Ngiyethemba kuyezwakala lokhu kubo bonke abantu abafuna ukukholwa kweqiniso, ukuthi UJEHOVA UDUNYISWA NGOKUGCINA UMTHETHO WAKHE KUPHELA!
AmaNazaretha namaKrestu a’funa ukukholwa ngempela, kumele bazibuze ukuthi kompe uJehova ngiyamdumisa yini ngalendlela ayibekile, okunguku gcina umthetho wakhe?
Isihlabelelo 153
1.Nanti ilizwi elomemo
Liyamema bonke abantu
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
2.Abansundu nabamhlophe
Libamema kwananjalo
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
3.Zimpumputhe nani zinyonga
Sabelani niyabizwa.
Lolu memo ngolwezulu
Ziyamenywa zonke izizwe
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
1.Ngifisa ukuchaza ukuthi ingelosi seyasenqabela ukuthi ngomhlangano ibone omunye umuntu eshumayela ngaphandle kwabaholi; yathi lelibandla liyisikole sasezulwini, abantu basuke beze ukuzothola isifundo ngezwi lenNkosi kumholi, abezile kumalunga ebandla!
2.Ngakho-ke sekuyohlala kuyinqubo yaleli bandla ukuthi ngomhlangano kushumayela umholi kuphela, ngaphandle uma engaphilile kahle!
3.Ngomunye unyaka siseGibisile ngesikhathi seNyangayezulu kwaba nesiKhumbuzo sikaBabamkhulu esaba ngoLwesihlanu.
4.Inkinga esasibhekene nayo eyokuthi ngoba ngesiKhumbuzo akubaswa, kusasa kuyisabatha, manje isabatha lizophekelwa nini?
5.Uthi-ke uBaba: “Ngubani owathi ngesiKhumbuzo awubaswa umlilo, isikhumbuzo lisabatha yini?
6.Angazi ukuthi amaNazaretha afunani, uma uNkulunkulu enibekela umthetho wakhe ukuba niwugcine, aniwugcini, kodwa niyathanda ukuzibekela imithetho yenu, bese nifundisana ngokuthi akugcinwe leyo mithetho yenu, kodwa ube unehlula lomthetho kaNkulunkulu!!”
7.Wabe esethi: “Kusukela namuhla kumele nazi ukuthi isiKhumbuzo asilona isabatha, ngakho-ke awukaze ube khona umthetho wokuthi kungabaswa ngesiKhumbuzo!
8.Kusukela namuhla nizozila ukudla ngesikhumbuzo kuze kube sekuphumeni kwenkonzo yasekuseni ngo 11, bese niyakhululeka!”
9.Ngenhlanhla lokhu kukhuluma uBaba iNyangayezulu wakwenza ngikhona enkonzweni!
10.Lento ngiyikhulunyiswa yimikhuba eminingi esibusa lelibandla, kodwa esingakaze siyifundiswe nguShembe!
11.Okokuqala kwaba nevangeli elithi ayidliwa inkukhu kulelibandla, abanye bathi ayidliwa inkukhu ngomhlangano.
12.Saxakeka ukuthi njengoba siyinzalo yamaNazaretha akholwa kuMqaliwendlela, kodwa bezifuyile izinkukhu, futhi beyidla inkukhu, lomthetho wabeqa kanjani bona?
13.Sasifundiswe ukuthi ngenxa yokuthi ikukhu idla yonke into, ngaphambi kokuba uyihlabe kumele uyibophele endlini izinsuku eziyisikhombisa. Kodwa lokhu kokuthi inkukhu ayidliwa kulelibandla, kusha, kuvele nabantu asebezakhele imithetho yabo!
14.Kukhona futhi inkulumo ekhona YOKUGCOTSHWA KUKASHEMBE, OKUTHIWA LOMCIMBI WENZELWA EMAMPONDWENI, BESE KUKHULUNYWA NGENKOMO UMTHAMBEKA, OKUTHIWA YIYO EYAHLATSHWAYO EQONDENE NOKUGCOTSHWA KUKASHEMBE.
15.Umbuzo uthi yimuphi uShembe owake wabekwa ema Mpondweni, nokwahlatshwa kuwo inkomo okuthiwa uMthambeka?
16.UBabamkhulu wafika eNatal mhla ka 10 March 1910, kodwa waze waya eMampondweni ngo 1930, sekusele iminyaka emihlanu ahambe emhlabeni. Sesachaza ngohambo lukaBabamkhulu eya eMaMpondweni. Pho wabe esegcotshwa ngubani, nini eMampondweni?
17.Zonke izigigaba zikaBabamkhulu zibhalwe ezincwadini eziyimiqulu emithathu, manje kwenziwa yini ukuthi lendaba ebaluleke kangaka yokugcotshwa kukaShembe ingaveli ndawo?
18.Futhi yimuphi loShembe owayegcotshwa emaMpondweni, ngoba akusiye uBabamkhulu, akusiye iNkosi iLanga, futhi akusiyo iNkosi iNyangayezulu?
19.Akugcini lapho, kunomhlangano kaMarch owawenziwa ema Mpondweni, (okuseqinisweni okushiwo iSouth Coast yeDurban), kulomhlangano uBaba iLanga wayaye eshumayele ngomlando kaBabamkhulu efika eNatal.
20.Lomhlangano wawungasiwo umgubho obizwa ngoKhisimuzi wamaNazaretha, kuhlatshwe izinkomo, kwenziwe zonke izinto eziphambene nobuNazaretha!
Kulelibandla ayikho into ebizwa ngoKhisimuzi, uKhisimuzi wenqatshwa nguMqaliwendlela.
21.Kodwa laba asebeqhamuka nezinto zabo eziphambene nenqubo yaleli bandla likaMenzi wezulu nomhlaba, abaqhubeke bekwenze lokho, kodwa soyicela ivuthiwe!
22.Omunye umhlangano ebesiba nawo ngo-April umhlangano wamadokodo noma iPasika ebesiwenzela ezindaweni esikuzo, kodwa uShembe ewenzela noma kuphi. UBabamkhulu wedlula emhlabeni ngo May 2, 1935, esemhlanganweni wamadokodo eMkhayideni!
23.Lomhlangano kaMarch 10, osubizwa ngo Khisimuzi wamaNazaretha, nazo zonke lezi zinto esezenziwa kuwo, yizinto ezingekho kulenkolo, zaqalwa ngabantu ngesikhathi soThingo, ngoba sekuyibona abashaya imithetho engekho, kodwa abangenwe umoya wokuhlubuka!
24.Sengike ngizwe kuthiwa uShembe une Birth Day Party! Angikaze ngizwe ukuthi umholi waleli bandla uke ebe ne Birth Day Party, ngoba ayikho into enjalo kulelibandla!
25.Inkinga esinayo ukuthi kuyaye kubekwe umholi umuntu ongazi lutho ngalokhu kukholwa, bese kuthi ngoba ngowomndeni wakwaShembe, bese ehola lelibandla,
ebese efaka ibandla likaNkulunkulu ehlathini, ngoba vele uhole into ongayazi ukuthi iqalaphi igcinephi!
26.Into eyi Birth Day noKhisimuzi ayikho ebandleni lamaNazaretha, yaphikwa nguMqaliwendlela! Akakho umuntu ongumNazaretha engake ngambona ene Birth Day Party!
27.Noma abazali bethu bebengafundile, kodwa thina besifundile, asikaze sibe ne Birth Day party, futhi asikaze siyihambele iBirth Day Party yomNazaretha!
28.Ngakho-ke kuyethusa uma uzwa kuthiwa umholi webandla lamaNazaretha une Birth Day Party, ngoba iBirth Day umcimbi ophambene kakhulu nokukholwa!
29.NamaKrestu awenza ngoba ethatha zonke izinto abazifundiswa ngabamhlophe; kodwa ngisho eBhayibhelini iBirth Day Party ilidili labanye onkulunkulu eliyisinengiso kuJehova!
30.Asedlule-ke lapho. Sikhuluma ngesihloko esithi IZWI LOMEMO LWEZULU!
31.Ngesonto eledlule umkhokheli uke wakhuluma ngencwadi kaJeremiya 31:31-34. Uma sesiyikhohliwe lencwadi, ifundeka kanje: “Bheka izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israel, nendlu kaJuda.
32.Kungenjenge sivumelwano engasenza noyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibhithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyiNkosi yabo.” Usho uJehova!
33.Kepha yilesi isivumelwano engizosenza nendlu ka-Israel emva kwalezo zinsuku, usho uJehova! “NGIYAKUFAKA UMTHETHO WAMI EZIBILINI ZABO, NGIWULOBE EZINHLIZIWENI ZABO, NGIBE NGUNKULUNKULU WABO, BONA BABE NGABANTU BAMI.
33.ABASAYIKUFUNDISANA, KUBE YILOWO NALOWO UMAKHELWANE WAKHE, KUBE YILOWO NALOWO UMFOWABO, NGOKUTHI YAZI UJEHOVA.
34.NGOKUBA BONKE BAYAKUNGAZI, KUSUKELA KWABANCANE KUYA KWABAKHULU BABO.
35.NGOKUBA NGIYAKUTHETHELELA UBUBI BABO; NESONO SABO ANGISAYIKUSIKHUMBULA.” Amen!
36.Lenkulumo isihunyushwe ngamanye amabandla obuKrestu ngezindlela eziningi, ngalezi zindlela basuke bechitha umthetho kaJehova, bethi isivumelwano esisha yisona esichitha umthetho okuyisivumelwano esidala!
37.Okokuqala uJehova wakhuluma ngesivumelwano owasenza nabantwana bakwa-Israel, kodwa abagcina ngokusephula.
Wabe esethi uyobuye enze esinye isivumelwano esisha nabo futhi abantwana bakwa-Israel!
38.Inkolo yobuKrestu ayihlangene nabantwana bakwa-Israel, ngoba yinkolo eyasungulwa NGABEZIZWE SEBAYICHITHA KUDALA INKOLO YAMAJUDA AMNYAMA, okwakuyinkolo uJehova owayehlisela kuMose!
39.Ngakho-ke kungubuqili ukuthi uthi ASISAPHILI KUYISIVUMELWANO ESIDALA, kodwa lesi sivumelwano sikwenye inkolo, wena ukwenye inkolo!
40.Lokho kungafana nokuthi ngithi ngisenkolweni kaJehova bese ngithi MANJE ENKOLWENI YETHU SESIYAYIDLA INYAMA, ngishayele enye inkolo umthetho! Yikho kuyiJudaism usagcinwa umthetho kaMose!
41.Ngenxa yokuthi abantu bakithi bathatha noma yini abayifunzwa ngabezizwe, ababoni ukuthi lenkulumo yoMprofethi uJeremiya ayibathinti bona, ngoba bona amabandla abo angaphansi kwenkolo yabezizwe, okuyiyo eyachitha inkolo kaJehova!
42.Okwesibili, angenke bakutshele ukuthi lesi sivumelwano esisha abakhuluma ngaso sikuyiphi incwadi nesahluko eBhayibhelini?
43.Okwesithathu, nanka amazwi oMprofethi uJeremiya: “NGIYAKUFAKA UMTHETHO WAMI EZIBILINI ZABO, NGIWULOBE EZINHLIZIWENI ZABO, NGIBE NGUNKULUNKULU WABO, BONA BABE NGABANTU BAMI.
44.ABASAYIKUFUNDISANA, KUBE YILOWO NALOWO UMAKHELWANE WAKHE, KUBE YILOWO NALOWO UMFOWABO, NGOKUTHI” “ YAZI UJEHOVA!”
45.NGOKUBA BONKE BAYAKUNGAZI, KUSUKELA KWABANCANE KUYA KWABAKHULU BABO.
46.NGOKUBA NGIYAKUTHETHELELA UBUBI BABO; NESONO SABO ANGISAYIKUSIKHUMBULA.”
47.Kulamazwi oMprofethi, kuphi lapho ongakuhumusha ngokuthi uJehova UYOCHITHA ISIVUMELWANO OWASENZA NOKHOKHO BETHU? AKUKHO!
48.Kodwa lenkulumo ithi uJehova uyovuselela isivumelwano owayesenze nokhokho bethu, umthetho kaJehova uhlale ezinhliziweni zethu!
49.Lokhu sikuzwa uma uJehova ethi:“NGIYAKUFAKA UMTHETHO WAMI EZIBILINI ZABO, NGIWULOBE EZINHLIZIWENI ZABO, NGIBE NGUNKULUNKULU WABO, BONA BABE NGABANTU BAMI.” Ngabe ukufaka umthetho kaJehova ezibilini zakho kusho ukuchitha umthetho kaJehova, njengoba amanye amakholwa esho njalo?
50.Ngiyazi ukuthi abantu abangakaze bebuswe ngumthetho kaJehova, abazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi umthetho kaJehova uhlale ulotshwe enhliziweni yakho, ube sezibilini zakho!
51.Umuntu ongumNazaretha, ngisho engayeka ukusonta, kodwa isikhathi esiningi akuba lula ukuba ukumbona egunde ikhanda lakhe, ngoba umthetho kaJehova wokuthi ungaligundi ikhanda lakho usenhliziweni yakhe, ukugunda uyakwenyanya!
52.UmNazaretha ngisho engahlubuka angayi esontweni, kodwa angenke abase umlilo ngesabatha, ngoba umthetho wokuthi ungabasi ngeSabatha, usezinhliziweni zethu thina maNazaretha!
53.UmNazaretha noma engahlubuka, kodwa angenke ayidle ingulube, angenke ayithinte ngisho iphila, kanjalo nenja; akafuni ngisho ukuba imthinte, ngoba umthetho kaJehova wokuthi ingulube ingcolile, ungayithinti ngisho ngesandla sakho, usezibilini zakho!
54.Kusezibilini zethu ukuthi ingulube iyisinengiso kuJehova, ngakho uma ngingadla ingulube ngephutha, ngingahlanza nokuhlanza!
55.Kuyishwa ukuthi sekunamaNazaretha akhonza nezangoma, kodwa ekukhuleni kwethu bekuthi uma kuqhamuka isangoma sibaleke, ngoba ayikho into ebingahlanganisa umNazaretha nesangoma! Isangoma besingangeni emzini weNazaretha!
56.Sakhula kunesangoma endaweni yakithi esisaziyo. Ngelinye iLanga sasifica sihleli esangweni kithi. Wabuza umama ukuthi asingeni ngani ekhaya? Sathi sithe siyangena kwafika izwi lathi asingeni isangoma kulomuzi! Umama wagcina ekhuluma naso singaphandle komuzi!
57.Ngingakubala kube kuningi okufakazela ukuthi umthetho kaJehova uyangena ezibilini zomNazaretha!
58.Ingelosi-ke ikhulume kabanzi ngesivumelwano esisha, ukuthi lesi sivumelwano esisha yiso esibusa thina! UJehova usenze nathi isivumelwano esisha emva kokuba abezizwe beyiqedile inkolo kaJehova owayiletha kokhokho ngoMose; namuhla uyivuse ngoShembe!
59.Isivumelwano esisha uJehova wasenza noShembe uMqaliwendlela ngoJanuary 1913 entabeni yaseNhlangakazi!
60.Lesi sivumelwano esisha sikuvesi 3-4 womthandazo wesabatha, lapho uShembe ethi: “MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE UJEHOVA OWANILOBELA YONA NGENCEKU YAKHE UMOSE, UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI.
61.NGOKUBA UMA NINGAMDUMISI NGEMITHETHO YAKHE AKAYAKUYAMUKELA IMITHANDAZO YENU, AKASOZE ANEHLIUSELA IZIBUSISO UMA NINGAYILALELI IMITHETHO YAKHE, NIYIGCINE!”
62.Isivumelwano uJehova owasenza noShembe ngathi ngo January 1913 entabeni yaseNhlangakazi yilesi, asikho futhi esinye!
63.Isivumelwano esisha uJehova osenze noShembe, sivuselela isivumelwano esidala uJehova owasenza noMose!
Lokho uShembe ukusho kuso isivumelwano, uma ethi:
64.“MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE OWANILOBELA YONA UJEHOVA NGENCEKU YAKHE UMOSE, UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI”
65.UNkulunkulu imithetho yakhe wayiloba ngoMose, elobela isizwe sakwa-Israel, okungokhokho bethu. Abakwa-Israel bayephula imithetho kaJehova. Kodwa emva kwaYeshua nabapostoli, ABEZIZWE BAYICHITHA NGAMA CREEDS IMITHETHO KAMOSE NEZIMFUNDISO ZABAPROFETHI!
66.Kukhona umehluko phakathi kokwephula umthetho nokuchitha umthetho! Abezizwe abrogated the Laws of Moses!
67.Uma ukungabaza lokho yizwa leCreed yamaRoma ethi: “Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingenamvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngamaHebheru.
68.Ngichitha nayo yonke imikhosi yama Hebheru, iminikelo, imithandazo, ukuzila, ukuzi ngcwelisa kanye nokudumisa, kwabo.
69.Ngiyayichitha imikhosi yokwe shwama, amaSabatha, nenkoloze, amahubo, nezaga, nokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.
70.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kulenkoloze yamaJuda, noma ukutholakala ngidla namaJuda, noma ngenza imikhosi kanye nabo.”
71.Ngenkoloze yamaJuda kushiwo umthetho kaMose, okuyinkolo kaJehova! Lama Creeds ashawa ngamaRoma ukuchitha inkolo yamaJuda emva kokuba amaJuda esehluliwe empini eyaba ngo 70 A.D.
72.Uma ucabanga wena, uthi babesho kuma-Ashkenaz Jews, amaJuda amhlophe, uma bethi: “Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kulenkoloze yamaJuda, noma ukutholakala ngidla namaJuda, noma ngenza imikhosi kanye nabo?” AmaRoma akalwanga namaJuda amhlophe!
73.Wake wasizwa isizwe esimhlophe sithi asifuni ukudla nesinye isizwe esimhlophe?
Yini eyenza singaboni ukuthi lamaJuda okukhulunywa ngawo yithina bantu abamnyama?
74.Ayikho into eyinkinga njengoku ngafuni ukufunda, kodwa bese uhamba uthatha noma yini oyitshelwa izitha zikaJehova, uhlale udidwa nayinto esobala!
75.Abezizwe baqala ngokuchitha inkolo kaJehova ngamaCreeds lingakabikho iBhayibheli. Sebeyisungule inkolo yabo base bakha iTestamente Elisha, bathi liyincwadi engcwele!
76.Kulencwadi yabo base beba nemfundiso ethi ASISAPHILI KUYISIVUMELWANO ESIDALA, KODWA SESIPHILA KUYISIVUMELWANO ESISHA!
77.Ngesivumelwano esidala basho umthetho kaJehova owawuletha kithi ngoMose, owawuvele ungekho ngaphansi kwenkolo yabezizwe, ngoba bona babekhonza izithombe, njengoba besazikhonza namanje!
78.Ngesivumelwano esisha basho inkolo yobuKrestu eyasungulwa ngu Constantine, echitha inkolo yamaJuda eyasungulwa nguMose ethunywe nguJehova! Wena ulahla inkolo kaJehova, ulandela inkolo yabantu!
79.Uthi-ke uYeshua: “Lesi sizwe singidumisa ngomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami, bangikhonza ngeze, befundisa izimfundiso eziyimiyalo yabantu.”
80.Inkinga yabantu abaningi abamnyama ukuthi abazi ukuthi kwake kwaba khona impi phakathi kwamaJuda namaRoma. Okwesibili abazi lutho ngalama Creeds ayechitha inkolo kaJehova!
81.Okwesithathu, bazi ukuthi iBhayibheli, ikakhulukazi iTestamente Elisha, incwadi engcwele, abazi lutho ngokuthi lencwadi yakhelwa ukususa wena kuNkulunkulu wakho, bese ukhonza uNkulunkulu wokhuni namatshe!
82.Ebesikusho ukuthi indlu ka-Israel yasephula isivumelwano sokuqala ngokwephula imithetho kaNkulunkulu.
83.Akwangagcina lapho, abezizwe bona bavele bayichitha inkolo yamaHebheru, yaba yinto engasekho emhlabeni iminyaka eyedlule ku 1900.
84.Kwadingekake ukuthi uJehova enze isivumelwano esisha, ngoba esidala sachithwa ngabezizwe! Lesi sivumelwano esisha uJehova usenze noShembe!
85.Isivumelwano esisha ASISICHITHI ESIDALA, KUNALOKHO SIYASI VUSELELA! Uthi-ke uShembe, uma singawugcini umthetho kaJehova owawuletha kithi ngoMose,
86.UKUDUMISA KWETHU, okusho ukukholwa kwethu, AKUNAKWE MUKELEKA KUJEHOVA, NEZIBUSISO NGENKE ZISEHLELE UMA UJEHOVA SINGA MDUMISI NGOKUGCINA UMTHETHO WAKHE!
87.Ngiyethemba kuyezwakala lokhu kubo bonke abantu abafuna ukukholwa kweqiniso, ukuthi UJEHOVA UDUNYISWA NGOKUGCINA UMTHETHO WAKHE KUPHELA!
88.AmaNazaretha namaKrestu a’funa ukukholwa ngempela, kumele bazibuze ukuthi kompe uJehova ngiyamdumisa yini ngalendlela ayibekile, okunguku gcina umthetho wakhe?
89.Ingelosi ibisichazela lokho-ke, ukuthi thina sikuyisivumelwano esisha, uJehova usephakathi kwethu! Ithi siyileli bandla elisesivumelwaneni esisha uJehova osenze noShembe!
90.Siyisizukulwane sesithathu endlini ka-Israel, lapho uJehova ehlise ingelosi ezulwini ukuba izohlala nabantu emhlabeni, ibafundise ngokukholwa kwasezulwini!
91.Okokuqala kwaba abantwana bakwa-Israel. Abantwana bakwa-Israel babehamba noJehova, behamba nezingelosi ezaze zanyamalala emva kokuhamba kukaYeshua emhlabeni, lenkolo isichithwe ngabezizwe!
92.Izingelosi zabuya emhlabeni ngokufika kukaBabamkhulu. Siyazi ukuthi uBabamkhulu wayehamba nengelosi egama layo uZinzile, njengoba nathi namuhla sihamba nengelosi egama layo nguHlaleleni!
93.Ngaso sonke isikhathi uBabamkhulu wayaye ethi uma ekhululuma athi: “UZinzile uthe, wathi…..” Namhla nguNkosazana uHlaleleni osilawulayo kukho konke esikwenzayo ekukhonzeni uJehova!
94.Ngizizwa nginokuthokoza okukhulu ukubona indlela uNkulunkulu osezibonakalisa ngayo ukuthi uphakathi kwethu, nokuthi kancane kancane umhlaba wonke uzokwazi okukhulu uJehova ozozibonakalisa ubukhona bakhe ngathi!
95.UJehova usezibonakalisile kithi ukuthi siyibandla lakhe, usezichithe zonke izitha ebezingakulali ubuthongo zilwa nalelivangeli, ikakhulukazi izitha ezingamaNazaretha!
96.Kunesihlabelelo 166 esithi: “Sinezwi lakho Nkosi, sinokuphila ngalo. Sizichithile izitha zethu ngezwi lakho Nkosi!
97.Namuhla sinje ngawe, sizichithile izitha eziningi ngalelo lizwi lakho, sasinda thina ngalo.
98.Namuhla sezijabhile ezazihlekisa ngathi. Siyambonga nokumbonga uMkhululi weziboshwa!”
99.UBaba iLanga mhla ngigcotshwa wangixwayisa, wathi: “AmaNazaretha azokosa, kodwa angenke akudle!” Nempela kube njalo, amaNazaretha angosile kakhulu, kodwa angaze ngavuthwa, ehlulela ukungidla!
100.Ayikho inkinga efana nokuthunywa nguNkulunkulu, ngoba yena uyaye ethi shumayela lokhu nalokhu, ukhuze lokhu nalokhu,
ekushumayele kwakho, uhlangane nazo zonke izinhlamba, kodwa uNkulunkulu athule sengathi akekho, kanti ufuna ukubona ukubekezela kwakho!
101.Kodwa namuhla sekufike lapho bonke ababesithuka, bephela khona amandla, ngoba lelivangeli liyakhula liya phambili, kuyacaca ukuthi liphethwe nguMlomo ongathethi manga!
102.Ithi-ke ingelosi, yinina enikusivumelwano esisha, ubukhona bukaNkulunkulu kuzokwaziwa ngani lapha emhlabeni! Lelidwala elihle lamaNazaretha owazikhethela lona uJehova ngokulithanda kwakhe, yithina, yonke inzalo ka-Israel namuhla emhlabeni imelwe yithina!!
103.Ngiyesaba okwamanje ukuveza izinto uNkulunkulu osenzele zona, noma singalutho! Kodwa kungekudala umhlaba wonke uzokwazi ukuthi sisho ukuthini uma sithi sihamba noNkulunkulu wase Kuphakameni. LoNkulunkulu ubuye emhlabeni ngathi!
104.Ngiyacelake ukuba singamdumazi uBabamkhulu, singamdumazi uBaba iLanga, singayidumazi neNyangayezulu! Asizimisele ukuthi ubuNazaretha buvuke ngathi! Asibe ngamakholwa athanda uJehova ngenhliziyo yawo yonke, nangomphefumulo wawo wonke!
105.Umhlaba wonke uzobona ngathi ukuthi uNkulunkulu ukhonzwa kanjani, nokuthi umuntu ungena ezulwini uma ehamba kanjani phambi kwaJehova!
106.Njengamanje angikafuni ukubala izinto uNkulunkulu osenzela zona, kodwa ngifikelwa ukuthokoza okukhulu uma sekuntwela ezansi kubantu abaningi, sebebona ukuthi uNkulunkulu uphakathi kwethu!
107.IHUBO.
1.Ilizwi leNkosi
Selifikile phezu kwethu.
Nathi masilamukele
Ngezinhliziyo ezimhlophe.
Chorus: Bongani webangane
Nalezo ziqhamo
UJehova iNkosi yethu
Azilethe phezu kwethu.
2.Nithini webantu
Ngalezo zibusiso.
Esinazo thina
Nabantwana bethu.
Chorus.
108.Ngiyafisa namuhla ukusho ukuthi siyaziqhenya ngokuhamba namakhosi aseKuphakameni; ngakho-ke akukho muntu ongamelana nathi aphile, ngoba sikakwe zingelosi zasezulwini, nabangcwele bonke bahamba nathi!
108.Pho ubani ongasithinta, ubani ongamelana nathi, ngoba sihamba naloNkulunkulu owayehamba nabantwana bakwa-Israel. Sihamba naloNkulunkulu owaletha ifu emini, waletha umlilo ebusuku, ngoba ebheke abantu bakhe!
109.Sihamba naloNkulunkulu okwathi abantwana bakwa-Israel sebephakathi kwamabutho kaFaro nolwandle, wavula ulwandle phakathi, bahamba kulo, ngoba behamba noMninimandla onke!
110.Sinalo Nkulunkulu okwathi abantu bakhe sebomile, washaya itshe kwaphuma amanzi, baphuza! SinaloNkulunkulu okwathi abantu bakhe sebelambile, wabondla ngeMana yasezulwini iminyaka engamashumi amane!
111.Namuhla loNkulunkulu usephakathi kwethu ngoShembe, usenguNkulunkulu waseKuphakameni, usephakathi kwethu; mina sengimbonile, ibandla lasePhilangezwi selimbonile!
112.Asibophe imichilo yethu iqine, bantwana abayingcwele, asisifele isethembiso esisethenjiswe yingelosi kaJehova ngokufika kweNkosi yethu!
113.Abathanda ukusilandela kulobu bungcwele, mabazidele kuqala, bengayesabi imithetho ephelisa amandla, ngoba lendlela inamatshe inameva, ihanjwa ngabambalwa!
Isihlabelelo 160
1.Lithi lizwi lamagwala
Ayakwesaba ekuPhakameni
Niyangaphi webantu
Kuyaphela kusasa lokhu!
Chorus: Unjalo wena Kuphakama
Ukhanyisela zonke izizwe.
2.Ahleka usulu amagwala
Athi hahaha kuyaphela lokhu
Kusasa kuyaphela akusekho
Kuyaphela konk’ akusekho.
Chorus
3.Qiniselani wema qhawe
Ningesatshiswa ngamagwala
Ayakwesaba eKuphakameni
Athi he he he kuyaphela lokhu.
Chorus
4.Khula wena Kuphakama
Zishone phansi zonke izizwe
Namuhlanjena sizwa bethi
Wozani eKuphakameni.
Chorus
5.Wemuzi owakhiwe entabeni
Awunaku sitheka wena
Ukhanyisela zonk’ izizwe
Eziphansi kwezulu.
Chorus.
iNkosi ibusise enikuzwile!