Skip to content

THENGA IQINISO, UNGATHENGISI NGALO

Abantu siyabamema, sibamemela kuNkulunkulu waseKuphakameni, sibamemela eqinisweni ukuthi uma belizwa iqiniso, belizwe belithande, lingene kubo, bengadayisi ngalo.

Ngoba uma udayisa ngeqiniso, ekugcineni kwakho konke, uNkukulunkulu uyokubuza ukuthi angikufundisanga yini.

Intshumayelo yasekuseni ngeSabatha mhlaka 19 August 2023 ekhaya eNqobizitha siyiphathelwe uMvangeli T. S Zulu.
 
Isihlabelelo 246
(Lengoma eyi chorus yaqanjwa uNkosazana uHlaleleni)
 
1.Nkosi yami ngiphe amandla
Nkosi yami ngiphe amandla
Nkosi yami ngiphe amandla
Okunqoba uSathane.
 
2.Ezulwini kuyayiwa
Ezulwini kuyayiwa
Ezulwini kuyayiwa
Kodwa kungena abangcwele.
 
3.Ubungcwele buqala lapha
Ubungcwele buqala lapha
Ubungcwele buqala lsapha
Khona lapha emhlabeni
 
4. Ubungcwele buyasetshenzelwa
Ubungcwele buyasetshenzelwa
Ubungcwele buyasetsthenzelwa
Ukuze ungene ezulwini
 
5. Emuva asisayi.
Emuva asisayi
Emuva asisayi
Kodwa siya phambili
 
6. Ukukholwa kwami kuyangisebenzela
Ukukholwa kwami kuyangisebenzela
Ukukholwa kwami kuyangisebenzela
Yikho lokhu ngiphumelela.
 
1.Ngiyabonga bangcwele ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, bantwana basezulwini ngiyabonga ngaphambi kwesihlalo sobukhosi uma kuthiwa angiguqe phakathi kwabayingcwele ngikhulume indaba kaNkulunkulu.
 
2.Ngingumntwana omncane walapha ekhaya, mhlawumbe uma kuthiwe akuguqe abangenasici, bengiyobaleka ngingaguqi nhlobo kodwa akushiwongo njalo, ngiguqe noma nginje, phambi kukaNkulunkulu waseKuphakameni.
 
3.Yikho kodwa ngisho le ngoma ethi ‘Nkosi ngiphe amandla okunqoba uSathane’ ngoba kufanele sibe lapha siphelele ngezinhliziyo nangethemba likwazi ukuthi uma sificwa ukufa siyongena eKuphakameni. Alibongwe igama le Nkosi.
 
4.UNKulunkulu sengathi engasipha amandla okunqoba uSathane asuke kithi. Ngiyacela ukukhuluma ngesihloko esithi “Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo.”
 
5.Bantwana baseKuphakameni uma kungathiwa kukhona iqiniso emhlabeni, likhona iqiniso ngoba izwi lezulu likhona, liyafundwa phansi, kodwa uma iqiniso selikhishiwe sabelwa lona, ekugcineni futhi abantu ibo abathengisa ngalo iqiniso bese beyalibalekela iqiniso likaNkulunkulu, noma bekholiwe noma bengakholiwe.
 
6.Ngoba uma ngikholiwe bese nginikezwa iqiniso lomthetho wokuthi umthetho kaNkulunkulu uthi ungamuzondi umakhelwane wakho, bese mina ngiba nomuntu engimzondayo, sengithengisile ngalo iqiniso, kodwa ngangiphiwe lona ngesihle. Ingakho ngithi ngiyacela ukuthi sike sibuke indaba yokuthi Thenga iqiniso, bese ungathengisi ngalo.
 
Isihlabelelo 246
1.Nkosi ngiphe amandla
Nkosi ngiphe amandla
Okunqoba uSathane.
 
ISIHLABELELO 143
1 Ukukholwa kwethu
Kulobu buNazaretha,
Kuyilidwala elibushelelezi
Lehlula abaningi.
 
2 Wena uyathanda ukusilandela
Lapha siya khona,
Uboqala uthenge isibindi
Lapha siya khona.
 
3 Indlela incinyane
Inamatshe inameva
Ihanjwa ngabambalwa
Lapha siyakhona.
 
4 Imbala unaso isibindi
Sokuhamba ngaleyo ndlela,
Idwala elibushelelezi
Lehlula abaningi
 
5 Wozani maqhawe
Hlabani umkhosi,
Niwavikele amagwala
Hlomani ngamandla.
 
7.Bengifuna ukuthi bantwana baseKuphakameni uma ufuna ukuthenga iqiniso kodwa qala uthenge isibindi ngoba uma ungenaso isibindi awukwazi ukuthi iqiniso lihlale kuwe, ngoba uma kukhulunywa ngeqiniso, uyaye uthi uma ufuna iqiniso bese uba ligwala bese uyakubalekela ukugcina iqiniso bese uyaphuma eqinisweni.
 
8.Uthike uBabamkhulu uma uthanda ukulandela iqiniso, Thenga isibindi, uthi Thenga isibindi ebese ethi kulesi sihlabelelo sika 136, ngiphe leso sibindi sentombi kaJafete.
 
9.Isibindi sentombi kaJafete isibindi, le Nkosazana yavuma ukuthi uyise enze umnikelo ngayo kuNkulunkulu ngoba wayenze isifungo uyise phambi kaNkulunkulu ukuthi ‘Nkosi uma ngingayinqoba le mpi, ngiyafunga noma ubani oyoqhamuka kuqala ethi ungihlangabezile, into eyoqhamuka ingihlangabeze ngonikela ngayo ibe umhlatshelo kuwe.’
 
10.Kodwa wathi uma esefika ekhaya into yokuqala eyaqhamuka imhlangabezile ubaba uJafete kwaba ingane yakhe, indodakazi yakhe, wakhala uyise wathi hawu yini le engehlelayo!
 
