Ngo August 2010, ingelosi isingitshelile ukuthi angiphume eBuhleni, kodwa mina ngiteleka, yafika kithi ikhathazeke isimanga, yabe isithi:
“Ngithunywa ngamakhosi amathathu aseKuphakameni, athi lelibandla lizoba yinhlekisa emhlabeni, athi amakhosi aseKuphakameni asethembe wena ukuthi nguwena ozokwazi ukulitakula lelibandla kulelihlazo elizongena kulo.”
Isihlabelelo 219
1.Besilizwile
WeBabamkhulu.
Sehlulwa ukwenza
WeBabamkhulu.
Thambisa izwi lakho
WeBabamkhulu
Sozama ukulenza
Izwi lakho.
2.Izinkulungwane
Ngezigidi
Zimi lapha
WeBabamkhulu
Zehlulwa yizwi lakho
WeBabamkhulu
Thambisa izwi lakho
WeBabamkhulu.
3.Izwi leziboshwa
WeBabamkhulu
Mawulizwe izwi labo
WeBabamkhulu.
Zifuna umphumuzi
WeBabamkhulu
Lezo ziboshwa
Ziphumuze.
4.Sihleli osizini
WeBabamkhulu
Kuleli lizwe
WeBabamkhulu
Yizinyembezi zodwa
WeBabamkhulu
Kuleso sigodi
Sosizi.
1.Lesi’ isihlabelelo sokugcina sikaBabamkhulu owasiqamba ngo 1934, eseNelisiwe, sekusele izinyanga ezimbalwa ahambe emhlabeni. UMprofethi wasishiya mhla ka 2 May 1935.
2.Uthi-ke uBabamkhulu uNkulunkulu umthathile ngomoya wamusa ezulwini. Ezulwini uthole izigidi zamaNazaretha zisesigodini sosizi, zikhala, zithi zikulolu sizi nje kungenxa yakhe owaqinisa umthetho kaNkulunkulu.
3.Uthi-ke uMprofethi: “Ngithe ngifika kulamaNazaretha ngathola ukuthi angisabizwa ngoBaba, kodwa sebengibizwa ngoBabamkhulu.” Wabe esethi: “KulamaNazaretha ngifice umfundisi wami enqunu, wathatha itshe wangijukujela ngalo langishaya esweni ngoba ethi ukulesi simo ngenxa yami engaqinisa umthetho. Kodwa anginakuwuxegisa umthetho kaNkulunkulu!”
4.Ngokubuka kwami lesi kwakuyisiprofetho, ngoba uBabamkhulu wahamba emhlabeni amaNazaretha esabalelwa ko 35 000, hhayi esigidini.
5.Okwesibili ngesikhathi sikaBabamkhulu amaNazaretha uMprofethi ayembiza ngokuthi nguBaba.
6.Leligama lokuthi nguBabamkhulu lasetshenziswa engasekho emhlabeni, okucacisa kahle ukuthi wayeboniswa amaNazaretha ayezovela yena engasekho kulomhlaba!
7. Ngokusobala izigidi zamaNazaretha ezisazokuya esigodini sosizi ngokuchitha imithetho kaNkulunkulu ngamaNazaretha aphila kulesi sikhathi samanje! Lokhu singeze saze sakufunisla!
8.Sisakhuluma ngaleli gama elithi nguBabamkhulu, sakuchaza ukuthi ingelosi yathi akwamukelekile ezulwini ukubiza uBabamkhulu ngokuthi “uBhombela”, ngoba lezi zibongo uBabamkhulu waziqanjwa ngabantu.
9.Ingelosi yathi awukwazi ukubiza uMprofethi kaJehova ngezibongo oziqanjwe ngumuntu wasemhlabeni, kube sengathi uMprofethi insizwa nje yomgangela!
10.Mhlawumbe kwakunga bekezelwa esahamba nathi kulomhlaba, kodwa manje uMprofethi kumele umhlaba umazi ngegama lakhe langempela!
11.Yathi amagama akhe esingambiza ngawo ukuthi nguBabamkhulu, uMqaliwendlela, nguMprofethi Isaya Shembe, ngoba leligama uBaba iLanga walibhala ezihlabelelweni.
12.Noma sithi-ke uThumekile, ngoba lokhu kuyisithopho esavela ezulwini, uBabamkhulu wayethoshwa zingelosi mhla zilethe kuye lezi zihlabelelo zasezulwini!
13.Kodwa amanye amaNazaretha ayaye ephikelele uShembe ukumbiza ngoBhombela, ngoba engafuni ukuthatha iseluleko sengelosi!
14.Kodwa ngokwenza njalo bacabanga ukuthi balaya lengelosi, kanti bazilaya bona, yibona kusasa abayobuzwa ngalokhu ingelosi ebafundise khona; sebebuzwa ukuthi abayilalelanga ngani!
