Njalo uma ngabe sonile bekukuhle ukuthi sifune incwadi yomthetho bangcwele, siyibuke ukuthi ithini incwadi yomthetho, sifunde kuyo bese sibona amaphutha enzekile. Kungathi uma sehlelwa yizinhlupheko sisole uNkulunkulu kanti kone thina.
Intshumayelo yangaseSabatha ekuseni mhlaka 24 June 2023 siyiphathelwe uMfundisi uDr Mduduzi Xakaza.
214. ISIHLABELELO
1. UMkhululi wethu
Thina nzalo kaDingana
Simzwile ufikile.
Chorus: UMkhululi ufikile
UMkhululi usefikile!
WemaZulu sesimzwile.
2. Nzalo kaDingana
BenoSenzangakhona
Phaphamani ufikile
Chorus
3. Ukudinga kwethu
Thina nzalo kaDingana
Sekuphelile ufikile,
Chorus
4. Ukhumbule Nkosi
Umsebenzi wezandla zakho
Wenzalo kaDingana,
Chorus
5 Zibike wena kuye
Wena nzalo kaDingana
BenoSenzangakhona.
Chorus
1. Bangcwele, ngiyabonga kakhulu, ngiphinde Ngibonge ithuba lokubeka lamazwi mhlawumbe-ke angeke abe made kakhulu, ngiyafisa ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni, ahlale olimini lwami, kuthi okungeke kube usizo ezindlebeni zabangcwele, akuvimbe kungaphumi emlonyeni wami.
2. Avumele lokho kuphela okuzoba usizo, kube umphako womphefumulo, ukuthi umphefumulo uthole ukudla obekufanele kuwuthole.
3. Bangcwele, njengoba uBaba ubeshilo kuma groups, angazi noma izivakashi zethu zigcine zifikile, kodwa kade ngigcina uku check, ngithole ukuthi bezingakafiki izivakashi eziphuma kwi South African Council of Messianic Churches.
4. Baxubene-ke, baningi kakhulu, base South Africa, ezindaweni zonke, mhlawumbe kuma provinces onke, kodwa ngaphinde ngathola ukuthi bakhona futhi nakwamanye amazwe angomakhelwane, mhlawumbe futhi nalawo angewona omakhelwane athe ukuqhela.
5. Bakhona abaseZimbabwe, bakhona abase Swatini, bakhona abase Mozambique, kodwa laba ebesibabhekile, bekuwu Baba uSotobe, uBaba uSibiya, obezobe efika esuka eGoli.
6. Ubezothola abanye andawonye nabo, abathole khona la kule province, ngicabanga ukuthi la eThekwini uma ngingaphosisi.
7. Kodwa ngenxa yokuthi le ntshumayelo iyaqoshwa bangcwele, ngizocela ukuthi ngiyethule njengoba bengikade ngiyihlelile, ukuze noma ngabe begcina bevinjwe uSathane ukuthi bengafiki, kodwa angeke esakwazi ukuvimba intshumayelo ukuthi ingafiki kubona. Sibonga uNkulunkulu ngale technology asivumele ukuthi sibe nayo.
8. Bangcwele, isihloko engikhuluma kuso namhlanje, sithi:
9. Uma ngabe singabantu abahlakaniphile, abasebenzisa ingqondo njengokuyiphiwa uNkulunkulu, sonke kumele siqonde ukuthi uJehova nguye kuphela isisekelo sempilo yethu.
10.Uma ngabe ngisho impilo yethu, angisho i’health’, ngisho kodwa i’life’, noma ngabe isemkhakheni wezepolitiki, noma isemkhakheni wezomnotho, noma isemkhakheni wenhlalo nje, noma isemkhakheni wezamasiko (cultural), kodwa yonke into esiyiyona, isisekelo sethu siwuJehova.
11.Uma ngabe siphila emhlabeni singenaso isisekelo, siyoba neshwa elikhulu ngoba umthombo wokuphila kwethu uJehova; siphuma kuye uJehova, siwumsebenzi wezandla zakhe.
12.Bengilungise ukuthi ngoba izivakashi zethu aziwona amaNazaretha, kodwa ziyathanda ukwazi ngobuNazaretha, ziyathanda ukuqonda ukuthi futhi singamaNazaretha nje, kubangwa yini ukuthi thina sibe ngamaNazaretha kaNkulunkulu.
13.Ngakho-ke ihlukene izigaba ezimbili le nkulumo yami namhlanje ekuseni, engizozama ukuthi isikhathi singangishiyi, ngizame ukuthi ngikukhave konke ebengilungise ukuthi ngizokukhava la.
14.Ngizokhuluma ngesikhathi esedlule, esisando kwedlula, esithi recent past, bese ke, ngenzela ukuthi izinqondo zethu uma ziyilalela le ndaba, ziyiqonde kalula, emva kwalokho ngizobe sengiqhela, sengiya kwi past yakudala, isikhathi sakudala esadlula kudala, ngizokwenza kanjalo bangcwele.
15.UMprofethi u-Isaya Mudliwamafa Shembe (Ukuthula kube kuye), njengoba sazi, wazalwa ngo 1865, wahamba emhlabeni ngo 1935 uNkulunkulu esembizile ukuthi abuyele ekhaya lakhe ezulwini lapho ayevele ekhona.
16.Kodwa wafika lapha empumalanga (eNatali) ngo 1910, kodwa thina sazi ukuthi ubuNazaretha buqale ngo 1913, ngonyaka impela okwaphasiswa ngawo, le Act, iNatives Land Act, lena eyayisho ukuthi kufanele thina bantu abamnyama sephucwe ingxenye enkulu yezwe lethu.
17.Ilowo nyaka uNkulunkulu owambiza ngawo, embizela eNhlangakazi, njengoba siyaye sibe nomhlangano ngo-January.
18.Ilapho futhi amnika khona ubuNazaretha ukuze ngabo asibuyisele kuye uJehova, siphinde sibe ngabakhe njengalokhu siyibo kakade.
19.Wayesethi ‘nabu-ke ubuNazaretha engikunika bona, ubafundise, uphinde ubuye nabo laba bantu, ngaso lesisikhathi ngo-January, njalo ngonyaka.
20.UMprofethi ibandla lakhe walakhela ezisekelweni zemibhalo yeBhayibheli, kanti futhi wayehamba nezingelosi ngoba wayengumprofethi. Thina lapha njengamaNazaretha, siyibandla elinezingelosi.
21.Uma ngabe kungenzeka ukuthi sithi singamaNazaretha kodwa ingabi bikho ingelosi phakathi kwethu, kungabe sekukhona okonakele, kungabe kukhona okungasahambi kahle.
22.Selokhu kwathi nhlo, amaNazaretha ahambisana nengelosi; ngizobuye ngichaze-ke ukuze basizakale nabangazi kakhulukazi abangewona amaNazaretha; nabayiwo kodwa ukuba sizikhumbuze bangcwele.
23.Ngicela ukuthi, sike sizwe ukuthi isisekelo, noma i-foundation yenkolo yobuNazaretha, njengoba sayilethelwa uMprofethi ukuthi sithini; silapha kuMthandazo weSabatha, uvesi 3, kwezinye izihlabelelo kuba uvesi 13.
24.Kodwa ngizocela uMfundisi angifundele lapho, umthandazo weSabatha verse 3, mhlawumbe futhi novesi 4 ngoba kucishe kuxhumane, uma uwufunde Wagcina kuvesi 3, kukhona umyalezo osuke uzokulahlekela.
25.UMthandazo weSabatha, amavesi 3 – 4 (noma 13 – 14): “Mesabeni uJehova zizukulwana ngezizukulwana; nigcine imithetho yakhe anilobela yona ngeNceku yakhe uMoses, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo weMikhosi.
26.Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe akayikuyamukela imithandazo yenu. Akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.”
27 Lamazwi esiwafundayo amazwi alotshiwe phansi, esingawafuniseli ngoba alotshiwe, uMprofethi uyasho ukuthi ukuze ukukholwa kwethu, ukukhonza kwethu kwemukeleke kuThixo wemikhosi, ukuze futhi nemithandazo yethu yemukeleke, ayizwe uNkulunkulu uJehova, ukuze futhi asehlisele izibusiso, kunye kuphele nje thina esibhekwe ukukwenza. Sibhekwe ukuthi sigcine imithetho yakhe asilobela yona ngeNceku yakhe uMoses.
