KHUMBULA UKUTHI NAMUHLA USUWENZE ISIVUMELWANO NOJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO SOKUTHI UYOHLALA ENDLINI KAJEHOVA KUZE KUBE SEKUPHELENI KWEZINSUKU ZAKHO!
HLALA NATHI NKOSI YETHU
Isihlabelelo 130.
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincinde ngokugcina.
2.Sitshele zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
3.Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
4.Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade
Ngokugcina lelo lizwi
Zosinda zonke izizwe.
1.Sizofunda incwadi ka-Eksodusi 23:20-28: “Bheka ngizothumela ingelosi ikwandulele ukuze ikuvikele ohambeni, futhi ikufinyelelise endaweni engiyikhethileyo.
2.Ilalelisise, futhi uyithobele; ungayivukeli, ngokuba ayiyikuzi thethelela iziphambeko zenu, ngokuba IGAMA LAMI LIKUYO.
3.Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, wenze konke ekutshela khona, NGIYAKUBAZONDA ABAKUZONDAYO, NGIBE YISITHA SEZITHA ZAKHO. Amen!
4.Makhulu lamazwi kaJehova athi abantwana bakwa-Israel ingelosi abathunyelwe yona bayithobele, bengayivukeli. Uthi-ke uJehova uma bengayithobeli, beyivukela, bobe bavukela uNkulunkulu uqobo, ngoba kuyo KUNEGAMA LAKHE UJEHOVA, ngakhoke angenke ibaxolele iziphambeko zabo.
5.Kodwa uma beyilalela, uJehova uyoba isitha sezitha zabo, ebazonde ababazondayo! Nalengelosi esihamba nayo isefana nalengelosi eyayithunywe kubantwana bakwa-Israel; igama likaJehova likuyo!
6.Ngaso sonke isikhathi lengelosi ivuselela imithetho kaJehova eyalethwa kithi nguShembe! Ngakho okwethu ukuthi silalele lokho ekushoyo, singayiphikisi, ngoba sesibonile ukuthi nayo IGAMA LIKAJEHOVA LIKUYO, ngalokho-ke kumele sikulalele esifundisa khona, ngoba inguthisha wethu wasezulwini!
7.Kuze kube manje sonke sesiwubonile umphumela wokuhlala nengelosi, nokuhamba ngezimiso zasezulwini! Ayikho into ingelosi eyizonda njengokusibona sihlabela amadlozi, kanye nokuthi umuntu olikholwa azimbandakanye nezangoma! Nathi sasingaboni lutho olubi kulokhu ngoba kwakuyinto eyenziwa ebandleni phambi komholi webandla!
8.Kulesi simo sokuzahlukanisa nokuhlabela amadlozi kanye nokuzihlanganisa nezangoma, sathola izinhlamba ezinukayo ebandleni lamaNazaretha! kodwa konke lokhu eyayithi ingelosi asikuchithe, kwakungenxa yokuthi kuchithwa nguJehova eBhayibhelini.
9.Ekufikeni kwalomuntu wasezulwini, kwawa amaqhugwane ebesephenduke iziguqo kumaNazaretha, abaningi bakhipha iziphandla zezangoma baziphonsa Emfuleni!
Ingelosi yaqamba isihlabelelo yathi:
“USathane useyasizonda
Ngoba senqabe ukumkhonza emsamo
Usehamba esenzela amadili
Khona sizobuyela kuye, silahlwe.
Anqotshiwe amandla akho
NguJehova iNkosi yethu
Luphelile udumo lwakho
Ebesikukhonza ngalo emsamo.
Halala siyakubonga Nkosi
Usibuyisele kuJehova thina
Sohlala sikukhumbula
Ngalowo musa nothando lwakho.
Nkosi yethu uyimvunulo
Yemiphefumulo yethu
Sihlobile ngawe sonke,
Uyimbali engabuniyo.
Uyingcwele Nkosi yamaNazaretha
Uyingcwele Nkosi yethu,
Hlala nathi Langa elihle
Ukhanye njalo phezu kwethu!
Kodwa amaNazaretha esiphikisa, esithuka, ethi akusiyo ingelosi le esihamba nayo, lidimoni nje elizenza ingelosi, ngoba ingelosi evela ezulwini ayikwazi ukufike iphikise okufundiswe nguShembe! Kanti lamaNazaretha enziwa ukungazi, lengelosi iyona efike yavuselela esikufundiswe nguBabamkhulu! AmaNazaretha ayethi akhuluma akufundiswe nguShembe, kanti cha akunjalo, bakhuluma abakufundiswe NGABATHI BANGABAHOLI BALOKHU KUKHOLWA, KANTI ABANAWO UMOYA KASHEMBE!