15.Ngalolo lusuku uyobe usuwedwa, usubona ukuthi kanti lengelosi ekade ngiyithuka iyisikhulu esingaka ezulwini. Nokho ngaleso sikhathi kobe sekuphelile ngawe!
16.Beesikhuluma ngezigidi zamaNazaretha esingasaphili ngaphansi komthetho kaJehova, asezakhele onkulunkulu bawo abangasazingeni izimfundiso zoMprofethi!
17.Ngike ngezwa omunye kulamaNazaretha-mbumbulu ebhale kufacebook ethi: “NguShembe olalelwayo, hhayi iBhayibheli, akathunywanga ngalo, kepha lalivele likhona, if lali correct wayengenke afike kithi” Lomuntu uma ekhuluma ngoShembe usho umholi wakhe!
18.Ngithe uma ngimbheka lomuntu, uthi wake wafunda e-Unisa! Ngazibuza ukuthi umuntu othi wake wafunda e-University, pho ubhediswa yini kangaka?
19.Kodwa kungenxa yokuthi abafundiswa lutho ngenqubo yokukholwa ethi abagcine umthetho kaJehova, abakufundiswayo ukuhlale bedumisa umholi wabo, okunguye obizwa ngokulunkulu wabo!
20.Lokhu kudalwa ukuthi bathe beqala ukukholwa batshelwa ngomholi wabo ukuthi, lo ophambi kwenu uyena nkulunkulu wenu, konke ukukholwa kwenu kugcina kulonkulunkulu enimbonayo!
21.Naye lomholi azikhombe yena ukuthi ungunkulunkulu wamaNazaretha, ezwakale ewavumisa ngisho esontweni ukuthi akahlabelele ngaye! Kuyinto engakholieki, engenziwa umuntu oke wathatha izidakamizwa, ukuthi ungavele ume phambi kwabantu uthi:
“Ubaba wayengu nkulunkulu, unkulunkulu uzala unkulunkulu, ngakho nami ngingunkulunkulu!” kodwa-ke uNkulunkulu uma esefuina ukuqeda ngawe uvele ekwenze isiphukuphuku, ukukhuluma kwakho kufane nokomuntu ophuzile!
22.Leso senzo siphambene kakhulu nomthetho kaNkulunkulu kumuntu olikholwa, ngoba kumthetho wokuqala emthethweni elishumi, kuthi UNGABI NABANYE ONKULUNKULU NGAPHANDLE KWAMI.
23.Lokhu okwenziwa ngabaholi namaNazaretha akwaShembe kuyisono ngezindlela ezimbili: okokuqala ukwephula umthetho wokuqala othi ungabi ngabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.
24.Okwesibili ukwephula umthetho wesithathu othi: UNGALIPHATHI NGEZE IGAMA LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, NGOKUBA UJEHOVA AKAYIKUMYEKA UKUMJEZISA OPHATHA NGEZE IGAMA LAKHE!
25.AmaNazaretha alande umuntu emgwaqeni edlala amadayisi, bamfaka izingubo zobukhosi base bethi ungunkulunkulu, unguJehova! Lokho kukodwa kunguhlambalaza igama likaJehova!
26.Ezinye izono ezisobala kuleli bandla lamaNazaretha ukuthatha izangoma zingeniswe emzini kaNkulunkulu, zithwasiswe phakathi ebandleni; kusuke ngisho abefundisi babe ngoGobela bethwasise amaNazaretha!
27.Sekutholakala amaNazaretha ephuza utshwala, into eyaziwa umhlaba wonke ukuthi umNazaretha akakuphathi ngisho ngesandla utshwala! Ngizwa ukuthi amanye amaNazaretha asegunda amakhanda, nabefundisi imbala!
28.Umthetho kaJehova usuvele washawa indiva emva koba onodoli abathi nabo banguthixo, abakhulekelwe!
29.Isihloko salenkonzo sithi: ISALAKUTSHELWA SONA NGOMOPHO. Lesi saga sisho umuntu okuthi uma exwayiswa ngengozi engamehlela, angasemukeli isexwayiso, aze ebone ngoba ingozi isimehlela!
30.Lapha emhlabeni sinezinhlobo ezimbili zabantu. Kukhona umuntu okuyaye kuthi uma umtshela into alalele, bese eyiyeka into omxwayisa ekuyenzeni.
31.Kodwa futhi kunohlobo lomuntu ongasithathi iseluleko somunye umuntu, owazi ukuthi okuyikho ilokhu okucatshangwa nguye.
32.Umuntu onjalo-ke angenke umenze lutho, ngoba wazi ukuthi nguye yedwa ohlakaniphile.
33.Kwesinye isikhathi kuyenzeka usiphikise iseluleko somuntu ngoba ucabanga ukuthi asiyiso, kanti lokhu okuphikisayo ikhona okuyikho. Angikholwa ukuthi ukhona umuntu ongakaze alenze iphutha elinjalo.
