Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Abantu basemhlabeni abakhohlwa yimishuwalensi yokondla imindeni yabo uma sebedlulile lapha emhlabeni.
Bacabanga inhlalakahle yemindeni yabo, kodwa bakhohlwe ukuthi kwelizayo imiphefumulo yabo ivikeleke kanjani ekulahlweni!
Isihlabelelo 62
1.Izono’ zami zandile
Kunezinwele zekhanda lami
Chorus. Nginge’thulwa ngubani
Lomthwalo osindayo.
2.Zixegisa’ umphefumulo wami
Ebusweni bakho Nkosi
Zidanisa lolo luthando
Ebengi’kuthanda ngalo.
Chorus.
3.Abange’thwesile zona
Bangange’thule zona
Ngoba’ bayathokoza bona
Ngoku’sindwa kwami.
Chorus.
4.Ubani’ ongabizwa asabele
Nguwe kuphela Nkosi
Enginga’kubiza ungisize
Nguwe kuphela Nkosi
Chorus.
5.Noma’ ngazethwesa ngingedwa
Lezo’ zono zami.
Namuhla’ sengiyamdinga
Ongange’thula zona.
Chorus.
USIZI LWENDLELA EYA ETHUNENI
1.Enkonzweni edlule ngichaze kabanzi ngokufika kwengelosi esinayo phakathi kwethu, ngabuye ngachaza ngohambo lwayo nomkhokheli imusa kulelozwe asingalazi.
2.Lokho kwenzeka ngo 2006 lingakabi bikho lelibandla, nathi singakazi nokuthi lengelosi iyisima kanjani.
3.Angazi ukuthi abantu abezwa lendaba kuyaye kufikeni kubo, kodwa mina yangisanganisa!
4.Ngafikelwa ukungabaza nokuthi ngiphile kahle engqondweni, ngoba lezi zinto engangizibona zazingaphezulu kokuqonda kwami.
5.Mina ngiyinzalo yamaNazaretha, ngakhula ngingumNazaretha, futhi ngakhula ngikukhuthalele ukukholwa.
6.Kodwa uma sengithi ngiyabheka manje, sengiyabona ukuthi enkolweni engangikuyo ngangisengumntwana!
7.Ngangilifunda iBhayibheli, ngizifunda nezihlabelelo zamaNazaretha, ngizazi izimfundiso eziningi zikaShembe ngobuNazaretha.
8.Kodwa manje sekuyangicacela ukuthi ukuba ayizange ifike ingelosi, ayemancane amathuba okuthi ekufeni kwami ngangiyowubona umuzi ongcwele!
9.Uma namuhla umuntu angabuza ukuthi njengoba ubuvele ungumNazaretha ukholiwe, ekufikeni kwengelosi imuphi umehluko osukhona kunalokhuya kukholwa owawuyikho?
10.Engingakusho ukuthi umehluko ukuthi ekuqaleni ngangikholwa, kodwa manje sengiyazi, sengazi kabanzi ngombuso wezulu!
11.Ngangikholwa ukuthi zikhona izingelosi, kodwa namuhla angisagcini ngokukholwa ubukhona bezingelosi nombuso wezulu, kodwa SENGIYAZI!
12.Into uma uyikholwa kuke kufike ukungabaza kokukholwayo, kodwa kungokunye uma into usuyazi!
13.Njengoba sengichazile, ukufika kwengelosi phakathi kwethu kwacishe kwangisanganisa ikhanda, ngoba ngokwemvelo angisiye umuntu wemimoya, kodwa yonke into ngiyibuka ngokwemfundo!
14.Kodwa lokhu okwakwenzeka kimi kwasekuphumile olwazini lwami ngokwemfundo, sekufuna umuntu onolwazi ngokwemimoya, le mina engingenayo!
15.Ingelosi ayifikanga nje yahlala nathi, kodwa yafike yavula isikole solwazi lwasezulwini, engangi ngakaze ngisicabange ukuthi lolulwazi lunganikwa umuntu ophila kulomhlaba!
