Kulabo ABANOKUHLAKANIPHA KWASEZULWINI, sengathi uSomandla angabanika amehlo abonayo, nezindlebe ezizwayo, ngoba kukhona isikhathi lapho umuntu nomuntu ozomdinga khona uNkulunkulu!
Isihlabelelo 50
1.Bonani ovel’ emafini
Uzobiza bantu bonke
Uzobuya ezulwini
Uzobiz’ abantu bonke.
Haleluya Dumisani
Dumisani bantu bonke.
2.Amaqhawe ngakaJesu
Anhliziyonye naye
Amehlo abo ayizinti
Ngokubhek’ uSimakade.
Chorus.
3.Umhlaba wazamazama
Amatshe adabuka
Izinkanyezi ziwile
Ilanga lafiphala.
Chorus.
4.Zwanini kuhlatshwa umkhosi
Wokubiza abafileyo
Abamenyiwe izinhloli
Baphuma emathuneni.
Chorus
5.Boyiswa kuMahluli wabo
Zonke izizwe ziyoqoqwa
Kuyovela naye uSathane
Emva kweminyaka
eyinkulungwane.
Chorus.
6.Sukani kukhulume uJesu
Niyokusha emlilweni
Lapho nanisebenzela khona
Ebuhlungwini nase sililweni.
Chorus.
7.Jabulani nina bantabami
Uyokusho njalo kwabanye
Shiyanini umhlaba
Wozanini eKuphakameni.
Chorus.
1.Sesichaze kaningi ukuthi noma ngiyinzalo yamaNazaretha, kodwa ngo 2010 kwafika ingelosi yazohlala phakathi kwethu, yabe isisibikela ukuthi ithunywe nguShembe uBaba iLanga kimi ukuba ngimakhele ibandla likaJehova, bese kulelibandla ngifundise bonke abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova.
2.Yonke lemfundiso ngiyithathele eBhayibhelini, nasezi hlabelelweni zama Nazaretha, okuyincwadi eyabhalwa nguMprofethi u-Isaya Shembe.
3.Noma kulesi sikhathi samanje kungezwakala kuyinganekwane ukuthi umuntu uyahlala nengelosi, kodwa akusiyo inganekwane enkolweni kaJehova.
4.KuMose uNkulunkulu wazifikela yena, kwathi konke uMose okukhulumayo ekuthathe kuJehova. Ngaphandle kwaMose, uJehova wayekhuluma nabaprofethi abahlukahlukene kwa-Israel. Ngaphandle kokukhuluma noJehova kwabaprofethi, abantwana bakwa-Israel babehlale bevakashelwa izingelosi ezahlukahlukene!
Ku Eksodusi 23:20, kuthi:
5.“Bheka ngizothumela ingelosi ikwandulele ukuze ikuvikele ohambeni, futhi ikufinyelelise endaweni engiyilungisileyo. Ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayikuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo. Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, wenze konke ekutshela khona, ngiyakubazonda abakuzondayo, ngibe yisitha sezitha zakho.”
6.Emhlabeni ingelosi isuke izoqinisa noma izokhumbuza abantu ngomthetho kaJehova. Ngenxa yokuthi enkolweni yabe zizwe kunemfundiso yokuthi asisaphili ngaphansi komthetho kaJehova, akumangalisi-ke ukuthi kulesi sikhathi samanje zingaba bikho izingelosi, ngoba awusekho umsebenzi wazo. Kodwa ebandleni lamaNazaretha zazivele zikhona izingelosi, njengoba sesike sakhuluma ngengelosi eyayihamba noBabamkhulu, egama layo nguZinzili. Le eyafikela kithi igama layo nguHlaleleni.
7.Lokhu lengelosi yaqala ukushumayela kusukela ku 2010, kuningi kakhulu esifundise khona ngezwi likaJehova nangoMbuso wezulu. Ngakho-ke saphoqeleka ukuba silandele lokho esifundisa khona, ngoba ivuselela umthetho kaJehova njengoba walethwa nguShembe uMprofethi kithi!
8.Into yokuqala ingelosi eyayenza ukusifundisa NGESISEKELO SOBUNAZARETHA esitholakala kuvesi 3 woMthandazo weSabatha esithi: MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE OWANILOBELA YONA UJEHOVA NGENCEKU YAKHE UMOSE UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI.
9.Lomuntu wasezulwini wabe esesifundisa ukuthi yonke inkolo yobuNazaretha yakhelwe phezu kwalesi sisekelo, ngakho-ke ukuze singadideki, kumele sifunde ukuthi uJehova wafundisani ngoMose. Lokho kusho ukuthi umthetho kaJehova usezincwadini ezihlanu zeTestament elidala, okungu Genesis, u-Eksodusi, uLevi, uNumeri no Dutoronomi.
10.Lezi zincwadi ezinhlanu zinguMthetho-sisekelo wenkolo kaJehova njengoba yayifundiswa nguMose nabaprofethi abamlandelayo, kuhlanganisa uYeshua kanye naye uShembe!
11.UBaba iLanga eshumayela wake wathi: “Uma ngihleli nani ngiyaye ngibe nesizungu, ngoba noma nibaningi kangaka, kodwa kuyaye kufane nokuthi ngivele ngazogxunyekwa ezinganeni ezineminyaka eyisihlanu, engigcina ngingazi ukuthi yini engizoyikhuluma nani, ngoba anilwazi ulimi lwasezulwini!”