28.Kubalulekile siqaphele ukuthi uyachazisisa uMprofethi ukuthi uJehova wasilobela imithetho yakhe ngayiphi leyo Nceku; uyayisho ukuthi uMoses. Ngoba ngike ngibone sengathi ziningi iziNceku ezazike zilalelwe ukuthi zitheni kube sengathi lokhu esikukhulumile iNceku sekukhansela lokhuya obekukhulunywe nguJehova ngeNceku yakhe uMoses!!
29.Namhlanje njengoba sesazi sonke, sesimaqembuqembu singamaNazaretha, ngoba amaNazaretha amaningi aholwa inzalo yakwaShembe. Kukhona-ke izinhlangothi ezikhona ezihola lamabandla akwaShembe.
30.Kodwa-ke thina siyibandla elibizwa ngokuthi amaNazaretha kaNkulunkulu. Thina siholwa ingelosi; thina siholwa uBaba iLanga esebenzisa ingelosi yakhe ngoba phela ngeke simbone ngamehlo, njengoba engasekho enyameni.
31.Kodwa ingelosi ayiphuthi ukufika kubaholi bethu izobanika ukuthi ikuphi nakuphi okumele basiphakele khona ngoba singabantwana abadinga ukuphakelwa.
32.Lokhu-ke bangcwele kungikhumbuza isigameko sokufika kwakhe uMqaliwendlela, efika la kuleli zwe, ingelosi yasemaMpondweni isidlula naye, isimyisa emaMpondweni, mhlawumbe yayisiyomwelisa uMthamvuna, angazi.
33.Lokhu kungikhumbuza leso sehlakalo sokuthi leyo ngelosi yathi isakwenza lokho kwase kuqhamuka eyakwaZulu, ngoba izizwe nezizwe, bangcwele zinezingelosi. Yathi eyakwaZulu ‘cha, uMprofethi uze khona la KwaZulu, uze khona la kwabanqulu zisobala ngoba ibona abalambile; yayisifuna ukumdlulisa.
34.Ngiyachaza ukuthi njengoba thina singamaNazaretha kaNkulunkulu, sesibuyele ezimfundisweni zoMprofethi njengoba zinjalo, njengoba wayefike nazo la empumalanga.
35.Konke esikubonayo, esikubona kwenzeka kwezinye izinhlangothi, asikufundi thina ngoba sinothisha wasezulwini, uthisha esimbona ngamehlo enyama, uBaba uMelusi, ngoba uyena othunyiwe.
36.Kule mihla yanamhlanje uyena othunywe ukuthi akhombise abantu ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani. Abantu abangeke bamlalele, kuyoba icala labo lelo ngoba siyambona uyawenza umsebenzi wakhe awuthunyiwe.
37.MaSabatha onke, kusukela mhlawumbe ngo 2010, alikho ISabatha nalinye ake waliphutha wangashumayela phambi kwebandla, phambi kweRhamente leNkosi.
38.Futhi-ke thina njengamaNazaretha, sonke nje, asiwona amaKrestu; ngiyafisa ukukuchaza lokho ukuthi kuyaye kube sengathi singamaKrestu, singamaNazaretha, ngoba siyinkolo ezimele yamaNazaretha, engekho ngaphansi kobuKrestu.
39.Leli bandla lethu-ke lamaNazaretha kaNkulunkulu, iNCG, lasekelwa ngo 2010 ukuthi liqale libe ibandla. Angizukukhuluma-ke okuningi ngenxa yesikhathi.
40.Kodwa okubalulekile nje, bengifisa ukuveza leyo background ukuze umuntu oxakekile ukuthi ‘kwathi amaNazaretha ehlaba, ehlabela amadlozi, nina nangahlaba? Kwathi amaNazaretha ekhomba umuntu ohamba ngezinyawo ethi uwunkulunkulu, nina nangaba naye umuntu ohamba ngezinyawo enithi uwuNkulunkulu? Nikwenzelani lokhu? Nihlubukile!!!
41.Kwathi amaNazaretha ebhula, ethwasa, eba izangoma, nina nakhetha ukungakwenzi lokhu? Nikuthathaphi? Nihlubukile!! Yingoba sigijimile thina sayobuka, ngokusizwa ingelosi isivula amehlo, ikhuluma nabaholi bethu, sayobuka le ndaba ethi “Mesabeni uJehova zizukulwana ngezizukulwana.”
42.Lokho kwase kusithuma ezincwadini eziyisihlanu zikaMose, sibuke khonake ukuthi kanti uJehova wayelobeni, isizwe noma ibandla kuyenzeka lihambe lihambe likhohlwe ukuthi kwakulotshweni.
43.Njengesikhathi sikaNehemiya, uma sifunda indaba yabantu bakwaJuda sebephuma eBhabhiloni, iNkosi yamaPheresiya isibakhululile, bathi uma bethi bayayifunda incwadi yoMthetho bayithola ukuthi ikhuluma okuningi okungasikho lokhu abakwenzayo. Base bezisola, sebembatha amasaka, bezithela ngenhlabathi bekhala, bazihlukanisa nabezizwe.
44.Ngiyafisa siyibhekisise le ndaba ngoba sisazoke sibuyele kuyona, abazixubanga nabezizwe uma sebenza lokho, bekhalela izono zabo nezoyise, bethi bonile bona uqobo, noyise futhi bonile, becela intethelelo kaJehova.
45.UNehemiya-ke wayewumholi onjalo, wayewumholi oholela abantu kuNkulunkulu onguJehova nasemthethweni wakhe. Kodwa uma ngabe ngizobheka ubuNazaretha umsuka wabo, kusukela endulo, ngoba uma ngithi endulo, ngisho ngezikhathi zoB.C., angisho ngezikhathi zamanje o A.D.
46.UbuNazaretha butholakala encwadini kaNumeri, ngoba lapho kuthiwa ‘ubuNaziri’, kodwa thina ngoba sikhuluma isiZulu sithi ‘ubuNazaretha’, kodwa uma uthi uyabheka encwadini yeZenzo 24 vesi 5, kukhulunywa ngobuNazaretha, ngehlelo lamaNazaretha.
47.Laphaya encwadini kaNumeri, yila kukhulunywa khona okokuqala esizweni sakwaYisra’el emva kokuthi bephumile endlini yobugqila eGibhithe, ngonyaka abaphuma ngawo, u 1446 B.C.E., ngoba kwakuyisehlakalo esaqoshwa phansi leso, njengesehlakalo somlando.
48.Kuthe uma kuhamba isikhathi bangcwele, kwabe sekuvela amaNazaretha anesifungo, azalelwa phezu kwesifungo sokuthi angamaNazaretha impilo yawo wonke.
49.Kanti ekuqaleni umuntu ubethatha isifungo athi ‘ngizoliyeka iwayini, angizuligunda ikhanda, angizushefa intshebe, ngizophila impilo engcwele ngibe umNaziri kaJehova kuze kuphele lesi sikhathi engisinqumile.
50.Uma sesiphelile ngizophindela ewayinini lami ngiluphuze.’ Angazi-ke noma wayephuza adakwe yini umuntu uma esephumile ebuNazaretheni, noma wayephuza abenjani, anginalo ulwazi. Kodwa engikwaziyo ukuthi iwayini, laline alcohol, lalinembiliso, lalibilisiwe.
51.Kodwa bangcwele uma ngabe sekuzalwa amaNazaretha ayezalwa naso isifungo sobuNazaretha. Umuntu wokuqala esimkhumbulayo uSamsoni ngoba uSamsoni wayenomsebenzi okwakufuneka ukuthi awenze ngoba ehlelwe uMoya Ongcwele kuphela. UbuNazaretha buhambisana nokuhamba noMoya Ongcwele, buhambisana nobungcwele.
52.Owesibili, bangcwele, kwase kuba uSamuel, uSamuel indodana ka-Hana. Kwase kuzoba omunye, uJohane uMprofethi, uMprofethi uJohane lo amaKrestu ambiza ngoMbhaphathisi, kodwa thina siyazi ukuthi uwuMprofethi.
53.Bese kuba uYeshua onguMesiya, esaziyo ukuthi naye wabuhola ubuNazaretha, waba umholi wawo amaNazaretha. Akukho la sithola khona ukuthi kukhona elinye ihlelo elaliholwa yilaba holi, uJohane noYeshua.
54.Nakuba ayekhona ebandleni likaJehova, abaFarisi nabaSadusi, nama Essenes, ama-Essenes kunolwazi oluthi uJohane wawaguqula wawenza amaNazaretha.
