Abantu abaningi uma bebuka lelibandla bayaye bacabange ukuthi libandla nje elifana namanye amabandla abantu abamnyama, kanti cha, akunjalo, leli libandla likaMenzi wezulu nomhlaba! Noma yini enhle eyenzeka kulelibandla, ayithokozisi uShembe kuphela, kodwa kuhalalisa nabaprofethi bakwa-Israel, oMose, o-Isaya, oYeshua, njalo, njalo!
Isihlabelelo 180
1.Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonke izizwe
Yizani badingayo.
2.Bamenywa wozani
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwanele lidlenini
3.Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozanini
Amasango alelo lifa
Avulelwe nina.
4.Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina
Izulu nalo mhlaba
Lalingakabi bikho lona
1.Incwadi kaDutoronomi 10:12-13: “Manje-ke, Israel, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe, uhambe ngezindlela zakhe zonke;
umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho;
ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe na?” Amen!
2.Abantu abaningi uma bebuka lelibandla bayaye bacabange ukuthi libandla nje elifana namanye amabandla abantu abamnyama, kanti cha, akunjalo, leli libandla likaMenzi wezulu nomhlaba!
3.Noma yini enhle eyenzeka kulelibandla, ayithokozisi uShembe kuphela, kodwa kuhalalisa nabaprofethi bakwa-Israel, oMose, o-Isaya, oYeshua, njalo, njalo!
4.Lokho hhayi ukuthi siyakukholwa, kodwa siyakwazi! Noma ubani ongase eqonde injula yokuba khona kwalelibandla, angabona ukuthi leli libandla lasezulwini!
5.Kwamina nomkhokheli okuthiwa siyalihola, kodwa okuseqinisweni kwathiwa asihole into esingayazi!
6.Noma ngokuhlubuka, nokusetshenziswa nguSathane, siyaye sizwe abantu besithuka, besho lokhu nalokhu ngokuganana kwethu, kodwa okuseqinisweni ukuthi kwalokho kuganana kwethu asikwazi ukuthi kuqalaphi kugcinephi, ngoba kuphethwe ezulwini!
7.Mina umkhokheli ngangingamazi, ngaphandle kokuthi cishe ngo 1994 ngatshengiswa umkhokheli owayemncane kunabo bonke abakhokheli, kuthiwa ngumkhokheli waseVenda. Ulwazi lwami ngaye lwalugcina lapho! Mhlawumbe yena wayengazi ngoba ngangiwumvangeli, kodwa angazi kahle.
8.Mina umuntu owangihlanganisa nomkhokheli yingelosi, ngaleso sikhathi engangiyazi ngokuthi uNobesuthu, futhi ngazi ukuthi udadewabo kamkhokheli.
9.Naye umkhokheli wayeyazi kanjalo, ngoba wathi ebheka wayehlala naye uNobesuthu emzini kaMthandeni Mpanza, eMpumalanga.
10.Indaba yami noNobesuthu inde kakhulu, kodwa ngingayifinqa kanje: NguNobesuthu owangitshela ukuthi umkhokheli ngumkami, wachaza okuningi engingazukukubala lapha.
11.Ngabe sengithi mina angikwazi ukukukhuluma into enje ngoba akakho umuntu ongayemukela, ngakho-ke akakhulume nomnewethu umfundisi kanye nomfundisi uButhelezi. UNobesuthu wabashayela ucingo wakhuluma nabo, bamemukela.
12.Okulandela lapho yena uNobesuthu wenza uhlelo lokuhlangana nabafundisi nomshumayeli uNxumalo waseBuhleni, wahlangana nabo, bavumelana naye bonke khona eBuhleni, sagcina emva kwalomhlangano, sahlanganiswa khona eBuhleni.
13.Ngalesi sikhathi uHlaleleni wayesefikile noma mina ngangingakamboni. Ekuhlanganisweni kwethu, sekufanele sihlale ndawonye, uHlaleleni wasitshela ukuthi uNobesuthu ngenke sisaphinda simbone ngoba waboniswa izinto ezingabonwa ngumuntu wakulomhlaba. Wabe esethi, kodwa lapho uNobesuthu ekhona uzohlala esibhekile! Waqhubeka uHlaleleni wathi singaphinde sikhulume noma kubani ngoNobesuthu!
14.Ngamangala ukuthi kuzokwenzeka kanjani ukuthi umuntu eduke enomndeni, kodwa kungakhulunywa lutho ngokulahleka kwakhe. Nempela asizange sasho lutho, nabakubo abazange bambuza.
