Ingakhoke la sibuthene la endlini kaJehova ukuze silashwe imihuzuko yethu sizothotshwa amanxeba, sizoboniswa ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uma sifuna ukuphila siphile indlela engcwele. Amein.
Intshumayelo kaMshumayeli Mavundla ngeSabatha ekuseni mhlaka 27 May 2023.
ISIHLABELELO 153
1 Nanti ilizwi elomemo
Liyamema bonke abantu,
Alikhethi noma munye
Liya mema bonke abantu.
2 AbaNsundu nabaMhlophe
Liba mema kwana njalo,
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
3 Zimpumputhe nani zinyonga
Sabelani niyabizwa.
Lolu memo ngolwe zulu
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
1.Ngizofunda nje incwadi ezimbili mhlawumbe ngayinye inevesi elilodwa, mhlawumbe ezinye ngingaziqedi, ngicela ukufunda incwadi kaJohane isahluko sokuqala ivesi 23. John 1 verse 23. “Wathi ngiyizwi lomemeza ehlane ethi lungisani indlela yeNkosi” Amein.
2.Eyesibili uJoshua 24 verse 15. “Uma kukubi emehlweni enu, ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza” Amein.
3.Kulezinkulumo zombili silalela izwi sakhetha uJehova, kukhona isikhathi la okwaye kwamemeza khona uNowa ngezwi, etshela abantu ukuthi uthe uJehova akwakhiwe umkhumbi.
4.Abantu benza izinto zabo kwaze kwaba kufika ukuthi umkhumbi uyakhiwa, uNkulunkulu uyalibhubhisa izwe. Kodwa ngaphambi kwalokho beqala bebona imvula ina, baqala bazincoma, bebona ukudla emasimini, abanye baze basho bathi izingane zabo zizogana kahle ngoba nansi imvula iphumile.
5.Elokhu ememezile uNowa ukuthi akwakhiwa umkhumbi, silandela izwi sakhetha uJehova. Sihlezi lana nje lelizwi lafika kumuntu oyedwa eKuphakameni lithi ngakhela indlu kaJehova, uma seliphuma lelizwi, salilalela, salilandela, uma sezifikile la, satshelwa ngoJehova ukuthi asikhethe uJehova ngoba ngaphandle kwakhe akekho omunye umuntu ongasisiza.
6.Ukukhethake bangcwele, akulula njengoba uJoshuwa nje ethi khethani ukuthi ngubani eniya kumkhonza, ngoba wayebona isimo, waze wakhetha isinqumo sokuthi aze akhethele abantwana bakhe, wayesethi ‘mina nendlu yami sizomkhonza uJehova.’
7.Ngicabanga ukuthi kunobuhlungu ayebuzwa, ayebona ukuthi uma abantwana bakhe bengafika kulesisimo, ngeke kube mnandi, kuncono asheshe ababhanqe, abakhethele uJehova. Amein.
8.Uma ukhetha-ke awuvele ukhethe nje, kufanele ushayeke, ushayeke nje impela nje, ushayeke nje kakhulu, kuze kufike esinqumeni sokuthi kunokuba ngife, lento engishayelwa yona, kuncono ngiyivume noma ngingayazi ngoba ngizofa.
9.Njengoba silapha nje, uma singakhuluma amaqiniso, sishayeke kakhulu sonke, abanye bethu bashayeke emphefumulweni, abanye bethu bashayeke emzimbeni, yini pho sikhethe ukulalela izwi lomuntu omemezayo wathi asilungise izindlela ziqonde, bese sikhetha ukulandela uJehova?
10.Ingoba kuncono ukuthi uma ulimala, abantu bakudubule ngesibhamu noma bakugwaze ngomumese ngoba ubuhlungu obuzwayo, uyaye uthi uma ufika esibhedlela, bafike bakuthunge, bakudlise amaphilisi buphele.
11.Kodwa kukhona ubuhlungu obungapheli, obungaphakathi enhliziyweni, okukwazi ukuthi enhliziyweni kufinyelele uJehova kuphela.
12.Ingakhoke la sibuthene la endlini kaJehova ukuze silashwe imihuzuko yethu sizothotshwa amanxeba, sizoboniswa ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uma sifuna ukuphila siphile indlela engcwele. Amein.
13.Wathi uBaba ngelinye ilanga uma uguqile, uyiphathe kahle inkonzo ngoba la ngaphandle kugcwele abantu abaningi basezulwini esingababoni.
14.Ingixaka le nkulumo yokuthi hhawu njengoba singaka nje, uma ethi uBaba kunabantu esingababoni, futhi siyaziwa ezulwini; ngizibuza ukuthi singaziwa kanjani sibancane kangaka.
15.UNkulunkulu-ke uma inhliziyo ixokozela, usheshe akuphendule, nami uma ixokozela nje eyami, ayi ngeke kunabantu abaningi ezulwini, kuthiwa kunezindawo eziningi, hhayi thina kuthiwa sibancane!
16.Kwakukhona unyaka la, bazokhumbula abangcwele, kwavesane kwagcotshwa nje uMvangeli uDlamini kuphela, uma sibuya ngeSabatha elilandelayo, sifica imoto la bayakhumbula abangcwele ka ice-cream.
17.Athi uBaba sithe sifuna le moto, kwafika umuntu wasezulwini, wathi le moto izotholwa uMshumayeli uDlamini, ngase ngiyibona lento ukuthi egcotshwe ngeSabatha ezulwini kwaziwa ukuthi uMshumayeli, kwaziwa kanjani, kushuthi ngempela ikhona lento ekhona la. Thinake silalela izwi sakhetha uJehova. Amein.
18.Uma eyixoxa le ndaba, uMvangeli uDlamini uthi, ubevame ukuthi uma ezohamba afike lapha ekhaya, alale khona bese ngimhambisa. Uthi ngangixakekile, kunzima, kodwa nganela ngalalela izwi likaBaba uMelusi ngakhetha uJehova, wathi into engiyithanda nge-NCG, ukuthi ingitshela ukuthi yini ekumele ngiyilungise uma ngifuna ukuya ezulwini.
19.Usethike uma eqhubeka intshumayelo yakhe yokugcina esezohamba emhlabeni, uthi, sengiyalibonga izwi elangilanda ezintabeni zangakithi ngazokhetha uJehova, ngoba nababengishaya ngishumayela esitimeleni, abasangishayi.
20.Ilelizwi-ke leli esithi uma kwenzeka izinto bese siphila, singakazenzi izinto eziningi. Kwesiye isikhathi kukhona izinto eziye zenzeke zikudide nje ubone ukuthi hawu kumi kanjanike la.
21.Uma ngisuka emsebenzini,
bengivame ukulalela uKhozi uma sengibuya ngiza ekhaya, uMfundisi othile bayamo interview lapha oKhozini.
22.Ukuthi hawu Mfundisi besiku vakashele esontweni lakho, kodwa into esimangazilo, besibona ulusha lugcwele, wenza ngani?
23.Uyaphendulake lo Mfundisi, uthi ngatshela abashumayeli ukuthi uma beshumayela, abashumayele ivangeli elisezingeni le Youth, i-youth kushuthi amakhosazana noma nalaba fana abancane.
24.Okwesibili sinama jumping castle, abantwana baka Sunday School sibakhiphela ngaphandle beyodlala i-jumping castle.
25.Kukhona lo msakazi ke wasoKhozini ekuthiwa uSbu Buthelezi, uSbu wayehlakaniphile, bese ethi u-Sbu, Mfundisi, nazi incingo abalaleli, okushuthi bayaluthanda loluhlelo lwakho, le nkulumo yakho, kodwa ngenxa yesikhathi asisezukuqhubeka.
26.Ngase ngibona ukuthi uyamukhava ngoba nami ngangizopaka imoto eceleni bese ngifona, ngangizombuza izinto ezimbili ukuthi Mfundisi, uma uthi ukhethe ukuthi ebandleni lakho kushunyayelwe izwi elilingana nentsha, uthini ngevangeli likaJehova athi uJehova liyamema, limema wonke umuntu, alikhethi nabansundu nabamhlophe liyamema? Ngangithi ngizombuza lokho.
27.Okwesibili ngangithi ngzobuza ukuthi Mfundisi uthini uma ethi abantwana nibakhiphela ngaphandle bayodlala, uthini uma ethi uJesu umbuso wezulu ufaniswa nabo, bazofunda nini ngezinto zenkonzo?
28.Siphila-ke esikhathini samalungelo, siphila esikhathini la umuntu edla okwakhe, engaphikiswa muntu, futhi uma uthi ukhuluma indaba kaJehova nje bengakunquma baze bakuqede abantu ngoba ukhuluma lento abangayifuni.
29.Into eyinkinga bathi kuyasontwa, beseke bengazenzi izinto ezifunwa uJehova, uthi uma uthi uyakhuluma bese bethi banelungelo labo.
30.Ngike ngaba nesikhathi nje la esiningi bengihlala noSihle Zikalala osewunobhala, uyangikhumbula manje. Ngathi mina kuyena, ‘uyabona njengoba uMalema ekhuluma kanje, ngeke nimenze lutho.’ Wathi sizomxosha ku-ANC. Ngathi mina nizomxhosha kwi ANC kodwa okusekhanda lakhe ngeke nize nikukhiphe.
31.Ngathi mina njengoba uMalema elwa kangaka, uphethe i-Freedom Charter le alwa ngayo, i-Freedom of Speech. Uzothinike ngoba uMalema uthi lento yabhalwa phansi la, ngikhuluma ngayo, ngeke nize ningenze lutho.
32.Ngaze ngathi mina uZuma, bathe uma bethi bayamubopha, bethi uZuma wathi Fees Must Fall, izingane azifunde mahala, wathi uZuma anikwazi ukungibophela into eyabhalwa phansi, sayilwela ukuthi ibhalwe phansi, yagazethwa ukuthi yonke ingane inelungelo lokufunda.
33.Sinethembake Baba ukuthi le nqola oyiphushayo kaJehova ngeke ize iphele ngoba igazethwe ezulwini, ayigazethwanga emhlabeni.
34.Uma abantu bebheka izinto emhlabeni ngoba phela umuntu ukhuluma akuthandayo, kodwa mina ngithi kulendawo silalela izwi sakhetha uJehova!
35.Emhlabeni abaningi bakhuluma nje konke abakuthandayo, abantu bazenzela abakuthandayo.
36.Kukhona laba bantu okuthiwa ama Analyst okufunda, abakwazi uku rate ukuthi abantu bafunde kangakanani emhlabeni. Ngake ngafunda iphepha besho ukuthi izifundiswa zasemhlabeni, uMaMwenda, uChinua Achebe.
37.Kwase kubalwa nalo omunye ngiyamazi ngake ngahlala naye emhlanganweni, uProfessor Charles Dlamini. Wayelapha oNgoye.
38.Kodwa uma usucabanga uma sekuthiwa kunezwi elimemezayo, ukuthi laba bantu bayithathaphi lento, bashiya umuntu owayehlakaniphile ngokwasezulwini, ehlakaniphile ngokwasemhlabeni, uMqaliwendlela, owayeyisifundiswa esikhulu.
39.And izinto uma uzikhuluma kumele ukwazi ukuzi support, uma ngingalinganisa nje, uma umuntu ekubuza ukuthi usontelani e-NCG, akufanele uxoxe indaba yenzwabethi, indaba kanogwaja, nami ngizwa nje ngonogwaja nje ethi wafa nogwaja.
40.Cha, ngisonta e-NCG ngoba ngalela izwi ngakhetha uJehova. Uyabona uma sebe analyse laba bantu abafundile, beshiya uShembe.
41.Ukuhlakanipha kwabo kungaphela uma ungathatha isihlabelelo 195, bezosilalela kahle uma ethi uShembe kunezwe alithandayo angakaze alibone, aze athi akazi ukuthi uyokwenama kangakanani uma eselibona.
42.Manjeke uma uhlakaniphile uma ungahlakaniphi eceleni uhlakaniphe ndawo zonke, uShembe ngendlela ayehlakaniphe ngayo, njengoba sithi silandela izwi sakhetha uJehova.
43.Wathi uma ebuka izinxenye zomzimba, ekhuluma ngalelizwe alithandayo, wayesebuka inhliziyo, ameni. Wathi ayi nayi into eyinkinga kulomzimba wami, wayeseyi ncenga.
44.And ngeke usho ukuthi uhlakaniphile umuntu okwazi ukukhuluma nezicubu zomzimba zimlalele, uma eyincenga uthi wenhliziyo yami.
45.Angiphinde futhi, kushuthi uma ngithi weMvangeli uZungu, uyangibheka ngoba kushuthi ngikhuluma naye uyangizwa.
46.Uma ethi uShembe wenhliziyo yami awungisize unamathele kuJehova, uyincenga ngoba uyabona ukuthi le nhliziyo le iyo le edala inkinga.
47.Uma kuthiwa kuyahlatshelelwa, uma ingafuni ukuhlabelela lenhliziyo, ngeke ahlabelele, uma kuthiwa kuyanikelwa, uma ingavumi le nhliziyo ngeke uphume umnikelo.
48.Uma kuthiwa kuyaguqwa, le nhliziyo ivele isheshe ibike amadolo kuqala abuhlungu ithi hhayi ngeke ngiguqe mina abuhlungu kabi awami amadolo. Uyayincengake, uthi ‘ngisize unamathele, kubani? KuJehova’ ayibongwe iNkosi!
49.Uma ke uzohlala kuJehova, uzonamathela kuJehova kudinga ukuthi ukhethe, njengoba uJoshua nje esho ethi ‘mina nendlu yami ngiyamukhonza uJehova noma kunzima’
50.Uma ukhetha uJehova kufanele ukhethe kahle, njengokuthi abanye bethu banezinkinga, bala ethempelini kodwa imindeni yabo ayikho la, ikwezinye izindawo.
51.Why? Uma uqala uthi kunomuntu okhuluma kanje kanje emsakazweni, ngisacela ukuyombona, bese ivuka inkulumo ekhaya: “Usuya kulomuntu, ngenke ziphinde ziphume izithebe layikhaya, ngenke siphinde sembeswe uma kugana amadodakazi layikhaya, ngoba lo muntu ukhuluma kanje kanje. Mayibongwe iNkosi!
52.Uyabonake uma sekunjalo, sekuqala ukungena inkulumo yebhayibheli likaSathane, angithi nali elethu, noSathane unelakhe ibhayibheli!
53.ElikaSathane linamavesi nje ambalwa, uma uqala inyanga noma isangoma, sikufundela lelibhayibheli likaSathane, iqala ithi abakini abaphansi. Ithini? Abakini abaphansi noma asebakini asebalala.
54.Hawu ngaze nganenhlanhla bo, nangu umuntu ekhuluma nabantu bakithi asebalala, ngifisa kangaka ukubezwa, bese iqhubeka.
55.Badiniwe, badiniwe, baphansi kodwa banjani, badiniwe, bathi elinye ivesi awubanakile, angiphinde futhi. Abakini abaphansi badiniwe, bathi awubanakile.
56.Nazike izinto ezizokwenzeka ngoba wena uhlezi ngaphakathi bona bangaphandle, bazokuphuca konke onakho.
57.Uma ungakalizwa izwi, ungakamukhethi uJehova, uzohlale uqhaqhazela, uzothi umuntu uma ethi khumula ibhulukwe, dunusa, akuchathe, udunuse akuchathe. Ukuthi ukuchatha nganhloboni yomuthi, awazi ngoba izwi lithe kuzophela konke onakho.
58.Into efana nani nje, uma ulambile udla noma yini, ufike ugaqa ngamadolo lapha kaMaNxumalo, uthi ngilambile, avesane uMaNxumalo athathe uphuthu alifake amanzi, alifake ushukela, aligoqoze athi idla, uzodla ngoba unjani? Ulambile.
59.Lento le esiphilisa kabuhlungu njengoba nje nginezimoto ezintathu, afike athi umuntu zizophela zonke, uzohamba ngezinyawo.
60.Kodwake Siyabonga Baba akuselula, ngoba sengiyazi ukuthi bephansi benjalo, ababakhulu kunoJehova, ngoba bekufanele bangahlali ngaphansi bangene njengoba bethi bangaphandle.
61.Ababakhulu kunoJehova baze bahlulwe ileziya mambana uBaba akhuluma ngazo ngelinye ilanga wathi, zavesane zagoloza zathi yeyi kukhona izintuthwane namatsheketshe lapha ezulwini, nathi siyangena la.
62.Wathi uJehova, yeyi aningeni nina la, zathi izinja: “Yeyi siyangena la, kukhona nezimbungulu ezidla abantu, siyangena thina la.” Wathi uJehova, niyababona bonke laba nezimbungulu nayo yonke lento elana ngaphakathi isebenzile.
63.Wasethi uNkulunkulu, azingene-ke. zasuka ngejubane zongena ezulwini.
64.Indaba yoniwa inyamazane eyaqhamuka yathi shwi, bayeka ukungena ezulwini, bajaha inyamazane. Abafuni abantu ukuzwa izwi elimemezayo bakhethe uJehova ngoba ngeke zisaba khona izithebe. Amein.
65.Le ndaba yokukhetha, awukhethi nje noma ikanjani, idinga abantu abanesibindi, isibindi salawamadoda, aphonswa emlilweni, athi hhayi ngeke siguqe thina siyamazi uJehova.
66.Idinga abantu abanesibindi sika Stifane, uStifane ababemukhanda ngamatshe.
67.Ibhayibheli-ke lesiZulu likubeka kabi uma lithi babemukhanda ngamatshe, uma lithi babemukhanda ngamatshe lisho ukuthi they make a statue for him, njengobhota nje bamukhanda isichuse.
68.Kodwa elesingisi lukubeka kahle ukuthi they stoned him to death, babemugxoba ngamatshe. Kodwa umuntu onesibindi nolalela izwi wakhetha uJehova.
69.Kwathi uma bemushaya uStifane uyabatshela akakhali, uthi ngibona amazulu evuleka, baphonsa itshe lithi xhafa, athi ‘ngibona amazulu evuleka.’ Baphose itshe lithi xhafa, mina mhlawumbe ngangiyokhala ngoMaNdlovu ngithi hayi we ma, hay we ma. Kodwa yena uthi nje ‘ngibona amazulu evuleka’, la engiya khona! mayibongwe iNkosi.
70.Le ndaba yokukhetha ihamba ibanga elide ngoba impilo oyikhethile kwesinye isikhathi uyiphila uze uyofa, kwesinye isikhathi impilo oyikhethile ithi uma ijika, ebese ijika nenhliziyo yakho, kungabe sekuba uwena owawuthi lapha kwenziwa ukuthi nokuthi, sekuwena osukuphikisa manje.
71.Lokhu okwakuphilisa, uthi hhayi hhayi lokhuyana, hhayi eh eh, izwa ngami, ngibuya phakathi laphana mina, ayikho yonke lento. Mayibongwe iNkosi.
72.Kodwa ngiyafisa ukuthi uma sikhethe singadinwa, ukhethe kahle, noma bekubuza abantu, ucacise ukuthi ngikhethe ngoba.
73.Into engiphatha kabi ukuthi umuntu uma esediniwe, uyabonanje uma usuwabaleka e-NCG, eyi kunjani e-NCG, yeyi anihlukaneni nami mina angisekho lapho mina. Umqondo usuhambile, inhliziyo isiyadinwa.
74.Umuntu uma esediniweke umqondo uyahamba, uyozwa umuntu uma esediniwe, uze azikhohlwe nokuthi uwubani wakwabani.
75.Uyabona umuntu uma esediniwe esethi, bazongibona kahle, ngubani mina, angenziwa kanjena mina, azibuze yena ukuthi ungubani, alindele ukuthi thina simtshele ukuthi uwubani yena, akasazazi, ngoba udiniwe!
76.Okwesibili noma ekhuluma akasazi ukuthi ukhuluma nobani ngoba umzimba wakhe nomphemulo wakhe wonke ugcweleni, ukudinwa nenzondo, muzwe nje lona owantshontsha isibusiso somunye.
77.Uma ethi uNkulunkulu, uphi umfoweni, ngilizwile igazi lakhe likhala ehlane. Uphendula uNkulunkulu uthi mina ngumlindi kamfwethu yini. Usho kuJehova aphila ngomphefumulo wakhe.
78.Uma ulifunda ibhayibheli lithi ngenxa yolaka lukaJehova engamuphenduli kahle, uNkulunkulu wehlisa isiqalekiso umzimba wakhe wonke wagcwala uboya.
79.Kushuthi ukuhlulwa ukukhetha kuhamba nesiqalekiso, kuhamba nedimoni lokudinwa, idimoni lokudinwa bese lizala isiqalekiso.
80.Sizolokhu sikhala nje la, eyi ngiyanikela, kodwa akwenzeki lutho, buka nje lo, ufike esontweni, kodwa nakhu useyakhulunyiswa kuthiwa ubonga akutholile. Ayibongwe iNkosi. Uhlele kabi.
81.Wake wathi omunye uMfundisi isibusiso uma sike saphuma ezulwini, asiphindi emumva, nansike inkinga, njengoba ukhalela ukuthi uze wahamba wena unikela ungabusisekile nezinto obuzicela ungazitholi.
82.Ngosuku owaphuma ngalo uhamba, kukhona umuntu owafika engezile nokuzokhetha iNkosi, ezobona nje esontweni kanti ingelosi iphethe isibusiso sakho, yangakuthola.
83.Angazi kodwa iyaxhumana phela noNkulunkulu, mhlawumbe, ithi Nkosi lo muntu othe angimulethele isibusiso angimutholi.
84.Bese ethi uNkulunkulu uyamubona loya ongayigqokile ingubo emhlophe, othe uma kumemeza izwi lithi lungisani indlela, wakhetha ukuthi azolalela, nika yena isibusiso.
85.Niyabona ukuthi ezinye izinto ezethu azilungi kanjani, zithathwa abantu abaqala ukufika esontweni, izibusiso zethu bazithathe bahambe nazo, ngoba sithi sinikelile, sibe sibheka sibala izinsuku.
86.Eyesingaki le nyanga nganikela, eyesingaki nenyanga nganikela, eh eh, asilalele uJehova.
87.Kodwa kunzima ukulalela uJehova, kwahlula abantwana bakwa Israel, for so many years behamba nabo uNkulunkulu.
88.Uthi uma sebewela ulwandle olubomvu, uyabamisa, uthi wo, manini manini manini, bhekani emumva, babheke emumva, uthi nibonani?
88.Bathi sibona amaGibhithe, wathi lalelani, lamaGibhithe eniwabonayo, ngeke niphinde niwabone, lalelani lamaGibhithe eniwabonayo, ngeke niwaphinde niwabone, niyobona amanye. Okwenu ukuthi ngaphesheya komfula, hlabelelani nisinele uJehova.