55.Ayephila impilo yokuba isolated, yokusuka eduze kwabantu abaningi, ngoba kwakunomqondo wokuthi inkolo kaJehova isingcolisiwe, sekune compromise enkulu, sekunemithetho eminingi engasagcinwa la kule nkolo kaJehova, base bezehlukanisa beyohlala ngasoLwandle lukaSawoti (Dead Sea).
56.IDead Sea siyazi-ke ukuthi inomlando, esiwubone ngo 1947, ukuthi kanti la ababehleli khona, babengahleli nje, babebhala ngoba abantu bakithi abamnyama, kusukela endulo, ibona abaqala indaba yokubhala nokufunda, bangaBantu beNcwadi, siyiSizwe esizalwa aBantu beNcwadi!!
57.Asiyibona abantu abazalwa be illiterate; ukuba illiterate kwafakwa kithi, kwaphoqelelwa kithi abantu abasi coloniza, kodwa kwathi uma sekutholwa ngo 1947, e-Qumran, kwatholakala imiqingu eminingi, ama scrolls. Ayebhaliwe, ebhalwe yilaba bantu ababengama-Essenes. Sikhuluma ngabo-ke uma sithi uJohane wabathatha wabafundisa iNdlela, (The Way), wabafundisa ubuNazaretha.
58.UbuNazaretha buyiNdlela, abuyona nje inkolo kuphela kodwa buyiNdlela. Buqala kuJohane, buza kuYeshua, buhambe njalo, ngizosho ukuthi kwase kwenzekalani eNdleleni.
59.Kodwa ngoJohane uMprofethi uyakhuluma ngaye la uRav Sha’ul, encwadini ethi The Nazarene, engifisayo bangcwele ukuthi, uma sikwazi, lezi zincwadi sibe nazo.
60.Ngizobheka nje izicaphuno eziku page 10 no-page 25, kodwa ngithatha kakhulukazi entshumayelweni kaBaba uMelusi yangomhlaka 22 January 2022, ngonyaka odlule.
61.Mina-ke isihloko sakhona ngizosi paraphrase ngoba ngiqonde ukukhuluma inkulumo yami ithi ukwehluka, isihloko saleyo ntshumayelo kaBaba sithi: UBANI UMHOLI WEBANDLA LAMANAZARETHA, yayisoKhozini Fm.
62.Minake ngithi: OBANI ABAHOLI BEBANDLA LAMANAZARETHA ngoba ngizama ukuxosha umqondo wokuthi kuthiwe ‘hhayi, nina maNazaretha nikhonza umuntu, uShembe uwuNkulunkulu wenu,’ kodwa uShembe uwumholi wethu.
63.Kwakungaqali ngaye ukuthi ebe umholi wethu; ubesezovuselela thina okwasilahlekela, ngoba manje usifice singasazi lutho, singasazi nokubhala, singasazi nokufunda kodwa kubonakala ukuthi siyinzalo yakwa Yisra’el.
64.Uthi-ke uBaba uMelusi uma eshumayela: “Abantu abaningi sebeqala ukuqonda ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungama Nazaretha, hhayi leli gama labezizwe! Ngokutholakala kwama Dead Sea Scrolls, okuyimibhalo yamaHebheru emidala eyabakhona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, Sesinolwazi ngebandla lamaNazaretha elaliholwa nguYeshua.”
65.Uma ngithi uYeshua, ngibalekela igama lika’Jesu’ ngoba ngimbiza ngegama lakwabo, ayeliqanjwe kubo, elalifike nengelosi eyayikhuluma isho ukuthi uzozalwa, ngoba babekhuluma i-Aramic ngalesiya sikhathi; siyazi sonke.
66.”Ekhasini 25 lale ncwadi kuthi, “Siyazi ukuthi ibandla lamaNazaretha lasungulwa nguMprofethi uJohanei. .NguJohane owafundisa uMesaya, okunguYeshua, wamcijela ukuba abe nguMpristi oMkhulu.”
67.Siyazi-ke bangcwele uYeshua unguMprist oMkhulu. Ezulwini uJehova iziNceku zakhe uzinika imisebenzi eminingi eyehlukahlukeneyo, uYeshua ke wanikwa umsebenzi wokuba uMpristi oMkhulu ngokohlelo luka Melchizedek ngoba akazalwa endlini kaLevi, bangcwele.
68.“UYeshua wathatha kuJohane wabe esehola ibandla lamaNazaretha akuqala okwathi ekugcineni leli bandla lamaNazaretha laholwa nguMpostoli uSha’ul.”
69.Sithi thina u-Sha’ul ngoba siyazi abelungu uma bethi ‘Saul,’ banqena ukukhuluma ulimi lwesiHebheru ngoba babona ukuthi luyinto ephansi, luyinto yabantu abamnyama, base bethi ‘Saul,’ kodwa siyazi thina ukuthi u-Sha’ul lo. UPaul kukhulunywa ngaye kodwa esikwaziyo ukuthi umbani washaya uSawulu, nezwi lathi ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?’, alishongo izwi ukuthi ‘Pawulu, Pawulu. ungizingelelani na?’
70.“Nempela ke sivezelwe kancane kuyiZenzo 24:5 ukuthi uMpostoli uSha’ul wayengumholi webandla lamaNazaretha, kodwa safihlelwa ukuthi lobu buholi wayekuthathe kuYeshua!”
71.Ngicela uMfundisi angifundele la kwenzele ukuthi siyizwe kahle le ndaba, kwiZenzo 24 vesi 5 ngoba kulo lonke leli, esilinikiwe abamhlophe, kuvezwa lapho kuphela ukuthi u-Sha’ul wayengeyena umholi webandla leliya esicabanga ukuthi wayelihola, kodwa wayehola ibandla lamaNazaretha.
72.Izenzo 24 vesi 5: “Ngokuba le ndoda, siyifumene iyishinga, ivusa ukwambuka Phakathi kwamaJuda ezweni lonke, eyinhloko yehlelo lamaNazaretha”
73.Eyinhloko yehlelo lamaNazaretha!!! Kusho ukuthi lamahlelo ayethi uma ebalwa kwaziwe ukuthi kukhona namaNazaretha lapho, kodwa ngokwe Agenda yabezizwe abafuna ukuthi sibe sebumnyameni thina bantu bakaJehova, thina nzalo yamaHebheru asendulo, singaqondi ukuthi kwakwenzakalani endulo.
74.Kwathi uma sekubhalwa, sebe-printa, ngoba ibona ababene technology yokuthi bakwazi uku printa, oJerome, ama correctores, bakukhipha konke okwakuzoveza i-element yobuJuda kule mibhalo yenkolo ababeyibhala beyisusela kwisiHebheru.
75.Siyazi uBaba uke ayikhulume kakhulu indaba yoJerome, ayikhulume kakhulu indaba yama correctores, ukuthi le mibhalo esiyibonayo kuningi osekuguquliwe kuyo, kwahlanekezelwa, okunye kwakhishwa ngoba kwase kunquma abezizwe ukuthi bafuna kube khonani ngoba sase siyisizwe esinqotshiwe thina uqobo lwethu.
76.“Ukuze singagcini silahlwa ngenxa yokweswela ulwazi, kumele umlando ngenkolo kaJehova siwulandele!” usho kanjalo uBaba uMelusi.
77.Uthi kumele siqaphele, silandele umlando ngenkolo kaJehova, singabi emotional ekukholweni kwethu, singathathi izinto ngama emotions bese sithi ‘ayi cha, impela uMoya ubukhona namhlanje’, kanti cha besi emotional nje.
78.Kanti kufuneka sihlale phansi, sihlole imibhalo, sihlole ukuthi umlando walenkolo kaJehova uthini, ngoba lokho kuyokwenza ukuthi sibone futhi amaphutha okhokho bethu abawenza, siphinde sibone futhi amaphutha enziwa yithi namhlanje.
79.Ebese siyabona ukuthi kusho ukuthi kufanele siyolungisa lokhu nalokhu, siyokhala kuJehova, sicele ukuthi asixolele, asithethelele kulokhu nalokhu abakwenzile.
80.Ngakho-ke bangcwele asikhumbuleni ukuthi abalandeli bakaYeshua babebizwa ngama Messianics. Yilelo nje igama; babebizwa ngama Messianics, alikho elinye igama ababebizwa ngalo.
