Ngithike bantwana baseKuphakameni, usho njalo (iNgelosi) uthi, ‘ningayoni lento, ningamhlubuki uJehova ngoba uthe uma echithwa ezindaweni eziningi wabe esephephela kini, lase liyaphenjwa lelibandla liphenjwa ngesivumelwano esisha, uNkulunkulu asabuya ngaso kithi!
Intshumayelo yasekuseni ngeSabatha mhlaka 08 July 2023 eNqobizitha siyiphathelwe uMfundisikazi Nomcebo Nxumalo.
1. ISIHLABELELO
1 Nkosi sikelela ubaba
Noma ezula ezintabeni,
Enganayo indawo yakhe
Elala emahlathini.
2 Nkosi sikelela ubaba
Wena uyisihlangu sakhe,
Noma ezulu ezintabeni
Elala emahlathini.
3 Wena uyisihlangu sakhe
Noma ezula ezintabeni,
Enganayo indawo yakhe
Elala emhlathini.
4 Ngomthandazo wezingane
uJehova wasilale,
Sisazula ezintabeni
Silala emahlathini.
5 Zijabhile namhla izitha
Ezazihlekisa ngathi
Sisazula ezintabeni
Silala emahlathini.
6 Nanamuhla Nkosi makubenjalo
Mazijabhe izitha zethu,
Ezazihlekisa ngathi
Sisalala emahlathini.
7 Nanamuhla Nkosi kusenguwe
Owawuchitha izitha zethu,
Sisazula ezintabeni
Sisalala emhlathini.
1.Ngibabingelele abangcwele, ngibuye ngikhethe iNkosi yaseKuphakameni, ngiyikhethe ngibonga ukuphathiswa umsebenzi kaNkulunkulu, engizicelela ukuthi uNkulunkulu kube nguyena ozoba umshayeli walelivangeli, angilungiselele lona namuhla ukuthi ngiledlulisele kubantu bakhe nakimi uqobo. Isihloko sithi ‘uJehova ubuyile kithi.’
2.Bantwana baseKuphakameni simbongile uJehova ngokuvuka, sesingenile kwimini enkulu eyahlonishwa uBaba wethu uMenzi wezulu nomhlaba. UJehova ubuyile kithi, uJehova usithandile!
3.Ngiyacela sidlule emazwini Jeremiah 31 verse 31-34.
“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda, kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova.
4.“Kepha yilesi esiyisivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku,” usho uJehova: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami; abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,”
5.Lamazwi engiwafunda namuhla, uJehova uthi ziyeza izinsuku lapho ayakukwenza khona isivumelwane esisha nendlu ka Israel nekaJuda. Bantwana baseKuphakameni laba bantu uJehova akhuluma ngabo, usho njalo umuntu wasezulwini uma enginika lamazwi ukuthi ngiwafunde, uthi ‘yilo leli bandla uJehova akhuluma ngalo ukuthi uyakwenza isivumelwano esisha, esingeyakufana nalesi ayesenzile naboyise abasaphula noma ebeyiNkosi yabo.
6.Ngithike bantwana baseKuphakameni, usho njalo uthi, ‘ningayoni lento, ningamhlubuki uJehova ngoba uthe uma echithwa ezindaweni eziningi wabe esephephela kini, lase liyaphenjwa lelibandla liphenjwa ngesivumelwano esisha, uNkulunkulu asabuya ngaso kithi!
7.Ngempela bantwana baseKuphakameni ithina sodwa esisanikezwe amazwi, esinikezwe imithetho kaNkulunkulu, ivuswe ngathi, ayisekho imithetho kubantu abaningi abazibiza ngamakholwa.
8.Kodwa awusekho umthetho kaNkulunkulu, wona okuwumgogodla wenkolo ukuthi abantu uma bekholwa, kube khona into abazoyisaba, besabe uJehova, besabe uNkulunkulu osewakhile bantwana baseKuphakameni isivumelwano naso.
9.Usho njalo namhlanjena, uthi lelibandla esekwenziwe isivumelwano esisha ngalo, ningakulibali ukuthi inina, inina uJehova aseneze uJehova ukuthi kube ibandla likaNkulunkulu, ELIZOFUNDISA UMTHETHO KAJEHOVA, NELIZOKHIPHA ABANTU EKUHLUPHEKENI OKWADALWA UKWEPHULA UMTHETHO KANKULUNKULU, NASEZIFENI ABANAZO EZADALEKA NGAKHO UKUPHULA UMTHETHO KAJEHOVA!
