Skip to content

UNOTHANDO UMKHULULI

Uthini uShembe, uthi thina asibize uJehova, kodwa uJehova uzokulalela wena uma ulandela imikhondo yezjmemezelo zezwi lakhe, okuwukugcina umthetho lo kaMose okuku verse 3 and 4 womthandazo weSabatha.

Intshumayelo yangeSabatha mhlaka 10 June 2023: NguNkosana Thulani Dlamini.
 
ISIHLABELELO 129
1 Ungangi libazisi
Wena sitha sami,
Uma uJehova engibiza
Mangisuke ngimlandele.
 
2 Lihloma lingethwese
Enhliziyweni enecala,
Ithemba lichithiwe
Kumi ivuso lodwa.
 
3 Akusibona abangathandi
Ukuza kuwe nkosi
Balahlekelwe amathemba
Lwaphela uthando lwabo.
 
4 Ngingokabani mina
Namhla kuwe Nkosi,
Isazela senhliziyo yami
Singilahlile ebusweni bakho.
 
1.Ngyabonga maNazaretha ukungilekelela, ngicabanga ukuthi ngokujwayelekile, kubalulekile ukuthi ngiqale ngizethule ukuthi ngingubani ngoba akusona isikhathi eside ngikhona phakathi kwabangcwele. NginguThulani Vusumuzi Dlamini. Ngokujwayelekile baye basebenzise leli likaThulani ilona elaphasa, kodwa igamake owangiqamba lona ubaba ngizalwa kwakuwu Vusumuzi. Kushuthike ngezizathu ezithile, ugogo ozala umama, intombi yakwaXulu, yase ithi ingipha leligama elithi ngiwuThulani, ngoba khona udadewabo kamama, wayegane naye uVusi futhi engowakwaDlamini. Manje wayethi ugogo uzothi uma ememeza mina kusabele umkhwenyana, wayesengipha igama elithi ngiwuThulani-ke, futhike engathi impela ngihamba nalo, ehhene. Kodwa kushuthike leli lesibili likababa, kuthe uma sekuyisikhathi sokuthi ngenza ID, ngenhlanhla ngazenzela i-ID, ngase ngikhumbula ukuthi ubaba wayethe ngiwuVusumuzi igama lami, ngase ngilifakake epasini, kwaba uThulani Vusumuzi Dlamini.
 
2.MaNazaretha ngokungadli isikhathi, siyambonga uJehova ukuthi asimeme kulomkhumbi wakhe omkhulu kangaka. Ekhaya besingewona amaNazaretha, besiphuma singena nje ezinkonzweni. Kwathi ngo 1993 or 1994, ubaba, noma ngingeke ngiqala lapho, ake nje ngithi ukuhlehla kancane khona amaNazaretha ezoyizwa kahle lendaba.. Kwathi ngo 1989 ubaba ubesebenza kule company ekuthiwa u Clicks, izitolo lezi zakwa Clicks, ewu driver khona, e-deliver. Kwathi ngo 1989 ngangenza standard 3 ngaleso skhathi, ubaba wayesephelelwa umsebenzi. Kwafika nje amaphoyisa agcwele ekhaya, kushuthi naye sasilula isandla.
 
3.Kodwa naye kwakungekhona lokho ngoba bebaningi abantu ababeganga kanjalo kodwa umona wasuka komakhelwane esasekhelene nabo. Kwagcina kufike amaphoyisake, kwaficwa izinto lapha ekhaya, ubaba wayesephelelwa umsebenzi kanjalo. Ngoba kwakusebenza ubaba yedwa ekhaya, impilo yase iyashintsha, kwaqala kwanzima impela nje nokuya ebhodweni kunzinyana, sashintsha isimo sempilo ekhaya, kodwa sibe sikhona siphila, siphuma singena emabandleni eZayoni, ePostoli, wonke nje amabandla.
 
4.Kodwa ugogo ozala umama wayengumuntu ongumKrestu ngoba waprofethwa esasonta le esontweni laleZayoni ekuthiwa uHlabazihlangane, kwathiwa ugogo kufanele abe isangoma. Ugogo wayeseyashiyake kulelibandla, wayesejoyina amaKrestu, wasindiswa. Uze wahamba ugogo engumKrestu. Wazalwa ngo 1919, uhambe ngo 2003, ngithi ebeno 83/84 years. Wangena nje ekusindisweni ugogo, waphila ngoJesu nje ugogo.
 
5.Kwangangokuthi abantwana abamulandela ayebazala, omama abanye ngoba ekhaya komama asinabo omalume, omama bayizintombi nje cishe zicela la eshumini. Nala esayidini likababa, sasazi ubaba kuphela, ubaba wayengenaye umfowabo, ngapha esayidini likababa umkhulu akekho, ngapha esayidini lika gogo umkhulu akekho. Okungodadewabo bakamamake abamulandela enkolweni yobuKrestu, ayi namanje baphila impilo ephezulu, kodwa laba abangamulandelanga, abenza zonke lezi zinto lezi ekwakuthiwa ugogo akazenze zamagobongo, eyi bayahlupheka kakhulu.
 
6.Bese udidekake ukuthi hawu lo othi wenza okuyikhona uhlushwa yini, bese kuthi lo okuthiwa akenzi okuyikhona aphile kahle, kodwa sasingakunakile ngaleso sikhathi, sengikunaka nje manje ngoba sesila e-NCG. Ayi kushuthike, njengoba ngichazake le ndaba kagogo ozala umama uyena owayesindisiwe ekhaya, sasiphuma singena. Kwase kuthi ngo 1994, uma ngingaphosisi, ubaba wayesebiza amaNazaretha. Kushuthi kukhona ithempeli ebelikhona eNanda ngasekhaya, lingaphansi kwaMfundisi uShabangu, kukhona indawo okuthiwa kuseMonde lapha, kodwa ithempeli beliseMatendeni kwa A.
 
7.Ubaba wayesecela umthandazo kumaNazaretha ngesimo esasikhona ebesiphila ngaphansi kwaso, ngoba kwakunzima kakhulu maNazaretha, njengoba ngisho mhlawumbe kwakuyobangcono ukube kwakukhona omalume wawungagijimela kumalume. Noma mhlawumbe kukhona ubaba omdala, ubaba omncane ugijimele kuyena, kodwa babengekho abantu abakanjalo ngoba ngisho unikwa size 7 wesicathule ugqoka u size 4, kwakufanele uwuthathe, ufake amaphepha lapha phambili kuze kukwazi ukuhambeka uye esikoleni. Kodwa kulobo bumnyama safunda sangasiyeka isikole. Kwase kwathike ngalonyaka engisho ngawo ngithi u 94, ayesefikake lamaNazaretha ekhaya, athi alethe uShembe, ngiyakhumbula afika kuyisonto, noma ngaphambi kwalokho, before afike amaNazaretha, isimo obekuyisona ekhaya.
 
