Manjeke kufanele sinyathele la anyathela khona, sizokhuluma futhi lokhu okwakhulunywa uyena ngoba siyamazi uthando owayenalo, singafani nalaba asebekhohliwe, abangasazi ukuthi lo muntu owasungula ubuNazaretha wayenothando olungakanani ngobuNazaretha…
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 26 August 2023 eNqobizitha, nguMfundisi Sphelele Msane.
ISIHLABELELO 9
1 Siyakubonga Nkosi Jehova
Ekuthobekeni kwethu.
Usikhumbule namhlanjena,
Siyakubonga ngokukubonga
3 Ngaleyo nhlanhla osiphe yona
Ebugqilini nasekuboshweni.
Ukukhanya nobumhlophe
Mabusihlenge size kuwe.
3 Size siphuze eParadisi
Ngase mthini wokuphila.
Kade ngakhishwa eParadisi
Angisaphuzi emthini wokuphila
1.Ngiyabonga bantwana basezulwini ukungilekelela, lesi sihlabelelo sikhuluma indaba enkulu indaba esize ngayo la namhlanje njengoba kuwusuku lweSabatha.
2.Manjeke njengoba sila sizozibongela kuNkulunkulu ukuthi usephinde wasikhumbula futhi njengoba sazi ukuthi esikhathini esiphambili uNkulunkulu wafika elethe inkolo yakhe la emhlabeni kuthina bantwna bakwa Israel.
3.Wasinika nesivumelwane ukuthi ngoba sesingabantwana bakhe nje esesikhethile wasibekela nemigomo ukuthi siyokuba ngcwele ngokuba yena ungcwele.
4.Wasehlukanisa nazo zonke izinto ezikhona emhlabeni ezinhle nezimbi kodwa yena wasibekela indaba yokuthi siyakuhamba ngezwi lakhe nangemiyalo yakhe, inzima noma ilula kodwa kumele sihambe ngayo.
5.Uthike uBabamkhulu kwesinye isihlabelelo, ngithi u-211, uthi ‘besethweswe thina Nkosi ijokwe lemiphefumulo yethu singephinde silethule ngoba liwukuphila kwethu’.
6.Namhlanje sizobonga kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi uphinde wasikhumbula futhi noma kade sesisiphulile isivumelwano sakhe wasibuyisela futhi endleleni yakhe eqondile nasendleleni yakhe engcwele.
7.Njengoba isho nje le ngoma ithi ‘siyakubonga Nkosi yethu ekuthobekeni kwethu usikhumbule namhlanje, siyakubonga nokukubonga. Liyaqhubeka ivesi lesibili lithi ngaleyonhlanhla osiphile yona, osiphile yona ebugqilini nasekuboshweni.
8.Besisebugqilini sisekuboshweni, siboshiwe, siboshwe izitha zikaNkulunkulu ngoba zingafuni ukuba sikwazi ukubona indlela uNkulunkulu owayesibeke kuyo ukuthi sihambe ngayo ukuze sizothi uma noma sidlula la emhlabeni bese siyamubona kwelizayo. Kodwa namhlanje uNkulunkulu usikhumbulile wasikhipha kulobo bugqila nokuboshwa.
9.Kodwa namhlanje uNkulunkulu usikhumbulile wasikhipha kulobo bugqila nokuboshwa, namhlanje sesiphindele eparadesi, namhlanje njengoba silana sizophuza eparadesi emthini wokuphila. Konke lokhu kwenzeka ngoba uNkulunkulu esithandile waphinda wasikhumbula.
10.Isihloko salensthumayelo yami yanamhlanje sithi “Uthando lukaShembe kumaNazaretha.” Ngokwemfundisoke yala ePhilangezwi, uma sikhuluma NguShembe sisuke singakhulumi ngabo bonke labo Shembe asebekhona la emhlabeni esebebaningi engeke ngisakwazi ukubabala nokuthi bangaki.
11.Kodwa uma sikhuluma ngoShembe sisuke sikhuluma ngoMprofethi Isaiah Shembe okunguyena owafika nalokhu kuhamba kwethu esikukho namhlanje.
12.Njengoba ngikhulumake isihloko ngithi Uthando lukaShembe kumaNazaretha, uShembe engikhuluma ngaye uBabamkhulu.
13.Ezintweni zonke uBabamkhulu owayenazo ngaphambi kokuba amthume kuloluhambo, siyazi ukuthi emlandweni uBabamkhulu wayengomunye wabantu abangaswele lutho.
14.UNkulunkulu wayemuphile izinkomo emphile amahhashi, emphile ukuhlakanipha, emphile abantwana, emphile namakhosikazi.
15.Kodwa kwathi la ekufika khona izwi likaNkulunkulu lithi akathathe le ndlela, kwamuphoqa ukuba ashiye yonke le ngcebo okade enayo, azolandela uNkulunkulu ukuba amakhele lelibandla lamaNazaretha.
16.Konke ke lokhu uShembe wakwenza ngoba wayenothando, ethanda thina wayengasazi. Sisho njalo isihlabelelo ngithi u 199 esithi ngiyalithanda ngokulizwa.
17.Wasithanda uBabamkhulu engasazi, kodwa wakhetha ukushiya yonke incebo yakhe ukuthi azofuna mina nawe la esikhona, azofuna mina nawe ukuba sibuye sizophuza eParadesi, sibuye siyophuza emthini wokuphila, sikwazi ukuthi sihlale eParadesi.
18.Njengoba siseParadesi namhlanje ingenxa yokuthi uBabamkhulu waba nothando, wadela yonke ingcebo yakhe, wadela abantwana bakhe, wadela amakhosikazi akhe wazolanda mina nawe.
19.Ezintwenike eziningi uBabamkhulu siyalwazi lonke usizi adlula kulo ngesikhathi eqala esungula lobubuNazaretha, ziningi izinto usizi nokuhlupheka akuhlupheka.
20.Kodwa into engiyaye ngibone ukuthi yayikhona kuyena eyamdala ukuthi athi noma eboshwa angayeki, ngoba nakhu lento ekuthiwa angithathe, loluhambo okuthiwa angiluhambe, nakhu sengihlangana nokuboshwa, okungcono angiyeke ngiphindele emuva la engaqhamuka khona ngoba bengiwumuntu owaziwayo nasendaweni ngibusa. Kodwa wabekezela uBabamkhulu ngoba enothando lamaNazaretha.
21.Ngizokhumbula nje kukhona indaba eyake yakhulunywa uMfundisi uNgubane owayehamba noBabamkhulu, uthi uMfundisi uNgubane kuthe beyoshumayela ngapha ezweni laseMachunwini.
22.Kuthe uma sebenqamula ezinkalweni lapha ngithi uma ngingaphosisi ngithi zangako Greytown, uthi base benqamula enkopholo.
23.Bathe behamba benqamula enkopholo, kulenkopholo base befica kukhona ipharishi (umdokwe) lichithiwe nje ngaphandle kwenkopholo, okwakubonakala ukuthi kwase kunezinsuku lichithiwe. Ukudla uma sekuqala ukonakala, kuye kube nalento engathi iba buhlaza ngaphezulu.
24.Uthike uMfundisi uNgubane bathi uma befika kulelipharisi wayesethi uBabamkhulu, hhayi bantabami libutheni lelipharishi, nilifake ezitsheni. Uthike uMfundisi base belibutha base beyaqhubeka behamba.
25.Bahamba bahamba beliphethe lelipharishi, kuthe uma befika la abafika khona behlala bephumula, wayesethi uBabamkhulu abalilethe lelipharishi.
26.Wase eyalithatha uBabamkhulu wasusa lokhu okukuhlaza ebese kungaphezulu wakwengula, wakwengula, wase ethetha ummese eselisika esethi abalidle.