12.Lentshumayelo kaBaba iLanga yahlala kimi, kodwa ngingayazi ukuthi isho ukuthini. Kodwa manje sengiyayiqonda. Isikhathi esiningi ngiyaye ngizwe ngiphila kahle uma ngihleli ngedwa, ngoba ngingazi ukuthi ngingenza njani ukuthi lento engiyibonayo, nomunye umuntu ayibone.
13.Inkinga enkululu ukuthi ukwazi ngoNkulunkulu akuhambi ngokuthi uhlakaniphe kangakanani ngokwasemhlabeni. Ngenkathi umuntu eba yisihlakaniphi ngokwasemhlabeni, uba isiwula ngendlela eshaqisayo ngendaba kaNkulunkulu.
14.Ukuze ubone ukuthi indaba kaNkulunkulu inzima kangakanani, ngesikhathi umuntu eba uSosayensi, uvele engazi lutho kakhulu ngendaba kaNkulunkulu, ephike aze aphike ngisho ukuba khona kuka Nkulunkulu! Esikhathini esiningi uyaye wenqene ukukhuluma nabantu abafundile ngama-spiritual matters, ngoba bavele bebuke wena ukuthi kukhona okungaqondile kuwe.
15.Bancane kakhulu abantu emhlabeni abaziyo ukuthi kuyini ukukholwa, kodwa bona abazi ukuthi abazi.
16.Lelizwi elithi baningi abamenyiwe, kodwa bayingcosana abakhethiwe, liyisiminya. Abantu abayazi inhloso yokukholwa. Futhi ngendlela abangayazi ngayo uyaye ungazi ukuthi uzoqalaphi ugcinephi, ngoba kuyinkinga ukufundisa umuntu owazi ukuthi uyazi, ngoba ubona wena ukuthi awusile!
17.Baningi abantu abafundile engiyaye ngithi uma ngibatshela ukuthi kunengelosi esihamba nayo esifundisa konke ngempilo yasezulwini, bavele bekuzibe lokho, bebone ukuthi mhlawumbe uyi fanatics, bese bencoma ukuhlakanipha kwami kokuhlale ngifunda, ngenza ucwaningo, kanti beziba lokhu okuliqiniso kokuthi izinto eziningi ngizifundiswa yingelosi, ngoba bebona ukuthi ayikho lento yengelosi. Uma-ke nawe ufundile uyaye wenqene ukutshela omunye umuntu ofundile, ngoba usuke wazi ukuthi ucabangani ngalento omtshela yona!
18.Zimbili izinto okumele uzazi uma ulapha emhlabeni, okokuqala ukuthi UWEDWA! Okwesibili ukuthi umhlaba esiphila kuwo AKUKHONA KINI, KODWA KINI KUKWELIZAYO, LAPHO OSUYOHLALA KHONA NGUNA PHAKADE!
19.Uma ekufeni ungayi ezulwini, usenkingeni, ngoba umoya wakho uzohamba ezintabeni ungenayo indawo yokuhlala, noma uye esihogweni, kumbe uye kwamanye amazulu alusizi ngezindlela eziningi. Ayikho into ebuhlungu njengokuhlupheka okunguna phakade, ongekho ndlela yokususa lolusizi okulona. Kodwa uma utshela abantu lokho bayaye becabange ukuthi uyazikhulumela nje.
20.Unenhlanhla umuntu okuyaye kuthi enokuhlakanipha ngokwasemhlabeni, bese ephiwa futhi ukuhlakanipha kwasezulwini, eba neso lesithathu, ekwazi ukuthi ethi elapha emhlabeni abone usizi ozohlangana nalo uma eziqhelelanisa noNkulunkulu!
21.Njengamanje awukakuboni lokho, kodwa kuza isikhathi lapho ozokubona ukuthi KANTI NGINGEDWA! Kuza isikhathi lapho konke oyikho osazozisola ngakho, uzibuza ungasezuphendulwa muntu, uthi ukuba ngangazi ngabe angiyikhethanga lendlela.
22.Okusazosehlela akukho ukuthi mhlawumbe kungase kwenzeke, kodwa kuzokwenzeka njengoba kunjalo. Ngakho-ke uma uhlakaniphile spiritualy, qala manje ukulungisa impilo yakho yakwelizayo, angikukwesabisi, kodwa ngikutshela iqiniso! Sesihlale nomuntu ovela ezulwini iminyaka edlulile ku 10, ngakho ngiyayazi lento engikhuluma ngayo!
23.Kukhona isikhathi lapho umuntu nomuntu OZOZISOLA KHONA, uthi ukuba ngalalela, ngabe angikho kulengxaki engikuyo!
24.Kulabo ABANOKUHLAKANIPHA KWASEZULWINI, sengathi uSomandla angabanika amehlo abonayo, nezindlebe ezizwayo, ngoba kukhona isikhathi lapho umuntu nomuntu ozomdinga khona uNkulunkulu!
25.Ngenkathi uYeshua elapha emhlabeni IVANGELI LAKHE KWAKUNGELO MBUSO WEZULU! Kusho ukuthini lokho? Kusho ukumemela abantu ukuthi uma bedlula emhlabeni beye ezulwini!