34.Ngo 2006 savakashelwa inkosazana, ekuqaleni esasicabanga ukuthi umuntu nje onjengathi, kodwa emva kwesikhathi sabona ukuthi lo ngumuntu ongumoya!
35.Noma engazange wazichaza kanjalo, kodwa sabona ukuthi ingelosi le.
36.Mhla ka 4 kuJanuary 2010, lengelosi esasesiyazi ngokuthi uHlaleleni, ngoba yazichaza kanjalo, yangazisa ukuthi kumele ngiphume ebandleni lami, bese ngisungula elinye ibandla elizoshumayela licacisele umhlaba ngendlela eyiyo yokukhonza uJehova!
37.Lokhu kukhuluma akungiphathanga kahle, ngangokuthi ngakuphimisela ukuthi kanti lengelosi izongihlubula ekukholweni, ithi ngizoyenza kanjani into enjalo?
38.Ayigcinanga lapho, yabe isithi kuwo uJanuary ka2010 angingayi entabeni yaseNhlangakazi. Lapho-ke ngenqaba isizulu, ngathi akukwazi ukuthi kungumhlangano ngingayi emhlanganweni eNhlangakazi.
39.Lomuntu wasezulwini wathula, awaze wangiphikisa, kodwa waphika ngokuthi useshilo. Kwathi kusentabeni eNhlangakazi, ngavele ngashibilika obala etshanini, ngabhinyika unyawo. Ngathi ngibuya ngase ngithwelwe.
40.Ngaya esibhedlela, ngabuya sengikhonkiwe, ngangiya enkantolo sengihamba ngezinduku!
41.Kodwa okuseqinisweni yayingitshelile ingelosi ukuthi angingayi eNhlangakazi, noma ingazange inginike isizathu!
42.Inkinga ngengelosi ukuthi ukukhuluma kwayo kuyaye kufane nephupho, awukwazi ukubuza konke ngento eyikhulumayo, futhi, njengasephusheni, kwesinye isikhathi ibe nokukhuluma okufisha, ikushiye nemicabango yokuthi ngabe ibichaza ukuthini ngalokhu kukhuluma?
43.Lokho kwenza ukuthi nawe wenze amaphutha, bese ubona muva ukuthi lokhu engikwenzile, noma engikucabangile, bekungeyikho.
44.Maningi amaphutha engawenza ekuphikiseni lokho ingelosi eyayingitshela khona, okunye okwagcina kungilimaza. Noma ngingenke okunye ngikuveze, kodwa manje sekuyangihlupha kakhulu.
45.Sengiyabona manje ukuthi ngaphikisa umuntu wasezulwini, ngenziwa ukungazi; kodwa sengiyazi manje.
46.Ngicela ukuba iNkosi ibe nomusa kimi, ingithethelele kulawo maphutha engawenza ngenziwa ubuntwana!
47.Ngicela ukuba engakusho nengakwenza kungabi namphumela omubi kimi nakubantwana bami. Ngangenziwa ukungazi Nkosi yamakhosi!
48.Kodwa abanye abantu bayaye beyiphikise ingelosi, hhayi ngoba bengaboni ukuthi ingelosi le ekhuluma lokhu kukhuluma, kodwa ngoba basuke bengenwe umoya omubi, beqhutshwa nguSathane!
49.Bayaye bethi ngenke bona betshelwe yilengelosi kaMpanza, bese beqhubeka nokwenza into abakhuzwe kuyo ukuthi abangayenzi. Baqhubeke ukuyenza ngoba bethi ngenke bathathe into abayitshelwe nguHlaleleni oyingelosi kaMpanza!
50.Kodwa uHlaleleni akasiyo ingelosi kaMpanza, uyingelosi kaJehova ethunywe kimi, ukuba ngami iqondise indaba kaJehova emhlabeni!
51.Eminyakeni ephambili kwaba nomfana ozalwa inkosi owakhulela eKuphakameni. Uthe esuka wabe esengenwa ngumoya wokuhlubuka ekhona eKuphakameni.
52.Waqonywa ngamakhosazana nangomakoti babantu ekhona eKuphakameni.
53.Wakhuzwa kulokhu, kodwa wangakuyeka, wakwenza ngenkani. Wabe esebizwa iNkosi iLanga. Ithi-ke iNkosi kuye:
54.“Mfana njengoba lapha eKuphakameni ngumuzi kaNkulunkulu, uma wenza isono kuwo uyothethelelwa kanjani?
55.Lezi zono ozenza lapha ubohamba uyozenza ezweni lakini, hhayi lapha eKuphakameni.
56.Kodwa noma uzenza khona ezweni lakini, zohamba zihambe zikuhluphe, ANGENKE ZIHLUPHE MINA, KODWA ZOHLUPHA WENA!
