iNkosi iLanga ithi: “Akukho muntu ongavela onjengami nje anikhiphe nina endleleni kaShembe. Uma ngithi onjengami ngisho ngoba kuye kuthiwe nginguMholi wamaNazaretha, kepha angisiye, umholi wenu uShembe kuphela.” Ubaba iLanga uma ekhuluma ngoShembe usuke ekhuluma ngoBabamkhulu. Uthi umholi wamaNazaretha nguBabamkhulu kuphela! (From incwadi ebizwa ngokuthi “Izintshumayelo zeNkosi iLanga”)
Isihlabelelo 75.
1.Nkosi nika izindlebe zethu
Ukulizwa izwi lakho
Sibambe singayeki
Imiyalo yakho,
Noma sibamba liphunyuka
Masingayeki.
2.Ngokuba ludondolo oluhle
Imiyalo yakho
Lubanika ithemba
Abaluphetheyo.
Sibambe singayeki
Singayeki ngethemba.
ASIVIKELE UBUNGCWELE BEBANDLA LIKAJEHOVA
1.Ngo 1992 ngangiyimantshi eMadadeni. Ngithe ngibona kwakufika ikhumbi eyayinabavangeli abathathu noma abane, bonke abagcina sebengabafundisi.
2.Kwakungumfundisi uMthethwa, umfundisi uMgabhi, umfundisi uMathonsi, ngiyamkhohlwa lo wesine. Bafike bangitshela ukuthi uBaba iNyangayezulu ubathume ukuba bazongilanda; balala khona eMadadeni, bavuka bahamba nami.
3.SesiseBuhleni, iNyangayezulu yangibizela endlini yayo nginomnewethu umfundisi uMpanza. Yabe isisingenisa kuwo wonke amakamelo endlu, ihamba ibuza ukuthi lezi zimpahla zihleli kahle uma zihleli kanje? sathi thina: “Cha Baba, azihleli kahle.”
4.Ekugcineni wabe eseya nathi eLounge, esefike ethi: “Angikhulumi ngayo lendlu, kodwa ngikhuluma ngesimo sebandla. Njengoba kumafuhlululu kanje nje kulendlu, nebandla limafuhlululu kanje. Nakhu-ke enginibizela khona: “UKUWA NOKUVUKA KWALELIBANDLA LAMANAZARETHA UNKULUNKULU UYOKUBUZA KINI. Sengiqedile, seningahamba-ke.”
5.Lokhu kukhuluma kuka Baba kwasidida, sangazi ukuthi uthi ibandla lowa kanjani ekhona, futhi thina ngokwethu sizolivusa kanjani? Sase sivumelana nomnewethu ukuthi lokhu kukhuluma asingakuxoxeli muntu.
6.Kwathi ngo January 2003, uBaba iNyangayezulu engasekho emhlabeni, sakhe idokodo emhlanganweni eNhlangakazi, ekuseni sabona sekufika umfundisi uKhumalo, lo obehola izitsha eBuhleni.
7.Wafika kithi wathi: “Ngithe ngilele khona lapha eNtabeni, ngazibona ngilapha kuhlala khona iNkosi. Kodwa kusebusuku kumnyama.
8.Kwase kuqhamuka iNkosi, engingabonanga kahle noma bekungu Babamkhulu noma bekuyi Nkosi iLanga. Wabe esethi: “Ngiyakuthuma, hamba uye kulaba bafana bakwaMpanza, ufike ubabuze ukuthi basakhumbula yini ukuthi iNyangayezulu yathini kubo?”
9.Sabukana emehlweni ngoba sasikufihlile lokhu kukhuluma, futhi singazi ukuthi yini esiyonakele esontweni njengoba sekukhulunywa kanje.
10.Kodwa sagcina simtshela umfundisi uKhumalo. Kodwa sasala nemibuzo sonke esingakwazi ukuyiphendula, ngoba singazi ukuthi njengoba iNyangayezulu ingasekho emhlabeni, yini esiyonakele manje, nokubhekeke ukuba siyilungise?
11.Sabe sesithi umfundisi uKhumalo akube nguye oyotshela uBaba uThingo lokhu kukhuluma ngoba kukhulunywe kuye. Umfundisi waya kuThingo, wabuya wasitshela ukuthi luthe uThingo “Ngenke lize liwe lelibandla.”
12.Asaze sasho luthoke ngoba kwakungashongo thina ukuthi kungase kwenzekeni ngebandla!