26.Kodwa abantu abaningi ngaso sonke isikhathi bacabanga ukuthi inhloso yokukholwa ukuba ngihlale kahle lapha emhlabeni! Kodwa uNkulunkulu ubeke indlela noma impilo okumele uyiphile ukuze ufanele ukuza lapho kuhleli khona Yena, futhi ayikho i-short-cut kulokho! Uma ungayiphili impilo yasezulwini uselapha emhlabeni, uyathanda awuthandi, ngenke ungene ezulwini ekufeni kwakho!
27.Ngiyacela ukuthi labo abafuna ukuya ezulwini ekufeni kwabo, balalele kahle lokhu engizokusho. Awuzakheli inkolo, kodwa inkolo ezokwenza uye ezulwini yehliswe nguNkulunkulu emhlabeni, inemithetho yayo. Ngakho awukwazi ukuthi uvele uzakhele inkolo yakho, ngayo bese ufundisa abantu ukuthi bazoya ezulwini likaJehova. Ngichaza ukuthini ngalokho?
28.Akesithathe inkolelo kuyinkolo yobuKrestu. Lenkolelo ukuthi uJesu uzobuya. Uzwe umuntu ethi: “Uyakholwa ukuthi uJesu uzobuya?” Lombuzo usho ukuthi ukungakholwa ukuthi uJesu uzobuya kuyisono. Ngakho-ke ukuze uthi ungumKrestu kumele ukholwe ukuthi uJesu uzobuya!
29.Okokuqala ayikaze ibe khona eBhayibhelini inkolo ethi kholwa isiprofetho. Kodwa uyaye ubone abantu bephuma beyoshumayela ukuthi uJesu uzobuya, beze besho ukuthi izinsuku zokubuya kukaJesu seziseduze! Bacabanga ukuthi they can fool uNkulunkulu! Bazakhela inkolo uNkulunkulu, noma uJesu ongakaze akhulume ngayo!
30.Akukho eBhayibhelini ukuthi asikholwe ukuthi uJesu uzobuya, ngoba leso isiprofetho. Ziningi kabi iziprofetho eBhayibhelini, ngakho-ke uma kungathiwa asikholwe isiprofetho, sasizoba sinikwa UKUKHOLWA YINTO ONGAYAZI, KODWA OYIQAGALELAYO, ngoba iziprofetho zihlale zihumushwa ngabantu abahlukene ngezindlela ezahlukene. Kodwa ukuthi uma sifuna ukuya ezulwini kumele senzeni, akuqagelelwa, ngoba ngumthetho oqondile obekwe nguNkulunkulu phambi kwethu!
31.Ivangeli likaYeshua LINYE, LIVANGELI LOMBUSO WEZULU, LOKHO KUSHO UKUTHI UMVUZO WOKUKHOLWA KWAKHO UKUBA EKUFENI UYE EKHAYA LETHU LAPHAKADE, UBE SEMBUSWENI WEZULU! ukuze ubone umbuso wezulu kuchaziwe nguye uJesu ukuthi yini nani okumele siyenze.
32.Kodwa akukho lapho okuthiwa ukuze ngibe ngumKrestu KUMELE NGIKHOLWE UKUTHI UJESU UZOBUYA (Ngisebenzisa igama uJesu ngabomu.) Akukho eBhayibhelini lapho khona kuthi: ABAKHOLWA UKUTHI NGIZOBUYA BAYOBONA UMBUSO WEZULU!”
33.Ku Mathewu 5:19, uJesu uthi: NGAKHO-KE OWEQA OWODWA KULEMIYALO EMINCINYANE. AFUNDISE ABANTU KANJALO, UYAKUTHIWA MNCANE EMBUSWENI WEZULU; KEPHA OYIGCINAYO, AYIFUNDISE, LOWO UYAKUTHIWA MKHULU EMBUSWENI WEZULU!’
34.Ngiyaye ngingazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi umuntu okholiwe nofundile engakwazi ukuqonda ukuthi uYeshua wafundisa ukuthi sikholwe kanjani, ngoba zonke izinkulumo zakhe zibhalwe phansi encwadini ohlale eyiphethe, ethi iBhayibheli elingcwele? Kwenzeka kanjani ukuthi incwadi ohlale uyiphethe, kodwa ungakwazi okubhalwe kuyo?
35.Inkinga yamakholwa esizwe esimnyama ukuthi ngaso sonke isikhathi bafike bathenge iBhayibheli, kodwa bengalifundi ukuthi lithini; esikhundleni bethathe abakutshelwa ngumfundisi oqeqeshwe ngabezizwe ukuba akhulume lokhu okuthandwa yibo!
36.Amakholwa ngaso sonke isikhathi ezinkonzweni zawo bahlale bekhuluma ngoJesu bethi akadunyiswe, besho lokhu nalokhu ngaye.
37.Kodwa isimanga abakhulumi ngezimfundiso zakhe, esikhundleni balandela izimfundiso zika Paul-mbumbulu owakhiwe isizwe esimhlophe!
38.Kukhona isisho sika Robert Mgabe mhla ethi: “KILLING HIS OWN SON FOR OUR SINS, INSTEAD OF KILLING SATAN, I swear this story is not clear!
39.Abantu bafundiswe ngabezizwe ukuthi UNKULUNKULU WANIKELA NGENDODANA YAKHE, UKUZE KUTHI NGOKUBULAWA KWAYO SITHETHELELWE IZONO ZETHU!
