Kodwa isikhathi esibhekene naso, isikhathi esilikhuni, isikhathi lapho izwi likaJehova khona abantu sebelithathile, bagijima nalo ibangana, babona ukuthi liyasinda, base belihlubuka base belishintsha base belinyanya.
Isikhathi esilikhunike bantwana bokukholwa ukushumayeza umuntu ngento ayibonile wase eyiyeka ngoba engayifuni, wena uqale phansi umbuyisele kuyona…
Inkonzo yangeSabatha ekuseni mhlaka 05 August 2023 ekhaya eNqobizitha: nguMfundisi Sabelo Ntuli.
ISIHLABELELO 149
1 Kuyasa basitshela
Ukwalana kwabo,
Kanti kuhle kangaka
Umnazaretha ethandana
Ebambene ngesandla
Babe muntu munye.
2 MaNazaretha yibani munye
Nizothandwa nguJehova,
Ningahlali nehlukana
Nizolahlwa nguJehova
Thandanani nibemunye
Nizothandwa nguJehova.
1.Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni, ngicela ukuyimisa lapha le ngoma, ngicela ukuxolisa ukuyinqamula.
2.Mukhulu umbandela esivala ngawo kulengoma, uthi thandanani nibe munye khona nizothandwa uJehova. Ayikho into elikhuni njengalowo mbandela obekwe lapha ngoba unesethembiso esihle sokuthandwa uJehova.
3.Ngakhoke lombandela njengoba ubhalwe phansi njena wawela nasezindlebeni zomubi, naye wayesezwa ukuthi laba bantu uma bengathandana bazothandwa uJehova. Manje ukuthandana wase ekwenza kudura, kuba yinto ebizayo, kungabi yinto elula.
4.Uyadulake lo mbandela bantwana baseKuphakameni, kudula abantu bekholiwe, udula abantu bewumndeni, udule abantu behlangene nje ngokusebenza, kodwa ukuthandana kuhlala kuwumbandela olikhuni ngoba ukuthandana kuyamnxenxa uJehova phakathi kwabantu bese ehlala. Ngakhoke ukwenza omubi kwadura ukuthandana, wakwenza omubi kwadura ukuhlalisana kahle. Amein.
5.Bantwana baseKuphakameni isihloko engizokhuluma ngaso sithi: “Ukuduna kwebandla likaJehova.” Bantwana baseKuphakameni lesi sihloko sami sisukela ensizweni enye eke yangifonela, ingifonela le nsizwake, insizwa le esindisiwe kakhulu, ikholiwe kakhulu, sike sahamba nayo nasezindaweni eziningi zenkolo.
6.Noma ilithanda ivangeli lethu kodwa idliwa kakhulu insindiso le yamaKrestu engike ngithi uma ngichaza ngelinye ilanga ngithi insindiso yasemhlabeni, bese ngichaza insindiso kaShembe owasifundisa ngayo yasezulwini.
7.Ikholiweke lensizwa bantwana bokukholwa, iyangithintake ngelinye ilanga, ithi Mfundisi wami, ingibiza kanjalo isikhathi esiningi.
8.Ithi nginephupho lapha engifisa ukukuxoxela lona, isiyaxoxake iphupho layo, hhayi ngiphuphe ubaba kwanjani kwanjani, ixoxake lento, asibonake abantu bamaphupho thina.
9.Kodwake sengithi hawu batheni enkonzweni uma ubaxoxela leliphupho enkonzweni yakho, ithi hawu angikwazi ukuxoxa lelophupho enkonzweni, angikwazi ukuxoxa ngephupho, nokuthi ngiphuphe ubaba kuzothiwa ngihlubekile.
10.Ithi angikwazi ukuxoxa ngephupho lokuphupha ubaba enkonzweni yami, angikwazi ukuxoxa ngephupho lokuphupha ubaba nasendlini yami ngoba nonkosikazi uzothi ngihlubukile ngoba sikholiwe.
11.Sikholwe ngendlela yokuthi lokhu kukholwa kwethu, awukwazi ukuthi uma uphuphe into ethinta nje umuntu ongasekho, ubusuyixoxa ngoba ukuyiphupha nje kukodwa kuzothiwa usuhlubukile wena.
12.Ithike ngixoxela wena leliphupho ngoba mhlawumbe wena ngiyaye ngibone sengathi niyaziqonda lezi zinto, ngase ngiyinikake imfundiso yalayikhaya, ukuthi cha nathi noma izinto siziqonda kodwa asifundiswangwa ukuthi siwachaze amaphupho.
13.Sifundiswe ukuthi uma ngabe lisidida iphupho sithathe umnikelo, siyothi ‘Nkosi uma ngabe bekuyena ubaba lona Nkosi ngicela umkhumbule, uma Nkosi bekuwumoya Nkosi ozenza ubaba ngicela Nkosi uwuchithe.’ Uma kuwumoya omubi uyobaleka, uma kuwubaba wakho uyoyithola lonto ayifunayo, ayithole kuJehova. Amein.
14.Bantwana baseKuphakameni ngaleso sikhathi ixoxa lento lensizwa ngabe sengiyabona ukuthi inkolo kaJehova iduniwe, kodwa noma inkolo kaJehova iduniwe, sibhekene nesikhathi njengamanje.
15.Kwakuncono mhlawumbe mhla ivangeli lobuNazaretha lifika, noma ivangeli lifika kubantu emhlabeni ngoba babengazi lutho. Babomile, bomele izwi likaJehova, belifuna lapho lingakhona, belifunisisa ngoba lalingekho bantwana baseKuphakameni.
16.Kodwa isikhathi esibhekene naso, isikhathi esilikhuni, isikhathi lapho izwi likaJehova khona abantu sebelithathile, bagijima nalo ibangana, babona ukuthi liyasinda, base belihlubuka base belishintsha base belinyanya.
17.Isikhathi esilikhunike bantwana bokukholwa ukushumayeza umuntu ngento ayibonile wase eyiyeka ngoba engayifuni, wena uqale phansi umbuyisele kuyona, uthi buyela kulento. Umsebenzi onzima bantwana baseKuphakameni lowo.
18.Ngoba isikhathi sabantu bamanje esibheke naso, akusona isikhathi sabantu abadidekile nabangalazi izwi likaNkulunkulu, abantu abalibonile balibuka izwi likaNkulunkulu.
19.Base belibona ukuthi asilishintshe libe njena, base behlubuka, isikhathi lesi sokushumayeza abantu abahlubukile, bahlubuke bengamaNazaretha, bahlubuke bengamaKrestu bonke abantu bahlubukile kuNkulunkulu.
20.And lokho abakwenzanga ngokudideka, bakwenze beqondile ukuthi cha, lelizwi likaNKulunkulu liyasehlula, kuncono izwi likaNkulunkulu silishintshe livune thina.
21.Isikhathi esinzimake leso bantwana baseKuphakameni, isikhathi esilikhuni leso, ngoba abantu bahambile bangena ezikhungweni eziphambili bafundiswa ukuhlubuka uNkulunkulu, bafundiswa baqeqeshwa banikwa iziqu, banikwa yonke imiyezane yokuthike ugogodile manje ukuhlubuka uNkulunkulu, hamba mtanami uyofundisa nabanye ukuthi bamuhlunbuke kanjani uNkulunkulu.
22.Isikhathike bantwana baseKuphakameni lesi esibhekene naso, okumele sihlome nathi izikhathi zonke zikaMoya zokubhekana nabantu abakade bephila eNkosini base beyakhathala. Ithike enye ingoma yamaKrestu ‘banemibuzo eminingi eminye yabo ayiphenduleki.’
