kufanele siyilwele indaba yokuthi sizongena kanjani ezulwini.
Inkonzo yangeSabatha ekuseni mhlaka 12 August 2023 ekhaya eNqobizitha siyiphathelwe uMfundisi uMtolo.
ISIHLABELELO 164
1 Inkonzo yakhona
Uxolo nomusa,
Singena ngabanye
Samkelwe ngomusa.
2 Wekhaya lokuthula
Jabulani ngathi,
Sibingelelwa ngabaNgcwele
Sanibona zihlobo.
3 Masango oKuphakama
Phakamani singene,
Sikulangazele thina
Wemuzi wokuthula.
4 Ilanga nenyanga
Alikhanyi khona
USimakade kuphela
Ilanga lakhona.
5 Ukukhanya kwelanga
Akuthathi lutho,
Kunomuzi wakithi
Lapha siyakhona.
1.Ngiyaphinda ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, ngicabanga ukuthi le ngoma ikhuluma ngomuzi esiya kuwona, umuzi wamaNazaretha, uthi ukukhanya kwelanga akuthathi lutho kunalomuzi esiya kuwona.
2.Bangcwele bakaNkulunkulu ngiphakama nami nokwesaba kodwa umunwe wasezulwini njengoba usungikhombile, ngiyacela uNkulunkulu waseKuphakameni angiphe izwi elilodwa noma amabili noma amathathu engingase ngiwakhulume phambi kwenu.
3.Ngoba njengoba seninje nje, ngiyakhumbula ngesinye isikhathi wathi uBaba iNyangayezulu, wathi hhawu ngithe ngyafika, kade ngithi ngizothetha, ngithe ngiyafika ngabona uNkulunkulu.
4.Sathi siyabheka, wayesekhomba wathi, ngisho nina eniNkulunkulu. Sabheka ezansi ngoba sasihlezi sibheke ezansi, wathi inina uNkulunkulu.
5.Ngizocela uNkulunkulu waseKuphakameni angiphe engingase ngikukhulume, ngicela isihloko engizokhuluma ngaso, sizokhuluma ‘ngothando.’
6. Incwadi engizoyifunda incwadi yabaseKorinte 13 bokuqala. 1 KwabaseKorinte 13 verse1.
“Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo. Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho. Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
7.Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu” Amein.
8.Ngivamisile ukukhukuma ngothando bangcwele, njengoba silapha ngicabanga ukuthi sonke sathandwa, nami kanye nani ngathandwa uNkulunkulu waseKuphakameni ngoba ngaphandle kokuthi uthandwe, ayikho into ongayenza.
9.UBaba iLanga ebevamile ukukhuluma ngokuthi, kuyenzeka mhlawumbe ukhethwe wedwa, ube wedwa nje ukhethwe mhlawumbe endlini yakini wedwa uthandwe. Kube uwena wedwa, mhlawumbe uthi uzoba nabaningi ozoba nabo ekukholweni, mhlawumbe bangakholwa bonke kukhethwe wena wedwa. Uthando lunjalo uthando, uma uthandiwe nje, kukhethwa wena wedwa.
10.Kodwa futhi kukhona into uBaba uMelusi avame ukuyisho, othi yayiivame ukukhulunywa uBaba iLanga ukuthi kufuneka ungakhohlwa ukuthi uwedwa. Lokhu ukuthi uwedwa, kufuneka ukucabange, ngani? Ngokuthi uma ngabe usuhamba emhlabeni njengoba ingoma kade isho nje.
11.Le ngoma uma uyilalela kahle, ikhuluma ngohambo lwethu lonke maNazaretha, le ngoma ekade ngiyihlabelela, ikhuluma ngohambo lwethu.
12.Uma ucabanga uwedwa, uwedwa kanjani? Uma usuzolala ethuneni, ngisho unkosikazi wakho ngeke ulale naye ethuneni. Ngeke ulale naye, uyobe uwedwa. Nalapho kumehluleli, uyobe uwedwa, akekho omunye.
13.UBaba iLanga wayevamile ukukusho ukuthi uwedwa, singaba baningi njengoba sila esontweni, kodwa ukuhamba kwethu ngeke sihambe ngokufana, siyohamba ngokushiyashiyana, njalo.
14.Wayethi uBaba iNyangayezulu kuyenzeka abantu babulawe imoto bonke, ibashayise bonke, kodwa umphefumulo wabo awuphumi kanye kanye.
15.Ngisholo ukuthi njengoba silana nje, kufuneka wazi ukuthi ngathatha isifungo sobuNazaretha, kukhona incwadi njalo kulezi zincwadi zikaBabamkhulu ethi ‘khumbula ukuthi wenze isivumelwano noNkulunkulu, wenze isivumelwano noJehova ukuthi uyakuhlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.’