15.Kodwa sekwedlule iminyaka emibili, kwathi umkhwekazi esivakashele, ngase ngibuza kuye ukuthi uNobesuthu uyingane yesingaki kubantwana bakhe. Kodwa umkhwekazi wathi akamazi uNobesuthu, ngaphandle kokuthi uyaye ezwe umkhokheli ekhuluma ngaye!
16.Savele sakhungatheka sinomkhokheli, kwaduma amakhanda! Ukuba nami ngangingamazi uNobesuthu ngangiyothi umkhokheli ubeqamba amanga. Kodwa uNobesuthu wayaziwa nangumnewethu, nangumfundisi wami uButhelezi.
17.Ngokwazi kukamkhokheli uNobesuthu kwakungu dadewabo okwathi ebheka ehlala kwaMpanza, wayehlala naye!
18.Esenyamalele uNobesuthu, indawo yakhe yathathwa nguHlaleleni, yena-ke esashesha samazi ukuthi uyiNgelosi! Kodwa noma uHlaleleni kusenguye uNobesuthu, sonke asazi! Kodwa okwacaca ukuthi, njengaye uHlaleleni, uNobesuthu, lo esasithi siyamazi, sasihlezi nomuntu ongasiye owakulelizwe!
19.Engiqonde ukukuveza kini ukuthi kungani ngithi leli akulona ibandla lalapha emhlabeni, kodwa ngelasezulwini, futhi indaba yami nomkhokheli ngalelibandla akakho oyaziyo, ngoba nathi asiyazi!
20..Kulabo abasanda kufika kuleli bandla, lengelosi, uHlaleleni, yafika kithi ngo-August 2006, kwathi ngenyanga elandelayo uSeptember wathatha umkhokheli waya naye ezweni sonke, kuhlanganisa naye umkhokheli, esingalazi.
21.Ngendlela yobunzima lesi simo esabhekana naso ngayo, sasesaba ngisho ukukhuluma ngaso, ngangokuthi saze saxoxa ngaso ngo 2014 sekusho yona ingelosi ukuthi asisichazele ibandla, kanti lento yayenzeke ngo September kuya ku-October ka 2006, lingakabi khona lelibandla!
22.Kodwa kubalulekile ukuba onke amakholwa akulelibandla asazi, ngoba singumlando ongakaze wenzeke emlandweni wenkolo, nokokhulunywa ngawo izizukulwane ngezizukulwane thina sesahamba kulomhlaba.
23.Ngoba lesi sehlo sibhalwe phansi, ngizofunda inkulumo kamkhokheli njengoba injalo, noma ngizoyifinqa.
24.Ngo-September 2006 umkhokheli wathathwa uNkosazana uHlaleleni izinsuku eziyisikhombisa waya naye ezweni sonke esingalazi. Njengoba sike sichaze, sasingakamazi kahle lomuntu wasezulwini ngoba waqala ukuhlala nathi phakathi kuka-August kuya ku September ngawo 2006.
25.Uma umkhokheli eyiqala lendaba uthi: “Ngenye imini bangcwele ngaba nohambo olungajwayelekile emhlabeni, engikholwa ukuthi ngelokuqala emlandweni womuntu wonke!
26.Loluhambo kwaba uhambo olwanginikeza isifundo engingakaze ngisithole, nangendlela engingayiqondi.
27.Yinde kakhulu indaba yalolu hambo, kodwa ngizothatha lapha nalapha, ngidane ngiqhubeka nayo, ngoba akusafanele kube yindaba eyaziwa yimi ngedwa, sekufanele kube yindaba eqhubekela kubo bonke abantu,
nakubantwana nasezizukulwaneni ezizayo, zazi ukuthi uShembe wabakhona kudala, uShembe waba khona kuzo zonke izindawo, ngaphansi kwamanzi nangaphezulu uShembe ukhona.
28.Bantwana base Kuphakameni, ngenye imini ngathola isimemo, kodwa ngangingazi ukuthi ngiya endaweni engingayiqondi, noma indawo engekho duze namehlo ami.
29.Sahamba nalomuntu wasezulwini, okwathi uma efika phezu komfula owawumkhulu kakhulu, futhi ngingawazi, wayese vula isandla, kwase kuphuma inantsuka esandleni.
30.Yathi mayiphuma inantsuka enkulu, wase ezimboza ngayo, wabe esethi angiyibambe, wabe sengena emanzini.
31.Lenansuka yayimhlophe ngendlela eyisimangaliso, inkulu futhi. Wayesethi angibambe inxenye yayo, wabe esehamba nami ekulomfula.