57.Wena ucabanga ukuthi ngokwenza lezi zono ngenkani uhlupha mina, kanti cha, uzihlupha wena!”
58.Nempela lo-mfana akakhulanga, wathi eseyinkosi waphuza kakhulu, kanti uyinzalo yamaNazaretha. Wagcina ngokufa esemncane!
59.Esefile wabuya esepoka ezocela intethelelo; weza emndenini wakhe ethi abamyele kuBaba iLanga beyomcelela intethelelo!
60.Lesi sono owayesenza ngenkani, sagcina sesihlupha yena; kwaba nguye manje ocela umndeni wakhe ukuba uyomcelela intethelelo kuBaba iLanga.
61.Ithi-ke iNkosi iLanga: “Ngamtshela ukuthi lemikhuba oyenza enkonzweni ngoba ecabanga ukuthi uhlupha mina, kodwa ekugcineni iyohlupha yena!”
62.Bonke-ke abantu abenza izinto ezimbi, kuyaye kuthi uma sebesebunzimeni, bese becela intethelelo, bethi bebengazi.
63.Sikhona isono ongasenza ngoba ungazi, ubone muva ukuthi wenze iphutha. Kodwa izono eziningi abantu bazenza bazi ukuthi isono lesi engisenzayo, kodwa besenze ngenkani!
64.Angazi noma abantu abenza izono bazi bayayithola yini intethelelo, kodwa encwadini yamaHebheru 10:26-27, kuthi: “Ngokuba uma sona ngamabomu, emva kokuba sesilwamukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yezono, kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozongqongqisa amaphikankani.”
65.Labo bantu-ke abanayo intethelelo ngoba bathuka uMoya ongcwele, bebona ukuthi uMoya ongcwele lo! Angazi ukuthi lawo maNazaretha ahlale esithuka, ethuka nalengelosi, intethelelo bayoyithola yini? Angazi.
66.Kodwa thina uJehova wasitshela ukuthi uma ingelosi ifika phakathi kwethu, siyilalele, singayivukeli, ngoba ayikuzithethelela izono zethu, ngoba igama likaJehova likuyo!
67.Ku-Eksodusi 23:20-22 uJehova wakhuluma lamazwi kubantwana bakwa-Israel: “Bheka ngizothumela ingelosi ikwandulele ukuze ikuvikele ohambeni, futhi ikufinyelelise endaweni engiyilungisileyo.
68.Ilalelisise, futhi uyithobele, ungayivukeli, ngokuba AYIKUZITHETHELELA IZIPHAMBEKO ZENU, NGOKUBA IGAMA LAMI LIKUYO.
69.KEPHA UMA ULALELA NOKULALELA IZWI LAYO, WENZA KONKE EKUTSHELA KHONA, NGIYOKUBAZONDA ABAKUZONDAYO, NGIBE ISITHA SEZITHA ZAKHO!”
70.Thina ngaso sonke isikhathi siyazama ukuyilalela ingelosi, senze lokho esitshela khona. Kodwa amanye amaNazaretha ahlalela ukuthuka lengelosi, hhayi ngoba bengaboni ukuthi yingelosi le, kodwa ngoba becasulwa ukuthi yathunyelelwani kimi; bethi uma kuyingelosi ngempela, kwakufanele ithunywe kumuntu mhlawumbe wakwaShembe ngesibongo.
71.Kodwa lawo maNazaretha okumele bekwazi ukuthi ngenke kuthi ngoba bayayithuka lengelosi, ebese kujika ukuthi yingelosi kaJehova le abayithukayo!
72.Njengoba beyizitha zaleli bandla elisungulwe ezulwini, bayizitha zikaJehova! Uthi uJehova: “Ngiyakubazonda abakuzondayo!”
73.Ngicabanga ukuthi ayikho inkinga enkulu ongabhekana nayo njengokuzondwa nguNkulunkulu, kodwa uma ungahambi ngezimiso zikaJehova, uba yisitha sakhe!
74.Ku-Eksodusi 20:5, uJehova uthi: Ungabi nabanye oNkulunkulu ngaphandle kwami, ngoba nginguNkulunkulu onomona, izono zawoyise ngizehlisela phezu kwabantwana esizukulwaneni sesithathu nesesine SABANGIZONDAYO”
75.AmaNazaretha kumele azi ukuthi uma elwa nesithunywa sikaJehova, noma elwa nengelosi, asuke elwa noJehova uqobo; nguJehova oba isitha sabo! Uma kungebe njalo, kungasho ukuthi akusiyo ingelosi le eyafika phakathi kwethu!
76.Uma ulwa nami, noma uzonda mina, usuke uzonda uJehova; ngoba ngithunywe nguJehova ukuba ngibuyisele ibandla lakhe endaweni elalikuyo ngesikhathi sikaMose nangesikhathi soMprofethi u-Isaya Shembe!