40.Umbuzo uthi uma uthi “UNkulunkulu wanikela,” uma uhlakaniphile usuke uthi UNKULUNKULU WANIKELA KUBANI? UNKULUNKULU ENGANIKELA KANJANI KUMUNTU, ngaphandle uma ungazi ukuthi igama elithi NIKELA lisho ukuthini!
41.Lemfundiso ethi uNkulunkulu wanikela kubantu ukuze kuthi uma abantu bona kuNkulunkulu, uNkulunkulu engabajezisi, akugcini nje kuphela ngokuba yinto elilumbo, kodwa inkulumo ebukela phansi ingqondo yabantu abamnyama, abaziyo ukuthi ngokunikela usho ukuthini!
42.Mhlawumbe abantu bavuma lento bengayizwa nokuthi ithini. Uma uyinkosi ushaya umthetho wokuthi isizwe sakho sigcine umthetho wakho, bese ukhipha indodana yakho unikela ngayo esizweni, noma ngabe unikela kanjani, kodwa uthi ngokunikela ngalomntwana wami kini sizwe sami, noma seningenza sono sini anisewukujeziswa yimi, ngoba mina sengithenge ukona kwenu ngendodana yami. Ungathi umuntu okhuluma leyonto uthini ngempelas?
43.Kodwa enkolweni yabezizwe ikhona into enjalo, sithi noma sona, kodwa asisena sono, ngoba uNkulunkulu waletha indodana yakhe eyodwa ukuba izobulawa ukuze kuthi uma sona kuNkulunkulu engabe esasijezisa!
44.Okokuqala lenkulumo ayikho eBhayibhelini, okwesibili noma ngabe ibikhona, bekuyobe kuyinto eyakhiwe nje ngabezizwe okuseyindlela yokusivimba ukuba sikhonze uJehova! Isizwe esimnyama asazi ukuthi ziningi kangakanani izinto ezakhiwe ku New Testament, kodwa ezingekho, kodwa ezakhelwe ukuthi sichithe umthetho kaJehova ukuze zisinqobe singasenaye umvikeli!
45.Uma sona, sona ngokungakwenzi othe uNkulunkulu asikwenze. Manje usufundiswa ukuthi esikhundleni sokuba uNkulunkulu angasijezisi, wanikela ngeNdodana yakhe KITHI UKUZE UMA SONA KODWA SINGETHWESWA NGUNKULUNKULU ISONO! Ungathi yinhloboni yokukhuluma leyo?
40.Ngomlomo siyaye sithi siyakholwa kuJehova. Le inkulumo yamaKrestu namaNazaretha amaningi. Kodwa ngokwenza asikholwa kuJehova, ngoba amaKrestu namaNazaretha akamkhonzi uJehova, kodwa bakhonza onkulunkulu babo!
41.Sifakazela amazwi kaYeshua ku Mathewu 15:7-9 mhla ethi: “BAZENZISI, U-ISAYA WAPROFETHA KAHLE NGANI, LAPHO ETHI: “LESI SIZWE SINGIDUMISA NGEZINDEBE ZOMLOMO, KEPHA INHLIZIYO YABO IKUDE NAMI, KODWA BANGIKHONZA NGEZE, BEFUNDISA IZIMFUNDISO EZIYIMIYALO YABANTU!”
42.AmaKrestu namaNazaretha akamkhonzi uJehova, kodwa bamdumisa ngomlomo kuphela! AmaKrestu athi akasaphili ngaphansi komthetho kaJehova, lokho kusho ukuthi noma bengalibiza igama likaJehova, kodwa abasaphoqiwe ukuba benze okufunwa nguJehova!
43.AmaNazaretha uma efunda yonke imithandazo kaShembe, ehlabelela amahubo abhalwe uShembe, bathi bakhonza uJehova, kodwa uma sebeqala beshumayela, uJehova ulahlwa lapha, bese bephakamisa onkulunkulu babo, bengagcini lapho, kodwa benze izinto eziningi ngokusobala eziphambene nomthetho kaJehova, njengokuhlabela amadlozi nokwamukela izangoma endaweni kaJehova!
44. Kodwa inkinga enkulu kumaKrestu akuyikho ukuhlubuka uJehova, kepha ukungazi lutho ngenkolo yabo. Ngoba lenkolo yabezizwe bayifunzwe yizo izizwe, ngakho balandela lokho abezizwe abakushoyo. Ukuthi kubheda kuphi, abazi, ngoba vele bayafunzwa. Yikho kuthi uma ubatshela ukuthi lento eniyilandelayo inobuqili phakathi, bavele bathukuthele baqhume, ngoba bakubona uhlambalaza inkolo yabo!
45.Umuntu omnyama uyakwazi ukufundela ubufundisi aze abe nguDokotela enkolweni yobuKrestu, kodwa engazi lutho ngalento othi unguDokotela wayo. Ngake ngabhekana nomfundisi onguDokotela enkolweni yobuKrestu, engiphikisa uma ngichaza ukuthi ubuKrestu bavela uYeshua engasekho emhlabeni, nokuthi inkolo yobuKrestu yasungulwa nguConstantine!
46.Kuyihlazo ukuthi umuntu onguDokotela enkolweni yakhe, etholakale esephikisa umlando ogcwele ezincwadini zenkolo onguDokotela kuyo, lokhu ekuphike ngoba esebona ukuthi uma ekuvuma uzongena kwenkulu inkinga. UYeshua wazalwa ku 6 A.D, wahamba emhlabeni ku 36 A.D; kanti uConstantine wasungula ubuKrestu ngo325 A.D!