8.Bekuye kuthi noma kuphekiwe ekhaya, kunamagundane ayehlupha into eyisimangaliso, kwangangokuthi amagundane, kwakuthi noma kuvalwe ibhodwe, kubekwe noma i-ayina, noma isitini lesi, kodwa phakathi uzowafica amancola amagundane, kodwa bese udideka ukuthi lingene kanjani igundane. Kwakuyisimo nje esasinjalo kulowa muzi, kodwa salo sikhona nje, ngoba ngiyakhumbula ngalowo nyaka ngase ngenza grade 10, standard 8.
 
9.Afikake amaNazaretha enza umthandazo athi alethe uShembe ekhaya, ase esibekelake imigomo okudinga ukuthi siyilandele uma silandela lo Shembe lo. Ngiyakhumbula ukuthi odongeni kwakunezithombe ezazikhona nje, ezinye zazo kwaze kuthiwa asizisuse, nama vassal lawa okungathi ayizinja. Zonke lezi zinto ezinjengalezo. Kukhona lezo zithombe kwathiwa asizisuse, kwase kuthiwa asigcine iSabatha, uma sigcina iSabatha, konke lokhu okusihluphile uShembe uyokushanela konke kuphele. Base belandelake ekhaya, beya khona enkonzweni, kodwa mina kwasho ukuthi nami sengingenwe umkhuba wase lokishini, noma, angazi noma ngizothi ilona noma isikomplazi. Sesifunda nokubhema nazo zonke lezi zinto.
 
10.Kodwa into engangingazwani nayo utshwala, ngoba ngangike ngithi mina angikaze ngizwe kuthiwa lo muzi njengoba umile umiswe utshwala, kodwa ngangike ngizwe kuthiwa uyabona la, kwakunomuzi la, ubaba wakhona nomama wakhona babephuza into eyisimangaliso waze waphela umuzi. Ngangike ngizinike lologqugquzelo olunjalo noma leyo motivation enjalo ukuthi ukuwela etshwaleni cha, mhlawumbe ngangingawubhemake ugwayi ngoba ngangingakaze ngizwe kuthiwa umuzi uqedwe ugwayi. Okushuthike maNazaretha belokhu beyake ekhaya esontweni ngamaSabatha, mina mhlawumbe kwesinye isikhathi ngigcine ngi attend ama Saturday Classes, lephaya kusayi ML Sultan ngalesiya sikhathi.
 
11.Ngelinye ilanga uma ngifika umfwethu ongilamayo wabhala incwadi washo ukuthi ayi ngicela usilandele, wase esho ukuthi bakuphi nendawo okusontela kuyona, kwakusesikoleni eMzomusha. Ayike nami ngase ngiya ngafike ngalalela, nangeSabatha elizayo ngalalela, kwase kufundndwa incwadi, noma ngingeke ngisayikhumbula kahle ngizoyihumusha nje. Le ncwadi ikhuluma ngomlimi, olima ezindaweni ezahlukene, isivande esinye inhlabathi ithambile, edwaleni, kanjalo kanjalo. Yase iyahlala le ntshumayelo kumina ukuthi ewu njengoba ngiliokhu ngilalela kushunyayelwa, ngiyaphuma ngiyobhema mina, engathi kufuneka ngiwuyeke lo gwayi.
 
12.Ngoba engazuthi mina ngifana nalomlimi otshala edwaleni uma kufika umoya izivunguvungu ziyayisiphula imbewu yakhe. Ayi ngase ngibalandelake, kodwa isimo sangashintsha ekhaya ukuthi sishintshe ngaleyondlela, kwalokhu isimo si tense sinjalo, umuntu waze wagcina esiqedile isikole, kwashukuthi nezimali ziyashoda, ubaba kukhona la atohoza khona, kodwa manje ngeke ekwazi ukuthi umuntu afunde.
 
13.Ngiyakhumbula ukuthi ngeza la eMbumbulu College ngizobhala itest, ngicabanga ukuthi kwakuyi pool yokugcina yokuthatha ababezofundiswa ubuthisha eMbumbulu ngalowo nyaka. Ngashoda nje ngo R1800 kuze ngingene khona. Kodwa ngaleso sikhathi lezi zinto zo NSFAS esezigcwele kwakungaxhaphakile kanje, kwakusekhona lento okwakuthiwa uTebsa, uma ngingaphosisi, kodwa kwakungelula ukuzithola lezo zinto, Kwangangokuthi ngathi sengibhalile ngiphasile, kwashoda le mali. Umakhelwane esasamba naye wafeyila yena kodwa enayo imali. Ngangiphase ngalento ekuthiwa u-Bachelor Njengamanje, kodwa kwakusathiwa i-Exemption ngaleso sikhathi, ngangiphase nje kanjalo.
 
14.Ayi kwaphela kanjalo, kodwa lo Nkulunkulu elokhu ekhona, silokhu sincenga nje noNkulunkulu ekhona, noma isimo sasingalungi kahle, ngoba nobaba wathi ukulandalandela ubaba, wayeka ukuphuza nokubhema, waze waya entabeni wayokhula njengabantu besilisa, enomzala wakhe, kodwa babuye bahlohlana bayeka ukusonta, wabuyelake ubaba ophuzweni, saqhubekake thina singabantwana sakholwa. Njengoba kunalemfundiso ebuNazaretheni ekhona ukuthi izinto zakho azizukulunga uma kuwukuthi emsamu wakini akulungile, labe selijikake ivangeli, sekufanele manje silungise umsamu. Uzowulungisa ngani umsamu ungenalutho.
 
15.Kodwake sabe sesingena nathi esimweni esinjalo, ngoba abashumayeli ababesiphethe kuleliyathempeli, babeye bathi noma benza izinto emakhaya kodwa bengabugayi utshwala, angazi babekufundephi lokho, kodwa babengabugayi utshwala, kwawukuthi nathi sasingabugayi utshwala ekhaya. Sase singenake ezimweni ezinjngalezo.
 
16.Ngiyakhumbula esasiye kubona ngoba uma uxakekile uphuma ungena, kwathiwa kufanele kwakhiwe indlu yabadala ukuze bangeniswe khona. Eyi sizoyithathaphi imali yokwakha lendlu. Ngathi mina no, asivele sithenge ama blocks noma izitini sizame ukuzakhela ngoba phela imali ayikho. Sacela enye inkosana yakwaMpofana, yayinolwazana lokwakha.
 
17.Kwathi kuwu 3 course ukuphakama kwezitini ngase ngithola umsebenzi, eyi ngabona ukuthi ayi kushuthi iyasebenza lento, ngathola umsebenzi kwa Merchandizing. Ayi yakhiwa nje lendlu sengiyasebenza nami. Ayi yaze yaphelake kwenziwa lezi zinto ezenziwayo ukuthi bengeniswe kube njeya kube njeya. Kwasho ukuthi akukafinyeleli kahle, angazi la esifuna khona noma kuphi, kanti inkinga yomfwethu ongilamayo uhlushwa iyo lemimoya eyayihlupha ugogo. Umshumayeli-ke owayesiphethe wamuhambisa kuBaba uThingo, uBaba uThingo wase embuza ukuthi baye bathini uma befika, bathini kuwena? Wayesesho wathi bathe bafuna mina ngihambe ngiyothwasa.
 