77.Ezulwini kwehliswe izingelosi eziyisikhombisa ukuzosibheka zisivikele kulabo abasiphazamisa ekwenzeni umsebenzi esithunywe ezulwini ukuwenza!
78.Uma ulwa nalengelosi kaJehova, usuke ulwa noJehova uqobo; ngoba igama likaJehova likuyo; ungazikhohlisi ukuthi kukhona intethelelo ozoyithola!
79.Uhlaleleni kuSizani
Uhlaleleni kuSizani
Uyozisola wedwa sihlobo sethu
Uma ungasuki kuSizani.
Indlela ebushelelezi ekaSizani
Akuyi lubuyayo kuSizani
Wozisola wedwa sihlobo sethu
Uma ungasuki kuSizani.
Usizi lodwa ngaleyo ndlela
Oyihambayo sihlobo sethu
Umvuzo wayo izinyembezi
Kwabahamba ngayo.
Abahamba ngayo leyondlela
Izinyembezi azinqamuki
Emehlweni abo.
Kuzitshwa kubhekiwe
Wesihlobo sethu
Shiya indlela kaSizani.
Uhlaleleni kuSizani
Uhlaleleni kuSizani
Isikhashana ngumzuzwana
Uyolahlekelwa ngokuningi.
80.Ziningi izinto esazitshelwa yingelosi siseseBuhleni, okwakuthi uma siziveza sibhuqwe, noma sihlaselwe ngokuthukwa, kodwa manje zonke lezo zinto ingelosi eyazisho sezifezeke cishe zonke!
81.Uma namuhla amaNazaretha usuwakhumbuza lezi zinto, kube sengathi uyabaklolodela, kanti lokhu okwenzekayo baxwayiswa ngakho kungakenzeki.
82.Sisese Buhleni, umholi webandla lamaNazaretha kusengu Baba uThingo, ingelosi yathi, emva kwaBaba uThingo kovela oShembe abaningi; lelibandla loholwa ngumuntu ongazange wakholwa kwasekuzalweni kwakhe, kodwa uyolihola lelibandla ngegunya lokuthi uzalwa kwaShembe!
83.Ngakuveza lokho, kodwa ngahlaselwa ngezinhlamba ezimangalisayo, amaNazaretha angibiza ngayo yonke into, kwasala ukuba angishaye!
84.Nempela ekuhambeni koThingo lelibandla laba nombango oshisa phansi, kwayiwa ezinkantolo ezadonsa kuze kube manje.
85.Kodwa iqiniso elimsulwa ukuthi njengamanje lelibandla liholwa ngumuntu ngaphambili owayengazange akholwe nhlobo, owayezidlela utshwala, enza izinto ezinye esingenke sizibale lapha! Kodwa lelibandla walihola ngegunya lokuthi uyinkosana endlini yakwabo. Konke lokhu okuhlekiswa ngakho ku UMKHOKHA, kwenzeka kulelibandla!
86.Ngo August 2010, ingelosi isingitshelile ukuthi angiphume eBuhleni, kodwa mina ngiteleka, yafika kithi ikhathazeke isimanga, yabe isithi:
87.“Ngithunywa ngamakhosi amathathu aseKuphakameni, athi lelibandla lizoba yinhlekisa emhlabeni, athi amakhosi aseKuphakameni asethembe wena ukuthi nguwena ozokwazi ukulitakula lelibandla kulelihlazo elizongena kulo.”
88.Yabe isiqhubeka ingelosi ithi: “Nami mfowethu sengethembe wena, ungangidumazi!”
89.Ngalesi sikhathi ngangisateleka impela ukuba ngisungule lelibandla. Kodwa ngakukhuluma lokhu kumaNazaretha esekhona uBaba uThingo, ngagcina sengibizwa ngomprofethi wamanga!
90.Namuhla ngifisa ukucacisa lento eyakhulunywa yingelosi, ngaze ngathukelwa yona kwathiwa ngingumprofethi wamanga!
91.Okokuqala ekuhambeni kwaBaba uThingo amaNazaretha ayisana ezinkantolo ebanga ubuholi. Esikhundleni sokuthi amaNazaretha aziwe umhlaba ngevangeli alishumayelayo ngoNkulunkulu, wona aziwa ngamacala ombango wobuholi, etholakale egcwele izitaladi eyikazela ngezingubo zesonto ezinkantolo!
91.Ihlazo lokuqala lelo ukuthi abantu abathi banoNkulunkulu betholakale bebanga ubuholi bebandla, ungaze wazi ukuthi umuntu uma enomoya kaShembe akaphumi ngani eyoshumayela, esikhundleni sokubanga izikhundla?
92.Kwathi lowo mholi owamukelwe ngamaNazaretha, wavele wahlambalaza ibandla ngezindlela eziningi, wazibonisa yena ukuthi unikwe into ongayazi, futhi ongafune kuyazi, ngaphandle kokuba aqoqe iminikelo azicebise ngayo; njengoba kwenzeka emdlalweni UMKHOKHA!