16.Yavula isikole solwazi ngobukhona bukaNkulunkulu, nokuthi kumele simkhonze kanjani ukuze singene embusweni wezulu!
17.Manje sesinakho ukuqonda ukuthi amazulu maningi, no’nkulunkulu baningi, kodwa uNkulunkulu uSomandla munye, futhi akanakulinganiswa nanoma imuphi unkulunkulu ongalidalanga izulu nomhlaba!
18.Lesi sikole sibuye singanika ulwazi olunjulu ngokusebenza kukaSathane kubantu, nokuthi uSathane akasiyo neze into ongayithatha kalula!
19.Sibuye safundiswa kabanzi nangobunzima umuntu obhekana nabo okuthe usukhethe iNkosi, wafundiswa ngokukholwa, bese ubuyela ezonweni!
20.Ungcono umuntu ongakaze akholwe kunomuntu ofike akholwe, bese ehlubuka uNkulunkulu!
21.Kanjalo ayikho into eyingozi njengokuzenza umuntu oyisisebenzi sikaNkulunkulu, uze uzibize ngomfundisi noma uPastor, kumbe umpostoli noma uMprofethi, mhlawumbe uze uthi ungunkulunkulu, kanti ukhohlisa abantu, uzifunela nje umcebo nokukhonzwa egameni likaNkulunkulu!
22.Abantu abanalezo zono basahlalelwe usizi olunzima lokulahlwa ekufeni kwabo!
23.Kukaningi ngizwa umfundisi wakwezinye izinhlelo encoma izinkonzo zaseNCG, efakaza nangokuthi kulezi zinkonzo ufunde izinto eziningi ebengazazi, bese ethi UKUBA UBENGAYENA UMFUNDISI EBANDLENI LAKHE, UBEZOZOZA KULELIBANDLA ELIFUNDISA AMAQINISO OKUKHOLWA.
23.Bese ngiyazithulela; kodwa ngifikelwe ukumdabukela, ngoba ngingazi ukuthi ngingambonisa kanjani ukuthi lelibandla oliholayo nelimholelayo, ngalo futhi uyothola umvuzo wokulahlwa!
24.Ngoba ukuthi uyalizwa izwi lingena enhliziweni yakhe, akusho lutho, okumele ukwenze uma ufuna ukungena embusweni wezulu, ukuba ukhohlwe yingcebo yasemhlabeni, bese ulandela inqola yalowo mlilo ekwenze wazi ngoJehova!
25.Ukuthi usuyalazi iqiniso ngombuso wezulu, akusho ukuthi uma ungaligcini isabatha, uphucule ikhanda, udla ingulube, wenza noma yini ephambene nomthetho kaNkulunkulu, ngalokho usuphephile ekulahlweni ezinsukwini zokugcina!
26.Njengoba ngihlale ngichaza, uYeshua ukubeke kahle kuMathewu 5:19 uma ethi: “Uma ungawugcini umthetho kaMose, ubuye ufundise abantu ukuthi abangawugcini umthetho kaMose, UNGOMNCANE EMBUSWENI WEZULU!”
26.Kodwa okumele ukwazi ukuthi lenkulumo uYeshua uyenze yazwakale kahle, ayesabisi, kanti eqinisweni ithi, ‘uzolahlwa!’
27.Ingelosi evela ezulwini yona iyaqondisa ngoba ithi: “Uma lapha emhlabeni ungawugcini umthetho kaNkulunkulu, ubuye ufundise abantu ukuthi abangawugcini umthetho kaNkulunkulu, uyothi uma usuphambi kwamaHluleli, ebese ekukhombisa abantu obadukisile kuNkulunkulu ngokwezi mfundiso zakho njengoPastor, njengompostoli, njengomProfethi, nangokuzibiza kwakho ngokuthi unguNkulunkulu, kanti ushumayela ivangeli lokuhlambalaza uNkulunkulu!”
28.Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Nakanjani uyokhala njengo Divas, uthi: “Ngicela ukubuyela emhlabeni ngiyolungisa izindlela zami.”