11.Kodwa le Nkosazana yathi baba uma wenze isifungo kuNkulunkulu kuphelele, nginike nje ithuba elincane ngiyolilela ubuntombi bami ngisine nabangani bami, and then bese wenzanjalo.
 
12.Uthike uBabamkhulu ‘ngiphe isibindi sentombi kaJafete’, uthi qala uthenge isibindi uma uthanda ukusilandela. Manje ngikhuluma ngendaba yeqiniso ukuthi iqiniso lifuna isibindi bangcwele, awukwazi ukuba neqiniso ungenaso isibindi.
 
13.Isibindi sisiza ekuthenini uyeka into oyithandayo, okokuqala nje ngoba unesibindi, kuthiwe lento ayifuneki kodwa wena bewuyithanda.
 
14.Manjeke bese wena ushintsha uthi ngizoyiyeka lento, lo gwayi njengoba ngiwuqalekela kangaka nje kuthiwe ikholwa alibhemu, angeke ngisabhema. Bese uba nesibindi ngoba vele uzoqaleka, kodwa isibindi senza ukuthi uqaleke uze uyeke bese uba muhle uphelele phambi kukaJehova, malibongwe igama le Nkosi.
 
15.Bantwana baseKuphakameni isibindi, uyabona lento eyenza izici, ukulahleka kwesibindi, isibindi ukulahleka kwaso kwenza ukuthi uthengise ngeqiniso.
 
16.Iqiniso labiwe kuwe, lifike kuwe, uma selifikile iqiniso uliphethe, selishunyayeliwe abaholi bethu esikhundleni sokuthi uligcine bese uphambana nalo, uma kuthiwa ungamzondi omunye umuntu, bese umzonda omunye umuntu, uma kuthiwa ungaba nomona bese uba nomona. Asilikhulume ngeqiniso bangcwele, isibindi siyafuneka khona kuzoba khona iqiniso.
 
17.“Ungamubheki nokumbheka uNkosikazi womunye umuntu, kuyisono khona lokho ukuphatha umuthi ngesandla sakho ulikholwa uyokufa nokufa” wonke lamagama abheke kimi, abheke kuwe, bese sishonaphi isibindi? Bese sishonaphi isibindi?
 
18.Kwenzeka kanjani ukuthi lapha endlini kube khona umama okhalayo ukuthi angiboni kahle endlini, ubaba kungena ucingo aliphendule emnyango, ukhona yini ubaba ongaphendula ucingo emnyango layindlini, Ukhona yini, yena umama ukhona yini ongenza njalo?
 
Isihlabelelo 143 verse 2
2 Wena uyathanda ukusilandela
Lapha siya khona,
Uboqala uthenge isibindi
Lapha siya khona.
 
19.Uma kushunyayelwa lapha ekhaya, kuye kufundwe phansi iqiniso likaJehova, lihlezi lifundwa lapha ePhilangezwi iqiniso likaNkulunkulu, kuthiwa ungaba nabanye onkulunkulu ngaphandle kwakho ku Exodus 20:
 
20.Uma selifundiwe lafundelwa abantu abakhona lapha ekhaya, like likhishwe likhishelwe ngisho kufacebook, likhishelwe ngisho emsakazweni, ukuthi abantu balizwe iqiniso ukuthi akuvumelekile ukuba nomunye uNkulunkulu, like lingene ezinhliziyweni zabantu kodwa abantu bese bethengisa ngalo.
 
21.Ikho ngithi ngiyacela abantu balithenge iqiniso kube ngelabo bangathengisi ngalo ngoba ngalo uyaphila, umuntu oneqiniso bantwana baseKuphakameni, uyahlukanisa, athwale kanzima.
 
22.Umuntu oneqiniso uba nesibindi ebese ehlukanisa izinto athwale kanzima azi ukuthi ubiziwe yizwi likaJehova, lambizela kuNkulunkulu.
 
23.Le ngoma ka 136, uma Mfundisi uyithola Baba uyongifundela, angikuthumi baba ngoba uwuMfundisi wami, kodwa umuntu kaNkulunkulu uyaye ahlukanise izinto, azi ukuthi ngibiziwe uNkulunkulu, ngithandiwe uNkulunkulu, ngakho ngizokushiya konke ngilandele uNkulunkulu wethu.
 
ISIHLABELELO 136
1 Mina ngabizwa izwi lakho
Ngasuka ngakulandela.
Ngashiya izwe lakithi
Ngesuka ngakulandela.
 
2 Wangibiza Nkosi ngezwi lakho
Ngali lalela izwi lakho,
Ngashiya inzuzo ngezwi lakho
Ngesuka ngakulandela.
 
3 Wambiza wena Nkosi
UJakobe iNceku yakho
Wambiza ngezwi lakho
Wasuka wakulandela.
 
4 Wamshiya uyise u-Isaka
Walalela izwi lakho,
Wazi dela yena ngezwi lakho
Wasukuma wakulandela.
 
5 Endaweni ethile
Wayihlangabeza iNceku yakho
Ngezithunywa zaseZulwini
Yesuka yakulandela.
 
6 UBaba waba yize kimi
Ngalalela izwi lakho,
Umame nodadewethu
Ngabashiya ngakulandela.
 
24.Ayi bantwana baseKuphakameni, njengoba silapha seza kanjani, lapha ekhaya la engisuka khona bayiZayoni, wonke nje umndeni ngoba sakhula kanjalo.
 
25.Ikhonake leyo nkolo kithi la kodadewethu nabafowethu, kugcwele abafundisi baseZayoni, abaphila leyo Mpilo yakhona, izwi lapha ekhaya uma sengilizwile, labekwa kini, ngalilalela ngalizwa, manje ngase ngiphelelwa umndeni ngoba sengigcina ngokufona.
 
26.Ngoba uma ngithi ngiyavakasha, ngifica kunezigodlo ezizungeziwe, ngale ngemuva uthole ukuthi kuhenqiwe kwase kuba nezinto ngale ngemumva.
 
