Kuyi ikhasi 86 lencwadi kamNyandu ethi “Izintshumayelo zeNkosi iLanga”, nansi inkulumo eyakhulunywa nguShembe ngobuNazaretha. Uthi uBaba iLanga:
“UbuNazaretha abuqali ukufika emhlabeni. Kade bafika nakoMose, nakoJesu nakubaprofethi, kodwa behluleka!
Afike lowo ofikayo abuphembe njengoShembe nje. Bese kuthi labo abamlandelayo behluleke, bangabugcini ubuNazaretha!
Isihlabelelo 208
1.Thabani, thabani
Bufikile ubuNazaretha.
Thabani, thabani,
Izizwe zosinda
Ebezihlakazekile
Zizula emahlane
Ngezwi lakho.
2.Thabani, thabani,
Bufikile ubuNazaretha.
Thabani, thabani
Izizwe zosinda
Buphelile ubumnyama
Jabulani nithokoze
Zizwe nonke.
3.Izizwe eziningi
Eziphansi kwezulu
Sizibona zihlakazekile
Zihlabelela zijabhile.
4.Thuthuka, thuthuka,
Thuthuka buNazaretha
Thuthuka, thuthuka
Izizwe zomile
Zifuna ukuphuza kuwe
Zikholwe zichichime
Ngezwi lakho.
UMNAZARETHA ILONA BANDLA LIKAJEHOVA
1.Igama elithi umNazaretha ngesingisi lithi, “Nazarite”, lesuselwa kuysiHebheru okuthiwa “Nazir”, okusho lowo impilo yakhe yonke uyinikele kuNkulunkulu.
2.EBhayibhelini igama lomNazaretha siqala ukuhlangana nalo kuNumeri 6:5 lapho kuthi khona:
3.“Zonke izinsuku zesithembiso sokuba ngumNazaretha kungasondeli mpuco ekhanda lakhe; uyakuba ngcwele zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova!”
4.Inkulumo engiyiqondile ile ethi: “Zonke izinsuku zesithembiso sokuba ngumNazaretha kungasondeli mpuco ekhanda lakhe; uyakuba NGCWELE zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova!”
5.Ekuqaleni isifungo sokuba ngumNazaretha kwakuba isifungo sesikhathi esithile, esingathi kulesi sikhathi, UKUZILA.
6.Kodwa umehluko ukuthi isifungo sokuba ngumNazaretha sasiside kunesokuzila, ngoba sasingathatha izinyanga eziyisithupha size sedlule ulokhu ugcine isifungo sobuNazaretha: ungaligudi ikhanda, ungasithinti isidumbu ungakuphuzi utshwala noma iwayini.
7.Ngithi lesi kwakuyisifungo sokuzila njengoba wawuba kulesi simo uma kukhona into eyikinga ocela uNkulunkulu akuxazululele yona, njengokufuna umntwana. uMka Manowa noHana babengabatholi abantwana.
8.Kodwa emva kwesikhathi lesi simo asibange sisaba isifungo sesikhathi esithize, kodwa kwaba nabantu abazalwa bengamaNazaretha baze beyofa bengamaNazaretha.
9.USamson wazalwa engumNazaretha, kanye noMprofethi uSamuel wazalwa engumNazaretha waze wafa engumNazaretha.
10.KuyiTestamente Elisha uMprofethi uJohane uMbhabhadisi, noYeshua, bazalwa bengamaNazaretha baze bafa bengamaNazaretha.
11.Ngeshwa kuyi New Testament asinikeziwe umlando ngoJohane njengomNazaretha, kanjalo noYeshua njengomNazaretha!
12.Njengoba sesazi abezizwe bakufihla ukuthi uJohane wayengumprofethi, nokuthi wasungula ibandla lamaNazaretha; kanjalo nokuthi uYeshua noSha’ul babengabaholi bebandla lamaNazaretha.
13.UNkulunkulu-ke uke asebenze ngendlela ongayiqondi. Ngenkathi amaRoma eseyiqedile inkolo kaMose, baba nezifundiswa ezibizwa ngokuthi ama Correctos, uJerome owabe engomunye wabo.
14.Umsebenzi walezi zifundiswa kwakunguhumusha izincwadi zamaHebheru ziziyise kuyisiLatin.
15.Ekuhumusheni kwabo, kwakuye kuthi uma bebona ukuthi lenkulumo iyaphambana nobuKrestu, bese beyishintsha ngendlela yokuthi ivumelane nemfundiso yobuKrestu.
16.Okuningi esikufunda kuyiNew Testament akuyikho lokhu okwakubhalwe ezincwadini zesiHebheru.