18.Wayesethi uBaba uThingo uma befika kuwena, u.atshele ukuthi ngithe mina Shembe, abahlukane nawe, abeze la kimina, bahlukane nawe. Ayi nangampela kwaba inkulumo enjalo, wafike wayixoxa ekhaya, ngoba ngangikhona nami noma ngingasondelanga kuBaba uThingo esenikela kumfwethu. Wafike wayixoxa ekhaya le ndaba, ayi kwakuhleke. Yabuya le mimoya ebusuku, yathi ohho, kade usuyosiceba kuShembe, kulungile, kodwa sizokuyeka, kodwa sizobuya sibuye. Ayi kwamahlayeni, mahlayeni, mahlayeni.
 
19.Ngelinye ilanga uma ngibuya etohhweni engangitohoza kulona, ngibuya ekhaya, kukhona insizwa yakwaCebekhulu ngapha eMpangeni, umfwethu uhlangene nayo entabeni iNhlangakazi, le nsizwa ithwele lemimoya le, kwabe sekuwukungena kwalemimoyake ekhaya. Njengoba yayishilo ukuthi izabuya, yabuya ngampela. Ayi yabuya ke lemimoya sayamukelake ngevangeli elikhona ebandleni lamaNazaretha. Ayike yase yenza konke engase ikwenze, sase senza nezinto eyayifiswa yenziwe. Ngize endabeni yokuthi uNkulunkulu aze angilethe kulendawo engikuyona Njengamanje, okushukuthike uma seyingenisile le mimoya isisebenza, sesenza zonke izinto ezenziwa ekhaya.
 
20.Kwashukuthi kusekhona ubaba, kushuthi noma siyenza, kukuthi mhlawumbe lento asiyenzi ngendlela kodwa umuntu angashayeki, kuqhubeka nje. Ngangokuthi ngiyakhumbula ukuthi abantu wawuthi noma wehla estobhini lapha ezansi kwaZondi ebhusha, ubuza umuzi wakwa Dlamini, wawuyalelwa kuthiwa usho lapha kwaShembe, kwakushiwo kanjalo, kuthiwe kukwaShembe ekhaya ngoba sasingamaNazaretha. Angiboni kodwa namhlanje basangasho njalo ngendlela osekuyiyona.
 
21.Yangenake lemimoya yase iyabusake kwenziwa zonke izinto, kwase kuthi ngokuhamba kukababa ngo 2016, ngizonqamulela ngenxa yesikhathi. Uthe uma esehambile ubaba, kwadinga ukuba enzelwe lezi zinto eziye zenziweke, ngoba ngiyakhumbula ukuthi ngathenga inkomo ehambile yokumphelezela, ngabuya ngathenga inkomo ekuthiwa eyesihlangu, ngabuye ngathenga inkomo yokumbuyisa. Angizibali izimbuzi, ngikhuluma ngalezinkomo engizokhuluma ngazo. Kodwa
 
22.Kwathi ngisanda kwenza umsebenzi wenkomo kababa, le moto engihamba ngayo ngangithenge ngo 2011 May le engisahamba ngayo nanamhlanje, ngathi ngibuya emsebenzi kuyiSabatha ntambama kodwa umzimba wami angiwuzwa kahle, ngathi uma ngiwela la kwaSeme, uwela ibridge kwaSeme nje ubheke eMzinyathi, nanku umgwaqo oya eBuhleni, ngathi uma ngiwela ngakuwo kunesiphithiphithi esikhona la. Uma ngiwela, mina ngine right of way, kushuthi imina ekumele ngihambe.
 
23.Kwase kuqhamuka le moto ekade imi lapha ku stop sign, yavele yangenakimi yangishaya yaphelela la, kwakuyiSabatha mhlaka 22 June 2019. Cha, yangishaya impela, ngaze ngama ngaphesheya, awu ngehla, ndoda wangishayisa manje, athi uphazanyiswe itekisi, ubengangiboni, ubebona itekisi, sabhalisake, wathi angingayi e Police Station, uzongikhokhela. Kwakuwu 22 June njengoba ngishilo, sizoya ku 23.
 
24.Uma ngifika ku 23, ngase ngixoxela umfwethu lo engimushoyo ukuthi uwugobela, uyiNazaretha futhi, ngase ngimuxoxela ukuthi eyi manje bafo, eyi, sekwenzeke inkinga enje kanje, athi yena eyi asazike. Ngithi mina kade senze umsebenzi kababa ngo May, uJune 22, sekwenzeka ingozi. Eyi bese ngicabanga ukuthi oh mhlawumbe ingoba ubaba wahamba sithi sizokwenza umsebenzi kamkhulu, mhlawumbe ake ngenza wona, mhlawumbe kuzolunga. U-22 June njalo.
 
25.Kuthe kusenjalo, ngokuthi nje uBaba ubuya echaze ukuthi ukube ingelosi akuzange uBaba iLanga ayithume, maNazaretha ngabe sisemavundwini la esikhona. Ngoba bekuthi noma kukhona into ekwehlelayo, buyaye uthathe induku njalo, kuthiwe indoda ithatha induku iyobheka.
 
26.Ayi nami ngathatha induku ngayobheka ngapha, kuMshumayeli ongapha eNtshongweni, ngeke ngimusho isibongo sakhe. Ayike wayesethi eyi Nkosana, into ezokusiza ukuthi njengoba kuzongena umdedele, agcina nini ukubenzela isithebe, ngithi mina kade ngisanda kwenzela ubaba nje? Usethi yena ayi njengoba kuzongena umhlangano, kufuneka uthenge inyama, uyishise nje ubize abantwana, ungene eqhugwaneni, nidle, uhlale nje phansi.
 
27.Ngayithenga la, kwakuno Spar ola, ekuthiwa u Chelsi Spar, la e Pinetown, ayi ngayithenga khona, ngafika ekhaya ngabatshela abantwana, kodwa saze sayenza ngakusasa sizoya kovula umhlangano. Sadla sadla sadla, ngihleli lapha nabantwana nomnewami. Ayi sifike emhlanganweni, ufike ungene umhlangano, kuqale kungene abantu besilisa, uma isingeni inhlalisuthi ebese silinda omamake. Kuthe sisalindile, sengithi ake ngishintshe imoto ngiyisuse ngala ngoba kukhonai truck eyase iginqikile ukuze ngingavaleleki, ngiyoma ngakumfundisi lo osanda kuhamba uNdelu.
 
28.Ayi maNazaretha, ngathi ngiyojika, ngijike ngingene, ngifuna ukupaka eceleni, ayi ngabe sengiyigibele imoto yomuntu, ayikalungiswa njalo le moto engishayiswe kuyona, sengigibela imoto yomuntu ipakile la. Ngike ngashayela amalolu, ngize ngayeka angikaze ngishayise iloli lomlungu. Eyi ngayishaya, ngayishaya, ngaze ngayophuma ngale i-double cap, sizongenisa amakhehla akithi emhlanganweni, umhlaka 1 July, ingozi yokuqala yenzeke ngomhlaka 22 June. Eyi ngadideka ngaphela maNazaretha.
 