23.Sibhekene nenkinga enjalo bantwana baseKuphakameni, sibhekene nenkinga enjalo bantwana baseKuphakameni kodwa uNkulunkulu ngoba ungakuthina, Sinethemba elikhulu lokuthi endleleni asihambi sodwa, sihamba naye, konke esikukhulumayo akusikho ukucabanga akusikho ukuhlakanipha kodwa kwehle umuntu ezulwini bantwana bokukholwa wazosifaka esikoleni through abaholi bethu wasifundisa sase sesazi indaba kaNkulunkulu ngokwasezulwini hhayi ngokwasemhlabeni.
24. Izaga 1 verse 22-33.
22“Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na?
23.Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.
24. Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo;
25. Kepha nichithile konke ukululeka kwami, anivumanga ukusola kwami;
26. Nami ngiyakuhleka ingozi yenu, ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo,
27.Lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo, nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi, lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi. “Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana. Ngenxa yokuba babezonda ukwazi, kabakhethanga ukwesaba uJehova. Bengavumanga ukululeka kwami, bedelela konke ukusola kwami. Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo. Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa. Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”
28.Ayikho incwadi efikiselana ubuhlungu njengalena mawuzwa izwi likaJehova lithi nami ngiyakuhleka ingozi yenu, ngiklolodele ukufika kokwenikwesabayo.
29.Alikho izwi elibuhlungu njengalelo bantwana bokukholwa ngoba uma lawo mazwi eshiwo uJehova uye ungazi ukuthi uma uwumuntu, uma uJehova esehleka ukufika enikwesabayo lapho senimudinga khona usumumemeza njengesethembiso sikaShembe wathi ngezinsuku zokuhlupheka nimubize uyakuza anisindise.
30.Kodwa ithi le ncwadi uma ngabe izideleli, zidelela indlela yakhe, zishiya indlela yakhe uthi noma ningibiza angiyikuza, noma ningifunisisa angiyikusondela, noma ingozi isiza kini njengesilkhwishikhwishi, niyakungibiza angiyikusabela ngoba anifunanga ukulalela izwi lami. Awekho amazwi abuhlungu njengalawo bantwana bokukholwa.
31.Ngiyacabanga ukuthi isitha mhla kuchithwa inkolo kaJehova, mhla kudunwa inkolo kaJehova sawabona lamazwi sase siyabona ukuthi laba bantu ayikho into elula engingaba nqoba ngayo, ukuthi ngibasuse kuJehova kuphela, uma ngike ngabasusa kuJehova kuphela, kobe sekuphelile ngabo ngoba ukusuka kwabantu kuJehova kuyababulala, isho njalo incwadi.
32.Bantwana baseKuphakameni singephike noma i-Gospel sayithola kodwa yona ukufika kwayo kubantu yafika ngezitha, mhla izitha zilethe inkolo kubantu abamnyama, zahlala phansi bantwana bokukholwa zayihlela indaba yazo yokuletha inkolo kubantu abamnyama.
33.Zase ziyayibona le nkolo ukuthi le nkolo abantu sibasuse kuyona benamandla, sibasuse kulenkolo beyingozi ngoba uma sibasusa kuloJehova wabo wayebalwela, lo Jehova wabo wayebanqobela izimpi, lo Jehova wabo wayebanisela imvula uma befuna imvula.
34.Sase siyabona isitha ukuthi sesiyiqedile inkolo kubantu kodwa manjena siyadinga ukuthi sibathambise ngayo futhi, ukuze bakholwe, ukuze bathambe, ukuze konke esikufuna kubona, sizokuthola.
35.Asibuyisele le nkolo kubona, kodwa into yokuqala esizoyenza uma sesibuyisela le nkolo kubona, sizowukhipha wonke umsoco wenkolo, ezithi iwukukholwa kodwa ibe iwukuhlubuka.
36.Nansoke inkanankana lapho eyaqala khona bantwana bokukholwa, nansoke inkinga la eyaqala khona, mhla isitha sisilethela inkolo.
37.Mhla into yokuqala isitha siletha inkolo bantwana bokukholwa, into yokuqala esayikhipha enkolweni kwaba umsoco wayo.
38.Ingakho le nsizwa ithi angikwazi ukuxoxa iphupho lami ebandleni lami ngoba uma ngingaxoxa iphupho lami kuzothiwa ngihlubukile, ngoba ukukholwa kwethu konke, sikholwa into eyodwa ukuthi wafa wavuka esiphambanweni uyobuya ngelinye ilanga azosihlwitha. Ukukholwa kwethu konke kuphelele lapho, awukhulumi into engaphandle kwalokho.
39.Noma ungena kuthiwa hhayi hamba uye phambili uthi ngiyamemukela njengeNkosi nomsindisi, wafa wavuka uyobuya azosihlwitha ibandla lakhe, amein. Sekuphelele njalo, usukholiwe njalo, usungaze uyongena ezulwini impela ngalowomazwi amathathu.
40.Nengulube yakho uyiphethe ngesandla, ngeSabatha ungalazi kodwa uyongena ngamagama amathatahu nje ukuthi uyakholwa ukuthi uzobuya azokuhlwitha ngelinye ilanga. Isithake saletha into enjalo bantwana bokukholwa mhla kuqedwa ngathi.
41.Kodwa kuyisimo esijwayelekile bantwana bokukholwa, angazi laba abazi ngezibhamu, bayazi ukuthi uma isitha sakho kuphoqa ukuthi usinikeze isikhathi noma mhlawumbe isikhathi lezi esezaba khona manje ezixhaphakile.
42.Bantwana bokukholwa into yokuqala uma ngabe ufuna ukuthatha isitha sakho usinikeze isikhathi, into yokuqala oyikiphayo kulesi sitha sakho, ukhipha lento ehlala izinhlamvu, angazi noma bathi ikhasethi yini, uyalikhipha kuqala uligodle ngakuwena, ebese usinikeza isitha sakho isibhamu, isibhamu osinika isitha sakho, isibhamu isitha sakho engeke sisakwazi ukuzivikela ngaso ngoba asisenazo izinhlamvu.
43.Asisakwazi isitha sakho, noma sisiphethe isibhamu lesi esisiphethe kodwa asisakwazi ukukuhlasela ngaso ngoba izinhlamvu zingakuwe, ikhasethi ingakuwena.
44.Benza into efanayo bantwana bokukholwa, bafike bawukhipha wonke umsoco wenkolo, bayikhipha yonke into ebalulekile, yonke into eyayisenza uma sibiza uJehova asabele, yonke into eyayisithi uma siguqa la phansi sithandaza, uJehova asizwe asabele esezulwini. Base bezikhipha zonke lezo zinto lezo.
45.Base besinikeza sona bantwana baseKuphakameni, isikhali esingasenazinhlamvu, ikhasethi isele ngakubona, sabe sisathe siyaguqa siyamemeza, wathula nje uJehova ngoba uyabona laba bantu abasangikhonzi mina.
46.Ngithi kunjalo bantwana baseKuphakameni, wakhishwa wonke umsoco wenkolo, bayazi ukuthi le nkolo abasinike yona, noma singathi sibahlasela ngayo ngeke besahlaseleka, bayazi ukuthi le nkolo noma bengasihlasela ngeke sisakwazi ukuzivikela ngayo.
47.Ngoba isiyisikhali esesingenazo izikhali zokulimaza, basinikeze into engeke isakwazi ukuthi sizivikele ngayo, engeke sisakwazi ukuthi sihlasele ngayo. Bantwana baseKuphakameni bawenza lomsoco, bawukhipha lomsoco enkolweni kaJehova.