17.Ngake ngathola incwadi yesiHebheru ethi The Gospel of the Nazareens, manje ngokuhumusha esibizwa ngokuthi NgokukaMathewu.
18.Lencwadi yayisigugille, amakhasi amaningi engasekho. Kodwa kulawo ayesekhona, ngamangala ukuthi ziningi kangakanani izinto ezashinthwa.
19.Ukubala ezimbalwa, lokhu ukuthi uYeshua kwathiwa ngumNazaretha ngoba wazalelwa edilobheni okuthiwa iNazareth, kwakungayilo iqiniso, kwashintshwa ngamaCorrectos ngoba kufihlwa ukuthi uYeshua wayengumNazaretha!
20.Ukuthi wathi uYeshua uyovuka ngosuku lwesithathu kwakulilumbo, kufakwa emlonyeni ongakaze uYeshua akusho. Inhloso kwakunguku vusa usuku lweSonto lokukhonza uBhali.
21.Ukuthi uYeshua wathi uyiNdodana EZELWE YODWA kaNkulunkulu, yinto uYeshua ongakaze ayisho. UYeshua wathi UYINDODANA KANKULUNKULU, kwaphela lapho.
22.Ziningi izinkulumo zamaHebheru ezashintshwa, othi uma ufunda lezi zinto umangale ukuthi ikuphi okuyikho, nokungayikho.
23.Nginokungabaza ukuthi uYeshua wake washo ukuthi umuntu akabhajadiswe egameni likaYise, leNdodana nelikaMoya ongcwele!
24. Kodwa kungenzeka ukuthi lenkulumo yayakhiwe ukuvusa uNkulunkulu omthathu emunye, ngoba ayisilona ulimi lwenkolo kaMose, noma yeTestament Elidala, uYeshua owaye kulo!
25.Ngaso sonke isikhathi kuyiTestament Elidala kukhulunywa ngoJehova uNkulunkulu wethu, akukhulunywa ngoYise, iNdodana noMoya ongcwele!
26.Yikho ingelosi isithe lapha eNCG uma sibhabhadisa sithi, “Egameni liKaJehova iNkosi yethu, uMdali wezulu nomhlaba.”
27.Ziningi kakhulu izinto eziwubuqili ezenziwa ngabezizwe ukuze ngazo thina sishiye inkolo kaMose, okuyinkolo yethu, silandele eka Constentine!
28.Nalo “Baba wethu osezulwini” awulona ulimi lweTestamente elidala. NgokweTestament elidala kufanele kuthi: “Jehova Nkulunkulu wethu!”
29.Njengoba ngithi uNkulunkulu uyisimanga, angazi ukuthi amaCorrectos akushiya kanjani ukulishintsha ku Izenzo 24:5 igama elithi uPaul wayengumholi webandla lamaNazaretha, ngoba babekufihlile kumavesi amaningi.
30.Bheka iZenzo 28:22 lapho kuthi: “Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli HLELO ukuthi liyaphikiswa ezindaweni eziningi.”
31.Awukwazi ukuthi ungathi uma ubhala bese uthi NGALELIHLELO, ungalisho igama lalo!
32.Uma umuntu esefunda uzothi ukhuluma ngaliphi ihlelo ngoba akukho lapha igama lalo libizwe khona ngaphandle kwaku Izenzo 24:5?
33.Kodwa-ke sikhuluma ngebandla lamaNazaretha, ukuthi yilona bandla laseZulwini.
34.Ngokuthi lelibandla ku bhalwe igama lalo ku-Izenzo 24:5, sikwaze ukulilandela leligama saze safika emnyombeni walo, sathola ukuthi lelivesi alidukile, ibandla lamaNazaretha lasungulwa nguMprofethi uJohane, uYeshua omchaza ukuthi kwabazelwe ngenyama akekho owayefana noMprofethi uJophane!
35.Kodwa kuNew Testament akukho lutho esilutshelwa ngoJohane, ngaphandle kokuthi wabhabhadisa uYeshua! Okuseqinisweni asitshelwe lutho eBhayibhelini ngobudlelwano bukaJohane uMprofethi, kanye noYeshua!
36.Uma usufunda izincwadi, sezikutshela ukuthi uJohane wagcoba uYeshua ukuba abe ngumpristi wakhe, wamcijela ukuba ahole ibandla lamaNazaretha emva kwakhe, umangale ukuthi lento yafihlelwani eBhayibhelini?