27.Umake ucabanga ukuthike uBabamkhulu kulokhu kubusa esengikushilo ukuthi wayenezinkomo enamakhosikazi enayo yonke into enamasimu elima. Kodwa wakwazi ukuthi ethathe indlela ezomenza ahambe edla ipharishi angalazi nokuthi lalichithwe nini.
28.Kodwa konke lokhu wayekwenza ngani, ingoba wayenothando lamaNazaretha ngoba ukube wayengenalo uthando wayezothi no mina lokhu ngabakhona angikaze ngikudle ukudla ebekulahliwe engingakwazi nokuthi bekulahlwe ubani, ekulahlelani.
29.Kodwa wakwazi ukuthi uBabamkhulu walithatha lelipharishi ebeselilahliwe, walisika walidla, walisusa ukonakala ebese kukhona ngaphezulu, kodwa ehamba yonke le ndawo, wayefuna thina maNazaretha futhi enothando lwethu.
30.Kodwake kuyaye kube buhlungu uma usubona izinto esezenziwa amaNazaretha ebese ubona ukuthi hawu amaNazareha sesiyalikhohlwa yini loluyathando uBabamkhulu asithanda ngalo, lokhu kunzima adlula kukho sesikukhohliwe yini.
31.Manjeke kuye kube buhlunguke uma sewubona amaNazaretha, ngiyaye ngize ngisho ukuthi amaNazaretha ayoboshwa eboshelwa indlela kaBabamkhulu owayesishiye esibeke kuyona ngoba sayilahla indlela kaBabamkhulu. AmaNazaretha ayilahlile indlela kaBabamkhulu kodwa aselandela nje into angayazi.
32.Manje uma ubuka nje lolusizi uBabamkhulu abhekana nalo, namhlanje uma usuthi uyabuka amaNazaretha lobubuNazaretha sekuyinto yokudlala.
33.Uma uthi ungena ku Facebook, ungena ko Tiktok ufica kudlalwa ngakho nje ubuNazaretha, ebese ubuka ukuthi hawu sebekhohliwe yini iloluthando abathandwa ngalo laba bantu.
34.Kodwa thina siyaye sibonge njengoba kuthe sekunjalo loluthando lukaNkulunkulu alukaze luphele kithina ngoba sithe noma sesilahlekile endleleni waphinde wasithanda uNkulunkulu wazosibeka la.
35.Ushilo uMfundisi uMtolo emasontweni adlule ukuthi njengoba sila sisendlini yesonto, asinethi, asishiswa nayilanga.
36.Kodwa siyaye sihambe bese sibuyeke silahleka njengoba nobuNazaretha bahamba balilahla, balukhohlwa loluthando uBabamkhulu owayenalo ngathi.
37.Ngoba uthi uMfundisi uNgubane bake bathi behamba futhi kwenye indawo, behamba naye uBabamkhulu, bathe sebehambile bafika la abakhathala khona bephumula, behlala phansi.
38.Kwase kutholakala ukuthi la kubona, babephethe nje izitsha kukhona inyama ababeyiphethe, uthi base beyithatha le nyama beyifudumeza, base beyibeka epletini base bethatha ummese bewuhambisa kuBabamkhulu, behambisa le nyama ukuthi uBabamkhulu akwazi ukuthi adle.
39.Kodwa bathi uma beyibeka phambi kwakhe epletini wase elithatha ipuleti wayichitha phansi le nyama, wase eyihlikihla etshanini nase nhlabathini, wayihlikihla wayihlikihla, ithe isigcwele utshani nehlabathi wase eyithatha eyiqoba eseyidla.
40.Uthike uMfundisi bafikelwa usizi nezinyembezi ngoba bona bazibuka bona ukuthi hawu shuthi mhlawumbe asihlambulukile, kushuthi mhlawumbe kunokungcola okukuthina njengoba uBaba simnikeza inyama bese eyithatha eyihlikihla phansi.
42.Kodwa ngoba uBabamkhulu wayenothando lamaNazaretha njengoba ngithi namhlanje isihloko engikhuluma ngaso uthanda lukaShembe kumaNazaretha.
43.Wathi uma ebabona ukuthi abantwana ahamba nabo sebehlubukile emoyeni ngoba abasazi ukuthi yini le abayonile. Uthi kodwa wase eyakhuluma uBabamkhulu kubona.
44.Wathi hhayi bantabami akukho okubi enikonile, njengoba ningibona ngenza lokhu, mina lokhu ngalithatha loluhamba angikaze ngibuse.
45.Uthi lelizwi elangikhipha kithi langithuma lathi angihambe ngalendlela, uma lithi angingalali angilali, uma lithi angihambe noma sengokhathele, ngiyahamba noma sengikhathele, konke engikwenzayo mina angisazenzeli sengikuyalelwa ilelizwi.
46.kodwa namhlanje amaNazaretha akhohliwe yilolonke loluthando lukaBabamkhula owayehamba noma esekhathele, owayehamba noma lina noma lishisa, asezenzela okwawo.
47.Okubuhlungu kakhulu ukuthi uma sekuzoqhamuka umuntu obekwe amaNazaretha phambi kwawo athi nangu umholi wethu, njengoba sengike ngasho ukuthi ubuNazaretha kuhlekiswa ngakho manje yonke indawo.
48.Uma uthi uyangena ko-Facebook ufica kuyahlekiswa ngabo, uthi uvula ifoni ufica kuyahlekiswa. Sekukhona nezingoma manje seziqoshiwe ekuhlekiswa ngobuNazaretha.
49.Kodwa okubuhlungu kakhulu ukuthi uma sekuzosuka umuntu obekiwe phambi kwamaNazaretha athi uwumholi wawo kuficakale sekuyena ohamba phambili ohlekisa ngobuNazaretha, kuyihlazo elingabekezeleki.
50.Ngike ngabona ku Facebook enye ivideo izolo kukhuluma omunye umholi wamaNazaretha uhlekisa ngomthetho owabekwa uNkulunkulu, uhlekisa ngomthethwa owabekwa uShembe.
51.UShembe wathi kulelibandla iNkosana ayingaqonywa, kodwa iNkosana uma ifuna ukuganwa, kufanele iye ebhentshini, namhlanje ubuNazaretha bunabaholi abakwazi ukuhlekisa ngokuthi iNkosana iye ebhentshini.
52.Kusukume umholi aye phambi kwebandla atshele amaNazaretha athi uma uyiNkosana kufanele uqonywe, ungaqhamuki nje usuya ebhentshini.
53.Athi ukuya ebhentshini, uma usuya ebhentshini, uya ebhentshini uNkosingisize. Okusho ukuthi usuke usuhlulekile ngesikhathi uya ebhentshini, kodwa ukuthi kufanele iNkosana iyocela intombi ebhentshini umthetho lowo walelibandla.
54.Kodwa namhlanje sinabaholi okwazi ukuthi ukuya ebhentshini unkosingisize, okusho ukuthi usuke usuhlulekile ukushela, usushele wangaqonywa, ebese ubona ukuthi ngoba izintombi azingiqomi uma ngizeshela, angihambe ngiye ebhentshini ngoba ebhentshini ngizofike ngicele bese kuba lula.
55.Usho ngisho ukusho lomholi uthi akufanele uvele uqhamuke usuzoba uMvangeli nje kufanele uqale ube insizwa, uma kuzothi umholi wamaNazaretha athi kufanele uma uyiNazaretha ube yibutho ubuthwe, uthi yena wabuthwa.
56.Ukuba yibutho ikhona yini into ehlangene noNkulunkulu emabuthweni, ngoba emabuthweni kudliwa izintelezi kufanele ulwe.