48.Okokuqala abakwenza bafike babona ukuthi asilenze leligama likaJehova balilibale balikhohlwe, asilikhiphe ezincwadini zethu, kwase kubhalwa i-testament elisha, lase liyakhishwa igama likaJehova completely langaze laba khona.
49.Kwase kuthi wonke umuntu owumKrestu akholwe, kodwa akholwe igama likaJehova aye kulona ngokuvolontiya kodwa lingabi ingxenye yenkolo yabo.
50.Awukwazi ukubathwesa icala abantu ngoba manje abasaphili vele esivumelwaneni esidala, sebephila kwesisha, isivumelwano esisha, esingenaye uJehova, awukwazi ukumqulisa icala ngendaba kaJehova ngoba kwi package yemkolo yakhe alikho igama elithi Jehova.
51.Uphumile umsoco, ukholwa kanjani ungasenayo imfundisonkolo ngoJehova, usuhamba nje uJehova umbiza ngoba uzwa ukuthi mubize, usumfaka nalapho angangeni khona ngoba awunawo umgwaqonqubo wokuthi uma umuntu okholiwe udila kanjani noJehova ngoba indlela uJehova azethule ngayo, kuwe, isiyisivumelwano esidala. Kuwe ayisasebenzi, uJehova useza kuwena ngegama akasezi njengo Nkulunkulu ophilayo.
52.Bantwana baseKuphakameni lakhishwake igama likaJehova enkolweni eyayisifikile esasiyiphoselwa isitha, sathi uma sisinika isitha le nkolo, bantwana baseKuphakameni kwathi zonke izinto…
53.Ngithike kulensizwa uma ixoxa iphupho layo, ngithi sike sinikele, ithi kunikelwa kanjani? Ngiyayichazake indlela yokunikela, ngithi uma uynikela, iminikelo thina maNazaretha kaNkulunkulu unjengencwadi esiyibhalayo ngisendlini yami ngithathe ibhayibheli noma ngithathe isoso elihlanzekile, ngilibeke phansi, bese ngyayibhala le ncwadi kuJehova ngalomnikelo.
54.Ngithi ‘Nkosi Jehova mdali wezulu nomhlaba, ngize kuwe ngalomnikelo wami Nkosi, ngicela lokhu Jehova, ngicela lokhu Jehova kuwe, ngithi lowo, lowoke sekumnikelo ngoba usuyincwadi engiyibhalele uJehova.
55.Uthi hawu manje ukhuluma kuphi, wenza kanjani, akayazi yonke lento, uyadideka, uthi ukhuluma nemali, ngithi mina cha awukhulumi nencwadi le oyibhalayo, ukhuluma noJehova.
56.Ngoba kusho yena thina esimaziyo, siyazi uma siza nomnikelo, akaswele igolide, akaswele isiliva kodwa thina umnikelo incwadi esiyibhalayo bantwana bokukholwa.
57.Hawu umsoco awusekho kulenkolo yabo, ikholiwe, ithi angikwazi ukuxoxela umkami iphupho ngoba nje kuzovele kuthiwe angisakholiwe, ngizothandazelwa.
58.Bathini kambe, le ncwadi yabo abayifundayo, abasenakukhunjulwa, abasenjani, balele, banjani banjani, bazi lokho bantwana bokukholwa, bafundiswe lokho, abafundiswanga, ngoba kwakukhishwa umsoco enkolweni kaJehova.
59.Mhla bewukhiphake bantwana baseKuphakameni, awusekho umnikelo, sekwande lama donation, kubekwe izimbenge laphana nalama donations, kubekwe izimbenge nezitsha eyinkulu lapha phambili, ugijime ufike ujikijele, ugijime ufike ujikijele, kuthiwe abeze abama R20 bagijime bafike bathele, abeze abama R50 bagijime bathele, abeze abama R500 bagijime bathele, abeze abe R1000, i-competion.
60.Ngihlale ngixoxa lapha ukuthi ngake ngaya kwelinye ibandla laphana eGoli ngako Foslo, ngafike kubekwe inkomishi phambili, phambi kwalezimbenge eyinkulu ezibekwe laphana, kwathiwa inkomishi namhlanje, uma benikele kahle, abanikele kakhulu izoba ngeyabo inkomishi, bazoyithatha.
61.Bantwana baseKuphakameni ngabona isibhudubhudu engingasazi, abanye ababengayiphethe imali, babegijima, ngizwa kuduma imoto ngaphandle, begijima beyokhipha imali emabhenke, bezoqulela imali kulendishi ebekwe lapha, ngoba bafuna inkomishi ilale ngakwabesilisa namhlanje, ngoba bakhathele ukuthi inkomishi ilale ngakomama.
62.Eyi bantwana baseKuphakameni, oooohh, umsoco ukhishiwe enkolweni kaJehova, ukhishwe isitha, sisinikeze into, sithathe isibhamu sethu sikhiphe izinhlamvu sase sisinika, sathi ngidubule phela.
63.Uyodonsa kuze kukhathale izandla noma iminwe ngoba lesi sibhamu likhishiwe ikhasethi, asisadubuli, asiyona ingozi esitheni sakho kodwa usiphethe sona.
64.Zahamba insizwa, zaqhubeka bantwana bokukholwa, zagijima zaya ebhaskidini, ngangihamba nezinsizwa zaseGoli sibizwe kuleliya sonto, siyoshumayela, ngithi mina, zangiqalaza, zathi asihambeni siyofaka, ngathi asikafi thina lapha, zanikina ikhanda. Ngathi asiyi thina lapha, kwenziwani lapho?
65.Hawu amahloni abantu bephindela nakathathu, befuna inkomishi bantwana bokukholwa, ehambe yayothengwa laphana esitolo samaNdiya icetshelezilisiwe, ibekwe phambili, abazi lutho ngoJehova. Bathi hhayi siyanikela, siyanikela. Umnikelo lo?
66.Bantwana baseKuphakameni ngixoxa into eyenzeka, zazikhona insizwa zaseGoli, ngangingahambi ngedwa, sasisuka ku 23 sase siyovakasha kuleliyabandla, bantwana baseKuphakameni, bayenzake leyonto.
67.Kodwa ke angikhulumi ngalokho, ngikhuluma ngokuthi inkolo kaJehova yakhishwa wonke ama vitamins, yakhishwa wonke umsoco mhla isitha sisiphosela yona, namhlanje bantwana baseKuphakameni ayisenawo ngisho umnikelo inkolo kaJehova.
68.Akusekho ukuthi unganikela enkolweni kaJehova, lento eyayigugu kangaka enkolweni kaJehova aqala ngayo ukufundisa abantu lapho ko Khayini no-Abela ukuthi abonikela, kodwa kuthe uma kufika inkolo yesitha yafike yakukhipha lokho ngoba yabona ukuthi uma ngase sinikele kuJehova uJehova uzosuke asikhumbule bese eyasazi, bese sithi uma sikhala bese siba ingozi esitheni. Babona ukuthi abawukhiphe umsoco, abawakhiphe ama vitamins.
69.Ubukhona bama vitamins bantwana baseKuphakameni kwinkolo kaJehova, ngizobala nje amubalwa, ngibale ngeSabatha bantwana bokukholwa.
70.Ngoba uyaye ethi uBaba uma esifundisa, uyaye ethi akekho umuntu ongathi uthunywe uNkulunkulu engazi lutho ngeSabatha. Athi umuntu ngiwumbhishobhi, athi umuntu ngiyinto enkulu ebandleni lami, ngiwukuthi, ngiwukuthi, kodwa manje uma usuthi uyamubuza athi hhayi thina sikhonza ngeSonto, asinalo ISabatha.
71.Ingani ISabatha lilaphaya, laphayana, balishaya inyandana negama likaJehova, iSabatha balilahla laphanaya mhla belahla uJehova balahla neSabatha, alisekho iSabatha enkolweni yabo.
72.Isitha bantwana bokukholwa siyazi ukuthi uma ngase bekhonze ngeSabatha, izophuma ingelosi yeSabatha, ibe isiyobafuna ebese ifica beguqile, ibe isigijima iye kuMdaliwezulu nomhlaba iyothi ngifice abantu lapha Jehova abathe bayakwazi abebeguqile ngaleliSabatha lakho bedumisa wena.
73.Zase ziyashintsha izitha, zashintsha ama-date, bafika ngakusasa, uJehova walinda ngeSabatha, bafika ngakusasa. Isitha leso, isitha leso sishintsha ngisho idate ukuthi bengahlangani nangengozi noNkulunkulu.
74.Akungabi ntambama, akungabi semini, akungabi sebusuku, akube ngakusasa okuncono ukuze sure sure uJehova ebe esehambile ingelosi yeSabatha isigoqe imithwalo yabuyela kubo kuNkulunkulu, abafike ngakusasa, abangabi late, kungenzeka mhlawumbe ibalinde ibekezele, sathi isitha kufanele bafike kusasa.
75.Bantwana baseKuphakameni akukho okungashintshwanga, akukho okwasalayo, ngisho indlela yokuthandaza yashintshwa, yonke into ekhona inegama layo bantwana bokukholwa. Kuthiwa asithandazeni siphithizela ngezinyawo siyaluza, njengoba ubona abantu uma bethetha idlozi esigcawini, kuthiwe asenzeni njalo.
76.Ngike ngahamba nezinsizwa zamaKrestu, kuthiwa namhlanje ngicela sithandaze, kunegama layo lento ngiyakukhohlwa ukuthi yini, ukuthandaza ungaguqile, futhi ungamile ndawonye uhamba uphithiza uthi, kunegama lakho, kuthiwa into enkulu uJehova akakwazi ukungayizwa.
77.Hawu yini lena, hhayi sizophambana, uma niya lena thina sizoya lena, ngithi mina indlu incane sizophambana kanjani na, athi hhayi nizoya le abanye baye le, niyithathaphi lento, cha, ikhona nje.
78.Isitha sabona bantwana bokukholwa ukuthi laba bantu uma bezobonakala beguqile, begqolozele empumalanga, usho njalo uSolomoni uma ekhuluma ngendlu yakhe, uthi kothi abantu bakho Nkosi uma beguqa lapho abakhona, bethandaza, begqolozela eJerusalema, uthi wena Nkosi, noma besekuthunjweni Nkosi, ngiyocela Nkosi ubaxegisele ijoka kubathumbi babo, bese ubathambisa ijoka labo, ngoba Nkosi bayobe sebeguqile babheka eJerusalema babiza wena.
79.Sasikwazi isitha lokho, sathi okokuqala nina anizukuguqa, anizukuguqa, nizophithiza nje, bese uthetha lento eyenziwa esigcawini makuthiwa ziyakhulekwa lezinkomo. Sebenza lokhoke, sebenza lokho.
80.Ngayibuka lento, eyi ngayinqaba lento ukuthi mina angiyazi lento, okokuqala ngiphithiza neyicathulo, iphambene nami ngayo yonke indlela, angikholwa nawukuthi ngiyathandaza uma ngenza lento.
81.Angizazi nokuthi ngenzani, uma ningathi angichaze ukuthi ngenzani, nani anizazi nenzani, ngoba niyaphithiza, ngifake amabhuzu ancolile omsebenzi, ngiyaphithiza layindlini, ngathi bafwethu ngicela ukuthandaza uma senithandazile lena izongihlula, bathi hhayi kulungile sobuye siyenze, sase siyaguqa.
82.Ngase ngilanda ibhokisi elikhulu ngase ngibhala ukuthi Shoe Box ngathi icathulo azishone lapha, hawu senzani lapha, ngathi shoe box icathulo zilapha. Bathi bathi, ngafunda incwadi, ngathi uma sihamba ngokwencwadi yebhayibheli, asambe ngayo.
83.Sahlangana kanjalo nalezi zinsizwa eseziye zingixoxele amaphupho azo, sahlangana sigudla nendaba kaNkulunkulu bantwana bokukholwa, sigudla nayo singayithambisi, sigudla noma isibuhlungu isinjalo, noma abalandeli bengasekho ngakuwena, kodwa uyiqinise, bakhona abaphakathi kwabo abashoyo ukuthi eyi kodwa lento ayikhulumayo lo muntu inezisekelo, uyayazi lento ayikhulumayo.
84.Bantwana baseKuphakameni, bengisakhuluma kakhulu ngomsoco owakhishwa izitha mhla ziphosa inkolo yobuKrestu zinika abantu inkolo, okwakuyinkolo kaJehova zayikhipha umsoco ngayo yonke indlela bantwana bokukholwa, zayikhipha ama vitamin, zase zisiphosela yona.
85.Namhlanje abantu abamnyama bayizifundiswa ezinkulu zenkolo, kodwa bahlubuke kakhulu bantwana bokukholwa, bakhulu enkolweni, bakhulu emabandleni, kodwa bancane kakhulu kuJehova, kahle kahle abekho kuJehova.
86.Awu sabona isitha bantwana bokukholwa ngoba sibheke nomubi, sibhekene nendoda embi bantwana bokukholwa, wathi eseyiqambile uShembe lento ewubuNazaretha, wase eyakha bantwana baseKuphakameni, wase eyiqala phansi, wase esiqoqa bantwana baseKuphakameni emagumbini omane omhlaba, wase eyifundisa indaba kaNkulunkulu.
87.Wase esitshela ukuthi njengoba nginiqoqa nje lapha bantwana bokukholwa, anisibona abami nina, anginiqoqele ukuthi nibe ibandla leli lakwaShembe, wathi kodwa nginiqoqelaphi bantabami, nilibandla elikhulu likaMenzi wezulu nomhlaba, sihlangene lapha bantwana baseKuphakameni, sihlangene ngoJehova, kwasho uShembe. Sabona isitha ukuthi hhawu yavuka futhi lento, yavuka futhi lento!
88.Bantwana baseKuphakameni ngithe isihloko ukudunwa kwenkolo kaJehova, ngikhuluma ngobuKrestu sebuduniwe, noma ngizokhuluma ngobuNazaretha noma inkolo kaYeshua nabaphostoli isiduniwe, isisezithweni ngoba angifuni ukukhuluma ngobuKrestu ngoba into ekhandwe ngabantu, ngifuna ukuzijwayeza ukuphuma kulelogama ngoba inkolo yaseBhabhiloni, angikwazi ukuthi ngime endaweni kaJehova ngikhulume ngento yabantu, uma ngimi lapha kufuna ngikhulume ngento kaJehova kuphela.
89.Safikake bantwana baseKuphakameni isikhukhula ebuNazaretheni naso sizokhukhula futhi indaba kaJehova, safika isikhukhula ebuNazaretheni sizokhipha umsoco naso ama Vitamin.
90.Sathi sikhonza bantwana baseKuphakameni kukuhle, sicabanga ukuthi sihamba nayo indaba, sisekuleyondaba uJehova uMprofethi asibizela ngayo kaJehova, sisekuleyondaba bantwana baseKuphakameni othi yena uma niphuma emazweni onke aphansi kwezulu, nilethe iminikelo ngenjabulo kuJehova emzini waseKuphakameni, akayikuyamukela iminikelo yenu uma ningagcini usuku LweSabatha.
91.Awu bafika ongoma uyayona, bathi nake namubona uJehova eza eKuphakameni, nabona uShembe, awu bamususa uJehova, bamususa uJehova.
92.Iyadunwa bantwana baseKuphakameni, kukhona into ekuthiwa, laba ababuka ama movie, bake bayibone mhlawumbe, uma kuthiwa indiza iyadunwa.
93.Kukhona lento kufike kungena igebengu endizeni, zifike zingene lapha phambili la kuhlala khona bayilawulayo, bese ziba hijack bese zikhomba enye direction.
94.Ngoba abagibeli banamathikithi endiza esuka eThekwini iyeZimbabwe, kodwa uma bephakathi endizeni bese kungena igebengu ngopotsho, zisuke zingene phambili, zingene laphana ziyilawule indiza ebiya eZimbabwe ziyikhombe e Mozambique.
95.Bonke abantu abalapha phakathi baphethe amathikithi, aya eZimbabwe, bayacabanga, abanye babhukhile ngisho amawotela ukuthi iwotela ethile engiyofike ngilale kulona, Nkosi yami, awuthi ngi practice iShona sami, kuze uma ngifika eZimbabwe ngifike ngikhulme iSishona nami kuze ngamukeleke kahle.
96.Kanti abazi ukuthi lesi siShona lesi abasifundile, lamathikithi abawaphethe nalamawotela abawabhukhile, abasayi kuwo, sebethathe indlela manje, bazothi uma bemukelwa nje, bamukelwe nge language abangayazi, ngesi Portuguese. EbuNazaretheni kwenzeka into enjalo bantwana baseKuphakameni.
97.Kwathi uhamba umkhumbi kaJehova kukuhle, ucekeza bantwana baseKuphakameni, ubheke ekhaya lethu ezulwini, ubheke lapho uJehova asimemele khona, ubheke kulowo muzi okhazimulayo ngaphezu kwelanga nenyanga.
98.Kanti sezingene izigebengu lapha phambili, sezingene igebengu completely sezithathile indiza, ayisayi eZimbabwe isibheke eMozambique namathikithi aseZimbabwe.
99.Haa bantwana baseKuphakameni uyaye uthi usuwehla la owehla khona, uma uthi uyaliveza lelithikithi, lelithikithi alizi lapha, mubopheni, mubopheni, bese uyaboshwa, ngoba ithikithi libhalwe iZimbabwe wena wehla eMozambique.
100.Uma udlula lapho uthi uyalifuna iwotela, uthi cha manje iwotela lami i-OR Tambo uma likhona mhlawumbe eZimbabwe, kuthiwe cha ayikho into enjalo lapha eMozambique, hhayi angizi eMozambique mina ngize eZimbabwe, kuthiwe mubopheni isigebengu.
101.Yini edala lokho na, ingoba inkolo yobuNazaretha yadunwa bantwana baseKuphakameni, sathi sihamba uShembe esimemile, wasethembisa bantwana bokukholwa, wathi wozani bantabami, kunomuzi okhazimulayo ngaphezu kwelanga nenyanga, wathi kunomuzi, wathi uMkhokheli wakhona bantabami uJehova kuphela.
102.Wathi wozani bantabami, wathi wozani ngamandla, wathi lo muzi esiya kuwona, kungenwa ngokusina, lo muzi esiya kuwona kumbathwa ingubo emhlophe uma usuya khona, la esiya khona wakuchaza bantwana baseKuphakameni, wasigabisela, saze salangazelelela, saze sabona ukuthi baphenduka okhokho bethu, baphenduka obaba bethu, zaphenduka zonke izizwe, zase zingena emkhumbini kaJehova zahamba nawo, zase zingena igebengu, zase ziwudusa. Zase ziwudusa, zashintsha destination, zalushintsha ulimi.
103.Isho njalo enye intombazane, ithi ngalala, ngavuka, ngathi uma ngivuka, ngilale ngisekhaya kithi, ngathi uma ngiphaphaphama, ngaphaphama ngisendlini eyibhilidi elimnyama, ngathi uma ngithi ngiyabuka kulona, ngabona igazi, ngabona izinhlamba odongeni zibhalwe ngegazi.
104.Kanti sengithathwe ilaba bama Satanist, sengithunjiwe, sengisezweni lase mkhathini, angisekho lapha ebengilale ngikhona.
105.Kunjalo bantwana baseKuphakameni uma usuvuka usubona ukuthi ngithunjiwe, into yokuqala oyibonayo ulimi lwakhona kule destination ofika kuyona, lolu limi olukhulunywayo akusilo elakithi. Kwabanjalo kulentombazane, yezwa ulimi, yabona izinhlamba odongeni zibhalwe ngegazi yabona ukuthi angikho lapha engikhona namhlanje, yathi ngilahlekile, yathi sengidukile!
106.Bantwana baseKuphakameni sasisendleleni eya ekhaya, kodwa saduswa bantwana baseKuphakameni, sadukiswa omubi, sathunjwa, umkhumbi, wathunjwa umkhumbi kaJehova.
107.Kodwa bantwana baseKuphakameni ngoba uNkulunkulu wethu uthe uwuNkulunkulu onomusa, wenza umhlola bantwana bokukholwa, Kwathi uma sesidukuzwa, sidukuzwa sesiyizwa lento ukuthi ayisasisebenzeli, uthi uhamba nayo, uzwe ukuthi ayi cha khona, lento ngiyahamba nayo kodwa ayingisebenzeli, kodwa manje uyazibuza ukuthi…
108.Nami bantwana baseKuphakameni ngangingomunye owayethi uma sengifikelwa ungabazane endleleni ebese uma kuguqwa kuhlalwa phansi kuguqiwe, bese ngima ngedwa, ngiqalaze emumva ngithi cha ngeke beduke laba bantu.
109.Ngangingazi bantwana bokukholwa ukuthi izigidi ngezinkulungwane, ziyalahleka zishiye uJehova, bayaduka abantu ngobuningi babo.
110.Noma sasixoxelwa ngokuthi iSodoma neGomora izwe lonke labhujiswa, kwakunga record ezinqondweni zethu thina, sasiyini thina siyibandla, uma kukuthi kwakubhubhiswa isizwe, isizwe sonke ngenxa yezoni, liyini ibandla.
111.Ngangike ngihlale phansi bantwana bokukholwa ngithi ayi cha kushuthi imina nje angiyenzi kahle lento, ake ngigijime kakhulu kunakuqala, ngiqale phansi bantwana baseKuphakameni ngifake ijubane elisha, ngigijime ngigijime iminyaka nalento ngizwe ukuthi cha khona kodwa ayisebenzi lento, ayisebenzi!
112.Ngigijime ngiye kubantu, ngithi ngiyozwa, ngyakhumbula uma uthi uyozwa uthi hhayi nansi into ingasebenzi, kuhamba kanjani, bethi hhayi vele ngeke isebenze lento, wena inkinga yakho nje, awubalandanga abadala. Hawu! Indaba kaNkulunkulu injani manje.
113.Hhayi ngiqale phansi ngithi ngiyabalandake phela abadala, ngiyabangenisa, ngibafakile, ngiphinde ngibuyele futhi ngithi nakhu futhi kungidida, kuthiwe hhayi isibongo senu, kufanele niye ekhaya komaweni nilungise isibongo.
114.Ngigijime, ngigijime, ngigijime, Kwaku worse okwethu ngoba sasingalungisi isibongo sasekhaya komama, kwakuthiwa asilungise isibongo sasekhaya kobaba, angazi koMagwaza ngoba ubaba wazalelwa ekhaya, akazange aze akhishwe, manje thina singabaka Magwaza.
115.Lento ivele ikudide ikusanganise ikhanda, uthi ngizoyiqala ngaphi lento, cha ubaba wenu kwakufanele akhishwe, ebese ebuyela kwaNtuli, bese uma ethi uzala izingane lezi zingane ezakwa Ntuli-ke, Ingakho nje abakwaNtuli benganemukeli, ngoba kufuneka ekhaya komamenu, ekhaya kobaba wenu, ubaba usahamba emhlabeni akakhishwanga, kwenziwa njani na? Hhayi kufuneka nihambise inkomo!
116.Hhayi bantwana baseKuphakameni angidluli kulezo zindaba, usizi lelo lwaseceleni, ngixoxa indaba yokudunwa komsebenzi kaNkulunkulu, ngixoxa indaba yokudunwa kwemisebenzi kaNkulunkulu, udunwa abantu, udunwa izitha.
117.Bantwana baseKuphakameni sathi sesiduniwe sinjalo bantwana baseKuphakameni sesiphathiswe amathikithi, sesibhukhelwe amawotela ala ebesingayi khona bantwana baseKuphakameni.
118.Sesikhulume ulimi okungelona olalapho ebesiya khona, besifunda ulimi lwakwenye indawo, sesinikwe olunye ulimi, besisuke endleleni sazi ukuthi thina singamaNazaretha, siyibandla likaMenzi wezulu nomhlaba.
119.Base befika abafikayo, base bekushintsha lokho bantwana baseKuphakameni, sazithola sezithola sesihamba bantwana baseKuphakameni, sesiphethe ama ticket endlela, i-destination isishintshiwe.
120.Bantwana baseKuphakameni sasiphethe amathikithi ezulu lomndeni, siwaphethe ngezandla, sivikelwa, kuthiwa manje siyahamba manje, thina siphethe amathikithi asezulwini likaJehova elinoMkhokheli oyedwa, kodwa manje sekuthiwa lapho siyakhona, seyiduniwe indiza, sesiya ezulwini lo mndeni manje asisayi khona, seyishintshile i-destination, isishintshile.
120.Bantwana baseKuphakameni, kwenzeka umhlola bantwana baseKuphakameni, kwenzeka into engajwayelekile, uBaba iLanga wakuzwa ukukhala kwethu bantwana baseKuphakameni, wakhipha isigijimi, wakhipha isigijimi sasezulwini.
121.Wathi nazi izinyembezi zabalusizi, nakhu ukukhala kwabalusizi, bayakhala emhlabeni, bathi abasangiboni, abasangifumani, wase ekhipha isigijimi, wathi hamba mtanami, wathi hamba uyongitshelela nampa abantu ukuthi abangakhele indlu, abangakhele umkhumbi kaJehova.
122.Umkhumbu kaJehova wase uyakhiwa, yase iyakhiwa lendlu, sase siyangena khona, sase siyafudumala, ase eyaqonda manje amathikithi, yabuya indiza, yabuyela kulayini.
123.Sibuyisela indiza kulayini bantwana baseKuphakameni ebese iduniwe, akuyona into elulake lelo ngoba abaduni bayo kumele ulwe nabo.
124.Kumele ukulungele ukuthi bazokushaya, bazokudubula, bazokuthuka bazokubulala abaduni bendiza bayalwa uma indiza siyibuyisela kulayini.
125.Ilowo msebenzi bantwana baseKuphakameni esibhekene nawo, sawalahla sawakhipha ngamafastela amathikithi ezulu lomndeni esase siwanikiwe, sawalahla bantwana baseKuphakameni, sabuyela kuJehova iNkosi enamandla, sabuyela kuJehova ongaceli kwabangasekho uma ezokusiza, sabuyela kuJehova osindisayo, sabuyela kuJehova ophilisayo ngoba babazi ukuthi lento abasinika yona ngeke isasisiza.
126.Ingakho babesihubhisa utalagu ilanga libalele bethi hamba ulungise umsamu uma sekulunge umsamu wakhoke uzobonake lo nkulunkulu okhonzwa laphake uzokusiza, babazi ukuthi ayikho into ewukulungisa umsamu, noma ungalihamba izwe uliqede, anobuza kimi ukuthi umsamu ayikho into ewukulungisa ngiwufakazi walokho ngiqanda ikhanda.
127.Hawu ikuphi lapho engingayanga khona ngilungisa umsamu, noMhlabuyalingana ngawazi ngomsamu, akukho lapho engingayanga khona.
128.Bengixoxela, kukhona insizwa yakwaVilakazi engihamba nayo lapha ngiyixoxela ukuthi ngahamba ngithunywe uMshumayeli waseBuhleni kade ngiyonikela kuwu July, wathi angihambe ngiyolungisa umsamu, ngathi ngithi ngithi wathi hhayi hamba, hamba impela nje ngeke kulunge.
129.Ngithi ngaphuma ngijabhile, ngiyoshona lena, ngithi ngaze ngayofika khona lena ezweni lako Mhlabuyalingana, ngathi uma ngifika khona bantwana baseKuphakameni ngafike ngathola into ekuthiwa kuthiwa kuyafembwake lapha, kuthiwa ufemba u last number okokugcina ngci, kuthiwe uma ufembile nje okokugcina ngci, usuke usuxazulula izinkinga zakho zonkeke.
130.Bantwana baseKuphakameni sagijimake sazibona izalukwazi zihambisa okwamakati, bantwana baseKuphakameni sathi uma sibuya lapha, hhoooo wakhetha inganekwane, wavele wakhetha inganekwane ugogo.
131.Esekwenze konke, usethi hhayike u R2500 esebhale ibizoke ezazingama page amabili, wawuphenya ngapha uphinde uphenye ngapha, uthi ngicela lokhu ngicela lokhu, ngicela imoto ezongilanda lapha KwaMhlabuyalingana ingilethe la, ngiphinde uma ngiqeda futhi ingilethe. Asisebenzi nje Nkosi yami, ngizokwenzenjani, zonke lezi zindleko ezingaka!
132.Useyasixoxelake inganekwaneke, usethike ngizothi uma ngifika lapha ngoba ekhaya kini kunesilwane, ngizofike ngithathe ibhakede elidala, ngilibhoboze ngaphansi, ebese ngisithuma amanzi emfuleni, sothi uma sikhelela lesi silwane size namanzi achitheke, aphele endleleni, siphinde sijike siyowakha, aphinde aphele endleleni ngoba ayachitheka, ibhakede lizobe livuzile namanzi.
133.Ngithi hhayi inganekwaneke le, cha, ngangizithanda izinganekwane, ngizoyikhokhela imalike le nganekwane, ngizokhipha itshe lemali, ngizothatha imoto ngiyise KwaMhlabuyalingana, ngiphinde ngikhiphe R2500 ngiphinde ngithenge lezizibizo ezibhalwe lapha, ngiyothuma isilwane emfuleni ngebhakede elivuzayo ukuthi uma siza nje avele aphele amanzi sijike, sizosithuma sithi ungabuyi amanzi ungawaphethe.
134.Ayi mmh mmh, akudingeki umoya lapha, lento ayikho, akudingeki umoya lapha, lento ayikho lento. Bantwana baseKuphakameni uma sikhulume alezi zindaba kuyaye kube sengathi sixoxe izinganekwane.
Isihlabelelo. 132
Chorus:
Kuhle kangaka ekhaya lethu
Lapha siyakhona,
Igolide nesiliva elihle
Alithathi lutho
135.Kanti kuhle kangaka bantwana baseKuphakameni, igolide nesiliva elihle, alithathi lutho khona. Wayeshonjalo uShembe mhla efika kulelizwe, kodwa bafika bantwana baseKuphakameni abasinika amathikithi asebedune indiza basinika amathikithi amasha bantwana baseKuphakameni.’
136.Wake wabona umhlola, bathi uma sebehlubuke baqeda abantu, base bethatha isithixo, base bethatha umuntu wathi nangu uNkulunkulu wenu namhlanje, yonke lento eyayishiwo uShembe ukuthi nina niyibandla likaMenzi, base besibuyisela kumuntu bathi nangu uNkulunkulu wenu.
137.Hawu bantwana baseKuphakameni bathi besagqolozele abazali bethu ngoba abazange bezwe ukuthi indiza isiduniwe, ngenhlanhla thina salizwa izwi lezulu uma limemeza lithi indiza iduniwe namhlanjena, lithi yizani zizwe nonke, sase siyasabela, sagijima.
138.Usho njalo uma wami, uthi ngiyayibonga ingane yami eyathi silala singadlile lapha ekhaya, yase igijima yayozifihla e-Pinetown, namhlanje silala sidlile, ngathi hawu kanti uyalibona izwi lezulu, hawu kanti balizibe nje bayalibona ukuthi liyasebenza, kodwa izibopho zobumnyama zibabambile!
139.Bantwana baseKuphakameni sase sikhonjiswe umuntu kwathiwa uwunkulunkulu, sathi siyamubheka lo muntu okuthiwa uwunkulunkulu, samubona ngelinye ilanga edansa, sathi hawu unkulunkulu odansayo, ngithi mina niyoguga nidelile mfwethu enibone unkulunkulu edansa.
140.Ngithi niyoguga nidelile nina enihamba nonkulunkulu enihamba nonkulunkulu obuye adanse, noguga nidelile nina unkulunkulu ophatha isagila, agiye ahambe emulisa, ahambe umemulo, ngithi niyoguga nidelile nina nike namubona unkulunkulu oyisimangaliso.
141.Niyoguga nidelile nina enaka nabona unkulunkulu nina nihamba naye amacece, nihamba naye incekeza, nohamba naye imemulo, aqhethe, aqhethe odwendweni, aqhethe encekezeni, achethe ememulweni, athathe isihlalo unkulunkulu abuke lamantombazane esina ingoma, ecula lamantombazane, ethi wathomba emncane wathombela amanjeza, anikine ikhanda unkulunkulu, abuke leyonto.
142.Unkulunkulu okhonzwayo la emhlabeni, ukhona, uyaqhetha ememulweni impela, ayibuke incekeza zisine izintombi zisine aze avukwe usinga naye, athathe isagila sakhe ngoba phela kuyavuka ukuthi ngumuntu kahle kahle, ngiwumuntu ongakholiwe kahle kahle.
143.Ngoba noma thina kungasuka incekeza, asikaze sibone incekeza, ayisithinti kodwa abanikazi bayo uma isisinwa, bayanyakaza, ubone bedonsa izagila zayo, bethatha amakepisi bewabhekisa emumva, hhayi bathi hhayi ngeke ngisasala nami, ake nimeni kancane ngokuba unkulunkulu, ake ngibe umuntu nami ake ngibuyele ezingeni lami.
144.Bantwana baseKuphakameni ayibuke incekeza, kusinwe, kuqhethemukwe, yeyi bantwana baseKuphakameni ukuhlubuka kuyinto ebuhlungu kabi.
145.Zicuphe intombi, ajabule, uye wathomba emncane, wathombela amanjeza, zishaye incekeza abuke unkulunkulu. Yeyi bazothini abantu ngomhlawuphela, ukuhlubuka okungakanani lokho!
146.Zingakanani izinto ezingakwenza ubone ukuthi cha ngampela ngidukile, kodwa bayaziziba, bayaziziba, angixoxi ngaye bantwana baseKuphakameni, ngikhuluma ngokudunwa kwebandla likaNkulunkulu, ngikhuluma ngokudunwa kwebandla likaJehova lidunwa ngababi bantwana baseKuphakameni, kodwa ikhona ingozi sengizokwehlela ngezansi.
147.Bantwana baseKuphakameni ngikhuluma ngebandla lamaNazaretha eseladunwa, ladunwa bantwana baseKuphakameni, lathi sekunonkulunkulu walo osekhandwe ngabantu, sekukhona yonke into ekhona, sekunonkulunkulu ongakusizi uma ungalungisana umsamu.
148.Sekukhona unkulunkulu othi izangoma zingangena lapha, azinankinga, kukhona unkulunkulu othi utshwala abugaywe emzini wamaNazaretha akusenankinga, wathi uma ngabe phela abakini babekholwa abanye bengakholwa, wathi enza utshwala, Thenga isinemfu, Thenga u-drink, Thenga yonke lento.
149.Kwase kuyangahlanganiswa bantwana baseKuphakameni sekuba yinto ongeke isamsiza umuntu, ngoba inhloso yesitha ukuthi ugcine uphethe into ngesandla sakho, engezukukusiza noma uhluphekile noma ungakhala noma ungadubula ngalesisibhamu, asidubuli ikhasethi ikhishiwe, azisekho izinhlamvu.
150.Bantwana baseKuphakameni sengehlela ngezansi ngikhumbula indaba, indaba yokudunwa, ngoba ngikhuluma ngokudunwa kwebandla likaYeshua nabaphostoli, ukudunwa kwebandla lamaNazaretha, kodwa into enkulu enye ukudunwa komuntu ngayedwa, ikhona leyo Ngozi, uyadunwa umuntu yedwa, zindlela ezimbili lezo zokuhlubuka, zokudunwa komuntu.
151.Indlela yokuqala yokudunwa komuntu ukuthi ububi bumile ngaphakathi enhliziyweni yakhe njengo Lucifer bantwana baseKuphakameni, wayeyingelosi enhle eyayihlala ezulwini, eyayihlala noNkulunkulu ikhonza uNkulunkulu.
152.Kodwa ngelinye ilanga, ububi bamila ngaphakathi enhliziyweni yakhe kungekho muntu ongenile wamushumayeza ukuthi cha asivukele uNkulunkulu kodwa ububi bamila ngaphakathi kuyena.
153.Wayeselubona udumo lukaNkulunkulu lumfanele, wayeseyibona yonke lento naye esengaba iyona, waseyihalela, wayeseyilangazelela, wayesebona ukuthi nami lungifanele loludumo.
154.Wayesedunwa, wayese eyathunjwa bantwana baseKuphakameni, wathunjwa ububi obamila ngaphakathi kuye, kwesinye isigaba kuba ukushunyayezwa mhlawumbe, umuntu ashunyayezwe ngobubi aze abumukele ububi.
155.Kodwa ububi obuyingozi obokuthi uma sihlele lapha sigqolozele phambili esihlalweni bese ngiyashunyayezwa ngaphakathi kwami ngedwa, bese izitha zami zikhuluma nami ngedwa, zithi kodwa uyabona ukuthi ama ideas akho engancono ukunalawa, uyazi nje ngabe mina ngenza njena.
156.Omubi uyakushumayeza, uyakutshela ukuthi wena lento ungayenza kanjena, ungayenza kanjena, kanti uyakulanda bantwana baseKuphakameni ukusa ekulahlweni okungenamkhawulo.