Okumele ukwazi ukuthi ngenke wenqatshelwe, uyovunyelwa ukubuyela emuva.
29.Kodwa okubuhlungu ukuthi uyophaphamela ethuneni, uyovuka ususemgodini omnyama, bese uyakhumbula ukuthi kompe usufile, ukhale ucela ukulekelelwa ukuvula ithuna, kodwa kungaqhamuki muntu, ukhale uze ushe izwi ubalisa, kodwa lungaveli usizo!
30.Ezulwini kusuke kungeyilo iphutha ukuba uphaphame ususethuneni, kodwa kusuke kwaziwa ukuthi akakho umuntu wasemhlabeni oyokuzwa, kanjalo ayikho nengelosi eyoza kuwe ukuzoku khulula kulolu sizi oyobe usukulo!
31.Bonke ubunzima oyohlangana nabo lapha ethuneni, ngenke busadlula, ngoba uyobe usufile, ungazubuye ufe okwesibili!
32.Noma umphefumulo ungaba senyameni yakho, kodwa ngenke usafa, ngoba leli sekulijele lakho laphakade!
33.Ithi-ke ingelosi: Nicabanga ukuthi uma nilapha emhlabeni kukhona ijele enilaziyo, kodwa ijele nisazobhekana nalo lapho enisaya khona!
34.Kulelijele uhlala usebumnyameni ongenke ubone ngisho isidumbu sakho; akukho muntu ongakusiza kulolusizi!
Kukhona isikhathi lapho ukudla kwakho kuzoba zilonda zomzimba wakho, amanzi owaphuzayo okobe sekuyizi nyembezi zakho!
35.Ithi-ke ingelosi, ayikhulumi ngabantu abangababulali, ngoba bona ikhaya labo kusesihogweni, lapho oyofakwa emlilweni uzwa, ukhale uze uzithulise, ungasabonwa muntu, okungasaveli nangelosi ukuykukhipha kulesi sithando somlilo!
36.Ungazikhohlisi ucabange ukuthi ungabulala umuntu, kuthi ngoba ungajezanga lapha emhlabeni, bese ucabanga ukuthi nakwelizayo ungacashela uNkulunkulu! Ezulwini amanga nobuqili bonke buqedwa ngomlilo!
37.Okumele sikwazi ukuthi akusiwo umfanekiso lokhu okukhulunywa nguYeshua ngo Divasi! Lemfundiso ethi ngumfanekiso iyadukisa, uYeshua wayekhuluma ngento eyenzeka ngampela!
38.Ithi ingelosi, ngokweqiniso uma umuntu engumbulali, noma enza ntoni eyisinengiso esikhulu kuNkulnkulu, uyaphonswa esithandweni somlilo, njengoba esho uBabamkhulu ethi uyophonswa esithandweni somlilo esikhulu kunalesi esasibaselwe izinsizwa ezintathu zakwa-Israel!
39.IHUBO
1.Lalelani nanti ilizwi
Wezizwe nonke
Phendukani nibhabhadiswe
Nize nisindiswe.
2.Geza inhliziyo yami
Iziyeke engizithandayo
Amen, haleluya
Balekani nonke zoni.
3.Akukhalelwalwa muntu
Esihogweni solilo
Akakho okhalela omunye
Esihogweni somlilo.
4.Amen, haleluya
Balekani nonke zoni
Akukho ukuphumula
Esihogweni somlilo.
5.Bahleli kulo lusizi
Esihogweni somlilo
Bahlezi bekhala
Abasenakukhululwa.
6.Ukudla kwakhona
Usizi lodwa
Amanzi akhona
Izinyembezi.
40.Lapha ngikhuluma ngejele sonke esingase siye kulo noma sithi sikholiwe, kepha okungenzeka ukuthi abanye bethu beye kulelijele lethuna!
41.Ingelosi ikhulume yajula ngejele lasezulwini, ukuthi singezwa kuthiwa ijele, bese sicabanga lamajele asemhlabeni, kanti ijele lasezulwini lingenye into!
42.Uthi ke uShembe: “Ngingumhambi emhlabeni, likhona ikhaya lami. Ngizongena ngenjabulo ngokuthandwa yinkosi yami!
43.Kodwa aqhubeke athi. Ngiphe Nkosi amandla akho ngoba ekuhambeni kwami, ngizodlula ethuneni. Ngiphe amandla okuba lingangehluli ithuna!
44.Njengoba ngisho, thina sinesikole sasezulwini esifundisa ukuthi singakuvika kanjani ukwehlulwa yithuna uma sesedlule kulomhlaba.
45.Umkhokheli uthi wafundiswa kakhulu ngezingelosi esinikwa zona siselapha emhlabeni ukuba zisibheke. Nanka amazwi akhe:
46.“Lengelosi oyinikezwayo kufanele ukuthi uyondle ngaso sonke isikhathi, ungcenge ngokuyinikelela.
47.Uncenge ukuthi lengolisi ingakushiyi, lena okuyiyona esukuma masinyane uma usuxakekile, othi uma ukhala, ukukhala kwakho kuthathwe yiyo, igijime iye kuNkulunkulu ikubuyele nempumelelo ikunikeze.
48.Ngafundiswa ukuthi lengelosi iyondliwa; ngaso sonke isikhathi kuyafuneka ukuthi uhlale uzincengela kuNkulunkulu ukuthi angakwephuci yona, ngoba yona iseduze kwakho ekukhaleni kwakho nasekujabuleni kwakho.
49.Iyohlala njalo ikubongela kuJehova, ikukhalela ngezikhathi zokuhlupheka; iyona eyohamba kuqala ifike ibalise kuNkulunkulu ukuthi lomuntu manje usehluphekile.
50.Ngangifundiswa ukuthi lengelosi osuke uyinikezwe uNkulunkulu uyiphatha kanjani ukuze ikwazi ukuma eduze kwakho ngezikhathi zonke, ikwazi ukukumela, wedlule nalapho ekungedluli muntu khona.”
51.Sikhuluma ngalengelosi, okuyingelosi yakho, okuyiyona engavela ngisho ukulelo thuna uNkosazana akhuluma ngalo, ifike ikukhiphe uma ubuyondla!
52.Lenkosazana yasezulwini isifundise kabanzi ngalengelosi okumele sihlale siyondla, ngoba ilusizo olukhulu ezimpilweni zethu siselapha emhlabeni, noma sesikwelizayo!
53.Abangakholwa bathembele emadlozini, noma kwabaphansi, ukuthi bebasize kukho konke abakudingayo beselapha emhlabeni, kodwa akukhulunywa lutho ukuthi balusizo luni kosefile!
54.Kepha lapha sikhuluma ngengelozi engumuntu okulandela nasethuneni, ekukhulumele nakuNkulunkulu noma nawe usungumoya!
55.Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Abantu basemhlabeni abakhohlwa yimishuwalensi yokondla imindeni yabo uma sebedlulile lapha emhlabeni.
56.Bacabanga inhlalakahle yemindeni yabo, kodwa bakhohlwe ukuthi kwelizayo imiphefumulo yabo ivikeleke kanjani ekulahlweni!
57.Abanye baze benze nemishuwalensi yemingcwabo yabo, ukuthi uma esebefile imincwabo yabo ibe mihle; abanye baze bazikhethele nebhokisi abayongcwatshwa ngalo ekufeni kwabo.
58.Ithi-ke ingelosi: “Ubuhle nobukhulu bomncwabo akumsizi ngalutho umuntu osefile, ngoba kusuke sekubukwa imisebenzi yakho emihle oyenzele uNkulunkulu!
59.Ukuba abantu bayazi, ngabe bafuna umshuwalensi wemiphefumulo yabo, ngoba kukhona isikhathi lapho umphefumulo wakho uzodinga ingubo yokwembatha!
60.IHUBO.
Wozanini webadingi
Wozanini webasweli
Eniswele leyongubo
Yokwembesa umphefumulo.
Lizofika lelo langa
Uzodinga umphefumulo.
61.Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Ngoba nina seniyayazi indaba yasezulwini, komele nifune umshuwalensi ozovikela umphefumulo yenu uma nedlula kulomhlaba!”
62.Yabe ingelosi isifundisa ngemishuwalensi eyehlukene kathathu ethinta umphefumulo wakho:
Umshuwalensi wokuthi singafi sibancane, sikhule size sithathwe nguNkulunkulu.
63.Umshuwalensi wokuthi ekufeni kwethu singaguli isikhathi eside kakhulu singafi, size sife sesibulewe zinhlungu ezinkulu!
64.Ayikho into enjengokubona umuntu esegule waba ngamathambo, kodwa umphefumulo wakhe ungaphumi!
65.Owesithathu yilo wokuthi uma sifa singayi ethuneni, kodwa ekufeni kwethu ngaso leso sikhathi kufike ingelosi isithathe siye ezulwini, ethuneni kuye isidumbu sodwa!
66.Lemnikelo emithathu ithi ingelosi iyefana nomshuwalensi, ngoba uyazibophezela ukuthi njalo okungenani kathathu ngonyaka uwunikele, kodwa akukho muntu ozowufuna kuwe ngaphandle kokufundiswa nje ngawo, ngoba ungowempilo nomphefumulo wakho, usuke unikelela UMQONDISI WAKHO!
67.Ngijwayele ukukhuluma ngomama ukuthi wangibiza engaguli, wathi kufike uBabamkhulu wathi usezomlanda. Mhla lulunye kuJuly 1981, ekuseni kwafika amakhosikazi ka 14, athi amlandile, kwathi emini wavele waphuma umphefumulo, wafa engagulanga kakhulu, esazihambela!
68.Sonke-ke sinikelela lokho kufa, ukufa okothi uma sekufikile kuvele ULANDWE NGUMQONDISI WAKHO!
69.Ithi-ke ingelosi, njalo emva kwezinyanga ezintathu, sinikele ngo R100, wokucela ukuthi siphile, singafi sisebancane.
70.Ngomunye uR100 sicele ukuthi kungathi uma kufika ukufa sizwe ubuhlungu okukhulu singasafi. Ngowesithathu sinikela ngo R100 wokuthi sithi uma sifa, singayi ethuneni, umphefumulo wethu UHLANGABEZWE INGELOSI OBUYONDLA NGOMNIKELO, IVELE IKUSE EZULWINI!
71.Leminikelo ayizwa ngaphandle kokukhumbuzana ngayo, ngoba ingumnikelo oqondene nempilo yakho yenyama neyomphefumulo!
72.Okuyisimanga ukuthi lokhu sawuqala lomshuwalensi, akakho ebandleni lethu oseke wafa, noseke wagula engafi, kanti ngaphambili singakazi lutho ngalomnikelo, sasifa kakhulu!
73.Ukuthi uma umuntu kulelibandla ekufeni kwakhe uyangena yini ezulwini, angene sikwazi lokho, ngoba okokuqala vele akakho umuntu oseke wafa. Okwesibili, noma umuntu engafa, thina lapha emhlabeni singenke sazi noma ungenile yini ezulwini.
74.Ngiyafisa ukuba ngicacise ngento abantu abaningi abangayazi ngemibandela yokungena ezulwini.
75.Kungumusa kaNkulunkulu ukungena ezulwini, ngoba kungenzeka ukholwe kakhulu, kodwa ekugcineni ungangeni ezulwini. Kwesinye isikhathi kuthi kanti ubungakholwa, kodwa ekugcineni ungene ezulwini!
76.UBaba iLanga eshumayela uthi: “Njalo uma nithandaza ningakhohlwa ukucela izinto ezimbili, nicele ukuba uNkulunkulu akuphe ukuhlakanipha kwasezulwini.