13.Kodwa okwenzeka kwaba ukuthi uBaba uThingo wabiza abefundisi wabatshela lenkulumo. Angazi ukuthi bayithatha kanjani, ngoba kwasukela lapho ukuba yisitha kwabanye abefundisi, kodwa ngingasazi isizathu! Lokhu kwenzeka ngo January 2003.
14.Kuthe singenisa umhlangano kaJuly kuwo lowo nyaka, umfundisi uMpanza wavele washawa intwabi ewungenisa nje umhlangano, yamshaya waze waphoqeleka ukuba awushiye umhlangano abuyele ekaya. Wagula lapho waze wahamba emhlabeni ingazange yamyeka lentwabi.
15.Njengoba ngase ngisele ngedwa, laba bafundisi baqala lapho ukubhekana nami sengingedwa, engasezi emhlanganweni umnewethu ngoba esegula. Ngahlukunyezwa yilaba bafundisi nabanye abavangeli kwaze kwashaya u 2010, lapho ngaphuma khona eBuhleni. Noma sengiphumile eBuhleni, kodwa ngangilokhu ngihlaselwa njalo kuze kube manje ngo 2023!
16.Yini ngivuse lokhu kukhuluma? Ngisuswa yisimo esibi esiya ngokukhula ebandleni lamaNazaretha. Lelibandla seligcine laba yinhlekisa kubantu!
17.Uma ukuphika lokho, bheka uMdlalo okuTV othi UMKHOMKHA. Kule Soppi ibandla lamaNazaretha lenziwe inhlekisa ngendlela ekulethela amahloni!
18.Noma kubuhlungu kunjalo, kodwa leSoppi ibekela umhlaba isimo salelibandla njengoba sinjalo!
19.Asikwazi ukuphika ukuthi kulelibandla siyathathwa isidakwa esingazi lutho, ebesidlala amadayisi emgwaqeni simiswe phambi kwebandla kuthiwe singumholi, singakaze sikholwe, kodwa nje ngoba kuthiwa siyinkosana!
20.Sesibekiwe sinjalo, bese sithatha indawo kaNkulunkulu, kuthiwe singuNkulunkulu, singuJehova, nalowo mholi akujabulele lekho, bese ezisho yena ukuthi unguNkulunkulu ngoba vele akazi lutho ngokukholwa! Asikwazi ukukuphika lokho ngoba kwenzeka phambi kwabantu!
21.Uma lesi simo samaNazaretha sokuhlubuka uJehova singanqandwa ngawo wonke amandla uNkulunkulu ongasinika wona, kophela iminyaka emihlanu sekuyiphupho ukuthi ibandla lamaNazaretha kwake kwaba libandla likaJehova! Lelibandla lisendleleni yokuba liphenduke libe yi Cult!
22.Mina-ke ngathunywa nguBaba iNyangayezulu ngibhekile ukuthi uma ngingakuqondisi ubuNazaretha, uNkulunkulu uyobeka mina icala. Lowo msebenzi-ke njengamanje ubhekene nathi sonke esingamaNazaretha kaNkulunkulu!
24.Kodwa ngaphambi kokuba ngenabe ngalokhu kukhuluma, ngizoveza izinkulumo zeNkosi iLanga ezizongifakazela ukuthi leli akuselona ibandla uShembe owathi ngelikaJehova, kodwa sekulibandla labanye onkulunkulu!
25.Nazi izintshumayelo zeNkosi iLanga njengokuzicaphuna ezindaweni ezahlukene encwadini ka-Advocate Mnyandu ethi IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA. Kulentshumayelo iNkosi iLanga ithi:
26.“Manje ngiyathanda ukunikhumbuza, njengoba isihlabelelo senu sisho, ukuthi uNkulunkulu uyayenza into enhle njengale yenu, kodwa usuke engayenzeli abantu. UbuNazaretha lobu uNkulunkulu akabenzelanga abantu, wazenzela yena!
27.Sisho njalo isihlabelelo senu sithi: ‘Idwala elihle lamaNazaretha, owazikhethela lona uJehova ngokulithanda kwakhe.’ Into yakhe le, akusiyo into yabantu. Akusiyo futhi into kaShembe, futhi akusiyo into yamadodana ami noma abafowethu. NaBefundisi baseKuphakameni akusiyo into yabo, NGEKANKULUNKULU!
28.UKuphakama lokhu akusikho okwenu, akusikho futhi okukaShembe lo obonwayo, okukaNkulunkulu, okukaShembe osezulwini, okukaShembe owakuqalayo lokhu kuhamba!
29.Njengoba silapha nje singabenkosi yase maQadini. Uma sikwenye indawo singabenkosi yakuleyo ndawo. KODWA NINA EYENU INKOSI AYIBONWA, NGUNKULUNKULU KUPHELA!
