Uvalo luyophela uma noJehova azosibiza ngabantwana bakhe, akungabi ithina kuphela esizibiza ngabantwana bakaJehova kodwa noJehova akasibize ngabantwana bakhe. UJehova-ke uyibekile bantwana baseKuphakameni imigomo, ukuthi abantwana bakhe baphila kanjani, baphila mpiloni, baphila impilo emi kanjani.
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 17 June 2023: Mfundisi Dr Phana Mabaso.
Singabahambayo Thina
Siyekhaya.
Ekhaya Ezulwini.
UHaleluya, Haleluya. Haleluya.
1.Le ntshumayelo yanamhlanje, isihloko sisambuzo, lo mbuzo ungawuphendula kalula kwesinye isikhathi, mhlawumbe omunye anagphendula athi ‘uJehova ulindele ukuthi sigcine umthetho wakhe asilobela wona ngeNceku yakhe uMose.’ Kuzwakala kulula nje ukuwuphendula.
2.Uma ngabe impendulo yalombuzo ingaba lula kangaka, imfishane injalo ngalolohlobo, ngabe sikhona yini isidingo sokuba size lapha ethempelini ngamaSabatha, sizodumisa uJehova, sibabaze ubukhulu bukaJehova. Kodwa kulentshumayelo yanamhlanje ngifisa ukuba sibheke enye yezintshumayelo zikaMelusi, owayenza ngo July 2013, ngangingakacabangi nokuthi ngiyoke ngifike lapha, ngangingaka cabangi nokuba ngiyoke ngibe ikholwa ngo 2013.
3.Kule ntshumayelo yango July 2013, izoselekelela ekuphenduleni lombuzo ukuthi uJehova ulindeleni kubantwana bakhe. Mhlawumbe kubalulekile ukuba ngiqale ngithi uJehova lo engikhuluma ngaye imuphi, bantwana baseKuphakameni uJehova ungumdali wezulu nomhlaba, wadala ulwandle, wadala namanzi, wase esedala abantu nezilwane, wadala ukuba abantu behlale emhlabeni, nezilwane zihlale emhlabeni ezinye zazo.
4.Wadala ukuba ezinye izilwane zihlale emanzini, ezinye zihlale phansi komhlabathi, Yilowo Jehova esikhuluma ngaye kulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu. Umhlaba, lona owadalwa uJehova, ungakaba khona, ulwandle uJehova aludalayo lungakaba khona, zingekho izilwane ezihlala khona, umhlaba ungakaba khona singekho thina bantu esihlala kuwo. Kungabe lokhu kukhuluma kusisaphi kulenkonzo yasekuseni namhlanje, uma ngithi uJehova wadala umhlaba, wadala nezinto zonke, wayesedala abantu, wadala nezilwane?
5.Kodwa futhi bese ngithi uJehova angaba khona umhlaba ungekho, singekho thina abantu, futhi uJehova angaba khona lungaba khona ulwandle lwakhe, namanzi akhe abe khona, zingekho izilwane, nabantu futhi bengekho, Ingakho ngithi lokhu kukhuluma kusisa kuphi. UJehova uma engase athathe umhlaba wakhe, thina bantu singashabalala, uJehova uma engase athathe amanzi akhe lawa awadalayo, athathe nolwandle lwakhe, thina bantu singashabalala.
6.UJehova uma engathatha umphefumulo esiwu phefumulayo, i-oxygen ngoba eyakhe, thina abantu singashabalala. Ngithe isihloko salentshumayelo yanamhlanje, sithi ‘UJehova ulindeleni kubantwana bakhe.’ Kulezinsuku ezedlule ngike ngahlangana ne-video ku-Facebook. I-video evele yangihlasimulisa igazi, kwahlasimula umzimba wonke uma ngilalele umholi wezinye izinhlangothi zamaNazaretha, ethi uBaba uThingo wayewuNkulunkulu, akagcinanga ngokusho njalo, wabe esethi uNkulunkulu uzala ini maNazaretha, baphendula abantu bathi uNkulunkulu uzala uNkulunkulu, kwathiwa amein uyingcwele.
7.Lokhu kukhuluma ngikubone ekhasini lika Facebook elithi “Izwi Lezulu lizwakele umhlaba wonke.” Kodwa kulelo khasi bebezama ukubonisa ukuthi ubuNazaretha sebuyihlaya kangakanani and ikuphi lapho okuqondiseka khona. Ngempela ngempela sizithola sekumele sizame ukulungisa amaphutha enziwa yithi singekho isidingo sakho, thina maNazaretha kufanele sihlale simncenga uJehova ukuba umusa wakhe awehlisele kithi zikhathi zonke, angasuki kithi, ngoba siphila ngomusa kaJehova. Kodwa abantu abaningi benza sengathi vele kumele siphile nje, futhi siphile ngendlela ethandwa ithina, siphile ngendlela yokuzijabulisa, siphile ngendlela yokufuna ukubukwa ngaso sonke isikhathi.
8.Le Mpilo ethandwa yithi-ke bantu basemhlabeni isikhathi esiningi iyashayisana nempilo uJehova athandayo ukuba iphilwe ngabantwana bakhe. Abantu abaningike bantwana basezulwini bayathanda ukuba baphile impilo kamaziphathe, ingabibikho i-centre lapho umuntu a-account khona, noma ikhona ashaye sengathi akayiboni, impilo kamaziphatheke leyo. Bafuna ukwenza intando yabo ngaso sonke isikhathi, abantu abadala abakhona lapha phakathi kwethu, bayazi ukuthi uma ingane iphila impilo kamaziphathe, kusho ukuthini ekhaya. Isibonelo sempilo kamaziphathe, enganeni ephilayo ekhaya elinemithetho, ukuphila impilo ephambene nemithetho kanye nezimiso zekhaya. Ekhaya bashaya umthetho wokuthi layikhaya amanzi awangeni ebusuku, ingane ebukela phansi umthetho wekhaya, iwangenise amanzi ebusuku.