29.Eyi ngapaka eceleni ngehla, ngayibuka le yakithi ngoba ngizwile indlela ebeishaya ngayo ukuthi ilimele, ngaphuthuma leya moto yomuntu, ngathi uma ngibuka ngiyiqale lapha emuva ngehla nayo ngayophuma ezansi.
Ovuthayo, akuvuthi u-driver, kuvutha lo ongale, uyena ovuthayo, sikhulume nobaba, sishintshane inamba, nayo yonke into. Ayi bese ngibuka ngithole ukuthi eyi le moto, athi uyi hayirishile (hired) lo baba. Ngoba lento engemuva, angazi noma ubhampa lo la ngemuva, ithe ikuphakama, kodwa ibonakele ukuthi isinesikhashaya injeyana. Bese ngithi mina engathi le moto ibishayisile nje, athi yena hhayi siyithole inje, bese ngithi mina, kodwa ngokwazi kwami uma uboleke imoto endaweni yemoto, akuwena othi uma ufike uthi ngishayise la, ngashayisa la, ibona okufanele bayi check bese bekutshelake ukuthi imoto inenkinga kuphi.
 
30.Ayike sashintshanake neyizinamba nalobaba, wahamba, ngalala esitulweni ngididekile, ngisalinde omama bebuye emhlanganweni, kwenzakalani, ngizongenisa amakhehla, uyabona! Ayike kudlule laphoke, ayi ebese sikhuluma nabafwethu ngithi mina ngoba kukhona isitokofela engisidlalayo, bafwethu ngizoba nawo amandla enkomo, ngizocela ningilekelele mhlawumbe ko drink ukuze senze lo msebenzi kamkhulu.
 
31.Bese kuthiwa kufuneka indlu yakhe egcekeni, ngiyakhe 4 corner, 6 corner, izinto eyinjalo nje, ngiyakhe. Umkhulu kufuneka angene endlini entsha, ngeke angene laphana endlini kakhokho leya, kufuneka ahlale yedwa lapha. Ukuhlehla nje kancane ngibuyele emuva, umkhulu lo engikhuluma ngaye, uDlamini, asimazi, asimubonanga thina, nobaba wamubona kancane, kodwa kuthiwa wayeyisosha kangangokuthi wahamba sebengasa xhumani kahle nogogo, ugogo waze wacela imvume emakhaya eBergville, ukuthi eze la esilungwini azofuna umsebenzi emajalidini, wathola umuzi eMlazi kwa-K.
 
32.Uma lifika lelikhehla, angazi ngokugula okuthile, uma ngizwa futhi nasekhaya la elalihlala khona obaba, bathi izindlu nje zazimbili. Kuwu round nje abalala kuwona, nexhiba nje abapheka kulona, kulalwa kuyi spatolo lapha.
Uma efika uDlamini, angafici bantu, agcine eye kamakhelwane, Wagcina eshonele lapho, wangcwatshwa kulowo muzi, uyena ofuna ngimakhele indlu ngimngenise. Ayi ngayakhake maNazaretha indlu, ngahamba uR20 000 ecapfin ngayakha. Isaya 08 verse 19-20.
 
33.“Lapho bethi kimi, funani kwabanamadlozi nakubathakathi ababetha imilozi, banyenyeze, pho abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini, kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na” Ithi le ncwadi “Lapho bethi kimi, funani kwabanamadlozi nakubathakathi” Ithi incwadi pho abantu abayikufuna yini uNkulunkulu, kunokuthi baye kwabanamadlozi, nabathakathi, bababhulayo.” Uthi uBabamkhulu kumthandazo wokulala, uma usenkingeni, ubobiza uJehova uNkulunku;lu wakho, uyokuza akusindise, uma uyendlala kahle inhliziyo yakho emikhondweni yezimemezelo zezwi lakhe.
 
34.Isho njalo le ncwadi ithi abantu abayikumfuna yini uNkulunkulu kunokuthi baye kwabanamadlozi, ngoba kukhona iphutha abantu abamnyama abalenzayo bathi idlozi umuntu wakubo ongasekho, kanti ayikho into enjalo, idlozi enye into, umuntu wakini ongasekho enye into.
 
35.Kukhona incwadi la u Samuel 28 verse 5-8. Kuqhubeka ISaya 9 verse 19-20.“Emthethwenike nasekufakazeni, impela lelizwi abalikhulumayo alinakho ukusa” Ithike le ncwadi emthethweni nasekufakazeni, lelizwi leli elithi asiye kofuna laphaya, alinalo iqiniso futhi alinakho ukusa.’ Ithike le ncwadi emthethweni nasekufakazeni, uma senza izinto ezinjalo, siyofuna kwabanamadlozi, siyobhula, lelizwi alinakho ukusa, alinakho ukusa lelizwi elijalo. Ngoba uma kukhulunywa, kukhulunywa ngomthetho kaMose, le athi uBabamkhulu asesabe uJehova sigcibe imithetho yakhe asilobela yona uJehova ngeNceku yakhe uMose. Ileyo mthetho akhuluma ngayo la u-Isaya uma ethi emthethweni nasekufakazeni, lelizwi alinakho ukusa ukuthi singathi uma sinenkinga siyofuna kulaba bantu ababhulayo, noma ukusizwa kwethu bese kuqhamuka kulaba bantu asebelele ngoba ibo abadinga usizo lwethu.
 
36.1 Samule 28 verse 5-7“5 Lapho uSawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu. 6 USawule wabuza kuJehova; uJehova akamphendulanga nangamaphupho, nange-Urimi,* nangabaprofethi.” Kuthiwa la uSawuli akazange uNkulunkulu aze amuphendule, nangephupho, nange Urimi, engingazi ukuthi kusho ukuthini, kodwa uJehova akazange aze amuphendule uma ebika lolusizi lwakhe.
 
37.Uthini uShembe, uthi thina asibize uJehova, kodwa uJehova uzokulalela wena uma ulandela imikhondo yezjmemezelo zezwi lakhe, okuwukugcina umthetho lo kaMose okuku verse 3 and 4 womthandazo weSabatha.
“Wayesethi uSawule kuzo izinceku zakhe: “Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuba ngiye kuye, ngibuze kuye.” Izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni Dori.” USawule waziguqula, wembatha ezinye izingubo, wahamba yena nabantu ababili benaye, bafika kowesifazane ebusuku, wathi: “Ake ungibhulele ngedlozi, ungenyusele engiyakumusho kuwe.”
 
38.Uthi uSawuli kulo wesifazane awungibhulele ngedlozi, ukhuluma nomuntu wesifazane onedlozi, ungikhuphulele engizakukhuluma naye. Usho kumuntu wakubo ongasekho, noma usho kumuntu olele, kodwa lo muntu uzomkhuphula ngomoya wani, wedlozi. Owesifazane wathi kuye: “Bheka, uyazi ukuthi uSawule wenzeni, ukuba unqumile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi; ngalokho ungibekelelani ugibe ukuba ungibulale na?”
 
39.Kodwa ebengizama ukukuveza la maNazaretha ukuthi idlozi nomuntu wakithi ongasekho izinto ezahlukene ngoba idlozi ngisho abantu bethwasa noma benzelwa lezi zinto zegobongo, uyaye athi noma esephothula, aye emanzini noma aye olwandle, la azofike abuye khona nalomoya lo wedlozi, ebese esebenza ngawo, ngoba uma bekungenjalo, bekuyothi phela uma eshonile umuntu, izangoma zigcwale kakhulu laphana okushonwe khona ngoba zizokhuphula lo moya wazo wabantu abangasekho.
 