16.Kusho ukuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho uhleli endlini kaJehova. Wenze isivumelwano, khumbula ukuthi namhla wenze isivumelwano.
17.Bathi ngesingisi wenze i-agreement, isivumelwano, usenzile noNkulunkulu ukuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.
18.Leso sivumelwano-ke kufuneka wazi ukuthi uthi uBaba uMelusi, uBabamkhulu into yokuqala owayenza mhlazane ebonana noNkulunkulu, wathi ‘akathandaze’, uBabamkhulu wathi angikwazi nje ukuthandaza, wezwa ngaphakathi kuginqika isondo, kuphenduka isondo ngaphakathi kuBabamkhulu, walizwa isondo liphenduka, wase ekwazi ukuthandaza.
19.Lithe izwi emva kwalokho, lase lithi hlabelela, wathi uBabamkhulu angikwazi mina ukuhlabelela, wase elizwa futhi lelizwi, laphinde laginqika futhi esifubeni sakhe wezwa kuphenduka ngaphakathi esifubeni sakhe, wase uyahlabelela. Manjenake ukuthandaza kubalulekile, ukuhlabelela kubalulekile.
20.Bangcwele bakaNkulunkulu ngizokhuluma ngothando nami engathandwa ngalo, baye bathi kufuneka ungakhohlwa ukuthi weza kanjani lapha eKuphakameni.
21.Ngenhlanhla mina ukufika kwami kulelibandla lamaNazaretha, ngicabanga ukuthi ngangina 17 years ngiphenduka kulelibandla lamaNazaretha.
22.Ngafika nobaba ngesikhathi sikaBaba iNyangayezulu siseBuhleni, ngiyakhumbula nje ubaba egcina, esezohamba ngoba wahamba ngo 1988, uBaba iNyangayezulu wayelapha KwaMashu, lapha kuNkanyezi, kwakunomuzi kaNkanyezi lapha kaMashu, wawulaphana eBhambayi, ngaseBhambayi impela.
23.Ngiyakhumbula ubaba waze washo ubaba wathi hawu uShembe kanti usaphila kanje, esho uBaba iNyangayezulu. Ubaba wayenothando olukhulu, wayenothando olukhulu lukaShembe.
24.Wafika waba nothando olukhulu, wayesebona ukuthi kungcono kube nendodana yakhe azohamba nayo afike ayishiye, noma esehamba emhlabeni kodwa uyishiyile ebandleni lamaNazaretha.
25.Ngasitholake leso sibusiso esinjalo ngoba njengoba nila nje, wonke umuntu ufika ngokungafani, ngafika kanjaloke nami kulelibandla. Ngangizolijoyina ngo January, ngazolijoyina entabeni iNhlangakazi.
26.Kodwa angijoyinanga ngaleso skhathi, wathi ubaba awume kancane mfana. engathi ngaze ngangena ngo May, ngangena eKwazini, ngabhabhadiswa eKwazini, eKwazini KwaMthethwa.
27.Ngikhuluma ngomlando wokuthi ngafika kanjani kulelibandla lamaNazaretha. Sase siphuma ke ezinkonzweni ezahlukahlukene, mina ngangiphuma enkonzweni yaseZayoni, sasijikeleza insika. Bangcwele, ngase ngiyalijoyina ibandla lamaNazaretha.
28.Kuthe ke emveni kwesikhathi lahamba lahamba ibandla lamaNazaretha langena kulenkinga elikuyona, lashintsha ibandla lamaNazaretha, lishintshe nje sibhekile.
29.Ngiyakhumbula ngesinye isikhathi uBaba iNyangayezulu waze watshela amaNazaretha ukuthi awake ephuphelane wodwa, wathi ngiyanibona seniphuphile maNazaretha.
30.Ngicela ukuthi ngoba ngiyanibona seniphuphile, abanye bathi Baba sibone uBaba eginqika nemoto, wathi hawu mina ngiginqika nemoto, wathi eyi niphuphe ngampela maNazaretha.
31.Wathi omunye ngibone uBabamkhulu ethi akuhlatshwe imbuzi emhlophe, omunye wathi ngiphuphe uBaba ethi asambe ngezinyawo siye eJudiya. Wathi uBaba: Ingani wayethi uBaba seengathi singahamba ngezimoto, bese futhi sibuye sihambe ngezinyawo?
32.Wathi: “Niphuphe ngempela, ngiyacela ukuthi kulokhu kuphupha kwenu maNazaretha ake niphuphelane nodwa, ngoba niyimiphuphe manje, sengiyanibona seniphuphe impela!”
33.Ningixoxelele kwabaseNdwedwe, wathi imiphuphe yaqala lapha eHomisi, ukuthi ngibone ukuthi amaNazaretha aseyaphupha!