27.Ngase ngithike cha angizovakasha bafwethu, akusho ukuthi ubuhlobo bethu sebuphelile, sizoba ngabahlobo ngoba kasixabene, kodwa bengikade ngingena ngithi angizodla, kodwa ngizongena, kodwa ngeke ngiyidle into yakhona.
 
28.Bathe besuka babe bakha izigodlo namalati omubi, sase sibuzake noNkosikazi ukuthi manje uma sivakasha uma singena nje emasangweni, kuyothiwani ezulwini.
 
29.Mina ngabizwa izwi lakho ngashiya inzuzo ngasuka ngakulandela. Injalo indaba yaseKuphakameni bantwana baseKuphakameni, kodwa liphi iqiniso, liphi iqiniso kumuntu!
 
30.Angisho ukuthi asishiye imindeni yethu, mina ngiyasho ukuthi kowakithi angingenanga ngoba kwase kukhona izigodlo, amalati omubi, ngasho futhi kubona hhayi ukuthi ngihleba ngabo ngoba ngilapha esontweni.
 
31.Umfowethu wayevumile, ngaqala ngakhuluma naye wathi siyothenga KFC sifike sidle yona ngoba awunaso isitsha ongasiphakela kusona, wathi hhayi ngiyabona mfowethu, uma ufikile nje ubokuphatha lokho, ngithe ngizwa wabe esehenqe into ngemuva, ngase ngimuthinta ngathi hhayi bhuti ngeke sisakwazi ukubonana, ngeke sisakwazi ukungena kwakho ngoba sehlukanisile.
 
32.Kufuneka iqiniso nesibindi ngoba awuphumi kuleyonto nje isibindi asikho, asikho isibindi, and la e-NCG kufuneka abantu abayingcwele, ikho ngithe Nkosi ngiphe amandla okunqoba uSathane, ngoba angisazi leso sigaba ukuthi ngifikile yini noma angikafiki kuso, kodwa kufuneka abangcwele.
 
33.Abantu siyabamema, sibamemela kuNkulunkulu waseKuphakameni, sibamemela eqinisweni ukuthi uma belizwa iqiniso, belizwe belithande, lingene kubo, bengadayisi ngalo.
 
34.Ngoba uma udayisa ngeqiniso, ekugcineni kwakho konke, uNkukulunkulu uyokubuza ukuthi angikufundisanga yini.
 
35.Bangcwele uyaye ubone abantu baye basuke ku Facebook ezwe nje eneme ebese ekuthuka, mayethanda athuke ingelosi noma ethuke abaholi balapha ekhaya, abaholi bethu!
 
36.Ngoba akazi ukuthi kuza ilanga lakhe lokufa, ucabanga ukuthi umdlalo ukuthi uNkulunkulu akathukwa, awuthukwa uMoya Ongcwele ucabanga ukuthi umdalo.
 
37.Kodwa bantwana baseKuphakameni umuntu ohlakaniphile siyabaxwayisa, angaphikisani noNkulunkulu, uma kukhona iNazaretha elithanda uShembe, elithanda izimfundiso zikaShembe noma ngabe liyasizonda e-NCG, alolalela uShembe ukuthi uthini.
 
38.Isihlabelelo 97, ake uyifunde naso, ngiyathanda ukuthi sikhulume kakhulu ngezimfundiso zikaBabamkhulu kulengoma ka 97.
 
39.Uma uNkulunkulu efika ethi ungaba nabanye onkulunkulu, bese iyaphakama i-NCG ithi kazivalwe izigodlo zomsamu, abavalwe onkulunkulu bokuzakhela, bese eqhamuka umuntu ethi ngeke ngiyeke ukuthi umholi wami unkulunkulu.
 
Isihlabelelo 97 verse 1.
1 Amaphikankani onke
Aphelela esihogweni somlilo,
Isala kutshelwa sibona ngomopho.
 
40.Kusho uShembe, uma ethi uMelusi lithi izwi lezulu ungaba nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami, alifunde phansi, bese eqhamuka umuntu athi angeke mina ngiyeke ukwenza into engakhula yenziwa kithi.
 
41.Uthike uBabamkhulu kusihlabelelo 97 verse 1 amaphikankani wonke aphelelwa esihogweni somlilo.
 
42.Senzela ukukhumbuza nje abantu ngoba abantu bake bacikoze baze bakhohlwe ukuthi likhona izulu elafundiswa uMprofethi wasezulwini efike kulelizwe lakithi.
 
43.Aqhubeke omunye athi hhayi mina, hhayi mina ngeke futhi ngiyeke ukulandela inkolo yabezizwe, mina njengoba ngilenkolo engiyona nje ye Christianity iyangisiza, uma ngibiza igama lika Jesus liyangiphilisa, kodwa noma nina ningathi kufanele engabe ngithi Yeshua kodwa elika Jesus liyangiphilisa mina, ngiyaphila ngalo, ngakho ngeke ngiyeke ukulilandela.
 
Isihlabelelo 97 verse 2.
2 UZenzile kakhalelwa
Kukhalelwa uzumekile,
Obengazazi izeduko zakhe.
 
44.Usho njalo uShembe, ungcono umuntu ongazi ukuthi lokhu akwenzayo kubi, kodwa uma kuthiwa ezulwini asokhonza uNkulunkulu wemikhosi, UJehova uMdali wezulu nomhlaba, singabakhonzi onkulunkulu bezinye izizwe;
 
45.bese wena uma ngokuqhosha ngokuthi wake wabiza igama lesithixo esithile qede baphila abantu. Uthike uShembe uZenzile akakhalelwa kukhalelwa uzumekile ngoba utsheliwe, into enhle umuntu usuke etsheliwe!
 
46.Uma wenze isono kufuneka uhlupheke, ungalali bungehli ubuthongo, uzibuze ukuthi luzofika nini usuku lokufa, njengoba isono ngisenze emini, uma ngifa ebusuku ngizofika kuNkulunkulu nginjani?
 
47.Njengoba isono ngisenze ebusuku, uma kwenzeka ngifa ekuseni intathakusa ngofika kuNkulunkulu nginjani?
 
48.Uzibuze ukuthi njengoba ngiphikisa iqiniso ngubani oyongisindisa, kusiza ngani bangcwele ukuhlala kulendlu ngihlale ngiqube nezono, ngiyabuza bantwana baseKuphakameni ukuthi ukuhlala lapha nani nife nonke niye ezulwini kungincedaphi mina, ngizifihlela bani lezi zono zami, ngizifihlele mina?
 
49.Uma ngifihlele nina akunankinga nina nizohamba niye ezulwini, ngiyohamba ngiyephi mina? Labo abanjalo asihube nabo sithi.
Isihlabelelo 246
 
1.Nkosi yami ngiphe amandla
Nkosi yami ngiphe amandla
Okunqoba uSathane.
 
AmaHubo 1 verse 1
“1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongahlali enkundleni yabaklolodayo,”
 
50.Uyabusiswa umuntu onjalo.
 
51.Amahubo 1 verse 2
“Kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku. Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.”
 
52.Ubusisiwe umuntu onjalo, ngiyathanda ukuthi ngoba singeshumayeza izwe, liphenduke, bese thina sihlala ngapha, sife singayi kuJehova, kodwa izwe liphendukile!
 
53.Kodwa kufanele sibuke ukuthi thina njengoba sihlele lapha njena uJehova embethe uKuphakama njengengubo, mina uma ngifa ngiyombona yini, wena uma ufa uyombona yini, ngakhoke akulindelekile ukuthi lapha endlini kungaba khona umuntu ongathi akamkhulumisi omunye, uma ekhona ngephutha ngoba ebengazi, kodwa namhlanje sicela amukhulumise, malibongwe igama le Nkosi uJehova. Iya, ngoba ulungisa indlela yakho.
 
54.Yinhle futhi lento yokuthi ukhumbule uthando lokuqala mhla ukhetha iNkosi, ukhumbule inhlonipho yakho mhla ukhetha iNkosi, ungena emasangweni aseKuphakameni, noma wayikhetha eJudiya, noma wayikhetha eKuphakameni noma wayikhetha eBuhleni noma wayikhetha ePhilangezwi, ubokhumbula ukuthi inhlonipho yakho yokuqala usahamba ngalelonyawo yini?
 
55.Uma ungasahambi ngalo uzibuze ukuthi ubani owakutshela ukuthi manje sewu right, sewumkhulu, kwasho bani? Yasalaphi leyo nhlonipho yakho.
 
56.Mhla ubuza ukuthi ngicela ukubuza ukuthi uma ufuna ukubhabhadiswa kwenziwa njani, kuphi ukuzithoba kwangalelolanga, kuphi? Ubani othena ngoba sengigcotshiwe sengimkhulu, kusho bani bangcwele?
 
57.Kusho bani bantwana baseKuphakameni ngoba lapha sithobekile, sidumisa uNkulunkulu ngentokozo nangomusa, nokuthula, sifuna iqiniso likaNkulunkulu.
 
58.Ikhona ingoma kaBabamkhulu ka-127 ivesi elithi, sibuthene lapha.
 
Isihlabelelo 127
3 Zibuthene lapha
Zonke lezo zizwe
Zifuna iqiniso lezwi lakho
Ziligcine iSabatha.
 
59.Sibuthene lapha sizofuna iqiniso lezwi likaJehova, sizofuna iqiniso lezwi likaJehova, asinakukhiphelanake okunye ukuhlakanipha okungaziwa bantwana baseKuphakameni ngoba sibuthene ngento eyodwa ngeqiniso likaJehova, esilifune umhlaba wonke sangalithola, salithola lapha endlini!
 
60.Bese sikhohliwe, hhayi bese ukhohliwe uma kukuthi sekukhona osekukubambile kulezi zinto engikhuluma ngazo, kodwa uzakubuya, uzakubuya. Ngoba ithi ingoma buya Geibeleweni, buya lizoshona ilanga, buya ungene enqabeni.
 
61.Bantwana baseKuphakameni singedidiswe ilutho kuNkulunkulu, kodwa sodidiseka uma sewuze wajwayela ukuhlala esonweni, sekukwesakho, sesisemthethweni! Hhayi ngingakuyeka konke kodwa lokhu ngeke ngikuyeke, hhayi bangcwele, la ekuyiwa khona uzongena kanjani?
 
61.UBaba uMelusi uye athi lapha awuhlulelwa umuntu lapha ekhaya, wehlulelwa izono zakho, uyazazi wena futhi, usho njalo uBaba uthi uwena ozaziyo wena, uyazazi la osala khona, uwena ozaziyo la osala khona!
 
62.Kodwa uma uphuma la uthi ngiyolwa nakho lokhu, ngiyobuya ngeSabatha elizayo sengingcono kunakho, mhlawumbe uNkulunkulu uzokwelekelela lapho akusize.
 
63.Ngiyolwa naso isono sami, ngeke ngibe iNazaretha nginalesi sono, usho lesi sakho, lesi sono nje uma kuthiwa asifuneki eNazaretha nami ngiyasiyeka, usho manje uthi nami ngiyasiyeka.
 
64.Ngiyayika lento, uma kuthiwa lento yenhliziyo enje ayilungile, lento yokuba nomona ayilungile, ngiyayiyeka nami, bese ngikhohliwe, seningikhumbuzile, uzobona ukuthi kuzoba kuhle kanjani bantwana baseKuphakameni uma kunjalo, ingoba sihlangene ngento enjalo. La sinoNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba, sinoNkulunkulu.
 
65.Siye sixoxe ekhaya sithi hhawu kodwa siyaphoxa, ngoba uma kumenyezwa inkonzo sisemzini waseNqobizitha, kumenyezwa bese ehla uBaba iLanga, bese ehla uJehova, ehla, sibuzane nezingane yini enkulu konje umuzi waseNqobizitha mhlawumbe ngobukhulu?
 
66.Sithi hhau uJehova mkhulu, mhlawumbe wehla awembathe wonke, athi bha bha bha ngamaphiko njengenyoni enkulu, awembathe wonke, sihlale ngaphansi sikhosele kuwo, kube kuhle, qede siphume lapha bese siyazonda? Hhayi bantwana baseKuphakameni, siyakhumbuzana!
 
67.Thenga iqiniso ungathengisi ngalo, iqiniso alihlale kuwe, uma uhleli kuJehova. Hlala kuJehova uhlale unethezeke, uziqhenye usabe futhi okubi, wazi ukuthi sikuNkulunkulu ngoba uyaphilisa uNkulunkulu, lo walapha ekhaya uyaphilisa!
 
68.Boze babuze wahleze exoxa izindaba zomndeni wakhe nje, ezakhe zenzeka nini, webaba nginamahloni nezami kodwa uJehova thina uyasiphilisa lapha kithi kaZulu la esakhe khona KwaMashu uyasiphilisa, alibongwe igama le Nkosi, uyasiphilisa bantwana beNkosi uNkulunkulu walapha ekhaya!
 
69.Siye emhlanganweni umama wakhona kuloya muzi wakithi egula, kuyagidwa, Uhlala phansi lapha, uyahefuzela, uyabitoza, wenza lokhuya.
 
70.Uma sifika ekhaya ngoba asinayo namandla okuya kadokotela bese uma kufanele aye kudokotela athi kodwa kwathiwa sophila ngezwi!
 
71.Ngize ngicasuke nami ukuthi uke amninge uNkulunkulu umuntu ngoba uma ezophila ngezwi ehefuzela kanje, mhlawumbe odokotela bebezokuqeda ukuhefuzela.
 
72.Ayi bantwana baseKuphakameni, kodwa uma eselele, uma eselele kungena umama uSomaqiniso, uthi kuye, kodwa wawuphele kanjani lo mdlavuza wakho ngokokuqala ngesikhathi ukuphethe ukuvukile, ngangikunikeni konje mtanami.
 
73.Hhhaaa, ngabe ngithi iphupho ukube wavuka esagula, kombe ngangikunikeni mtanami, asho lokhu akushoyo, ezama ukuchaza ukuthi kwakunjani.
 
74.Ebese umama ekhipha into emnyama, ebese emubopha ngayo, uyoyixoxa kahle yena le ndaba ngoba mina ngiyazithanda izindaba zabantu, kodwa ngibuye ngiziphambanise.
 
75.Kodwa bese emubopha ngayo bangcwele, emubopha emuqinisa esiswini lapha, lapho kubuhlungu khona, kulendawo emhluphayo la esiswini ekhombisa ukuthi kunento enjenge cancer ngaphakathi.
 
76.Iyona lento esimenza ahlale aze ahambe esegobile, esethe, aphuphe kanjalo ngoba nephupho sometimes ungasho njalo kodwa inkinga avuke esephilile, abufune lobubuhlungu angabutholi, ilobu okade bumenza angakwazi nokugida, abufune engabutholi!
 
77.Kuse ngakusasa, aye le, aye le, acabange ukuthi kuzokwenzeka, kuthule nje, hawu kungcono namakhaza ebemenza egodole libalele, angagodoli naye, uma sonke sithi kuyashisa, naye athi kuyashisa, ebese sihlala sithule sithi kuzobuya yini, bese kungabuyi lokhu kugula, hhayi sikulindile, namanje nje akukabuyi bangcwele, alibongwe igama likaJehova!
 
78.Unjalo uNkulunkulu esimhlalele lapha ekhaya, unjalo uNkulunkulu, ukube ikwenye indawo ngabe kuthiwa sesinoNkulunkulu phakathi kwethu, uNkulunkulu uSomaqiniso, hhayi layikhaya akunjalo, layikhaya uNkulunkulu uyasiphilisa ngabaholi bethu alibongwe igama likaJehova!
 
79.Asilambile bangcwele, asilambile. U-ayine imvunulo, u-ayine, khona lapho njengoba bengithi ebegula nje emgidini afike ahlale phansi, uya-ayina imvunulo uyayizwa lento ibuhlungu, abheke ngasodongeni akhale, kanti uyathandaza ulokhu ethi, Nkosi wathi sophila ngezwi, ngiphilise ngalo.
 
80.Mmm, yini le eyenzekayo elele, yini le eyenzekayo elele, akasiphoxi uNkulunkulu walapha ekhaya bantwana baseKuphakameni, akasiphoxi!
 
81.Kodwa njengoba kungathi ngilwa nathi, ingoba ngibona ukuthi ukudumaza uNkulunkulu waseKuphakameni kungase kwenziwe yithi, kungase kwenziwe yithi uma singena nezinhliziyo ezimbi la, kungase kwezinywe yithi uma singagudluki ezonweni.
 
82.Kungcono ukuthi ume eceleni kwebandla okungcono, makungenjalo hamba uyozama, ngoba uNkulunkulu uzomudumaza, bese le ndawo iphenduka, lezi zimangaliso engikhuluma ngazo, nezinye engabe ngikhuluma ngazo, ngingabe ngisazibona, zenziwe ukudumala kukaNkulunkulu ngathi. Suka lapho ukhona.
 
83.Uyazi laba bantu abalapha endlini bahle bonke, mina angihlakaniphile ngaphezu kwabo, nawe futhi awuhlakaniphile ngaphezu kwabo, kushuthi uma bekubonisa, bakubonisa ngoba unjani, usephutheni, kushuthi uma bengibonisa bangibonisa ngoba nginjani, ngisephutheni, alibongwe igama likaJehova, akuve kumnandi ukuphila kanjalo, akuve kumnandi ukuphila kanjalo ngoba ngeke sihlabelele ngomlomo qede singenzi.
 
ISIHLABELELO 199
1 Abantwana bakaNkulunkulu
Bayathandana,
Bangeke bahlukane
Futhi bangeke baxabane
 
84.Uyazi ukuthi inkinga ukephi, ukhiye wezulu ula, inkinga enkulu ukhiye wezulu ulapha endlini, ngakho awukwazi ukuthi uphambane nabantu abalapha endlini, ngoba bambethwe uNkulunkulu, bawunkulunkulu, sicela uthando, sicela umusa, sicela umusa wokuthi sibe bahle siphelele, ingabikhona imivumbe ingabikhona imivumbe.
 