32.Kodwa uhambo lwethu kwakuwuhambo olwaluhlukile, ngoba kwakune zinto owayengitshene zona ukuthi la ngaphantsi kwamanzi kunezinto ezesabekayo, kodwa engingazukhuluma ngazo.
33.Sathi uma singena, uma esithela ngibheke yena, ngabe ngingaziboni ukuthi nami ngiyasithela. Kodwa ngabona sesiqhamukela kwelinye izwe, lapho engangihamba khona naye kwagcina sekuwumhlaba, lapho engafika nganikezwa indlu.
34.Kulendlu ngangihleli ngedwa, kodwa ngifundiswa izinto engithi uma ngizibheka namuhla ngizibone eBhayibhelini.
35.Kodwa bangcwele kulelizwe angizange ngibabone abakithi nabase khakomama, futhi angibonanga noyedwa umuntu ongumZulu.
36.Ngafica amadoda ayebembethe izingubo ezinde engangingakaze ngiwabona kulelizwe; amadoda angamaJuda, ngoba kukho konke engangikubona ngangichazelwa yileNkosazana yasezulwini, uHlaleleni!
37.Nakuba lamadoda ngangiwabona ezithombeni lapha kubukeka khona amaJuda, kwathi bangcwele uma lamadoda esebuthene, eyizixuku ezihlukene kathathu, ngawathola embethe izambatho ezingafani, kodwa zizinde!
38.Ngenye imini ngihleli kulendawo, ngangike ngizwe abantu ngalesi sikhathi ngithi kuntambama, kodwa ngizwe abantu behlabelela kudana kunami bethi “Vuka nathi”, kuthi lapho mina ngithi kusekuseni ngizwe abantu bethi “Lala nathi.”
39.Usuku nosuku kulezi zinsuku eziyisikhombisa ngangifundiswa ngomthetho kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi ukukholelwa kuNkulunkulu kwakungasekho kahle ebandleni, ngoba ivangeli elithi asesabeni imindeni engasekho laselivele likhona enkolweni, likhulile!
40.Kodwa ngafike ngathola ubuNazaretha obuphelele, ngafike ngathola ukukholwa engangikufundiswa usuku nosuku, ngifundiswa ukuthi ubuNazaretha buyini.
41.Ilapho engazi khona uShembe, kulapho engazi khona ukuthi kanti lokhu esikufundiswayo akuyikho ubuNazaretha!
42.Laba bantu babekhuluma olunye ulimi, lolu limi olwalukhulunywa laphaya kwakuyilo lolu limi engakhula ngilwazi futhi ngilukhuluma.
43.(Umkhokheli wakhula engenye inhlobo yomuntu, ekwazi ukukhuluma ulimi olungaziwa muntu, owagcina eseluthola lapho esesemanzini).
44.Bantwana baseKuphakameni, kulapho kwaqalwa khona ukufundiswa ngokukhonza uNkulunkulu oyedwa, kukhulunywa ngobuNazaretha, kuchazwa ngoShembe ukuthi uShembe wayekade eze kulelizwe ezofundisa umthetho kaNkulunkulu.
45.Ngelinye ilanga kwavulwa incwadi, lencwadi yayibhalwe ngolimi engingalwazi, kodwa lomuntu waseZulwini wayesondela kimi engitshela uma sengidideka.
46.Okunye ngafundiswa ngomonakalo owenziwa izangoma. Njengoba abaNgcwele bazi ukuthi ngake ngakhuluma ngabantu abatholakala bephila kahle, babenezitolo nezimoto, kodwa futhi izinto zijike babonakale bengasenazo lezo zinto, kodwa sebehlupheka.
47.Ngakhonjizwa izimoto ezaziyizikoqo koqwana, nezitolo ezadilika, ngifundiswa ukuthi kwathi uma ngabe sebecelile eNkosini yaseKuphakameni, sebekutholile abakucelile, sekufanele babonge, base beyahamba baya khona lapho okubhulwa khona.
48.Sebebuya nemithetho yokuthi mababonge koyise mkhulu. Okwathi uma sebebongile base bayadlula baphelelwa izimoto, baphelelwa nayilezo zitolo.
49.Bathi labantu baseZulwini, konke okucele kuJehova kufanele ukuba ukubonge kuye; konke okuphiwe nguye udumo kufanele lubuyele kuye. Uze ungaluthathi udumo lukaJehova uligixabeze umndeni wakini ongasekho.
50.Uze ungahlabi izinkabi nezimvu, uze ungafuni ukwenza amadili uwenzela abantu bakini owahlupheka phambi kwabo waze waguqa wacela kuJehova wayesekupha.