40.Kodwa izangoma zangampela aziyi emncwabebi, zenziwa yini ngoba phela ufile lo muntu olapha, ngoba zona zisebenza ngomunye umoya, azisebenzi ngomoya kaNkulunkulu kodwa zisebenza ngomoya wedlozi. Umoya womuntu wakithi ongasekho, kuthiwa olele, amathongo, umuntu wakithi lowo ongasekho noma kuthiwa isithunzike kwesinye isikhathi, uyena muntu wakithi ongasekho. Kodwa nje lo ekuthiwa idlozi, ingakho kuye kuthiwa idlozi, lidiniwe, lakufahlaza emotweni, ngoba umuntu wakini ngeke akufake phansi kwemoto.
 
41.Kodwa idlozi elizenza, uze athi uMkhokheli omkhulu, abantu laba abenza imicimbi le emakhaya, baze bazitshele ukuthi benzela omkhulu babo noma okhokho babo kanti USathane usevunulile, waya khona lapha emsamu. Wayesehloba wahlala khona lapha emsamu.
Konke lokhu esikwenzayo, asenzeli omkhulu noma ogogo noma obaba noma obani, sesenzela lowa ohleli lapha emsamu.
 
42.Ngayithenga-ke inkomo, sawenza umsebenzi, ngayakha le ndlu yaphela, wenziwa umsebenzi, yangakhala nalenkomo mhlazane ihlatshwa, yayihlatshwa imina futhi. Kwanesidididana nje ungakaqali umsebenzi, umfwethu ephuma engena, ekhishwa isisu, awuqali umsebenzi. Kwaze kwathi late ngathi mina mhlawumbe nge coke sizoba ngcono, mhlawumbe sehle isisu. Ayi ngathatha i-coke efudumele nje wase eyiphuzake, kwase kuba ngathi kuba ngcono. Ayi uthe uma eseqala, wayeseqala lezi zinto zakhonake ukubhonga lokhu kwakhona.
 
43.Eyi maNazaretha sibambekile bantwana bakaNkulunkulu, noma abantu babambekile, ngiyazibongela kuNkulunkulu ukuthi usengikhiphile kulezi zinto. Uthike lo njengoba ephuma engena nje, nina nenzela isigebengu umsebenzi layikhaya, esabhunguka sashiya izingane, nizosifaka layindlini. Kufuneka nihambe niyocela intethelelo kubaba, ubaba ungcwatshwe egcekeni, niyocela intethelelo kubaba okuyingane yakhe, ukuthi sicela intethelelo ukuze ukwazi ukuqhubeka lo msebenzi. Kwase kuhlelwe zonke izinto. Ayike, nangampela siye laphana elibeni likababa sikhulume, mhlawumbe kwasekushaye o-9, kuyoshaya u-10 ebusuku inkomo ibulawa.
 
44.Waqala umsebenzi wenzekake, ayi kodwa ngezwa ukuthi ayi engathi akwenzeki kahle. Ngikhumbula ukuthi lowo msebenzi, kukhona insizwa eyayilokhu ingidayisela, kukhona ama truck aye aba khona la, kuthiwa ufaka imali ama truck angapha eDandee, amanye abese Maritzburg, ilokhu le nsizwa ingishela lapha emsebenzini kodwa inhliziyo yami ingavumi. Kodwa uma sekufika lesi simo salo msebenzi, ayi ivume inhliziyo, ngihambe ngiye eBank, ngiboleke imali, ngifake R130 000, akukaze kubuye ngisho i-cent kuze kube namhlanje.
 
45.Ngayifaka le mali, ngizothola imali phela, R20 000 njalo ngenyanga. Yaze yathi le nsizwa eyi uyamubona umkhulu wakho kushuthi uyasebenza, awu ngangena kalasha kanjalo. Yangena le mali, kwaphela kanjalo, eyi usizi lwathi ngikhona, lwathi ngikhona usizi, ngangivame ukuzifakela ibheshu mina nemiconjana yami, kodwa ngizifakela ibheshu, kwathiwa phela ngeSabatha asifake ibheshu. Ngizifakela ibheshu, imina nje ekhaya engangizifakela ibheshu, abafwethu babengavamile ukulifaka. Kukhona insizwa, ewumalume kankosikazi lo oseNanda. Ihluphekile, ihlala ngapha e Hamaskraal, ihluphekile bandla yayizofika kuwu uJuly.
 
46.Sengithi uma sidla nalensizwa engidla nayo, sengithi asishiyele kuze ikwazi ukudla nayo. Kodwa le nsizwa yathi uma isihambile, isiyangifonela, uma isihambile, sesiyaxoxake, isithi yazi mnumzane ngenkathi ngikubona lapha umoya wami uvele wajabha kanjani. Ngithi mina yini, ithi indlela isimo sakho besidabukisa, kunokuthi ngizidabukele mina ngingasezwa kodwa ngidabukela wena kodwa angazi ukuthi yini. Eyi yangidida lento, ayi ke, kanti uNkulunkulu uyashanela maNazaretha, ayi umuntu ashayeke ezindongweni, ashaye ezindongweni,
 
47.Kwathi ngomhlaka 22 August 2020. 07:10 am, yangena inkonzo oKhozini. Uma ingena le nkonzo, ngisekamelweni, le nkonzo uma ingena maNazaretha, ngangisembhedeni, sithi isihloko salenkonzo usizi lwemimoya yabantu abafile. Yathi uma ingena le nkonzo, ngokujwayelekile, into ebesiyifundisiwe ngale, ukuthi uma kungena uBaba uMelusi sishintshe i-Channel, siye kwenye i-Channel, kodwa ngalolosuku akuvumanga. Wathi ethi uyakhuluma lomama waseMzinyathi ngathi mina cha, phuma uvale umnyango, ngilalele.
 
48.Wase eyashumayelake uBaba uMelusi inkonzo, waze wathinta indaba yalomntwana owagwaza isoka lakhe, wayelokhu ebuya, ebonakala ezovula amabhodwe. Emva kwalokho, uthe uma eseqedile uBaba uMelusi ekugcineni la, wayesethike angikhulumi ngalomntwana, kodwa ngikhuluma ngathi esisasele la emhlabeni ukuthi lesi sikhathi esafikela lo mntwana emncane, nawe sizokufikela. Wenake ngeke ube nenhlanhla eyehlela lo mntwana, usazoba umhambuma, usazohamba uvula amabhodwe, ufuna ukudla emzini yabantu.
 
49.Usethike, umcebo wasemhlabeni uwodwa, angeke ukusize ngalutho, uthi umcebo wasezulwini umcebo waphakade, oh uthi funa umcebo wasezulwini ongumcebo waphakade, funa ingubo yomoya, usethike, sengathi uNkulunkulu engasipha ukuhlakanipha kwasezulwini sibe ngabantu abasenyanyayo isono. Ebese engibamba maNazaretha lamazwi eseyishilo uMelusi i-Fecebook page, u-Facebook ngangingawudlali mina, ngalelolanga ngase ngiwu download, ngase ngingenake, ngase ngithi ake ngilandele, kwase kulandwa mina ngaleso sikhathi.
 