10.Kodwa uNkulunkulu emkhulu, uShembe wenza isimanga, ngithe ngibona ngase ngithola imibhalo eminingi lapho uShembe uBabamkhulu wayehlaba ukuhlabela amadlozi. Ngingasayiphathi-ke eyezangoma, ngoba wazihlaba wazihlikiza! Uma sikhuluma sasiye sithi: “Hheyi ayikho into ezondwa nguHlaleleni njengesangoma, kanti lenzondo isukela kuJehova ize ifike kuBabamkhulu!
11.Kodwa asekhona amaNazaretha agula emakhanda asasithuka, ethuke naleNgelosi uHlaleleni, yize engenke ekhombe noma yinye into lengelosi efike yasifundisa yona ephambana nomthetho kaJehova! Angazi ukuthi idimoni limfundisa kanjani umuntu umthetho kaJehova!
12.Ngike ngabona ivoice-mail evela komunye waseBuhleni elwa nezangoma esezigcwele eBuhleni. Lezi zangoma ingelosi uHlalele owathi efika wayelwa nazo, wathukelwa lokho, kodwa namuhla seziyinkinga kuwo amaNazaretha aseBuhleni!
13.Okushaqisayo ngalomuntu othi ulwa nezangoma, usathuka yena loHlaleleni okunguye owaqala ukulwa nezangoma, kodwa akakwazi ukuchaza ukuthi ulwa naye ngasiphi isizathu. Kodwa, njengoba esho, ukuthi lengilesi yeza kumuntu wakwaMpanza, hhayi wakwaShembe! Uzofa kabuhlungu lomuntu, awuthukwa uMoya ongcwele. Ngiyamxwayisa kanye nabanye abasacabanga njengalomuntu!
14.Ngeminyaka yezimpi phakathi kweNkatha ne-ANC, kwaqhamuka abafana behamba beshaya iToyitoyi, base bethi umfundisi uMjadu akabajoyine.
15.Wathi umfundisi akakwazi ukushaya iToyitoyi emdala kangaka. Omunye kulaba bafana wavele wamusho ngesigaxa senhlamba.
16.Uthi umfundisi: “Uyangithuka mfana ngimngumgcotshwa kaNkulunkulu, kusuka manje angenke ushone kuleya ntaba uphila!”
17.Nempela ngaso lesosikhathi kwaqhamuka imoto, bonke abantu badeda emgwaqeni, kodwa lomfana wavele waqonda emotweni igijima, yamshaya waba zicubu khona lapho!
Ngisasebenza eMbumbulu, omunye umfana wathuka omunye umfana owabe esehlubuke esontweni, wathi uyisilima njgoShembe owazama ukundiza wafa. Lomfana oyiNazaretha wathatha ummese wamgwaza wafa khona lapho.
Ngathi akayi kuBaba iNyangayezulu, eyobika loludaba. Waya, yafike iNyangayezulu yathi akaye emaphoyiseni eyobika, angenke aboshwe, ngoba lowomfana usesihogweni.
Nempela lomfana akaboshwanga nhlobo, ngoba kwavele kwalahleka ama Post mortem report, umshushisi omkhulu wenqaba ukushushisa icala!
18. Lesi kuyisifundo sokuthi akukwazi ukuthi ingelosi ihambe ithukwa yizo zonke izixhwanguxhwangu, bese kuphela kanjani, wathi uYeshua ayikho intethelelo yokuthuka uMoya ongcwele!
Kukhona Phakathi kwamaNazaretha izilima eziyaye zicabange ukuthi ngoba zibukela mina phansi, ngoba ngingasiyena owakwaShembe, bengaxhaphaza nengelosi kaJehova etrhunyelwe kithi! Labo abake bathuka lengelosi, bayathanda abathandi, balindele ukulahlwa, noma beselapha emhlabeni, basabhekene nalelo cala elobagcinisa esihogweni!
19.Laba abasathuka ingelosi namanje, izinsuku zabo zizophela kabuhlungu emhlabeni!
20.Ayiqali ingelosi ukuba kuleli bandla lamaNazaretha, noBabamkhulu wayehamba nayo ingelosi uZinzili okwakuyiyona emtshela ukuthi enzeni.