9.Layikhaya amasango ayavalwa ngo six noma ngo seven, umuntu avele afike ngo 9 ebusuku. Layikhaya utshwala abungeni, angabungenisi ebuphethe, abungenise sebusesiswini. Umuntu ophila impilo kamaziphathe. Ekhaya elinemithetho ephilayo, elinezinkambiso zenqubo yamaNazaretha, kuyaziwa ukuthi umntwana uhlonipha abazali, uhlonipha uyise nonina, ekhaya lamaNazaretha akuphuzwa utshwala, akubhulwa, awuphathwa umuthi, kuyaziwa ukuthi amaNazaretha ayathandaza isikhathi esiningi osukwini, acele umusa kaJehova ukuba wehlele kubo ngaso sonke isikhathi. AmaNazaretha awayiphili impilo yongqingili, kuyaziwa nje lokho.
10.Uma umuntu ethi udumisa uJehova, kumele azi ukuthi uJehova ulindeleni kuye njengomntwana wakhe, ngike ngabalula ngathi isihloko salentshumayelo yanamhlanje ekuseni sithi uJehova ulindeleni kithi thina bantwana bakhe, uJehova ulindeleni kithina bantwana bakhe, ngoba njengoba silapha nje siyihamente eyingcwele kaJehova.
11.Mhlaka 19 July 2013, isikhathi eside kakhulu leso, cishe kuya emnyakeni eyishumi uma uhlehla. UBaba uMelusi washumayela ngesihloko esithi ‘UShembe Inkinga” ngangingafiki, mhlawumbe abantu abaningi abanye bethu babengakacabangi nokukholwa, nokukhonza nokukhetha iNkosi yaseKuphakameni. Ngingomunye wabo walabo.
12.Kulentshumayelo yangomhlaka 19 July 2013 uBaba uMelusi uthi “Ngenkathi kufika iNgelosi kimi, yathi ngathunywa ukuba ngenze umsebenzi ohlukaniswe izigaba ezimbili. Isigaba sokuqala ileso sokufundisa abantu ngomthetho kaJehova, ngenqubo eyiyo yokukhonza uJehova. Isigaba sesibili ukuchazela umhlaba ngoShembe, uMprofethi u-Isaiah Shembe. Ngiyaye ngazi-ke ukuthi uma ngikhuluma ngomthetho kaJehova kumele ngilindele yonke inhlobo yenhlamba evela kumaNazaretha; sebeyaziwa-ke abantu okumele ngibheke izinhlamba kubo. Uma ngikhuluma ngoShembe kumele ngibheke izinhlamba ezivela kumaKrestu. Nokho akusho ukuthi onke amaNazaretha namaKrestu azithatha ngokuthi ayizitha zami, bakhona leli lizwi abalithandayo, elingena lenele ezinhliziweni zabo!
13.Namuhla ngizokhuluma ngoShembe. Uma ngikhuluma ngoShembe ngisho uMprofethi u-Isaiah Shembe. Lesi sisho esithi, “uShembe inkinga” savela nesihlakaniphi, nesifundiswa noMfundisi wamaKrestu, owabe enguPresident wokuqala we-A.N.C. uJohn Langalibalele Dube, (uMafukuzela). UDube wabe engumakhelwane kaShembe; futhi ngokusho kukaDube wabe engumngani wakhe. Kodwa noma kunjalo, wayengamqondi uShembe ukuthi ungumuntu onjani; uMafukuzela wabe ekhuliswe ngobuKrestu, yonke into eyibuka ngeso lobuKrestu. Uthi-ke uMafukuzela, uShembe inkinga, ngoba imfundo yakhe, nolwazi lwakhe lwezenkolo, lumshiya endleleni uma sekuza ekuqondeni lomuntu othi umngani wakhe. Njengoba wathi uMafukuzela uShembe inkinga, impela wabe eyinkinga, engaqondakali…..” Amein.
14.Lena intshumayelo yango 2013, namanje futhi lokhu kukhuluma kusenjengoba nje wayeshilo uMelusi ngaleso sikhathi. UJehova usekhombise izikhathi eziningi ukuthi uphakathi kwethu maNazaretha kaNkulunkulu, uJehova wangempela owadala izulu nomhlaba lona esikhuluma ngaye lapha. Ngelinye ilanga, uMfundisi kaBaba, uMfundisi uNtuli, uthi, elapha phakathi kwethu, ephethe inkonzo, kwakunemali okwakumele ayikhokhe, noma iphume kwi Bank Account yakhe, ayikhokhele okuthize, owakudinga ukuba akukhokhele. Uthike uMfundisi uNtuli wayenza i-transaction wakhokha, kodwa imali yabe ilokhu ikhona kwi Account yakhe, waze wenza isiqinisekiso sokuthi lo muntu okumele engabe uyitholile, nangampela uyitholile, wathola ukuthi uyitholile, kodwa imali yayilokhu ikhona kwi account yakhe uMfundisi.