30.Ngakho nilibambisise lelo lizwi noma nini, noma singasekho thina emhlabeni, nikhumbule ukuthi ubuNazaretha lobu, lo muzi waseKuphakameni akusiwo owomuntu. Amen!”
31.Lelivangeli lokuthi iNkosi yamaNazaretha ayibonwa, alisekho kulelibandla. Usezisho yena umholi wamaNazaretha ukuthi unguNkulunkulu, uyena inkosi yama Nazaretha ebonwayo, namaNazaretha ayemukele ngoyingcwele ukuthi kunjalo impela, hhayi lokhu okushiwa iNkosi iLanga ukuthi iNkosi yamaNazaretha nguNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba, cha amaNazaretha asenabanye onkulunkulu!
32.Kodwa sebekushilo lokho, labaholi ayikho into abakwazi ukuyifundisa amaNazaretha ngokukholwa, abakubhekile kuphela ukuba badunyiswe, ngaphandle kokukhomba nokukodwa ukuthi baze badunyiswe nje ngoba benzeni?
33.Akugcini ngokuthi badunyiswe, kodwa sekuchithwe udede yonke imithetho esiyifundiswe nguShembe ngokudumisa uJehova! Kodwa iNkosi iLanga ithi kumaNazaretha: “KODWA NINA EYENU INKOSI AYIBONWA, NGUNKULUNKULU KUPHELA”
34.Ithi-ke iNkosi iLanga, noma seyahamba yona emhlabeni, asohlala sikhumbuzana ukuthi EYETHU INKOSI AYIBONWA NGUNKULUNKULU KUPHELA!
35.Kodwa namuhla sekunamaNazaretha athi eyawo inkosi iyabonwa, nasezinkonzweni sekushunyayelwa ngayo kuphela!
36.Uma sikhuza sithi lesi senzo senu sichitha ubuNazaretha, kuliwa nathi ngezindlela zonke, kuthiwe yithi esihlubukile ngoba siphikisa ukuthi umholi wabo sekunguye osethathe indawo kaNkulunkulu, yize uBabamkhulu noBaba iLanga bengakaze bazilinganise noNkulunkulu!
37.Iyaqhubeka iNkosi iLanga ithi: “Akukho muntu ongavela onjengami nje anikhiphe nina endleleni kaShembe. Uma ngithi onjengami ngisho ngoba kuye kuthiwe nginguMholi wamaNazaretha, kepha angisiye, umholi wenu uShembe kuphela.” Ubaba iLanga uma ekhuluma ngoShembe usuke ekhuluma ngoBabamkhulu. Uthi umholi wamaNazaretha nguBabamkhulu kuphela!
38.Ithi-ke iNkosi: “Kodwa akukho muntu ongavela athi phambukani endleleni kaShembe, noma ikomidi lamadoda, ibandla laBafundisi noma yinina nonke njengoba nihlangene lapha, aninakuveza umthetho ophambene noShembe ngoba leli bandla akusilo elabantu, akusilo elomuntu, elasezulwini!”
39.Kodwa sebevele oShembe abathi akuphambene nomthetho esiwufundiswe nguShembe ukuthi kuhlatshelwe amadlozi, ebandleni kukhonzwe nezangoma!
40.Lithi-ke iLanga: “UShembe lo owaphemba lobu Nazaretha wayengesiye umuntu, wayevela ezulwini. Kodwa wayengaqali ukufika lapha emhlabeni. Wayefika ayiphembe lento esibuthene ngayo ayishiye, acabange ukuthi izosala ilunge.
41.Bese emuva kwakhe kuvela abantu abanjengami nje abaye bathi bangabaholi BENGENAWO UMOYA KASHEMBE bese beyiphambukisa lento, sebeyiphendula ngobuthakathaka babo.
42.Ukuthi uma ngifuna ukweba bese ngifuna amavesi angivumelayo ukuba ngebe; uma ngifuna ukuphuza utshwala bese ngifuna amavesi angivumelayo ukuba ngiphuze utshwala.
43.Ziningi izincwadi ezithi umuntu akaphuze utshwala adakwe uma ethanda, kodwa akusiyo indlela kaShembe leyo. UShembe wathi ningaphuzi utshwala.
44.UMose wakhuluma wathi nje uma ungumNazaretha ungakuphuzi utshwala. Kodwa uShembe wathi ungakuphuzi utshwala UMA UTHANDA UKUBA NGUMNTWANA KANKULUNKULU KUSUKELA EKUZALWENI KWAKHO UZE UFE!