34.Yaqalake le nkilayitheka, yaqala sibhekile le nkilayitheka yabangasekho, ayi umuntu yaba ububhekubheku ebandleni lamaNazaretha ukuhlabela abangasekho.
35.Kodwa uBaba uMelusi uthe uma ngabe eselichaza lelibandla lamaNazaretha, kwangathi ulichaza kabusha, laphenduka lalisha manje ibandla lamaNazaretha, saphenduka saqala phansi, saqala phansi sakholwa!
36.Siqale phansi inkolo, saqala phansi inkolo, sayifunda kusuke phansi ibandla lamaNazaretha, sayifunda inkolo ukuthi kanti inkolo yayila.
37.Uyabona nje manje sesiyazi nje, noma ubani useyazi ukuthil lokhu akulungile lokhu, lokhu akulungile, akulungile ukukhonza amadlozi, akulungile ukuba isitabane!
38.Besithi thina umbhiyozo weyitabane, sizibona izitabane zigijima nemiNazaretha, angazi bathi obani, lemiNazaretha emihle, nami bake bangithungela lo mnazaretha. Kuthe kusuka base befuna ukungiwuka bangithungela lo mnazaretha, wavele washa, wavele washa lo mnazaretha!
39.Sasino Mshumayeli uSithole ongasekho, uMshumayeli uSithole esake saba naye la, naye sathungelwa, angimazike owakhe wenzanjani, kodwa owami wawumuhle impela nje uwubona ethempelini ubenyezela impela, ubona ukuthi uma uwugqokile awudingi lutho, muhle lo mNazaretha, Injaloke iminazaretha yezitabane!
40. Iminazaretha yezitabane ungathi uma uwubuka uwethembe, uthi lo muntu ukholiwe, kanti hhayi akangcolile ufile, ungcole phu, uyanuka phu, unephunga!
41.Ngisholo ukuthi bantwana basezulwini sase siyayilandela le nkolo yobuNazaretha sisuka noBaba uMelusi emzini waseBuhleni, samlandelake uBaba uMelusi sithukwa!
42.Akubanga mnandi bangcwele, ngifuna ukukusho lokho, akubanga kuhle ngesikhathi sisuka eBuhleni, sithukwa abanye befona ukuthi ayi lento eniyilandelayo ayikho!
43.Ngibona namhlanje engathi manje sengiyabuka namhlanje ukuthi ayi iyavuthwa, iyavuthwa ngoba, uyabona la uphuma endlini, uya emnyango, uma uphuma la endlini uphumela ngapha, uya emnyango, ushiswa ilanga, thina sisendlini. Kodwa nathi siqale sashiswa ilanga, sanethwa zimvula!
44. Kukhona incwadi engiyithandayo la ebhayibhelini, yeSambulo, iSambulo sikaJohane. Isambulo 7 verse 13.
45.Elinye lamalunga lase liphendula, lithi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani, bavelaphi, na?” Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.”
46.Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu. Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nohlezi esihlalweni sobukhosi uyakumisa itabernakele* phezu kwabo. Kabasayikulamba, kabasayikoma”
47.Abasayikulamba, abasayikoma ngoba iWundlu, anibheke, anibuke nje, ingelosi uma ibona ukuthi sebelambile laba bantu, ikhuluma kubaholi ukuthi laba bantu kufuneka banikele, bacele ukudla. Sebezoshayiswa izimoto laba bantu.
48.Nakhu nje izolo lokhu nami unkosikazi wami usinde emotweni, ngisholo ukuthi bangcwele iyasibheka le ngelosi. Bheka ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ikubheke, ilalele ngoba iyakuba isitha kwabayizitha zakho, ibahluphe abakuhluphayo ngoba igama lami likuyo. Silandela leyonto leyo, silandela leyo ngelosi le eyayihamba noMose seyila kuthina manje.
49. Exodus 20 verse 23 “Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo. Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo. Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe. Ngokuba ingelosi yami izakuhamba phambi kwakho”
50.Sihamba naleyongelosi-ke esicabanga ukuthi ngesikhathi esiphambili iyona le eyayihamba noMose nabantwana bakwa Israel, kodwa sesizwile ukuthi kwakuyithina labo. Kuqala besifunda nje, sifunda njengomlolozelo, kodwa manje sesizwile ukuthi yithina laba bantwana bakwa Israel ababehamba noMose, ithina labo bantwana bakwa Israel!
51.Namhlanje sesikubamba ngezandla, asisakuphumputhi, kukhona mhlawumbe ukuthi ukuphumputha, uthi siyaphumputha asiboni la esiya khona.
52.Kukhona ukuthi asiboni la esiya khona, sesiyabona manje ukuthi uma ulungis lokhu nalokhu nizongena ezulwini maNazaretha, wayeshonjalo uBaba iNyangayezulu. “Nizongena ezulwini maNazaretha uma nihamba ngendlela kaShembe!”
53.Iyonake le ndlela esihamba ngayo kaShembe uMelusi asikhombisa yona ukuthi nayi indlela kaShembe esifundiswa yona ukuthi nayi indlela ekufanele ukuthi sihambe ngayo.
54. La phumani kanje, la phumani kanje, iyekeni le ndaba yomsamu, iyekeni le ndaba yamadlozi, khonzani uNkulunkulu kuphela. Niyeke kuphume lemimoya yobungoma enihluphayo, kuphume lemimoya yamadimoni!
55.Ngoba phela uthi umuntu esuka abe njengoba uMfundisi kade esho ngesonto eledlule ethi inkolo yadunwa, nangampela uye uthi uzwe, ngithe hawu uMfundisi ngathi ubekhuluma, ngithe ngiyadlula laphana, ngezwa sebeqala bekhala, bekhala laphana emaRomeni, kukhona indawo abayiqasha lapha abaphostoli, sebekhala kuyona. Bekhala, bekhala!
56.Ngathi mina bakhalelani manje, ngase ngicabanga ukuthi oh, konje ilaba okuthiwa bakhala manje, asazi ukuthi uNkulunkulu uzwa kanjani uma senikhala, umoya lo osuke ubakhalisa umoya kaLusifa, umoya kaLusifa uye ufune ukuwina ngaso sonke isikhathi. Ngoba le ndoda le iyaye isebenze.
ISIHLABELELO 164
1 Inkonzo yakhona
Uxolo nomusa,
Singena ngabanye
Samkelwe ngomusa.
2 Wekhaya lokuthula
Jabulani ngathi,
Sibingelelwa ngabaNgcwele
Sanibona zihlobo.
57.Sibingelelwa abangcwele bathi Sanibona zihlobo, sibingelelwa abangcwele wekhaya lokuthula, umuzi wokuthula lo esiya kuwona, uyasho uBabamkhulu la uthi umuzi wokuthula lo esiya kuwo bangcwele, umuzi wokuthula, umuzi ongawufuni umsindo, umuzi wokuthula, ikhaya lokuthula leli esiya kulo.
58.Le ngoma le uma ngabe uzoyilandela kahle uyayizwa ithi wemuzi wokuthula, sibingelelwa abangcwele, Sanibona zihlobo. Ngisholo ukuthi bangcwele besisenkonzweni ka-July, inkonzo ka-July isiphathele amazwi engingawalibali lamazwi lawa.
59.Incwadi ka Jeremiya le, Jeremiya 31 verse 31 “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda, kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova. “Kepha yilesi esiyisivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku,” usho uJehova: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami;
60.abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,” usho uJehova, “ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.”
61.Thina sesikhunjuliwe maNazaretha, le ncwadi ikhuluma ngathi, ithina esikhunjuliwe, sikhunjuliwe kade uBaba esakhuluma nami ukuthi bengisetekisini ngaleso sikhathi.
62.Sikhunjuliwe bangcwele bakaNkulunkulu, sathandwa, sakhethwa phezu kwezizwe zonke zasemhlabeni, sase sikhethwa saba ngabakhethiweyo.
63.Kwathiwa, wathi uNkulunkulu ngokunethemba, wathi ngokuthemba abaholi bethu, nebandla lonke lamaNazaretha kaNkulunkulu ungawushintsha umhlaba.
64.Cha, liwushintshile, liwushintshile umhlaba, mina ngifuna ukusho ukuthi noma sisahleli phansi kodwa seliwushintshile umhlaba. Abantu abaningi belingaziwa igama likaJehova, belingaziwa nhlobo!
65.Wathi basabathuke uBaba uMelusi benoMkhokheli omkhulu, bathi bayavimba emsakazweni, wathumela odokotela uBaba uMelusi bafike bayixazulula inkinga. Usazosivimbaphi manje, usazosivimbaphi, akukho la osazosivimba khona, iyahamba le nqola!
66.Manje sayakha indlu yesonto, indlu yesonto isiphelile, iphelile indlu yesonto, sekuzoba ibandla laleya Nkosi uSolomoni, isiyakhiwe indlu yesonto. isiyakhiwe, iphelile, sikuyona nje indlu yesonto, sikuyona indlu yesonto, 1, 2 izobe isivulwa indlu yesonto.
67.Lento ngeke usayivimba, kufanele uma ngabe kade nawe ubona nawe ukuthi mhlawumbe ufuna ukuyiphazamisa, hlehlela emumva, siyahamba, sihamba noMelusi.
68.Sisukaphi lapho esisuka khona, lapha ezansi, bafike basisusa laphana e-Pinetown, laphana eSanlam Centre, wathi uBaba uMelusi abahamba nami ngiyale manje, phezulu lapha, laphana okwakuseMbonisweni khona, sasisuka laphaya.
69.Isha le nkonzo, mhlawumbe lelibandla elikhona, seliyafika kulelibandla esasinalo e-Pinetown, mhlawumbe futhi selidlulile leli.
70.Kodwa akukashunyayelwa lutho, ngifisa ukukusho lokho ukuthi akukashunyayelwa, ukuvilapha esinakho, ningavilaphi. Ningavilaphi, isono ukuvilapha, umuntu ovilaphayo ufana nenja ehlala icela ukudla kubantu, niyavilapha, sesiyavilapha maNazaretha. Nami angizibeki ngaphandle, siyavilapha!
71.Sesivilapha nawukusebenza lapha esontweni, ngike ngabona izingane ezincane, njengoba ngisebenza nabantu nje lapha esontweni, ngabona izingane ezincane, amakhosazana ngabona ukuthi afuna isibusiso, ngabona amakhosazana esondela, ngase ngithatha amabhala, nganikeza amakhosazana, ngabona nawo ephosa inhlabathi.
72.Ngabona sengathi uMkhokheli uzongithethisake sengithatha abantwana, kodwa ngoba bathi nabo bafuna isibusiso, ayikho into engizoyenza, ngoba bathi bafuna isibusiso, thathani bantabami, jikijelani lapha, la kuzohamba khona uBaba, lungisani indlela yeNkosi, nenze imendo yayo iqonde.
73.Yalunga, ayilunganga indlela, yalunga, ngafika uMshumayeli uMavundla eseyiqalile indlela eyilungisa, wayilungisa indlela yahamba sekuqumgwaqo manje, sekuyahambeka.
74.Umthandazo wokuvuka “2.Ningavilaphi yisono ukuvilapha. Umuntu ovilaphayo ufana nenja ehlala ngokucela ukudla kubantu. Ekupheleni kwalomthandazo thabatha igeja ulime uzophila ngakho ungahambi ucela ukudla kubantu”
75.Usho njalo, kwakusho uMprofethi, wasibhalela nowokuvuka, wathi noma ungadlile, wathi mawungadli ukuvilapha kwezandla zakho, wathi nowokulala uyasho ukuthi lala nathi namhlanje, usigcine ngomusa wakho.
76.Yonke lemithandazo kukhona amavesi athi khumbula ukuthi namhla wenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho. Kukhona i-agreement,
77.Uthena uBaba uMelusi thina la asibuswa i-Democracy, sibuswa i-Theocracy, asikho kwi democracy, no, sikwi theocracy, siku theocracy thina asikho kwi democracy.
78.Lelibandla, bayakhala abantu bathi lelibandla elicebe kangaka, kuthiwa lelibandla licebe kakhulu, sengiyanixoxela ukuthi abantu bathi nicebe kakhulu.
79.Bathi babona izimoto zenu ukuthi izimoto enihamba ngazo, bathi lezimoto enizigibelayo bathi ezikanokusho, kade besho phela abantu bayakhuluma eceleni, thina phela esike sihamba nabantu sibezwe ukuthi bathini abantu, bathi hhayi lelibandla licebe kakhulu!
80.Sengithi mina hawu, kade ngitshela uMfundisi uMabaso, ngithi mina Mfundisi uMabaso, kushuthi sogcina sesingalutholi usizo kubantu, noma sithi sizocela ukuthi hhayi ake nisisize ngalokhu, bazothi hhayi ibandla lenu licebe kakhulu, sibona izimoto ezigitshelwayo, bakhala ngezimoto bathi hhayi is very expensive, bayibonani abantu lento e-expensive.
81.Bangcwele bakaNkulunkulu uBaba uMelusi wahlabelela ingoma la wathi siyakha indlu kaNkulunkulu, siyakha, siyakha siyakha, kwabangathi inganekwane. Ihlatshelelwa le ngoma, kwazanywa kwazanywa kufanele yakhiwe indlu kubonakala ukuthi izokwakhiwa kanjani.
82.Kodwa namhlanjena, sesisendlini, asisekho emnyango, uyabona nje la, la esikhona, haa usungaphika manje, kwakune swimming pool la, kwakune pool, kwangena ama truck avala la, kwavalwa la.
83.Siya nje le e-Waterfall, useshilo uBaba uMelusi ukuthi kungcono sisontele la, useshilo uBaba kuncono sisontele la. Ngoba manje uma sisontela la… saya nje le kodwa ngenhliziyo yakhe wayengasafuni siye le e-Waterfall, wayesefuna sisontele la, kanti ngampela kuzogcina kufezekile ngoba sayigcwalisa lendawo, sayigcwalisa le ndawo, sayivala i-swimming pool.