81.Siphinde sikhumbule ukuthi ihlelo laba postoli bakhe, ihlelo labo, i-denomination noma i-sect, laba abaqala bashumayela eJerusalema, base bephuma beyoshumayela kwabezizwe, kwakungama Nazaretha lelohlelo lelo.
82.Abezizwe babebabiza ngamaMessianics ngoba vele babenenzondo ngoYeshua onguMesiya, base bethi laba bantu bangama Messianics. Babecabanga ukuthi bayabacokofula uma besho kanjalo.
83.Baphuma-ke beyoshumayela kwabezizwe bengamaNazaretha, befafaza yonke inkolo eyehliselwa kubo entabeni yaseSinayi, noma ngithi okhokho babo entabeni yaseSinayi. Babeshumayela ivangeli loMbuso weZulu okuyimfundiso eyafika noYeshua onguMesiya.
84.Sizokhumbula ukuthi yathi ingelosi uma ibika kuMariya, noma ngingazike noma igama eli correct yini uMariya ngoba ngazi ukuthi uMaryam, kodwa le ntombazane eyayitshelwa yingelosi kwakungu Maryam, igama elifana nse negama likadadewabo kaMose.
85.Yathi lo ozozalwa uMbuso uzobe usemahlombe akhe; yasho kanjalo, nangampela uYeshua ivangeli ayelikhuluma kwakuyivangeli loMbuso kaJehova, wona lo Mbuso athi uYeshua kufanele ukuthi sikhulekele ukuthi ufike emhlabeni, wehlele emhlabeni, intando kaJehova yenziwe la emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini.
86.Asazike noma iyenziwa yini emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini kulesi simo esiphila kuso namhlanje, kodwa abaholi bezenkolo, abaholi beSizwe, amakhosi, abaholi bepolitiki, asazike noma bayakufundisa yini lokhu kubantu ababalandelayo, ukuthi kufanele uMbuso weZulu kube iwona owehlayo, wehlele emhlabeni, nentando kaJehova bese yenziwa njengoba phela yenziwa ezulwini.
87.Kungahluki, ungabibikho umehluko ukuthi ‘ayi phela la sisezulwini, ayi la emhlabeni sesihamba phela nge democracy, phela sihamba nge constitution yala emhlabeni, phela sihamba ngamalungelo esintu. Hawu, uma kuthi angihambe ngiyokhipha isisu, angisikhiphe nje, akunacala ngoba phela nginelungelo.
88.Uma kuthi angihambe ngiyothandana nenye insizwa ngiyinsizwa nami, ayi, alikho icala lapho; nginelungelo.’ Kodwa umbuzo uthi isho kanjalo yini intando kaJehova, usho kanjalo yini umthetho kaJehova ngaleso senzo na?
89.Leli vangeli lombuso wezulu lalingawaphathi kahle amaRoma ngoba yiwo ayephethe uMbuso emhlabeni, uMbuso weNsimbi, njengoba sike sizwe kuDaniel 2 vesi
40; ngeke simfunde bangcwele manje ngenxa yesikhathi, kodwa ngicela ukuthi sikunothe phansi lokhu okwamavesi ukuze uma sifika ekhaya sesetshisa mhlawumbe, setshise ngaleyo ndlela yokuthi siphinde siyobheka uDaniel 2 vesi 40 ukuthi wayetheni uDaniel ngaloMbuso weNsimbi.
90.Nanamhlanje imibuso yezwe ayiwufuni nokuwubona umbuso wezulu, Yingakho ubuNazaretha bucwaseka futhi bukhishwa inyumbazana; endulo nangesikhathi soMprofethi, bacwaseka ubuNazaretha engakazalwa uMprofethi uShembe, noma esefikile, bacwaseka ubuNazaretha.
91.Izwe-ke liyamzonda uJehova nemithetho yakhe, yingakho uthola ukuthi bonke ohulumeni, okuthiwa bangohulumeni bentando yabantu abakhulumi nakukhuluma ngomthetho kaJehova, umqingu nje abakhuluma ngawo, bakhuluma ngoMthethosisekelo.
92.Nanamuhla indaba eqondile ngobuNazaretha iyazondwa ngenxa yokuthi omubi usazigcobela abantu bakhe abazolwa nomthetho kaJehova.
93.Uthi uJehova egcoba abaholi la, ebabeka ukuthi abafundise umhlaba wonke ukuthi ukhonzwa kanjani, ebese nomubi egijima esezigcobela nabakhe abaholi, abazophikisa yona le mfundiso kaJehova.
94.Ikho sekwakhiwa onkulunkulu abaningi okuhloswe ngabo ukuthobisa uJehova okunguye owathuma uShembe ukuba azosibuyisela kuye ngokusibuyisela emthethweni wakhe.
95.Ayikho enye indlela yokubuyela kuJehova uma ngabe sithi sifuna ukwenza ukubuyisana noJehova kodwa okuyiyona ndlela yokubuyisana naye ukuba thina sibuyele emthethweni wakhe uma ngabe sesenze yonke le process yokuzithoba sivuma izono, ebese sisho ukuthi sivuma nezokhokho bethu, ebese sisho ukuthi asizukuphindela kulezi zono. Ebese emva kwalokho kubonakale ukuthi sesihamba manje ngomthetho kaJehova, asisahambi manje ngendlela yokweduka kwethu.
96.Endulo-ke nalo Mbuso wamaRoma wawumelene nale nkolo kaJehova eyayinamahlelo abaFarisi, nabaSadusi kanye nama-Essenes, lawa agcina-ke esengamaNazaretha njengoba sengishilo bangcwele ngaphansi kobuholi bukaJohane uMprofethi.
97.Le nkolo yagcina isiyaziwa njengenkolo yamaJuda ngenxa yokuthi uYisra’el wawusuhlakazekile-ke bangcwele, sekusele uJuda eNingizimu, eJudiya; ngamanye amazwi, kwase kwaziwa ngokuthi inkolo nje yamaJuda le, igama elithi ‘Judaism’ liphuma lapho.
98.Kodwa-ke thina bangcwele asikho-ke kwi Judaism ngoba igama leli elasungulwa abezizwe, alisungulwanga uJehova, noMoses akazange alisho, nathi futhi asizange sitshelwe ukuthi asingene kulo.
99. La maNazaretha, abelungu abawabizwa ngama-Early Christians ayehlushwa futhi ebulawa, kwaze kwabusa uConstantine the Great, ngoba kukhona into eke ibhalwe kwi Church History kuthiwe ama-Early Christians, lawa ayehlushwa, ebulawa.
100.Kodwa sesiyaqonda manje ukuthi kwakungama Nazaretha lawo, ngoba ama Early Christians ayengekho ngoba ubuKrestu bafika ngaye u-Constantine the Great, ukuthi kuthiwe kukhona inkolo enjengale, futhi inkolo yombuso, eyinkolo yoMbuso wamaRoma.
101.Ngonyaka ka 66-70 A.D. kwaqubuka impi phakathi kwamaJuda namaRoma, kodwa kwase kuthi ngo 70 A.D. labhidlizwa iThempeli laseJerusalema, kwabulawa amaJuda acela ku 1 million, ebulawa ngenkemba, kwathathwa nempango enkulu lapho eThempeleni, lashiswa laze laphela nya. Lokhu kubhidlizwa kweThempeli bangcwele, kwaprofethwa nguyena uYeshua kuMathewu 24.
102.AmaJuda asinda lapho abalekela endaweni eyayibizwa kwi map yase Africa kuthiwa yi NEGROLAND, singasho-ke ukuthi ayesuka kuphi; ayesuka khona eNortheast Africa ebalekela e-West Africa, esiyibiza kanjalo namhlanje. Amanye-ke athathwa ayiswa emazweni amaningi adayiswa njengezigqila.
103.Sizokhumbula ukuthi u-Professor u Rudolph R. Windsor, uyichaza in details le ndaba, echaza ukuthi amanye aze afika nakoPortugal, la agqilazwa khona. Kwathi ngokuhamba kwesikhathi ezinye izigqila zabuya zazolahlwa lapha e-West Africa, nazo futhi zabuya zajoyina abantu bakubo, zahlala khona.
104.Emva kwalokho abelungu basungula yona le nkolo ekade ngikhuluma ngayo, yoMbuso wamaRoma, izifundiswa eziningi ezivumelana ngokuthi iyinkolo yokukhonza ilanga.