45.Emveni kwami mhlawumbe kungase kuvele amabhoxongwana acabanga ukuthi ahlakaniphile kunoShembe, anifundise ukuthi utshwala bulungile. Ningakuvumi lokho, ngoba uma kuvela imfundiso enjalo IYABUCHITHA UBUNGCWELE! Amen”
46.Esingakusho nje ukuthi, hhayi amaNazaretha aseyaphuza Nkosi yamakhosi, asezidakwa! Kuthiwa amanye aselala kukho utshwala, bathi kwathiwa okumele bakwenza ukuthi bothi uma sebephuzile, bafike enkonzweni ngesabatha bahlambuluke!
47.Igama elithi ubungcwele alisasebenzi namuhla kumaNazaretha! Kwabanye, kusuka kubaholi babo abangazi lutho NGOBUNGCWELE! Yikho sekusontwa nezangoma nje, kuphikiswa izimfundiso zikaShembe!
48.Uthi-ke uBaba iLanga: “Ngithi kini kungase kwenzeke lokho ukuthi kusasa nithole uMfundisi oyisidakwa, ophuzayo, ikakhulukazi kulaba Befundisi abancane. Kodwa-ke ningakuvumi lokho.
49.Ningangabazi uma lowo Mfundisi ephuza noma ebhema nimcishe encwadini yenu. Nimkhiphe phakathi kwenu aphele, ngoba ukuphuza kuyimpande yazo zonke izono. Kuthiwa imali impande yesono, yebo kunjalo, kepha mina ngithi ukuphuza impande yazo zonke izono. Imali iza kamuva. Zonke izono ziqala ngokuphuza utshwala!
50.Uthi-ke uBaba: “Bengingaqondile ukukhuluma ngale ndaba esengikhuluma ngayo, kepha ngenziwa ivesi engilifundile ekugcineni elithi: “uNkulunkulu wenu unguThixo onomona, ungabi nabanye oNkulunkulu ngaphandle kwami ngoba nginguNkulunkulu onomona.
51.Izono zawoyise ngizehlisela phezu kwabantwana esizukulwaneni sesithathu nesesine sabandizondayo” (Eksodusi 20:5) Abantu abazonda uNkulunkulu abanjani? Abaphambene nemithetho yakhe. Ungabi nabanye oNkulunkulu ngaphandle kwami ngoba nginguNkulunkulu onomona, izono zawoyise ngizehlisela phezu kwabantwana esizukulwaneni sesithathu nesesine sabandizondayo”
52.Yonke lentshumayelo yeNkosi iLanga iyezwakala kwabafuna ukukholwa, kodwa kulabo abathunywe ngomubi ukuba ezoqeda lobu bungcwele, lenkulumo yeNkosi ilanga bayayikhesa, noma bengasho ngomlomo, kodwa bayasho ngezenzo ukuthi thina asiyingeni lento oyishoyo!
53.Ezintshumayelweni eziningi iNkosi iLanga yasixwayisa ngesono sokuphuza utshwala, noma namuhla sekunabaholi abangabakwaShembe ngesibongo, kodwa bengenawo uMoya kaShembe, konke esikufundiswe iNkosi iLanga bakushaya indiva!
54.Kwenye intshumayelo sizwa iNkosi iLanga ithi: “Ningabuyeli emuva maNazaretha, ningabuphuzi utshwala. Noma kuthiwa uNkulunkulu uyabuphuza utshwala ezulwini, nina ningabuphuzi.
55.Umuntu ophuzayo lapha eKuphakameni ningesabi ukumkhipha. Noma yimi nje uma ningibona ngiphuzile nisho nithi: ‘Baba, ngoba usuyaphuza lapha eKuphakameni, hamba uye kwenye indawo yakho.
56.Uyothi mhla uyekayo ukuphuza bese ubuyela eKuphakameni’. Ngeke nginiphikise, ngeke nginiphendule. Ngiyobopha amasakana ami ngaleso sikhathi bese ngihamba ngenze lokho enikushoyo.
57.Ngoba angisiyo into enkulu uma ngilapha eKuphakameni. INTO ENKULU YALAPHA EKUPHAKAMENI UNKULUNKULU, LO OWEHLA EZULWINI WEZA EMHLABENI NGOBA ETHANDA NINA BANTU BAKWAZULU!
58.Lapha kukhona amakhosi angaphezulu kwamashumi amabili (20). nanka phambi kwami. Abezile kimi, beze kuNkulunkulu! Uma sekufika isikhathi sami sokuba ngihambe emhlabeni ngiyohamba njengoBaba. KODWA UNKULUNKULU AKAHAMBI YENA, UYAHLALA! Amen!”