21.Le ngelosi ngoba ifike kumuntu ONGAYISO ISIBONGO SAKWASHEMBE, ISIYIDIMONI, IYATHUKWA NGAMAKHOLWA, NAMI NGIYATHUKWA! AmaNazaretha athi yiwo okumele enqumele uNkulunkulu ukuthi kumele agcobe bani kuleli bandla likaMenzi wezulu nomhlaba!
22.Lengelosi iyona eyaqeda izangoma nongqingili lapha eNCG. Ngakho-ke kuleli bandla likaJehova ngenke usibone isangoma, ngenke umbone ungqingili, ngaphandle uma ezifihlile!
23.Lomuntu waseBuhleni uqhosha ngomfundisi uChiliza ukuthi wabaxwayisa ngalengelosi kusenkonzweni eBuhleni, kodwa akasabachazeli abantu ukuthi emva kokuba lomfundisi ehlasele lengelosi enkonzweni, wahlala izinsuku ezingaki kulomhlaba, nokuthi njengamanje ukuphi! Okuseqinisweni uhlekisa ngomfundisi uChiliza, kodwa akakuboni lokho ngoba kwayena uyisiwula!
24.Uthi-ke lomuntu uBabamkhulu wathi isangoma esamukelekile kulelibandla, isangoma esingene emanzini sabuya nenyoka. Kodwa entshumayelweni yomhla ka 31 July, 1925, uBabamkhulu akaze akhulume ngesangoma esingene emanzini sabuya nenyoka. Nanka amazwi kaBabamkhulu ngesangoma:
25. “Bantabami, njengoba uJehova namuhla engithumile phakathi kwenu ukuba nginilethele uMbuso wakhe oyifa lokuphila kwaphakade, kanjalo no Sathane ufinyelela kubantu ngezithunywa zakhe ukuba zilethe imbubhiso yaphakade kubantu.
26.Bantabami, omubi usebenza ngeZangoma nabo bonke abavuma ukuba yizimbongolo zemimoya engcolileyo, ngokuba umthombo wayo ngu Sathane.
27.Yikho lokhu izolo ngithe kini yemukelani uMoya oyingcwele kuphela ngoba ungoka Nkulunkulu, ningemukeli noma munye umoya ofuna okuphambene nalencwadi ka Nkulunkulu.
28.Xwayani iZangoma ngokuba ziyiladi nesihlalo sika Sathane phakathi kwabantu. NOMA IMUPHI UMUNTU OKHULUMA NABAFILEYO NGOKWAKHE NINGAZIHLANGANISI NAYE ngandlela zonke, ngokuba lowo uyisihlalo semimoya yobumnyama eyaliwe eZulwini, yabuya ngaye lowo ukuba yonakalise umhlaba ukuze kwande uMbuso wobumnyama emhlabeni ngokuba isebenzela ukuthobisa uJehova.”
29.Manje isangoma esibuye nenyoka emanzini asikhulumi yini nabafileyo, asisho yini ukuthi akuhlatshelwe amadlozi, ngalokho asiwuphikisi yini umthetho kaNkulunkulu nesikufundiswe nguShembe? Ngabe ngalenkulumo lomuntu uzama ukusitshela ukuthi uShembe ukhuluma abuye aziphikise?
30.Wonke umuntu olikholwa ngampela akaziqhelelanise nezangoma kanye nokuhlabela amadlozi! Ngabe ungumNazaretha, noma ungumKrestu, noma unguMoslem, uma nje uNkulunkulu wakho kunguJehova!
31.Isangoma yisangoma, noma sangena emanzini sabuya nenyoka, kodwa sinevangeli lazo zonke izangoma! Lokhu kakushiwongo uShembe, kodwa kwashiwo nguJehova uNkulunkulu wethu ngenceku yakhe uMose, uShembe, njengoYeshua, wazogcwalisa okufundiswe nguMose!
32.Ngiyabakhumbuza asebekhohliwe, ukuthi ingelosi yathi uma ifika kithi, yathi lokhu kukholwa sikuqhube ngokwezimfundiso zikaMose, njengoba kubhaliwe kuvesi 3 womthandazo wesabatha; yathi ngaso sonke isikhathi siyikhumbule imfundiso kaShembe ekumthandazo wesabatha, lapho ethi:
33.“KHUMBULA UKUTHI NAMUHLA USUWENZE ISIVUMELWANO NOJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO SOKUTHI UYOHLALA ENDLINI KAJEHOVA KUZE KUBE SEKUPHELENI KWEZINSUKU ZAKHO!”