10.Ngithike bantwana baseKuphakameni namhla kuyiSabatha enyangeni yomhlangano, sithola lapha amazwi athi uJehova uthi siyeza isikhathi lapho ayakukwenza khona isivumelwano esisha, asenza nabantu abayobe bekhona njengathi bantwana baseKuphakameni.
11.Kuyintokozo Lokhu ukuthi noma uJehova ebesishayile ngokona kobaba, kodwa lamazwi asibikela ukuthi uJehova uthi usengabuya kithi abese esiguqula isivumelwano esidala ayesenze nobaba, abese enza esisha ukuthi abantu abayomukela lomthetho, babe ngabantwana bakhe, yena abe uNkulunkulu, noma uBaba wabo bonke abamkhonzayo njengokusho kweNceku kaJehova iNkosi, uMqaliwendlela, ukuthula kube kuye!
12.Ngithike bantwana baseKuphakameni, lelibandla linguMkhumbiwezulu, lelibandla ngilifanisa nomkhumbi njengoba esho uNkosazana ethi kuseyiyo leyo nqola, ekwakhishwa uNowa, kwathiwa akahambe amemezela ukuthi UJEHOVA UZOWUBHUB HISA UMHLABA NGEMVULA, ABANTU ABANGENE EMKHUMBINI UKUZE BAPHEPHE!
13.Abantu abazange baze bakuvume lokho, baqhubeka baziphuzela, badakwa, baganwa baganiselana, kwaba kuhle. Kodwa mhla uJehova iNceku yakhe isimutshelile ukuthi abantu ubatshelile kodwa akekho ovumayo, noma bengavumanga, kodwa uJehova akamulahlanga uNowa amulahlele ukuthi akukho zinkulungwana nazigidi ezamulandela, wamthanda khona kunjalo!
14.Wamutshela ukuthi akwakhiwe umkhumbi bese engena khona nabantwana bakhe, wamuyalela ukuthi ezilwaneni zonke akathathe ziphi naziphi. Ngithi ke bantwana baseKuphakameni, nginanela kulamazwi, ngigcwalisa kulawamazwi ingelosi esinike wona namhlanje, ukuthi lelibandla linguMkhumbi wezulu!
15.Nangazo lezo zikhathi kwakufana nakhona namuhla, abantu abazange bavume ukubuyela kuJehova, abantu uma ukhuluma indaba kaNkulunkulu, babuka wena, babuke nengubo yakho eshibhile nengcolile, bese bathi awu singatshelwa unosibanibani, ubengazi uNkulunkulu akhethe yena, ubengeke akhethe uyibanibani?
16.Kodwake umuntu kaNkulunkulu ayethunyiwe, uNkulunkulu wamuthanda, noma bengazange bavume, kodwa wamuthanda nendlu yakhe, baphepha kulezo zivunguvungu uJehova ayezobhubhisa ngazo umhlaba.
17.Bala ukukhethwa nguJehova, bala ukuba ngabantwana bakaNkulunkulu, bakhetha ukuba ngabantwana botshwala, bakhetha ukuba ngabantwana abanganabani, bakhetha ukuzifanisa nemoto engena stelingi, ezihambela ikhalakathele nomaphi la okungafanele khona.
18.Nanamuhlake bantwana baseKuphakameni kunjalo, kuthe uma kufika lelivangeli lethulwa uBaba uMelusi, kunokuthi abantu balamukele ngezandla zombili, abantu base beyalihlasela. Ngase ngifunda ngiqonda ukuthi sekwenzeka khona lokhuyana engakubonayo, abantu uma ngabe umfana enikezwe ibhuku elikhulu, ehamba enikeza abantu i-page ngalinye ngalinye, abantu belidabula abanye, abanye bamugcone bamusunduze, awele phansi nalelibhayibheli, aphinde aphakame alithwale, adlulele phambili abanike.
19.Ababelithatha babehamba beyoma eduze kwenqola eyayikade imile, bonke laba ababethatha lama page engangingazwazi ukuthi ebhelwe ukuthini ngoba alikho engalinikwayo mina. Sekuyacaca ukuthi laba bantu abanikwa lama page njengokusho kwengelosi, bafunda base bezokuma eduze kwalenqola, kuyabonakala bangcwele ukuthi yithi, ngoba asizange siwadabule amazwi ayesibuyisela kuJehova, ayequkethe imithetho, uma ngizicabangela ngoba into yokukholwa yonke ihambisana nokuthi ugcine umthetho kaNkulunkulu.