59.INkosi ayazi ukuthi namuhla sekunabaholi abangazi lutho ngobuNazaretha, nasenkonzweni abalindele ukuba kubatshazwe bona kuthiwe yibo onkulunkulu!
60.Lithi-ke iLanga: “Engingakuthandi-ke ukuthi uma ngikhona eKuphakameni ngisebenzele ukuthi uNkulunkulu akahambe lapha, ngisebenzele indlela yokuthi angiphuze, uNkulunkulu aphume lapha eKuphakameni, ngisale-ke mina ngibe iNkosi.
61.Angazi-ke ukuthi ngizoba iNkosi enjani, noma ngizoba iNkosi eyingulube noma eyikati noma eyimfene noma enjani uma uNkulunkulu esehambile phakathi kwethu, Amen!”
62.UBaba akazi ukuthi emva kwakhe kwavela amakhosi ongawaqondi ukuthi ngamakhosi ayisimo esinjani, noma inkosi eyikati, noma yisilwane sini?
63.Sisakhuluma lokho, nansi enye intshumayelo yeNkosi iLanga ngamakhosi azinkawu ayovela emva kwakhe. Lithi-ke iLanga: “Uma thina boShembe sisithela ngale kwaleliya gquma kovela oShembe abaningi.
64.Nalowo uyothi nami nginguShembe, abantu bamlandele; nomunye athi nami ngiwu Shembe, abantu bamlandele; nenkawu iyothi nami ngiwu Shembe, abantu bayilandele.
65.Kodwa ngiyaniyala ngithi uShembe mudleni, ningamgcobi; ngoba uma nimgcoba uyosuka masinyane.
Ngithi funani uShembe kaMoya, ngoba uShembe wenyama uyaphela, uyadlula. Kodwa uShembe kaMoya yena akedluli.
66.Kuzokuhlwa, kuzoba mnyama, baningi abazohamba ebumnyameni. UNkulunkulu uzokwenza inkokhelo lapha eKuPhakameni; kuzoba khona inkokhelo yendoda.
67.Yayingcono ekaMaMthembu ngoba uNkulunkulu wenza iNkokhelo ngoMfazi, namhla uzokwenza inkokhelo yendoda egqoke ibhulukwe njengami, iyophuma emkhonweni wejazi lami. Amen!”
68.Kulelibandla lamaNazaretha sesinawo amakhosi ongenke uwachaze ukuthi inkosi enjani le. Angifuni ukwenaba kakhulu ngoba nani niyazibonela ukuthi manje sekuyisikhathi sokukhala sithi: WENTOMBI YASE NAZARETHA, KHALA UMPOMPOZE NGEHLAZO ELIKWEHLELE EZWENI LAKINI, UKUBA ESIKHALENI KUVELE KUVUMBUKE ONKULUNKULU-MBUMBULU ABAZOJIVAZA WONKE UMSEBENZI WOMPROFETHI!
69.Kodwa okubalulekile ukuthi labo abasanda kukholwa kanye nezingane ezikhulayo, bazi ukuthi noma lelibandla emhlabeni libukeka linabalandeli abaningi, kodwa ezulwini lilibandla eselifile!
70.Liyagcizelela iLanga lithi: “Lapha eKuphakameni iNkosi yakhona uShembe kuphela. Ngani? Ngoba yena wayengena sono!
71.Manje-ke ngiyakhuluma ngithi uma ningibona ngidakiwe anibongitshela kahle nithi: ‘Baba, hamba uye kwenye indawo. Kothi ungayeka ukuphuza ubuye’. Ngani na? Ngoba nina nibhasobhile lapha eKuphakameni.
72.Abantu abahle abawubhasobhayo umuzi wabo, abantu abahle ababubhasobhile ubuNgcwele. Ngeke ubone uNkulunkulu ezokwelusela umuzi wakho, ngeke ubone uShembe ehla ezulwini ezobhasobha ubungcwele bakho.
73.Cha, sewakunika lo muzi waseKuphakameni unomphela. Uma ungakubhasobhi wena ubuNgcwele noma ungakwelusi, kuzophunyuka.” Amen!