15.Noma singathandi ukukhulum ngezinto ezikanjalo, kodwa kubalulekile ukuba bazi abantu ngazo, asisho ukuthi abantu abeze bezokholwa lapha kumaNazaretha kaNkulunkulu ngoba befuna isimangaliso, abeze bezokholwa ngoba izibopho zothando sezibabizile zabasondeza. Balalele izwi baphile impilo eqondile enokulunga. UMfundisi uMdlolo wasibikela lapha kwihamente eyingcwele ukuthi omunye wonogada bakhe wasinda kanjani ngesikhathi izigebengu zimdubula kodwa izinhlamvu zingangeni kulonogada. Lo nogada wafika wafakaza lapha phambi kwethu, ngicabanga ukuthi siyamkhumbula sonke. Ngiyabonga uNkulunkulu wamaNazaretha kaNkulunkulu. Ngelinye ilanga ngafakaza lapha kwihamente eyingcwele ukuthi ngake ngehlelwa inkinga, ngizokubiza ngokuthi inkinga ngoba angikuqondanga ukuthi kwakwenzekalani, kwakwenziwa yini.
16.Ebusuku kwaba engathi ngifikelwa ubuthongo kodwa ubuthongo obonayo ukuthi you’re on your senses, ngabona kungena izilwane eziningi, zingena esangweni kwaMabaso ekhaya, ngithi izilwane ngoba angikwazanga ukuchaza i-shape yazo. Zazingena ziningi bantwana baseKuphakameni. Lezi zilwane ngangizibona kwi reflection yo-wordrop ekamelweni ngoba iwindi libhekene ne-wordrop, uma ngilele ekamelweni, ngiyali flathela iwindi, ngibheke u-wordrop, u-wordrop bese uthatha ukukhanya okuqamuka ngasewinidi.
17.Zaziziningi lezi zilwane zinolaka zimemeza, zihamba zishesha, zithi sizokubulala namhlanje, ziqondise kimi, zeza ngasewindini engabe ngilele ngakulo, futhi kuyacaca zifuna ukungena ngalo leliwindi, zizongibulala njengoba zishilo. Ngaphambi kokuba zifike kulo leliwindi bantwana baseKuphakameni, ngabona sekumi umuntu engingmazi phambi kwewindi, phakathi kwaleliwindi, nalezilwane nami, ngingaphakathi mina. Lo muntu wabe egqoke ijazi elimhlophe, ebheke ngakulezilwane, ijazi elimhlophe ayeligqokile, ileli elifana nejazi likaMelusi ajwayele ukuligqoka uma kunemigidi noma uma esePhilangezwi eyobheka umsebenzi ukuthi uhamba kanjani njengoba kwakhiwa indlu kaJehova.
18.Lo muntu engamubonayo, wayegqoke ijazi elimhlophe ngaleyondlela, efake lesi sigqoke esijwayele ukugqokwa abaholi bebandla lamaNazaretha. Wayeqhamuka phezulu lo muntu, akaqhamukanga emaceleni, akaqhamukanga phansi, waqhamuka phezulu, futhi akafikanga emhlabathini ukuthi abe kuwona. Waziphendula lezi lwane, wathi angeke ningene lapha namhlanje, zabanga umsindo zigxumagxuma, ezinye zaya ngasegaraji, umnyango wegaraji, wathi noma ungaya lapho ngeke ungene lapho, eziphendula. Zahamba ezinye zayongena ngasekhishini, wathi ngithi kulendlu namhlanje anizukungena. Bantwana baseKuphakameni, ayi azingenanga ngampela, wama nje ephethe i-umbrella, wavula izandla, isandla ngapha, i-umbrella ngapha, wakuphakamisa wathi anizukungena kulendlu namhlanje. Ngazibona sezihamba sezidikila, sezihamba zibhonxuzela. Bazokhumbula abantwana base Kuphakameni ukuba kulezo ziwombe ngakhuluma ngensizwa esasibhekene nenkinga efanayo emsebenzini, insizwa yakwaKhumalo, insizwa yakwaKhumalo yona ayibanga nayo inhlanhla ecishe ifane neyami kube khona umuntu othi anizukumenza lutho lo muntu namhlanje, ngeke ningene la.
19.Le nsizwa yakwa Khumalo sasisebenza nayo lapha esikhungweni sezemfundo ephakeme lapha eMlazi (Mangosuthi University of Technology). Le nsizwa yakwaKhumalo yonake, yangifonela ebusuku, phakathi kwa-9 no-10, ithi iseMpangeni e-Police Station, hawu, Mntungwa ubekwa yini e-Police Station? Kubuza mina. Ithike yeyi Mbulazi, kunabantu abafuna ukungibulala. Hawu ngoba kade ngikhuluma nawe ngo 5 nje namhlanje, uthi wena usuyolala, ngabe bafike nini, uthi eyi Mbulazi, ngimele ngathi nje ngifuna ukuvala amehlo, labantu bafika bethi bazongibulala. Eyi alivale ucingo kwaphela izinsuku ezinhlanu ngingasakwazi ukumthola ucingo lwakhe lungangeni nhlobo.
20.Ngamangala ukuthi hawu ngoba uKhumalo owase Bergville, eMpangeni pho ubekwa yini, uma kuthiwa uyabaleka, awubaleki uye ngasekhaya, ubaleka uqhele nekhaya. Wabe esengifonela emva kwezinsuku ezintathu, engifonela ngocingo lo muntu ohlala naye noma ahlekisana naye, uthi ‘Mbulazi cishe ngafa’ uthi kwavele kwafika izilwane zifuna ukumbulala. Uthi into abonga ngayo ukuthi azishongo ukuthi akenzeni, ngoba wayezoyenza, uthi yonke into eyayishiwo ilezilwane wayeyenza, eyenza eqhaqhazela. Uthi “Mashobane” esho kimi, uthi “into engangizoyenza ukuba zazingitshelile ukuthi ngiyenze ukuzibulala, ngangizozibulala Mashobane, kodwa azishongo” Lapha ngizama ukuthi ngikhombise ukuthi uJehova uyasebenza, uyasisebenzela thina bantwana bakhe esithembele kuye.