50.Ngase ngixhumana nale nsizwa ekwakuthiwa uThabo Sambothi, ngiyaxolisa ukumemeza igama lakhe lapha, kodwa ngaxhumana nayo, ngoba ngake ngezwa kuthiwa yayingala e Pinetown. Ngase ngiyibuza ngalendlela, futhi ayibanga nawo umona, angeke ngiqambe amanga, yathi kumina into ezokusiza, ukuthi ufune le ncwadi ebhalwe ukuthi ubuNazaretha namasiko. Uqale Ufunde yona. Uthi uma usuyifundile bese ubuyake bese siyaxoxa, bese echaza ukuthi, yabhalwa uBaba uMelusi noMkhokheli shuthi wayebalekelela angazi noma ekuyi printeni noma ekwenzeni njani.
 
51.Ngase ngiya e Adams Bookshop. Ayi yashintsha izintoke incwadi, yashintsha izinto eziningi incwadi, kwakuthi noma ngiya enkonzweni yeSabatha ayi emini ngingabe ngisaya. Ngelinye ilanga uyafika lo mama ungifica ngihleli lapha lo wase Mzinyathi, ungifica ngiphethe le ncwadi, sengilinde u 1 nje, uma washaya ngivula ifoni yami ngingena inkonzo yaku Facebook. Iphethe le ncwadi, ngiphethe ibhayibheli ngibeke isihlabelelo sami la. Kushuthi ngase ngizumekile, hawu ushonephi, ngikulo round ongemuva, hawu ulana, ehhene. Hawu kade ufunda lento, yeyi awungiyeke wena, ngaqhubeka ngazifundela incwadi yami.
 
52.Kwase kungena kanjaloke, ngaze ngazamake ukuthi ngigcine ngifikile kuBaba uMelusi, ngafike ngazethula kulendlela engazethula ngayo, ngiyaxolisa mhlawumbe amaNazaretha ebefisa ukushumayela okuhlukile kunalokhu engikushumayelayo. Kodwake kubalulekile ukuthi sazane ukuthi umuntu usukaphi nokuthi uNkulunkulu umsusephi aze afike la, ngoba iyona ndlelake uShembe ashumayela ngayo kubantu leyo.
 
53.Ayike ngase ngaba khonake la ebandleni, ngase ngiba nenkinga ngiyagula, ngeke ngikutshele ukuthi ngigulaphi, ngiyagula kodwa, lento engazukuthi kungcono uma ngizoyikhuluma nomuntu, ngiyaphila, kodwa mangizothula nje ngiyagula, kufuneka ngikhulume ngendaba kaShembe ukuze ngize ngiphile. Kukhona insizwa nje esasijwayelene nayo yakwaGumede iliNazaretha, ngoba manje ngiyagula sijwayele ukukhuluma ezinye indaba, manje uma sengibuya ngifaka le, yagcina ithathe ngisho transfer yabuyela e Richards Bay esasisebenza nayo.
 
54.Ayike ngelinye ilanga ekuseni, izinto zixakile maNazaretha, bese kuthi lapha emsebenzini, ngifonelwe inamba engangingayazi. Bese ethi lo sisi, unikwe enye insizwa, ufisa ukuthi ngimuxhumanise nomfwethu lo ebengisho ngithi uwugobela. Sihlangane naye laphana emsebenzini, ngizongena u 10 ebusuku. Uma sengimubona lo sisi, ayi angimazi, sixoxeke, ebese ngibuza unankingani, achazeke, ngithi mina eyi, sisi wami kulikhuni ukuthi mina ngizothi iya la othi ufuna ukuya khona ngoba mina uNkulunkulu akasavumi ukuthi ngenze kanjalo, kodwa mawufisa usizo, ngingakusa la mina engihamba khona, ngiyazi ukuthi uzosizakala.
 
55.Wathi ayi kulungileke, bese ngimunika le ncwadi engiyishoyo, ubuNazaretha namasiko, uyifunde. Mase ngifona layikhaya, ngicele, ngempela simuthole uMa ekuseni. Ngixakekile maNazaretha ngino R5 vo ku Wallet, kodwa ngibe nesibindi ngimuthathe loya sisi ngimulethe la, ngimuthathe la e Savannah Park ngimulethe la, bese kuqala kungena mina, bese uMa abuze ukuthi ingubo yesonto angiyiphethe ngani, ngithi Ma bengisuka emsebenzini, bese ngibika usizi.
 
56.Ngikhiphe lo R5, uMama bese engena ngaphakathi angibuyele namanzi, nensipho, bese kuphuma isijumbana, angifuni ukungayisho lento ngoba uNkulunkulu uzongibeka icala! Ebese kuphuma isijumbana, kuthiwa thatha la Nkosana ufake u-petrol emotweni, uShembe uthi asifihlane! Hawu Mkhokheli angizile phela mina ukuzo… ngilethe lo muntu, cha, uShembe wathi asofihlana. Thatha nansi imali ufake u-petrol emotweni. Angene lo sisi, aphinde aphume sihambe, anginike u R200 naye.
 
57.Ngisho ukuthi maNazaretha leyo mali yavula izinto eziningi, ngoba wathi uMkhokheli omkhulu, into ezokwenzeka uzosuka usuke uyofuna imali kwabanye abantu, uthathe imali engafanele. Ayi kwavuleka maNazaretha ngithatha leyo mali, ngase ngithi ukunyamalala kodwa, eyi ngisahlelebha izinto phela lapha ekhaya imina oshisa impepho. And ekhaya, uma sewehlulwa umuzi wakithi, kwaze kwathiwa sithwele ngendlela esasihlangene ngayo. Ngisho okuncane kuyakwazi ukuzibambela imbuzi ngendlela okwakuyiyona ekhaya, sithi senza okuyikho kanti asenzi okuyikho! Kukhona nje ubaba engizocela uShembe amukhumbule Nkulunkulu waseKuphakameni, wayehlaba 10, 12 wezimbuzi, eyi kodwa usizi olusele ekhaya kwakhe kuyimanje, luyamangalisa.
 
58.Ngizocela uNkulunkulu waseKuphakameni amukhumbule la abhajwe khona ngoba wabhajwa, sijabule thina sidla inyama. Ayi emva kwalokhoke maNazaretha ngathi ukunyamalala, ayi ngabuye ngabuyake, uma ngibuya, uMa, wathi awu nkosana, bengithi mhlawumbe umndeni ukuhlulile. Ngathi cha, ubungangihlule, khona ebengisazama ukuthi ngikulungise, ngoba ngenkathi ngiqala le ndlela, ngangithi ngiqedela umshado ngoba ngokwangale, ngangiwumuntu ongakasini, ongasidli isidlo, ngingenzi lutho nje, so ngifuna ukulungisa le ndlela yakhona nami ngikhululeke, ngikhulule umakoti lo ongowalapha iekhaya.
 