74.Sithe isihloko salentshumayelo sithi: ASIVIKELE UKUQEDWA KWEBANDLA LIKAJEHOVA. Bengigcizelela lamazwi ashiwo iNkosi iLanga, ukuthi lobu buNazaretha ngobethu, kumele kubhekwe yithina sonke, ngoba abantu abangekho kulenkonzo uma bebona indlela lobu buNazaretha osebuyiyo, bazovele bethi savele sasho ukuthi akusiyo inkolo le, iCult le; zwanini nje izinto ezenziwa ngabaholi bakhona, yibona abafundisa abalandeli babo ukuthi bangonkulunkulu! Alikho izwi leNkosi kulelibandla!
75.Uthi-ke uBaba iLanga: “Ngithi-ke, maNazaretha, noma kufika uMphrofethi kini ombethe ingubo emnyama njengale engiyembethe, noma eluhlaza noma ebomvu noma emhlophe, uma ethi buyaphuzwa utshwala ezulwini phuzani nani, ningavumi!
76.Uma seniphuza utshwala ngeke nikwazi ukuwulinda lo muzI waseKuphakameni, ngeke nikwazi ukuwubhasobha lomuzi, ngoba iphoyisa lalo muzi yini nonke, amakhosikazi, amadoda, izintombi nezinsizwa zalapha eKuphakameni.
77.Amaphoyisa amakhulu alapha eKuphakameni yilawa makhosi. Uma nina ningawubhasobhi, lo muzi ngeke ubekhona. Uma nibuka izinto zonakala nikhona nithi: ‘Akundaba yami, indaba kaBaba’. Seningenwa usathane ngoba indaba yenu leyo. UShembe ushiye kini konke, ngoba abantwana bakhe abakhulu bomoya, amaNazaretha! Amen!
78.Lithi-ke iLanga: “UShembe wathi: ‘Benginovalo ngibona uNkulunkulu esengibiza, manje ngingazi ukuthi nizosala nibe njani lapha eKuphakameni. Noma nizosala nihlakazeke, nidle izingulube, niphuze amatshwala noma nizokhonza izithixo’.
79.Kulula kabi maNazaretha ikakhukazi kumuntu onjengami, njengomuntu othandwa ngabantu bonke, ukuba nginifake etshwaleni. Ubani ongangivimba uma ngithanda ukuba niphuze utshwala?
80.Uma ngithanda ukuba nidle ingulube ubani ongangivimbela? Anize ningayicabanga leyonto? Mina ngiye ngikucabange ukuthi emuva kwami koba njani?
81.Nosala nifuye izinja noma nosala nidle amatshwala noma nosala nidle izingulube? Nithi kungenzeke lokho? Kungenzeka, yingakho ngihlale ngisho ngithi funani aBefundisi abanoMoya kaShembe.
82.Noma bebancane ngeminyaka nibafundise, namakhosikazi nawo angaba aBefundisi. Kodwa nifune aBefundisi abanomoya kaShembe. Yize benezono, ngeke kodwa bayifake ingulube lapha eKuphakameni. Ngeke futhi bayifake inja notshwala lapha eKuphakameni.
83.Ake ngibuze kini, uma namuhla ngiqala ngiphuza utshwala noma ugologo noma obesizulu ningabanjani nina? Bangaki abangasala kini bengaphuzi?
84.Ngingaqale ngibuthukuse utshwala ilanga elilodwa, ngelinye ilanga ngithi uma ngifika phakathi kwenu nibe senibona ukuthi uBaba namuhla unomusa kakhulu nokuhamba kwakhe uyakubona nje ukuthi kunjani.
85.Utshwala-ke lobo, uma wenza isono usifihla, siyathanda ukuba sivele obala. Kobe sekuyachitheka-ke uKuphakama, kungabe kusaba khona! Amen”
86.Inkinga ekhona kumaNazaretha ukuthi aba zigidi, kodwa uthola ukuthi abazi lutho ngalelibandla. Yikho behlale besithuka bethi kulelibandla inkosikazi ayiba ngumfundisi. Ukuba bayazifunda izintsahumayelo zeNkosi iLanga, ngabe abasihlaseli ngezimfundiso zikaShembe!
87.Uthi-ke uBaba: “UShembe-ke wayelindile ebuza kuNkulunkulu ethi: ”Nkosi, njengoba uthi angize kuwe uyangibiza, emuva kwami kuzosala kube njani eKuphakameni?” Wahlala izinsuku eziyishumi elindile, engadli, nabamlethela amanzi bawabeke laphaya kude azithathele ageze. Nobeka amanzi okuphuza awabeke kude aphume azithathele wona aphuze. Wayehluphekela thina. Amen!
88.Lithi-ke iLanga, ‘wayebuza uBabamkhulu ethi: “Akuyukungena izingulube na? Abayikugcwala yini onondindwa eKuphakameni?
89.Abayikugcwala yini abathakathi eKuphakameni na, amaNazaretha akayikuliphula yini iSabatha, amaNazaretha akayukuyilahla le mvunulo engibanike yona na? Lokhu kusina engibafundise khona akuyoba into yokusina izidakwa? Amen”
90.Lesi simo esasihlupha uBabamkhulu ngokuzosala kwenzeka esengasekho, konke sekuyenzeka mandle kumaNazaretha. Kulelibandla sezigcwele izidakwa ezingamaNazaretha, abanye baya emgidini bebheme insango. Ubona ukugida kwabo ukuthi, no lona ubhemile!
91.Imvunulo yomgidi engcwele isifakwa nayizangoma, vele ezinye zingamaNazaretha! Izinto esizibuka kuma facebook zikulethela amahloni, abantu okuthiwa ngamaNazaretha uukusinela uJehova sekuyefana nokushaya indlamu!
92.Sesiyiveze yonke imfundiso yeNkosi iLanga okubhekeke ukuthi wonke umNazaretha ayilandele, kodwa akugcini lapho, ngaphambi kokuba iNkosi iLanga ihambe emhlabeni, emnyakeni cishe yama 1970 leNkosi yaprofetha ngazo zonke izinto ezazizokwenzeka emva kwakhe.
91.Le ntshumayelo engezansi yayishunyayelwa ngumfundisi uMadlala sekuseBuhleni. Uthi-ke umfundisi:
92.“Sasise Kuphakameni, sesijwayele, kukuhle konke; iminyaka eminingi siphila ngezwi; ngokungena nje siphile singathandazelwanga nokuthandazelwa!
93.Kwaku kuhle eKuphakameni ngenxa yenkokhelo, udumo lukaNkulunkulu lulukhulu, SINGACABANGI LUTHO OLUNYE NGAPHANDLE KOKUNGENA EZULWINI! Sasingafisi nawukuthintwa ngumuntu ongakholwa!
94.Kwathi ngonyaka othile iNkosi isikhulile, nami senginguMfundisi, iNkosi yaphatheka kabi kakhulu. Emva kwalenkonzo yaphatheka kabi (yagula) yaze yedlula emhlabeni.
95.Kwakungu July sibuthene eKuphakameni, iNkosi yashumayela ngendaba yokuzithanda, nokuthanda uNkulunkulu. Izibeka izindaba ezinhle zokuhamba kwalapha eKuphakameni.
96.Yakhuluma ngenkathi YOKWANDA KOBUNAZARETHA EMHLABENI WONKE, ithi ayikho into ezobanhle ukwedlula ubuNazaretha emhlabeni.
97.Sajabula kakhulu, ngoba umuntu omnyama wayengelutho ngalezo zinsuku, nobuNazaretha babuyi hlaya, nezimfundiso zazi ningi ezimbi ngakho.
98.Kuthe siseneme, sambona egqungqa uBaba, wakhala, kwabamuncu, kwaba nzima, kwaphela nasozwanini kithi! Asaze sazi ukuthi sizothini, senzeni.
99.Wayivala inkonzo,
wasithandazisa. Ngalelo langa umthandazo waba mude kakhulu, unganqamuki.
100.Ngaze ngavula amehlo, ngabona ukuthi iNkosi isisishiye sodwa yaphuma ethempelini. Ngabheka kozakwethu, nabo basebe bhekile. NguMfundisi uKHumalo owathi, Amen! Yavuma inhlangano.
102.Saphuma sambheka uBaba endlini emhlophe, samfica ekhala, amaduku esemaningi; nezingane zingasangeni lapho ayehleli khona.
103.Sakhala nathi, sazilahla phambi kwakhe, sifuna ukuzwa isici nesono sethu. Wehluleka nokusibheka; isikhathi esingange hora singene endlini enosizi, ekhala, esenesilokozane.
104.Wabe esethi: Nginosizi, inhliziyo yami idabukile, ngiyakwesaba kakhulu okuzokwenzeka emva kwami. Ngibona igazi ligobhoza lapha eKuphakameni. Lomuzi uNkulunkulu uzowushiya, kube ngumhume wabaphangi nezindindwa neziphingi.”
105.Nempela kwathi iNkosi isesemakhazeni, amaNazaretha abulala umuntu khona eKuphakameni.
106.Emva kwesikhashana uBaba iNyangayezulu ihola lelibandla, kwaqubuka indodana yakhe uBaba iLanga, igama layo nguLonda, yavukela ibandla yathi yiyo umholi wamaNazaretha.