51.Uthi ke lomuntu: “Njengoba ubona kuphela konke uJehova akuphe khona, uma ungasayibongi into uJehova akuphe yona, kodwa usuyoyibonga kwenye indawo, uyakwephuca yona.”
52.Ngithi ke bantwana baseKuphakameni loluhambo lwasemanzini lwaba izigaba eziningi ezingabaleki. Ngangifundiswa ngisho ngawo umthandazo wokuVuka, ngifundiswa ngoMthandazo wokuLala, ngifundiswa indlela yokucela, indlela yokuthola into nokuthi uyinesa kanjani ukuthi ungephucwa yona.
53.Ngangifundiswa nokuthi umutnu unikezwa ingelosi. Lengelosi ayinikezwayo kufanele ukuthi ayondle ngaso sonke isikhathi, angcenge anikele.
54.Ancenge ukuthi lengolisi ingamshiyi, lena okuyiyona esukuma masinyane uma esexakekile, othi uma ukhala ukukhala kwakho kuthathwe yiyo, igijime iye kuNkulunkulu ikubuyele nempumelelo ikunikeze.
55.Ngafundiswa ukuthi lengelosi iyondliwa; ngaso sonke isikhathi kuyafuneka ukuthi uhlale uzincengela kuNkulunkulu ukuthi angakwephuci yona, ngoba yona iseduze kwakho ekukhaleni kwakho nasekujabuleni kwakho.
56.Iyohlala njalo ikubongela kuJehova, ikukhalela ngezikhathi zokuhlupheka; iyona eyohamba kuqala ifike ibalise kuNkulunkulu ukuthi lomuntu manje usehluphekile.
57.Ngangifundiswa ukuthi lengelosi osuke uyinikezwe uNkulunkulu uyiphatha kanjani ukuze ikwazi ukuma eduze kwakho ngezikhathi zonke, ikwazi ukukumela wedlule nalapho ekungedluli khona muntu.
58.Ngolunye usuku kwaba nosuku olunzima ezifundweni engangizi fundiswa.
59.Lomuntu wasezulwini wangitshela wathi namuhla kuzokwenziwa umfanekiso, kodwa futhi akusiwo umfanekiso. Kuzoba nomgcagco, kulomgcagco ozoba khona kuzogcagca wena nalensizwa owagcagca nayo.”
60.Ngamangala ukuthi ngizogcagca nayo kuphi, kanjani? Wabe esengembesa, engihlobisa, wangembesa izingubo engingakaze ngizembathe, wangihlobisa!
61.Kodwa okwaba usizi kunakho konke, wahamba nami, wathi uma efika nami kuleyondawo, ngisalokhu ngikulelozwe, kwase kuba khona ugodo olubekiwe olwalulu ncane, lapha phansi kungumgodi omnyama, okubonakala kancane ukuthi kunamanzi noma kunesiziba esiyingozi phansi!.
62.Lapha phambili kufike kubekhona izindlela ezimbili, uma usuyowela, nakhona uhamba phezu kwalo lolugodo.
63.Bantwana base Kuphakameni kwakunabantu ababili, omunye wayehlobile emuhle ngendlela eyisimangaliso, ehlobe nangegolide. Emuhle ngendlela ongakaze uyibone!
64.Kodwa omunye kwakuwumuntu owayehluphekile, embethe izinto ezidabukile, embethe amabhulukwe adabukile, emubi, nezinwele zakhe zingakanyiwe, embozwe ngendwangu engeyinhle noma ingangcolile;
kodwa kuyikona ukuthi yindwangu esigugile. Wayebekiwe eduze kwakhe lona, kodwa izindlela zazihlukene, ugodo lwaluhlukana lube izimbaxa ezimbili.
65.Kwathi uma kufika leso sikhathi wangidedela uNkosazana uHlaleleni, wathi “Hamba ukhethe ongumyeni wakho kulaba bantu abangaphesheya, uqonde kulona ozoshada naye.”
66.Ngahamba bangcwele phezu kwalolugodo olwalufishane, kodwa indlela iyinde.
67.Nganyathela, lomuntu wasezulwini engiqhuba ngemuva ukuthi ngihambe, kodwa ebukeka ekhathazekile, engidabukela, ehamba ngemuva kwami, sekufanele ukuthi ngingaholwa nguye!
68.Kodwa bangcwele into eyangisiza sengiyofika ekugcineni, sekufanele manje ukuthi ngiye kumuntu engishada naye, ngasizwa iphunga. Leliphunga engangilinikiwe ilona elafike langihlukanisela kulaba bantu ababebekiwe.
