngaphandle kweyodwa futhi eyayikhuthele.
98.Ngelinye ilanga lendodana yavuka ekuseni nezinja zabafowabo yaya eqeleni ukozingela. Kulezi zinja kwakunesimaku okwakuthiwa nguTobi. Lesi simaku sasifunde ukuvusa izinyamazane, bese ezinkulu ziyayisukela.
99.Kwathi kanti ubehlala ethola izinyamazane, ngalolo lusuku zavuka izinyamazane, wathi lapho ethi uyaziisasazela ngezinja, zavele izinja zazithela ngabandayo. Wathatha isagila wazibulala zonke izinja; wasuka lapho waya ekhaya.
100,Bambona abafowabo engaphethe lutho, nezinja zingekho. Kwagijima unina weza kuye, wafike wabuza ukuthi ziphi izinja. Wamtshela unina ukuthi izinja uzibulele.
101.Unina wahlaba umkhosi, etshela amadodana akhe ngokwenzekile. Beza kuye bethetha bethi uzibulaleleni izinja. Kepha bathi befika kuye bembuza, bamfica esethule, elele engasenandaba nabakukhulumayo.
102.Emva kwalomzekeliso uMprofethi wathula isikhathi eside engacwayizi. Wathi esuka wayevala inkonzo!
103.Ngakusasa ngolwesine wavuka wathatha uhambo oluya eMkuze lapho owathatha isitimela esiya eNingizimu. Wehla esiteshini sakwaMbonambi, wafica sekunamaNazaretha amaningi amlindile.
104.Wathatha uhambo oluya eMikhayideni, eduze kwaseRichads Bay, amaNazaretha amfunela imbongolo owagibela kuyo. Wangena eMikhadeni egibele imbongolo.
105.Kodwa isimanga owasenza, wathi uma efika esangweni laseMkhayideni, wehla embongolweni wabe eselala ngesisu esangweni. Wenza isiga esifanayo nalapho othe ephuma eKuphakameni wagaqa ngamadolo!
106.Akuthathanga isikhathi eseMikhayideni, wabe esebanjwa umkhuhlane, wamlalisa phansi. Ngolwesithathu wezwa ukuthi nomfundisi uMngoma uyagula, wavuka wayombona.
107.Wafike wammemeza wathi: “Mngoma, uyakwesaba yini ukufa, vuka ngoba wena uzongcwaba mina.”
Wavuka ngaleso sikhathi umfundisi uMngoma.
108.Ntambama ngalo olwesithathu umabhalane wakhe abantu wabatshengisa amazwi asebhalwe nguBabamkhulu, athi: “Nkosi yamazulu nomhlaba, masinyane uzongibiza, ungabalibali abantu bakho, amaNazaretha ayingcwele.
109.Vus’omunye endlini yami, ahole abantu bakho. Umnike inhliziyo efana nayo eyakho, umphathe umgcobe ngafutha omusa.
110.Inyama yami ikhathele izolala ethuneni, umoya wami uzovuka wembathe inyama entsha. Kwaphakade bengizelwe, nanini ngiyakuba khona.”
111.Kwathi nxa abantu bebona lombhalo bashawa uvalo, bazibuza ukuthi ngabe uBaba useyahamba ngempela?
112.Inkonzo yokuvuka yayingena ngo 7 ekuseni, kodwa wathumela ukuba ingangeni, kodwa abantu belinde bebheke isikhathi umphefumulo wakhe osophuma ngaso.
113.Wabeka abafana ababili ukuba bebuke isikhathi umphefumulo wakhe osophuma ngaso. Walala, ngo 9 waphaphama, wathula isikhathi eside, kwathi ngo 9 ekseni wathula iphakade!
Ngeza ngingedwa elizweni
Ngoliphuma ngikwanjalo
Ngingenalutho esandleni
Ngingembethe lutho nasemzimbeni
Woza Jehova woza Nkosi
Uwembese umphefumulo wami.
Ngongena ngingedwa
Nasethuneni lami
Ngobe ngingenabani mina
Ngisize Jehova, ngisize Nkosi
Uwembese umoya wami.
Injabulo yenele intokozo
Seyikhethiwe kwabamfunayo
Woza Jehova woza Nkosi
Uwembese umoya wami.
Umkhosi wensindiso sewumenyeziwe
Wozanini nonke zono
Woza Jehova woza Nkosi
Uwembese umoya wami.
Mina ngingedwa weNkosi
Nasesiswini sikamame
Ngingenaye nowesibili
Ngiyakwelanywa yizwi lakho.
Woza Jehova woza Nkosi
Uwembese umoya wami.
iNkosi ibusise izwi layo.