47.Uma ubuKrestu bungasungulwanga nguConstantine, basungulwa ngubani, nini, kanjani? UmKrestu uyokutshela ukuthi kwasungulwa nguJesu, kodwa angenke akwazi ukukutshela ukuthi loJesu okhuluma ngaye wayengubani ezalwa ngubani, niniu? Oyokwenza ukuthi achaze ngoYeshua, ebese ethi uYeshua noJesu ngumuntu oyedwa! Baqale baliphika leligama likaYeshua, kodwa kuthe uma sebethola iqiniso ngalo, base bethi uYeshua noJesu ngumuntu oyedwa!
48.AmaKrestu abanga namaJuda uJesu noYeshua! AmaKrestu athi uJesu kusenguye uYeshua, amaJuda athi, cha uYeshua akaze abe nguJesu, wazalwa esizweni sakithi samaJuda, uyise nonina kwakuyiJuda, noYeshua wakhula eliJuda elandela inkolo kaMose eyayilandelwa yiwo amaJuda, esekhulile washumayela ivangeli likaMose waze wafa engu Yeshua, engaphansi kwenkolo kaMose! Enkolweni kaYeshua akukaze kube khona umuntu ongasiyo inzalo yakwa-Israel, wazikhulumela yena uYeshua ukuthi uthunywe kuphela ezimvini ezilahlekile zendlu ka-Israel.
49.ITestament Elisha alikhulumi ngeminyaka. Lokho akulona iphutha, kodwa kwenziwa ngabomu, ngoba ukuba lineminyaka, ngabe kucacela noma ubani ukuthi uJesu umuntu owakhiwa, kodwa akaze abe khona! Noma ubani owufundile umlando, kunezinto ongenke uziphike ngoba zingumlando oqondile.
50.Ngaphambi kokuba ngenabe kakhulu kulokhu akengicaphune encwadini ka Profesa Rudolf R. Windsor ethi FROM BABYLON TO TIMBUKTU.
51.Lombhali ungum -African American. Nanka-ke amazwi kaProfesa: “Impi ka-Antiochus yaya ePalestine iyokweseka uMenelaus, umholi wesigejane esasihambisana neSyria. Ngenxa yalokho, amaJuda amaningi abulawa; amanye abalekela ezintabeni naseGibhithe.
52.AmaJuda asala eJerusalema yilawo ayesekela izinkambiso zika Antiochus. Kwashawa umthetho owawenqabela ukugcinwa kwezinsuku ezingcwele, isabatha, kanye nokusoka!
53.Umfanekiso obaziweyo kaJupiter wamiswa eThempelini elingcwele ngenhla kwe-altere. Kulomfanekiso abantu benza imihlatshelo yezingulube, isilwane esingcolile kumaJuda.
54.Ngenxa yokuzingelwa kwenkolo, umpristi omkhulu u-Onias 111, kanye namanye amaJuda babalekela emazweni ase-Afrika njengase Gibhithe naseLybia.
55.Imbangela eyaholela ekufudukeni kwamaJuda kwaba yizimpi, ukuhlukunyezelwa ezenkolo, kanye nohwebo. Lesi simo senza ukuba kugcine kunamaJuda afudukela e-Afrika.
56.Ngonyaka ka 65 B.C. izimpi zamaRoma ngaphansi kuka Jenene uPompey zalithumba iJerusalema. Ngo 70 A.D. uJenene uTitus UMBUSO WAMAJUDA WAWUQEDA NGENKEMBA! “Ngesikhathi salaba babusi, kwenziwa izinto eziningi ezibuhlungu kulawo maJuda ayesele eJerusalema.
57.Kusukela ngesikhathi sikaPompey kuya ku Julias Caecer kulinganiselwa kumaJuda ayisigidi abalekela e-Afrika, ebalekela ukugqilazwa ngamaRoma. Izimakethe zazigcwele izigqila ezingamaJuda amnyama.
58.Ku Dutoronomi 28:64 kuthi: ‘uJehova uyokukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye.
59.Uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo wena nokhokho bakho.’
60.“Lesi siprofetho kanye nezinye eziqukethwe kuDutoronomi 28:15-68 zehlela amaJuda amnyama emva kokuba bengayi thobelanga imithetho kaNkulunkulu.
61.Izizwe eziningi zathuthela amaJuda ebugqilini. Amadodana ka-Israel asabalalela kuwo wonke amazwekazi”
62.Sithe isizathu sokungayibhali iminyaka kuyiTestament Elisha, abezizwe babona ukuthi uma bebhala iminyaka buzobambeka ubuqili babo.
63.Kulezi zinyanga ezedluli izwe lakwa-Israel libuchithile ubuKrestu noJesu ezweni labo. Babona ukuthi kungubuphukuphuku ukuthi kungathi kungubuKrestu obaqeda inkolo kaMose, okuyiJudasm. Babona kuthi kungathi sebenezwe, bevume inkolo eyachitha inkolo kaJehova ezweni labo.
64.Ukuchithwa kobuKrestu kwa-Israel kungubufakazi bokuthi iJudaism, okuyinkolo kaMose edumisa uJehova, neChristanity, okuyinkolo ka Constantine esuselwa eBhabhiloni, lezi zinkolo ezimbili ezahlukene!