20.Lelibandla alibanga khona kamnandi njengoba namhlanje usungena umhlangano evikini eliphelile. Bantwana baseKuphakameni nangeviki eliphelile ngikhulumile ngamazwi avama ukuthi avulelwe abantu abasuke bethunye uNkulunkulu.
21.Ukuthi uma umuntu ehola ibandla ulihola phansi kwesisekelo samazwi kaNkulunkulu amnika wona mhlazane embeka. Nengubo yakhe, uyaye azi ukuthi le Ngubo engiyigqokile, angiyigqokelanga abantwana bami, noma inkosikazi yami noma abafwethu noma abazali bami, angiyigqokelanga abangani bami.
22.Kodwa ngiyigqokele uNkulunkulu, ngoba yena wafike wangikhumula izingubo ezingcolileyo, wayesenginikeza ezihlanzekile, wase enginika nalesi sigqoko esibeka ekhanda lami ukuthi ngihlale ngazi ukuthi lesi sigqoko siwubukhosi bukaJehova, siwufakazi bokuthi uJehova ukuthumile kubantu ukuthi ukhulume izwi lakhe bantwana baseKuphakameni!
23.Konke okwakhe uma egcotshwa kunevesi eligoqa leyonto leyo anikwa yona, lokhoke uma ngabe unikezwe lawo mazwi uye wesabe ukuthi uNkulunkulu owangibeka phakathi kwalabantu, uzofika afike angishaye mina ngife nenzalo yami ngoba angisakwenzi lokhu angigcobela khona.
24.Ngisho ukuthike umuntu uma ngabe ukuhamba kwakhe phakathi kwabantu, ukuhamba okusemthethweni kaJehova, okungasikhona okomthetho womhlaba nokuyofuna amaphepha ukuthi ufanele ukuthi uhole ibandla libe njengenhlangano nje ozakhele wena, kugcine kuyinhlangano yabantwana bakho mhlawumbe nabafowenu!
25.Kodwa inhlangano kaJehova ayihambi kanjalo. Into kaNkulunkulu ayihambi kanjalo, ayilandeli isibongo, ilandela ukukholwa, ilandela amazwi kaJehova awakhiphile uma ebeka umgcotshwa.
26.Bantwanna baseKuphakameni noma ngabe uNkulunkulu usemthathile wamususa kulomhlaba, kodwa uJehova uyozigcobela yena umuntu wakhe, uyakumkhetha, amukhethe esixukwini, athi nangu ozongena endaweni aqhube le nqola.
27.Bantwana baseKuphakameni, njengoba silapha, sabuthwa ilawo mazwi namuhla, uJehova owathi usazokwenza isivumelwano esisha, kungesisona lesi esishiwo amaKrestu, kodwa usho isivumelwano esisha sokuqala ibandla kabusha, sokuqala kabusha, ngoba uma ngabe uyiqalile into yase iyabhidlika, vele uyaye uthi sengizoyiqala kabusha.
28.Noma ngabe ibikade injalo, ifana nalendala, kodwa njengoba ibhidlikile, sewukhipha amazwi ukuthi ngizoyiqala kabusha, usho njalo uNkulunkulu. Akasho ukuthi ngesivumelwano esisha, isivumelwano esisha sinikeza abantu imvume yokuthi bechithe umthetho kaNkulunkulu, sokuthi abantu bangene ngamabhulukwe endaweni kaNkulunkulu, bangene ngezicathulo, bangene bapende umlongo, ngoba kuthiwa lesi sivumelwana esisha sichitha umthetho!
29.Cha, wayengachithi umthetho wakhe, wayesho ukuthi wakha kabusha ngoba sekubhidlikile okudala owayekade ekwakhile. Wayesekwakhake kabusha, hhayi ukuthi wayakha umthetho ovumela abantu ukuthi benze ngendlela abathanda ngayo.
30.Ngithike bantwana baseKuphakameni engathi uJehova engazigona izinhliziyo zethu, asifundise ukubuka, asifundise nangamaqhinga kaSathane. Siwafundeni sonke amaqhinga kaSathane ngoba uma ngabe, njengoba uNkulunkulu esevela nakubantu, sebeqala ukubona ukuthi ngampela nakhu lapho okudunyiswa khona uJehova, nakhu lapho esingathola khona imfundo yakuyongena ezulwini, ilapha!