59.So, kwase kudlulake lapho wase ejabulake umama uma engibona sengibuyileke, sase sikhethe iNkosi. Umakoti naye sengimxoxela, ngavuka nje ngesikhathi ngingena u 3 ekuseni, ngavuka ngabo 10 ngamuxoxela le ndaba engithi zazingigulisa. Ngaxoxa kwaze kwashaya isikhathi u 04:30 ukuthi ngigeze ngibuyele emsebenzini. Uma sengisemsebenzini, ngithi ngiyamufonela, lo muntu akasafani nendllela engimshiye eyiyona, ngithi mina ma, kwenzenjani, uthi ngiyagula, yini, uthi ilezi ndaba okade uzixoxa, ngithi mina ziphi, lezi okade uzixoxa. Ayi lamubamba naye iwuka likamahilela, sayikhetha kanye kanyeke iNkosi ngoba safike sayikhetha layikhaya.
 
60.Kodwa luningi usizi lezinto ezenzakalile, sengizoqeda ngoba ngiyalibona iwashi, ziningi izinto ezenzakalile, zenzeka sekunesikhashana umuntu efikile kulendawo. Ezikhomba ukuthi uNkulunkulu ngampela uma ugxila kuye, ithemba lakho ulibeka kuyena, impela uyakusebenzela. Ngoba kwathi ngenye imini kade ngiphuma kuyiSabatha ekuseni ngikhona ngale nabantwana, eMgababa, kushuthi uyafona lo muntu, angazi noma ngikhuluma kahle yini, kodwa ivangeli engifike ngalizwa lixoxwa layikhaya ukuthi into edala ukuthi isithembu singathandeki, ukuthi umuntu wesithembu kuhlezi kungenakho ukuthula.
 
61.Lento esuke ikhulunywa, iyiqiniso, ayisiwo amanga, iyiqiniso, sikusona nje impela kuyiqiniso, sikusona nje impela, iyiqiniso, kusiza ngakho ukuthula. Thina esiwoThulani nje ngiye ngivale umlomo nje kuphela sengithule, ngisho lonto engishoyo sengithule, okhulumayo akhulume nezindonga, ngoba ayikho into engizoqhubeka ngiyikhulume, kodwa nje ukuthula akubikhona kahle, kodwa uNkulunkulu kulowo mzuzu mhlawumbe angenelele. Sengiyafonake ngibuza abantwana ukuthi abantwana balale kanjani ngapha eNanda, usethi lo omunye, balale kahle, kubangweke indaba yokuthi njalo ngila, ngiba kanye le.
 
62.Ngithi mina yeah, kufanele phela ngibe kanye, angani awufuni ukuya esontweni, ngiya kulaba engiya nabo esontweni, angikwazi phela ukuhlala la ngoba wena awufuni ukuya esontweni. Ayi kushunqe phansi, nami uze umoya wami uphakame, kungena u9, senze isiguqo sikaBabamkhulu, emva kwalokho bese ngithi undodakazi wami lo omdala akafunde umthandazo, siwufunde siqede ebese ngiyalala. Ngivuke sekufuneka ngilungisele sekufike nonina wabo. Oh ngivuke mina ngibambe inkonzo yasemini ku Facebook. Afike nje unina wabo ngisanda kuqeda inkonzo, sixoxe bese kushaya isikhathi sokuthi ngigeza.
 
63.Uma ngigeza, bese kungena ucingo, angithi usebhizi lo ubuka inkonzo efonini yami, alibone ukuthi umngani wakhe lo ongale, bese ethi nalu ucingo, bese ngizolithathake ucingo, uma ngilithatha ucingo, hawu kuyakhalwa ngemuva. Akukhulumi yena lo okhalayo, kodwa okhalayo uye yena umama lo. Awu baba uDlamini, yebo ma, awu sekuvele kwenzeka umshophi layikhaya, indlu iyasha. Indlu iyasha? Yiphi yona? Iqhughwane, uyakhala lo ongemuva, umnini weqhugwane ngoba phela akusesilo elami manje, yena uyakhala manje.
 
64.Ngithi ma, kulungile ma, akekho unina lapho. Bese ngifonela umakhelwane wami ongezansi, uMshumayeli uCebekhulu, Mshumayeli, ngezwi nje eliphansi ethi eyi makhelwane, konakele, ngithi mina MShumayeli kwenzenjani. Athi ayi indlu iyasha, ethi ethi asazi kuthi wuuu, kushuthi iyawa insika manje, eyi ngithuke nami ngivale ucingo, ewu eyi madoda, bekunomsindwane kodwa ekuseni. Eyi lingushaye uvalo, ngilungekeke, ngingene emotweni.
 
65.Bese ngithi ayi ayi ngeke angilihlome layikhaya ucingo. Ngimthole uMkhokheli omkhulu, eyi Ma sekuvele kwenzeka inkinga lapha ekhaya, kuphi? Ngishoke, bese ethi akulimalanga muntu, ngithi cha Ma akulimalanga muntu. Besethike uMa, ukube mtanami bengiwuwe, bengizoohalalisa, ngithi makabongwe uJehova, awu ngasho khona nami ngathi amein ma, ngisemgwaqeni, awu yasha kanjalo lendlu yaphela.
 
66.Kanti vele nami ngangisezinhlweni ngithi ngizoyiqaqa, ngase nginqena ukuyifaka umlilo nje, ngithi ngizoyiqaqa ngikhiphe utshani kahle ngoba ngangingasayisbenzisi, esasikuhlanganise nayo kwakungasekho. Manje, eyi ziyavutha lezi zakithi ezingilamayo, eyi bhuti uyabona ukuthi kuzokonakala, izingane zizolimala, kukhona umuntu ongakhonza uJehova, uNkulunkulu, ayeke indaba yedlozi. Ngithi mina hhayi akukho okonakele, futhi ngeke konakale lutho, khululekani nje, ayikho into ezokanakala, hhawu abantu abadala sebediniwe baze bashisa umuzi.
 
67.Sengibuza umama ongizalayo, ngithi wema, uma usile nje kahle la ekhanda, Ukhona umuntu ongashisa indlu ahlala kuyo ngokudinwa omunye umuntu, uthi njengoba eyishisa nje, uma isisha uzohlalaphi, uzohlalaphi uma eseshisa indlu, ngokudinwa imina, useshisa indlu ahlala kuyona, ngithi mina ma, ayikho lonto! Ngalelo langa maNazaretha ila engafunda khona, ngoba kuye kuthi uma kugidwa ku 23, kukhona i-slogan uBabamkhulu asifundisa sona, ukuthi sithi yize umoya, uJehova uNkulunkulu wethu, ushisa izitha zethu, ushisa otikoloshe, ushisa amadimoni, ushisa abathakathi, bese sithi ekugcineni umlilo, umlilo, umlilo. Layikhaya sithi “fire!”
 
68.Ngithike mina ngalelolanga ngawubona ukuthi umlilo kaJehova ukuthi unjani, ngoba uNkulunkulu uyisimangaliso maNazaretha ngoba angithi inkonzo iphuma ngo 2 ngesabatha, bese kunikelwa emva kwalokho, bese kwenziwa ulalanathi. Benza ulalanathi nabo ngale. UNkulunkulu ngenkathi sekuhlakazekwa, kwase uqala umlilo, futhi abantu okuyibona ababona lomlilo amaNazaretha ayephuma ethempelini ngoba ngiseduze kwethempeli lapha koNkosi, iwo lawa ayegijima ezobhula umlilo.
 