57.AmaNazaretha kufanele kwenziwe njalo maNazaretha uma kunabaholi abakhuluma kanje, amaNazaretha azoboshwa, aboshelwe ukuthi avumela umuntu ukuthi ame phambi kwawo awakhiphe endleleni kaNkulunkulu.
58.Ngeke esaboshelwa ukuthi anezono, azoboshelwa nje ukuthi avumele umuntu ukuthi ame phambi kwawo ahlekise ngemfundiso yoMprofethi Isaiah Shembe.
59.Ngoba athula athini amaNazaretha uma kuwumholi wawo ozohlekisa ngomthetho kaShembe? Ungakhuluma ukuthi ukuya ebhentshini unkosingisize ebandleni lamaNazaretha, ugqgugquzela ukuthi inhlalisuthi ayiphume iyoshela?
60.Uma uthi ayiphume inhlalisuthi iyoshela, uthi ayiyoshela kuphi, ngoba ngeke ize iye emfuleni, izohamba iyoshela wona amakhosazana lawa, kushuthi namakhosazana lawa uthi before kuyiwe ebhentshini kufanele iqale ngokuqoma. Namhlanjeke sinabaholi abanjalo la ebandleni lamaNazaretha!
61.Manje loluthando lukaNkulunkulu, loluthando lukaMprofethi Isaiah Shembe owayenalo, amaNazaretha asekhohliwe yilo!
62.Kodwa sengathi thina la ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu singekhohlwe iloluthando lukaShembe asithanda ngalo. Noma sikuphi la sikhona sazi ukuthi sinomuntu owasithanda, sinomuntu owasihluphekela.
63.Ngoba ukube uBabamkhulu akaze abuthwale bonke lobubunzima abuthwala ngabe asikho thina la, kodwa ngokuthi yena wahamba wathwala ubunzima, njengoba ngishilo nasekuqaleni ukuthi uthi uMfundisi uNgubane babehamba bedla ipharishi elichithiwe, angazi nokuthi lichithwe ubani.
64.Namhlanje amaNazaretha aholwa umuntu, uthi umele uBabamkhulu kodwa uhlekisa ngento uBabamkhulu afundisa ngayo.
65.Manje uma ufica inkosana iqonyiwe uzoyiqulisa uthini icala ngoba kusho umholi wayo lo ophambi kwawo wathi akufanele uqhamuke usuya ebhentshini, kufanele uqale uye lapha usuyoqonywa.
66.Ufundisa abantu ukuthi abayeke manje, abayeke ukuza esontweni, kufanele beqale beyokwenza izono kuqala kuyima bebuya beza esontweni.
67.Abantu okwakufanele babe nezono kuqala before beza esontweni, ilaba abaficwa uBabamkhulu wafika washumayela, njengoba sisho nesihlabelelo ukuthi besonile sikhonza izithixo zethu kodwa uNkulunkulu wasihlenga ngeSabatha.
68.Selikhona manje iSabatha, uNkulunkulu usihlengile ngeSabatha, namhlanje sikhishwa kulo iSabatha kuthiwa asiqale siyokwenza izinto zasemhlabeni, bese kuma sibuya sizokholwa.
69.Lezi zingane esizizele nje, esithi sijabulela ukuthi thina njengoba sila e-NCG, izingane esizizele ngeke zisahamba izindlela esizihambile ngoba thina emakhaya sike sahamba kwabizwa izinyanga emakhaya kwathiwa azizogcatshwa azizoqiniswa, sajonjiswa zonke izinto.
70.Namuhla thina sizele izingane esithi ziyinzalo yobuNazaretha obungcwele, sekufanele lezi zingane ziphinde ziphume ziyoqala impilo yangaphandle?
71.Ukuthi ngoba nakhu yena uthathwe emadayisini kushuthi sekufanele azokhipha laba bantu abasesontweni bahambe nabo bayoqala amadayisi kuqala before bebuye beze esontweni?
72.Inkinga maNazaretha esibheke nayo, ukuthike, asazi, kodwake kunabantu abadala lapha abawaziyo umthetho webandla, ukuthi bathula bathini uma sebeyibona indlela ingasahambi la ebekuhanjwa khona.
73.Ngabe ngiyezwa ukuthi mhlawumbe lo mholi lento uyikhuluma phambi kwabantu abangakaze bahambe noBaba ILanga noBaba iNyangayezulu.
74.Kodwa manje uyikhuluma phambi kwabantu ababaziyo ubuNazaretha ukuthi ubuNazaretha bunjani, namhla laba bantu bazothula izingane zabo ziyoqoma ngoba kusho umholi.
75.Kodwa ke lilodwa icala elikhona maNazaretha, ukuthi kuthiwe hhayi thina sinalona osesihlalweni. Njengoba kuthiwa thina sinalona osesihlalweni nje, izogijima inhlalisuthi ayizukuqonywa izoba ibuya ngokuzolala.
76.Ngoba yini? Uma uthi uyakhuluma wena kuzothiwa hhayi thina sinalona osesihlalweni, angithi sekusho osesihlalweni ukuthi akuqalwe lapha. Ibuphike ubuNazaretha ongathi lowo muntu uzobakha, kahle kahle lo muntu uzobulala umsebenzi kaNkulunkulu.
77.Kodwake thina maNazaretha asingalikhohlwa loluthando uBabamkhulu asithanda ngalo, uye esho uBaba uMelusi, uye esho noMama uMkhokheli ukuthi uma sila thina ngisho abasezulwini basuke bekhona la phakathi kwethu.
78.Ezulwini ibandla lamaNazaretha elithenjiwe ileli, thina asingazenzi zonke lezi zinto eziphambene nobuNazaretha, ngoba thina ukuthi siyalubona loluthando lukaBabamkhulu owayenalo ngamaNazaretha, silukhombise ngokuthi lokho sibuyele ezimfundisweni owasifundisa zona uBabamkhulu.
79.Uma ethi asingayi ezangomameni sakuyeka ukuya ezangomeni ngoba sifuna abone uBabamkhulu ukuthi laba bantu bayabona ukuthi ngabathanda ngabafundisa indlela yokuthi beye ezulwini.
80.Uma ethi uBabamkhulu ongqingili asibafuni kulelibandla, kufanele nathi sime lapho ukuthi ebandleni lamaNazaretha asisoze sahlanganyela nongqingili.
81.Noma engafika ezifihlile, uyozifihla izinsuku ezimbili ezintathu mhla samubona uyophuma ngesango, uma kuwukuthi uyozifihla singakwazi ukumubona uNkulunkulu uyomubona amukhiphe ngoba uma senza okungcolile sila, singakwenza okungcolile sila, sikufihle mhlawumbe ngibe umuntu ohlakaniphile okwaziyo ukufihla izinto.
82.Kodwa kuklhona umuntu ongeke uze ukwazi ukumfihlela, uNkulunkulu angeke uze ukwazi ukumfihlela, uNkulunkulu ngeke uze ukwazi ukumfihlela, uyakwazi nje ukubona ukuthi hhayi sekukhona la okungasahambi kahle khona, siyokubona ungasekho la kanti uNkulunkulu ukukhiphile yena ngoba ukubonile ukuthi kukhona ububi obukhona kuwena.
83.Uye esho uMkhokheli ukuthi kukhona abantu abakhishwa la ngoba bephuma bonile, kukhona abantu abakhishwa uSathane ngoba ebabone ukuthi bazoba ikusasa elihle kulelibandla kodwa uSathane wafike wabakhipha.