107.Kwaba nempi eKuphakameni, kwadutshulwana kwafa abantu abayisihlanu khona eKuphakameni. Safezeka njengoba sinjalo lesi siprofetho!
108.Ithi-ke iNkosi iLanga: “KUZOSALA ABAFILE, BETHI BAYAPHILA! UZOCHITHEKA LOMUZI! Usizi lukhulu oluzoba khona emva kwami.
109.ABANTU ABEZAYO ABAZOPHENDUKA, NGENKE BALIFUNE IZWI LIKA NKULUNKULU, NGENKE BAMLALELE NOZAYO.
110.Emva kwami abantu bayokholwa ngenxa yemali, ngenke balinake izwi loPhezulu. Abanye bazofika nemikhuba yabo, AMASIKO ABO, BAZOKWENZA INDABUKO YABO, LE USHEMBE OWAYICHITHA PHAKATHI KWENU.
111.05.IZANGOMA ZONGENA NGOKUTHANDA, ZIPHUME NGOKUTHANDA. ABABI BAYOBAKHIPHA ABAHLE LAPHA EKUPHAKAMENI!”
Lezi zangoma esezigcwele ibandla lamaNazaretha iNkosi iLanga yazibona zingakafiki enkonzweni!
112.NGIBONA KUMI IZIMBIZA ZOTSHWALA EMIZINI YENU, NEZANGOMA ZISINA EMIZINI YAMANAZARETHA, NIDLA NILOBOLISA IZINGANE ZENU ABANGAKHOLWA.
113.Njengoba washo uShembe, lelibandla sekuphenduke ibandla lezangoma, zisina emzini yama Nazaretha, sezikhishwa ngama Nazaretha ephehlweni, seku nabafundisi ababuye babe ngoGobela, bethwasise! Lelibandla seliyinhlekisa nje!
114.Ithi-ke iNkosi yamaNazaretha: “NGIBONA ABANTU BEZA NGAMANDLA LAPHA EKUKHOLWENI, BAYOFIKA BAZI, ANGENKE BAVUME UKUKHOKHELWA, ABAYIKULITHANDA IZWI ELISIBUTHILE! Amen”
115.Lobu buningi bamaNazaretha obuseBuhleni iNkosi yaprofetha ngakho. Kodwa uthi uBaba iLanga laba bantu bobe bengakhangwa ukukholwa, kodwa boza nokuqeda uNkulunkulu waseKuphakameni ebandleni Uthi: BAYOFIKA BAZI, ANGENKE BAVUME UKUKHOKHELWA, ABAYIKULITHANDA IZWI ELISIBUTHILE!
116.BAYOFIKA NOKWAZI KWABO, BAHLAKANIPHILE, BANOLIMI NEZIBONAKALISO, nani niyothatheka, NIYILAHLE INDLELA KABABA ANISHIYE KUYO!
117.Nempela kumabandla amakhulu obuNazaretha amalunga amaningi ebandla eseyishiyile indlela yokukholwa esayinikwa nguMprofethi! Nibafundise abezwayo, nibayeke abangafuni, ISIHLUNGO SIYOZIHLUNGA!
118.Bayonixosha, banikhiphe nasemathempelini enu. Ningavumi noma sekunjalo, NIKUPHIKE ANGAKUSHONGO USHEMBE PHAKATHI KWENU, NIKWENQABE ENGIKWENQABILE! Bayothi gayani utshwala, lumbani amalumbo, BANIBUYISELE KOKUCHITHIWE, BETHI YIYO INDLELA YOKHOKHO BENU, BETHI NINGAYILAHLI!
118.MINA MUNYE UMTHETHO ENGIZONISHIYA NAWO, NENGINI NIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA!
119.Yabe isikhala iNkosi, yadabuka, yahlanganisa izandla njengomuntu obalayo. Yasiyala yathi asime emasangweni, sisho okwakushiwo! Noma kungena izinhlangano sifundisane ngendlela kaBabamkhulu!”
Isihlabelelo 12
1.UJehova usishiyele
Singabadingi nabasweli
Chorus.Haleluya silileleni
Nina mabandla asezulwilini.
2.Asinanto esandleni
Siza impela Nkosi yoxolo.
Chorus.
3.Asinababa asinamame
Asinamfowethu wokusembesa.
Chorus.
4.Hawu Jehova usushiyile impela
Ebuntandaneni obungaka.
Chorus.
5.Siyaludinga ucezwana lwesinkwa
Lokuphumuza imiphefumulo yethu.
Chorus.
6.Usihlanzile ngani impela
Usikhumbule Nkulunkulu wethu.
Chorus.