105.Iyinkolo yokukhonza ilanga nje, bonake bathi yi’Cult of the Sun,’ ngoba akuyona inkolo eqondile, icult nje, iCult of The Sun.
106.Le nkolo yayisekelwe phezu kwenkolo yobuhedeni, eyayivele ikhona eMbusweni wamaRoma. Mhlawumbe bangcwele sizokhumbula, ngoba siyazisho izinto sibuye sizikhohlwe, mhlawumbe sizokhumbula ukuthi unkulunkulu owayekhonzwa, kakhulukazi amabutho amaRoma, ngoba encenga ukuthi awavikele empini ukuze angafi, kwakuba uMithra. Lowo nkulunkulu lowo, uyena nkulunkulu amaRoma ayemthanda kakhulu.
107.Nayoke le nkolo yobuhedeni, yayisekelwe kule eyaziwa ngokuthi inkolo yemfihlakalo yaseBhabhiloni njengoba ngikade ngiyichaza nje, abathi yi Mystery Religion of Babylon.
108.Yikho-ke manje kukhona izimfundiso-ke ze Trinity (ubuThathu Emunye), le ndaba yokuthi uNkulunkulu mthathu emunye; ikho-ke manje. Kukhona uKhisimuzi, kuthiwe yeyi izelwe inkosi ngomhla ka 25 December.
109.Yikho bangcwele kukhona namaholidi ka-Easter, andulelwa yiLent, izinsuku eziwu 40 zenzilo. U-Easter lo unkulunkulukazi, isithixokazi, enkolweni yabezizwe abayisungula ukulwa nenkolo kaJehova ngoba kade bangcwele saba yitarget yabezizwe.
110.Uma sisuke sikhuluma lento, sisuke singakhulumi ngenzondo, kodwa sisuke sikhuluma ngokwesambulo esifikile kuBaba uMelusi ukuthi ubonile manje ukutji kuhloswe ukuba silwiswe, sihlaselwe, iqedwe inkolo yethu, sisuswe kuJehova, senziwe izinto eziyinhlekisa emhlabeni ngoba phela isizwe esingahambi noNkulunkulu waso siyinhlekisa emhlabeni. Kufanele sikukhumbule lokho bangcwele.
111.Nakuba amakholwa etshelwa ukuthi asuke ezilela ukuhlushwa nokubulawa kuka ‘Jesu’, kodwa awazi ukuthi kusuke kuzilelwa uTammuz; kusuke kuwuTammuzi lo osuke ezilelwa. Noma ungathi uyakuphi ezincwadini ezichaza amagama, uma ubheka u’Lent’, uzobona ukuthi leli gama lisukelaphi, lase liyangena enkolweni yabezizwe abayisungula ngenhlakanipho yabo kwi Council of Nicaea ngo 325 A.D., bangcwele.
112.Ngicela ukuthi ke sibheke la, noma singeke siyifunde manje, siyiqonde le nto, bangcwele, sizifundele ku Ezekiel 8 amavesi 14-16, ukuthi sibone ukuthi le nto yokukhonza ilanga yaze yangena ngisho nasethempelini likaJehova, into okuyihlazo elingaka.
113.Ukuthi uJehova ewuNkulunkulu ebusa, kodwa bese kufika inkolo yelanga, likhonzwe futhi khona la ethempelini, kubonakale abesilisa bekhonza, befulathele ithempeli, bebheke kulo ilanga, belikhonza bangcwele.
114.Ngicela ukuthi ngenxa yesikhathi siyifunde le ndaba uma sesithola isikhathi, mhlawumbe nange break nje, sivule izincwadi zethu ezingcwele sifunde kuzo.
115.Kuhambe kwahamba-ke bangcwele uMprofethi u-Isaiah Shembe (ukuthula kube kuye), njengoba bengishilo, wahamba emhlabeni ngo 1935.
116.Kodwa futhi kwahamba kwahamba naye uBaba iLanga, iNkosi uGalilee Shembe (ukuthula kube kuye) wahamba emhlabeni.
117.Uthe uma esehambile emhlabeni bangcwele, ibandla lase lehlukana phakathi, sekubangwa-ke, njengoba bengishilo, sekukhona osethi ‘hhayi, imina umholi, imina umholi,’ kodwa uBaba iNyangayezulu akazange angene kulowo mbango, akazange aphakamise sikhali.
118.Wathi ‘abafuna uxolo, abangafuni ukuchitheka kwegazi, asambeni nabo, siyohlala emahlathini sikhonze khona uNkulunkulu’.
119.Siyambonga uNkulunkulu ngokungena enhliziyweni yeNkosi yamaQadi, iNkosi uMzonjani Ngcobo, ngokuthi aveze inxiwa lokuthi kubekwe umuzi kaNkulunkulu laphaya eMatabetulu.
120.Manje-ke thina siyibandla lamaNazaretha sibe siholwa uBaba uMelusi abantu abaningi-ke abamazi ngoMfundisi uM.P. Mpanza.
121.Engxenyeni yesibili bangcwele ngifisa sifunde u-Deuteronomy 28, oyincwadi yesihlanu kulezi zikaMose; yingoba uMprofethi usithumile wathi asiyobheka ukuthi wasilobelani uJehova, ake sibheke-ke ukuthi uJehova usilobeleni, mhlawumbe siqale sifunde kuvesi 8 Mfundisi. Ngizolokhu ngiwasho amavesi ngoba ngiyabuka ukuthi ngibhaleni la ngoba ngifuna indaba ukuyiqondanisa.
122.Ingxenye yesibili bangcwele ngifisa ukuthi sifunde kuDeuteronomy 28:8: “UJehova uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho ezinqolobaneni zakho nakukho konke obeka kukho isandla sakho, akubusise ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.”
123.Ngiyacela bangcwele siyiqaphele le ndaba ngoba ingaphambi kweziqalekiso ngoba isigaba seziqalekiso siqala ku vesi 15. La kusakhulunywa ngezibusiso.
124.Uthi uJehova uyoyala isibusiso sibe phezu kwethu, ezinqolobaneni zethu nakukho konke esibeka kukho isandla sethu, asibusise uJehova uNkulunkulu asipha lona.
125.Ake sibheke laphaya ku vesi 25 kuya ku 26: “UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.”
126.Bangcwele, ngiyafisa ukuthi sibheke la ukuthi kungenxa yani. Yingenxa yokweqa isivumelwano saseSinayi uNkulunkulu uJehova ayesenze nokhokho bethu njengoba sekunjena nje.
127.Ngiyafisa sibhekisise namanje ekuphileni kwanamhlanje ukuthi zimbalwa kabi izimpi esinqoba kuzo thina bantu abamnyama, thina nzalo yamaHebheru uma sibhekene nabelungu kanye nezinye izizwe ezisizondayo.
128.Singacabangi ukuthi mhlambe izizwe ziyasithanda futhi singacabangi ukuthi izizwe aziboni ukuthi yithina inzalo kaYisra’el. Yithina kuphela esingaboni ngoba sembethe isiqalekiso. Zithi zingasinqoba-ke bese zihlwitha izwe Lethu kanye nomnotho okulo.
129.Kunjani namhlanje? Sinalo izwe? Asinazwe. Yonke into esinayo yiphepha, kodwa into ephathekayo asinayo.
130.Deuteronomy 28:26: “Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwezinyoni zonke zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyikubakho ozihebezayo.”
131.Kubuhlungu-ke uma ngizwa la mazwi ngoba sonke siyawazi futhi ngiyazi ukuthi abuhlungu. Ngizocaphuna ukuthi ke sikhumbule iMpi yaseNcome, ukuthi kwenzekani lapho.
132.UBaba uMelusi washumayela ngaleyo Mpi yaseNcome futhi washumayela ukuthi uShembe uMprofethi wathini ngaleyoMpi yaseNcome.
133.Wasitshela futhi uBaba uMelusi, wasikhombisa ukuthi uMprofethi wakhuleka umkhuleko, wayesethi amaNazaretha mawazile, alile ngomhla ka 16 December, kodwa-ke abaholi bezepolitiki abakukhuthalelanga lokho.
134.Waphela amandla uMprofethi, wathi ‘cha, abaholi bezwe abangizwa ukuthi ngithini.’ Kanti iphutha elikhulu bangcwele ukuthi abantu ababoni ukuthi uShembe wathunywa esuka ezulwini; akuyena umuntu owamane wahlanganisa izibalo wathi ‘one plus one, utwo, kusho ukuthi kuzoba ubuNazaretha lobu. Akuhambanga kanjalo.
135.NaseMelika, eSouth bangcwele, abantu babejahwa, babanjwe bese belengiswa emithini nasema bhrijini. Sike sizibone izithombe uma sibheka laphaya; lokho kuthiwa ama lynchings.
136.Baze babolele laphaya badliwe ‘zinyoni zezulu. Ngani na? IDNA yakho iyakuceba wena muntu omnyama ukuthi wena uyinzalo kaJakobe. Noma ungathi uyaphi uyofika uhlukumezeke lapho.
137.Inyama yakho, isidumbu sakho siyodliwa ‘zinyoni zezulu. Umuntu omnyama walapha uvamile futhi ukuba wukudla kwezinja zabelungu. Kwakwenzeka kakhulu ngesikhathi sobandlululo. Kuthathwe umuntu omnyama abulawe, ithathwe inyaa yakhe igaywe, ingaphekwa, inikwe inja.
138.Ubone wena inja yabelungu ithi ayikudle ikufele uma ibona wena kodwa ibayeke bonke abelungu laba. Kodwa uma ibona wena iyakuzwa iphunga lakho ukuthi hhayi, ukudla kwami lokhu.
139.Ngenxa yani na? Ngenxa yokuthi kunenzondo ejulile ngabantwana bakwaYisra’el. Thina si busy sikhuluma indaba ye reconciliation, ukubuyisana, simosha isikhathi nje.
140.Asibuyisani noJehova; sibuyisana nezitha zethu. Abaholi bethu basikhulumela indaba yokubuyisana nezitha zethu, kodwa bayayijomba le yokuthi ake siqale sibuyisane noJehova kuqala. Abaholi bethu esithi sinabo namhlanje. Abaholi abangamakhosi abayikhulumi nokuyikhuluma indaba.
141.Abaholi bepolitiki basihola ngokusedukisa. Ngoba uyabedukisa abantu uma ungababuyiseli kuJehova, ubatshele ukuthi ukubuyisana okuyikhona okumele siqale ngakho ukuthi sibuyisane noJehova, sigcine imithetho yakhe, kusuke isiqalekiso phezu kwethu.
142.Umuntu omnyama usenkingeni yalokho bangcwele, yokuthi ubuholi abukho. Ngisho endimeni yezepolitiki; abukho ubuholi ngoba izitha zethu ziyasibuka ziyasihleka nje.
143.Yingakho mina ngingahleki nomlungu. Angihleki nomlungu mina. Umlungu nje uma ethi ungikhulumela inganekwane yakhe, ngiyamtshela ukuthi ‘buka la, mina angizwani nenganekwane; ungangitsheli indaba yenganekwane wena!’
144.Ngoba ngiyazi mina ukuthi silimale kanjani ngalezi zinganekwane. Silokhu sitshelwa ukuthi ‘reconciliation’, ‘MAN OF PEACE’, kukhonjwe umuntu nje kuthiwe yi ‘MAN OF PEACE’, kodwa uma uthi uyabheka wena iyaqhubeka inhlupheko yakho wena muntu omnyama.
145.Kodwa kukhona I’MAN OF PEACE’ ngala, kodwa wena ngalapha uyahlupheka. Yini, konakelephi? Ukhiye usekutheni asibuyisene noJehova.
146.Manje kuloluya hambo olude lokuwela i-Atlantic Ocean nezigqila – sengikhuluma ngezigqila ezazithathwa la ziyodayiswa phesheya, kwakuthi uma isigqila sigula sekubonakala ukuthi alisekho ithemba lokuthi siphile, sithathwe sisaphila siphonswe emanzini.
147.I-Atlantic Ocean bangcwele wulwandle olukhulu kabi lolo, olujule kabi kabi. Kugcwele zonke izilwane laphaya. Zikudle izilwane uzwa ngenxa yokuthini? Uwumuntu omnyama wena, uxabene noNkulunkulu wokhokho bakho.
148.Angazi noma siyayibona yini le ndaba bangcwele. Angazi noma abaholi bezenkolo nabezepolitilki bayayibona yini le ndaba. Angazi, kodwa ngiyafisa ukuthi bayibone, uNkulunkulu abakhombise le nto, ukuthi konakele.
149.Njalo uma ngabe sonile bekukuhle ukuthi sifune incwadi yomthetho bangcwele, siyibuke ukuthi ithini incwadi yomthetho, sifunde kuyo bese sibona amaphutha enzekile. Kungathi uma sehlelwa yizinhlupheko sisole uNkulunkulu kanti kone thina.
150.Deuteronomy 28:29: “…uphumputhe emini njengempumputhe iphumputha ebumnyameni; awuyikuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyikubakho muntu wokukusindisa.”
151.’Akuyikubakho muntu wokukusindisa.’ Ngenkathi kuthiwa siyakhululeka, sitshelwa ke le ndaba yenkululeko ngo 1994, thina-ke sacabanga ukuthi ngalowa mzabalazo wezikhali owawukade ukhona, owawuqale ngama early 1960s, sacabanga ukuthi sikhululekile ke, kodwa asimehlulanga ngezikhali umcindezeli.
152.Akuzo izikhali lezo esamehlula ngazo ngoba sasingahambi noJehova lapho; sasihamba sodwa, sizethembe thina, sicabanga ukuthi ngokuhlakanipha kwethu nangamandla ethu sophatha ibhazuka sishaye abelungu, siphathe ibhazuka sishaye amabhunu, kanti cha, ibhazuka enkulu yethu bekungaba wuJehova bangcwele.
153.Bekungeke kuze kube yibhazuka ephathwa ngezandla. Angazi noma siyayibona yini le ndaba, ukuthi uma isitha sakho usinqobe emoyeni, kwelikamoya, usinqobe ngo 12 midnight ukhuleka, wasinqoba lapho, uphinde ulale, noma singenzani emva kwalokho, sinqotshiwe!!!!
154.Manje thina asikwenzi ngani lokho? Ngike ngibone abantu beya emsamo beyoshisa impepho bese ngiyababuza ngithi ‘we madoda, nashisa impepho emsamo, ukuhlupheka komuntu omnyama akupheli ngani pho uma ngabe amadlozi esebenza ngempela ngoba phela niyawethemba nina? Akupheli ngani ukuhlupheka? Bese becasuka ke abantu kuthi abakudle bakufele, kanti angidleki, ngiyababa impela!!
155.Ake siyeni ku vesi 41 ngoba ngifuna sizibheke kahle lezi zinto bese siyabona ukuthi ukhona yini umuntu wesinye isizwe oseke wabhekana nalezi zinhlupheko ezinje.
156.Ngifisa sizibuze. Hhayi ukuthi ngiyabafunza abangcwele, cha, angibafunzi, kodwa ngifisa size challenge; uma uwumuntu uyazi challenga; ingqondo ikhula kanjalo ke.
157.Deuteronomy 28:41: “Uyakuzala amadodana namadodakazi, kepha awayikuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa.” Ayakuthunjwa amadodana namadodakazi akho!! Lesi simo sokuthunjwa kwabantwana ke sasenzeka endulo futhi namanje sisenzeka. Abanye bazobuza: ‘hawu, senzeka kanjani?’
158.Namhlanje nje kune human trafficking. Akekho umuntu ofika kuwena azocela athi ‘ngicela ukuthatha indodakazi yakho bandla ngoba ngidinga imali; ngicela ukuyithatha ngiyoyidayisa.’
159.Ithathwa ngenkani. Nendodana yakho akekho umuntu oyicelayo ukuthi ayihlohle lama drugs lawa okuthiwa wonyawope nowunga nani nani ukuze kufezeke i-agenda yesitha. Bayihlohla ngenkani indodana yakho, siyibone isilele laphaya. UNkulunkulu asisize kuleyo nto bangcwele.
160. La ePoint, eThekwini, naseHillbrow, eGoli, kukhona izidleke zobugebengu obesabekayo lapho. Kugcwele khona izingane zabantu abamnyama zakuleli zwe lapho zenziwa khona izigqila zocansi, zinikwa ama drugs ukuthi zibe ama addicts.
161.Uzothi uma eseyi addict, esefuna amadrugs, bese kuthiwa ukuze uthole idrug, hamba uyodayisa ngomzimba emgwaqeni ubuye ubuye la, ngizokunika idrug. Ubuye nemali!! Leyo mali eyami!!! Ubugqila ke lobo.
