Iziga 3 verse 1
“1 Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami, ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.”
Intshumayelo yasekuseni ngeSabatha mhaka 03 June 2023: NguMfundisi Bonga Mpanza.
ISIHLABELELO 25.
1 Nkosi yamkela ithemba lami
Nakhu sengiguqe phambi kwakho.
Chorus. Woza-ke mntanami,
Ngokwamukelisa ngethemba.
2 Ungazibheki izono zami
Uma ngiza kuwe,
Chorus.
3 Ukuza kwami phambi kwakho
Akusange namisanga,
Chorus.
4 Wozake masinyane
Singakacimi isibani sakho.
Chorus.
1.Ngiyabonga kakhulu kwabangcwele, ngixolise ngezwi lami elihoshozelayo, isihloko sanamhlanje sithi othemba lakhe likuJehova unokuphila okuphakade.
2.Bangcwele umhlaba esiphila kuwo unamatshe, unameva, uyafana nalendlela esiyinikiwe la phambi kwethu esihamba ngayo athi uShembe inamatshe, inameva. Uma uhamba khona kukhona izikhathi zokujabula ezininingi, bese kuba khona nezikhathi zokuzotha, zokuhlukumezeka, zokuphatheka kabi eziba khona. Kodwa kukho konke lokhu into ebalulekile esikhuluma ngayo namhlanje, Ithemba. Amein.
3.Kodwake maningi amathemba bangcwele, uma sikhulume la, sikhulume ngethemba likuJehova ngokuba uJehova. Ithemba uma likuye, akanakukulahla, uJehova. Uhlala enawe njalo. UJehova uhamba nawe njalo, uJehova uhamba nawe nala ungasazi khona wena, ubona ubumnyama bukwembethe kakhulu bese ucabanga ukuthi uJehova akekho eduze kwakho, kodwa uJehova uhlala ekhona eduze kwakho.
4.Ziningi izinto esizibonile bangcwele, lapho uJehova enza into yakhe, noma efuna ukukubusisa, kodwa akudlulise engozini noma akudlulise ebunzimeni. Noma kokunye ubunzima busuke bungaveli kuye uJehova kodwa uyakwazi ukuthi abe nawe ngisho usebunzimeni, yena abe ebona ukuthi ngaphesheya kwalobu bunzima kukhona ukuphila.
5.Laphake emhlabeni noma angithi nje lapha, njengoba sila, bangcwele esontweni, sihlangene ngezinto ezimbili kakhulukazi, kuningi okunye esihlangene ngakho. Okokuqala ukuzosebenzela imiphefumulo yethu ukuthi mhla sihamba emhlabeni, uNkulunkulu asikhumbule abe nathi la sihambela khona, singalahlwa.
6.Okwesibili bese kuba ukuthi la emhlabeni sisaphila, uNkulunkulu akabe nathi angasilahli. La sihamba khona, incwadi ekade ifundwa namhlanje, yeSabatha, ithi “noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angiyikwesaba okubi ngokuba uJehova ukimi.”
7.Uma singakhohlwa ilokho ukuthi uJehova ukithi ngaso sonke isikhathi ngisho usuhamba esigodini sethunzi lokufa, uJehova usuke ekhona. Wena usuke ubona sekuphelile ngawe, usunovalo olukhulu kakhulu, kodwa uJehova yena usuke ewazi umphumela wala ozogcina khona. Ngakhoke usuke ekhona eduze kwakho nangesikhathi usukhala usucabanga ukuthi ulahliwe.
8.Impiloke leyo bangcwele, ngizocela sidlule encwadini yeZaga 3, okuningi kulenkonzo, ngizobe ngikufunda phansi ezincwadini ezibhaliweyo, ukufakazela lesi sihloko esikhuluma ngaso esithi, ‘othemba lakhe likuJehova unokuphila okuphakade.’ Ekufundeni lana ngizobe ngiveza yona indaba yethemba kodwa futhi bese ngiveza nobunzima abanye abantu abadlule kubo ngaphambi kwethu, okukhombisa ukuthi ngampela ubunzima bukhona kodwa futhi noJehova ukhona. Amein.
9.UJehovan umelene nobunzima, bese uyazibuzake nawe ukuthi hawu, uma kukhona umuntu owake wadlula ebunzimeni obunjena, bengiyini mina, noma bekuyini lobubunzima kwami engibhekene nakho. Iziga 3 verse 1-26. Ukumethemba uJehova
“1 Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami, ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.” Amein.
10.Ngiseselapho nje ngingakaqedi, ngiyayithanda indlela ebekeka ngayo ukuthi njengoba sisho ukuthi njengoba silapha nje sizocela ukuphila kuNkulunkulu, sizocela ukuphila kuJehova, sizocela ukuphila sila emhlabeni uNkulunkulu asivikele komubi. Sizocela futhi ukuphila sesihambile kulomhlaba, uNkulunkulu avimbe omubi angasihlwithi siselana ukuze sikwazi ukuphumela ngalena kwelizayo.
11.Kuthike lana kodwa uma ngabe uhamba ungakhohlwa umthetho kaJehova, kusho njalo, bese kuthi ugcine imiyalo yami, usho njalo uJehova, ugcine imiyalo yami. Indaba enkuluke leyo ngoba kuyajwayeleka ukuthi uma ubunzima sekuhlasele ngoba ngikhuluma lana ngethemba, ithemba okufanele kube yilo eliwukuphila kwakho ngesikhathi amehlo akho, ingqondo yakho nenhliziyo yakho nakho konke ukuphila kwakho kwasemhlabeni sekuphele amandla, kodwa ithemba kufanele kube yilo kuphela elinamandla ukuze ukwazi ukuvuka uqhubeke uye phambili.