85.Kungcono ngoba sikhuluma kungonakele lutho, akukho lutho olukhona, kodwa sithi khumbuza inhliziyo, yakho, ibuze inhliziyo yakho, wenhliziyo yami kwenzenjani? Ngoba uBabamkhulu uthi wenhliziyo yami dela ngoba uzosha esihogweni?
 
86.Uhlale eqinisweni, ulenze libe elakho, uligwinye, uligwinye, lithenge kube ngelakho, iqiniso ngithena lithengwa bangcwele ngesibindi, kusho uBabamkhulu, uthi qala uthenge isibindi, qala uthenge isibindi khona uzoba neqiniso. Ngoba iqiniso awukwazi ukuba nalo isibindi ungenaso!
 
87.Uma isibindi ungenaso, noma umbona e-NCG, kodwa uthi akekho uNkulunkulu la ngoba awunaso isibindi, usaba umndeni wakho ukuthi uma uthi kukhona uNkulunkulu e-NCG, uzothi uyiphekula. Bangaki abantu abahleli bengezi lapha ekhaya!
 
88.Yake yathi iNkosana uZulu yaseGoli yathi ngiyacela laba bazalwane bakithi esinabo ku Facebook, bengakhohlwa ukuthi kunzima ukuya kobangcwaba uma sebefile, ngoba asibazi. Angiwakhohlwanga lawo magama ale nkosana.
 
89.Yathi iyacela besondele nanganeno, belizwe, belithande, besondele bezoloba amagama engcwadini yabo. Ithike le Nkosana kunzima ukuthi siye kobangcwaba ngoba ngeke sibabone noma sebehambile ngoba asibazi, abekho ebhukwini lebandla.
 
90.Uma sesihambile thina sicelelwa abaholi bethu intethelelo nendlela enhle kwenziwe nomnikelo wezibani ingoba siyaziwa lapha endlini.
 
91.Ithike le Nkosana sengathi abazalwane bethu abaku Facebook, abaningi abakholwa kakhulu kodwa ngelinye ilanga abovela belobe amagama abo kulomuzi walapha ekhaya. Khona uma sebehambile siyongena ngaphakathi siyongqongqoza ezulwini njengoba abaholi bethu baye banqonqoze kuthiwe nangu ubani usedlulile emhlabeni.
 
92.Ngoba iqiniso likaNkulunkulu lilapha endlini, manje sinomona ngalawo makholwa akithi ngoba akude, akude. Sikhalela izinsuku uma zifika ukuthi ngeke sikwazi nokufika eduze kwabo, siyolila sithi wa-like nje wathi uyayithanda into eshiwo uMelusi.
 
93.Ithike le Nkosana kodwa abasondele bethole konke esikutholayo, alibongwe igama likaJehova. Nami impela yangithinta ngathi iqinisile le Nkosana, iqinisile le nsizwa yaseKuphakameni.
 
94.Le nsizwa yakwaZulu yakhuluma indaba yayo lapha ukuthi uma umuntu ehleli, ehleli endaweni engalungile ngoba esaba ukuthi uzozondwa umndeni.
 
95.Iyisibonelo le ngane ngoba isencane kodwa yaphumela obala yathi anginankinga nokuzondwa umndeni, ngizomkhetha uJehova!
96.Yayixoxa indaba yayo lapha, kwafika usizi, ngake mina ngathula ngabuka ngathi hhawu ihlazo, lezi zingane zakithi ezincane ezingaka, ziyasimela isibindi sikaNkulunkulu.
 
97.Kunjani uma kuthiwa ikhehla elingangami lisenesono, nelingangawe, noma umama ongangawe, uma amasosha ezingane zethu ezincane zilimela iqiniso?
 
98.Ithike le nsizwa, yeyi uma ngihamba kuthiwa akuhanjwa lapha kuyafiwa, ithi uma ngifa kuyoba nani, uma ngifa kuyoba nani! Yayiguqe khona lapha, safunda bangcwele, ngase ngibuka iminyaka yayo, hawu sathela lesi sihlahla sisincane.
 
99.Kodwa yini engenza ukuthi izihlahla ezindala, hhaaa ngizokhuluma ngani esontweni, ezazi yonke into kodwa kutholakale ukuthi azideli yiyo, azideli yiyo, zibatshazwa ezonweni.
 
100.Abantwana bethu besijombe ngala ngemuva beze beyoma ngaphambili bethi siyozifeza izithembiso.
 
101.Ithike le nsizwa yonke into ekuthiwa ayenziwa insizwa ka23 ngoba uma uyenzile, noma ungathi uyabuyela esontweni ngeke usaba insizwa ephelele ka 23, uthi ngafunda lapho, ngaqala ngayiziba ngayiyeka. Nawe ungafunda kuleyonto, nami ngingafunda kuleyonto.
 
102.Kodwa kudingeka ukuthi ngingathengisi ngeqiniso, ngithenge iqiniso lihlale kimi, ngithi iqiniso leli elikhulunywa ilo muntu. La engikhona ngisemenweni, kwenile la engikhona kodwa ngizifake mina, ungathi inhlangano yomubi awuzange uyimeme kodwa uyimemile!
 
103.Uma uthi la engikhona ngizifake mina, awukwazi ukuhlabelela lesi sihlabelelo sika 19 uthi inhlangano yomubi angizange ngimeme, ngeke usho, uzosho kanjani ngoba uyimemile, awubonangake usuphakathi kwayoke wena, isihlabelelo sithi ngithe ngibona ngase ngiphakathi kwayo.
 
104.Kodwa uma usisukela isono ungena kuso singakubambi nje singakubambi nje ukuthi ubulale intuthwane wayinyathela ungayiboni yafa, kodwa wena uhambe wayoyibulala, then bese uthi inhlangano yobubi angizange ngayimema, cha wena uyimemile!
 