65.Kodwa iJudaism nobuNazaretha bukaShembe inkolo eyodwa, noma kungamabandla ehlukene; inkolo enoNkulunkulu oyedwa, okunguJehova!
66.Uthi-ke uProfesa: Ngonyaka ka 65 B.C. izimpi zamaRoma ngaphansi kuka Jenene uPompey zalithumba iJerusalema. Ngo 70 A.D. uJenene uTitus UMBUSO WAMAJUDA WAWUQEDA NGENKEMBA! “Ngesikhathi salaba babusi, kwenziwa izinto eziningi ezibuhlungu kulawo maJuda ayesele eJerusalema.
67.AmaRoma aqala ukuhlasela amaJuda ngo 65 B.C, bawanqoba. Lokhu kwenzeka engakazalwa uYeshua. Wathi uYeshua ezalwa umbuso wamaJuda wabe usungaphansi kwamaRoma, njengoba kuvela naku New Testament.
68.Kunezinto eziningi ezingaveziwe kuNew Testament ezazenziwa ngamaRoma kumaJuda kusukela ku 65 B.C kuya ku 70. A.D, njengoba uProfesa esho.Kodwa asizukuzibala lapha okwanamuhla.
69.UYeshua wayengesiyo lento echazwa ku New Testament. Abezizwe abakwenza ukuba bethathe impilo kaYeshua eyayibhalwe ngamaHebheru eshumayela, base bakha uJesu ngayo.
70.Kodwa uYeshua wayehlushwa ngamaRoma kanye nesizwe sakhe! Enkolweni iJudaism uYeshua ukhonzwa njengoMprofethi kaJehova; azikho lezi zinto ezishiwo kuJesu ngamaKrestu!
71.AmaRoma ayethelisa amaJuda intela enkulu njengoba nathi sasitheliswa ngamabhunu kuze kube nempi yaseSandlwane neyaseNcome!
72.Kusukela ngo 66 A.D kwaba nempi yamaRoma namaJuda, kwase kuthi ngo 70 A.D amaRoma awabhubhisa amaJuda njengoba nathi sabhujiswa empini yaseNcome!
73.Manje-ke uma ungase uveze iminyaka kuNew Testament, uzothi uYeshua wayengumsunguli wenkolo yabezizwe, okuseqinisweni eyasungulwa ngamaRoma, uYeshua eyisungula nini phakathi kuka 65 B.C no 70 A.D?
74.Lokhu kungubufakazo bomlando ukuthi uYeshua akaze abe senkolweni yamaRoma. Ngisho ungaba ngumKrestu, angenke uze ukwazi ukuchaza ukuthi uYeshua owayengumJuda, amaJuda ayelwa namaRoma kusukela ngo 65 B.C, yena yedwa wagxuma kanjani wase eba senkolweni yamaRoma, okuyiwo ayeyizitha zamaJuda amakhulu? Fundisisa kahle unumber 66 walenkulumo.
75.Uthi-ke uProfesa: Kusukela ngesikhathi sikaPompey kuya ku Julias Caecer kulinganiselwa kumaJuda ayisigidi abalekela e-Afrika, ebalekela ukugqilazwa ngamaRoma. Izimakethe zazigcwele izigqila ezingamaJuda amnyama.
76.Ku Dutoronomi 28:64 kuthi: ‘uJehova uyokukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye.
77.Uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo wena nokhokho bakho.’
78.“Lesi siprofetho kanye nezinye eziqukethwe kuDutoronomi 28:15-68 zehlela amaJuda amnyama emva kokuba bengayi thobelanga imithetho kaNkulunkulu.
79.Izizwe eziningi zathuthela amaJuda ebugqilini. Amadodana ka-Israel asabalalela kuwo wonke amazwekazi”
Kukhona yini lapho oyiphikisa khona lencwadi yomlando?
80.Uma isiprofetho esikuDutoronomi 28 sikhuluma ngabantu abamnyama, abangabantwana bakwa-Israel, okungokhokho bakaYeshua, uma loJesu engakhiwanga ngabezizwe, kwenzeka kanjani evele esengumuntu omhlophe, kanti oyisemkhulu kwakungabantu abamnyama?
81.Akesibuyele kulemfundiso-nkolo yokuthi uJesu uzobuya .Lenkulumo ekuMathewu 24, inesihloko esithi UKUCHITHWA KWEJERUSALEMA NOKUBUYA KWENDODANA KANKULUNKULU.
82.Kodwa kuleNkulumo akukho lapho okukhulunywa ngoYeshua NJENGE NDODANA KANKULUNKULU, kodwa kukhulunywa NGENDODANA YOMUNTU!
83.Okwesibili lemfundiso ethi nguJesu kuphela iNdodana kaNkulunkulu, ayisilona iqiniso!
84.KuMahubo 2:7 uJehova wakhuluma kanje enkosi uDavide: “UJehova wathi kimi: “UYINDODANA YAMI WENA, NAMUHLA NGIKUZELE.” Lenkulumo kaJehova owayisho nakuDavide, kodwa uma eseyisho kuJesu, isisho enye into!
85.Lenkulumo kaYeshua esiyinkolo yobuKrestu, iqala kanje:“Kuthe uJesu ephuma ethempelini, kwasondela abafundi bakhe ukumtshengisa izakhiwo zethempeli. Waphendula, wathi kubo: “Anikuboni konke lokhu na?