21.Futhi uma singezukukhuluma ngezinto ezifunze lezi, bantwana baseKuphakameni, mhlawumbe omunye umuntu engaba nokungabaza ukuthi hawu pho lo Nkulunkulu enimdumisa nimkhonza kangaka, unisize ngani. Uyasisiza bantwana baseKuphakameni ngezindlela eziningi ezehlukene.
22.Njengoba ngike ngabeka, angithandi ukuqhakambisa izinto komunye umuntu ozizwayo, azizwe njengemilingo, kodwake uma sezenzekile bakithi singazifihli. Ngomhlaka 11 April 2023, ngathola ucingo zivela lapho engangithenge khona izibuko zami lezi, mhlawumbe abaningi bayaqhaphela ukuthi ngifaka lezibuko kulezinsuku. Izibuko angiqali ukuzifaka manje, ngaqala ukuzifaka ngo 2014, kodwa muva nje, ngabona ukuthi amehlo asethanda ukungihlupha, ayi beseke ngihamba ngiyozenza izibuko ezintsha. Mhlaka 11 April ngithola ucingo, luvela esitolo lapha engabe ngi-order khona izibuko zamehlo, kwabe sekungo after 4 ntambama, between 4 and 5, ngoba ngiyakhumbula ukuba ngaphuma sengiphuthuma nje ngoba isitolo sasivala ngo 5. Sise- Wenklespruit lesi stolo ebengikhuluma ngaso. Ayi ngaphuma bantwana baseKuphakameni ngiyolanda izibuko.
23.Uma ngisuka ekhaya, ngiya e-Wenklespruit, bathi kuse Spruit, udlula umfula obizwa angokuthiwa kuseLovu, phezu komfula uLovu kune bridge, kushuthi ama bridge akhona mabili, uliwela ku N2, ubuya uliwele kulomgwaqo ongaphakathi, ngiyalikhohlwa igama layo, kodwa kukhona umgwaqo esihamba ngawo uma siya e-Spruit, thina esihlala kuleya ndawo asijoyini ku N2. Sengise blohhweni (Bridge), ngangilandela imoto emhlophe encane eyi-van, ngilandela itekisi, phambi kwetekisi bese kuba khona i-truck enkulu impela, i-horse and Trailor, ethwala izitini, phakathi kwathi leli bridge engikhuluma ngalo engithi i-lovi.
24.Itekisi leli lazamake ukudlula iloli kodwake wawubona ukuthi liyaganga ngoba kwakunemoto ezaziqhamuka phambili. Ayi itekisi liyedlule iloli, kodwa icishe idale ingozi eyisimanga, kucace nje ukuthi yeyi kwale kancane nje kudaleke isiphihli esiyingozi inhlekelele. Kanti bantwana baseKuphakameni, angibuzanga, le engibonayo, cha, ayikho lapha ize kimi nje ngqo, iqondene nami, ngibuka lapha nje mina, ngithi ayi leya tekisi izodala ingozi kanti eh eh, umfanekiso thizeni nje, oze nje ngqo kimi, lento engicabanga ukuthi ingozi izokwenziwa ileya truck, izokwenzeka kimi.
25.Ithe itekisi uma iqeda ukudlula iloli, zabe sezimile izimoto eziqhamuka kwi opposite side yomgwaqo, zizama ukuvika lelitekisi ukuba ingashayisi zona. Ayi ithe nje iqamba ukwedlula le moto eliveni, elincane, eyabe ingemuva kweloli, iqeda ukudlula lezimoto ezabe zimile, zivika ukushayisana netekisi, kwaqhamuka itekisi, idlula lezimoto ebezimile zivika itekisa, ibheke ngakumina ngqo-ke manje. Iqhamuka iyinhlamvu engingayazi, abantu ababehlezi phambili etekisini, ngababona bephakamisa izinyawo, nami kwabanzima ukuthi ngibambe imoto futhi angikaze ngizame nokuyibamba. Itekisi wazama ukuyibamba, zavele zama zonke imoto, nalezi owayeyizidlula lo wetekisi, netekisi nayo wazama ukuyibamba lutho, nami eyami angikaze ngizame, angifuni ukukhuluma iphutha ngithi ngazama ukuyibamba ngasheshisa, cha, ngabona nje ukuthi uyabonake manje, ngeke ngisenza lutho.
26.Ayi, ngicabanga ukuthi imizuzwana nje mhlawumbe ethi ayibe isihlanu, imoto yayingasashayelwa yimi kuleso sikhathi, ngavele ngabona sekuvuleke i-lane yesithuthathu, ebrijini, mhlawumbe kuleli bridge abantu abalaziyo ngishoke indawoke yokuhamba umuntu eceleni ngezinyawo ayikho. Kodwake ngaleliya langa, kwavuleka ama lane amathathu kuleliya bridge, mhlaka 11 April 2023, ngadlula lapho kuleyonto, kodwa njengoba sengike ngasho, eyami inqondo, nokwami ukuqonda kwaphela uma ngibona abantu bephakamise izinyawo kuletekisi engangizoshayisana nayo. Ngakwazi kodwa futhi ukuyobona le lane, imoto yami eyahamba yaya khona, yabuya futhi yaya khona. Uma ngibheka esibukweni, ngithola zimile imoto, letekisi le eyayingena kimi, isimile.