69.Kuthangi ngiyaxoxa noMshumayeli yena uCebekhulu lo ola ngezansi, kushuthi besinenkinga kagesi, mina sengiwulungisileke, isasele ngakubona. Manje uzocela uku ayina umNazaretha uMshumayeli, ngithi ngeke ngimhluphe ngingedwa vele lapha ekhaya ngiyasebenza, afune noku charge ifoni, bese sixoxake la ngaphakathi, phela mdala ngeke ngivele ngimsukele. Ebese eyifakake le ndaba, athi hhayi yeyi, uThabekhulu yena uyakhuluma, kodwa le yamaqhugwane angiyizwa kahle. Ngithi mina hhayi uqinisile Mshumayeli, nina ninenhlanhlake ngoba nizalelwe ebuNazaretheni, ibiyikhona yini lento nisakhula nina.
 
70.Athi yena eyi ibuye ingidide ngoba abanye aba nga 5 nga 6, ngidideke ukuthi awani. Ngithike mina kuhanjwa la okumele kuhanjwe khona, ngoba phela uShembe uthi okwethu ukubiza uJehova kuphela, hhayi siyoqubisa lapha emsamu ngoba ngokuya emsamu manje, sesakha omunye unkulunkulu ngaphezu kwaJehova. Bese ethi yena ayi ubenqena ukuyikhuluma lento ngoba mhlazane kusha la ngoba ngafonela yena, uthi ila engazi khona ukuthi kuthiwe awusekho, usungale. Kuthiwa uyabona njengoba isha nje, kudinwe abadala uDlamini usengale. Uthi manje ngase ngidangala ngingazi ukuthi ngizokubuza kanjani. Ngithi mina hhayi vele ngikhona impela, sengibuza kuyena lo mbuzo engawubuza umama ukuthi wena ungawushisa yini umuzi ohlala kuwona, uthi uzohlalaphi?
 
69.Ngoba lelivangeli likaNkulunkulu maNazaretha, ngiyacabanga ukuthi libalulekile ukuthi siliphathe ngezikhali zamantungwa, ngoba sonke besingaboni, besiwufunda lo mthandazo kodwa siwufunda njengomlolozela kodwa singawuqondi usho ukuthini. Kukhona nje abanye abaye bafunde bathi “ndlu!”(umfundisi uNtombela), ubone ukuthi uyadlala lomuntu kodwa ufunda umthandazo kodwa ungumgcotshwa omkhulu. Angithi nina nizonaka lento kodwa i-meaning noma umqondo okuyiwona oshiwo ilento eshiwo la, ngeke uze ungene kuwena, wena uzonaka ukudlala kwalomgcotshwa lo, kanti yena une mandate yakhe esingayazi ayiphushayo.
 
70. So, ngike ngibacele nabafwethu nodadewethu abasasele ngale ngoba ngaphuma nje nomakoti nabatwana, bonke nje basasele khona, kodwa nje uma kusenziwa izinto, ayi bandla ngabatshela nje ukuthi abakhethe osezobashisela impepho, mina okwami, sesiyehlukana! Sahlukana kanjaloke, zenzeka izinto, kwakheka nemzini ebingakheki, bekunezinto eziningi nje ebekade zijamile, kushaye umhlaka 15 awusenamali, angisho ukuthi ikhona cha, kodwa sengisho ukuthi, kuye kushaye umhlaka 15 nawe ubone ukuthi ayi akufani, usazocongolozela kushaye umhlaka 27.
 
71.Kanti ekuqaleni, angithi yonke le mali ubuthi mawucabanga ucabange lezi zinto, kuthiwe kufanele wenze ukuthi, wenze ukuthi ekugcineni ungasizakali ngalutho. Manje iyangithusa le ndaba, kuthe uma kungena ucingo uMkhokheli eletha umyalezo, bengisanda kukhuluma nomakoti, kuthangi ngoLwesithathu kuzosa kube uLwesine. Ngibona uBabamkhulu, ngimbona nje la, kodwa uphethe inkonzo, uyakhuluma, akhulume impela kuze kuvele namazinyo, angikaze ngiwabone njengoba ewuvalile umlomo. Kodwa lapha esibonakalisweni ubekhuluma impela uze uwabone amazinyo, ekhuluma impela uyashumayela.
 
72.Eyi uma ngithi ngiyaphaphama u 04:10, ngivuke ngihambe ngiye e sitting room ngifike ngiguqe ngithandaze ngibuyele endlini. kodwa futhi uma sengiguqa ngithandaze ngiqondanise naye, ngithi Babamkhulu ngiyabonga ukukubona ushumayela, angikwazi ukuthi kusho ukuthini, kodwa nje ngibonga lokho. Eyi uma kungena ucingo izolo, ngithi mina eyi imi lo okufanele ayokhuluma lapha, kushuthi uShembe ebesevele eyibonile lento ukuthi kuzodinga ukuthi nami, besiye sithi lapha, kukhokhwa inkomo kaShembe, angazi ukuthi yayikhokhwa ngendlelani, kodwa kushiwo njalo.
 
73.Kushuthi kodwa uNkulunkulu waseKuphakameni ubefisa nami ukuthi ngiphakamise ubukhulu bakhe phakathi kwamaNazaretha, ningaxakeki nibona nje lensizwa ikhona nabantwana nomakoti, ningazi ukuthi njengoba ilapha nje, nami ngilethwe uNkulunkulu futhi bekunzima kakhulu!
 
74.Ngiyacela kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi nami angibophe ngebhande lothando, lokubekezela noma inzima indlela yakhe, ngoba uyasho ukuthi ilidwala elibushelelezi futhi liyabahlula abanimgi. Ukuthi uNkulunkulu nje asibophe kanjalo sibambelele kulendlela, noma ishelela kodwa ishelele siye khona.
 
75.Ngoba uthi uShembe uma sesifika ngale, uthi uyoza nengubo yakhe enkulu, mhlawumbe le Ngubo kuyobe kweyesikhumba, mhlawumbe kobe kweyamasaka, uthi bese esifaka kulengubo yakhe. Uthi uma sebembuza ezulwini bethi Shembe wamkhulu kangaka, athi ayi into yami le, uthi ngoba la okuyiwa khona angiphikiswa, kodwa kunombandela nalapho, akusiyena wonke umuntu ongaphansi kobuNazaretha oyoba naleyo nhlanhla.
 
76.Uthi uBabamkhulu abayokwazi ukuthi behlelwe ileyonhlanhla, ilabo abangangisoli, abangangiphikisi, ukusola uShembe kunezindlela eziningi. Nathi asicele loluthando ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni siwele kulabo abangamusoli UShembe futhi abangamuphikisi uShembe, kuthi noma kunzima kunjalo kodwa siqhubeke siye phambili. Ngalawo mazwi, ngiyabonga.
 
INkosi ibusise enikuzwile

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *