Encwadini ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, uDr Koster uthi: “Abezizwe babemfuna umsindisi, kodwa hhayi ongumJuda; babewazonda amaJuda, bemzonda noNkulunkulu weTestament Elidala. Ngalokho bancamela umsindisi osamGriki!”
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: SESIBUYELA KUNKULUNKULU WOKHOKHO BETHU.”
2.Incwadi kaDuteronomi 7:9-12: “Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano somusa kwabamthandayo, abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni.
3.Ngalokho-ke uyogcina imiyalo, izimiso nezehlulelo engikuyala ngakho namuhla ukuba ukwenze.
4.Kuyothi uma nilalela lezi zahlulelo, nizigcina, nizenza, uJehova uNkulunkulu wakho uyosigcina isivumelwano owasenza nawe, nomusa afunga ngawo kokhokho bakho.” Amen!
5.Sesikusho kaningi ukuthi thina sizwe esimnyama iningi lethu siyinzalo ka-Israel!
6.Sesakuveza futhi ukuthi la magama esasibizwa ngawo, amaNegro nama Bantu, sawaqanjwa yizizwe ezazisithumbile.
7.Ocwaningweni lwethu sathola amabalazwe amathathu adwetshwa ngabamhlophe eminyakeni yo 1700.
8.Kula mabalazwe kubonisa izwe eWest Afrika elibizwa ngokuthi iNEGROLAND. Kulelizwe izakhamizi zalo iKINGDOM OF JUDAH kanye nemindeni ehlukahlukene yenzalo ka-NAFETALI nabanye abantwana bakwa-Israel.
9.Njengoba leli balazwe sasililithole kuGoogle, sabuza ukuthi iKingdom of Juda nemindeni kaNafetali iqhamukaphi e-West Afrika? Impendulo yathi yavela kuyi Middle East!
10.Kodwa kuthe esikhathini esilandelayo sesithi siyayifuna le map, sayithola isisusiwe. Kwaba sobala ukuthi kukhona ababona ukuthi le map izoveza okufihliwe, base beyisusa naku Google!
11.Noma kunobufakazi okugcwaliswa nayi DNA ukuthi amaNegro, amaBantu namaLembe bayinzalo ka-Israel, kodwa bangabantu vele abebengasa buswa ngumthetho kaMose!
12.Kodwa eTopiya kunesizwe esiyinzalo kaDani (Genesis 49:16), ama Beta Israel, esibizwa ngamaFalasha, okusho abokufika.
13.Esikhundleni saleli Bhayibheli eline New Testament, amaBeta Israel asebenzisa iTorah, okuyizincwadi zikaMose nezinye kuleli Bhayibheli ezibizwa ngokuthi ama-Apocrypha.
14.Ama Beta Israel yonke imithetho kaMose athi imithetho engcwele, kuhlanganisa neSabatha abalihlonipha kakhulu, belibiza ngosuku lukaNkulunkulu. Abenzi lutho ngalolu suku!
15.Ngale ncazelo siqonde ukunikeza ubufakazi bokuthi ama-Israel akaze abe isizwe esimhlophe njengoba abezizwe behlale besifunza lelo lumbo!
16.Ngenhlanhla, iTopiya kuseyilizwe elisenomlando oqondile, ngoba kwasemandulo yilo lodwa e-Afrika elingakaze libe ngaphansi kwesizwe esimhlophe!
17.Kule nkonzo sizocacisa indima eyadlalwa yizizwe ezimhlophe ukuqeda inkolo yokhokho bethu, okuyinkolo esayilethelwa nguJehova entabeni yaseSinayi!
18.Ngeshwa, kunabantu abamnyama okuthi noma sesikhululekile ezweni lethu, balwele ukuthi kungavezwa ukuthi yaqedwa kanjani ngabezizwe le nkolo kaMdali wezulu nomhlaba!
19.Abalwela ukuba lesi sizwe sihlale sisebumnyameni ngomlando waso oluqiniso.
20.Emva kokuba okhokho bethu sebemlahlile uNkulunkulu, abesizwe sakwa-Israel behlukana. Emva kokwehlukana sase sinqotshwa yizizwe eziningi, okwakungakaze kwenzeke sisahamba noNkulunkulu!
21.Eminyakeni yo 143-140 B.C., engakazalwa uYeshua, elakwa-Israel laphathwa isizwe samaGriki ngaphansi kombuso ka-Antiochus. Lesi sizwe samaGriki sawahlukumeza kakhulu amaJuda.
22.Umlando wokuhlukunyezwa kwamaJuda ehlukunyezwa ngamaGriki siwuthola encwadini yokuqala kaMaccabees, isahluko sokuqala kusukela kuvesi 20 kuya ku 64, okuyincwadi yeBhayibheli.
23.Angenke sizibale zonke izinhlupho zamaGriki azenza kulesi sizwe sikaNkulunkulu, kodwa sifisa ukuveza lezi ezimbalwa:
24.Esewanqobile amaJuda, uMbusi ogama lakhe ngu-Antiochus, wangena eJerusalema wathatha wonke umcebo osethempelini, kanye nezitsha zeminikelo kaJehova, ithempeli walishiya lingenalutho.
25.Washaya umthetho wokuthi amaJuda akalahle onke amasiko awo, okungumthetho kaNkulunkulu, bese ethatha amasiko amaGriki (To be Hellenized).
26.U-Antiochus akagcinanga lapho, wachitha yonke imithetho kaNkulunkulu ekuTorah, washisa imiqulu eminingi yenkolo yamaHebheru!
27.Wathi mabayeke ukwenza iminikelo nemihlatshelo kaJehova, bangaligcini iSabatha kanye nayo yonke imikhosi kaJehova.
28.Watshela abantu ukuba banikele ngezingulube nazo zonke izilwane ezingcolile phezu kwe-altare likaJehova, ekwenza lokho ukuhlambalaza inqubo yokukholwa kwamaJuda!
29.Washaya umthetho othi bonke abantwana bamaJuda bengasokwa; oyoficwa esokiwe uyobulawa.
30.Nempela abantwana ababetholakala besokiwe babebulawa, izidumbu zabo zilengiswe ezintanyeni zonina zize zibolele kubo. Abazali nemindeni yabo nayo ibulawa, bebulalelwa nje ukusoka abantwana babo!
31.Kodwa uMbuso wamaGriki wagcina ngokuwa, kwase kuthatha umbuso wamaNtaliyane ayebizwa ngamaRoma. NamaNtaliyane aqhubeka lapho kugcine khona amaGriki, aqhubeka nenzondo enkulu eyayibhekiswe esizweni samaJuda.
32.Ngo 70 A.D. amaNtaliyane ahlasela iJerusalema, abhidliza lonke ithempeli likaJehova.
33.Aqala avala isango elingenela eJerusalema ukuze amaJuda abulawe indlala, abethela amaJuda alinganiselwa ku 500 ngosuku.
34.Amanye amaJuda aphunyuka lapho abalekela eWest Afrika, amanye athengiselwa ezinye izizwe ukuba ziwagqilaze kakhulu.
35.Ababusi bamaNtaliyane bashaya imithetho eminingi ebizwa ngama Creeds eyayiqeda inkolo yamaHebheru. Umuntu otholakala eqhuba le nkolo abulawe kabuhlungu.
36.Nabo baqhuba lapho kugcine khona amaGriki ngokubulala kabuhlungu umuntu otholakale egcina iSabatha!
37.Kunabantu-ke abamnyama abayaye balwele ukuthi asingawuvezi lomlando wokuthi ngaphandle kwalapha eSouth Afrika, izizwe ezimhlophe zasihlukumeza kanjani sisekwa-Israel, nokuthi inkolo yethu lezi zizwe zayiqeda kanjani zase zisakhela eyazo!
38.Njengoba sesichazile, eTopiya isekhona inzalo ka-Israel esendlini kaDani, esahamba ngokwezimfundiso zeTorah. Laba ngabantu abamnyama, okungubufakazi obumsulwa bokuthi u-Israel akaze abe ngumuntu omhlophe.
39.Uma kunjalo-ke, le mfundiso esiyifunzwayo yokuthi UYESHUA WAYEMHLOPHE, IYILUMBO!
40.Kukhona-ke abathi asikho isidingo sokuthi sinamathele ekutheni uYeshua wayengumuntu omnyama, ngoba okubalulekile ukuthi wayevela ezulwini, eyiNdodana kaNkulunkul!
41.Akesizwe yena-ke uYeshua ukuthi uthini ku-Isambulo 2:9 uma ethi: “Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho – kanti ucebile, NENHLAMBA YABATHI BANGAMAJUDA BENGESIBO, KODWA BEYISINAGOGE LIKASATHANE!” Amen!
42.Uma uYeshua wathi laba abazenza amaJuda bengesiwo bayisinagoge likaSathane, sekufanele ngani thina singakuvezi lokho okwagcizelelwa nguYeshua?
43.Okuseqinisweni le nkulumo uYeshua wayengayiqondisile kuma-Ashkenazi Jews, ngoba sasingekho isizathu salokho!
44.UYeshua akakwazi ukuthi ama-Ashkenazi Jews ayiSinagoge kaSathane, ngoba la maJuda amhlophe iwona avusa inkolo kaMose, emva kokuba isiqedwe ngabezizwe.
45.Ama-Ashkenazi Jews wona akazange ahlukunyezwe ngabamhlophe uma evusa le nkolo ngoba nawo amhlophe, kwahlukunyezwa abamnyama kuphela!
46.ISinagoge likaSathane kusho ithempeli likaSathane! Le nkulumo uYeshua wayeyiqondise kwabezizwe, okwakungamaGriki nawo amaNtaliyane, okuyibo abaqeda inkolo yokhokho bethu, base befundisa ukuthi yibona amaJuda!
47.Encwadini ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, uDr Koster uthi: “Abezizwe babemfuna umsindisi, kodwa hhayi ongumJuda; babewazonda amaJuda, bemzonda noNkulunkulu weTestament Elidala. Ngalokho bancamela umsindisi osamGriki!”
48.Inkulumo kaYeshua, nencazelo kaDr Koster ziyavumelana ekutheni ayikho into ehlanganisa uYeshua, owayengumJuda, nazo, ngoba lezi zizwe zaziwazonda kakhulu amaJuda!
49.Lezi zizwe zamchitha uYeshua owayeliJuda, zazakhela owazo umsindisi. Kodwa ukudida abamnyama, lo msindisi wabo kungathi kusenguye lo oliJuda!
50.Lokho bakwenza ngoba bengenke bebe ngaphansi koMsindisi ongumJuda, okungumuntu omnyama!
51.Kuthe uma sebezakhele lo msindisi wabo, base bethi nguye oyiNdodana kaNkulunkulu, nguye oyindodana kaJosefa noMariya!
52.Bathatha isihlahla somndeni wamaJuda, wona la ababewabulalela inkolo yawo, bathi ngesomsindisi wabo, bathatha umlando nempilo yoMsindisi wethu, bathi ngeyomsindisi wabo!
53.Kodwa ukuba isinagoge kaSathane akugcini lapho. Lezi zizwe zaqala ukuqeda inkolo kaJehova ngenkemba!
54.Ukusoka, okuluphawu lwesivumelwano phakathi kwethu noJehova, lezi zizwe zaqala zaluqeda ngenkemba!
55.ISabatha eliluphawu lwesivumelwano phakathi kwethu noJehova, nalo lezi zizwe zaqala ukuluqeda ngenkemba!
56.Kodwa ukuze lokhu kukholwa kwethu bakucoboshise buphele nya, bakha inkolo yabo, base bethi le nkolo esungulwe yibo, yinkolo kaYeshua oyindodana kaJosefa noMariya, abangamaJuda!
57.Ngalesi senzo babesibhixa ngodaka emehlweni, ukuze sicabange ukuthi lo msindisi wabo kusenguye lo Msindisi ozalwa nguJosefa noMariya, kanti akunjalo, bafuna ukusebenzisa thina ukuqeda ngenkolo yethu!
58.Bangagcina lapho: base bethi yonke imithetho kaJehova, ngokubethelwa kukaYeshua isiyisivumelwano esidala esesichithwa isivumelwano esisha!
59.Ngamanye amazwi, ngencazelo kaYeshua, uSathane wenze inkolo, washumayeza thina ngayo ukuze ngale nkolo eqeda inkolo kaJehova, kodwa kube kusetshenziswa thina, nathi sifeze inhloso yomubi!
60.Uthi-ke uYeshua, bazenza amaJuda bengesiwo, kanti BAYISINAGOGE LIKASATHANE! Bazenza amakholwa bengeyiwo, kanti basebenzela uSathane!
61.KuGenesis 17, uJehova wenza ukusoka kwaba luphawu lwesivumelwano phakathi kwaJehova nenzalo ka-Abraham.
62.Ku-Eksodus 31 uJehova wenza iSabatha laba luphawu lwesivumelwano phakathi kwakhe nabantwana bakwa-Israel!
63.AmaGriki esesinqobile, bazibulala ngonya oluyisimanga izingane zamaJuda ezitholakala zisokiwe; nabagcina iSabatha, kubalwa namaNazaretha ayewabulala nangamaNtaliyane ngokuwaqhatha namabhubesi, abadwengule kubukwa, kuhlekwe kube njeyaya!
64.Abezizwe babenankingani ngokusoka kwabantwana nokugcina iSabatha kwesizwe sakwa-Israel?
65.Lezi zizwe zaziwufundile umlando wesizwe samaHebheru, zazi ukuthi onke amandla aso ASESIVUMALWANENI SASO NOJEHOVA, UKUTHI UMA BESIGCINA LESI SIVUMELWANO, UJEHOVA UYOSIVIKELA EZITHENI ZASO!
66.Ngakho-ke kwakubalulekile ukuthi lesi sizwe basenze singabuye sicabange ukuvusa lesi sivumelwano saso noJehova.
67.Ukusoka kwaqhubeka ngoba izizwe ezimnyama sezithi kuwusiko lwazo, akwaba kusaba ngokwesivumelwano sazo noJehova!
68.Ngaleyo ndlela-ke ukusoka akusaziniki itwetwe lezi zizwe, ngoba akusasithinti isivumelwano sethu noJehova! Kodwa lezi zizwe azisoze zekwenamela ukubuyiswa kweSabatha, ngoba kungukubuyisa uNkulunkulu kubantu abamnyama, bese uNkulunkulu ekhulula izigqila zabo!
69.Lesi sivumelwano, ikakhulukazi esokugcinwa kweSabatha, senza ukuthi uNkulunkulu ehlale ephakathi kwethu, esenzela konke okuhle njengoba kubhaliwe kuDuteronomi 28:1-14!
70.Ekuchithweni kwenqubo yokukholwa kaJehova kusukela basinqoba ngo 70 A.D., umprofethi ofike wavuselela inkolo kaJehova njengoba siyithola kuyi Torah, nguMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye)!
71.Kuvesi 3-4 womthandazo weSabatha, uShembe ukulobile ukuthi ibandla lamaNazaretha ngelikaMenzi wezulu nomhlaba, nokuthi isisekelo salo zimfundiso zikaJehova njengoba aziloba ngoMose!
72.Ngakho-ke wonke amaNazaretha kumele azi ukuthi nguMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye) owavusa ibandla uJehova owayeliletha kokhokho bethu, laqedwa ngabezizwe!
73.UYeshua nguye owahola ibandla lamaNazaretha, emva kweminyaka emuka emhlabeni kwaba nguSha’ul, njengoba kubhaliwe naku-Izenzo 24:5.
74.Kodwa abezizwe, ngobuqili obuyisimangaliso, balishintsha leli gama lebandla likaYeshua, base belinika elabo, njengoba noYeshua bamshintsha, noSha’ul bamshintsha, sebeqhamuka nawabo amagama! Asingavumi ukuhlala sizigqila zezizwe!
INkosi ibusise lokho enikuzwile.
Le nkonzo iyatholakala kufacebook page no Youtube othi Rev Mpanza NCG