89.Angazike ukuthi kwangenani emadodeni, ngizwa kuthiwa kwakukhona nabagcotshwa, bahlehlela emumva okwakufanele kube ibona abahamba phambili badonse umgidi kaJehova, ngoba uJehova useshilo wathi akuhlatshelelwe, kusinwe.
90.Kuthiwa kwasukuma uMprofethikazi wakhipha ulayini, wasina, kwabongwa uJehova, yaviva imbokodo, ingudlungudlu, hhayi imbokodo.
91.Manjeke lezi zinto zize zihambe zikuhlukanise ukuthi uma uthathe izinqumo noJehova, azimudingi umama wekhaya, kanjalo noJehova uma ethatha inqumo nomama wekhaya akamudingi ubaba wekhaya.
92.Wenake imake endleleni uthi ngeke uMelusi agcobe umkhwenyana wami, engangitshelile, kwenzekani uma uhlezi kulayini wesitimela, sidlula nawe.
93.UJehova ufuna umuntu wakhe wena uyavimba, so, ukuze afinyelele kulowa muntu wakhe kumele ugudluke wena, kuphele nje kanjalo.
94.Sagcotshwa noMvangeli uNzimande la, sibe ngabashumayeli, ngiyamubuzake uNzimande ngithi mina, uma uMelusi esesho ukuthi siyagcotshwa siba abashumayeli, wayeswenkile ngalelo langa uNzimande.
95.Le jakhethi yakhe ye leather engenasiphiko, ngagcina ukuyibona ngalelolanga, ngithi mina Mvangeli uma usuzogcotshwa awusho ngani khona nami ngizoswenkwa.
96.Kwasho ukuthi naye akazi ngoba kuphume izwi livela kubani, kuJehova. Alisho ukuthi njengoba uzogcotshwa nje, biza omalume wakho nezingane nodadewenu ubatshele ukuthi ngiphelezeleni namhlanje ngiyogcotshwa esontweni. Lifuna wena wedwa, silalela izwi sakhetha uJehova.
97.Kuningi-ke uJehova asenzele khona ngalelizwi lakhe sakhetha yena. Bekumele sithi kuseyimi Nkosi, ngake ngafika kuwe ngikhala, kazi uyangibona na.
98.Kuseyimi lo Nkosi engafika kuwe, ngilambile, ngihamba nqunu, kazi uyangibona na ukuthi sengigqokile, kuseyimi Nkosi lo engake ngafika kuwe ngizobika sengiphelelwe yikho konke ebenginakho.
99.Ngahlekwa umndeni, ngahlekwa omakhelwane, ngahlekwa umphakathi, abanye baze bangitshela ukuthi sekuphelile ngami. Namhlanje Nkosi sengizobonga, kazi uyangibona yini ngoba usubuyise konke engangihlekwa ngakho.
100.Unjaloke uJehova, unjaloke uJehova, wenza nje uJehova, izinyembezi zesilima ziyasinetha isihlakaniphi. Sincono isilima ngoba ubulima abupheli, ukuhlakanipha kuyaphela.
101.Usheshe asibone uJehova isihlakaniphi, ebese esigona, esisondeza kuyena, ocleva impilo yabo iba mfushane, silalela izwi sakhetha uJehova.
102.Uthi-ke omunye, le ndoda isisebenze iminyaka epulazini, ile ndaba yokukhetha nokulalela, uthi umlungu, kumkakhe, ukhomba ingane uthi lo waqala ukusebenza lo ezelwe, kodwa lo owayezelwe usenengane lo muntu usasebenza la.
103.Uthike sizothatha iholidi ngike ngiyocabanga nje ukuthi njengoba sekufanele aye empheshenini, sizomuphani. Uthi uNkosikazi ayi angazi mina ukuthi engaphiwani, kodwa, ngifuna niyizwe kahle le ndaba.