84.Uye esho uMkhokheli ukuthi ingelosi iyaye isho ukuthi labo bantu kuyohamba kuhambe mhlawumbe bakhumbuleke umuntu akhumbule abuye ngoba akaphumanga ngoba wayehlosile kodwa wakhishwa uSathane. Kodwa uma wenza okubi ula ngaphakathi, uyokhishwa nje, ukhishwe uNkulunkulu.
85.Sengathi nalanake singahlala sinamathele njalo kuShembe ngoba uShembe wasithanda wasibuyisela endleleni kaNkulunkulu, indlela eqondile, sayeka ukuhamba ngazo zonke lezizindlela ezingaqondile. Esingazi ukuthi zisosithatha zisibekephi.
86.Ngoba uye uhambe, kwesinye isikhathi uye wenze into wenze into ngisho ungakwazi ukuthi umphumela koba yini. Kodwa la ebuNazaretheni uBabamkhulu wasifundisa yonke into ukuthi uma wenza ukuthi umphumela wakho koba ukuthi, uma wenza ukuthi umphumela wakho kuyoba ukuthi, sabuya kukho konke lokho sakuyeka, sazohamba ngendlela kaNkulunkulu.
87.Sengathi izindlebe zethu nezindlebe zabantwana bethu ngoba abantwana bethu esibazele basezikoleni, esikoleni, thina siseyibandla elincane.
88.Esikoleni kunokwenzeka ukuthi kunengane eyodwa yala e-NCG esikolweni efunda kuso iyo yodwa, kodwa amaNazaretha lawa akwezinye izinhlangothi maningi kuleso sikole.
89.Kuzophoqeleka le ngane ithi iyonamathela kubangani ngoba izwe kuthiwa bangamaNazaretha, kanti isiyonamathela kubantu aba-wrong.
90.Ngoba manje ingane uzoyithatha ingane la uyiyise esikoleni ifike ibe nomngani oyiNazaretha okolunye uhlangothi, ibe nomngani mhlawumbe okuloluhlangothi umholi wakho agqugquzela indaba yokuthi kufanele kuqonywe.
91.Iyothi iyakhuluma ingane yala e-NCG ithi hhayi ngoba umNazaretha uShembe wathi inhlalisuthi ayiqonywa, ithi le esuka ngale, ithi hhayi thina owethu wasivumela, imudlalele ngisho ivideo, ukuthi nangu owethu umholi, lo mholi obizwa ngokuthi uwunkulunkulu uyena ogqugquzela ukuthi akuqonywe. Ukhona uNkulunkulu ongagqugquzela into enjalo?
92.UNkulunkulu nje aze asikhumbule maNazaretha, kukho konke ukuhamba esikuhambayo, nathi esesithe ukukhula nabasengemumva kwethu nasebengaphambi kwethu.
93.Singazitholi nathi sesijabulela uuthi kufanele senze lezi zinto ezifundiswa abantu abangale ngaphandle, izindlebe zethu nezingqondo zethu azigxile kulento esiyifundiswe la e-NCG ngoba thina siyazi ukuthi abethu abaholi yonke into ayikhulumayo uma bemi phambi kwethu isuke ivela ezulwini
.
94.Abethu abaholi abakhulumi into esuke ivela ekuthandeni kwabo nasekufiseni kwabo, njengoba bela nje phambi kwethu bathunywe ilelozwi elalithume uMprofethi Isaiah Shembe, ukuthula kube kuye.
95.Nendlela esihamba ngayo, ngisho noma bengasihleka bethi sibancane asikwazi ukwenza ukuthi, ukuthi nina anikwenzi ngoba nakhu nibancane.
96.Kodwa kufuneka sazi ukuthi njengoba sila, noma ngabe ubani osibuzayo, hawu manje yini lokhu enikwenzayo nina nangawahlabela amadlozi, amanye amaNazaretha ewahlabela, kufuneka siwatshele ukuthi cha la esikhona thina sisonyaweni lo Mprofethi Isaiah Shembe, asikho kwenye indawo, sisonyaweni yoMprofethi Isaiah Shembe.
97.Ngoba abangekho onyaweni lo Mprofethi Isaiah Shembe sebehamba indlela yabo, thina sisahamba la okwakuhamba khona uMprofethi Isaiah Shembe, sisanyathela la owanyathela khona, la anganyathelanga khona akanyathelanga khona ngoba kungalungile, asikwazike thina ukuyonyathela khona.
98.Manjeke kufanele sinyathele la anyathela khona, sizokhuluma futhi lokhu okwakhulunywa uyena ngoba siyamazi uthando owayenalo, singafani nalaba asebekhohliwe, abangasazi ukuthi lo muntu owasungula ubuNazaretha wayenothando olungakanani ngobuNazaretha njengoba ngishilo nasekuqaleni ukuthi wavumela konke ukuhlupheka ayebhekana nakho kodwqa wakubona kuyize ngoba efuna ukuthi thina siyongena ezulwini ngoba efuna ukuthi siphuze eParadesi emuthini wokuphila.
99.Nawoke umuthi wokuphilake ukhona, iwo lo esikuwona namhlanje, sizophuza kuwo ngoba uMprofethi Isaiah Shembe usibekile kuwona, singakulandeli konke lokhu esesikubona kwenzeka ngaphandle.
100.Njengoba ngisho ngithi noma ubani osibuzayo sizomtshela ukuthi no, sisonyaweni lo Mprofethi Isaiah Shembe, ngoba kufanele senze lokhu okwenziwa uyena.
101.Njengoba uBaba uMelusi ehamba phambi kwethu nje noMama uMkhokheli besifundisa indlela yokuthi kufanele senzeni ukuze siyongena ezulwini bese sitholakala kusasa thina sesenza okunye.
102.Uma sesitholakala sesenza okunye sizoba singasalandeli lokhu esikufundiswe uBaba uMelusi, ngoba loluthando uMprofethi Isaiah Shembe owayenalo ngamaNazaretha, namhlanje siyalubona kubaholi bethu.
103.Ongathi akaliboni kusho ukuthi ngabe kusafanele mhlawumbe ayo clean(wa) ayogezwa amehlo ukuze azokwazi ukubona ukuthi uma uzilandela zonke izinto uBabamkhulu owayezenzela, ezenzela amaNazaretha, namhlanje siyakuthola ukuthi zikhona la phakathi kwethu.
104.Konke esikucelayo siyakwazi ukukuthola ukunakekelwa ngayo yonke indlela esidinga ukunakekelwa ngayo, akukho okwenzekayo uthole ukuthi uzoke ubike into kubaholi bethu uthole ukuthi uzoke ubike into kubaholi bethu bese ungakutholi ukuthi usizakale nokuthi unakekeleke.
105.Kodwa ngisho ngabe ngasikhathini uma uletha ukukhala kwakho kubaholi, kusheshe kuzwakale bese uyalekelelwa kulowo mthwalo osuke usuthwele njengoba kwakwenzeka ngesikhathi sikaBabamkhulu.
106.AmaNazaretha ngesikhathi sikaBabamkhulu ayengenawo umthwalo ayewuthwala ewodwa, ngoba ayethi uma eficwa isikhathi esinzima kukhona umthwalo onzima awuthwele, kodwa ayekwazi ukuyoguqa phambi kukaBabamkhulu, afike uBabamkhulu awethule lowo mthwalo.
107.Nanamhlanje kusenjalo, nanamhlanje futhi kufanele sicele kuNkulunkulu ukuthi uma sifika phambi kwakhe noma ngabe sithwele umthwalo ongakanani, nowezifo nonjani, kodwa uma sifika kuye sicela akwazi ukuthi asethule lowo mthwalo.
108.Nathi futhi bese siphinda sihamba kahle phambi kwakhe, loluthando abanalo uBabamkhulu ngathi nathi sibe nalo uthanda ngaye. Ziningi izinto asenzela zona uNkulunkulu nabaholi bethu bahlezi besitshela, ukuthi kuthiwa asenze ukuthi.
109.Ngike ngabona isimanga kuleliyisonto elidlule, kwamenyezelwa ukuthi kufanele sinikelele izinso, sicele izinso ezintsha namasosha omzimba.
110.Kwesinye isikhathi angazi noma mhlawumbe kuye kwenziwe ubungane noma ingani, ngoba ngiyakhumbula nangesikhathi se-covid19, kwamanyezelwa uMama uMfundisikazi ngithi kwakuwu 2019.
111.Wakhuluma uMama, uma ngikhumbula kahle ngithi waze waciphiza inyembezi, ekhuluma ukuthi ingelosi imikhombise isifo esizayo, esingeke size silapheke, washo ukuthi ithena ingelosi abantu bayoze sebegcina sebethatha ngisho utshani bethi babusisele utshani ukuze badle bona khona bezophila.
112.Asiyinakanga lento sayibuka njengento ezofika kude, kodwa akuphelanga sikhathi esingakanani yafika i-covid 19. Uye ezesho esho uBaba uMelusi ukuthi ngalelolanga kuthiwa asinikele, abaningi abanikeleanga ngoba abayibonanga lento, thina ngoba sibuka ngeso lasemhlabeni.
113.Kodwa kwathi uma sesifikile lesi sifo, kwayila siqala sithuka ukuthi hawu kanti lento ekade ikhulunywa izolo isikhona namhlanje, sasigijima sinikela. Nangampela uNkulunkulu wayivula i-umbrella yakhe yasezulwini wasifaka ngaphansi kwayo lesi sifo sangakwazi ukusithola.
114. La engiyakhona ngikhuluma kulendaba yezinso, kufike kwathiwa akunikelelwe izinso, sase siwukhiphake umnikelo sanikela.
115.Ngiyacabanga ukuthi abanye mhlawumbe abafana nami sanikela nje ngoba kuthiwa asinikele sicele izinso, kwesinye isikhathi uye uzizwe ukuthi hhayi kodwa mina angiguli, angiphethwe izinso, kodwa ngoba sekuthiwe asinikele ngoba sesiyazi ukuthi uma kukhulunywa into layikhaya kusuke isiseduzane ibonakala futhi ukuthi ikhona izoba ingozi, ukuze ikwazi ukuvikeka leyo ngozi asicele kuNkulunkulu ingasithinti.
116.Sawukhipha lo mnikelo sanikela, Kwathi ngakusasa ngafonelwa uMvangeli uNzimande, uthi Mfundisi kunensizwa egulayo, kunensizwa ewu sbari wami kuthiwa iyagula ilele esibhedlela eMartizburg iphethwe izinso, hawu iphethwe izinso!
117.Athi ayi kunjalo Mfundisi kodwa sengikhulumile nocingo, sengishaye ucingo ngashayela uMkhokheli eNqobizitha ngamubikela ukuthi sicela ukuthi siyokwenza umthandazo ngoba kuthiwa hhayi ubambekile.
118.Ngithi hhayi kulungile Mvangeli ngizozwa kuweke ukuthi impendulo ubuyela uthini uma, hhayi abuyeke uMvangeli athi hhayi kuthiwa singahamba siyothandaza.
119.Satshela nomfundisi uKhathi sahlangana lapha ezansi ePhilangezwi sase sisuka khona, sadlula sathatha uMvangeli sahambake saya e Maritzburg.
120.Mina ngazi ukuthi lo muntu ngoba egula nje, ngizitshela ukuthi ugulela ekhaya, hhayi uma sifika lapha kuMvangeli athi uMvangeli hhayi seku late, asizame ukuphuthuma ngoba u 12 isikhathi sokungena esibhedlela u1, ngithi mina hawu kanti siya esibhedlela athi hhayi usesibhedlela lo muntu. Sikwazi ukusikhavake isikhathi.
121.Sifone sibuzeke basichazele singene ngaphakathi, sihambeke siyocelake ukuthi hhayi sifuna usibanibani wakaThabethe, basiyalele ukuthi ukuphi singene.
122.Uma sifika lapha, i-ward igcwele, igcwele abantu okuthiwa baphethwe izinso, akuyo yodwa, uma isibalela lensizwa yakwa Thabethe, ithi nakule enidlule kuyona ngala abezinso, nakule engale noma uqhubeka futhi uya ngapha, njengoba ubona laba bantu begcwele la, agcwele abantu abanesifo sezinso.
123.Le nsizwa ithi njengoba ngila esibhedlela, ngithi bekumhlaka 14, ithi njengoba ngila esibhedlela kunamhlanje nifika nina namhlanje, ngiphakathi nenyanga yesithathu, u 2 months uphelile ngihleli la esibhedlela, njengoba ngilele nje la embhedeni kanje ngibheke phezulu, inyanga yesithathu le ngilele la embhedeni.
124.And ngendlela okukhulunywa ngayo bathi odokotela izinso zami zombili azisasebenzi, sebengibhobozile la bethi bangifakela inso ezokwazi ukuthi ilekelele lezi zinso ukuthi zisebenze.
125.Kodwa kwatholakala ukuthi babhoboze phezulu futhi basondele la ngasenkabeni, kanti izinso zisezansi, wathi njengoba ngihleli la, sengilindele ukuthi ngiyobhobozwa okwesibili kwehlelwe ngezansi ngoba kuphezulu. Hawu Thabethe kunjalo na, yebo kunjalo, hawu izinsizwa zonke lezi zilele la.
126.Bese sivele ngoba sesiyazi ukuthi laba bantu abala ewadini bonke bagula ngesifo esifanayo sezinso, sithi hhayi bafwethu, njengoba sikhona la, njemgoba nibona siphethe isikhwama nje lesi, lesi sikhwama sinemiNazaretha la, besizothandaza, sizothandaza ukuthi sicele uNkulunkulu aphilise uThabethe.
127.Kodwa siyacela nje, sizosale sesithandaza nje ngoba nisenkingeni efanayo nonke, ngeke sisanishiya ngaphandle, sesothandaza nje ukuthi umuntu ola ewodini, uNkulunkulu akehlise umoya wakhe ukuthi aphile, nikwazi ukuthi niphume niphindele emakhaya.
128.Ngoba uma uthi uyabheka laba bantu ungcono ubaba uThabethe sekumuntu osemdala cishe ungaphezu ko 60 years manje. Abantu abasebasha okusalindelwe ukuthi kwakhiwe imize emakhaya, abalindelwe ukuthi bahambe bayosebenza bakhe imizi laba abagcwele la, abalele ekuthiwa banalesi sifo. Abafana nje impela cishe bangangami abanye bangaphansi, abanye kuthiwa basuka ko Greytown.
129.Hhayi bese siyagqoka, zivume lezinsizwa, ajabule kakhulu noThabethe ngoba uwumuntu okholiwe futhi uwumKrestu, hhayi ajabule uma sithi hhayi sicela nje ukwenza nomthandazo.
130.Sithathe isikhwama sigqoke, ahlabelel uMfundisi uKhathi, sithandaze, siqede lapho bese sibashiya nje namazwi ukuthi bafwethu ningaxakeki uma nisibona sifika sithandaza nje singashiyi lutho, akukho ngampela ke esikuphethe, cha, ngaphandle nje kwezwi likaNkulunkulu, akukho okunye.
131.Futhi akukho okunye okuzoniphilisa naye ubaba uThabethe akukho okuzomphilisa ngaphandle kwezwi likaNkulunkulu, thina nje siphethe nje izwi likaNkulunkulu.
132.Ngicabanga ukuthi la embhedeni owawuseceleni kwakhe, kwakulele enye insizwa, ngicabanga ukuthi eyaseBuhleni, ngoba sathi uma sihlabelela uNkosiyethu uSimakade ngayizwa nayo ihlabelela.
133.Kodwa ngithe uma ngibona kushuthi yayingakaboni kahle ukuthi obani laba abala, ngithe ngibona ngayibona isibhekise ikhanda le, ngabona ukuthi kushuthi isibonile ukuthi angibazi laba ngoba ngesikhathi ihlabelela impela yayihlabelela. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngayibona isiflathele isibheke le.
134.Sase sikhuluma sathi cha, akukho esikuphethe ngaphandle kwezwi likaNkulunkulu, umuntu ozonikhipha la uNkulunkulu kuphela, sathandaza saphuma. Futhi samutshela sagaranta sathi baba uThabethe uNkulunkulu uzokukhipha la uzophuma uphindele ekhaya.
135.Kuthe ngoLwesine kulelisonto eledlule, ngangihamba nomfowabo kaMvangeli silaphana eHarmasteli, kwakhona umuntu omfonelayo emutshela ukuthi, wamubiza ngegamake uMvangeli, wathi hhayi njengoba uMvangeli kade eyothandaza lapha uzwile yini ukuthi usibanibani uphumile esibhedlela.
136.Njengoba safike sasho ukuthi akukho okunye uNkulunkulu ozomukhipha la. Hhayi nokuthi samuthandazela ngokumbamba ngezandla noma senzani saguqa nje eceleni kombhede.
137.Ngoba ngisho umlungu omunye owayekulombhede owawungale, naye wawubona lo mthandazo esifike nawo ngoba sathi uma sithi nje siyathandaza sikhipha ingubo emhlophe, wa-respond naye kulokhu esikwenzayo ngoba uma usukuloya mbhede usuke ungasadingi enye into usuke usudinga uNkulunkulu kuphela, usuke usudinga loluthando lolu lukaMprofethi Isaiah Shembe afika nalo kumaNazaretha.
138.Nathi akukho esasiye lapha sikuphethe, saya nje sazi ukuthi ngoba sinoMprofethi isaiah Shembe osithandayo, angeke avume ukuthi sifike lapha esibhedlela sibize igama likaJehova esamfundiswa nguye, ebese kungenzeka lokhu ebesithi sicela kwenzeke.
139.Kodwa kwenzeka ngoba sasambe naloluthando lolu ukuthi thina siyazi ukuthi sithandwa uMprofethi Isaiah Shembe. Uma sifika lapha sithi Nkosi yethu Simakade simi phambi kwakho, siyacela ube khona kanye nathi, zonke izono nazo zonke izifo maziphele, ubumhlophe nobumnandi makube nathi’, kuzokwenzeka lokho.
140.Waphuma uThabethe, and futhi samutshela, mhlawumbe uzofika la ngoba sasho ukuthi sifuna ukuthi uma uphuma la Thabethe, sizohlela indlela yokuthi sikulande, sifuna ukuthi uze esontweni ngoba uzobe ungakhishiwe yithi uzobe ukhishwe uNkulunkulu.
141.Washo uMvangeli wathi kufanele uzobonga-ke kuNkulunkulu lo ozokukhipha la, sizohlela nje indlela uma usuphumile la, uze uzobonga kuNkulunkulu ngoba uyena ozobe ekukhiphile, sizokuhlela nje lokho ukuthi uBaba uThabethe ahambe ahambe agcine efikile.
142.Ngoba sifuna ukuthi abone ukuthi njengoba safika lapha sathi thina siphethe uthando lo Mprofethi Isaiah Shembe, ilona elizokukhipha la, nangampela akuphelanga nesonto, esehlale izinyanga, esesenyangeni yesithathu. Samutshela sathi hhayi uNkulunkulu uzokukhipha, uzohamba uyekhaya ezinganeni zakho.
143.Angibange ngisabuza ukuthi lokhu kubhojotszwa okwathiwa usazobobozwa, Wagcina ebhoboziwe noma uphume esabhobozwe kanye yini ngoba umuntu ngesonto kwathiwa uzobhobozwa, ngoLwesine kuthiwa usephumile esibhedlela ekubeni esehlale izinyanga ezimbili ezigcwele esesenyangeni yesithathu.
144.Kodwa ngaloNkulunkulu lo, njengoba ngihlabelelile ngasho ngathi siyakubonga Nkosi uJehova ekuthobekeni kwethu ngoba wena usipha inhlanhla yokuthi uma sikhuluma kubantu, basizwe abantu ukuthi sikhuluma indaba yakho, nokuthi uma sihamba uma sicela, abaholi bethu baye besho ukuthi akukho abakwazi ukusenzela khona kodwa baye bakubeke konke kuNkulunkulu.
145.Ngisho ingelosi uma ifika, ayithi ifike ilethe ukuphila, noma ithandaza, ithandaza ibize uShembe, icele kuShembe ukuthi laba bantu abazophuza lamanzi abaphile, uma ibusisa amafutha, abantu abazosebenzisa amafutha abaphile, icela kubani, icela koPhezukonke.
146.Manjeke noma sifika phakathi kwabantu asikwazi ukufika thina bese sikhuluma elinye izwi ngoba ingelosi esuka ezulwini ayikwazi ukuthi njengoba sekufike mina ngisuka ezulwini sekuzokwenzeka ukuthi, kodwa iye icele kuNkulunkulu ngoba uyena ophethe izimpilo zethu asiziphathele thina, ukuphila kwethu kusezandleni zikaNkulunkulu.
147.Manje noma sifika kubantu, asikwazi ukufika sithi thina kukhona okunye esikuphethe ngaphandle kwezwi likaNkulunkulu ngoba noShembe, uMprofethi Isaiah Shembe ngesikhathi ekhanda lobubuNazaretha ayikho enye into owayeyiphethe kodwa wayephethe izwi likaNkulunkulu, ilona owayegarante ngalo.
148.Ngoba ngisho izinkantolo zimubopha, wayeye afunde ibhayibheli, bese ebonakala ukuthi lo muntu kanti ufunda lona ibhayibheli elifanayo, kodwa umehluko wawusekutheni uBabamkhulu yena wayevela ezulwini, futhi owayekukhuluma kwakuvela ezulwini.
149.Njengoba nanamhlanje sila, sinabaholi bethu, abaholi bethu bavela ezulwini, abakukhulumayo futhi nabo kusuke kuvela ezulwini, kusuke kungasuki kubona.
150.Manje uma nathi sizobambelela kulokho, sazi ukuthi njengoba sila sisonyaweni lo Mprofethi Isaiah Shembe, iNkosi izokwenza lokhu okwenziwa uyena.
151.Ngoba ngisho izinhlangano zezepolitiki, uma zikhuluma ziye zikhulume zibhekise kubaholi bazo bangaphambili abasungula inhlangano, zisho nazo ukuthi sihamba ngokwenqubo mgomo kasibanibani owasungula le nhlangano.
152.Manje thina sihlulwa yinike thina njengoba singamaNazaretha sikholwa ukuthi sihambe ngendlela kaBabamkhulu, sikusho futhi ukuthi lokhu sikwenza ngoba kwashiwo umsunguli walelibandla esikulona.
153.Kodwa thina kuyasehlula lokho, sesizikhulumela nje okwethu esingakwazi ukuthi sikuthathaphi, siyakulahla lokhu esikufundiswe ilo muntu osungule le nhlangano.
154.Manje uyojabula kanjani ngathi uBabamkhulu uma singakwazi ukukhuluma lento asifundise yona?