69.(Umkhokheli wazalelwa eMpumalanga eWakkerstroom. Wakhuliswa ngubaba uMthandeni Mpanza nomama uma Dube. Kwathi eseneminyaka engu 14 ubaba wabe esethi akamgeze izinyawo. Esemgezile wabe ubaba eseziqhola ngamakha, esedlula kumkhokheli kathathu.
Wabe esethi, “Umuntu oyomgana uyobe enezinyawo ezifana nalezi okade uzigeza, futhi uyomuzwa ngaleli phunga olizwa manje. Yilo ke leli phunga umkhokheli okhuluma ngalo.)
70.Ngathi uma sengiwela sengibheke kubo laba ababebekiwe, ngase ngiholwa ileliphunga, lahamba phambi kwami, lahamba njengentanjana, lanjenyosi. Ngase ngihamba ngililandela njalo, ngathola ukuthi leli phunga alingisi kulona ohlobile, alingisi kulomuntu owaye muhle.
71.Ngalandela lona ngaye ngafika kulomuntu ohluphekile, kulomuntu owayembethe izingubo ezingezinhle naye owayebukeka ehluphekile, nezinwele zakhe zazibuye zingakanyiwe. Laye langifikisa khona leliphunga!
72.Ngathi uma sengifika khona wabe esefihlwa lomuntu, kwasuka lesisambatho abekade esendlalile ehleli phezu kwaso, sase sesiyambozwa. Wayesethi lomuntu waseZulwini, uHlaleleni, “Sekufanele ukuthi manje ubone ukuthi imuphi umuntu oshada naye”
73.Ngase ngiyithatha indwangu ngiyibeka phansi sengendlala leyo eyayisimbozile, leyo okwathi uma ngabe sengithi ngiyabheka kwasuka bonke ubuhle obabukuloya muntu, nalemvunulo owayevunule ngayo, emuhle, kwase kuba muhle lona.
74.Kwathi konke lokhu ebengikubona kulona engiqonde kuyena, kwaba ngulowa muntu owagcina esegugelwe nayisihluthu waba mubi waba yiyo yonke into.
75.Bonke lobuya buhle engangibubona kulowa muntu base buya suka sebuhlala ngapha. Engathi uma sengithi ngiyabheka kwase kuyavulwa, ngase ngiyabona ukuthi kanti nguye lona umuntu enganginikwe yena nasekuqaleni kokudalwa kwami, nguye yena lona okwakungu MELUSI, akabongwe uJehova!
76.Khona lapho bantwana base Kuphakameni, yabe isiza inkosazane yezulu, yayisingilungisa nami, kwase kususka lesi sixuku, kwasuka abantu abathathu kulamadoda amaJuda okwakuyiwo ayengifundisa kakhulu ngoShembe, ayesefika eba ngabe fundisi
ezosihlanganisa, asishadisa!
77.Kwase kubakhona izingilazi ezazi thele amanzi ayebonakala ebila, kodwa uma uwaphuza aba ngamanzi angabili, futhi kungamanzi angashisi, kungamanzi anjengamanzi wonke.
78.Wabe esewathela njengoba kuthelwa uma ngabe kuzodliwa isidlo; sase siyawa phuza, sase siyabusiswa.
79.Sase sihamba ngenqola kuhalaliswa, sekuhalalisa abantu abaningi, kodwa engingabazanga ukuthi babengobani!
80.Bantwana base Kuphakameni, lolu hambo alugcinanga lapho, kodwa kwathi uma ngisahleli, kwase kuba khona olunye usuku; ngangihamba naye umuntu wasezulwini uHlaleleni, njengoba wayengasuki eduze kwami.
81.Ngangilokhu ngihamba nayo inkosazane yezulu, yayisingitshela yathi, “Akesihambe ngoba kukhona okunye okusafanele ukuthi ukubone.”
82.Ngathi ngisahamba naye kulendawo esasihamba kuyo, kwaqhamuka inqola, engathi inqola yamakhosi, enhle ehlotshisiwe nangegolide. Kungasiyo kodwa imoto, kuyinqola engadonswa.
83.Kwathi ngisahamba nomuntu wasezulwini, kule nqola kwase kwehla umuntu omuhle, embethe izingubo ezinde enezinwele ezinde.
84.Kwathi uma esehlile ngambona ebiza umfana, lomfana ewumfana omncane mhlambe engaba na12 noma u13 years.
85.Wambiza lomfana, umfana wafika waguqa, wase lomuntu ekhipha ibhuku elikhulu ngendlela engingakaze ngiyibone. Lalibonakala ukuthi yiBhayibheli, kodwa lalikhulu kakhulu.
86.Wayesethi kulomfana “Thatha lencwadi, uyohamba uyinikeze abantu ukube bazi uMthetho kaNkulunkulu. Ukhiphe iphepha ngalinye ubanike ngamunye. Abayofunda bayobuya beme lana, bese bayogibela kulenqola.”
87.Wayethi lomfana uyalithatha lelibhuku, afike awe, amsize lomuntu amethwese, alethwale, awe futhi. Kodwa wagcina eselithwala lelibhuku lomfana, ehamba ewa nalo abuye alithathe.
88.Kwaqhamuka abantu ababebaningi, ekhipha ipage ngalinye ebanikeza, abanye balithathe balibuke bahambe, kodwa khona lapho kwakuqhamuka abantu abaye befike bahlekise ngaye lomfana, bathathe lelophepha balidabule bamwisele phantsi lomfana.
89.Lapho belidabula agijime lomfana ayocosha zona lezocucu azifake esakeni. Ahambe afike kwabanye athi uyabanika, bamsunduzele laphana, balwe naye.
90.Kodwa abanye balithathe balifunde, bese bama lapha okade kumi khona leyonqola, njengoba lo wayeshilo ukuthi abayifundile beze bazokuma lapha, ekugcineni bazoma kulenqola.
91.Ngesikhathi lomfana ethwesiswe lencwadi, kukhona omunye ongazange aphume kulenqola, kodwa lesi khathi isihamba inqola, kwaqhamuka omunye owaphakamisa isandla esiphakamisela lomfana, njengomuntu othi “Uhambe kahle!” Kodwa ukukhuluma kwakhe kwakungafinyeleli kimi.
92.Bangcwele umfana wayegijima nalencwadi, agijime anikeze abanye bayithathe bayifunde, ngibabone sebema ngakwinqola.
93.Baba bancane, kodwa umfana wayengakhathali, wayegijima, makuqhamuka umuntu akhiphe ipage, ahambe afike amnikeze omunye. Abanye babemhlukumeza, abanye bewathatha lama page.
94.Lendaba angingazange ngiyinake ngesikhathi yenzeka. Kodwa lomuntu wasezulwini ufikile kuzo leziinsuku. 95.(UHlaleleni ufike wakhuluma nomkhokheli ngo 2014, kanti umkhokheli wayesemanzini ngo October 2006). Wayesethi, “Sesifikile isikhathi sokuthi ngikuchazele ngakho konke owakubona, usuqinile ukuthi uzazi lezi zinto, sekufanele ukuthi wazi manje!”
96.Uyangikhumbuzake uthi, “Usakhumbula yini inqola ekwehla kuyo umuntu ephethe incwadi?” Uma ngivuma, wabe esethi, “Uyamkhumbula yini umfana owathweswa lencwadi?”
97.Ngiyavuma. Uthi “Sekufanele ukuthi uwazi ukuthi uNkulunkulu wayeqondeni, futhi wayekhuluma ngani.” Uma ngilalele, abese eyangitshela uHlaleleni ethi, “Uyafuna ukwazi ukuthi ubani lona owayenikeza umfana lelibhuku?”
98.Ngivume ukuthi ngiyafuna ukwazi, ngoba kwakuwumuntu engingamazi, onezinwele ezinkulu, eqgoke izingubo ezinde, kuwumuntu ongahlukile kulamaJuda.
99.Abe esengitshela ethi, Loya muntu kwakuyi Nkosi iLanga.” Ngishawe uvalo bangcwele, ngoba ngambona loya muntu, kodwa akabanga yiyo iNkosi iLanga. Abese ethi, “Uyathanda yini ukwazi ukuthi ubani lona ongehlanga enqoleni?”
100.Ngase ngivuma; wathi: “Lomuntu ongehlanga enqoleni kwakungu Shembe uMprophethi u-Isaiah Shembe.” Wathi, “Uyafuna yini ukwazi ukuthi ubani lona owakhuluma ukukhuluma ongakuzwanga, wayevalelisa ngesandla?” Ngivume. Athi “Kwakuyi Nkosi INyanga Yezulu.”
102.Ngakhala bantwana bakaShembe. Ngakhala ngathi, “Nkosi, kungani ukuthi zonke lezi zinto kufanele ukuthi zibonwe yimi?” Ngafikelwa isililo!.