104.Kodwa mina bengicabanga ukuthi into oyomufica eyiphethe ngesandla, vesane umuphe yona.
105.Wathi umlungu uma ephethe ukhiye we private jet lena ibhanoyi, wathi uzomupha lona, ahambe nalo. Abelunguke bayiphiwa lento yokuthi bahloniphe abantu besifazane.
106.Wapakisha wapakisha, useyayibizake le ndoda, uyayitshela ukuthi angazi ukuthi sizohamba isikhathi esingakanani, kodwa woza la, uphethe isikhwama.
108.Uyabona lapha, abogandaganda nala okuhlala khona omanyolo, nakhu, labake abendlu yonke le. Siyahamba ngoba angiyazi into osiphathe kahle ngayo angazi ngiyokunikani.
109.Lokhu esiyobuya nakho, esiyobuya ukuphethe, siyokunikeza khona uhambe ngaleso sikhathi uye nakho ekhaya, kuyobe kuyisibusiso sakho leso. Ngithemba ukuthi abangcwele bayangizwa.
110.Lokhu esokufica ukuphethe ngoba asazi ukuthi sizokunikezani, uyohamba nakho ngaleso sikhathi kuyobe kuyisibusiso sakho.
111.Manje sikulendaba yokukhetha, nokulalela, ulilalelisise ukuthi indaba isekhukhetheni, kuthiwa, wayeke aphathe okhiye bezibhamu, ayoma eduze kwezibhamu, akhiphe nesibhamu, acabange isitha sakhe sangasekhaya, athi ngomshaya kanje, ngomshaya kanje.
112.Abuye akhumbule ukuthi hhayi ngeke nanku ukhiye we safe wemali, ahambe aye khona, afike ame khona, wayezungeza nangasezimotweni.
113.Kodwa ngelinye ilanga, kwafika umuntu ezosho ukuthi wenduna sesifile indlala, umlungu wathi imali uzoyishiya kuwena, abadembelesise, ababhekise le, ababhekise le, uyangiphazamisa, uyangiphazamisa.
114.Wenduna, kushoda udisili, ayovula lapha siqhubeke, yeyi umlungu uzongifica ngiphethe udisili, hhayi ngeke ngeke hambani.
115.Kwathi ngolunye usuku, kwafika intombazane esebenza le ekhishini, oh before that, wamubiza wamukhombisa ewokweni lezinja.
116.Wathi uze ungisize le nja izele abadlwane abawu 18, umdlwane umunye la, usukhokhelwe uwu R2500 ungiphakelele yona.
117.Manjeke sekuza intombazane esebenza la ekhishini, ngikulendaba angisuki kuyona, silalela izwi, sikhethe uJehova.
118.Lithike izwi ungiphakelele lenja ngoba isinabadlwane, ulokhu enake le. Sekuza intombazane ithi kodwa uyalizwa leliphunga elikhona, ashaye amakhala, alizwe iphunga. Libahole njalo lize liyofika ngakulendlu yezinja.
119.Uma bethi bayafika, bafica abadlwane bafele emabeleni kunina bencela, bafa, kushuthi unina ebelambile, bafa, ayi waphuthuma waphuthuma ibhala nesipetu. Bayangizwa abangcwele.
120.Kukhona ingozi esingase sibe nayo. Silokhu sithi siphethe kanti asiphethe kahle, uthi uma esefika, ufika ulayisha abadlwane, athi uma elayisha abadlwane, athi uma ephuma ngasesangweni, nayi imoto yomlungu.
121.Livuleke isango abingelele umlungu, hhawu yini le oyiphethe, hhayi basi abadlwane bafile, athi hhau, njengamanje awusabuyeli ngaphakathi, konke lokhu okuphethe ngikupha khona, hamba nakho uye ekhaya.’
122.Wagejwa okhiye bezimoto, okhiye bemali, ekhaya, wafika nephunga lezinja ezinukayo.
Inkosi ibusise enikuzwile