31.Naye uSathane lapho akhona uyahloma, singakukhohlwa ukuthi ngeke ajabule ukubona le nqola ihamba, ibanamasondo ngoba wayesecabanga ukuthi usewakhiphe wonke amasondo, ngalokho izokuma ingahambi bese iyaphela.
32.Ngithike bantwana base Kuphakameni nakuqala saba inqola ehambayo ngoba singabantwana bakaNkulunkulu, safana nenqola ehamba ingenawo amasondo, ekhishiwe wonke. Kodwa uNkulunkulu ngamandla akhe nangesivumelwana sakhe esezisholo yena ukuthi asizukufana naleso ayekade esenze nobaba abona noma yena ebeyiNkosi yabo kodwa bedlula bona.
33.Ngithike bangcwele uyafisa uSathane ukuthi engasigawula kanjani noma engaliphantshisa kanjani lelivangeli ukuthi lingafinyeleli kubantu, nokuthi abantu abaphakathi endlini bavukelane bodwa. Ngithike uNkulunkulu waseKuphakameni akasifundise amaqhinga kaSathane sonke, noma ngingawazi ngoba engafundwa, kodwa ngiyacela ukuthi uJehova akasifundise sonke amaqhinga kaSathane.
34.Ngoba ayikho into uSathane angachitha ngayo lelibandla ngaphandle kokuthi alixabanise aliqhathe, kuxatshwane nje ebandleni kungabakhona ukuthula, nomunye athi ilona, nomunye athi akusiye lona. Ngithi namuhla njengoba ngithi uJehova ubuyile kithi, ngikusho ngalamazwi uJehova owashoyo yena abhalwe phansi, ngithike nathi bangcwele asibuyele kuye uNkulunkulu uma yena esebuya kithi, nathi sibuyele kuye!
35.Noma ngabe abantu bezama ukusixova besiqhatha benza yonke into abayaziyo ukuthi ibandla lingaxabana libange lokhu nalokhu, kodwa asibambelele, sikhumbule amazwi ashiwo nguShembe, wathi uShembe, sisifele isethembiso esasethenjiswayo, washo njalo. Wathi sisifele isethembiso esathenjiswa sona!
36.Bantwana baseKuphakameni silwele nje ukuthi singavumi ukuhlakazwa uSathane, singavumi ngoba asiqoqwanga nguye, asizange saqoqwa nguye, sabuthwa izwi lamazwi elihlanzekile elafika kithi, lathi buyelani kuJehova nimesabe njengokusho kweNceku kaJehova ifika kulomhlaba. Nani phindelani kulawomazwi nesabe uJehova nibubuyele kuye.
37.Ngithike abangamesabi uJehova abeneme ukubona lelibandla likhula, abeneme abantu abangenaye uJehova, abahamba ngenqola engenaso isitelingi elindele ukukhalakathela nabo emgodini ongenamkhawulo. Bayozama ngaso sonke isikhathi ukujikijela amatshe, ukuze kungakwazi ukuthi kulaleleke lelivangeli. Ngicelake bantwana baseKuphakameni sibuyele kuJehova sonke.
38.Sifunde amazwi kaSathane ukuthi uSathane ngeke uma enihlakaza, enihlakaze ngamswidi, anihlakaze ngoshukela, kodwa vele uzonihlakaza ngopelepele, anihlakaze ngenhlaba ukuze kubabe konke, ukuze ubumnandi bevangeli bushabalale. Asibe ngumndeni kaJuda, njengoba eshilo sibutheke njengoba eshilo uNkulunkulu, sibe yindlu ka Israel bantwana baseKuphakameni,
sibuyele kuNkulunkulu.
39.Noma umuntu engathi uyasiqhatha, noma umuntu engajikijela liphi itshe, noma bengasishaya, kodwa silithathe silibeke ngaphandle siqhubeke siye phambili. Ngithike bantwana baseKuphakameni kufuneka sibe umndeni owodwa, sibe umndeni kaNkunkulu.
40.Kungakho kulelibandla kungavumelekile ukuthi uyozihlanganisa nomndeni ongekho lapha uma wenza amadili, ngoba wena wathi usungumndeni kaJuda, wena umndeni wakho usendlini kaJehova, wena umndeni wakho umndeni osezulwini.
41.Awusabalwa ezinqokweni zomndeni, awusabalwa ezinqokweni zomndeni, awusawahambeli amadili noma ngabe awani, uma nje azokukhulumisa abantu abangasekho, awuvumelekile ukuthi ube khona ngoba wena waphuma kulowomndeni wase ungena emndenini wasezulwini uselapha emhlabeni!
42.Baningi abantu namuhla abashayekile, bashaywe umhlaba, bashaywe amagquma nemimango ngenxa yomndeni. Baningi bantwana baseKuphakameni abahlehle ekukholweni, behlehliswa imindeni ukuthi angikwazi ukungaba bikho phakathi komndeni uma ngabe sekwenziwa amadili.
43.Umuntu kade esendlini kaNkulunkulu, akhumbule amadili akubo, anganeliseki ngamadili kaJehova awenzile ukuthi abantu abathokoze ngawo, kodwa umuntu alandele ukuthi angikwazi ukuhlala ngingayi kithi.
Ikini langempela kuseThempelini likaJehova uma usaphila, uma ungasekho kusezulwini uma ngabe wenze kahle kuNkulunkulu.
44.Bantwana baseKuphakameni akusikho khona ukuthi kwathiwa abantu ababalahle, kodwa asisenawo umbala ofananayo, sesiwumbala ohlukene nabo. Abakhulumi khona okwemukelekile kuJehova, kodwa yonke into abayenzayo, ngexosha uJehova, njengoba uNkulunkulu ebalekile kubo, nakuwe uzobaleka uma ngabe uzihlanganisa nalamadili aletha ukuhlupheka kubantu.
45.Kuze kube namhlanjena akekho umuntu ophumelelayo ethi usizwe ngalamadili. Kodwa abantu bayahlupheka, balahlekelwa umsebenzi ebekade benze lamadili bathi bacela ukwengezelwa umholo ube mkhulu, kodwa umholo abawuthola kulamadili, bathola ukuhlakelelwa ikho khona lokho okuncane akade befuna ukuthi kwande.
46.Bahlupheke abantu, badlelwe umuzi, badlelwe izimoto, badlelwe yonke into, bandinde abantu bengaba nawo indawo yokuhlala, bashawa ngamadili omndeni! Kodwa thina esafunda leliphepha sase siyokuma eduze kwenqola yezulu, KUZE KUBE NAMHLANJE BANTWANA BASEKUPHAKLAMENI UJEHOVA AKAZE ASISHAYELE UKUTHI SIYAAMKHONZA!
47.ASIKAZE SINIKELE SECELE OKUHLE, EBESE ESINIKA OKUBI, ngoba iyasho inkulumo ithi BONKE ABANONKULUNKULU ABANGADALANGA IZULU NOMHLABA, BAZOBHUBHA! Ukuhamba kwabo kwkuchaza ukuthi ngabantu abadalwa base beyadlula emhlabeni, ngalokho abanakho abangakunika khona wena.
47.Kodwa into abayilindele kuwe, lapho abemi khona, kunye abakufunayo, bafuna ukuthi bacelelwe intethelelo kukho konke ukona kwabo, ukuze uJehova abamukele labo abathe uma befika balangazelela ukungena ekhaya labangcwele uma sebebona ukuthi kuhle kangaka kulelikhaya!
48.Ngalowo mazwi bantwana baseKuphakameni uma umuntu enaye umuntu endlini yakhe, okuthi noma kukhunjulwa abantu naye asukume athi nami ngiyabacelela abakithi ukuthi uJehova abakhumbule lapho abagcine khona, lapho okuthethwa khona amacala, ngiyabacelela intethelelo!
49.Ukuncenga kuJehova, kuyokwenza ukuthi agcine uNkulunkulu ebehawukela ngawe ngoba wena uphansi kwesivumelwana sikaJehova, wena uphansi komthetho kaNkulunkulu. Uyokubuka uNkulunkulu ebese ebaxolela ngawe, ngoba uzalwa yibo futhi ukhuluma ukuthi uyabacelela ukuthi bakhululwe.
50.Ngithike bantwana baseKuphakameni ukwazi uNkulunkulu sakufundiswa uShembe, kodwa kwabhidlika, njengoba sazi sonke ukuthi kwagcina kubhidlikile, kungabhidlizwa nguShembe kodwa kubhidlizwa ngabantu. Abantu bayayithanda into ekuhambeka kalula kuyo, abantu bayayithanda into eyogcina ibeka bona phezulu.