27.Noma ngingazi ukuthi yini eyayenze bame, kodwa ngithe uma sengifike lapho engangiyolanda khona izibuko, inqondo kimi yabuya yathi hawu laba bantu mhlawumbe bebemela ukuthi sishayisene yini nabo ngoba phela indlela engiphume ngayo, nomgwaqo engiphume ngawo, uma sengibhekisisa esibukweni, ayikho i-lane engangiphuma kuyo lapha. Nabantu babemile, sebemile emva kwetekisi, ngibabuka esibukweni, nezimoto sezimile, mhlawumbe kwezabo izinqondo sasishayisene angazi kwakwenzekalani, kodwa mina ngizama ukubabaza amandla kaNkulunkulu. Lezi zindaba bantwana baseKuphakameni, akuzona izindaba ongazikhuluma nomuntu walapha emhlabeni azizwe aziqonde.
28.Omunye engathi eyi, nawe dokotela ufunde kangaka, usungenwa ilezi zinganekwane zabantu abakhonza kwaShembe, kodwa sengingabuye ngizwe ngithi ayi no, ngiyamuthethelela ngoba akazi ukuthi thina lapha uma sikhuluma ngoJehova sikhuluma ngani. Bantwana baseKuphakameni ngibabaza ubukhulu bukaJehova, uJehova esephakathi kwethu, ulindeleni kuthina bantwana bakhe. Emavikini cishe amabili adlule, bazokhumbula abanye bethu ukuba kwathunjwa indiya ebesisebenza nalo kulesisikhungo engisibalile ngenhla, sezemfundo ephakeme sase Mlazi, balithumba, bekunamavido akhona ku facebook mangingaphosisi, atshengisayo belithumba, abafanyana nje. Bekungabafanyana nje.
29.Bavelile enkantolo labo bantu, babukeke beyizingane impela, kubona akekho nje ona 30, balithumbe Nkosi yami leliNdiya, uyalibona noma ungalizwa ukuthi lithini, kodwa uyalibona liyaxolisa. Lize libalekele ngemva kwemoto, ngoba phela baphansi, uyabona ukuthi lithi Nkosi yami thathani imotoke okuncono, you can imagine umuntu okulesiya simo, yini enye angayisho kulaba bantu abaphethe izibhamu. Lelo Ndiya-ke bantwana baseKuphakameni latholakala emva kweviki selishonile, besisebenza nalo lelo Ndiya laphaya, selisebenze iminyaka ewu 27, belineminyaka ewu 61. Okungenza ngikhulume ngayo le ndaba, ukuthi nami bengisebenza lapha, bazokhumbula abantwana baseKuphakameni ukuba, angazi ukuba zingaki iziguqo zenzelwa mina nomndeni wami, phakathi lapha, zenziwa abangcwele, ilezoguqo ezenza ukuthi nami ngingangeni kuleya nkambo yaloMndiya eyenzeke emavikini amabili adlule.
Lokhu angikungabazi ukuba nami ngangizohamba ngaleyandlela noma nami kwakuzokwenzeka kufike kimi, ngesizathu sokuthi ezindabeni sesitholakele isidumbu salomuntu waseNdiya.
30.Kwabe sekuphuma isitatimende esithi, ithi i-university izobambisana nophenyo lwamaphoyisa. Hawu umuntu angabanjwa inkunzi kwenye indawo engekho esikoleni, i-University pho izobambisana kanjani pho nophenyo lwamaphoyisa. Umuntu uyabona nje ukuthi hawu lento ihlangene ngqo nomsebenzi, kungenzeka kanjani umuntu abanjwe inkunzi, athunjwe kukhishwe imali yakhe eBank, kuphele cishe ivike engatholakali, esetholakele, utholakala eNanda, emahlathini aseNanda, kodwa umphefumulo wakhe sebewukhiphile emzimbeni wakhe. Ngakho-ke ufanelwe ukudunyiswa uJehova esimkhonzayo lapha ekhaya.
31.Ukube ngiyakwazi ukucula, ngabe ngicula isihlabelelo 150, angazi noma ukhona yini ongangilekelela. Uma ekhona ngcela angisize, noma ubengekho ngizoqhubeka. Kodwa isona sihlabelelo, engithe noma ngilungiselela le nkonzo, sangaphuma kweyami inqondo, salokhu sihlezi njalo, ngize ngeza lapha enkonzweni silokhu sikhona kweyami ingqondo.
150. ISIHLABELELO
1 Unothando uMkhululi
Unomusa kithi.
Uyasithanda uMkhululi
Uyasifuna futhi.
2 Unamandla uMkhululi
Okusisindisa.
Uyakufuna uMkhululi
Wemphefumulo wami.
32.Ngiyaxolisa ukuyinqamula phakathi bantwana baseKuphakameni, ngisithanda kakhulu lesi sihlabelelo, ngoba ngikubonile okushiwo yiso uMprofethi, ngikubonile ukuba kuyasebenza, kungisebenzelile mina. Siyaye sizibize ngabantwana bakaNkulunkulu uJehova, siyafisa ukuba uJehova asibize ngabantwana bakhe, kodwa ngiyesaba uma kuzoba ithina kuphela esizibiza ngabantwana bakaJehova.