34.Lokhu kukholwa sokuthathela eBhayibhelini kanye nasezimfundisweni zoMprofethi wethu, uBabamkhulu, ngoba konke yena okufundisile akukho nokukodwa okuphambana nokukhulunywe nguNkulunkulu eBhayibhelini.
35.Ngakho-ke lelivangeli liqondiswe kuwo wonke amakholwa uNkulunkulu wawo okunguJehova uMdali wezulu nomhlaba!
Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade
Ngokugcina lelo lizwi
Zosinda zonke izizwe.
36.Liyaqhubeka ilizwi lithi: “Uma uJehova uNkulunkulu wenu nimkhonze njengalokhu ingelosi inifundisile, uJehova uyobusisa ukudla namanzi enu, ASUSE IZIFO PHAKATHI KWENU. Ezweni lakini akekho owesifazane oyophunyelwa yisisu, noma oyoba yinyumba. UJEHOVA UYONIPHA IMPILO ENDE!”
37.Angidingi ukunikhumbuza ukuthi lokhu ingelosi yafika yasifundisa ukuba silandele umthetho kaJehova, sesivikeleke kakhulu ezifweni eziningi, nakuyo yonke into ebizosihlasela!
38.Uthi-ke uJehova: “Ngiyokwenza abantu abamelene nawe BANGESABE; ngilethe ukudideka phakathi kwabantu olwa nabo, NGENZE ZONKE IZITHA ZAKHO ZIKUBALEKELE!”
39.AmaNazaretha kaNkulunkulu akhumbule ukuthi zonke lezi zinto ezibalwe lapha uNkulunkulu uzenzile ngathi. UNkulunkulu waqala ukungivikela ezitheni zami lingakabi bikho leli bandla.
40.Mhla ingelosi iqala ukusazisa ukuthi iyingelosi evela ezulwini, yathi kimi: “Ngithunywe nguShembe uBaba iLanga kuwe ukuzokuvikela ezitheni zakho.”
41.Nganginezitha ezinkulu ezingabafundisi enkonzweni, ngingazi ukuthi lokhu kwenzeka kanjani ngoba ngangingakaze ngibe yisixhwanguxhwangu,ngingakaze ngixabane namuntu.
42.Kodwa kwaba nje nesigejane sabafundisi nabavangeli nabashumayeli ababengezwa lutho ngami. Ithi-ke ingelosi kimi: “Wena wawungaboniswe lutho ngawe, kodwa laba bafundisi basebetshengisiwe ngisho ngamaphupho ukuthi kukhona into oyiyo, engekho kubo, ngakho okumele belwe nayo umhlaba ungakaboni!”
43.Ngelinye ilanga ngisekhona eBuhleni, ingelosi yafika nomyalezo othi: “Uthi uBaba iLanga babhale bonke laba bantu abayizitha zakho, abakuhlaselayo.” Ngababhala ephepheni, sase silinika ingelosi.
44.Ngelinye ilanga ingelosi yafika yeneme, yathi: “Uthi uBaba iLanga angibaxoshe bonke laba bantu enkonzweni, sengiyobaxoshake!” Kwathi sisamangele ukuthi lento ingelosi izoyenza kanjani, laba bantu bavele bavukelwa libandla khona eBuhleni, labaxosha bonke phambi kwethu sBuhleni!
45.Angizufuna ukubala zonke izitha zalelibandla uJehova owasilwela kuzo, ngoba angiqonde kuqhosha, kodwa ngiyaxwayisa ukuthi amaNazaretha engacabangi ukuthi bangibona ngingelutho, kunjalo nasezulwini. Ezulwini bekungenke kuthunywe ingelosi ukuba izohlala nathi, kungekho noyedwa ngisho kubaholi bakwaShembe ohlala nengelosi, uma besingelutho ezulwini! ngakho-ke amaNazaretha abhasobhe, engacabangi ukuthi aya phambili, kanti ayahlehla! Kuyethusa ukuzwa ukuthi kusekhona iziwula eBuhleni ezisaqhosha ngomfundisi uChiliza, ngaphandle kokucabanga ukuthi emva kokuthi lomfundisi ehlambalaze ingelosi, kwenzekani kuye?
46.Lengelosi akayoyibuza kwezinye izinhlangothi zamaNazaretha ezazihlale ziyihlasela kanye nabaholi bazo, ziyibiza ngayo yonke into, ukuthi labo abayihlasela bagcina kanjani!