103.Wayesethi, “Uyafuna yini ukwazi ukuthi ubani lo owayenikwa lelibhuku?” Ngivume, abese engitshela athi “Kwakunguye uMELUSI.”
104.Athi, “Lelibhuku elisindayo yilo lona leli elizothwalwa ngisho ibandla, lathweswa yena ukuthi uzokhuluma indaba kaNkulunkulu kukuhle kukubi, bekhala bengakhali!”
105.Wathi, “Uyathanda yini ukwazi ukuthi laba ababemuhlukumeza ukuthi ngobani?” Ngivume. Athi, “Yibo bona labo abasakhipha izinhlamba nanamuhla, kwakuyiwo amaNazaretha njengoba nibona.
106.Kodwa waphoqwa ukuthi uyokhuluma lendaba kaNkulunkulu noma ngabe kunjalo.”
107.Wathi “Uyathanda yini ukwazi ukuthi obani laba abanikezwa leliphepha balifunda, base bayokuma laphayana?” Ngavuma. Wayesethi, “Ibandla okwathi makushiwo ukuthi uJehovah usephumile endlini enkulu yamaNazaretha, ngakhoke phumani laphaya nakhe indlu kaJehovah niphume emkhubeni yabantu, yibo laboke namuhla abalapha ePhilangezwi.” Akabongwe uJehovah!
108.Bantwana base Kuphakameni, asilona ibandla elincane, yize kwaba buhlunga ngendlela eyisimangaliso ukuthola lezi zinto ngendlela ezavezwa ngayo kimi.
109.Ngafihlelwa lomuntu othunyiwe wenziwa ingane encane, ngoba endabeni kaNkulunkulu uba ingane encane. Njengoba eshilo uHlaleleni wathi:
110.“Izwi lika Nkulunkulu kufuneka linikezwe umuntu oyophikelela ukuthi alikhulume, naye ewumuntu, ekhonza!
111.Akhulumele ngoMthetho kaNkulunkulu, ongeke asuke kuwo, noma ahalele ukuthi ibandla libe likhulu, kodwa ozohalela abantu ukuthi abakhule ngokuthanda uJehovah!
112.Noma bangaba baningi, kodwa babebaningi ngokuthi bazokhonza uJehovah. Konke abakucelayo bakucele kuNkulunkulu. Konke ukukhala kwabo kubheke kuNkulunkulu!
113.Oyofundisa abantu ngendaba kaJehovah kuze kube izinsuku zakhe zokugcina ekhuluma ngoNkulunkulu, ebuyisa labo abadukile, aqondise laba abayifunayo indaba kaNkulunkulu nabafuna impumelelo.
1114.Abe umuntu ozofundisa ukuthi ngosuku lwenhlupheko kubizwa uJehovah!” Kusho uHlaleleni. “Kube umuntu ozoba isisebenzi sika Nkulunkulu, noma ngabe uyashawa noma uyathukwa!” Amen!
1115.Ngithe isihloko salentshumayelo sithi: “UJehova uNkulunkulu wethu ufunani kithi?” Usechazile-ke umkhokheli kulentshumayelo ukuthi ingelosi yathi uJehova ubheke ukuba senzeni.
1116.Ngiyaye ngisho ukuthi ngaqala ukushumayela njengomholi webandla lamaNazaretha kaNkulunkulu kusukela mhla ka 30 September 2010, kuze kube namuhla akukaze kwedlule nelilodwa isabatha ngingezanga enkonzweni ngifike ngishumayele.
1117.Ngisho nangesikhathi se Covid 19, sasifike sibe bathathu, bengilungisele i-sound system, bese ngishumayela! Lokho kwakwenziwa ukuthi ngangithunyiwe ukuthi ngishumayele, ngingazenzeli mina ngokwami!
118.Besethwese thina yiNkosi
Ijoka lemiphefumulo yethu
Savuma thina salethwala
Singephinde silethule.
Lingukuphila kwemiphefumulo yethu
Liyindlela yemiphefumulo yethu
Noma siphila noma sifa
Singephinde silethule.
Qiniselani nina webakhonzi
Mnikeni isibindi
Ize lona liza lodwa
Noma sekunjalo.
119.Ngijwayele ukuchaza ukuthi ngo 1994 ngisemsebenzini eMadadeni ngabizwa iNkosi iNyangayezulu, ingibizela eBuhleni.
120.Yangena nami endlini nginomnewethu umfundisi uMpanza ongasekho emhlabeni, yabe isithi: “Nakhu enginibizela khona: UKUWA NOKUVUKA KWALELIBANDLA LAMANAZARETHA UNKULUNKULU UYOKUBUZA KINI.” Sengiqedile, seningahamba!’
121`.Akugcinanga lapho, ngo 2003 kwafika kithi umfundisi uKhumalo, wathi uthunywe iNkosi yaseKuphakameni kithi, ukuba ezobuza ukuthi sisakhumbula yini ukuthi uBaba iNyangayezulu wathini kithi?
122.Lenkulumo ka 2003 yayisiqinisekisa ukuthi LENKULUMO EYAKHULUNYWA INYANGAYEZULU KITHI NGO 1994, YAYIVELA EZULWINI!
123.Njengoba ingelosi yasho, ibandla elimiselwe ukubheka ubuNazaretha ukuthi kungawi, yithi sonke esingamaNazaretha kaNkulunkulu!
124.Lisanda kusungulwa lelibandla ngabuza kulomuntu wasezulwini ukuthi kube ngani ukuthi bese kuthiwa lelibandla aliholwe yimi, kodwa ngingasiye umuntu wakwaShembe?
125.Ingelosi yabe isithi, emandulo kwafika izithunywa zasezulwini kuBabamkhulu, zamtshela ukuthi lelibandla lamaNazaretha lohamba lihambe liphele, kodwa liyoqedwa yinzalo yakhe uBabamkhulu.
126.Ithi-ke ingelosi, lezi zithunywa zase zimbuza uMprofethi ukuthi lokho uyokuvimba kanjani? uBabamkhulu wabe esekhomba umama owayesemncane ngaleso sikhathi, wathi:
127. “NGICELA UJEHOVA ANGIBUSISELE LENTANDANE YAMI, KUBANTWANA EYOBAZALA, OMUNYE WABO KUTHI ENGESIYE OWAKWASHEMBE NGESIBONGO, KODWA ABE NOMOYA KASHEMBE, UKUZE KUBE NGUYE OVIMBA UKUSHABALALA KOBUNAZARETHA!”
128.Njengoba ngachaza naphambili, manje ubuNazaretha njengenkolo kaJehova uSathane ufuna ukuqeda ngabo! Futhi njengoba kwashiwo emandulo, kuqedwa ngayo inzalo yoMprofethi!
129. Kodwa okumele sikwazi ukuthi zonke iziprofetho zakhe ziyaye zihambe zibe njengoba eshilo. Washo ukuthi emva kwakhe kovela oShembe abayoba ngabaholi kodwa bengenawo uMoya kaShembe.
130.Namuhla sesi noShembe abaphuza utshwala, bebheme insango, bengayingeni mpelampela indaba yokukholwa neyokushumayeza abantu ngoNkulunkulu! Izinto ezenzeka kulelibandla ziyashaqisa!
131.Noma ubani manje uyabona ukuthi lesi sexwayiso sika MENE MENE TEKEL UFASIR engihlale ngibaxwayisa ngaso, bephike bethi ngenke kuze kwenzeke kunkulunkulu wabo, kodwa sekuseduze ukuthi baboniswe ukuthi awusoze waqhwaga into kaNkulunkulu!
132.Kodwa esikujabulelayo ukuthi asikho isiprofetho esithi kuzophela lobu buNazaretha!
133.Wathi uBaba iLanga emva kwakhe koba noShembe abaningi, nezinkawu nazo zothi zingoShembe. Kodwa wabe esethi emva kweminyaka engu 30-40 sewahamba emhlabeni, uyobuya, inhlansi iyovuka emlotheni.
134.Esho ukuthi kothi lapho abantu sebethi ubuNazaretha sebuphelile, kubuye kuvuke, kuqale phansi! Sesiyazi-ke ukuthi, njengokusho kwakhe, uMoya weNkosi iLanga uphakathi kwethu, wehlele kithi; sibona nangale ngelosi ephakathi kwethu ukuthi leli kuseyilo ibandla likaMdali wezulu nomhlaba!
135.Ngakho-ke kumele kuhlale ezingqondweni zethu ukuthi sihlalelwe umsebenzi omkhulu wokuku ngegama leNkosi sibusimamise lobu buNazaretha!
Nkosi, Nkosi kubusise
Lobu buNazaretha
Uchoboze izitha zabo
Zingabuvukeli.
Vuka, vuka wena Nkosi
Mabulwelwe nguwe
Uzuhambe phambi kwabo
Zingabuvukeli.
Noma siya entabeni
Owasaikhethela yona
Ethiwa iNhlangakazi
Bungakhubeki.
iNkosi ibusise enikuzwile.