12.“3 Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho, 4 ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.” Uthike uJehova kuye, emehlweni akhe uthole udumo ngokuthi ube nesihhe, neqiniso lihlale likuwena, emehlweni akhe uthole udumo, uthike nasemehlweni abantu uthole udumo. “5 Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. 6 Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
13. 7 Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uJehova, udede ebubini.” Ngiyayithanda le ethi ungaba ngohlakaniphileyo emehlweni akho. Isikhathi esiningi uJehova uyabangiswa, ubangiswa izinto eziningi. Okunye kuye kuthi uJehova esekwenzele into enhle, ebese ubonga ukuhlakanipha kwakho, uthi yeyi kushuthi ngihlakaniphile ngenza into enje, ungabe usabona noma sewenzelwe uJehova, uJehova uma esekwenzele bese umbangisa ngokuhlakanipha kwakho.
14.Ziningi izinto ezibangisa uJehova, angazi ukuthi kuyaye kwenziwe yini, thina abaqeqeshiweyo, bagogoda ngendaba kaJehova, ngendaba yezulu, ngendaba yemimoya, nayo yonke indaba yenkolo, asinakho ukuzigqaja sikhulume noma ikanjani phambi kwabantu ngegama likaJehova, nomake ngegama nje likaShembe phambi kwabantu. Size sedlulwe abantu abangazi lutho, abantu abangazi lutho, ibona abakwazi ukubiza amagama ezinto zabo.
15.Uthi uNkulunkulu ekusebenzele, umbonga wanikela kuye, wacela kuye, bese kuqhamuka umuntu nje ethi yeyi abakini abadala banawe. Bese ungakwazi ukuvika uthi ima wo! Wo! akubona abakithi abadala laba, mina ngacela kuJehova, uJehova wangipha. Sinakho nje ukuxega, nakho nje, kufanele engabe ethi, sisho kuqala sithi uJehova unamandla wonke, ngoba ngilapha nje kungenxa kukaJehova, kodwa bayaqhamuka abantu bathathe isicoco sikaJehova basinikeze abantu babo, basinikeze onkulunkulu babo.
16.Uthi uyahamba, kuqhamuke umuntu osonta esontweni elinonkulunkulu owumuntu, ebese efike ethi yeyi uyayibona imisebenzi kabani. ambize ngegama lo muntu, ekhuluma ngawe, ungahlanganise lutho nalowo nkulunkulu. Yiso lesi sibindi engizibuza ukuthike thina siphi kithi, ukuthi sikhulume ngoJehova, sizigqaje siqhamuke nje phakathi kwabantu sikhulume ngemisebenzi kaJehova. Ukuthi cha, ungaze uze ubize uma umuntu ethi imisebenzi kabani, uthi ah ah ima laphoke, ima lapho. Akuyena neze neze, imisebenzi kaJehova.
Siyasidinga leso sibindi sokuthi sikwazi ukukhuluma.
17.Lamazwi kodwa wona ajulile lawa akhuluma ngokuthi ungakuboni ukuhlakanipha kuwe, amehlo akho angaboni ukuhlakanipha kuwe. Indaba enkulu leyo. Kwathi ngelinye ilanga kwakukhona insizwa yakwaMnyende engangisebenza nayo, le nsizwa yake yakhuluma ukukhuluma, kwangethusa ngendlela exakile, ngoba ngiye ngizame ngaso sonke isikhathi empilweni ukuthi uma nginomuntu nje, noma ngabe ukuliphi izinga le Mpilo ngingatholakali sekuvela ukuba ncono kwami kuye ngaphandle uma ngabe besi debate ngento ethize noma besikhuluma ngento ethize azibonele yena, kodwa ngiyaye ngingathandi umuntu abone engathi sengimbukela phansi.
18.Uthi-ke umfoka Mnyende kimi, ‘weMpanza, ngithi mina ya Mnyende, uthi, uma wena ucabanga ukuthi mina ngiyisilima, kodwa mina ngibe ngikubona ukuthi wena ucabanga ukuthi mina ngiyisilima. Kodwa wena awuboni ukuthi mina ngiyakubona ukuthi wena ucabanga ukuthi mina ngiyisilima, ubani oyisilima phakathi kwethu? Eyi ngashaywa uvalo lwangeqa, ngoba ngase ngithi hawu, ukuphendula kwami angiphendulanga umbuzo wakhe, ngabuza ukuthi hawu mfoka Mnyende sengikwenzeni, ngoba nganginovalo ukuthi ukhuluma ngami, wathi cha, angikhulumi ngawe, wayese mushoke owayekhuluma ngaye,
wayeseyichazake le ndaba.
19.Ilokhu kuhlakaniphake Lokhu okuthiwa asikugweme ukuthi uzibone wena ukuhlakanipha kwakho, ikho lokhu okufakana enkingeni ngoba abantu bayakubona ukuthi hawu lona ucabanga ukuthi uhlakaniphile. Kunomehluko phakathi kokuhlakanipha nokucabanga ukuthi uhlakaniphile, izinto ezimbili ezahlukene. So, ngiyathanda uma ngabe kukhulunywa kanje ngalokho la, ukuthi ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho, mesabe uJehova, udede ebubini. “8 Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho nokuhlunyelelwa kwamathambo akho. 9 Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho, 10 izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi, nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.”