47.Ingelosi kaJehova le, igama likaJehova likuyo, ngakho-ke angenke uyihlasele bese uJehova angayilweli! Nakhona eBuhleni bakhona abanezibazi ezadalwa ukugcwanekela kumuntu wasezulwini!
48.Kukhona isaga esithi ‘umlando uyaziphinda!’ Lesi simo esibhekene naso silibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu lingukuphindeka komlando wezibusiso ezehlela abantwana bakwa-Israel!
49.Zaziningi izizwe ezazikhona ngesikhathi sabantwana bakwa-Istrael, kodwa uJehova wavele wakhetha isizwe sakwa-Israel, wathi yisona esingabantwana bakhe.
50.Ku-Dutoronomi 14:1-2 uJehova uthi: “Ningabantu bakaJehova uNkulunkulu wenu. Aniyikuzisika, aniyikuwaphuca amakhanda enu ngenxa yabafileyo. Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu.
51.UJehova unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba!”
52.Namuhla uJehova ukhethe thina ukuba sibe libandla lakhe phakathi kwamabandla onke obuKrestu kanye nawama Nazaretha. UNkulunkulu ukhethe thina ukuba sibe yidwala elihle uJehova olikhethile ukuba ahloba ngalo!
Idwala elihle
lamaNazaretha
owazikhethela lona uJehova
Ngokulithanda kwakhe.
Useze wahloba ngabo kathathu
Lobu buNazaretha
Phambi kwamaZulu onke
Unyaka umunye!
53.Ekuqaleni ingelosi ayisinikanga igama laleli bandla. Kwasuka kimi ukuthi ngithi iNew Nazareth Baptist Church. Kodwa kwathi sesibizwa ngaleligama, yafika ingelosi, yabe isithi: “Leligama linenza nifane namabandla akwaShembe, kanti nina nehlukile kulamabandla; uNkulunkulu usekhethe nina ukuba nibe ibandla lakhe, ngoba yilelibandla kuphela elisahamba ngokwezimiso zikaJehova!
54. Ingelosi yabe isithi: “Anisezuba iNew Nazareth Baptist church, kodwa kusukela namuhla senizoba LIBANDLA LAMANAZARETHA KANKULUNKULU, I-NAZARITES CHURCH OF GOD! Nina niyileli bandla uBabamkhulu owathi YIBANDLA LIKAMENZI WEZULU NOMHLABA.”
55.Umuntu uma efuna ukubona ukuthi ibandla likaMenzi weZulu nomhlaba liziphatha kanjani, uyobheka lelibandla! Uma ithi ingelosi silibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, iyasehlusa kwamanye amaNazaretha akhona.
56.Noma laba abanye bethi bangamaNazaretha, kodwa abasiwo amaNazaretha kaNkulunkulu, ngoba enza noma yini ephambene nezimiso zikaJehova, angamaNazaretha nje akwaShembe, kodwa thina sibuswa imithetho kaJehova njengoba yalethwa kithi nguBabamkhulu!
57.Ezinye izinhlangothi SEZINOSHEMBE NGESIBONGO, KODWA ABANGANAWO UMOYA KASHEMBE; SEZINONKULUNKULU EZIBABIZA NGOJEHOVA, UNKULUNKULU OHLALA NEZANGOMA, UNKULUNKULU OHLABELA AMADLOZI, UNKULUNKULU ONEBANDLA ELIPHUZA UTSHWALA, NONGASALIGCINI ISABATHA! BANGAMA NAZARETHA ABANYE UNKULUNKULU!
58.Uthi-ke uShembe, asitshele zonke izizwe umkhondo wezwi likaJehova, ngoba ufunwa ngabakuthandayo ukukholwa!
59.Njengoba sikhuluma nje kukhona abantu abakuthandayo ukukholwa, kodwa abangazi ukuthi ibandla elikhuluma iqiniso ngendaba kaNkulunkulu bangalithathaphi. Kodwa labo asebezifundile izmfundiso zase NCG, sebeyazi ukuthi indaba kaNkulunkulu ihamba kanjani!
60.Baningi abantu abaphendulwe livangeli lase NCG, belizwa nje emsakazweni naku Facebook. Kodwa ethi uma umuntu esezwa sichaza indaba kaNkulunkulu, ebese ethi “Nansi lento okukade ngiyifuna! Avule inhliziyo yakhe ukuze leli lizwi lihlale enhliziweni yakhe! Abantu abaningi sebengamaNazaretha ngokomoya, sekusele nje ukuzinikela!