155.Uye wakhuluma abantwana baseNdlunkulu kwelinye ibandla lamaNazaretha, ebatshela ukuthi lokhu enikwenzayo, amaNazaretha asekukhuluma ngisho emngcwabeni.
156.Uthi ngike ngiwezwe amaNazaretha ekhuluma ngisho emngcwabeni, athi uma kuhambe umuntu uya kwabakubo abangasekho. Uthi kodwa uMprofethi Isaiah Shembe akaze akufundise lokho, wabahlukanisa abakholwayo nabangakholwa.
157.Wabahlukanisa uBabamkhulu abakholiwe nabangakholwa wathi abangamadlozi ilaba abangawubonile umbuso wezulu, kodwa abawubonile umbuso wezulu bakuphi bona, bahlezi nongcwele ebungcweleni bakhe.
158.Kodwa thina maNazaretha, amaNazaretha awasayikhulumi yonke lento eyafundiswa uBabamkhulu, sebezenzela nje okwabo okuthandwa yibo ongakwazi ukuthi bakuthathaphi.
159.2 AbaseKorinte 6 verse 14
“14 Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? 15 Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?”
160.Kodwa namhlanje amaNazaretha athi uma ufile uya emndenini, uzohlala kanjani nabantu ebebengakaze bayifake ingubo emhlophe, njengoba wathi uBabamkhulu la, isihlabelelo 235 ‘kepha yena uma umhambi eya kulowo muzi wembathiswa ngokumhlophe’
161.Manje wena uzombathiswa ngokumhlophe ebese uhamba uyohlala nabantu abangakaze bekwembathe okumhlophe, uma ufika kubona abazukukungcolisa yini ngoba phela anikaze nihambe indlela eyodwa naye?
162.Kodwa namhlanje amaNazaretha akutshela ukuthi uma ufa uhamba uye emndenini, akutshele ukuthi uShembe akakwazi ukukusiza uma umsamu wakho ungaqondile.
163.Kodwake kufanele uma bekhuluma ngaloboShembe babo asebelapha, baqinisile ngeke akusize umsamu wakho uma ungalungile ngoba vele akahlanganise lutho noNkulunkulu.
164.Kodwa thina lo wethu uShembe ongumoya ongcwele akhuluma ngaye uBaba iLanga wathi asifuneni uShembe onguMoya Ongcwele, thina ukuthi umsamu unjani, akabheki, ubheka ukuthi uhambile yini ngezimiso zakhe, bese kuthi uma ucela okucelayo bese ekwamukelisa khona.
165.Ungabheki ukuthi ukugayile yini utshwala, ubanikile yini abadala, kodwa uye ebheke ukuthi njengoba uguqile phambi kwakhe wacela lokhu okucelayo, uhambile yini futhi nangendlela yakhe.
166.Njengoba sathi uma sicela nje uma kufika i-covid19, sacela kuNkulunkulu ukuthi uma kufika lesi sifo, asingathathwa ilesi sifo, uNkulunkulu akabhekanga imisamu yethu, kodwa wabheka ukuthi sihambile yini ngemiyalo yakhe, wasithola ukuthi siyazama ukuyigcina imiyalo yakhe, wase eyasivikela.
167.Kodwa laba abasafuna ukuhamba ngokwemisamo yabo, okwabo lokho, asihlangene thina nabo, kodwa thina sisonyaweni lo Mprofethi Isaiah Shembe, silandela nje la ahambe khona.
168.Mhlawumbe ukube bengikhuluma ngesingisi bengizosho ngithi we are following the footstep of Prophet Isaiah Shembe, kodwa ngoba ngikhuluma IsiZulu ngithi silandela ezinyathelweni zoMprofethi zikaShembe.
169.Uma singasahambi la ahambe khona, ngisho esibhedlela kuyaye kuthiwe landela unyawo olubomvu noma landela unyawo oluluhlaza. Uma kuthiwa landela unyawo oluluhlaza wangalilandela, ngeke uze ufike la oyakhona.
170.Manje nathi asihambe ngendlela ngoba siyazi ukuthi lezi nyawo esizilandelayo ila ekukhona khona umuntu owasithanda wasenza sayilento esiyiyo.
171.Thinake singamaNazaretha kaNkulunkulu sehlukile kwamanye amaNazaretha, ngisho ngabe kuthiwa sifikaphi la esifika khona, singakalikhulumi nje ivangeli esihamba nalo, besasibuka emehlweni bayabona ukuthi hhayi akuboke laba esibaziyo laba, besasibuka nje indlela esiyiyo ngoba siyafundiswa yonke into ukuthi noma siphakathi kwabantu kufanele siziphathe kanjani.
172.Singathi siyahamba sewuyatholakala naba abanye le, naba abanye le, abasenzi lento uNkulunkulu asifundise yona ukuthi siyenze uma sikulokhu kukholwa. Kodwa thina, singakalikhulumi ivangeli ayi angiphathike uma sekuke kwafika evangelini.
173.Abekho abantu esiye sifike kubona, sibashiye bethi hhyi lokhu esikuzwe namhlanje, hhayi kulula into esiyaziyo, cha, uma sifika endaweni esifika kuyo. Sifike sivule i-page elisha, bethuke abantu ukuthi hawu kukhona amaNazaretha anje.
174.Kodwa uma bethi bayayibheka lento esiyishilo, asiyithathanga kwenye indawo, ithathwe kulo ibhayibheli leli, nabo leli abaliphathayo, ongekho umuntu othi uyakholwa futhi ophatha lona, thina sifundisiwe la.
175.Ngiyakhumbula, uMkhokheli omkhulu wake wakhuluma sisesezansi ngicabanaga ukuthi kwakuwu 2015 ekhuluma ngenkonzo eyayinesihloko esithi ukuphilela uJehova nokuziphilela wena.
176.Thina la asiziphileli thina kodwa siphilela uJehova, yikho sihamba ngemiyalo yakhe ngoba siyazi ukuthi uma siziphilela thina, umuntu oziphilela yena, ukube siziphilela thina ngabe namhlanje asikho la, ngabe sihambile sathi hhayi ngizoba bona ngesonto elizayo esontweni, mhlawumbe ngizobabona ngo October, ngoba yini ubephilela wena.
177.Kodwa uma uphilela uNkulunkulu, uyazi ukuthi njengoba sikulelibandla asiziphileli thina siphilela uNkulunkulu, asikwazi ukuhlanganyela nongqingili, asikwazi ukuhlanganyela nezitabane, asikwazi ukuhlanganyela nezangoma, asikwazi ukuhlanganyela nabantu ababhulayo.
178.Asikwazi ukuthi sivumele abantwana bethu befake amabhulukwe emakhaya bengamantombazane, asikwazi ukuvumela ngisho amakhosikazi ethu ukuthi nawo afake amabhulukwe, asikwazi ukuthi kwayithina sigunde intshebe, sigunde amakhanda.
179.Ngoba asiziphileli thina siphilela uNkulunkulu, uma siphilela uNkulunkulu kufanele ukuthi sibheke ukuthi uthena uNkulunkulu ebese senza lokho akushilo.
180.Kodwa abaziphilela bona namhlanje, mhlawumbe bayageza manje balungiselela ukuthi kushaye u-3 bebe se-stadium beyobuka ibhola. Abaziphilela bona bahlangene, balele ngezisu emapaki, abaziphilela bona bahleli ema-bar, baziphuzela utshwala, bazothi bephuma lapho bephume sebenezingozi.