105.Hhawu bangcwele sengizokwehlela ngezansi isikhathi sesihambile, sikhulume nje into ezokwazi ukuthi ilaleleke, kodwa bantwana baseKuphakameni bengimi nje ekutheni iqiniso likaNkulunkulu singathengisi ngalo, silithenge silenze elethu sihlale ngaphakathi kulo.
 
106.Ngathi iqiniso ulithenga ngokuthi ube nesibindi, qala uthenge isibindi, usho uBabamkhulu kanjalo, isibindi esifanayo neseNkosazana kaJafete, then iqiniso lizokwazi ukuhlala kulo, bese uphelela kulo.
 
107.Sibuya emhlanganweni safunda izinto eziningi bantwana baseKuphakameni, kodwa ngaphezu kwezinto zonke, le ndaba wayithinta noMfundisi obephethe inkonzo ngesonto eledlule, yasinika isifundo esikhulu sokuthi isivumelwano esikuJeremiya 31, isivumelwano lesi esakhiwa nguBabamkhulu mhla efika kulendawo.
 
108.UMelusi uma efakaza ngalento uze uyacaphuna ukuthi Ingakho uMphongolo wesivumelwano lapha emhlabeni wonke, usafike kabili kuphela, wafika wenziwa ngesikhathi esidala sikaMose, wase ubuya uvuselelwa uBabamkhulu, uMprofethi wakulelizwe lakithi, ayibongwe iNkosi yaseKuphakameni.
 
109.Lithike izwi losifundisayo siphila kuleso sivumelwano thina. Ngakho kufanele sisibuke leso sivumelwano, sisibuke ukuthi uma sithi umthetho kaNkulunkulu uyophila ezibilini zabo ngaphakathi ukuba baphile ngawo, manje kwenziwa yini ukuthi singaphili ngawo, kwenziwa yini.
 
110.Uma kuthiwa phila ngomthetho, kuthiwe lesi sivumelwano sikusona, kusasele ukuthi siphelele kuso kahlehle, nalowo osashodayo angene aphelele kuso, angayi emuva ngoba indawo yakhe le akuyona.
 
111.Lesisivumelwano singesakhe esenziwa uBabamkhulu awukaze uze wenzeke la emhlabeni, akukho la ekuvela khona ukuthi uMphongolo wesivumelwano wake wenziwa, futhi akekho umuntu ongawusukela namanje, akekho bangcwele uma ngabe engathunyiwe uJehova.
 
112.Kodwa uBabamkhulu wawenza, kwaphuma uMphongolo wesivumelwano okwesibili, wenzeka la ezweni lakithi, kulenkolo yobuNazaretha.
 
113.Abadlale ngayo abantu, abadlale ngayo, abahlekise ngayo kodwa sizomumela uBabamkhulu, Siyabonga ukuthi uNkulunkulu wenza iplan yokuthi kube khona i-NCG, sizomumela uNkulunkulu ngoba uBabamkhulu wasifundisa ngokukhonzwa kuka Jehova. Sizomkhonza uJehova!
 
114.Ithi ingelosi lelibandla lifana ne-COSATU ngoba i-COSATU akuyona inhlangano enkulu nje kakhulu, kodwa amandla ayo makhulu ngoba inezwi nayo nasenhlanganweni ebusayo.
 
115.I-Alliance leyo ye-SACP ne-ANC, inezwi elikhulu i-COSATU ngoba iyaye ibheke ukuthi uma iphazama i-ANC, ithi niyaphazama lapha, angeke kuhambe kanje.
 
116.Sinjalo lapha ekhaya, injalo le nkolo yalapha ekhaya, asesabi lutho, simele nje uJehova ukukhonza uNkulunkulu, ngoba angeke sivume kube ngathi uBabamkhulu wathi asikhonze yena, ebe engakaze asho njalo.
 
117.Ikho wenza uMphongolo wesivumelwano ngoba wavusa inkolo ekade ikhona seyiphelile, wase eyivusa futhi, kwaqhubeka yona.
 
118.Manje sekusele nje ukuthi sivume iqiniso, liyababa iqiniso, uma likhulunywa iqiniso sibheka ukuthi likhulunywa ubani, njengoba likhulunywa uMelusi njena, elikhuluma lapha, sibheka ukuthi ubani lo okhuluma iqiniso bese siyashalaza.
 
1119.Kuyakusiza ukuthenga iqiniso uma umuntu ngoba liyakuphilisa, liyokusindisa iqiniso. Ungasabi umndeni, sengizohlala phansi, ungasabi umndeni ukuthenga iqiniso.
 
120.Iqiniso liyabiza bangcwele, kwesinye isikhathi uhlukana nayo yonke into, Ukhona umuntu olapha endlini owabhekana nesimo esinjalo ezongena kulenkolo yobuNazaretha balapha ekhaya.
 
121.Uthe esekhethile ukuthi ukhonza uNkulunkulu, wase eyabika ekhaya kunkosikazi wakhe, wathi sengikhethe iNkosi, ngizoya kuNkulunkulu ngiyokhonza uNkulunkulu, manje inkinga yami njengoba ngiya, usethike unkosikazi hamba uyokhonza, useyahamba uyokhonza lapha ekhaya.
 
122.Kodwa le nkosikazi inabantu abadala, uma inabantu abadala, uma egodukile esekhaya, kufanele ukuthi imu
phekele adle.
 
123.Ithike le nsizwa, lento yakho uyayibona yini ukuthi inenkinga, ngeke ngikwazi ukudla okupheke uwe, ngoba unemimoya engalungile, sengiyiNazaretha.
 
124.Ithike le nkosikazi, manake, ine-point elihle nale nkosikazi njengoba kade sinawe nje la usonta eBuhleni, manje sewubone inkolo yeqiniso njengoba usho, sewulindele ukuthi nami ngiyeke abantu abadalake manje bakithi engikhule ngabo, ngakhuliswa ngabo na?
 