86.Ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”
87.Lesi isiprofetho esafezeka ngo 70 A.D, uYeshua engasekho. AmaRoma alihlasela iJerusalema, babhidliza ithempeli likaJehova.
88.Kodwa yize lathi libhalwa iTestament Elisha emnyakeni yo 600 A.D, akulokothwa kuvezwe kuyiTestamente Elisha ukuthi amaRoma ahlasela amaJuda ngo 70 A.D, abhubhisa iThempeli likaJehova, nokuthi amaRoma ayebulala amaJuda angu 5,000 ngosuku, bebahenga kabuhlungu!
89.Angisezuphinda amavesi aku Mathewu 24, abantu bengazifundela wona. Kepha ngizocaphuna lawo engizophawula ngawo.
90.Kumavesi 4-6 kuthi: uJesu waphendula wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu, ngokuba kuyakuza abaningi NGEGAMA LAMI bathi: MINA NGINGUKRESTU, badukise abaningi.”
91.Lo okhuluma lapha akusiye uJesu wenkolo yobuKrestu, kodwa nguYeshua wenkolo kaMose namuhla ebizwa ngeJudaism. Enkolweni kaMose uJesu unguMprofethi wamanga, uma uJesu wake waba khona, ngoba zonke izinto ezenziwa EGAMENI LIKAJESU, OKUTHIWA NGUMUNTU MUNYE NOYESHUA, ziphikisa umthetho kaMose!
92.Okumele kusicacele ukuthi inkolo kaMose nenkolo yobuKrestu zinkolo ezahlukene, noma ngobuqili kuyaye kwenziwe sengathi inkolo eyodwa! Zimbili kulesi sikhathi samanje izinkolo ezilandela inkolo kaMose, IJUDASM NEBANDLA LAMANAZARETHA.
93.Umuntu ofundisa ukuthi ASISAPHILI NGAPHANSI KOMTHETHO KAMOSE UNGUMPROFETHI WAMANGA ENKOLWENI KAMOSE, noma kungebe njalo enkolweni yobuKrestu. Umuntu othi kukhona isiVumelwane esisha esichitha umthetho kaMose unguMprofethi wamanga enkolweni kaMose, ngoba imfundiso kaYeshua eku Mathewu 5:17-19 ithi umthetho kaMose umi nguna phakade!
94.Ziningi-ke izimfundiso zabaprofethi bamanga esizifundiswayo, bese kuthiwa zazifundiswa ngu Sha’ul osebizwa ngo Paul! Ku-Izenzo 24:5 kuthi: “Ngokuba lendoda siyifumene iyishinga…….IYINHLOKO YEHLELO LAMANAZARETHA.” Lo okukhulunywa ngaye lapha nguPaul.
95.Ku-Izenzo 28:23- kuthi “Khona sebemisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachachisela EFAKAZA NGOMBUSO KANKULUNKULU, WABAQONDISA NGOJESU ETHATHELA EMTHETHWENI KAMOSE , NAKUBAPROFETHI.” Lo okusa khulunywa ngaye kusenguye uPaul. Ku maHebheru 10: 26-28 kuthi: “Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono, kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani. Odelele umthetho kaMose uyakufa engahawukelwa ngezwi lofakazi ababili noma abathathu!”
96.Lo okhuluma lapha ngu Paul. Uthi uPaul umuntu uthethelelwa uma enze isono engazi, okusho ukuthi engakakholwa. Kodwa uma umuntu esekholwa, bese ona, ayisekho intethelelo.
97.Lenkulumo kaPaul iyayiphikisa lemfundiso okuthiwa ingekaPaul, ethi asisaphili ngaphansi komthetho, nethi ngokufa kukaJesu esiphambanweni, asisenasono!
98.Abezizwe babedlala umlabalaba, okwakuthi uma bechitha umthetho kaNkulunkulu bese bethi kusho uSha’ul, lo owaba ngumholi wamaNazaretha emva kwaYeshua.
99.Enye into ebonisa ukuthi thina bantu abamnyama sithatha noma yini esiyitshelwa izizwe ezimhlophe, ku-Izenzo 24:5, sichazelwe ukuthi uPaul wayengumholi wamaNazaretha, kodwa uma sesifundiswa emasonweni nasezikoleni, kuthiwe uPaul kuqala wayengu Sawuli, ezingela amaKrestu! Uthi uDeedat oliMoslem: THE PROBLEM WITH THE CHRISTIANS IS THAT THEY ARE TRAINED TO UNDERSTAND THE OPPOSITE OF WHAT THEY READ IN THEIR OWN BOOK.
Ebhayibhelini kuthi uPaul wayengumholi webandla lamaNazaretha, kodwa esikufundiswayo ukuthi uPaul wayengumholi webandla lamaKrestu!
100.NjengomNazaretha, langethusa lelivesi, kodwa engithe uma ngililandela, ngathola ukuthi uPaul wayengumholi wamaNazaretha ngempela, futhi loPaul owayengumholi wamaNazaretha wabulawa yibona abezizwe, njengoYeshua, base bezakhela uPaul wabo ophikisa inkolo kaMose!
101.KuMathewu 24:34-35, uYeshua uthi: “Ngiqinisile ngithi LESI SIZUKULWANE ASIYIKUDLULA KUNGAKENZEKI KONKE LOKHU. KUYAKUDLULA IZULU NOMHLABA, KEPHA AMAZWI AMI AWASOZE ADLULA.” UYeshua wafunga ukuthi angenke sedlula isizukulwane sakhe isiprofetho sakhe singakafezeki! Siyamphikisa yini kulokho njengoba manje siku 21st centuary?