181.Abanye bazophuma begwaziwe, abanye bazophuma bedutshulwe kodwa thina ngoba uNkulunkulu usihlengile, wasihlenga ngaleli Sabatha, ikho njalo uma kuyiSabatha kufanele size la ngoba siyazi ukuthi kukho konke esinakho, ukubusa kwethu nani, konke kulokho sahlengwa uNkulunkulu, wasihlenga ngeSabatha ngoba wasilanda ezintweni eziningi ebekade sizenza.
182.Kodwa mhla uNkulunkulu esefuna ukusihlenga, wathumela uMprofethi Isaiah Shembe la emhlabeni, uthe esemthumelile, wahlala wahlala namaNazaretha ewafundisa indlela kaNkulunkulu, kwaze kwafika isikhathi la khona abuyisa khona iSabatha.
183.Njengoba esho uShembe ukuthi besonile kodwa wasihlenga wena Nkosi ngeSabatha, wathi iSabatha liwumkhosi wentethelelo, njengoba size la nje kuyiSabatha, sisemkhosini wentethelelo, sizocela intethelelo kuzo zonke izono esizenzile.
184.Sizocelela ngisho abangasekho asebahamba ukuthi uNkulunkulu la okhona abakhumbule, abangenise emzini okhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga, ngoba iyona goal yethu leyo esinayo ukuthi uma sifa singene emzini okhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga.
185.Engicababanga ukuthi mhlawumbe ngisho ngabe kuthiwa umuntu uyakubuza la ohlangana khona naye kuxoxwe ebese umuntu ekubuza ukuthi yini eyakwenza ukuthi ukhethe wena uyosonta lapha ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu, washiya lamanye amaNazaretha.
186.Mhlawumbe abuze ukuthi hawu ngoba siyakwazi kade uwuMkrestu, yini ekwenze ukuthi wena ushiye lelibandla lamaKrestu usuyojoyina leliyabandla lamaNazaretha.
187.Impendulo iyodwa, ukuthi lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, lisifundise ukuthi kufanele sihambe kanjani uma sila emhlabeni kuze sizokwazi ukuthi uma sifa singene ezulwini.
188.Ngoba uma ungase uthi uyabheka uyalandela, lesi Sifundo isifundo osithola layikhaya kuphela, alikho elinye ibandla elinesifundo sokuthi kufanele wenzeni, kufanele uhambe kanjani ukuze ungene emzini okhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga.
189.Manje ngaso sonke isikhathi kufanele sihlezi sinakho lokho ukuthi ukuba khona kwethu la, sizofuna indlela eya ezulwini, njengoba sisho isihlabelelo 57 ukuthi sifuna indlela eya ekhaya ezulwini.
190.Uma singafunanga ngampela indlela eya ekhaya ezulwini iyiphi enye indlela esingabuye siyifune, njengoba esho uBabamkhulu ukuthi sifuna ukuya ezulwini siyohlala noNkulunkulu, kodwa uma sishumayela ivangeli, ngoba ungasihlabelela lesi sihlabelelo, usihlabelele, usihlabelele uze uyofika ekugcineni, kade sikutshela ukuthi njengoba ula funa indlela eya ezulwini.
191.Kodwa uma uke waqeda lapha uthathe umbhobho ukhomba abantu ezulwini lo mnandeni, kodwa isihlabelelo obusihlabelela before uqale intshumayelo, sikutshele ngokuthi sifuna indlela eya ekhaya ezulwini, uma usushumayela wena usushumayela ukuthi asiye ezulwini lo mndeni.
192.Manje bese ubuka ukuthi asazi noma ukungazi kwethu thina maNazaretha noma mhlawumbe amaqhinga asetshenziswe uSathane ukuthi ufike Ufunde into phansi uma usuwenza wenze okunye kodwa.
193.Ngoba kukhona abantu abangakudla ikuhlaza, ukhuluma indaba yokuthi izulu lomndeni alikho, kodwa nasi isihlabelelo akukho.
194.Ku-23 uthi uBabamkhulu uthi amandiki namandawo ukufa kwabezizwe, zingaki izangoma manje eziphehla abantu ngamandawu ebandleni lamaNazaretha kodwa la kuthiwa ukufa kwabezizwe, siphinda sithi thina siyakukha ukufa kwabezizwe, bese ubuka ukuthi kwenzakalani ngampela.
195.Kodwa ke kufuneka sizicelele maNazaretha nasemthandazweni yethu ukuthi loluthando uBabamkhulu aba nalo ngamaNazaretha hhayi lungapheli kuthina, nathi, umuntu uma ekuthanda nawe kufuneka ubuyisele ngokuthi umthando, nathi simthande uBabamkhulu, sinyathele la anyathela khona.
196.Ngoba uma sike sanyathela la anyathela khona, sizonyathela, sinyathele sizoze sifike futhi la ekukhona khona yena, njengoba ngishilo ukuthi nasesibhedlela uma silandela unyawo olubomvu, likuyisa la okufanele uye khona.
197.Manje nathi uma sinyathele la okwanyathela khona uBabamkhulu, la ami khona uBabamkhulu nathi siyofike sime khona ngoba silandele unyawo lwakhe.
198.Kodwa uma sike sanyathela eceleni, sahamba eceleni, ngeke simubone, uma kuwukuthi ufike wama la kwi step mina nganyathela lapha, ngeke ngimubone ngofike ngidlule. Kodwa uma nginyathele la anyathela khona, la afike wama khona nami ngiyofike ngime khona ngibone sengiphambi kwakhe.
199.Kodwake ukuhamba onyaweni la ahamba khona uBabamkhulu ukuthi silandele imithetho le asifundisa yona, nothando lolu asithanda ngalo, luhlale lukhona ezinhliziyweni zethu.
200.Ngoba mhlawumbe nezono ezibuye zisihlasele, uma sikhumbula ukuthi thina sathandwa uBabamkhulu, sathandwa umuntu owahlupheka, okwathi ehamba ebheke le njengoba ngishilo ngasekuqaleni ukuthi bathi benqamula enkopholo wafikca ipharishi engazi nokuthi lichithwe nini seluze lalalela unwele lolu oluluhlaza.
201.Wathi bantabami lubutheni lelipharishi sihambe nalo esho koMfundisi uNgubane, wathi uma behlala phansi bephumula, walithatha wathi abalilethe kuye. Kwawuyela olengulayo, osisusa ukubola lokhu okungaphezulu walisika Phakathi wabanika wathi dlanini naye wadla.
202.Namhlanje kodwa sesihlekisa ngaye ngoba ukuhlekisa ngobuNazaretha, ukuhlukisa ngoBabamkhulu.
203.Uye esho uBaba uMelusi ethi uBabamkhulu uyajabula ngathi la akhona ngoba uye ethi uma ebuka emhlabeni, abone ukuthi leyanto engayishiya emhlabeni isekhona laphana e-NCG.
204.Ngoba uma ubuka ngampela ukube kuthiwa lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu alikho, uBabamkhulu ngabe uthi uma ebuka, esezulwini uma ebuka emhlabeni ngabe ubonani, ngabe uyabona yini ukuthi ngake ngaya emhlabeni.
205.Nongamubuza athi Mprofethi ngoba wena wahamba waya emhlabeni wafike wahlala iminyaka emngaka, yini owafike wayenza uma kunjeya, engaphendula athini uBabamkhulu.
206.Kodwa ngathi uyakwazi ukuthi uBabamkhulu akhombe ukuthi yini afike wayenza emhlabeni, nomhlaba namhlanje uyazi ukuthi kuke kwafika umuntu okuthiwa uMprofethi Isaiah Shembe wazofundisa ngoNkulunkulu. Namhlanje umhlaba ukwazi ngani lokho, ukwazi ngevangeli elishunyayelwa uBaba uMelusi.
207.Bantwana basezulwini isikhathi sesifikile.
INkosi ibusise enikuzwile.