77.Okwesibili, njalo emthandazweni wakho uhlale ucela ukuba uNkulunkulu akukhumbule ngosuku lwakho lokugcina, lapho umzimba usuwehlukana nomphefumulo!”
78.Ngisho ungakholwa kangakanani, kodwa kuthi ekugcineni wenze isono esibi, akubalwa ezulwini ukukholwa kwakho kwangaphambili, uvelwe ulahlwe!
79.Kwesinye isikhathi ungeze wangena ezulwini ngokwenziwa ngabantu, ngokuthi uthi usugula, abantu bakungcolise ngokukudlisa imithi engemukelekile ebungcweleni, noma uyohlala ezangomeni, wenze izinto ezingi eziphambene nokukholwa.
80.Bese ukungcola kwakho kukwenze ungakwazi ukungena ezulwini. Lomshuwalensi usuke ubheke izimo ezinjalo!
81.Ngisho ubungakholiwe wenza izinto ezimbi empilweni yakho, kodwa ekuphendukeni kwakho ziyathethelelwa zonke izono zakho, ungene ezulwini!
82.Isibonelo salokhu uJudah scarioti owayekholiwe engumfundi kaYeshua, kodwa ekugcineni walingeka ngenxa yemali, wabe esekhaphela uYeshua ezitheni zakhe.
83.Ezulwini ayibange isabalwa imisebenzi yakhe emihle ehamba noYeshua, kodwa ekufeni kwakhe waya ekulahlweni!
84.Kodwa iselelesi esabethelwa noYeshua, sacela intethelelo saphenduka sisesiphambanweni, uYeshua wabe esethi: “Namuhla ngizoba nawe eParadisi!
85.Kungakho-ke kumele ukuthathele umshuwalensi ukuphila kwakho kanye nokweduka kwakho, ukuze uma ubanjwa ukufa kanti ngesizathu esithile ubusuwonile kuNkulunkulu, bese kuthi lengelosi yakho obuhlale uyithelela, imele amacala akho phambi komaHluleli!
86.Lengelosi esikhuluma ngayo asiqalanga ukwazi ngayo ngoba sekunale Nkosazana yasezulwini, kodwa noShembe wayaye asifundise ngokuthi uma umuntu ebhajadiswa unikwa ingelosi, okuba yiyo embhekayo!
87.Ngelinye ilanga iNkosi iLanga ishumayela ithi: “Ngezwa umuntu ekhuleka phandle, ngase ngithi akangene, kwase kungena insizwa.
88.Ngithe ngisalalele ukuthi izongibikelani, wayesethi lomuntu: “Mina angisiye usibanibani, kodwa ngiyingelosi yakhe. Ngizokubikela ukuthi lomuntu engabekwa kuye uyangihlupha kakhulu, uyangingcolisa, wenza lokhu nalokhu nalokhu.
89.Manje ngizovalelisa kuwe Nkosi, ngoba angisakwazi ukuhlala kuye, ngoba uhlalela ukungigcolisa ngemikhuba yakhe.”
90.Uthi uBaba wabe useyayincenga lengelosi ukuba ingahambi, usazokumeluleka lomuntu.
91.Uthi-ke uBaba ngenhlanhla wayekhona lomuntu emhlanganweni, wabe esemtshela ukuthi angayi ekhaya ekuvalweni komhlangano, kanti wenzela ukuba akhulume ngalesi sono lomuntu ekhona; ecabanga ukuthi uma ezwa uBaba iLanga ekhuluma ngalesi sono, uzosiyeka.
92.Uthi uBaba wayeseshumayela ngakho konke lokhu okukhulunywe yingelosi, lomuntu ekhona.
93.Kodwa lomuntu waqhubeka nokwenza lezi zono noma uBaba eseshumayelile ngazo, ingelosi yagcina ngokumshiya, yasuka kuye!”
94.Lomuntu oliJuda owayefundisa umkhokheli, wamfundisa nange ngengelosi enikwa umuntu, kodwa igcine ibaleka kuye ngenxa yezono oseyingcolise ngazo.