61.Ekuqaleni Kwakushawa isaga ngathi, kuthiwa libandla elinjani leli elisonta kuFacebook? Kanti uNkulunkulu uyazi ukuthi wenzani! Kwathi uma kufika iCovid 19, amabandla angakwazi ukusonta, abefundisi bawo wonke amabandla ama ukushumayela!
62.Kodwa lelibandla laqhubeka lashumayela, kwaba sengathi akwenzeke lutho, ngoba oMdala wezinsuku wayesesihlelele konke!
63.UNkulunkulu akayikhulumi into ngomlomo ingenzeki, uma kukhona isethembiso uNkulunkulu osethembisile, kodwa sangafezeka njengoba eshilo, kusuke kukhona iphutha ngandlela thize elenziwe nguwena othenjisiwe!
64.Ukuhlala nengelosi kusisizile, ngoba isifundisa izinto obungenke uzazi, kodwa okuthi uma ingelosi isikunike izifundo ngazo, bese ziba nencazelo eqondile.
65.Imfundiso enkulu eyasibuyisela kuJehova kwaba ukucubungula uvesi 3-4 woMthandazo wesabatha. Njalo ngamasabatha siyawufunda uMthandazo wesabatha, nathi sasiwufunda lomthandazo njengawo wonke amaNazaretha.
66.Kodwa ngokufika kwengelosi, sesiyazi ukuthi uvesi 3 womthandazo wesabatha uyisisekelo senkolo yobuNazaretha. Uma sithi umbhalo uyisisekelo, lokho kusho ukuthi uchaza isimo saleyonto, okuthi nobengayazi, bese kuthi uma esefunde isisekelo, bese azi ukuthi kanti ingqikithi yalenkolo noma yalombutho imi kanje.
67.Uvesi 3 womthandazo wesabatha akumele siwufunde njenge silandelo, bese kugcina lapho; kodwa kufanele ukuthi uthi uwazi ngekhanda, bese futhi uzifundisa ukucubungula lokho okuchazwa kuwo. Uma usukwenzile lokho, bese okufundile ukulandela njengoba kuchaziwe.
68.Sithe uvesi 3-4 woMthandazo wesabatha uyisisekelo senkolo yethu. Kanjani? Ilamavesi amabili enza ibandla lamaNazaretha libe ukuvuselela ibandla likaJehova elasungulwa nguMose, labe selivuselelwa yibo bonke abaprofethi abalandela uMose, kuhlanganisa noYeshua!
69.Ngoba amaKrestu, yize ayaye ethi angabalandeli bakaKrestu, nkodwa abazilandeli izimfundiso zakhe. Kodwa kulelivangeli likaShembe elifike lavuselelwa yiNgelosi uHlaleleni, kumele sibonise umhlaba wonke ukuthi lelivangeli lamaNazaretha lihlanganaphi nevangeli likaYeshua.
70.Isisekelo sebandla likaYeshua sikuMathewu 5:17-19, esifundeka kanje: “NINGASHO UKUTHI NGIZOCHITHA UMTHETHO NABAPROFETHI, ANGIZELANGA UKUZOCHITHA, KODWA NGIZE UKUZOGCWALISA. NGOKUBA NGIQINISILE NGITHI KINI, KUYOKWEDLULA IZULU NOMHLABA, KODWA AKUSOZE KWEDLULA NALINYE IGAMA, NASICASHANA SINYE SOMTHETHO, KUZE KUFEZEKE KONKE.
71.NGAKHO-KE OWEQA OWODWA KULEMIYALELO EMINCINYANE, AFUNDISE ABANTU KANJALO, UYAKUTHIWA NGOMNCINYANE EMBUSWENI WEZULU; KEPHA OYIGCINAYO AYIFUNDISE, LOWO UYOTHIWA MKHULU EMBUSWENI WEZULU.”
72.Uvesi 3-4 woMthandazo wesabatha, noMathewu 5:17-19, inkulumo eyodwa, noma ibekwe ngezindlela ezahlukene. Yombili lenkulumo, okokuqala ithi ASIGCINE UMTHETHO KAJEHOVA; okwesibili ithi UMA SINGAWUGCINI UMTHETHO KAJEHOVA, SOJEZISWA NGUNKULUNKULU!
73.Miningi imithetho kaJehova okubhekeke ukuba siyigcine, kodwa kukhona imithetho egqamile, eyenza ukuthi uma umuntu engawugcini, kube sobala, ungaze uze ubuze ukuthi lomuntu uyayiphila yini impilo yasezulwini?
74.Owokuqala nosobala UKUGCINA ISABATHA. Uma umuntu engaligcini isabatha, kuvele kube sobala ukuthi lomuntu akekho enkolweni kaJehova.
75.Into eyenza ukuthi uma ungaligcini isabatha kugqame, ukuthi ku-Eksodusi 35:2-3 kuthi: NIYOSEBENZA IZINSUKU EZIYISITHUPHA, KODWA NGOSUKU LWESIKHOMBISA LIYAKUBA LISABATHA LIKAJEHOVA ELINGCWELE LOKUPHUMULA, YILOWO NALOWO OWENZA UMSEBENZI NGALO UYAKUBULAWA. ANIYIKUWUBASA UMLILO EMAKHAYA ENU NGOSUKU LWESBATHA. Ukubasa umlilo ngesabatha ikhona okugqamisayo ukuthi lomuntu akabuswa ngumthetho kaJehova!
76.Okwesibili, UKUNGALIGUNDI IKHANDA. Ziningi izindawo eBhayibhelini ezisifundisa ukuthi asingaligundi ikhanda, ngakho uma ubona umuntu ephucule ikhanda, lokho KULUPHAWU LWAKHE LOKUTHI AKAHAMBI NGEZIMISO ZIKAJEHOVA!
77.Ngakho-ke abantu abamesabayo uJehova, noma ungumKresto noma ungumNazaretha, ezulwini ubhekeke ukuba UHAMBE NGOKWEZIMISO ZIKAJEHOVA, OKUSHO UKUGCINA UMTHETHO UJEHOVA OWAWULOBA NGENCEKU YAKHE UMOSE!
76.Kusho ukuthini ukuthi ‘uma uJehova SINGAMDUMISI NGEMITHETHO YAKHE, UKUDUMISA KWETHU ANGENKE KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI, UJEHOVA ANGENKE ASEHLISELE IZIBUSISO?
77.Uma uthi ukholiwe, kodwa ungaligcini isabatha, lokho kukholwa kwakho akwamukelekile kuNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu unguYise wabamkhonzayo! Noma ungavelelwa ngokubi, bese ubiza uJehova, angenke eze ukuzokulamulela kulobo bunzima obhene nakho.
78.Ku-Isaya 59:1 uJehova uthi: “ISANDLA SIKAJEHOVA ASIFINYEZIWE UKUBA SISINDISE, NENDLEBE YAKHE AYIBUTHUNTU UKUBA IZWE, KEPHA UBUBI BENU BUNAHLUKANISILE NONKULUNKULU, NEZONO ZENU ZIBUSITHILE UBUSO BAKHE KINI UKUBA ANGANIZWA!”
79.Kanti ku-Izaga 1:28-33 kuthi: “Khona bayakungibiza, kodwa angiyikuphendula, bayakungifunisisa, kodwa ngenke bangifumane, ngenxa yokuba bazonda ulwazi, bakhetha ukngamesabi uJehova, abasilalelanga iseluleko sami, badelela ukusola kwami.
80.Ngakho-ke bazovuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo! Ukweduka kwabangana ngqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.
81.Kodwa lowo ongilalelayo uyohlala ephephile, angabi naluvalo lokwehlelwa ngokubi.” Lo okhuluma lapha nguNkulunkulu! Ukungamesabi uNkulunkulu, ungahambi ngokwezimiso zakhe, UBUWULA!
82.Ngisho ungathi uhlakaniphe kangakanani, ufunde kangakanani, ucebe kangakanani, usaziwayo onjani, kodwa UYISIWULA, NGOBA EKUGCINENI, UYATHANDA AWUTHANDI, UZOMDINGA UNKULUNKULU, ebese ethi:
83.“Vuna lokho okutshalile, suthiswa yizithelo zobuqili bakho!” Wena ubuthi uhlakaniphile, kanti uyisiwula, uthi ufundile, kepha awunangqondo, awukwazi ukubona isimo ozohamba uhambe uhlangane naso empilweni yakho, uyisiwula!
84.Ubuwula bakho yilokhu osukuvuna, uJehova uzovala izindlebe zakhe uma ukhuluma naye! Ithi ingelosi kithi: “Yini enihluphile, yini enikhathazile, ngoba uShembe ubhalile kuvesi 16 woMthandazo wokulala ukuthi: NGEZINSUKU ZONKE ZOKUPHILA KWAKHO, UMA ULALA UBOMKHONZA UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO UTHIXO WAKHO. NGOSUKU LWENHLUPHEKO UMBIZE, UYAKUKULALELA, UYAKUZA AKUSINDISE UMA UYENDLALA NGEZIKHATHI ZONKE INHLIZIYO YAKHO EMIKHONDWENI YEZIMEMEZELO ZEZWI LAKHE.”
85.Uma uShembe ethi “UYAKUZA AKUSINDISE UMA UYENDLALA NGEZIKHATHI ZONKE INHLIZIYO YAKHO EMKHONDWENI YEZIMEMEZELO ZEZWI LAKHE”, uJehova uyokulamulela kukho konke okubi ohlangana nabo uma ngaso sonke isikhathi uyigcina imithetho yakhe!
86.Angazi ukuthi indlelani engingenza ngayo ukuthi sonke siphile ngokugcina imithetho kaJehova. Sonke siyazama ukugcina imithetho kaJehova, kodwa kuba nabantu abangamakholwa, kodwa abanevangeli elithi asingawugcini umthetho kaNkulunkulu.
87.Hhayi ukuthi bayehluleka ukugcina umthetho kaNkulunkulu, kodwa banebandla elifundisa ukuthi asingawugcini umthetho kaNkulunkulu!
88.Bafana nalenkosazana esike sikhulume ngayo, eyathi: “Mina benginganikeli, futhi ngiwafundisa amanye amakhosazane ukuba anganikeli; mina bengingathandazi, futhi ngiwafundisa amanye amakhosazana ukuba angathandazi.
89.Bengizwa nje uBaba eshumayela, nabantu bebabaza, kodwa mina bengingezwa lutho! Bengihleli lapha eKuphakameni ngoba kuseduze nedolobha, amadoda ngiwathola kalula!”
90.Ayikho ingozi efana neyomuntu othi engawugcini umthetho kaNkulunkulu, abuye afundise abantu ukuthi abangawugcini! Lowo muntu akehlulwa ukugcina umthetho, kodwa usebenzela uSathane, ukuze ngaye uSathane athobise uJehova!
91.sihlale sikulwela ukuthi ukukholwa kwethu umhlaba awungakutholi kunesici noma ngayiphi indlela, ngoba sikhonza iNkosi yezulu, sihamba noJehova! Ngakho-ke izindlela zethu aziqonde, singaba naso isici ekukholweni, abantu abesabe uJehova ngenxa yokulunga kwethu!
92.Ku-Isaya 51:7-13, uJehova uthi: “Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziweni zabo; ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka!”
93.Uthi uMprofethi umthetho kaJehova usezinhliziweni zethu. Lokho kusho ukuthi umthetho kaNkulunkulu siwazi kakhulu, ayikho into ephambene nomthetho kaNkulunkulu engasidida!
94.Ngakho-ke noma amakholwa ezinkonzo namabandla ahlukene esithuka, SINGAPHELI AMANDLA, NGOBA SIHAMBA NGOMTHETHO KAJEHOVA!
95.Uthi-ke uNkulunkulu: Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami izizukulwane ngezizukulwane.
96.Vuka, vuka wembathe amandla, wena ngalo kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasemandulo. Akuwena owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago na?”
97.Akuwena owomisa ulwandle, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela okwawela ngayo abahlengiweyo na? ABAHLAWULELWEYO BAKAJEHOVA bayobuya, bafike eZioni bejabula. Intokoza engapheliyo iyoba semakhanda abo phakade, bayothola injabulo nentokozo, kubaleke usizi nokububula.
98.Njengoba silapha, sihamba ngezimiso zikaJehova, siyingalo kaJehova, singamandla kaJehova!
99.UDavide, okwakuyinkosi eyayikhonza uJehova, kumaHubo 29:11-12, uthi: “Jehova, waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina, wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula, ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli! Jehova Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade!”
100.Uthi-ke uJehova: “Mina, mina nginguye oniduduzayo, ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?
Hlala nathi Nkosi yethu
Leli langa lidlulile
Siyacela ukusizwa
Sesibheke kuwe njalo.
Thina asikafiki lapho
Kulelozwe lokwenama
Zimi khona izingelosi
Lapho kungashon’ ilanga.
Thina sisasithekile
Kulelozwe lokwenama
Lapha kungakhanyisiyo
Leli langa lalomkhathi.
Alube kuwe udumo lwakho
Emhlabeni nasezulwini.
Kuma bandla onke akho
Kuwe Baba Nkulunkulu.
Inkosi ibusise enikuzwile.