20.Ngifunda okubhaliweke, kodwa niyayazi indaba yewayini, ningabe sekuthiwa iwayini sesingachichima ngalo. “11 Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kukaJehova,…..” Kunencwadi ephambi kwalena nje, nansi la phambi kwami, yona iyizaga zokuqala kusukela evesini lika 24 lapho ethi uJehova, ‘ngokuba ngibizele, nala nina, nidelelile amazwi ami.’ Ikhuluma laphoke le ncwadi, ikhuluma ngakho ukuhi ungadeleli ukulaya kukaJehova. “…..ungakhathazeki ngokusola kwakhe. 12 Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo, njengoyise indodana ayithandayo. 13 Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo, 14 ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide. 15 Kuyigugu kunamarubi,* nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho. 16 Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene, nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo. 17 Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi; yonke imikhondo yakho ingukuthula. 18 Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe. “
21.Lana kukhulunywa ngendaba kaJehova, kukhulunywa ngalelithemba nokuhlala endlini kaJehova ngaso sonke isikhathi, uma sesixakekile, siyashesha ukubona izinto okwakufanele zenzeke ngayo. Njengoba, noNkosazana wake wayisho le ndaba ukuthi, abantu laba abangamazi uJehova ibo kuqala abasola uJehova uma izinto zingasahambi kahle, ibo kuqala abathi awu kodwa uJehova engayenza kanjani into enjenga lena.
22.Ngike ngibone uma kuthiwa kushone umuntu abantu abamuthandayo, ikakhulukazi laba bantu okuthiwa ngama celebrity, eyi uma kushona i-celebrity, eyi abantu baphatheka kabi kabuhlungu kokunye baze basole uJehova. Ukuthi kodwa uJehova engayenza kanjani into enjengalena, ubengamuvikeli ngani, ubengamugcini ngani, okungenani ubengathathe ngani usibanibani ayeke usibanibani. Ubone ukuthi, uma usuthi uyabuka ubone ukuthi cha ukukhuluma kwabangenaye uThixo. Amein. 19 UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha; wamisa amazulu ngokuqonda. 20 Ngokwazi kwakhe izinto zaqhekezwa, namafu aconsa amazolo. 21 Ndodana yami, lokho makungasuki emehlweni akho, ugcine ukuhlakanipha namasu, 22 kube ngukuphila emphefumulweni wakho nomusa entanyeni yakho.
23.Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka, ungaqhuzuli unyawo lwakho. 24 Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi. 25 Ungethuswa luvalo oluzumayo nokuchithwa kwababi, lapho kufika. 26 ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho, agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.” Amein.
24.Ilapho iphela khona le ncwadi ebesiyifunda namhlanje, Ngethemba ukuthi abangcwele bayayizwa ukuthi lelithemba libaluleke kangakanani. Ukuthi uma uhlalile ethembeni, ukuthi Nkosi mina ngifa nawe kuphela, noma ngabe ubunzima bungakanani noma ngabe ububi bungihlasela kangakanani, kodwa angisuki kuwe, ngihlala kuwe kuphela. Kukhona incwadi la ekhuluma ngendaba yomubi ukuthi omubi uma ngabe ulwa naye ngoJehova, ithemba lakho likuJehova, ugcina omubi ebese eyaphuma kuwe ngoba akasenayo indawo yokuhlala ngoba wena usuhlala noJehova, noJehova usehlala kuwe. Ibisike le ncwadi uma ephuma kodwa omubi akahambi, ufike ahlale esangweni ngaphandle, ebese elinda, akugade, akugade iminyaka, ukuthi wanyakaza nje.
25.Izono lezi ezisibambile, ziyasihlupha bangcwele ngoba isono siwomubi, naso siyefana, impi yesono ayipheli, impi yesono uyilwa malanga onke ayipheli. Kufanele njalo kuNkulunkulu ucele uthi ‘Nkosi ngiyabonga ukuthi lesi sono wangipha amandla okusinqoba, ngicela ukuthi ungiphe amandla okusigcina singaphinde sibuye kimi. Impi yemihla yonke leyo.
26.Ngoba uma ungakwenzi lokho, ungathi uma ucele kuJehova ukuthi akunqobele isono ebese ukhohlwa uJehova, ukhohlwe ukukhuluma naye ngoba sona isono sisuke singakhohliwe, sisuke sihlele la emnyango sikulindile, ukuthi ngosuku okhohlwa ngalo siyangena.
27.Kodewake ithike le ncwadi uma siye sithi uma sesibona indlu yaso isihlanzeka la kuwe phakathi, bese sesiyahamba siya kolanda abanye ababi, kuthiwa ababi ngokuphindwaphindwe kasikhombisa kunaso. Nomubi osuka kuwe, uhamba ayolanda abanye ababi, abaphindephinde kasikhombisa kunaye, babuye bezohlala la kuwe, uvele ube yinto engakaze ize ibonwe. Ingakho kubalulekile ukuthi uma ukuhlupheka kusixakile, Ithemba lethu libe kuJehova, sifane noJobe ukuthi ungavumi nje ukuthi omubi athole indawo kuwe.