162.Mina ngikhuluma ngento bangcwele eyenzeka namhlanje. Ukhona yini owesinye isizwe obhekana nesimo esikanje? Ukhona yini? Uma ekhona ngicela abangcwele bangikhombise.
163.Kodwa akekho umlungu ophathwa kanjalo lapha ePoint, futhi akekho umlungu othumbe lezo zingane; lokhu kuthumbana kwenzeka phakathi kwethu singabantu abamnyama, inzalo kaHam ithumba inzalo kaShem.
164.Inzalo kaHam ibukela phansi inzalo kaShem. Siyakwazi lokho. Noma sithenga ezitolo zabo, ngenxa yokuthi siyinzalo kaShem, bona bayinzalo kaHam, bamnyama nabo yebo, kodwa sibukeleka phansi.
165.Yini na? kunesiqalekiso esisembethe. Angazi ukuthi uma ngabe sibalekela izixazululo sithi mhlambe yikuphi okuyosisiza bangcwele? Angazi ukuthi abaholi uma bengasiboni isixazululo bathi bazobahola kanjani abantu emabandleni abo nasemaqenjini abo epolitiki.
166.Izwe lonke bathi sikuphi isixazululo sokuthi kuphele usizi kumuntu omnyama. Ake sifunde ku vesi 43: “Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo.”
167.Kunjalo nje, kunjalo nje. Angazi-ke ngoba uma uthi ukhuluma indaba kaJehova, uthi uyambonisa umuntu uthi ‘ake sibheke kuJehova sibone ukuthi ngeke yini uJehova asihawukele, umuntu abone ukuthi ukhuluma into ezomlibazisa.
168.Njengamanjena nje kuya ngokuya ngokuya kungena izibongo esingazazi ezikhundleni ezibucayi zepolitiki kuleli zwe. Kuya ngokuya ngokuya kunena abantu base Far East emaphalamende akuleli zwe.
169.Kuya ngokuya ngokuya engekho onakile ngenxa yokuthi uzonaka kanjani ingqondo yakho yembethwe yisiqalekiso? Uzobona kanjani ukuthi kukhona okonakalayo?
170.Uzothi uwuMhlongo, uwuMkhize, uwuNgcobo, uwuNtuli kweqiwe wena kuyothathwa umuntu onesibongo esingasazi kuthiwe akaphathe la!!!! Aphathe la!!!! Manjena-ke bangcwele, ngiyafisa mina sibe yiSizwe esiphaphamayo engqondweni.
171.Njengoba emhlabeni abantu abamnyama bephaphama nje, kunale nto okuthiwa yi awakening, la abantu bakithi bekhuluma khona i-English ngoba bathunjwa lapho, nala bekhuluma khona iSpanish ngoba bathunjwa lapho, nala bekhuluma khona isiPutukezi, bonke laba bantu laba kunale wave of awakening ekhona. Abantu bayakhumbula, bayabona ukuthi hhayi bo, yithina inzalo kaJakobe, kodwa umbuzo uthi benzani ngalokho? Senzani ngalokho thina esikuzwa namhlanje?
172.Lama vesi ake siwafunde ke manje ngesicaphuno sentshumayelo kaShembe uMprofethi, sizwe ukuthi uma simuzwa yena uthini.
173.Intshumayelo yaseRosboom yango mhla ka 26 August 1933. Ngiyicaphuna kwintshumayelo kaBaba uMelusi bangcwele:
174.”Fundani nizwisise kahle sizwe sakithi, ningakhonzi izitha zenu. Lithini leli zwi elithi uJehova uyakukulethela isizwe sakude ekugcineni komhlaba? Nolimi lwaso awuyikuluzwa?
175.IsiNgisi sasingasazi, nesiPutukezi sasingasazi, neSpanish sasingasazi, kodwa kwafika izizwe zikhuluma ulimi esingaluzwa.
176.” Wathi uJehova lesi sizwe siyakudla inzalo yezinkomo zakho nenzalo yezimvu zakho, asiyikukushiyela nommbila!”
177.”Nina ke ndlu kaSenzangakhona hlolisisani enikufundayo, nizwisise, ningakhonzi izitha zenu akhuluma ngazo uJehova kinina emandulo.”
178.Uthi uMprofethi ‘kinina’; akasho ukuthi ‘akhuluma ngazo kubantu bakwaYisra’el.’ Usifaka lapho nathi ngoba uyasichazela, uyasikhombisa ukuthi siyinzalo yalabo bantu. Uthi ‘akhuluma ngazo uJehova kinina emandulo.’
179.” Wathi uyonilethela isizwe sakude, kuleso sizwe uyakukhonza izithixo zemithi, namatshe, kuleso sizwe uyakuba isimangaliso, uyakuba isiga.”
181.Aphinde omunye futhi enze into edabukisayo, aqabule inxeba elakhiwe ngogodo. Kubazwe umuntu laphaya bese kuthiwa wozani ke nonke nizoqabula inxeba!!! Niqabule inxeba, niqabule inxeba.
182.Ningabantu abamnyama njalo. Uphi uJehova kanti? Uphi uJehova kanti uma sekukanje, sekuqatshulwa amanxeba; uphi uJehova? Siyisiga ngenxa yokuthi siqinisa amakhanda. Siyisizwe athi uNkulunkulu siyisizwe esiwontamo lukhuni, a stiff-necked people!!! Siyisizwe esinjalo-ke.
183. “Wena ke muntu onsundu, vula izindlebe zakho uzwe, namehlo akho ubone igama okuntelwa ngalo lapha emhlabeni ukuthi ngelasiphi isizwe na?” Kusho uMprofethi.
184. “Akuwena muntu omnyama na?” kubuza uMprofethi. “Umuthi ongenazithelo usizani kowutshalileyo na? Uma ukukholwa kwenu kunithelela usizi kusizani na?” Ubuza kanjalo-ke uMprofethi. Uyabuza ukuthi akuthina yini abantu abamnyama labo okukhulunywa ngabo la?
185.Kuleli phuzu lesiga nesifenqo, ngike ngibuke uma ngihamba edolobheni ukuthi umntu omnyama uyisiga nesifenqo nesimangaliso ngempela. Umuntu uvele achame nje.
186.Kodwa uma uthi uyabheka ukuthi hawu, lendawo njengoba lingekude itoilet nje, li about 500 metres away nje, yini exaka abantu? Ukuthi baphethwe yisiqalekiso sokuba yisiga nesifenqo: ukuthi ungavele uhambe ungcolisa nje edolobheni.
187.Kodwa uNkulunkulu esimkhonzayo uyayithanda inhlanzeko. Yingakho athi ‘uma uya ngaphandle kwekamu, phatha into yokumba ukuze izwe lingagcoli. Angazi ke manje ukuthi uma sekunje sesizokwenzenjani.
188.Yonke into umuntu omnyama ayenzayo njengoba ethi akafuni ukubuyela kuJehova nje, ethi kunonkulunkulu abatshelwa abezizwe, ukhonza bona yena, uma ethi uyatshala akavuni lutho, ubuya neze leze.
189.Bangcwele, ngiyafisa siyibheke kahle le ndaba njengoba uMprofethi esibiza imibuzo. Uthi uMprofethi indodana yakho uyifundisile kahle esikoleni. Ekuqedeni kwayo yabuya ukukulandelani wen ana? Uyabuza ukuthi ‘yini eyakulandela yona leyo ndodana yakho uma isifundile?’
190.Uthi UMprofethi: “Ayizange ibuye, yahamba yaya kwesinye isizwe yayosebenzela abafazi abangesibo onina, namadoda angesibo oyise.”
191.Asinayo icapital; siyiSizwe nje esingena capital. Asikwazi ukusungula ama business amakhulu ukuze siqasheni abantu bakithi, siphilisane sisodwa. Asikwazi; asinayo icapital.
192.Ngeke sibe ne capital uJehova ehamba le kude, sihamba le thina ngoba asikho connected noJehova wethu.
193. “Lagcwaliseka ke izwi lomlomo ongathethi manga uJehova lokuthi: “Uyozala amadodana namadodakazi, kodwa awuyikuthokoza ngawo, ngokuba uyothunjwa.” Kunjalo ke namhlanje.
194.”Konke lokhu uyakubona uphele amandla, ungenakusho lutho, ngokuba awumkhonzanga uJehova, wakhonza izitha zakho.”