102.Njengoba silokhu sichaza, zonke izinto ezashiwo nguYeshua zenzeka ngo 70 A.D, sekwedlule iminyaka engu 40 uYeshua wahamba emhlabeni. Ngakho-ke uYeshua, njengoba wafunga wathi: ISIZUKULWANE SAKHE NGENKE SEDLULE KUNGAKEZEKI KONKE LOKHU OWAKUSHO, nempela asedlulanga!
103.Kodwa amaKrestu asathi uJesu uzobuya, okusho ukuthi uma kwakunguJesu lo owayefunga, wafunga amanga! Kodwa okwashiwa nguYeshua kwafezeka esizukulwaneni sakhe. Siyazi ukuthi kuba nokuphikisana ukuthi uYeshua wabuya, kodwa-ke asizungena kuleyo mpikiswano okwanamuhla.
104.Kulemfundiso ethi uJesu usezobuya, ngiye ngingazi impela ukuthi ukukholelwa ukuthi uJesu uzobuya kuyinkolo kanjani, uma kungasiyo inkolo, pho umuntu kumsiza kuphi?
105.Kumavesini 6 and 7 kulesi sihlabelelo ekade sisihlabelela, uthi uShembe:
“Sukani kukhulume uJesu
Niyokusha emlilweni
Lapho nanisebenzela khona
Ebuhlungwini nase sililweni.
Chorus.
Jabulani nina bantabami
Uyakusho njalo kwabanye
Shiyanini umhlaba
Wozanini eKuphakameni.
106.Isihloko salentshumayelo sithi: IZIZWE MAZIKHOLWE ZICHICHIME NGEZWI LAKHO.
Isihlabelelo 174.
Kuphakama uyidili
Lazo zonke izizwe
Ungumthombo wabomil1.eyo
Baphuza banele.
Chorus. Woza ungisize
Ngingene eKuphakameni
Amasango engakavalwa
Ngingene eKuphakameni.
2.Izizwe zomhlaba
Bezilindele iNkosi
Manje seziyizwile
IseKuphakameni.
Chorus
3.Zavuma zathi yebo
Masiye eKuphakameni
Udumo siluzwile
Lwazo zonke izizwe.
Chorus
4.Ungumthombo wabo bonke
Abomele izwi lakho
Bazophuza banele
Kuwe Kuphakama
Chorus.
5.Mpompozela inhliziyo zabo
Abomele izwi lakho
Zimpompozele wena Nkosi
Abomele izwi lakho.
Chorus.
107.Angifuni ukuthi uMprofethi u-Isaya Shembe ungukubuya kukaYeshua, ngoba sizolokhu siphikisana ngezinkolelo zethu kuze kushone ilanga!
108.Kodwa lapha ngizoveza iqiniso lomlando ongaphikiseki. Uma uYeshua ebuya, uyobuyela eKuphakameni, ngoba iBandla likaYeshua libandla lamaNazaretha, la ayithi, nahamba ngokwezimiso zikaYeshua!
109.Iqiniso lomlando ukuthi akaze abe khona umuntu emhlabenni onguJesu. Noma ungafunda kangakanani, ngenke usho ukuthi uJesu wayephila nini, ezalwa ngubani, kusiphi isizwe? Kodwa uyokhuluma ngoYeshua!
110.Okwenzekayo ukuthi abamhlophe bayaye bethathe impilo kaYeshua bese beyinika lesi sithixo esivela kubo, ngoba babengenke badumise uYeshua ozalwa esizweni esimnyama nabasizondayo!
111.Kuliqiniso elingaphikiseki ukuthi esizweni esimnya, okuvele okungama-Israel, nguShembe kuphela ovuse inkolo kaMose nabaprofethi kuze kufike kuYeshua!
112.Ngu Shembe ovuse ibandla likaYeshua, okuli bandla lamaNazaretha, namuhla lelibandla lamaNazaretha libuye emhlabeni ngoBabamkhulu!
113.Libandla lamaNazaretha elihamba ngezimiso zobuNazaretha njengoba lalisungulwe nguMprofethi uJohane!
114.Lokhu uShembe ukwenze noma lalifihliwe lelibandla eBhayibhelini!
115.UbuNazaretha iyona nkolo okwamanje ongathi uma uyilandela ukholwe uchichime ngezwi likaJehova, ngoba kulesi sikhathi samanje izwi likaJehova litholakala eKuphakameni; noma lingasatholakali kwezinye izinhlangothi zamaNazaretha, KODWA ZONKE IZIMFUNDISO NGOMBUSO KAJEHOVA ZISENJENGOBA ZAZIFUNDISWA NGU BABAMKHULU EBANDLENI LAMANAZARETHA KANKULUNKULU!
116.Uthi uYeshua, noma ungathi, Nkosi, Nkosi, kodwa uma ungawugcini umthetho kaJehova, uyokuphika ezulwini usuphambi kwakhe, athi: “Suka kimi menzi wobubi, ANGIKWAZI!
117.Abantu abemukelwa nguYeshua ngabantu abagcina umthetho kaNkulunkulu, abahamba ngezimiso zikaJehova!
INkosi ibusise izwi layo!