51.Thinake bantwana baseKuphakameni yithi sodwa esisathi uma ngabe sinikela, umnikelo wethu ubhekiswe kuJehova ngesihloko esisodwa. Ithina sodwa, ngoba sihamba nomuntu wasezulwini, asihambi nomuntu wasemhlabeni, sihamba nomuntu wasezulwini oyaye afike asitshele ukuthi ningakwenzi lokho, uNkulunkulu uyohamba kini uma nenze lokhu!
52.Ngithike bantwana baseKuphakameni uma ngabe ibandla liphethwe umholi ongamesabi uJehova, lisuke lelobandla lingasilona ibandla likaNkulunkulu. Kuselapha kuphela lapha esazi khona indaba yabantu abangasekho, sike siwabona amabandla akithi ehamba ukuya kwaBhekabezayo, kodwa asikho isihloko salokho kuya lapho,sebeyela nje abantu ukuyobukwa ukuthi banin gi kangaka3nani!
53.Kodwa awekho amazwi abawathumela kubantu, umuntu ongazi ofikayo nje ebandleni, akazi ukuthi kwenziwelani ukuthi kuyothandazwa laphaya okwalala khona abangcwele. Kufike kungenziwa lutho, kungashiwo lutho laphayana. Kodwa lapha, ngoba lelibandla liphethwe, lilawulwa ezulwini, sikufundisiwe njengoba namuhla kuzoba nenkonzo, siye sinikwe ngisho amavesi afundwayo, efundelwa labo bantu abangasekho. Sinikiwe ngisho inkulumo yabo ukuthi lapho abakhona sebethini manje!
54.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngiyacela ukuthi ngike ngithi ukuhlehla kancane ngifunde amazwi, abantu bezwe ukuthi yonke into uma siyenza lapha, iye ibe namazwi ongathi uma ufunda ibhayibheli ebese uyazitholela. Mika 7 verse 9-10.
55“Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa, angiphumisele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.
Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.”
56.Amahubo 51 verse 1-5. “Ngihawukele Nkulunkulu, ngomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngobubele bakho obukhulu. Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo. Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho. Uchache ekwahluleleni kwakho. Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esontweni”
57.Angithi siyezwa sonke ukuthi ngale ku Mika, kukhuluma umuntu othi ‘ngiyakuthwala ububi bami’ kodwa uma usufika lapha kuma Hubo 51 evesini lokuqala usuyezwa ukuthi lo muntu obethi ‘uyothwala isono sami’ sewubuyelake kuJehova uthi ‘ngihawukele, usecelake intethelelo.
58.Uthike uNkosazana, kunjalo phambili lapho esiyakhona, uthi bonke abantu basho njalo, uthi kodwa wonke umuntu uthi ngihawukele namhlanjena. Iwoke lo mnikelo esizobe siwukhipha, ukuthi sesizwile ukuthi bathini laphana ku Mika, kodwa sesiza kuma Hubo 51, siyezwa ukuthi sebecela uNkulunkulu ukuthi abahawukele, bayavuma futhi ukuthi izono zabo zingefihleke, ziphambi kwabo, bayacela ukuthi uNkulunkulu abathethelele.
59.Ileyonkonzo esizoba nayo namhlanjena enkonzweni yasemini, emva kweminikelo, esizobe sesibanikelele ngayo sibacelela intethelelo kuNkulunkulu, sibanikeza nezibani, emva kwalokho kuzofundwa kufundwe lamazwi lawa noma kuqala bantwana baseKuphakameni, kungakanikelwa kusaqala inkonzo yabo, kuzofundwa lokhu.
60.Bese emva kwalokho siyanikela, uma sesinikelile, bese sithandaza, sesiyacela kuJehova ukuthi akabathethelele ngalomnikelo bantwana baseKuphakameni. Sizoba sinikela futhi umnikelo wokuvala ithuna.
61.Ngithike bantwana baseKuphakameni nakhona lapha, ngithi ngeke siwaqambe amanga sithi akuseyikufa muntu, kodwa sithi sicela ukuthi sihambe ngokubizwa uJehova, singanqotshwa izifo ezithelwe uSathane emhlabeni. Kodwa noma ngabe abantu sebenaso, baphile kuze kufike isikhathi uNkulunkulu ayethena uyobalanda ngaso, angabakhona umuntu oyokufa abulawe umdlavuza, afe abulawe isifo esithile!