125.Ithike le nsizwa bekungaba njalo, Isifiso sami ileso nkosikazi ukuze sikwazi ukuqhubeka ngoba asikwazi ukuqhubeka sembathe ndawonye uma unemimoya emibi.
 
126.Ithike le nkosikazi bese mina kushuthi ngiyeka okwami ngento nawe oyithatha manje ukuyenza, kade useBuhleni usemsamu nawe, minake abantu abadala bayangiphikisa, bahleli kimi lapha emahlombe, sewuthi angibayeke.
 
127.Ithike le nsizwa yebo, ngiyacela ubayeke ngoba angifisi kuthiwe sehlukene nawe noma ngikulahlile, ngicela ithuba lokuthi ubayeke senze into eyodwa ngoba uNkulunkulu akayifuni lento.
 
128.Ithike le nkosikazi, khohlwa, ngeke ngikwazi ukukwenza lokho, ngenke ngikwazi ukusuka la emsamu, la engikhona. Bese lensizwa ibonga, ithi uNkulunkulu angangithwesi icala lokuhlukana nawe, ayikho into engizoyenza kusho ukuthi ngizohlukana nawe, kodwa anginasici nawe, kodwa izinto esikuzona azihlangani.
 
129.Uma ngivuma ukudla ukudla ongiphekele khona, ngembathe nawe, ngeSabatha ngiya enkonzweni kaNkulunkulu ngizoba umuntu ongcolisa umuzi kaNkulunkulu wonke. Le nsizwa yagcina iphumile lapha kunkosikazi wayo yaphuma unomphela!
 
130.Manje ngisho ukuthi bantwana baseKuphakameni isibindi isona esenza ukuthi ube neqiniso, kodwa uma ungenaso isibindi, ligcina iqiniso lingekho kuwe ngoba awunaso isibindi.
 
131.Lo muntu usele noNkulunkulu kuphela, mhlawumbe ungase ucabange ukuthi zathini ingane, ithi zathi ubaba uyahlanya, uqinisile impela umama, waba mubi njalo ubaba, yaba yimbi leyo nsizwa, mhlawumbe ikhona layindlini. Yaba yimbi le nsizwa, njalo kwaphela kanjalo.
 
132.Noma efona mhlawumbe uma engafona, hawu ninjani, uthi uyafona. Kodwa izingane nazo zithi umama ubeqinisile.
 
133.Makhulu lamazwi kamama athi manje ngoba sekushintshe wena sewubona uNkulunkulu nami sekufanele ngiyeke lento engiphilisayo engiphila ngayo, ngibona ukuthi uright kakhulu lowo muntu lowo njengoba esho njalo nje. Ayike yaphumake le nsizwa, kwase kuphela kanjalo njalo!
 
134.Ngisho ukuthi bantwana baseKuphakameni sihle isibindi, sihle mhlawumbe kufanele ukuthi usenze lapho khona kuzothiwa uwe omubi.
 
135.Kodwa khumbula ukuthi incindezi yendlela eya ngasekhaya injani, khumbula incindezi yendlela, musa ukuba uvanzi, uma kuthiwa isango lincinyane lingena abakhethiweyo, bhasobha ukuthi la ohamba khona ungalinwebi isango.
 
136.Musa ukugqigqa emsamu, noma ungayishisi impepho buka ukuthi uyagqigqa yini emsamu, musa ukugqigqa emsamu, zibone izinto ukuthi lokhu sekuwukugqigqa emsamuke lokhu engikwenzayo. Kodwa ungazondi izihlobo zakho nomndeni wakho, kodwa buka ukuthi lokhu engikwenzayo akukhona yini ukugqigqa emsamu.
 
137.Hawu kwase kuphela kanjalo ngaye nalowo muzi, yebo kwaphela kanjalo, kwasala uJehova nayo leyo nsizwa, kwaphela kanjalo.
 
138.Ngisho ukuthi bantwana baseKuphakameni, asibe nesibindi sokulandela uNkulunkulu, alibongwe igama le Nkosi.
 
139.Isibindi uma singekho uNkulunkulu akazubakhona kuwe ngoba uligwala, ngoba uligwala. Uma usaba ukubizwa ngephekula, uzolahlekelwa izulu, shiya lapho okhona uze phakathi enqabeni, ngena enqabeni!
 
140.Yeyi ave kumnandi kuthiwe uyiphekula bese uyafa ungena ezulwini, ayikho into emnandi njengaleyo, zikhona izinsizwa esasinazo lapha oNonqgunga, zahamba kahle.
 
141.Uwee— bazi ngani ukuthi zahamba kahle, thina sihlala nengelosi lapha ekhaya, siqhoshe ngalokho, abahambe kahle ekhaya, kwesinye isikhathi bahamba kahle.
 
142.Noma uhambo lomuntu uyaye athi uShembe asinkuqonda, asinakwazi kuyaphela, kuphelela ethuneni, nokwethu kuyaphela noma silapha e-NCG uma simufihla asinakuqonda ukuthi kwenzekalani. Kodwa sihlala nabantu basezulwini thina lapha ekhaya.
 
143.Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni, ngiyaxolisa kakhulu uma kukhona lapho ngikhulume ngathi ngikhuluma nomuntu, kodwa angifuni ukuthi isono sithole indawo sihlale lapho endlini.
 
144.Angifuni ukuthi isono sithole indawo sihlale lapha endlini, akukuhle lokho bangcwele, kufanele silwe nokuthi isono sisala ngaphandle.
 
145.Manje njengoba sixoxe kanje, kukuthi le ndaba esiyixoxa la, siyixoxa nami nginaso isono, ngiyahamba nje ngiyosizama esami, nawe hamba uyosizama esakho.
 
146.Mhlawumbe singene la ngesonto elilandelayo zingasekho zona, kobe kuzuziwe ezulwini ngoba akekho umpetha wokukholwa, kodwa wena nje kuphela ozolungisa inhliziyo yakho bese uyakholwa, kube sekuba kuhle ezulwini bese kuyajatshulwa ezulwini.
 
INkosi ibusise enikuzwile. Amein.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *