Uma kuDutoronomi 28:15-68 uJehova wayebhekise kithi sizwe esimnyama, kumele siwuhlole lombhalo, bese siqhamuka nekhambi lokwesusa lesi siqalekiso esisembethe!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi: “Umvuzo wokuhlubuka uNkulunkulu.”
2.AmaHubo 83:3-4: “Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho. Bathi wozani sibaqothule, bengaba besaba yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa!” Amen.
3.Le ncwadi engiyifundile iyisiprofetho senkosi uDavide owasiprofetha abantwana bakwa-Israel besahamba noNkulunkulu, nesizwe sisahlangene.
4.Emva kokubusa kwenkosi uSolomon, isizwe sakwa-Israel samhlubuka uNkulunkulu, sase sehlukana kabili, kwaba umbuso wakwa-Israel nombuso wakwaJuda.
5.Kodwa umbuso wakwa-Israel wahlaselwa ngabezizwe bawuqeda, abakwa-Israel baba sekuthunjweni.
6.Umbuso wakwaJuda wabakhona cishe iminyaka engu 150 umbuso wakwa-Israel sewaphela. UYeshua wazalwa nombuso wakwaJuda sewehlulwa, usungaphansi kwesizwe samaRoma!
7.Njengoba sihlale sikuveza lokhu, ekunqotshweni kwamaJuda ngamaRoma ngo 70 A.D abezizwe bahlangana, base beyiqeda ngama Creeds inkolo kaMose, okuyinkolo kaJehova!
8.Sase siyafezeka-ke isiprofetho esithi: “Bathi wozani sibaqothule, bengaba besaba yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa!
9.AmaJuda ahlakazeka umhlaba wonke, kodwa amaningi abalekela e-West Afrika, aba sezweni elalibizwa nge NEGROLAND, lapho ababa zigqila zezizwe ezahlukene.
10.Encwadini yakhe ethi: FROM BABYLON TO TIMBUKTU, uProfesa Rudolph Windsor uthi! “KuDuteronomi 28:64 kuthi: ‘uJehova uyokuku hlakazela ezizweni zonke.
11.Lapho uyokhonza abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo wena nokhokho bakho.’
12.Uyaqhuba uthi: “Lesi siprofetho kanye nezinye eziqukethwe kuDuteronomi 28:15-68 zehlela amaJuda amnyama emva kokuba behlubuke uNkulunkulu!
13.Izizwe eziningi zenza amaJuda amnyama izigqili, amadodana ka-Israel asabalalela kuwo wonke amazwekazi omhlaba.” Amen!
14.Uma kuDutoronomi 28:15-68 uJehova wayebhekise kithi sizwe esimnyama, kumele siwuhlole lombhalo, bese siqhamuka nekhambi lokwesusa lesi siqalekiso esisembethe!
15.Kodwa ngaphambi kokuba sibuke iziqalekiso, sizoqale siveze izibusiso owathi uJehova zosehlela uma singamhlubuki.
16.Lezi zibusiso sizithola kusukela evesini lokuqala lika Duteronomi 28, lapho uJehova ethi:
17.“KUYOTHI UMA ULALELA NOKULALELA IZWI LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, UQIKELELA UKUGCINA YONKE IMIYALO YAKHE ENGIKUYALA NGAYO NAMUHLA, UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO UYOKUKUPHAKAMISA PHEZU KWAZO ZONKE IZIZWE ZOMHLABA!
18.ZONKE LEZI ZIBUSISO ZOKWEHLELA KUWE’, UMA ULILALELA IZWI LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO.
19.UJEHOVA UYOKWENZA IZITHA EZIKUVUKELAYO UKUBA ZEHLULWE PHAMBI KWAKHO, ZOKUZA KUWE ZIVELA ENDAWENI EYODWA, KODWA ZOBALEKA NGEZINDLELA EZIYISIKHOMBISA.
20.UJEHOVA UYOYALA ISIBUSISO SIBE PHEZU KWAKHO NASEZI NQOLOBANENI ZAKHO, NAKUKHO KONKE OKWENZAYO!
21.UJEHOVA UYOKWENZA UBE YISIZWE ESINGCWELE KUYE’, NJENGOBA AFUNGA KUWE, UMA UGCINA IMIYALO KAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, UHAMBA NGEZINDLELA ZAKHE!
22.BONKE ABANTU BOMHLABA BAYOBONA UKUTHI UBIZWE NGEGAMA LIKAJEHOVA, BAKWESABE!
23.UJEHOVA UYOKUKUVULELA INDLU YAKHE YENGCEBO, ANISE IZULU EZWENI LAKHO NGESIKHATHI ESIFANELE, ABUSISE WONKE UMSEBENZI WEZANDLA ZAKHO!
24.UYOKWETSHELEKA IZIZWE EZININGI, KODWA UNGETSHELEKI LUTHO KUZO!
25.UJEHOVA UYOKWENZA UBE YINHLOKO, UNGABI UMSILA, UYO’BA PHEZULU KUPHELA, UNGABI PHANSI, UMA ULALELA IMIYALO KAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO ENGIKUYALA NGAWO NAMUHLA, UYIGCINE, UYENZE!” Amen!
26.Sithe isihloko sale ntshumayelo sithi: UMVUZO WOKUHLUBUKA UNKULUNKULU.
27.Sesizivezile zonke izibusiso uJehova owathi zosehlela uma silalela, SIBUYE SIGCINE YONKE IMITHETHO YAKHE!
28.Kodwa SAMHLUBUKA UJEHOVA, SANGAYIGCINA IMITHETHO YAKHE!
29.Ngokukhulu ukunganaki sayilahla yonke imithetho ESESIGABENI SOKUQALA SOKUDUMISA UJEHOVA, SALANDELA AMASIKO AYIZIMFUNDISO ZABANTU, SAZICHITHA IZIMFUNDISO ZIKAMOSE NOYESHUA NGOKUKHONZA UJEHOVA!
30.UYeshua kuMathewu 15:6-9 uthi: “Nilenza libe yize izwi likaNkulunkulu ngenxa yosiko lwenu. Bazenzisi, u-Isaya waprofetha kahle ngani lapho ethi:
31.‘Lesi sizwe singidumisa ngezindlebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; bangikhonza ngeze, BEFUNDISA IZIMFUNDISO EZIYIMIYALO YABANTU!” Amen!
32.Lapha sibeke obala izinto owathi uJehova uyosenzela zona UMA SILALELA, SIBUYE SIGCINE ZONKE IZIMISO ZAKHE!
33.Manje SESIVEZA ZONKE IZIQALEKISO OWATHI UJEHOVA ZOSEHLELA, UMA SINGAWUGCINI WONKE UMTHETHO WAKHE.
34.Entshumayelweni edlule ngithe kumele sehlukanise umthetho osesigabeni sokuqala othi UBOTHANDA UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO NGAYO YONKE INHLIZIYO YAKHO NANGAWO WONKE UMPHEFUMULO WAKHO, nomthetho osesigabeni sesibili othi: THANDA UMAKHELWANE WAKHO NJENGOBA UZITHANDA WENA.
35.Umthetho osesigabeni sokuqala uma siweqa nguNkulunkulu KUPHELA OKHATHAZEKAYO, ngoba SISUKE SICHITHA UMYALO WOKUDUMISA YENA YEDWA, ONGABA THINTI ABANYE ONKULUNKULU!!
UMUNTU UBA NGONGCWELE UMA EGCINA IMITHETHO EKU LEVI 19!
36.Kodwa umthetho osesigabeni sesibili uma uweqa uhlaselwa ngumphakathi, ujeziswe uhulumeni, ngoba ngokweqa lomthetho kuhlukumezeka bonke abantu!
37.Ayikho inkolo engavuma ukuba ubulale, udlwengule, webe, wenze noma yisiphi isenzo esihlukumenza umphakathi wonke!
38.Kodwa awukwazi ukuba NGONGCWELE, UMA UNGAWUGCINI UMTHETHO OSESIGABENI SOKUQALA, NGOBA IWONA KUPHELA NGAWO ESIDUMISA UJEHOVA!
39.MHLA ABEZIZWE BESIFUNDISA UKUTHI UMTHETHO KAJEHOVA UYISIVUMELWANA ESIDALA, BABESIHLUBULA EKUDUMISENI UNKULUNKULU WETHU!
40.KODWA UYESHUA KUMATHEWU 5:17-18 UTHI UMTHETHO KAMOSE NABAPROFETHI UMI NGUNAPHAKADE!
41.Ku Duteronomi 18:9-14, kokunye uJehova uthi: “Ungalokothi ufunde ukwenza izinengiso njengalabo bezizwe.”
42.UJehova wazibala zonke izinengiso okungabhekekile ukuthi umuntu oyisikhonzi sikaJehova azenze, yize zivumelekile kumasiko ethu!
43.Kodwa okufanele amakholwa akuqonde ukuthi ngokuzinikela enkolweni ekhonza uJehova yedwa, uvuma ukuthi umthetho kaJehova ungaphezulu kwamasiko esizwe sakho!
44.Le mikhuba noma amasiko anqatshiwe nguJehova, atholakala esizweni sethu.
45.Lokho kuyasifakazela ukuthi thina siseyi leso sizwe sakwa-Israel, ngoba izinengiso ezikuDuteronomi 18:9-14 owathi uJehova akazifuni, zitholakala esizweni sakithi!
46.Uthi-ke uMose, uJehova wazixosha phambi kwa-Israel lezi zizwe ezazenza lezo zinengiso!
47.Lapha sikhuluma ngenkolo kaJehova owayehlisela okhokho bethu ngoMose, okuthe uma efika kithi uShembe wayivuselela ngamavesi 3-4 womthandazo weSabatha, lapho ethi:
48.“Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owanilobela yona uJehova ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo yemikhosi.
49.Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe, AKAYIKUYAMUKELA IMITHANDAZO YENU, AKASOZE ANEHLISELA IZIBUSISO UMA NINGAYILALELI IMITHETHO YAKHE NIYIGCINE!”
50.Le inkolo kaMose, okuthe uma iphela emva kwaYeshua, kulesi sizwe sakithi yavuselelwa nguShembe!
51.Kodwa lokho akusho ukuthi abakwezinye izinkolo baphoqekile ukuba begcine umthetho kaJehova!
52.Kodwa sonke thina esingaphansi kwale nkolo kaJehova, kumele sikugweme okuyisinengiso kuNkulunkulu, ngoba kwelizayo sokwehlulelwa ngokuthi sisesemhlabeni asimhlubukanga yini uNkulunkulu ngokuchitha imithetho yakhe?
53.Ake sizwe-ke ukuthi ziqalekiso zini uJehova owaziletha phezu kokhokho bethu nezalo yabo, uma ingasahambi ngokwezimiso zakhe.
54.Kulesi sahluko amavesi amaningi ngiweqile, ngase ngithatha aqondene nokuhlukunyezwa kwethu ngabezizwe!
55.KuDuteronomi 28:15-51 uJehova ngomlomo kaMose, uthi: “Kuyothi uma ungalaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zokwehlela, zikusibekele!
56.UJehova uyokwehlisela kuwe isiqalekiso, ukudideka nokusolwa kukho konke oyokwenza, uze ubhujiswe, ushabalale ngokushesha, NGENXA YOBUBI BEZENZO ZAKHO, NGOKUBA UNGISHIYILE!
57.UJEHOVA UYOKWENZA IZITHA ZAKHO ZIKUNQOBE, UYAKUZIHLASELA NGANDLELANYE, UBALEKE NGEZINDLELA EZIYISIKHOMBISA!
58.UYOBA YINTO EYESABISAYO KUYO YONKE IMIBUSO YOMHLABA. ISIDUMBU SAKHO SIYOBA UKUDLA KWAZO ZONKE IZINYONI ZEZULU, NOKWEZILWANE ZOMHLABA. AKAYIKUBA BIKHO OYOZIPHAZAMISA!
59.AWUYIKU PHUMELELA EZINDLELENI ZAKHO, UYAKU CINDEZELWA KUPHELA, UPHANGWE; KUNGABI BIKHO MUNTU OYOKUHLENGA! INKABI YAKHO IYOHLATSHWA PHAMBI KWAKHO, UNGAYIDLI!
60.IZITHELO ZOMHLABATHI WAKHO, NAWO WONKE UMPHUMELA WOKUSEBENZA KWAKHO KUYODLIWA ISIZWE ONGASAZI, WENA UCINDEZELWE KUPHELA, UCHOTSHOZWE NSUKU ZONKE!
61.UJEHOVA UYOKUYISA WENA NOKHOKHO BAKHO ESIZWENI ENINGASAZI, NIYOKHONZA LAPHO ABANYE ONKULUNKULU BOKHUNI NAMATSHE!
62.UYOKUBA YINTO ESABISAYO, NESIGA, NOMBHINQO PHAKATHI KWEZIZWE ZONKE LAPHO UJEHOVA OYOKUXOSHELA KHONA!
63.UJEHOVA UYOTHUMELA KUWE ISIZWE ESIVELA KUDE EKUGCINENI KOMHLABA, ESIHLWITHA NJENGOKHOZI!
64.KUYOBA ISIZWE ONGAYOKUQONDA ULIMI LWASO, ISIZWE ESIBUSO BASO SIGCWELE ULUNYA, ESINGENA NDABA NOMUNTU OMDALA, NALUZWELO KOMUSHA.
65.SIYOKUDLA ISITHELO SEMFUYO YAKHO NOMHLABATHI WAKHO, UZE UBHUJISWE.
66.ASIYIKUSHIYA OKUSANHLAMVU SIZE SIKUSHAYE SIKUBHUQE!
67.AMADODANA AKHO NAMADODAKAZI AKHO AYAKUNIKWA EZINYE IZIZWE UBUKA NGAMEHLO AKHO.” Amen!
68.Akudingekile ukuthi ngichaze umbhalo nombhalo wokushiwo nguNkulunkulu ngeziqalekiso ezokwehlela labo abahlubuke uJehova, ngoba uNkulunkulu aka ngathekisanga, kodwa ukukhuluma kwakhe kuqondile, akudingi kuhunyushwa!
69.Esizweni esimnyama kunezifundiswa eziningi zezenkolo, nabafundisi abaningi abaneziqu zenkolo, abanye bangodokotela bemfundo ngokwezenkolo.
70.Ngokwemfundo yabo, abaphathi bezwi likaNkulunkulu bayakuphika yini ukuthi lezi ziqalekiso zibhekiswe kuyisizwe esimnyama, uJehova uqalekisa okhokho bethu njengoba uProfesa Windsor esho?
71.Uma bengakuphiki, bathi yini engesusa lezi ziqalekiso kithi ukuze kubuye izibusiso esiqale ngazo?
72.Ubani ongaphika ukuthi lokhu kugqilazwa yizo zonke izizwe kungumvuzo esiwemukeliswa nguJehova ngokumhlubuka sikhonze abanye onkulunkulu!
73.Abathi asiyiyo inzalo ka-Israel, abalethe ubufakazi obucacile, ngoba neDNA ivuna thina!
74.Uma kunjalo, abezizwe bathunywe nguJehova ukuba basenze izigqila zabo, ngoba simhlubukile!
75.Abezepolitiki bahlale belwa ngokuthi sicindezelwe ngabamhlophe, kodwa abafuni ukubhekana neqiniso lokuthi siyajeziswa, ngoba sephula isivumelwano esasisenze noJehova! Pho ubani ongasikhulula uma sishaywa nguNkulunkulu?
76.KuDuteronomi 28 uNkulunkulu uzibale zonke iziqalekiso ezosehlela ngokumlahla; simlahlile, nempela zasehlela!
77.Asizibuze ukuthi kuliphutha likabani uma siyilento esiyiyo, siyisiga kuyizizwe zonke?
78.Yiphutha lethu, simhlubukile uJehova, wabe esethumela zonke izizwe ukuba zisigqilaze!
79.Yinye indlela engenza ukuba uJehova esilwele ezitheni zethu, ukuba sibuyele kuye, sihambe ngokwezimiso zakhe owasifundisa zona ngeNceku yakhe uMose!
80.KuNehemiya 9:1-9 kwathi uma abakwa-Israel sebebona ukuthi uJehova ubashiyile, babuyela kuye ngemi thandazo nangokumdumisa, bavuselela yonke imithetho kaJehova abase beyilahlile!
81.UJehova ukubeke ngokusobala ukuthi uma simhlubuka uyosiqalekisa, ngakho-ke asikho isidingo sokungazibuki thina, kodwa bese sisola izizwe ezithunywe nguJehova ukuzosigqilaza, ngoba simhlubukile!
82.Njengoba esho uShembe kusihlabelelo 120, “Asikho esinye isisekelo sokukholwa kuma-Afrika, kuphela ukubuyela kuJehova oyisibani sethu!”
INkosi ibusise izwi layo.
Le ntshumayelo iyatholakala kuYouTube othi Rev Mpanza NCG.