195.Angithi lo nkulunkulu wale nkolo kaConstantine umhlophe njengezitha zethu? Uma usuke ukhonza yena usuke ukhonza zona izitha lezi. Lowa mfanekiso ukuphoqelela ukuba ukhonze izitha ngoba zimhlophe nazo. Angazi noma siyakubona yini lokho.
196. “UJehova wakuyekela khona lapho ezinyaweni zezitha zakho zikunyathele zikuxove njengesitini.” Kusho uShembe uMprofethi, uthi ‘zikuxove, zikunyathele njengezitini. Wakuyekela khona lapho ezinyaweni zazo.’
197.Njengamanjena nje sikuphi bangcwele? Sisezinyaweni zezitha zethu, ziyasixova, siyisitini kuzo!! Kuningi uMprofethi akusho la.
198.Umuntu oyistini oxovwa ngezinyawo ngezinye izizwe yithina bantu abamnyama.
199. “Wafundisa indodana yakho, uyifundisela ukuba ibe ngumfundisi kaNkulunkulu? Yeza endlini yakho, yafundiswa ngesinye isizwe ukuthi ingamhloniphi uJehova!” Niyayizwa indaba?
200.Kulama college lawa, okuthiwa ama Bible Colleges nani nani, imfundiso yakhona ukuthi asisaphili ngaphansi komthetho kaJehova. Asazi ke ukuthi kanti siphila ngaphansi kwamuphi ke umthetho pho.
201.Kodwa uma uhulumeni eshaya umthetho siyawugcina ngoba sesaba ijele. Kodwa uJehova asisalesabi ijele llakhe. Sithi thina hhayi asisaphili ngaphansi komthetho. Ngakho-ke isimo sethu nje siyadabukisa, sidabukisa kakhulu.
202.Sengivala bangcwele ngifisa ukusho ukuthi uShembe uMprofethi engakafiki la, abezizwe base beyihlele kahle yonke le nto. Baqamba ama missionary societies, beqoqa izimali, bethumela ama missionaries ukuthi eze la, ezofaka yona le ndaba yokuthi ‘ningabe nisamhlonipha uJehova uNkulunkulu wenu; khohlwani uyena.
203.Hambani manje nina nenze lokhu esinitshela khona. Nangu uNkulunkulu wenu, basikhombisa esithombeni, bathi uyena Nkulunkulu lo. ILondon Missionary Society njena yathumela uDavid Livingstone khona la kuleli zwe lakithi ngo 1840.
204.NaseZambia futhi waya ke; siyakwazi lokho. Amanye ke ama missionary societies athumela ama missionaries lapha yi American Christian Missionary Society, neSwedish Missionary Society, kanye namanye ke amaningi.
205.Kodwa sizokhumbula njalo ukuthi kukhona inkosi yaseBelgium okuyiyona eyaqala ngaphambi kwabo bonke ababusi base Europe ukuthumela ama missionaries, lenkosi esiyazi ngokuthi uKing Leopold II.
206.Incwadi yayo sike siyizwe eyifunda uBaba uMelusi, incwadi edabukisayo uma uyizwa; nezithombe uma ubuka abantu base Khongo sebegawulwe izandla zanqanyulwa ngoba kuthiwa abasebenzanga kahle.
207.Kodwa kwenziwa lokho emva kokulethwa kwenkolo yabezizwe, inkolo yobuKrestu, ilethwa kubantu bakithi. Bafa bengenazandla egameni lenkolo bangcwele. Ukususa abantu kuJehova wokhokho bethu ngokubedukisa kuyindaba enkulu okufanele siyibheke.
208.Lokhu bakwenzela ukuba kwehlele zonke iziqalekiso ezikuDeuteronomy 28, ngoba base beyazi le ncwadi, ukuze basinqobe basigqilaze ngoba esehlehlile kithi uJehova.
209.Niyabona bangcwele uma ngabe sifuna ukunqoba abezizwe, izitha zethu, kumele sibuyele kuJehova. UJehova uyothumela ingelosi yakhe eyodwa ishaye amabutho ayizinkulungwane ngezinkulungwane.
210.Eyodwa nje. Laba bantu laba hhayi ukuthi banamandla kangangokuthi sekufuneka kukhishwe ibutho lonke lasezulwini. Kukhishwa ingelosi eyodwa nje ibshaye la bantu. Anagzi-ke ngike ngibone be apologetic abantu, bencenge ukuyophuza itiye nobasi, bencenge konke lokhu nalokhu.
211.Kodwa ekufikeni kukaShembe ngo 1910 kwatatazela ama missionaries, ethi uzobhidliza umsebenzi wawo, baze bangamvumela ukuba ashumayele noma yikuphi ngaphandle kwemvume yemantshi yaleso sifundankantolo ayezobe ekuso. Wayephuma engena ezinkantolo eboshelwa ukushumayela ivangeli lasezulwini elaliphazamisa leli labe zizwe.
212.Kunomehluko bangcwele phakathi kwevangeli lasezulwini elafika noShembe nevangeli labezizwe. Akekho umprofethi esimuzwa eshumayela ethi abezizwe bayohamba baye kwabakwaYisra’el beyobashumayeza ivangeli lasezulwini. Akekho umprofethi owake washo lokho.
213.Kodwa kwenzeka kanjani ukuthi kusuke umuntu wezizwe ongazi lutho ngoJehova, ongenasivumelwano noJehova azoshumayeza wena muntu wakwaYisra’el, atshele wena ukuthi uJehova kumele umkhonze kanjani, futhi akutshele ukuthi ungamkhonzi. Kodwa khonza lo nkulunkulu yena asekutshela ngaye.
214.Manje kufanele siziqaphele zonke lezi zinto, sibukisise futhi ukuthi naye uShembe, ukuze kwelapheke iSizwe esasilambele iqiniso, wahamba ezimfundisweni zikaMose noYeshua ezazigcizelela ukugcinwa komthetho kaJehova ukuze kungagqabuki igoda phakathi kukaJehova nabantu bakhe.
215.Namhlanje siphila esimweni sokuthi ligqabukile leli goda, kodwa siyathokoza, siyatamuza nje. Abantu njengamanje basema night club kodwa ligqabukile igoda. Abantu njengamanje, kuyiSabatha likaNkulunkulu nje, badakiwe kodwa ligqabukile igoda. Kuyadabukisa ukuthi kungathi isimo sinje kodwa bese abantu benza zonke lezi zinto.
216. La mavesi esizowafunda ayasikhombisa ukuthi izinceku zikaJehova zazingafani nabezizwe bona ababefuna ukuba sibe yizithithibala nje.
217. Ake sibheke uLuka 22:35-38: “Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nayika, nazicathulo, naswela utho na?” Bathi: “Lutho.”
218. Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama kasithathe, neyika futhi; oswelayo kathengise ngengubo yakhe, athenge inkemba.
219. Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.”
220. Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.”
Wathi kubo: “Kwanele.”
221.Kwanele, kwanele. Thina sike sithi cha, thina ngake siphathe nduku. Siyohamba sithwayiza nje. Zfike izitha zisishaye, asinaJehova asinanduku. Asinalutho nje. Kanti uJehova uyena oyisisekelo sethu, kodwa ngaphandle kwalokho asinanduku asinalutho nje.
222.UShembe, uBabamkhulu, nguye owasifundisa ngesisekelo esinguJehova thina sizwe sakhe. Lapho esiphaphamisa, ethi masivuke siyi South Afrika, kwiSihlabelelo samaNazaretha, kulo iHubo 120, ku stanza 3 uShembe uthi:
Asikho esinye isisekelo
Kuwena Afrika,
UJehova ukuphela
Uyisibani sakho.
223.Asikho ke esinye isisekelo ngaphandle kukaJehova, futhi nguye yedwa oyisibani sethu kulolu su esidwanguza kulo. Kwangathi abaholi bamabandla, nabamaqembu epolitiki, kanye namakhosi bangaphakamisa lesi sekelo, bafundise iSizwe ngaso.
224.Ngicela uma sizifundele wonke uNehemiya 9 ukuze Sithole kahle ukuthi loJehova wethu singamenza kanjani isisekelo sempilo yethu nanjengoba neHubo 120 lisifundisa.
225.Ukuba sonke iSizwe besiyohlangana, sikhosele ngaphansi kwalo mpheme owuJehova, siphinde futhi sakhele onke amathemba aso phezu kwaso lesi sisekelo, izitha zikaYisra’el beziyonqotshwa ngokuphazima kweso.
INkosi ibusise enikuzwile.