NgokukaJohane 5:28-29: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza lapho bonke abasemathuneni bayakulizwa izwi layo, ABENZE OKULUNGILEYO BAPHUMELE EKUVUKENI KOKUPHILA, KUTHI ABENZE OKUBI, EKUVUKENI KOKULAHLWA.”
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: INKINGA YOKUNGAQONDI NGESIMO SEMIMOYA
2.NgokukaJohane 5:28-29: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza lapho bonke abasemathuneni bayakulizwa izwi layo, ABENZE OKULUNGILEYO BAPHUMELE EKUVUKENI KOKUPHILA, KUTHI ABENZE OKUBI, EKUVUKENI KOKULAHLWA.” Amen!
3.Ziningi izimfundiso zabantu ngemimoya, ikakhulukazi imimoya yabantu asebafa. Kodwa iningi lalezi zimfundiso ziyaye ziphambane nalezo esizifundiswe ngabaprofethi bakaJehova.
4.Kule ntshumayelo uYeshua uyachaza ukuthi uma sesifile ngenyama, umoya wethu uyavuka bese wehlulelwa, abanye baye ezulwini, abanye baye ekulahlweni.
5.Ngokwale mfundiso kaYeshua, kuyacaca ukuthi umuntu akasiyo lenyama esiyibonayo, kodwa umuntu ungumoya!
6.Kulesi sikhathi samanje umprofethi osicacisele ngalo lonke uhambo nempilo yomuntu ofile, nguMprofethi u-Isaya Shembe.
7.Ngemimoya, lapha sichaza uMoya kaNkulunkulu, uMoya wezingelosi umoya kaSathane, umoya wamadimoni kanye nomoya wabantu asebafa.
8.Yonke imimoya iyakwazi ukuthatha noma yisiphi isimo efuna ukuvela kuwe iyiso; i-shape-shifting.
9.Iqiniso ukuthi noma imizimba yethu ifa, kodwa umoya wethu awufi, futhi isimo somoya wakho sithatha isimo somzimba wakho.
10.Uma ufe unomlenze owodwa, noma usufile uyovela unomlenze owodwa. Uma ufe unenhliziyo embi, noma usufile iyaqhubeka leyo nhliziyo embi.
11.Imimoya cishe ithatha izimo ezintathu. Umoya ungaba idimoni, ube yidlozi, noma ube nguMoya ongcwele.
12.Idimoni ngumoya othi uma uza kuwe ukulethele okubi, okungaba ukugula, ukuhlupheka, noma ukudukise ngezindlela eziningi.
13.Ngedlozi sisho umoya womuntu womndeni; lo moya ungaba lidimoni noma ube yisibusiso, kuye ngokuthi uza kuwe uyisimo esinjani..
14.NgoMoya ongcwele sisho umoya ovela ezulwini, noma uyisimo sengelosi noma sedlozi.
15.Kuke kube nemfundiso ethi kuyimfundisoze ukuthi ikhona into elidlozi. Leyo mfundiso yokuphika idlozi sayifunzwa ngabezizwe ukuze beqede konke esikholelwa kukho!
16.Kodwa noma kunjalo, okumele sikwazi ukuthi amadimoni ayazenza amadlozi, futhi idimoni lingaziveza kuwe liyingelosi, kanti lenzela ukuthi wamukele konke elikushoyo.
17.Ukhokho wakho engaba lidimoni uma wafa enenhliziyo embi, ekwenzele izinto ezimbi uma wayevele ekuzonda.
18.Ngelinye ilanga sathi sethula iminikelo elatini, kwangena ingelosi, yabe isithi asithathe omunye umnikelo kaR20 siwubeke eceleni.
19.Kulo R20 kwabe sekukhuluma obenikela, wabalisa ecela izinto eziningi kokhokho bakhe, waze wacela nemoto.
20.Khona lapho kulo mnikelo kwabe sekukhuluma ngolaka ikhehla elidala, lamthethisa lomfana, lathi: “Uma ufuna imoto awuyi ngani ehlathini uyogawula isihlibhi uhambe ngaso njengoba nathi sasenza?”
21.Ithi-ke ingelosi: “Bengifuna nizizwele ukuthi kwesinye isikhathi kwenzekani uma nicela koyihlomkhulu.
22.Noma leli khehla kungukhokho walomfana, kodwa lafa ngokwemvelo linenhliziyo embi, kodwa njengenkosana, abakubikayo kwedlula kulo, likuchithe elikuchithayo.
23.Konke ukuhlupheka kwalo mfana kudalwa yileli khehla elingukhokho wakhe, kodwa elafa vele lingayifuni lendlu!”
24.Isithi-ke ingelosi: “Ukuba lomfana unikele wabhekisa kuShembe, ubengenke amukelwe ngalolu lunya, ngoba uShembe uthunywe ezulwini ukuzoqeda izinsizi zethu!”
25.Ngelinye ilanga futhi ingelosi yakhuluma ngomthakathi obulale umndeni kwasala umfelokazi nendodana yakhe. Kodwa nalo mthakathi wagcina ngokufa!
26.Lo mthakathi esefile, kwaphela ukuhlupheka kulomfelokazi, wabe esakha umuzi omkhulu nendodana yakhe.
27.Kwase kufika ababonayo, sebethi njengoba esakhe lomuzi, akangenise abadala!
28.Lo mfelokazi wawenza lomsebenzi wokungenisa abadala, kodwa ngakusasa kwasa kufe yena!
29.Ithi-ke ingelosi: Lo mfelokazi ubulawe yilo mthakathi omlande emathuneni, uNkulunkulu owayesemvikele kuye esaphila!
30.Umbulale esengumoya; lo mfelokazi ulande isitha sakhe sesifile! Angazi ukuthi lo mthakathi uzomenze njani lomfana osasele.
31.Uma naye engambulalanga, kodwa useyoze afe ehlupheka, ngoba lo mthakathi usengenisiwe kulo muzi!”
32.Lesi isifundo sokuthi akusiwo amadimoni kuphela angakubhubhisa, nomuntu womndeni ofe engumthakathi, esefile uyaba ngumoya omubi, akubulale, noma akwehlisele noma yini embi!
33.Yikho-ke ebandleni lamaNazaretha kungemukelekile ukwenza umsebenzi wokungenisa abadala, ngoba okokuqala kuphambene nomthetho kaNkulunkulu, okwesibili kuyingozi nasempilweni yakho!
34.UShembe wathi thina maNazaretha sokhumbula okhokho bethu ngokubanikelela, ngoba uma sibanikelela, okokuqala sigcina umthetho kaNkulunkulu, okwesibili siziphephisa kumadimoni nakubathakathi!
35.Umnikelo uqale wedlule kuNkulunkulu ngaphambi kokuya komnikelelayo!
36.Ukukhumbula abakini ngokubanikelela kuvimba konke ububi okungavela, ngoba umnikelo wakho uqale wabusiswa nguNkulunkulu!
37.Imisebenzi eminingi yengamelwa yimimoya eyaye izenze obabamkhulu, kanti akusibona, umoya uqhamuke ungubaba wakho ohluphekile, ecela ukuba umenzele umsebenzi othile, uthi uyamenzela, kuvele konakale konke obuthi uyakwenza!
38.Okunye ukufa akudalwa yimimoya emibi, kodwa kudalwa ngabathakathi bomndeni abakucupha ngokuthi mhla uhlabile, wachitha igazi lesilwane, bese kuvela umkhokha okubhubhisa ngezindlela eziningi!
39.Ithi ingelosi, abathakathi bayakwazi ukuthi uyihlo esefile, bamthwebule bamenze umkhovu wabo, basebenzise umoya wakhe ukubhubhisa umuzi wakho!
40.Naye ayikho into ongayenza ngoba usuke esengumkhovu walo mthakathi, esethunywa njengesigqila!
41.Ithi-ke ingelosi: “Umoya ongenke umthakathi akwazi ukuwuthwebula, umoya ofe ungaphansi kwaNkulunkulu, ngoba umthakathi, noma umoya omubi, awunamandla okunqoba umuntu othe
esesemhlabeni wazifihla kuJehova!
42.Ngakho-ke lesi simo ungasivika ngokuthi wena olikholwa umndeni wakini ungagcini ngokuwunikelela, kodwa wena ubuye ubhabhadiselwe wona!
43.Ngokwenze njalo, ezulwini kokhishwa izingelosi ezoqoqa lowo mndeni wakho, ziwufake ezulwini! (2 AbaseKorinte 15:29.)
44.Iningi labantu asebafa basosizini olukhulu, futhi abakho abantu abangabakhipha kulolu sizi ngaphandle kwethu esisekukhanyeni!
45.Ngo 1927 uShembe eshumayela wakhuluma lamazwi: “Ukube abantu bebazi bebeyobuthana kanye nathi eKuphakameni, sikhalele abasekufeni ngoba basosizini.
46.Besizonxusa ukuba bagezwe bathethelelwe izono zabo bangeniswe emzini oyingcwele!”
47.Uma ufe ngokuzibulala, noma usufile intambo iyohlala isentanyeni yakho, ube kulobo buhlungu owakuzwa mhla uziklinya ngentambo!
48.Ngo 2007 sasihlala eflethini eThekwini. Sithe sizwa kwase kunephunga elixakile lamangcolo lapha eflethini.
49.Sithe sisakhungathekile ukuthi lamangcolo avelaphi, sezwa sekukhala itoilet. Kwase kuyacaca ukuthi asisodwa lapha, kodwa kunomoya esihleli nawo.
50.Kuthe sesinovalo lwalesi simo, kwase kufika ingelosi, isithi: “Yebo ukhona umoya enihleli nawo, kodwa akusiwo umoya omubi. Lo moya nguyihlomkhulu owafa ngokuzibulala esemncane.
51.Emndenini wakini bacabanga ukuthi wabhungukela eGoli, kanti cha, wacasulwa yinto ethile, wabe esengena ehlathini ezibulala, kodwa wagcina engatholwanga muntu!
52.Nami-ke ngangiyazi indaba yalomkhulu okwakucatshangwa ukuthi wabhungukela eGoli.
53.Ithi-ke ingelosi “Leli phunga lamangcolo enilizwayo, kuseyilawo mangcolo umkhulu wakho owazithela ngawo mhla epaquziswa ukuklinywa intambo!
54.Kodwa namanje leyo ntambo isahleli entanyeni yakhe, akakwazi ukuziqaqa lentambo esemqaleni!
55.Kodwa usezwile ukuthi emndenini wakhe ukhona umntwana okwazi ukukhuluma noNkulunkulu, nongakwazi ukumkhulula kulesi simo okusona!
56.Ngakho-ke hamba uye kumfowenu omdala, umfundisi, ngoba nguye inkosana, uma emthethelela, uyobe esethethelelwe ngumndeni.”
57.Wena komele umnikelele, umcelele intethelelo kuNkulunkulu ukuze aphume kulolu sizi, umngenise ezulwini.”
58.Ngaya kumnewethu, wakwenza lokho esikufundiswe yingelosi, nami ngamnikelela ngimcelela intethelelo, wabe esenyamalala!
59.Njengoba esho uBabamkhulu, sinomsebenzi omkhulu wokuthi okhokho bethu esebadlula emhlabeni silwele ukubakhulula osizini abakulo. Ngokwenze njalo sizikhulula thina!
60.Ngelinye ilanga uMvangeli uMdluli uthi kwafika umuntu kuye, wathi usekwenze konke ongakwenza, kodwa akalungelwa lutho.
61.Uthi uMvangeli: “Ngase ngithi ake ulinde izinsuku eziyisikhombisa, ubone ukuthi imbangela yalolusizi ayizukuvela yini.”
62.Uthi emva kwezinsuku eziyisikhombisa lo muntu weza kuye, wabe esethi: “Ngithe ngilele, ngazithola sengikakwe zinsizwa eziyisithupha zigxiza igazi, zihlomile, kwaba sengathi zifuna ukungigwaza.