95.Uthi-ke umkhokheli: “Wasethi lomuntu: “Uyababona labayana, zingelosi ezibaleke kubantu ebekade zibekwe kubo.
96.Njengoba uzibona zingcolile, zingcoliswe yibo; sezifike zalivula icala, zilivulela labo ezazinikwe bona.”
97.Wabe esethi: “Uma umuntu enikezwe ingelosi, ingelosi ithanda ubuhle; hayi ubuhle bokuzenza, kodwa ubuhle benhliziyo.
98.Hhayi ukuhloba ube muhle emehlweni abantu, kodwa ingelosi ihlala enhliziweni; uma inhliziyo isiyenza okungasafanele, lengelosi iyasuka kuwe.”
99.Wabe eseveza abantu; laba bantu babehlupheke sebeze boma baba njengezingodo.
100.Uthi ke lomuntu: “Umuntu oshiywe noma obalekelwe yingelosi uba njena; buyaphela ubuhle bakhe.
101.Uma uziphatha kahle, ugcina ubungcwele owathembisa ngabo phambi kukaJehova; ingelosi ihlala njalo nayo ithokozile kulowo muntu, imbheke ngezikhathi zonke.”
102.Wabe esethi lomuntu: “Njengoba ubabona sebeyizinkuni, bangcolisa izingelosi; baxosha ababheki babo.
103.Usuke umxosha umuntu wasezulwini omnikiwe uma uhamba uyozigcaba, uyokhendla, uyobhula, uyoziqinisa. Yonke into ebizelwe elinye igama, leyonto ingukukhonza abanye onkulunkulu!”
104.Sikhuluma ngosizi lokufa! Ngijwayele ukukhuluma ngomfana owakhulela eKuphakameni, kodwa watholakala esenza imikhuba exakile enkonzweni.
105.Lomfana wakhuzwa ngabefundisi kulemikhuba yakhe, kodwa awaze wayiyeka. Waqonywa ngamakhosazana nomakoti babantu esontweni, kuthi kulisabatha ebathathe eyohlobonga nabo.
106.Lomfana wayezoba yinkosi, mhlawumbe yikho kwakungekho saluleko osithatha kumuntu. iNkosi iLanga yambiza, yabe isithi kuye:
107.“Sengiyizwile yonke lemikhuba oyenza lapha ekhaya, kodwa uboyenza ezweni lakini. Uma wenza lemikhuba endaweni kaNkulunkulu, intethelelo uyoyithola kubani?
108.Kodwa nasezweni lakini, kukhona isikhathi lapho lemikhuba ezohlupha khona wena. Mhlawumbe wena ucabanga ukuthi uhlupha mina, kanti uzihlupha wena.
109.Abantu uma behlubuka enkonzweni bayaye becabange ukuthi bahlupha abaholi, kanti bazihlupha bona! Kodwa lokho kwenzeka kuphela uma leyo kuyinkonzo kaJehova!
110.Lomfana wagcina eseyinkosi, kodwa waqhubeka nalokhu kuhlubuka. Wagcina esephuza notshwala, kanti ukhuliswe ngobuNazaretha.
111.Ithi iNkosi iLanga ngelinye ilanga wafika kuye ngapha eMatshane ngaseMpangeni, edakiwe, wathi uma uBaba ebuza ukuthi uphuzeleni, wathi ubomile!
112.Uthi uBaba: “Ngabuza ukuthi njengoba enawo amanzi okuqeda ukoma kwenyama, kodwa unawo yini amanzi okuqeda ukoma komphefumulo? Kodwa ngoba wayedakiwe, wangangizwa ukuthi ngithini!”
113.Akuthathanga isikhathi eside eseyinkosi, kwamgulisa lokhu tshwala. Uthe uma esebona ukuthi ukufa kuyamnqoba, wacela umndeni ukuba umuse kuBaba iLanga.
114.Wathi uyaphuma ekhaya ngemoto, kuthe esesangweni, waphuma umphefumulo.
115.Waba nomncwabo omkhulu nomuhle kakhulu, ngoba wabe efundile, futhi ephethe isizwe esikhulu.
116.Kodwa kwathi ungakapheli unyaka engcwatshiwe, kwathi unkosikazi wakhe esendlini elungisela isabatha, wabona emnyango sekumi umuntu ongumuncwi, enqunu, enodaka kusuka ekhanda kwaye kwafika ezinyaweni.
117.UNkosikazi wabaleka wazivalela ekamelweni. Lomuncwi wabe usuyamemeza uthi, ‘masibani bani, yimi!” Wezwa lomakoti ukuthi yizwi lomyeni wakhe leli.
118.Wabe esethi: “Ngiyezwa ukuthi izwi ngelomyeni wami, kodwa umyeni wami ekufeni kwakhe samgqokisa ngezingubo ezinhle, samgeza futhi, manje loludaka olugcwele umzimba wakho luyisima kanjani?”
119.Wabe esethi lomuntu: “Loludaka lwadalwa yimi. Angizange ngiyihloniphe imizimba yamakhosazana nomakoti babantu. Loludaka ludalwe ilemikhuba engangiyenza eKuphakameni ngihlobonga nabafazi babantu.
120.Manje loludaka eselunamathele kimi luyanginukela kakhulu, futhi alugezeki! Noma ngiya emifuleni emikhulu, uThukela, uma ngithi ngiyafika, onke amanzi avele eshe ngaleso sikhathi!
121.Noma ngithi ngiya eMhlathuze, uma ngithi ngayagoba nje, nawo lomfula uvele ushe ngaso leso sikhathi! Kanjalo nasemfuleni iMfolozi, ngaliwe nangamanzi!”
122.Uyaqhubeka lomfana oseyinkosi uthi: “Lokhu ngafa ngihlala ethuneni, ithuna langehlula, angikwazanga ukuphuma kulo! Uma ngithi ngiphumela ezweni, kuvele kube mnyama ngingaboni lutho, nalomuzi bengingawuboni, kade ngangiwucinga!
123.Ngiyacela ukuba ungiyele kuBaba ungicelele intethelelo, uthi ngangingazi. Wangibuza ngifika kuye ngidakiwe, ukuthi njengoba ngithi bengomile nje, kodwa nginawo yini amanzi okuphuzisa umphefumulo? Angaze nganaka!
124.Angazi ukuthi ngizokwenze njani; angigqokile, ngiyagodolo, angidli, angiphuzi lutho, naloludaka luyanginukela kakhulu! Kodwa angikwazi ukulwesusa! Hamba ungicelele kuBaba intethelelo, uthi ngicela intethelelo, ngangingazi!” Amen.
125.Lendaba yayixoxwa yiyo inkosi yaseKuphakameni, ethi lomakoti ufike ekhihla isililo ngesimo umyeni wakhe ofike kuye emini eyiso, onde isimanga, enqunu, umzimba wakhe ugcwele udaka!
126.Uthi-ke uBaba iLanga: “Ngamtshela lomfana ukuthi lemikhuba oyenza eKuphakameni, ngelinye iLanga iyohlupha yena. Manje angazi ukuthi lendaba yalomfana izokwenziwa njani!”
127.IHUBO
1.Izwi lezulu lizwakele
Emhlabeni wonke.
Lizwenini bantu nonke
Alikhethi noma munye
Liyababiza bonke bantu
Alikhethi noma munye.
2.Izintaba nemimango
Ziyesaba lelo lizwi
Lelo lizwi elomemo
Elimema izizwe zonke
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
3.Izindunduma ngobuningi bazo
Ziyakubikelana zona
Ziyoba nelikhulu ivuso
Ngokufika kwaleyo mini
Balekani bantu nonke
Iyesabeka leyo mini.
4.Wozani webadingi
Wozani webasweli
Eniswele leyo ngubo
Yokwembesa umphrfumulo
Liyofika lelo langa
Uzodinga lowo mphefumulo.
iNkosi ibusise enikuzwile,