62.Kodwa sithi asihambe ngezinsuku uJehova owayekade ezibekile yena, okunguyena owadala thina. Ngithike bantwana baseKuphakameni, ukuhamba noJehova akusiyona into emnandi, khona kuhle, kodwa akumnandi ngoba uhlala uthukile. NGOBA USUYAZI UKUTHI UMA NGABE USUKE WAWEPHULA UMTHETHO UJEHOVA UZOKUSAPHI, IKUPHI LAPHO OZOKUYA KHONA!
63.Kodwa kwathela wayeka, abantu bageleza njengomfula ngoba kukwathela wayeka, akukho robot elibavimbayo elithi sekufanele nime lapha. Kukwamathanda, ukuthi noma ngabe ubani othanda ukwenza into avele ayenze, kungekho muntu ozombeka icala.
64.Ikhoke lapha kulelibandla into ehamba phambili, ivangeli esinalo, elihamba phambili, esifuna ukuthi uJehova asizwe, ukuthi sawedlulisa amazwi akhe, asizange sizibone sesiceba ngabantu bakhe, uJehova ufuna abantu bakhe. Asizange siliphendule ibandla silenze ikhampani ekhiqiza imali, kodwa into esiyiphokophele ukuthi abantu akuthi noma kufika isikhathi sabo, abantu bahambe ekukhanyeni, bawuthole umvuzo omuhle bangene ekhaya labangcwele ngoba bebefundiswa!
65.Ngithike bantwana baseKuphakameni kungakho lapha sithi asibadingi ongqingili, asidingi ukuthi ibandla likhule ngocucuzo, size sibe nenkonzo eshoyo ukuthi uma ngabe eke wangena wazifihla, ethi uzoziveza kulabo abazozishaya ngezingalo eduze kwakhe, ebese bembheka, ebese etshala lomoya kubo. Sithi uJehova obona konke, akehlise ikhanka lomlilo, amushaye ngaso leso sikhathi, aphume, angafeli lapha, aphume kube nomlilo nje ozomshisa, aphume abaleke, abuyele kwabo, lapho okuvunywa khona lezi zinto!
66.Kungakho sikubhekile lokho, sikubheke komama, sikubheke kobaba ukuthi kungabakhona ivangeli eseliqubuka phakathi kwevangeli likaNkulunkulu, lomubi elizosichithela uNkulunkulu, eliletha ukwenyanyeka nokunengeka phakathi kwebandla. Wathi uMengameli uMugabe laba bantu abenza lesi sono, abakufanele ukuboshwa, kufanele babulawe, ngoba benza isono esingenziwa ngisho nayingulube!
67.Okwesibili ivangeli lethu alimvumeli umuntu oyisangoma, nomnikelo waso asiwufaki embengeni, asiwuthathi umnikelo wesangoma, ngoba washo njalo uMprofethi owafika nalokhu kukhuluma, wathi uma isangoma singenile ngenkani abantu abothatha amagugu kaJehova baphume basishiye lapho.
68.Lelibandla elizokwenza lokho ileli eliyithi bantwana baseKuphakameni, ngoba siphumele obala sathi asizidingi izangoma njengoba uJehova angazifuni, asizidingi phakathi kwethu ngoba siyinhlangano yezulu. Sathi asibadingi ongqingili, noma bengafika babe yizigidi singeke sijabulele ukuthi likhulu ibandla, likhule ngongqingili, likhule nangabantu abayizangoma abazodukisa ibandla ngemibona abayinikezwauSathane!
69.Usho kahle uMprofethi uthi uSathane uchitha umthetho kaNkulunkulu ngesangoma, ngalokhoke asizidingi lapha, asimdingi ngisho umuntu ozamulayo, ngoba lokho kuyizinkomba zokuthi unomoya omubi angase awutshale nje. Sithi asikudingi lokho bantwana baseKuphakameni.
70.Lelibandla alihambi ngama fashion, alinayo i-fashion, i-fashion ilomthetho kaNkulunkulu. Njalo siyatshelwa ukuthi namuhla asenze ukuthi nokuthi sikwenze. Njengoba nokwembatha kwethu kunjalo, sonke sigqoka into efananayo, ngoba awukho umqhudelwane wokwembatha, ukuthi ngifuna bangibone ukuthi mina ngigqoke into ebizayo, asizile lapha ukuzogabiselana kodwa sizokhonza uJehova.
71.Sizogqoka lamahiya koze kube phakade, sizogqoka lo mnazaretha lona oyilesi simo okuso koze kube phakade. Ngoba siyazi ukuthi lo mnazaretha oyizihusha waqaleka kanjani, waqala wagqokwa obaba, kwakubonakala ukuthi nanti iqembu lo ngqingili elalizithanda kakhulu, liphathe namathawula, bagcina sebeba baningi. Kwakuthi uma kuwusuku lomgidi bafake amadavathe obaba lawa ayizingxabuli, bafake wona, bahlobe ngawo ngoba bathatha isimo sokuba ngobaba. Konke lokho bantwana baseKuphakameni kwenzeka phambi kwethu.
72.Kuthe kusuka kwase ongqingili behamba bayongena, laba abangapha kithi, bayongena kuMkhokheli waseMampondweni, sengisikhohliwe isibongo sakhe. Kodwa loMkhokheli okwakuthi uma ngabe kuyisikhumbuzo, akhulume ngokuthi ingalo yakhe yayilimele, wawa bakha indlu, wayegibele endlini, babehamba umhlangano.
73.Ngiyathemba ukuthi ukhona umuntu osakhumbula uMkhokheli owayeshumayela nje ngalokho athi wayakha indlu ethempelini egibele yena phezulu, wase eyawa, wayenengalo nje exhakiwe. Nguyena owathi sekufanele kugqokwe umnazaretha, wathi balethe iphupho laba, kwakuphuphe bona laba omama laba abangaziphethe kahle.
74.Ngithike bantwana baseKuphakameni, wase uyehla umnazaretha waba iziwusha, ukuze bengabonakali, ngoba babebonakala ngalomnazaretha ohusha phansi, ukuze ke bangabonakali kufanwane, kwathiwa bonke abantu abagqoke umnazaretha ohusha phansi.
75.Kodwa kade ekhona uBaba iLanga izolo, babekhona uBaba iNyangayezulu abantu ababephathiswe uMoya kaNkulunkulu, wayengeke uBaba akusho ngani ukuthi kuthiwa akumbathwe lezihusha ngoba kuthiwa akugqokwe nje kanje. Kuthe uma sekumfimfa, selikhula iqembu longqingili, kwehla lomnazaretha waya phansi, kwathiwa bonke abantu abawufake, ngisho ukuthungwa kwawo, uyawubona ukuthi lomnazaretha awuthungelwanga ukudumisa uNkulunkulu, kodwa ukudumisa iqembu longqingili eseliliningi, esekuyilona eseliphethe umuzi kaNkulunkulu.
76.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngiyacela kuNkulunkulu owadala izulu nomhlaba ukuthi noma ngabe sesingasekho, uNkulunkulu amakholwa abekhona azidelayo, ayosifela lesi sethembiso athi uShembe asisifele, sithabathe isiphambano emahlombe ethu. Bakhishwe abantu abangazile ukuzodumisa uJehova, abazokwakhela uSathane isidleke ukuthi azohlala kamnandi, anethezele endlini kaJehova, azodukisa abantu.
77.Sithi njeke asikwazi ukukwamukela lokho, singamane sihlekwe njengoba besihleka, bethi ibandla lethu alikhuli, assoze salikhulisa ngoSathane, ngeke salikhulisa ngongqingili nezangoma, ngeke sikwenze lokho! Futhike okwesibili ngeke size sihambe sigibela amabhanoyi siyothwalela ibandla likaNkulunkulu, ibandla olithwalelayo kusuke kuyibandla lakho nabantwana bakho, so, asizukukwenza lokho. Inqola kaJehova ihamba kancane ayigijimi!
78.Ngithike siyazibongela bangcwele ukuthi siyisizwe sikaNkulunkulu, uNkulunkulu ukhulumile ngathi, ukhulumile nasemandulo, ushilo ukuthi usezakusenza isivumelwana sakhe esisha, esingasenakufana nalesi ayesenze nobaba, abona, noma yena ewuNkulunkulu. Uthike uzokutshala lelivangeli nasezibilini zethu, uthi akusezukuba khona ukuthi sihambe sishumayela, uthi ngoba siyokwazi nabantu bayokwazi ukuthi uNkulunkulu ukhona, abadala nabancane!
INkosi ibusise enikuzwile.