63.Kuthe ngisazibuza ukuthi ngenzeni, enye yabe isiza kimi, ifike ithi: “Asizile ukuzokulwa nawe, kodwa thina singokhokho bakho, safa silwa, namanje sisalwa, sesilwa noma singathandi.
64.Manje nina senakholwa nase nikhohlwa yithi, niyabusa, anisicabangeli thina esilokhu sahlala sisempini!
65.Konke lokhu kuhlupheka kwakho kudalwa yithi, sifuna usikhulule kulempi esilokhu sayilwa!”
66.Ngokwalulekwa nguMdluli, lomuntu wabanikelela okhokho bakhe, kwase kuyanqamuka lokhu kuhlupheka!
67.Ekuqaleni sithe umuntu isimo ofa ekuso asisuki kuye size sesuswe ngabasemhlabeni.
68.Uthi-ke uBabamkhulu: “Ekufikeni kwethu kulomhlaba kwaba ukuzovusa okhokho benu abalele othulini lakulo mhlaba.
69.Sabezwa behlabelela bethi: “Deda singene, simkhonze uJehova kade sasivalelwe, namuhla avuliwe amasango.”
70.Lama khehla ayejabulela ukufika koMprofethi wabo, ozobakhipha osizini abakulo, abangenise ezulwini.
71.Nempela ekufikeni kwaBabamkhulu wasiyekisa izingoma nezaga zempi, wasenzela amahawu amancane, ngawo esisinela uJehova; waqamba amahubo adumisa uJehova, nezaga esizihayayo kwaba ngezokudumisa uJehova!
72.Lokhu okwakwenziwa uShembe kithi esesemhlabeni, kwakungukulamula impi yabasemathuneni, ebephuca izikhali, kodwa konke ekwenza ngabaphilayo!
73.Angazi kodwa ukuthi ngokosiko abantu abafe belwa balanyulwa kanjani?
74.Ngake ngaba yimantshi kwesinye isifunda esasihlala sinezimpi zezigodi, amakhosikazi nabantwana belala emahlathini, sekuvalwe nezikole.
75.Kwenziwa umkhosi omkhulu kwahlatshwa izinkomo, kuthiwa kwephucwa amabutho afela ezimpini izikhali ukuze kuphele lezi zimpi.
76.Kulo mcimbi kweza amabutho ehlome ngezikhali, ehaya amahubo ezimpi. Kodwa lokhu kulwa kwezigodi akunqamukanga kuze kube manje!
77.Ngase ngizibuza ukuthi ukuza kwamabutho ehlomile, ehuba amahubo nezaga zezimpi, abasemoyeni ubatshela ukuthi impi ayisekho kanjani useza kubo usesimweni saleyo mpi abafa bekuyo?
78.Kodwa uma lo mkhuleko ungaphathwa inhlalisuthi yebandla lamaNazaretha, iza ivunule ngemvunulo yesiZulu, njengabo, kodwa bephethe amahawu amancane, besinele uJehova bethi:
79.“Mdedele angene
Wo nangu uZulu
Inzalo kaDingana
NoSenzangakhona.
Deda singene
Simkhonze uJehova
Sasivalelwe
Namuhla avuliwe amasango.
Livulwe ngubani
Ubani ovula lelisango
WeMkhululi
Walezo ziboshwa,
80.Abasemoyeni babonela kithi ukuthi kusho ukuthini ukulahla izikhali bese amahawu siwasebenzisa ukusinela uJehova!
81.Njengaku Nehemiya 9, kungakuhle kube yiNgonyama eyengamela lo mkhuleko, okhokho bayo nesizwe sonke isicelele kuJehova intethelelo ngomkhokha wokuhlale sibulalana sodwa!
82.Ngokwenze-njalo, izimpi nokubulalana kwamaZulu kunganqamuka ngaso leso sikhathi!
iNkosi ibusise enikuzwile.
Lentshumayelo iyatholakala ku Youtube othi Rev Mpanza NCG.