33.Uvalo luyophela uma noJehova azosibiza ngabantwana bakhe, akungabi ithina kuphela esizibiza ngabantwana bakaJehova kodwa noJehova akasibize ngabantwana bakhe. UJehova-ke uyibekile bantwana baseKuphakameni imigomo, ukuthi abantwana bakhe baphila kanjani, baphila mpiloni, baphila impilo emi kanjani. Ibhayibheli kwenye izincwadi lithi UJehova wathi ebize abantwana bakhe ngelinye ilanga, noSathane watholakala ephakathi nawo amadodana kaNkulunkulu, waba khona kulomhlangano naye owawubizwe uJehova. Ijulile leyo nkulumo.
Ingakho ngithi ngiyesaba uma kuzoba ithina sodwa esizibiza
34.Ngabantwana bakaJehova, eqinisiweni uJehova kumele aqinisekise ukuthi singabantwana bakhe ngampela yini. Thina singasho nje ukuthi singabantwana bakhe, ngoba thina siyakwazi nokuti sithenge amehlo abanye abantu, siyakwazi nokuzenzisa, kodwa uJehova uma eseqinisekisile ukuthi singabantwana bakhe, cha, siyobo ngampela abantwana bakhe. Size lapha nje, size lapha ukuzocela kuJehova ukuba asamukele ukuba sibe nganantwana bakhe. UJehova uyangcengwa ngaso sonke isikhathi.
35.UMfundisikazi uyaye ethi, uma esifundisa, esifundisa ukuthi uma kukade kuthiwa asinikele, sinikelele okuthize, sicele ngamunye futhi emakhaya ethu, ukuba uJehova asizwele, ayemukele iminikelo yethu, sesisemakhaya, siyilandelele, sikhuleke, sicele sincenge. Uthi-ke uMfundsikazi, uJehova uyancengwa.
36.Ingakho-ke ekuqaleni ngithe, uJehova wawudala umhlaba, wadala i-oxygen umoya wakhe, angakuthatha noma inini uma esefuna ukukuthatha, ngaphandle koku consider thina ukuthi sikhona noma asikho, okwethu nje is given vele sizophela. Ingakho kubalulekile ukuba simncenge uJehova, uma ucabanga nje uJehova uncengeni kuthina, ngoba angaqeda ngathi nje ngokuthi athathe umhlaba wakhe, athathe amanzi akhe, athathe umoya esiwuphefumulayo, thina vele sekungavele kucace kuthina ukuthi thina hhayi siyangaphi. UJehova uyancengwa.
37.Ngicela ukubuyela kule ntshumayelo kaBaba uMelusi yangomhlaka 19 July 2013. Uyaqhubeka uBaba uMelusi uthi; “…Eminyakeni cishe yama 1960s kwake kwafika umlungu, uma ngingaphosisi kwakuliJalimane. Lapha esigcawini Ekuphakameni kwakuyaye kuthi uma kunomgidi kufike izivakashi eziningi zizobona umgidi. Ngiyawazi nami lowomgidi oyisimanga; ngaleso sikhathi imvunulo yenhlalisuthi kwakuyisikoshi; babembalwa kakhulu abantu ababevunula ngamabheshu. (imvunulo yamabheshu yafika neNyanga yeZulu) Kulezivakashi kwakukhona leliJalimane, elabe seliyindoda eqinile impela, cishe engangami” Uzisho yena uBaba uMelusi ngo 2013, uma ngingaphosisi wayesebalelwa ko 60 years, cishe 60 years. “Yayikade iphethe amasosha.” Kushuthi lelijalimane yabe iphethe emasosheni. “Uma ibuka umgidi lendoda, yabe isifikelwa usizi, isikhala. Ekuqedeni ukukhala yabe isiya kuShembe, uBaba
38. iLanga, naye owabe ehleli khona esigcawini, ebukela umgidi. Uma lifika kuShembe leliJalimane, noma iNgisi (angisakhumbuli kahle), lithi, “nguwe uShembe?” uthi uBaba iLanga, “yebo.” Uthi-ke lomlungu, “wayithathaphi lento?” ekhomba umgidi. Uthi uShembe, “yafika noBaba, yena uthi yavela eZulwini.” Wathula umlungu; wayesethi, “uqinisile, akusiyo into yasemhlabeni le, into yaseZulwini le. Mina ngangilisosha, ngihamba wonke amazwe, ngiyibonile yonke imigidi yezizwe zonke; ngiyibonile imigidi yase-Afrika ngayibona nemigidi yase-Asia, nakwamanye amazwe, kodwa akukho ukusina okwake kwangifikisela usizi.
39.Usizi akusiyo into engehlelayo, ukukhala angikwazi ngoba mina ngilisosha; kodwa namuhla okokuqala ngibuke lento ngafikelwa usizi, ngafikelwa zinyembezi. Ngamangala ukuthi ivelaphi lento elethela mina usizi, ivelaphi lento elethela mina ukukhala! Manje-ke ngiyakholwa ukuthi uma ethi uBaba wakho lento yavela eZulwini, uqinisile.
40.Uyaqhubeka lomlungu uthi, “mina ngingumKrestu, ngakhuliswa ngobuKrestu, ngafundiswa ukuthi munye umuntu owavela eZulwini, uJesu Krestu, kodwa ngiyabona ukuthi nalomuntu owavela nalento wayevela eZulwini; ngabe yini umehluko phakathi kukaJesu noShembe?” Wathula uBaba iLanga. Wabe esethi awukho umehluko otheni phakathi kukaJesu noShembe, kodwa umehluko ilo, mhla uYeshua esuka eZulwini eza eMhlabeni, wayehamba yedwa, kodwa uShembe uliladi (tabenicle) likaNkulunkulu uma ehlela emhlabeni.”
Uyayizwa leyo mpendulo, ibambe uyigcine, izokusiza, ibambe uyigcine leyo nkulumo, izokusiza, ibambe uyigcine leyo nkulumo.
41.Ngicabanga ukuthi phakathi kwethu besibaningi ebesizama ukuthola, nesingaqondi ukuthi uma umuntu ethi chaza umehluko phakathi kukaYeshua noMprofethi uShembe, ungachaza uthini, nayi impendulo, ikhona iphumile, wayeyisho ngo 2013 uBaba uMelusi. Angazi noma wayeqala ukukusho yini uBaba uMelusi kodwa mina intshumayelo engikuthole kuyo, ilentshumayelo yango mhlaka 19 July 2013. “…i, wayehamba yedwa, kodwa uShembe uliladi (tebanicle) likaNkulunkulu uma ehlela emhlabeni.” Wathula umlungu, wangazi ukuthi ukukhuluma kuni lokhu. 8. Nawe awazi ukuthi wayethini uShembe. Yini iladi?
42.Iladi lisho into esikhwela ngayo noma esisiza ekugibeleni ebuye yaziwe ngokuthi isitebhisi. Kodwa iladi libuye lisho ithende elalihlala uJehova uma eze kubantu bakhe emhlabeni. Ngesikhathi sikaMose lelithende lalibizwa ngokuthi i-tabenakele (tabernacle)” “Okubalulekile lapha ukuthi uBaba iLanga akashongo ukuthi uShembe unguNkulunkulu kodwa wathi uliladi likaNkulunkulu, ulithende likaNkulunkulu, uli tabanekele likaNkulunkulu.” Amazwi engiwathathe njengoba enjalo entshumayelweni kaMelusi, angomhlaka 19 July 2013.
43.Uyaqhubeka uBaba uMelusi kulentshumayelo yakhe uthi “. Leli gama elithi itabanakele lalichaza izinto eziningi ezihlobene nokuba khona kukaNkulunkulu phakathi kwabantu. EBandleni lamaNazaretha sinalo iladi, kodwa leliladi Ekuphakameni, noma eNazaretha, alisilo ithende, kodwa lingumcamelo. Lomcamelo ongena kuqala ethempelini uma kuliSabatha, okuthi uma kuphuma iSabatha futhi wona uphuma kuqala, ubizwa ngokuthi iladi; ngokweBhayibheli ubizwa ngokuthi itabernakele. Lichaza ukuthini leliladi, yini eyenza ukuthi uma kuqhamuka iladi siguqe?
44.SiseLinda ngake ngabona isimanga, ePulpit kwahlala iNgonyama noBaba iNyanga yeZulu; ngenxa yobuncane bendawo iladi lase liba ngemuva kukaBaba. Uma uBaba ebona iladi lingemuva kwakhe wabe esethi, “hawu, yini le eniyenzayo, seningifulathelisa iladi, sengifulathele uNkulunkulu, sengonile eZulwini? UBaba iNyanga yeZulu wakhipha uR10 wawubeka elateni ehlawula.
45.Yini eyayenza uBaba iNyanga yeZulu ehlawule uma esefulathele iladi? ISabatha ngelikaJehova. Uma kungena iSabatha kuqala kungene uJehova eSabatheni noma kungene iNgelosi yeSabatha. Kodwa thina asikwazi ukubona iNgelosi yeSabatha, asikwazi ukubona uJehova. Le Ngelosi yeSabatha imelwa iladi. Ngoba thina sisenyameni, asikho emoyeni, amehlo ethu akwazi ukubona okusenyameni, okumele okusemoyeni. Yikho-ke uma kuqhamuka iladi siguqa, sisuke singaguqeli wona umqamelo, kodwa siguqela uJehova omelwe itabernacle.
Lelithende lakwa-Israel uJehova owayefikela kulo elalibizwa ngokuthi itabernakele, ngisho wawungangena kulo wawungeke umbone uNkulunkulu. Kodwa abantu bakwa-Israel babazi ukuthi kulelithende kunoJehova, kungasondelwa kulo, ngaphandle kukaMose”Okuyena muntu owayenikeziwe ukuba akhulume noJehova, enikezwe nguye futhi uJehova ukuba asondele eduze noNkulunkulu akhulume naye.
46.Uyaqhubeka uBaba uMelusi uthi “. Kanjalo-ke nalapha eKuphakameni, iladi liyakubulala uma wedlula kulo ngokungahloniphi. Yikho kungafanele ukuthi eSabatheni kuvunyelwe izingane zigcaluze, ngoba zokwenza njalo kanti kukhona iNgelosi enolaka, ivele iyishaye ingane ife khona lapho. Izinto ezinjalo zike zenzeke. Iladi liyefana nezitsha zomphongolo wesivumelwano. Phambi kwezitsha zomphongolo wesivumelwano kuhamba uJehova, lezi zitsha zinguJehova ngokwazo, yikho uma zedlula siguqa sihalalisa; sisuke singahalaliseli izitsha, kodwa sihalalisela uJehova ohamba nezitsha, uJehova-ke unguMoya!
47.Uma kungena iladi siyaguqa lize liyohlala. Uma wena usungena esontweni, usuke usungena endaweni enoNkulunkulu, ehleli uNkulunkulu. Yikho uma ungena kumele uguqe bese uthandaza ngokukhuleka uthi, “Nkosi, ngicela ukuba nami ungamukele kulendawo yakho eyingcwele!” Bangaki abantu phakathi kwethu abangena beguqe lapha kodwa bangasho lokhu okufuneka sikusho, omunye waze wathi engathi senicela nezimoto namakhosikazi nje lapha. Cha, uma uguqile, uguqele ukungena lapha ngaphakathi, bantwana baseKuphakameni, nathi thina esifikayo, sazi ukuthi sisuke siguqelani, kuchaza ukuthini, sikwazi ukukuchaza bantwana basezulwini.
48.Kufanele sithi “Nkosi, ngicela ukuba nami ungamukele kulendawo yakho eyingcwele!” “…” Ukhuleka ngoba eSabatheni sekukhona uJehova, sekukhona iNkosi yamakhosi; kodwa leNkosi ukungena kwayo ukubona ngeladi. Uma ungena ethempelini uyathula, awukhulumi nomuntu ngisho eseduze kwakho, awukwazi ukumemeza ususesontweni; uba sesimeni sokulinda.
49.UShembe wathi abantu besifazane bengahlali nabesilisa esontweni. Lokho uShembe wakwenzela ukuthi uma umuntu esesontweni ebe ngolindile, iso lakhe lingedluleli kowesifazane, kanjalo nowesifazane iso lakhe lingedluleli kowesilisa. Amakhosazane kwathiwa amboze inansuka (indwangu emhlophe) ekhanda nasebusweni, engabuki izinsizwa, nezinsizwa zingabuki izintombi, ngoba esontweni sisuke sesilindile, siphambi kukaJehova.
50.Uthi-ke uShembe, “Lapho bebuthene khona begcina iSabatha (uJehova) akababheki ngamehlo akhe, kodwa ubabheka njengomakoti ehlonipha umyeni wakhe; abeke indleba yakhe, ukwamukela intokozo yokuhlabelela kwabamesabayo, abagcina iSabatha ngokufaneleyo; abahlolisisayo ukuthi iluphi na usuku olwemiswa nguNkulunkulu ngeqiniso, ngolweSabatha” (umthandazo weSabatha: 38-39)”
51.Uthi-ke uShembe, “Lapho bebuthene khona begcina iSabatha (uJehova) akababheki ngamehlo akhe, kodwa ubabheka njengomakoti ehlonipha umyeni wakhe; abeke indleba yakhe, ukwamukela intokozo yokuhlabelela kwabamesabayo, abagcina iSabatha ngokufaneleyo; abahlolisisayo ukuthi iluphi na usuku olwemiswa nguNkulunkulu ngeqiniso, ngolweSabatha” (umthandazo weSabatha: 38-39). Uthi-ke uBaba iLanga uShembe uliladi likaNkulunkulu, ulithende likaNkulunkulu, ulitabernakele likaNkulunkulu. Kusho ukuthini lokhu? Njengoba uJehova wayethi uma eze kubantwana bakwa-Israel efikele ethendeni, njengoba uma uJehova eze phakathi kwethu ngeSabatha ungena ngeladi; kanjalo uJehova uma ephakathi kwethu uhlala kuShembe.”
Ibambe, uma uJehova ephakathi kwethu eze kuthina uhlala kuphi? KuShembe, ngoba uShembe uyini? Uyiladi lakhe, ibambe lapho. Izangoma ziyilati lani? (Ibandla: LikaSathane). Ilapho nje impela. “…UShembe uba liladi likaJehova, uShembe uba iTabernakele likaJehova.” Uthike uBaba iLanga, iTabernakele lenu nguShembe, iTabernekele lehle noJehova, uJehova uhleli phakathi kwethu, uShembe-ke uliTabernekele likaJehova, uliTabernekele likaNkulunkulu, kodwa akasiye uNkulunkulu.
52.Kepha uNkulunkulu uhlala kuye, aphile kuye, bese ngaye thina sibona uNkulunkulu, siqonda uNkulunkulu, sazi uNkulunkulu, sibe nokuqonda ngezinto zasezulwini!
Kungoba uNkulunkulu ephakathi kwethu, akazifikelanga nje yena weza kithi ngqo, direct, kodwa wafika ngoShembe, lo esaziyo ukuthi thina uyiNceku kaNkulunkulu. UShembe lo owenza ukuba ibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu libe khona.
53.UBaba iLanga uyingxenye yabaphathi bebandla lamaNazaretha, amaNazaretha angampela, amaNazaretha agcina yonke imithetho kaJehova, amesabayo uNkulunkulu, amuhloniphayo. Ingakhoke uShembe ungeke umqonde, ungeke umazi kungenxa yokuthi wembethwe nguNkulunkulu, ilati alisiye uNkulunkulu, ithende noma kithi umcamelo owakhiwe ngesandla, kodwa lo mcamelo uluphawu lobukhona bukaNkulunkulu phakathi kwethu. UJehova ulindele ukuba thina bantwana bakhe, siqonde ukuthi ungubani yena uJehova, ukhuluma kanjani nathi futhi uzithuma kanjani izithunywa zakhe phakathi kwethu. Yebo ukugcina umthetho kaJehova, ingxenye yezinto uJehova azilindele kithi thina bantwana bakhe kodwa ngokugcina umthetho, ingabe uJehova ulinde lokho kuphela yini kithi thina bantwana bakhe?
54.Uyayigcina nje imithetho ngendlela wena obona ngayo, sekuphelele yini, ezintweni ezibekwe uJehova kubantwana bakhe? Enye ingxenye enkulu elindelwe uJehova kubantwana bakhe, ilokhu okwathulwa uBaba uMelusi phakathi kwethu ukuba asifundise indlela okuyiyo neyamukelekile yokudumisa uJehova. Angazi noma ngizwakele yini bantwana baseKuphakameni. Ngicela ukwehlela ngezansi.
INkosi ibusise enikuzwile.