84.Sewungaphika namhlanje, abangayazi ukuthi kwakune swimming pool, sayigcwalisa yagcwala njengoba uyibona, sasebenza, ayesasebenzake amaNazaretha, manje angiwazi ukuthi angenelwe yini, sengike nami ngibe novalo, iyakhiwa khona impela iyakhiwa, kodwa abantu bayavilapha!
85.Angazi, senihlulwa abantu abalandela unkulunkulu omunye nje, unkulunkulu ongekho, sesingahlulwa abantu abalandela unkulunkulu ongekho, ngoba phela bona bayaphelela uma kusetshenzwa, bayazakha izindlu zalonkulunkulu, bayavuka.
86.Ake sivukeni isibusiso, nimlaleleni uBaba ukuthi utheni, mhlawumbe nike nimbukeze kancane ukuthi uBaba utheni ngezibusiso. Uthe laba abasebenzayo izibususo zibalandele noma belaphi.
87.Isibusiso asikutholi manje, asikutholi ukuthi mhlawumbe uzoba nemali eningi noma nani, kodwa sikuthola ngokuthi uzongena yini ezulwini, kufanele siyilwele indaba yokuthi sizongena kanjani ezulwini.
88.Ingoma le ebengihlabelela, le ngoma le, ngiyayithanda le ngoba, yayihlatshelelwa ngenye insizwa yaseMachunwini.
Isihlabelelo 164.
5 Ukukhanya kwelanga
Akuthathi lutho,
Kunomuzi wakithi
Lapha siyakhona.
89.Kushuthi ayikho enjengeyasezulwini, uyabona la emhlabeni kushuthi ayikho indawo enjengeyasezulwini, usho njalo, nangu umhlabeleli usho njalo uBabamkhulu uthi ayikho indawo enjengeyasezulwini.
90.Manje siyakulangazelele, isho njalo le ngoma ithi asikulangazelele wemuzi wokuthula, kukhona la ekusho khona kuthi wemuzi wokuthula. Umuzi ongawufuni umsindo, umuzi wokuthula.
91.Ngisholo ukuthike bantwana bakaNkulunkulu sabizwa njengoba sikhona nje, sibizelwe ukuthi sizosebenza, usho njalo uBaba uMelusi uthi njengoba nize la, uthi akekho umuntu ongezukusebenza, uthi wonke umuntu kufuneka aqhamuke nokwakhe, athi lokhu ngingakwenza, lokhu ngingakwenza.
92.Manje ngithi mina lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, kwakuyibandla nje elalideleleka kuthiwa sibabili sibathathu, babesho nje sasingebabili nje ngampela, babesho nje kwakuwukusichwensa nje ngoba asizange sibe babili.
93.Lavele lathi liqala lalidlondlobala, kodwake lishiya endleleni, ngoba kwathi uma liqala kwathiwa umkhumbi kaNowa.
94.Kodwa manje sekuyabonakala ukuthi ngampela lomkhumbi uyahamba, uyabalayisha futhi abantu, kodwa uma ngabe uphuma kulomkhumbi uphumela ngaphandle, uzofike ushiswe ilanga, liyashisa lapha, ilanga liyashisa.
95.Thina ngaloNku;unkulu wakwa Israel obuyile kithi, uma ebona ukuthi sishiswa ilanga, ubuyisa umoya wokuphola, uma ebona ukuthi silambile, usipha ukudla, ethi asambe sicele ukudla.
96.Uma ebona ukuthi asinangane, isonto elidlule bekucelwa izingane zabafana bodwa, manje asidingile lutho, asiswele lutho, asiswele lutho ngalo Nkulunkulu wakwa Israel, ubuyile lo Nkulunkulu wakwa Israel, wabuya ngokuthi thina kufuneka sigcine lo mthetho kaNkulunkulu. Sizowushintsha umhlaba uma sihamba ngalendlela uNkulunkulu asinike yona.
97.Ngizwile insizwa seyivuma Mfundisi uXakaza, seyivuma enye insizwa lapha kwi group. Yavuma enye insizwa laphana, yavuma yathi hhayi cha, ngiyalivuma lelivangeli, nami sengiyenzile i-research ngathola ukuthi ngampela singabantwana bakwa Israel.
98.Yathi bengilokhu ngizwa uMelusi esho bengingayikholwa lendaba, iseBuhleni leyonsizwa, iyiNazaretha, yasivuma, kodwa uyayazi uMfundisi, ngothi uma sengimtshela uMfundisi ayibone, uyayazi.
99.Ithi ngaze ngamufonela uMfundisi ukuthi kanjani, ithi ngaze ngamufonela uMfundisi uXakaza ukuthi kanjani ukuthi singabakwa Israel, ithi kanjani?
100.Sebeyaqala manje ukuvuleka, bavuleka uMelusi bemuthuka, bemuthuka uMelusi, kodwa uma uthi uyababona abantu, kuyimanje kade sebehleli ezihlalweni, ngabuka ukuthi lento le, lento yokuthi ufike wethuke, wethuke bese sewufika futhi usuyokwenza yona lento okade uyithuka!
101.Ivangeli, kufanele ukuthi uma ulalela ivangeli, ulilalelisise ivangeli, ngibonile ukuthi lensizwa yalilalelisisa kahle lelivangeli, kodwa seyihleli nje ngoba nayo isibanjwe uquqaba. Mawuhleli oquqabenike luluningi uyaye uhlale nje, ngoba abanye bahlaliswe ilokho ukuthi babona abantu abaningi.
102.Asazike ukuthi njengoba nje kuthiwa kungenwa ngamunye kulomuzi wokuthula, kulomuzi esiya kuwona umuzi wokuthula, uyoluthathaphi uquqaba oyongena nalo?
103.Ngiyayithanda le ngoma ngoba ithi umuzi wokuthula, lo muzi awuwufuni umsindo, njengoba nje kuyaye kuthiwa amaNazaretha athi shiiiiii! ukwenza umsindo wokuqhweba umuntu ngaphandle kokukhuluma. Akumenyezwa, akushiwo ukuthi haaaa, ukhwehlela isikhwehlela siyophuma le, umuntu oyiNazaretha uyaqoqa!
104.Ngoba lapha kunezingelosi, kunezingelosi ohamba nazo, kukhulunyiwe ngengelosi ohamba nayo ukuthi wonke umuntu unengelosi yakhe, leyongelosi ibuka ukuthi wenza kanjani, iyabhala leyo ngelosi.
105.Ngisholo ukuthi bantwana basezulwini sinenhlanhla ngoba uNkulunkulu usithandile wase esibona wase ethemba abaholi bethu ukuthi lo mhlaba engakwazi ukuwushintsha, bengawushintsha lo mthetho sisekelo wezwe, wase South Africa i-Democracy ibe i-Theocracy.
106.Wase ebuka ukuthi engawushimtsha lo mthetho sisekelo wase South Africa ungabe usaba i-Democracy ube i-Theocracy, ibuswe ngomthetho wasezulwini.
107.Hha bayalivuma ivangeli lamaNazaretha kaNkulunkulu, ngiyakutshela bonke, ngaphandle kwesiphukuphuku, ngoba phela ngeke usenze lutho isilima, isilima ngeke usenze lutho isilima, ngaphandle kwesiphukuphuku esinenkani nje ukuthi mina ngiyaphambili, ngiyaphambili.
108.Le nkolo eyabantu abamnyama, ivuselela abantu abamnyama. Ngike ngatshela omunye ethi saze sajabula la, abantu bayondliwa baphiwa ukudla benziwa yonke into njengoba sewuke ubone namabandla amaKrestu, siyajabula la.
109.Ngithi mina ungajabuli, akukhona ukondliwa lokho, uyazi ukuthi abantu abamnyama babenezinkomo, zajovwa, uyakwazi lokho, kwaqala manje kwavela ithumba, ngathi mina uyazi ukuthi zajovwa izinkomo zabantu abamnyama, zisengwa, bafika abelungu bazojova, zafa, ayikho namhlanje inkomo yomuntu enobisi.
110.Waqala manje wafuna manje ukuthi ngingawuthola kanjani lo mlando, ngithi mina hhayi ukuthi laba bantu laba bakupha ukudla nje, ujabulela ukuthi ufundisa nezingane zakho, izitha lezi!
111.Isitha siyakusondeza uma sifuna ukukushaya ukuze sikushaye sikucoboshise, ungabe usaba isizwe, sikushaye ungabe usaba isizwe, ungabe usaba isizwe, siphele ngawe.
112.Amahubo 83 verse 3 “Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho bacebisana ukulwa nabathukusiweyo bakho. Bathi: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.” Baceba nganhliziyonye, benza isivumelwano ngawe” Amein
113.Base besishaya besiqothulake, sase sivuma manje, wase ecabanga lo muntu uma sengimutshela ukuthi yeyi uyazi ukuthi sasinezinkomo, lezinkomo zaphela.
114.Umuntu omnyama akanazo izinkomo namhlanje, akanankomo, bayakushaya kodwa awuboni, bakufundise, Ufunde kodwa manje wena ucabange ukuthi hhayi manje njengoba bangifundisile nje le nkolo?
115.Ubobheka uBabamkhulu, wathi uBabamkhulu bafika lapha eKuphakameni bathi sicela ukuthi lezi zingane zakho sizifundise, ithina esizozifundisa, thina sinemali eningi, sizozifundisa zifunde.
116.Wase uBabamkhulu eya ebandleni lamaNazaretha wawabuza ukuthi nithini, bafikile lapha, bethi bafuna ukuyofundisa izingane zami. Base bethi abantu cha asivumi Baba zizofundiswa ithina, wathi uBabamkhulu nami angivumi, nempela wangavuma.
117.Ngoba babezothola le nkolo, uyabona umuntu uma eke wathola le nkolo yaphesheya, yafike yangena ngaphakathi kuyena, akulula ukuthi iphume, omunye ayikho into ongamenza yona, unjena nje, unje, ngeke umenze lutho.
118.Kodwa igama likaJehova kade lingasaziwa emhlabeni, wafika uBaba uMelusi.
139. ISIHLABELELO
Isikhonzi senhlupheko uShembe kwelase Koloni Enzwabethi,
ngomhlaka January 6, 1927. Umthandazo.
1 Ufikile olandelwa yizizwe
Ufikile simzwile,
Babazani wemadoda
Babazani zizwe nonke.
2 Ufikile abakhuluma ngaye
AbaProfithi,
Babazani wemadoda
Babazani zizwe nonke.
3 Uyeza uThumekile
Uzofika emhlabeni,
Babazani wemadoda
Babazani zizwe nonke.
4 Ufikile uMthokozisi
Mlandeleni zizwe nonke,
Mlandeleni makhosikazi akithi
Mlandeleni zintombi zakithi.
119.Ayi ufikile, ufikile, uthi ngelinye ilanga uBaba uMelusi sengigcina sengiphelelwa isikhathi sengigcina, uthi uBaba uMelusi ifikile ingelosi, angisazi noma u-142 yini, sasilapha, kukhona ihholo esake saba kulona laphana ezansi, angisazi ukuthi kwakuyimuphi unyaka.
Ithi le ngoma bengihlezi ngingazi,
142. ISIHLABELELO
1 Bengihlezi ngingazi
Ukuthi uMkhululi ufikile,
Ukuthi izazi zisitshelile
Bengihlezi ngingazi
2 uMkhululi ufikile
Sesimzwile,
Izazi zisitshelile
Ukuthi uMkhululi ufikile.
3 Thina besihlezi singazi
Emazweni akithi,
Izazi zisitshelile
Ukuthi uMkhululi ufikile.
4 Jabula Mariya
Jabula Josefa,
Izazi zisitshelile
Ukuthi uMkhululi ufikile.
120.Wathi uBaba iLanga usebuyile, ababekhona ngaleso sikhathi bayakhumbula, kodwa kuyabonakala, sekuyabonakala ukuthi usebuyile ngempela uBaba iLanga, kwabonakala ngezenzo, wakuzwa ukukhala kwethu sikhala silila, wase eyasithokozisa, sase sithokoza, asisaswele lutho manje, asisaswele lutho.
121.Uma esibona ukuthi silambile, uyasipha ukudla, yini eningayikhalela maNazaretha, nisweleni, yini eniyeswele maNazaretha, engathi singambonga lo Nkulunkulu wethu. Singambonga lo Nkulunkulu, bese sibabazake.
122.Sekufanele sibabaze manje nasezindaweni esikuzo, sibabaze, sithi babazani wemadoda, babazani zizwe nonke, babazani, sibabaze manje ezindaweni nasezinkalweni.
Ngoba ufikile, ufikile uBaba iLanga, waze walakha ibandla lamaNazaretha, wase eyakha indlu yesonto, lapha eKuphakameni yakhiwe uBaba iLanga lendlu yaseKuphakameni.
123.Wase eyakha manje indlu yesonto, wathi ngakhele indlu kaJehova, indlu kaJehova ibandla, yase yakhiwa, yakhiwe manje indlu yesonto, asisahlali emnyango manje, thina asihlali emnyango, sisendlini.
124.Futhi sisazoyibona intuthuko, uyakhala uMfundisi uMabaso, uthi sisazoyibona intuthuko, kusafanele ithuthuke more, ithi ingoma thuthuka buNazaretha, izizwe zomile zifuna ukuphuza kuwe.
125.Kuthiwa le ndlu kusePhilangezwi likaNkulunkulu, uyothi uma ungene ngaphakathi bese uyaphila, akusadingi lutho, sesweleni, ungahamba uye emnyango, thina sisendlini.
126.Uma uphuma la usemnyango, sisendlini, sanethwa nathi imvula, zasinetha izimvula, zasinetha izimvula, asihlupha amaphoyisa. Akusekho phoyisa elisihluphayo manje.
127.Kwakwenzeka ini? Umlando walelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu.
INkosi ibusise enikuzwile