157.Kanti uyalahlwa, bufika kungathi kungama ideas kanti ukulahlwa lokho, ububi buyamila ngaphakathi enhliziyweni yakho, awuzange washunyayezwa, ushunyayezwe ibo ububi. Ibona obungene kuwena, bazishumayezela yona inhliziyo yakho bona buyimele bubodwa bunjalo.
158.Bakushumayeza, bakushumayeza waze wakholwa njengo Lucifer, Wagcina ese recruit abanye, esethi zingelosi niyamubona uNkulunkulu ukuthi uzenza mkhulu, niyakubona ukuthi Lokhu kunjani, asiyilungiseni lento, asiyilungiseni lento.
159.Izingelosi zimazi uNkulunkulu kodwa ngenxa yezwi elase linamandla ngaphakathi ku Lucifer, selumile izimpaphe lase liyangena nakulizingelosi ezavuma ukumlalela zase nazo zimuvukela uNkulunkulu, ezavuma ukumlalela. Ngoba uyikhethe into ozoyilalela, ngoba ngokulalela, uba ngowalapho olalela khona.
160.Bantwana baseKuphakameni zashunyayezwake izingelosi zobumnyama, zaphenduka izingelosi zobumnyama, zamuhlubuka uNkulunkulu zaphuma.
161.Zathenjiswa, ngoba wazethembisa omubi wathi wena uzoba ukuthi kwami, uzoba ukuthi kwami, lama structures asezulwini, sizohamba siye nazo nathi sikhande okwethu okuzoba kakhulu kufanele nakho Lokhu.
162.Zase ziyayithanda lento lezizingelosi ezibuthakathaka zase ziyilandela lonto, ngoba uba inceku yalomuntu omlalelayo, uba inceku yalowo omlalelayo.
163.Bantwana baseKuphakameni uma silapha phambi kwaNkulunkulu, isho njalo ingoma, isho njalo incwadi ka Jobe 1 verse 6, ithi ngelinye ilanga uNkulunkulu,
amadodana kaNkulunkulu ayehlezi phambi kwakhe.
164.Nomubi wayekhona naye, naye wayephakathi kwamadodana kaNkulunkulu, ngoba naye uyafuna njalo, ukuthi njalo uma abantu bakaNkulunkulu behlangene, bese ezolalela imvu eqhugayo, imvu ethanda ubukhulu, imvu ethanda lokhuya, imvu ethanda lokhuyana.
165.Bese ezibeka uphawu bese ebuya ezozithatha ethi ezami lezi ngoba ububonile ubuthakathaka bazo noma ziphambi kwaNkulunkulu.
166.Sinenkinga enjalo bantwana baseKuphakameni, sisenkingeni bantwana bokukholwa, sibhekene nenkinga, inhliziyo yomuntu ngeke uyazi, inhliziyo iyamukhipha umuntu ezulwini, iyamukhipha umuntu esontweni esephakathi.
167.Iyahlupha inhliziyo ezikhukhumezayo ngoba uma uke wangenwa inhliziyo yokuzikhukhumeza, ubona yonke isifanele wena, awube usabone into ifanele omunye umuntu, yonke into ifanela wena ukuthi yazi mina bengizo… ,yonke into awuyibuki ngobuhle uthi yaze yayinhle lento, uthi hawu yayinhle le ndwangu kodwa mina bengizoyifaka u-red. Hawu yayinhle le ndwangu emhlophe kodwa ubengathe nje kancane ngombala omnyama.
168.Yonke into uba nombono ukuthi noma iyinhle kodwa, inhle kodwa, kanti usungenwe umoya omubi, usungenwe umoya wokusola.
169.Inhliziyoke ezikhukhumezayo iyinkinga bantwana baseKuphakameni ngoba noma ingazi kwesinye isikhathi ukuthi uNkulunkulu noma ingazi ukuthi lento yenziwe uNkulunkulu.
170.Kodwa kwesinye isikhathi iziqhenya ngakho lokho, ukuthi uNkulunkulu ungipha lo msebenzi, bekufanele angiphe, mina phela ngikholiwe.
171.Inhliziyo ezikhukhumezayo, izikhukhumeza nanoma into yazi ukuthi yenziwe uNkulunkulu, bekufanele, hawu ngiwuMfundisi phela mina, bekufanele, bengingeke phela.
172.Hhayi angithi mina ngiwukuthi ngiwukuthi, mina phela hhayi ngiwukuthi, bese uzipha ukuthi kufanele ngani lento ikwehlele, into oyazi kahle ukuthi uyinikwe uNkulunkulu, kodwa uthi wena ibikufanele, ulithathe udumo, ulwembathe ngoba inhliziyo ekhukhumalayo, ifuna ngisho ukukhonzwa uNkulunkulu yona, ithi bekufanele uNkulunkulu akwenze Lokhu, bekufanele.
173.Angani mina ngiwuMfundisi, angani mina ngikholiwe, hhayi mina bekufanele, hhayi mina phela bekufanele, hhayi kwadilizwa ngasala, kwadilizwa ngasalwa, hhayi ngangingeke ngidilizwe phela mina.
174.Inhliziyo, izikhonza, ithi noma imubona uNkulunkulu bese kuthi udumo lukaNkulunkulu ingalihambisi lonke, isilembatha olunye, ithi bekufanele kodwa uNkulunkulu angenzele lokhu, ifuna ukukhonzwa nawuNkulunkulu. Inhliziyo ekhukhumele injalo bantwana bokukholwa.
175.Kwake Kwathi ngelinye ilanga Belshazzar no- Nebuchadnezzar Kwathi abantwana bakwa Israel sebonile, wayesebanikela uNkulunkulu ukuthi bebathumbe ngokusobala.
176.Kwathi sebebathumbile ngampela, hheyi bazibona, bakhukhumala manje, yeyi laba bantu, hhayi ithina laba esibanqobile laba bantu, hhayi ithina manje.
177.Babazi kahle ukuthi laba bantu banikelwe uNkulunkulu esandleni sabo, kodwa ngoba inhliizyo yabo yayisingenwe ukuzinweba yayisingenwe ukukhukhumala, yakuthalalisa lokho yaluthatha udumo lukaNkulunkulu yalembatha.
178.Yathi manje imina uNkulunkulu, azi kahle ukuthi laba bantu banikelwe uNkulunkulu esandleni sabo, kodwa ngoba inhliziyo ifuna ukuzikhonza, ifuna udumo lukaNkulunkulu.
179.Yakuthatha konke lokho, inhliziyo yalendoda ekuthiwa u Belshazzar yakuthatha lokho yathi mina uNkulunkulu, wathi angimuboni omunye. Yaphumela phandla yaqalaza, yathi hhayi yazi angimuboni mina uNkulunkulu, ngibona isibhakabhaka, ngibona amafu, wathi angiboni lutho.
180.Wathi yena lo Nkulunkulu uma nithi Ukhona ngampela, nicabanga ukuthi kodwa engafika la kumina, enganazo izitezi ezingaka, wakhomba ingcebo bantwana baseKuphakameni kodwa azi kahle ukuthi abantwana bakwa Israel banikelwe uNkulunkulu kuye. Inhliziyo yalembatha udumo ngisho olukaNkulunkulu.
181.Inhliziyo bantwana baseKuphakameni ekhukhumalayo, inhliziyo efuna okwayo, isho njalo incwadi ithike inhliziyo ubani ongayaziyo, yonakele ngaphezu kwezinto zonke.
182.Bantwana baseKuphakameni iNkosi ibusise enikuzwile, ngicela ukwehlela ngezansi.
Amein.