93.Umkhuba owasishaqisa sonke kwaba ukuthatha amaNazaretha ngesabatha awayise enkundleni yebhola eyowahlanganisa namabutho asemhlabeni; wafika watshela amabutho ukuthi naye ulibutho likaDakwa. amaNazaretha ashiya inkonzo ngesabatha ngoba eyolalela umholi wawo wfakaza ukuthi ulibutho likaDakwa!
94.Kulusiko lwaleli bandla ukuthi uShembe akasuki lapho ekhona ngesabatha, ngaphandle uma kungaba nento emphoqayo engingayazi ukuthi singathi yini, ngoba angikaze ngikubone kwenzeka!
95.Ngaphandle kokuthi wayeyela ukobukisa ngobuningi babalandeli bakhe kumabutho, angenke naye echaze ukuthi wayewasaphi amaNazaretha enkundleni yomdlalo ngesabatha, ngoba wafika wangashumayeza muntu!
96.Njengomholi wenkolo kaJehova, okwakumele akwenze ukuthi uma esezihlanganise nalamabutho, afike ebashumayeze ngokukholwa, hhayi ukuthi ezobatshela ukuthi naye wabuthwa, ungu Dakwa!!
97.UBaba iLanga wake wamenywa enkundleni yemidlalo, hhayi ngesabatha, ehlangane namanye amabandla; wafika washumayela!
98.Kanjalo neNyangayezulu yake yamenywa emkhosini lapho okwakugcwele amabandla ahlukene, hhayi ngesabatha! Naye wathatha amaNazaretha ambalwa, wafika wanikwa inkonzo washumayela! Nami ngangikhona lapho!
99.Ukusuka komholi wamaNazaretha eyoqhomoloza ezinkundleni zebhola ngesabatha, amaNazaretha engaba bikho enkonzweni nomholi wawo, kubonisa ukuthi lomuntu othi ungumholi wamaNazaretha, akazi lutho ngenqubo yaleli bandla! Kodwa kungamangalisi, ngoba vele wathathwa emadayisini!
100.Yikho esenesibindi sokuthi athi unguNkulunkul, unguJehova, ngoba akazi lutho ngokukholwa, njengoba kuvela nakulomdlalo othi UMKHOKHA!
101.Okubalulekile ukudla iminikelo eyimiphefumulo yabantu, bese kuphela lapho! Kodwa kulungile ekwenze lokho, ngoba ifa leziwula lidliwa zihlakaniphi zasemhlabeni!
NjengoMkhululi kulomdlalo UMKHOKHA, naye bathi kwathi emva kokugcotshwa, wathi: “ uBaba ungikhumbule, kade ngangihlupheka!”
102.Lomholi akukho vangeli onalo noma ngani, kuphela ukukhangisa ngobukhulu bebandla oliholayo, nangezimoto eziphambili, ehamba akha izitezi wonke umhlaba ngaphandle kokucabangela laba bantu obaholayo!
103.Lesi senzo siphambene nesisekelo salelibandla esabekwa nguMqaliwendlela! Umprofethi wayengenamoto, kodwa wathenga imihlaba engaphezu kwa 41 ethengela ibandla. Lokho kukhona kuProtocol 293. Kulezindawo kwakuhlala izintandane nabafelokazi!
104.Ngisho kuyi Will yakhe, uMprofethi wathi iminikelo yebandla iyokwakha izindlu zesonto, yakhe izikole, yondle izintandane, ithenge imihlaba lapho khona kohlala izintandane nabafelokazi. Nalokhu kubhalwe phansi kuProtocol 293!
105.Kungumsebenzi womholi wakulelibandla ukufeza izifiso zoMqaliwendlela ezikuyi Will yakhe, ukuthi emalini ibandla eliyinikelayo abheke ukuthi amalunga alo anhlwempu asizakala kanjani. Hhayi ukuthi yonke iminikelo yebandla umholi azicebise yena nomndeni wakhe, akhohlwe zintandane nabafelokazi abasebandleni!
106.Indlela lelibandla elikhulu ngayo angenke lehluleke ukwenza konke lokhu uBabamkhulu owakubalayo, kodwa esikhundleni salokho kuthathwa iminikelo eyimiphefumulo yabantu kwakhiwe izitezi zomuntu oyedwa umhlaba wonke ngoba kuthiwa unguNkulunkulu!
107.Naye angenke asho ukuthi lezi zitezi eziningi kangaka ezigcwele umhlaba, kanye nezimoto ngezani, ngaphandle kokuthi kuxhashazwa iminikelo yemiphefumulo yamakholwa!
108.Kodwa konke lokhu akumangalisi ngoba kwathathwa umuntu emgwaqeni wazogxunyekwa phakathi kwamakholwa kwathiwa usengunkulunkulu, unguJehova! Naye ngoba akazi lutho ngalento okuthiwa akayihole, wavele wasanganiswa imali! Njengokwe jwayelekile kumuntu obambe ijackpot engakaze abe namali, engasazi ukuthi uzokwenzani ngalemali, wavele wayihlaphaza ngokwakha izitezi umhlaba wonke iminikelo eyimiphefumulo yabantu!
109.Kodwa akekho ongamkhuza noma ameluleke, ngoba awukwazi ukuthi ungumuntu weluleke unkulunkulu!
110.Ingelosi ike yakhuluma ngalezi zinto ezenziwa ngamaNazaretha nomholi wawo, ukuhlambalaza nokudelela uNkulunkul!
111.Ithi-ke ingelosi: Lapho uNkulunkulu aphendula khona ngayo yonke lento eyenzeka kulelibandla, koba buhlungu nasezinhliziwenu zenu, nithi: “Kodwa sekungathi ngoba bayashawa, besale sebeshawa kanje?”
112.LamaNazaretha nalomholi wabo abaqhubeke behlekise ngebandla likaJehova, yonke lento abayenzayo abayenze kakhulu, bangazisoli, ngoba khona usuku uNkulunkulu obabekele lona, lapho okoba khona ukukhala nokugedla amazinyo!
Isishilo ingelosi kaJehova, lokhu kuzokwenzeka, bengasho ukuthi angibaxwayisanga!
113.Lento engayitshelwa yingelosi ngo 2010 isiyenzeka njengoba injalo, sekunomdlalo okuthiwa UMKHOKHA osungulelwe ukwenza inhlekisa lelibandla lamaNazaretha! Kodwa yiwo amaNazaretha enze lelibandla inhlekisa, ngakho-ke bavuna abakutshalile!
114.Bakhona ababethi umnikazi walomdlalo akathathelwe izinyathelo zomthetho. Kodwa kulomdlalo akukho okudlalwayo okungamanga, ukuthi nje uma wenza ihlazo, bese lenekelwa izwe, uphatheka kabi, sengathi lingahlale lifihliwe!
115.Kufanele ukuthi umhlaba wazi ukuthi lomholi wamaNazaretha azigidi, okuseqinisweni waba ngumholi ethathwa emgwaqeni edlala amadayisi. Nokuziphatha kwakhe sekuyabonisa ukuthi akazi lutho ngalento okwathiwa akayihole!
116.AmaNazaretha anonkulunkulu olandwe emadayisini, yikho engasahambi ngezimiso zikaJehova, ezenzela okuningi okuphambene nenqubo yaleli bandla!
117.Kumele futhi kuvele ukuthi njengoba naye esezibiza ngonkulunkulu, ngoJehova, okuseqinisweni nguye ibandla lakhe olifundise ukuthi yena unguJehova! Ukuzibona enayo yonke imali, ekhonzwa, kumenza acabange ukuthi usengunkulunkulu, ngoba akazi lutho ngoNkulunkulu!
118.Akubekwe obala ukuthi ayikho into esingayiphika uma abantu bethi akulona ibandla likaJehova leli, yi Cult lena, ngoba umholi walo uzisholo yena ukuthi nguye unkulunkulu, nguye uJehova! Leyo mfundiso ngeyama Cultists!
119.Ngaba nokudideka uma ithi ingelosi amakhosi amathathu aseKuphakameni asethembe mina ukutakula lelibandla obishini elikulo! Sesifikile isikhathi ukuba ibandla laseNCG liphumele eshashalazini, liyihlabe liyihlikize lento eyenziwa ilamakholwa-mbumbulu, okusukela abantu abangazi lutho ngokukholwa, kuthiwe bangonkulunkulu, bangoJehova! Umhlaba awufunde ngathi ukuthi uBabamkhulu wawafundisani amaNazaretha ngokukhonza UJEHOVA KUPHELA!
120.Sengathi kungaba umkhuleko wawo wonke umuntu othanda ukukholwa, ukuthi kungathi ngokuhamba kwethu emhlabeni, kusale kwenzeka lento eyenzeka kwaShembe, ukuthi abantu babange ubuholi, hhayi ngoba befuna ukuhola ibandla, kodwa ngokubuka ibandla njengengcebo okumele ibangwe.
121.Yikho ingelosi yathi angikucacise ngisaphila ukuthi lelibandla emva kwami akekho umuntu wakwaMpanza oyolihola. Okwesibili, asikho isibongo esisodwa esohola lelibandla ngokulandelana!
122.Kanjalo, akusoze kwasukelwa noma yimuphi umuntu ukuba ebe ngumholi webandla kodwa bekhona abafundisi abebesebenza nomholi!
123.Okwesithathu, noma imuphi umholi kulelibandla akayikuzicebisa ngalo, ngaphandle kwemali yokondla yena nabantwana bakhe abasengaphansi kwakhe.
124.Umholi walelibandla uyoba nomuzi owodwa, kanye nemoto yakhe eyodwa noma ezimbili. Koba nezimoto zebandla ezosebenza umsebenzi webandla!
125.Umholi wakuleli bandla kuyo yonke imihlangano oyihambelayo uyohlala kuMotor-home, noma ku Caravan.
126.Angenke kuleli bandla kuhambe kwakhiwa imizi ezohlala umholi esikhundleni sokwakha izindlu zesonto!
127.Asikwazi ukuthi silibandla likaNkulunkulu size sedlulwe amaqembu ezombusazwe. Nansi i-ANC, yasungulwa ngo 1912, kusukela kuleso sikhathi kuze kube manje ayikaze ibe nemibango yobuholi.
128.Kwenziwa yini kumabandla kuthi uma usungula ibandla bese liba yifa lomndeni wakho? Kanti akusiwo yini umsebenzi kaNkulunkulu lo? Usuke ungasebenzeli yena yini uNkulunkulu? Usuke wakha ifa lomndeni wakho ngegama lokuthi uyisisebenzi sikaNkulunkulu?
129.1Ithi-ke ingelosi kimi: “Lelibandla lizoba yinhlekisa emhlabeni!” Kulomdlalo-UMKHOKHA, kuvezwa umuntu ophuma ejele obeyisidakwa, esencengwa ukuba abe ngumholi, bese ebizwa ngoJehova!
130.Emva kwalokho bese kuthathwa umfana edlala amadayisi, efakwa ingubo yebandla, ethatha esiwa enkonzweni, sekuthiwa sekunguye umholi, naye ebizwe ngo nkulunkulu, ngoJehova!
131.Into yokuqala oyenzayo ukuthatha izindodla zemali eyothenga imizi kanokusho lapho asehlala khona nomndeni wakhe, athenge nezimoto eziphambili, emva kwalokho azitike ngotshwala, adakwe aze anye amaphepha! Kuthe kade ezihluphekela, ngosuku wavele wabamba iJackpot!
132.Noma ubani uyabona ukuthi kulomdlalo umbhali is dramatising ibandla lamaNazaretha, ulenza inhlekisa! Kodwa akakho amanga owaqambile, ngoba okwenzeka kulomdlalo vele kwenzeke kulelibandla!
133.Umbhali wenekela umhlaba ukuthi noma ubani azibonele ukuthi lelibandla elihlale lizikhangisa ubukhulu balo, kodwa yini ephakathi kulo? Likhona yini izwi leNkosi kulelibandla?
134.Ekusunguleni lelibandla uMprofethi wathi ubuyisela abantu kuJehova, akaze asho ukuthi nguye uJehova! Kodwa namuhla selinomndeni wakwaShembe osuthi iwona onguJehova, ongunkulunkulu!
135.Labo Jehova-mbumbulu sebecebe bayaconsa, kodwa ngalezi zigidi zeminikelo ayikho into abayenzela amakholwa, ingasaphathwa eyokwenzela umphakathi!
136.Ngokusobala indlela ibandla lamaNazaretha eseliqhuba ngayo is a typical Cult. Ngiyazi amasonto angama Cult akajwayelekile lapha eSouth Afrika!
137.Ubani ongaphika ukuthi ukuba alivelanga lelibandla laseNCG, ubuNazaretha njebandla likaJehova ngabe sekuphelile ngalo?
138.KuMKHOKHA kuhlekiswa ngamafodo kaShembe. Lokhu osekwenzeka kuMKHOKHA ingelosi yasixwayisa ngakho. Nokho lokho ngokukhuluma ngelinye ilanga.
139.Abanyeke bayaye bethi angingakugxeki okwenziwa yilamabandla, ngibhekane nebandla engiliholayo. Kodwa kwashiwo kimi ukuthi ukuwa nokuvuka kwebandla lamaNazaretha uNkulunkulu uyokubuza kimi!
140.Ngakho-ke kufanele ngikukhuze okungafanele kwenzeke ebandleni likaMenzi wezulu nomhlaba!
141.Ingelosi ike yakhuluma ngalemikhuba esitholakala ebandleni likaJehova, yathi lelibandla alibheke ulaka lukaJehova elingabehlela noma nini!
142.LamaNazaretha nomholi wawo abaqhubeke nje nalomsangano abawenzayo, kodwa ngelinye ilanga bohlangana nombhalo odongeni othi MENE, MENE TEKEL, UFASIRI!
Nkosi, Nkosi kubusise
Lobu buNazaretha
Uchoboze izitha zabo
Zingabuvivukeli.
Vuka, vuka wena Nkosi
Mabulwelwe nguwe
Uzuhambe phambi kwabo
Zingabuvukeli.
Noma siya entabeni
Owasikhethelaa yona
Ethiwa iNhlangakazi
Bungakhubeki.
INkosi ibusise enikuzwile!