28.Ufane noJobe, uthi yebo khona angisenalutho, kodwa anginalo elinye ithemba ngaphandle kwaJehova. Ngoba uma uke wavuma omubi wahlala kuwe, wabuya, akasabuyi yedwa, usuyinto exakile. Nababekusho, bayasho ukuthi hhayi kodwa sasishilo, lento kodwa noma sasiyisho, sasingacabangi ukuthi mubi kanje lo muntu, ngoba usuvumele omubi walanda abangani bakhe wazongena kuwe.
29.Eyi omubi akanawo umona, akafani nathi, uyabona, kunzima ukuthi sidlulwa ngomubi ngendaba yomona, thina uma kungase kuthiwa uthole into enhle, okufanele ngabe ungena kuyo, kufanele ugijime uyolanda abanye, nithole lento enhle, ayi lutho ngeke ungena wedwa. Kodwa omubi akanawo umona uhamba ayolanda abanye ababi kunaye babuye nabo bazongena la ukuze bakunqobe. Ngakho ithemba lakho malibe kuJehova ngaso sonke isikhathi. Ngizocaphuna futhi enye indatshana laphaya ngoba nesikhathi ngathi sisangivumela.
Incawadi le ethi indaba ka Isaya Shembe, uMquli wesibili. Ngizoyicaphuna lapha ekhasini lika 92, le ndatshana ngiyayithanda kodwa nizoyizwa uma sesiyifunda ukuthi ibaluleke kangakanani.
30.Le ndatshana isihloko sayo sithi uNkosikazi owayekhulelwe iminyaka emibili. Ngiyazike omama bayathuka uma kukanje, ukube kuya ngabo engakhulelwa ngisho lo 9 months, uma ngabe sekuyiminyaka emibi sekuyisikhathi eside. Ukube kuya ngabo nje ngabe bathola voucher nje, bahamba baye e-Pick n Pay bayozilandela ingane. Kodwa ubumnandi bobunzima bokudlula ekukhulelweni, imiphumela yakhona, ayikho into ejabulisa omama njengokubona umntwana wakhe emva kwesikhathi esinzima kangaka. Kodwa lapha lo mama wakhulelwa iminyaka emibili.
31.Le ndabake ixoxwa u Zebron Khuzwayo, “Ngelinye ilanga ngisengumfana omncane nomama esaphila, ngangigula kakhulu. Umuntu wajikijela induku kimi yangilimaza emhlane. Ngaya eKuphakameni, ngahlangana nabashumayeli, iNdiya uPolika nomfundisi uNdlangamandla, bangithandazela. Ngaleso sikhathi uShembe wayengekho eKuphakameni waze wabuya sekuhwalele ntambama. Uthe uma efika babiza inkonzo eyayiphethwe umfundisi uNdlangamandla. Nami ngaya khona ngoba ngase ngikwazi ukuhamba kancane. Wayivala inkonzo umfundisi wadlulisela eNkosini, uShembe wasukuma wakhuluma wathi, ‘UMHLABA WONKE AWUQONDI KODWA ABANYE ABANTU BAYABONA UKUTHI UNKULUNKULU USEFIKILE MANJE EMHLABENI’.”
32.Ake ngime lapho, ngijabuliswa ukuthi lamazwi ngihlale ngiwezwa ekhulunywa uBaba uMelusi njalo. Ethi uBaba uMelusi, “Umhlaba awuqondi kodwa abantu abaningi sebeyabona ukuthi uNkulunkulu ukhona phakathi kwethu.” Nangu uBabamkhulu ekhuluma into efanayo lapha ethi umhlaba awuqondi kodwa abantu abaningi sebebonile ukuthi uNkulunkulu usefikile manje emhlabeni. “Njengoba kade ngise maMpondweni, ngibakhombisile abantu bakhona ukuthi uNkulunkulu kade afika emhlabeni. Bekuno nkosikazi owayekhulelwe iminyaka emibili engabelethi. Ngithe ngifika kulowo muzi ngabuza ukuthi uphi lonkosikazi? Bangikhombisa indlu yakhe, ngaya kuye ngathi, ‘Nkosikazi akusisona isono sakho sokuthi ukhulelwe iminyaka emibili ungamtholi umntwana wakho.”
33.Uthi uBabamkhulu lana, akusisona isono sakho, akungango kwenza kwakho, akusizona izinto zakho ozenzile ezidale ukuthi ukhulelwe lomntwana isikhathi eside kangaka ungamteti. Isibeletho sakhe sase sisikhulu sikhukhumele njengentaba abanye abantu ababengangazi babebuza ukuthi ngingubani? Batshelwa ukuthi nginguShembe. Ngase ngithi kulonkosikazi, ‘Usuzoyizala manje ingane yakho futhi izobe isikhulile”. UBabamkhulu-ke kwakuyisimanga somuntu ngoba kwakuthi kuhanjwa-nje etholakale esephambuka kwaziwa kahle ukuthi uthe siya eThempelini elithile, kodwa abonakale esephambuka esengena emzini womuntu. Athi uma efika emzini womuntu afike abuze ukuthi, “Uphi lomama onenkinga yokungabelethi?” ebese ebizwa, noma, “Uphi lomntwana ogulayo ongasindi?” ebese ebizwa.
33.Wayengena esuke esembonile, namanjeke uyasho ukuthi-ke uyambiza. Lapho abantu abamazi nokuthi ubani, sebeyabuza kulaba ahamba nabo, “Ubani lona?” kuthiwa, “Hhayi uShembe lo” Ebese efika uBabamkhulu esefika esekhulumake nalonkosikazi uyamtshela ukuthi, “Akusisona isono sakho lesi, lenkinga obhekene nayo ayisisona isono sakho, kodwa kusukela namhlanje usuzomzala umntwana, kodwa uzomzala esekhulile.” Hhey uma kuyinsizwa uzele insizwa isikhulile isindala. “Ngasuka lapho ngayolala emzini engafikela kuwo, ngakusasa ekuseni bafika kimi bezobika bathi…” (kukhuluma uBabamkhulu la)
34.“Bathi ‘lonkosikazi ubelethe izolo ebusuku, ingane iphume isikhulile inamazinyo’” isihlale isikhathi eside phela isikhathi sokuqhumisa bese sifikile. “Kuthe uma beyigeza ingane ibisikhuluma nabantu”. Akuyona inganekwane le, ngoba siyazazi izindaba zikaBabamkhulu futhi ubeseyichazile ukuthi izophuma isikhulile. “Abantu bamangala ukuthi lokhu kwenzeka kanjani. Ngathi kubo, ‘UNkulunkulu ubefuna ukuziveza kinina ukuthi usefikile manje emhlabeni’. Bonke abantu babexoxa ngalesi simanga, esekhulumile kanjalo uShembe wayivala inkonzo. Ngakusasa ekuseni sezwa ukuthi iNkosi isiphumile, ngaya kuyo ukuyombingelela lapho wayehlezi khona eThempelini. Wangibona wasukuma weza kimi wathi, ‘MtakaNhliziyo uzosinda’”. Sekuyilensizwa exoxa lendaba le, ukuthi wathi uBabamkhulu eseshumayelile wayeseyahamba kwathi ngakusasa bambona eseseThempelini. Yena ubeze ngokugula vele la eKuphakameni, uthandazelwe ngabefundisi.
35.Wayese gijima eseya eThempelini kanti uBabamkhulu uzombona, wase uBabamkhulu eya kuye eseyomtshela ukuthi, “MtakaNhliziyo uzosinda, ngeke ufe kalula, uzophila ukhule”. “Wangibusisa, ngithe sengiphilile, uPolika wangibuza ukuthi ngizizwa nginjani? Ngamtshela ukuthi iNkosi isingisindisile ngokungibamba isandla sami.” Amein, lendaba le iveza izinto eziningi, uyabona izinkinga lomama abebhekene nazo zokuthi angateti, uthi-ke uBabamkhulu (nansi into ebaluleke kakhulu) uthi uBabamkhulu, “Akusisona isono sakho”. Kodwa manje useyaveza ukuthi bekwenzenjani, uthi, “UNkulunkulu ubefuna ukuzokhombisa abantu bakulendawo ukuthi usefikile yena emhlabeni.”
36.Ngathi sezingidumela ngempela, sengingasazi iphambili nengemuva sekufana nje, sengifana nomuntu odlisiwe ombuza ukuthi ulambile athi yebo, uthi usuthi athi yebo, sekufana nje. Ngase ngiya kumama uMkhokheli, ngafika, “Ma ewu nakhu ukuhlupheka sekungihlasele, ngiza angisaboni naphambili.” Uthi-ke uma uthi yena, “Kanti wena kuyothiwa uma kukhulunywa ukuthi wanqoba, kukhulunywa umlando wakho kuthiwe wanqoba ini? Usuzokhaliswa ilokhu kuhlupheka-nje? Kanti umlando wakho uyobhalwa ukuthi mhla kuthiwa wakhishwa ekuhluphekeni, kothiwa wakhishwa kukuphi kona?” Hawu ngabuyela emuva sengixakekile ukuthi, hawu uma wayesevele eyishintsha kanjena nje lento wayesevele eyibhekisa kimi, kanti mina bengifuna alwe nedimoni leli elingihlasele, yena waphendula mina.
37.Wathi, “Cha wena buyela emuva ngoba wuwe umuntu ekufanele sisho umlando wakho ukuthi wadlula la”. Injalo-ke indaba kaNkulunkulu, uthi uBabamkhulu, lomama uNkulunkulu umenze kanjena ngoba efuna ukuthi abantu bamazi. UJobe uNkulunkulu wanikela ngaye kuSathane, esefikile uSathane wathi uNkulunkulu, “Hhayi nangu ngiyabheja ngaye, ngeke uzumshintshe, ungamenza noma yini umshiye umphefumulo nje kuphela”. Ziningi izinto ezisehlelayo bangcwele, lapho uNkulunkulu esuke ebone inhliziyo yakho ebese eba nethemba lokuthi u-strong enough ukuthi ungadlula kuzona, bese wena kutholakala ukuthi u-weak, bese wena ujikela yena loNkulunkulu ofuna uku prove(va) ngawe ukuthi abamthandayo ba strong kangakanani. Bese uphendukela yena uthi, “Awu uNkulunkulu usengangilahla kanje.”
38.UJobe wala, wathi unkosikazi wakhe, “Mthuke uNkulunkulu kube kanye.” Wala uJobe, isifundoke esisitholayo, bese sitholake nethemba lalensizwa ebisixoxela lendaba ukuthi hheyi ithemba layo likhulu ukuthi yayazi ukuthi izogcina iphilile, uJehova uzogcina eyiphilisile. Yahamba yaya eKuphakameni ngoba inethemba nangempela ithemba layo layiphilisa. UBabamkhulu wafike wamphilisa ngamandla aseZulwini, amein. Ngizocela futhi ukuphinde ngidlule futhi khona la eBhayibhelini, ngokukaJohane wesihlanu kusuka evesini lokuqala kucishe kufike kwelika fotini. (Ngicabanga ukuthi sengizogoqa ngoba isikhathi sengiyasibuka, kodwa zimbili, ilena bese kuba elandelayo ngizozama ukuzifunda ngokushesha)
39.Ngokuka Johane wesihlanu kusuka evesini lukuqala. Indaba lena abaningi abayijwayele, kodwa ngiyafisa ukuthi niyibheke ngokwe context yalesi sihloko esikhuluma ngaso. “EMVA KWALOKHO KWAKUKHONA UMKHOSI WABAJUDA, UJESU WAKHUPHUKELA UJERUSALEMA. KUKHONA-KE EJERUSALEMA NGASESANGWENI LEZIMVU ICHIBI ELITHIWA NGESIHEBHERU I-BHETHESTA, LINEMIPHEME EYISIHLANU. KWAKULELE KUYO ABAGULAYO ABANINGI KAKHULU, IZIMPUMPUTHE NEZINYONGA NABASHWABENEYO. BELINDELE UKUZANYAZANYISWA KWAMANZI NGOKUBA INGELOSI YAYEHLA IZIKHATHI NGEZIKHATHI IZAMAZAMISE AMANZI, KUTHI LOWO ONGENE KUQALA EMVA KOKUZAMAZANYISWA KWAMANZI ASINDE ESIFWENI SAKHE NOMA ENASIFO SINI.”
40.Yithemba futhi leli, futhi abantu babekwazi ukuhlala laphana noma ngabe ubusubonile kusindiswa umuntu kodwa uhlale ucabanga ukuthi isazophinda futhi iNgelosi ukuzozamazamisa amanzi ukuze ugijime kuqala kunabo bonke laba abantu abala ukuze kusinde wena kuqala, yithemba nalelo, yithemba elikufica ebunzimeni. “KWAKUKHONA LAPHO UMUNTU OTHILE OWAYESEGULE IMINYAKA ENGAMASHUMI AMATHATHU NESISHIYAGALOMBILI-38. UJESU EMBONA ELELE AZI UKUTHI USENESIKHATHI ESIDE ENJALO, WATHI KUYE, ‘UYATHANDA UKUSINDA NA?’” UBaba iLanga, angisalukhumbuli loludaba kodwa ngiyakhumbula inkulumo lapho omunye umama owayezofisa ukuphila khona, angisazi ukuthi yini eyeyimphethe, kodwa wayeloke elindile eKuphakameni, elindile wayeselokhu ezonikela.
41.Wase uBaba iLanga esembuza ukuthi, “Kodwa mtanami lona ithemba usenalo yini?” wayefelwa abantwana lomama. Ngoba kokunye kuye kumenyezelwe iminikelo la, leminikelo eke imenyezelwe lana angazi mhlambe mina ngedwa, ihlale inento nje eqondene nami, ukuthi uma kuzoke kuthiwe ngeSonto elizayo, bese ngithi eyi ngcono ngabe kuthi manje ntambama ngoba kusuke kunento mina engithintayo engisuke ngifuna ukuyoyinikelela ngoba ukusindiswa nakho kuhamba nethemba elikuwe, nokuthi uyathanda yini, njengoba embuza nje uJesu ukuthi, “Uyathanda yini ukusinda wena njengoba ula?” Uthi-ke ogulayo waphendula wathi, “NKOSI ANGINAMUNTU WOKUNGIFAKA ECHIBINI NXA AMANZI EZANYAZANYISWA, KUTHI NGISEZA KWEHLE OMUNYE PHAMBI KWAMI…”
42.Ngoba angithi akakwazi nokuhamba kahle Nkosi yami, so kufika omunye… uselokhu ahlala kuleli chibi. “UJESU WATHI KUYE, SUKUMA UTHABATHE UHLAKA LWAKHO UHAMBE.” Kwezinye izincwadi kwakuke kuthi, “SUKUMA UTHATHE UHLAKA LWAKHO UHAMBE UKHOLO LWAKHO LUKUSINDISILE, ITHEMBA LAKHO LIKUSINDISILE.” Amein, “WAYESEPHILA MASINYA LOWOMUNTU, WATHABATHA UHLAKA LWAKHE WAHAMBA”.
43.KwakuyiSabatha ngalolosuku, ngeke ngisangena kulokho kwabantu bakaJuda ababehlale belwa noYeshuwa behlale bemgada ukuthi wenzani, ngisho esindisa abantu bamgade ukuthi wenzani, bethi, “Wenzani? Angamsindisa yini lowamuntu, sambamba samsindisa ngeSabatha.”
44.Bese bemlandela-ke bembeka amacala okuthi uphule iSabatha, so ngeke ngisakucacisa lokho, kodwa into ebeyibaluleke kakhulu eyethemba lalomuntu owahamba wayohlala laphaya iminyaka emingaka elinde ukusindiswa. Enye indatshana engizovala ngayo ilapha kuyo lencwadi ekade siyifunda kaBabamkhulu. Imfushane-nje ayiyinde kakhulu, iku page-149 isihloko sayo sithi, “INKONZO YASESIQHINGINI NGO 1922”. “Ngenkathi uShembe efika eMkhambathini ngo-1922…” lendaba ixoxwa nguNgazingani Zimu, “…wayesebhabhadisa abantu baseMaphephetheni emfuleni uMvoti, laba bantu babethwele kanzima ngoba abanikwanga isiza sokwakha iThempeli. Babengavunyelwe futhi nokwenza inkonzo. Isizwe sonke sasingabathandi, babethanda amabandla amanye, amaWeseli neMelika.
45.Uma amaNazaretha eyothandaza ayephoqelekile ukuba afihle izingubo zabo ezimhlophe zokusonta. Babezifihla bahambe nje njengabantu abayotheza izinkuni ehlathini. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi bayithola indawo yokusonta, esesiqhingini emfuleni…” Ukuthi babesesiqhingini emfuleni kusho ukuthi babewela umfula bese befika endaweni eyisiqhingi bese kuthi ngale kwayo futhi kube amanzi, okusho ukuthi iphakathi nendawo lendawo, base bekhanda iThempeli besontela khona. “…lendawo yayiyinhle ngoba kwakungesiyo eyenkosi noma ngeyomuntu othize, kwakuyindawo eyaziwa ngokuthi isiqhingi sikaNkulunkulu. Base besontake kulendawo. Ngaqala ukwazi ngamaNazaretha noMqaliwendlela ngesikhathi ngilandela odadewethu, ababehamba ngokufihla uma beya enkonzweni ngeSabatha. Sasithatha izintambo nocelemba senze sengathi siyotheza izinkuni, sibafihle ocelemba ehlathini siwele umfula uMngeni, siye esiqhingini sikaNkulunkulu siyokwenza inkonzo yeSabatha. Kwakunesihlahla kulesiqhingi lapho esasisontela kuso.
46.Ngelinye ilanga sisenkonzweni sezwa inyoni ilokhu intontoloza phezu kwethu kodwa asiyibonanga lenyoni eyayikhala. Kuthe uma uMkhokheli uMathalente eseshumayela, yaphinda yakhala lenyoni kodwa singayiboni. Yavalwa inkonzo ngoba siphazanyiswa ilenyoni eyeyibanga omkhulu umsindo…”. Uyacabanga ukuthi nixoshwe abantu laphaya ukuthi anikwazi ukusonta, nithole indawo enga belong(i) kumuntu, kuqhamuke inyoni ibange umsindo nize nihambe, ningakwazi ukusonta, nivale inkonzo nize nihambe, kuwukuhlupheka lokho amein. “…Saphindela emuva, uma sesifuna ukuwela emfuleni, umfula wawugobhoza amanzi ehla kusobala ukuthi lalina ngasenhla nomfula, sawela abadala basibamba thina abancane ngesandla sakwazi ukuwelela ngaphesheya.
47.Ngazo lezo zinsuku sezwa ukuthi uMqaliwendlela ufikile eYideni, sase sihamba ngezinyawo sesiya khona. Izimoto zazingakabi bikho ngaleso sikhathi. Sahamba saze safika eYideni sisuka eMkhambathini eCampedown, safike salala khona. Ngakusasa ekuseni sahamba ukuyobingelela uMqaliwendlela owayehlezi ngaphandle egcekeni. Wafike wabuza kumkhokheli uMathalente wathi, ‘Nisontaphi manje?’ wathi uMkhokheli, ‘Hawu! Baba siyahlangana ngokufihla sithandaze esiqhingini emfuleni uMngeni’. UShembe wabuza, ‘Nayizwa yini inyoni eyayishaya ikhwela nisenkonzweni ngaphansi kwesihlahla?’ wavuma. uShembe wathi, ‘Wawucabanga ukuthi yini leyo?’ uMkhokheli wathi, ‘Sacabanga ukuthi inyoni kodwa asizange siyibone. Yabelesela lenyoni kodwa sangazi ukuthi iphi.’ UShembe wayesethi, ‘kwakuyimi loyo bantabami, nganginixwayisa ukuthi umfula uzogcwala izikhukhula, ngashaya ikhwela izikhathi eziningi kodwa anibonanga, ngangithi valani inkonzo.(Ngaso sonke isikhathi lomuntu omdala uthi uShembe uMqaliwendlela, akakhulumi ngalo Bhommbela wamaNazaretha!)
48.Yimi futhi owanisiza ukuba niwele umfula ngenkathi senibuyela emuva’. Ngabhekisisa kahle ngathi ngenhliziyo, ‘hhawu! kanti umuntu onjani lo owazi ukuthi kwenzekeni eMkhambathini? Akatshelwanga wumuntu uShembe ngalendaba, kodwa wuye owayesitshela yize wayengekho lapho.” Kusho-ke lo owumbhali walendaba. Iphela laphoke.
49.Manje uma belaphayana inyoni iyabahlukumeza ibavalisa inkonzo ngoba ibanga umsindo sebeyasuka bayahamba. Iyabamangaza lento ukuthi sesilana sizophazanyiswa inyoni! Ngithi-ke mina iwukuhlupheka leyonto ngoba base bebuka ukuthi hheyi saze sahlupheka Nkosi yami, singafike sixoshwe abantu le bese sizoxoshwa inyoni esingayiboni nokuyibona la.
Kodwa into eyisimanga ukuthi uBabamkhulu uthi, “Imina engafika lapho ngabona nali izulu lina kuzosuka izikhukhula, ngafika nganivalisa inkonzo ngoba ngibona ukuthi by the time ngivala lenkonzo nizobe senihambe namanzi. Nganiwelisa umfula naqhubeka naya ngaphesheya ngaphinda futhi emfuleni kwaba yimi enginilekelelayo ukuthi niwele umfula.”
50.Ekuqaleni ngikhulume ngendaba yomama owakhulelwa iminyaka emibili ethi uBabamkhulu, “UNkulunkulu ngalokkhu kukhulelwa kwakho iminyaka emibili ubesebenza la, ezokhombisa abantu ukuthi usefikile kulendawo.” Manje sesikhuluma ngendaba yabantu abahluphekayo besonta kodwa kutholakale ukuthi bayaphazamiseka, kanti uNkulunkulu ukhona kubo. Zingaki izinto la, uma sisekuhluphekeni sicabange ukuthi sisodwa kanti uNkulunkulu akekho na? Ikhona enye indaba engingayifundanga la, yomunye umuntu owathi egqoka uMnazaretha egula, kwafika umshumayeli ehamba namakhosazane amathathu bezomthandazela. Kuthe sebemthandazele wavele waphila ngaleso sikhathi. Uma eqeda ukuphila ngaleso sikhathi besathi bayajabula kwangena uyise wakhe, uyise uma engena wafike wathetha wathethisa uMshumayeli ukuthi uyambambezela manje uphethe imaki loyise, “Uyangibambezela lomuntu lo, uzokufa uma engaphuzi lomuthi lo engimenzele wona ukuze aphile!”.
51.Uthi-ke uMshumayeli, “Hawu! Usazomphuziselani umuthi ngoba nangu umuntu useyaphila manje ngoba phela ubesephila”. Uthi-ke wano laka uyise walomfana, amakhosazana ayesethi, “Eyi ngathi endleleni uyinyanga lomuntu, kahle kahle inyanga uyise, kungcono sihambe”. Base besukuma behamba. Uthi bathi sebengaphandle base bezwa esekhala lomuntu endlini, bayabona ukuthi shuthi wayesephuziswa umuthi ilo ngenkani engafuni ukuwuphuza, ephuziswa uyise. Uma esemphuzisile uyise kwasa ngakusasa sekuthiwa akasekho emhlabeni, ushonile lomuntu, ushone izolo. Kwaphela-ke izinsuku cishe ezilishumi, uma sekuphele lezi zinsuku, nakhu sebeya kuBabamkhulu, uBabamkhulu useyabuza kuMshumayeli ukuthi, “Uphi uSbanibani…” (sengililibele igama lakhe) “…nimbulele uSbanibani?”
52.Wayeseyichazake uMshumayeli indaba ukuthi kwenzekeni, wayesethula uBabamkhulu. Wayese enkonzweni ekhuluma ngalendaba imphethe kabi le yokubulawa kwalomuntu. Wakhuluma ngayo wayichaza, uma eyichaza lendaba nangu lomuntu ukhona la enkonzweni, kusho ukuthi wumuntu owayesonta khona khona ala (uyise walomfana).Wathi uBabamkhulu ekuveza ukuhlukumezeka kwakhe ngokushona kwalomuntu, wayeseza lomuntu nomnikela efika ewubeka phambi kwaBabamkhulu, ethi, “Baba, lo umnikelo wendodana yami engayibulalayo. Ngizocela ngawo intethelelo”. Uthi-ke uBabamkhulu,” Cha awunakuyithola”. Wayesemvulela lencwadi ekumaHeberu ethi OWONA AZI AKANAYO INTETHELELO USELINDELE UKUGEDLA NOKUKHALA KWAMAZINYO. (AmaHebheru 10.26-27)
53.Wamfundela yona, wangawumukela nomnikelo wakhe. Manje-ke asizazi izindlela zomkhululi wethu. Asiyazi indlela uNkulunkulu asebenza ngayo. Asingathi uma sixakekile nje uphethwe ukuxakeka… ngoba uma ngase sithathe ukuxakeka kwakho sikuqhathanise nokuxakeka kwabo bonke laba bantu esikhuluma ngabo, nalo owayehlezi echibini u-38 years wonke elindele ukungena echibini, ukuhlupheka kwakhe kwagcina kuphelile. UNkulunkulu wayesebenza ngabo bonke laba bantu. Nathi ukuhlupheka kwethu noma ngabe kunhloboni kanti ngabe thina sinanhloboni yokuhlupheka lokhu okungahlula uJehova? Ukuhlupheka kwethu esinakho konke ngelinye ilanga uJehova uyokuqeda, kodwa ngesikhathi sisahlupheka usuke uJehova ekhona.
53.UBabamkhulu uthi, “Yimi lo engangivala inkonzo ngekwele, nina nanicabanga ukuthi yini le ekhalayo?” bathi, “Hhayi thina sasazi ukuthi inyoni kodwa asiyiboni.” Uthi uBabamkhulu, “Kwakuyimi ngangivala inkonzo ukuthi niphuthume nihambe ngoba kwakunezikhukhula ezizayo.” Asiyazi lendlela ithemba… Besikhuluma ngokuthi-ke la OTHEMBA LAKHE LIKUJEHOVA UNOKUPHILA OKUPHAKADE. Ngalawa mazwi uNkulunkulu abengiphe wona ngiyacela ukuthi ngehlele ngezansi. Uma kukhona langone khona uNkulunkulu abeke isandla sakhe abantu baphile,
iNkosi ibusise lokhu enikuzwile! Amein