37.Kufanele kucace ukuthi sisho ngani ukuthi ubunazaretha ilona kuphela ibandla likaJehova. Okokuqala kubhaliwe kuNumeri 6:5 ukuthi umuntu ongumNazaretha ngumuntu ongcwele. Umuntu ongcwele ngumuntu impilo yakhe yonke oyibhekise kuJehova.
38.Ukwenze njani ukuthatha yonke impilo yakho uyibhekise kuJehova? Lowo ngumuntu ogcina yonke imithetho kaNkulunkulu, agcine nalowo mthetho ongagcinwa ngabanye abantu noma bekholiwe.
39.Ukungaligundi ikhanda, ukushiya isihluthu sezinwele zakho sikhule, lokho kubekelwe amaNazaretha nabapristi bakaJehova.
40.Ukungasithinti isidumbu kubekelwe amaNazaretha kanye nabapristi bakaJehova. Ukungaliphuzi iwayini, kanye nophuzo oludakisayo, lokho kubekelwe umNazaretha.
41.Omunye umbhali wathi yonke impilo yomNazaretha iyefana neyaba pristi. Bheka kuLevi 21:1-6 lapho abapristi nabo bebekelwe umthetho wokuthi:
42.Bengagundi, bengasithinti isidumbu, futhi bengaliphuzi iwayini nophuzo oludakisayo ngoba bona bayakubangcwele kuNkulunkulu wabo.
43.Bengahlambalazi igama lika likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele!”
44.Ngaphandle kwalamaNazaretha esifunda ngawo kuyiTestamente Elidala, uMprofethi uJohane waba ngowokuqala osungula IBANDLA LAMANAZARETHA, EMVA KWAKHE LELIBANDLA LAHOLWA NGUYESHUA, EMVA KWAKHE LAHOLWA NGU SHA’UL, ABEZIZWE ASEBETHI NGUPAUL.
45.ABEZIZWE BASE BAYALIQEDA LELIBANDLA, BAFIHLA NEGAMA LALO, KODWA EKUGCINENI LABE SELIVUSWA NGUMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE(ukuthula kube kuye.)
46.Wonke amanye amaBandla ngokwenza nangokubakhona kwawo angamabandla asungulwe ngabantu, isisekelo sawo inkolo yabezizwe, lana othi uJerome bona bakhonza uBhali.
47.Akengibuye nginikhumbuze futhi incwadi kaJerome ukuthi wayesho ukuthini uma ethi: “Kufanele esikhathini samanje sike sibhekisise lamahlubuka azibiza ngokuthi ngama-Nazaretha. Ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda!
48.Abasebenzisi i-Testament elisha kuphela, kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lama-Juda. Abayichithi imithetho yamaJuda nabaProfethi babo, kanye nemibhalo yabo.
49.Basho zonke izinto lezi ezifundiswa emabandleni amaJuda, okwehlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMessiah.
50.Bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, kodwa uJesu yena uyindodana yakhe.
51.Balandela imithetho yonke namadili amaJuda, okufaka phakathi UKUSOKA NESABATHA.” Amen!
52.Nazi izinto abasenkolweni yabezizwe abangavunyelwe ukuzenza njengokuchaza kukaJerome:
53.Emabandleni abezizwe akuvumelekile ukuba basebenzise iTestament Elidala, kumele basebenzise Elisha kuphela.
54.Umbuzo uthi njengoba kuyiyo inkolo yabezizwe eyahlanganisa iTestamente Elidala Kwelisha, pho babelihlanganise lani uma kungafanele amakholwa abo alifunde?
55.Lokhu ukuhlanganisa iTestament Elisha kwelidala babenzela ukuthi uma sebefundisa bese inkolo kaMose kuthiwa ikanye nenkolo yabezizwe.
56.Ngakho-ke ukuchithwa komthetho kaMose kube sengathi kuqhamuke isivumelwane esisha esiqhamuke ngokubethelwa kukaYeshua.
57.NoYeshua wabekwa sengathi wayengekho enkolweni kaMose, kodwa wabe engumsunguli wenkolo yabezizwe, into engawakhi nhlobo umqondo!
58.Okuseqinisweni bayaye basho njalo, yize uYeshua engayazi nokuyazi inkolo yabezizwe abakhuluma ngayo!!
59.UYeshua lo oliJuda benza sengathi bekunguYeshua ovela esizweni esimhlophe, yikho bemenza abe mhlophe.
60.Ngakho-ke ukuchithwa komthetho kaJehova kuyinkolo eyafika noYeshua. UYeshua uchitha inkolo kayise uJehova, yize wathi uYeshua imithetho kaJehova imi nguna phakade!
61.Abantu abamnyama abazi ukuthi ekuqaleni umthetho kaMose waqedwa ngabamhlophe ngenkemba, kodwa ukuze singalokhu sikhononda, manje usuqedwa ngevangeli!
62.Uma sebewuqeda ngevangeli, njengoba nathi sesijoyine inkolo yabo, nathi sekufanele sishumayele ivangeli lokuthi umthetho kaJehova uyisivumelwano esidala, uyisithunzi!
63.Ngikushayela ihlombe ukuhlakanipha kwesizwe esimhlophe, ngoba asigcini ngokuthumba imizimba yethu ngoba sisehlule ngezikhali, kodwa sikwazi ukusithumba ngisho izingqondo zethu, sikholwe noma yini abafuna ukuba siyikholwe!
64.Manje umsebenzi wabamhlophe ulula kakhulu, ngoba sebelwelwa ngabamnyama ukuba baqede ngenkolo yabo!
65.Kodwa loJesu okhuluma ngaye usho uBhali, uJesu, okuseqinisweni onguYeshua, wahamba emhlabeni eliJuda, engaphansi komthetho kaMose, ongazi lutho ngalento okhuluma ngayo!
66.Okuyisimanga ukuthi uYeshua wakubhala phansi, kukulo leliTestament ukuthi yena akawushintshi umthetho kaMose, ngoba umthetho kaMose umi nguna phakade!
67.Ukuze abamhlophe baphumelele, baqale bathatha bona abamnyama babase emakolishi abo ezenkolo, base bebafundisa yonke into ephambene nomthetho kaJehova.
68.Bafunde baze bafundisisa, bathwala amajazi obudokotela ekuchitheni inkolo yabo, bengaboni ukuthi lenkolo yabamhlophe yakhelwe ukuqeda inkolo kaJehova!
69.Uthi uJerome amakholwa enkolo entsha kumele ayichithe imithetho kaMose nezimfundiso zabaprofethi bamaHebheru, bachithe yonke imibhalo yabo ekuyiTestament Elidala!
70.UJerome uthi lamakholwa akufanele akholwe kuNkulunkulu oyedwa njengoba kunjalo kuyinkolo kaJehova, kodwa abakholelwe konkulunkulu abathathu njengoba kwafundisa uContesntine!
71.Okukhulu kunakho konke, kulenkolo entsha, njengoba uJerome eyibiza kanjalo, amakholwa afundiswe ukuthi engaligcini iSabatha, ngoba ngelenkolo kaMose, kodwa akakhoze ngeSonto, okulusuku likaBhali!
72.Ngokwalezi zimfundiso zenkolo entsha, akufanele lamakholwa ebize igama likaJehova, ngoba ngokwenkolo entsha ukukholelwa kuJehova kuyinkoloze!
73.Ayikho into ebuhlungu njengokukholwa uze ujuluke, ukhale ubange umsindo, uphindaphinde igama likaJehova, kodwa ube ungazi ukuthi kulenkolo okuyo igama likaJehova alifuneki!
74.Igama likaJehova aliphathwa enkolweni yamanye amakholwa, yikho lingekho nje kuyiTestament Elisha! Kodwa abamakholwa amnyama akakwazi lokho!
75.Uthi-ke uDr Koster, naye ongumKrestu, “COME OUT OF HER MY PEOPLE! Phumani enkolweni yaseBhabhilone bantu bami!
76.Uma abantu sebethathe inkolo yaseBhabhiloni, babangasivimbeli ukuba sikuveze lokho, ngoba inkolo yabo ebhalwe ezincwadini zabo!
77.Uma ukuphika lokho, yizwa ukuthi uContestine wabhala ukuthi amaKrestu aziphathe kanjani.
78.Mina uma ngishumayela oKhozini ngiyahloniphisa ngithi enkolweni yabezizwe. Kodwa abaholi bayo bayaye lenkolo kulama Creeds beyibeke ngegama bethi enkolweni yobuKrestu!
79.Nansi iCreed eqeda ngenkolo kaMose yonke. Le Creed ithi: “Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yama wundlu eyenziwa ngamaHebheru.
80.Ngichitha iminikelo, imithandazo, ukulinda, ukuzingcwelisa KANYE NOKUDUMISA KWABO!
81.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, amahubo, nezaga, NOKUYA KWABO UKUYOKHONZA EMATHEMPELINI!
82.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane UKUTHI KUBE KHONA UKUBUYA KULENKOLOZE YAMAJUDA, NOMA UKUTHOLAKALA NGIDLA NAMAjUDA!
83.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo, kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.
84.Uma eke wabakhona otholakala enza lokho noma yimina uqobo, ngiyacela isiqalekiso sikaKhayini noma isifo sobulepheru buka Gehazi sivele sehlele kimi ngaleso sikhathi.”
85.Kuze kube manje kuyinkolo yamanye amakholwa lamaCreeds alandelwa njengoba enjalo, osekwehlukile isizathu sokuthi kungani ingagcinwa imithetho kaJehova!
86.Ukugcina umthetho kaJehova KUTHIWA KUYISIVUMELWANO ESIDALA, BESE KUTHIWA UKUCHITHWA KWEMIYALO KAJEHOVA ISIVUMELWANO ESISHA!
87.Ngokungazi, abantu abamnyama baze besho ngokuziqhenya bethi THINA ASISAPHILI NGAPHANSI KWESIVUMELWANO ESIDALA, KODWA SESIPHILA KUYISIVUMELWANO ESISHA!
88.Kodwa okuseqinisweni usuke lomuntu ethi: THINA ASIPHETHWE YINQUBO YOKUKHOLWA KUKAJEHOVA, KODWA SESIPHETHWE INQUBO YOKUKHOLWA KABHALI!
89.Namuhla sekungathiwa amanye amakholwa uyawathuka uma uthi balandela uBhali, kodwa kukuma Creed abasungula beenkolo abayilandelayo!
90.Uma uShembe wabhala phansi ukuthi uNkulunkulu wethu nguJehova, sizokushintsha kanjani lokho?
91.Noma namuhla amanye amakholwa engasambizi uBhali njengonkulunkulu wabo, kodwa basayilandela yonke inqubo yabakhonza uBhali, bayilahla le kaNkulunkulu wethu okunguJehova!
Isihlabelelo 148
1.Sisandinda wasimisa
Sabashiya babephuza.
Samlandela uPhunga elihle
Makabongwe uJehova.
2.Nanamuhla basabanjiwe
Abagcinelwe ubumnyama
Bakhululekile ababiziwe
Makabongwe uJehova.
3.Siyazidinga ezokumbonga
Thina babiziwe sasabela
Simubonge odumisekayo
Makabongwe uJehova.
4.Sihlawulelwe siyakholwa
Obaba bethu bafa emandulo
Avulekile amathuna abo
Makabongwe uJehova.
5.Bamenyeziwe emathuneni
Sebephumile sibabonile
Bangenile emzini oyingcwele
Makaboingwe uyJehova.
92.Amanye amakholwa akaligcini iSabatha njengokuyala komthetho yamaCreeds, awukho umkhosi kaJehova lamakholwa awugcinayo
93.Uma uyilelikholwa akhuluma ngalo uJerome uzothi wena awuyenzi lento ebhalwe kulamaCreeds. Kodwa uyayenza yonke! Nanka amazwi kaJerome ngokugcinwa kweSabatha:
94.“Enkolweni entsha kufanele amakholwa ayeke ukwenza lenkolo ibe ubuJuda.
95.Awayeke lento yokuthi angasebenzi ngeSabatha, kuthiwe lusuku lokuphumula; KUFANELE KUSETSHENZWE NGALO!
96.Kunokuthi kugcinwe lemikhosi yamaJuda, AKUGCINWE USUKU LUKA BHALI, OKULUSUKU LOKUQALA ESONTWENI!”
97.Wena uthi awukholwa ngokufundiswe uContestine ngokukhonza uBhali, kodwa nawe uyalichitha iSabatha, uye eSontweni ngeSonto!
98.Ubani omlalelile phakathi kwaJehova noBhali, ngoba amaRome athi asigubhe usuku lukaBhali sikhonze ngeSonto, sikhonze unkulunkulu welanga i-Sunday?
99.Angithi wena awuyi esontweni ngeSabatha ukokhonza uJehova, kodwa uya ngeSonto ukokhonza uBhali? Kanti ubani omkhonzayo?
100.Ngikhuluma ngebandla lamaNazaretha, ukuthi lokhu kukholwa akuqali lapha eKuphakameni, kodwa kudala kakhulu; kwaqala kuMose, kweza kuJohane, kweza kuYeshua, kwase kwphela emva kwaSha’ul, bakuqeda abezizwe! Manje sekuvuswe nguShembe!
101.Kuyi ikhasi 86 lencwadi kamNyandu ethi “Izintshumayelo zeNkosi iLanga”, nansi inkulumo eyakhulunywa nguShembe ngobuNazaretha. Uthi uBaba iLanga:
102.“UbuNazaretha abuqali ukufika emhlabeni. Kade bafika nakoMose, nakoJesu nakubaprofethi, kodwa behluleka!
104.Afike lowo ofikayo abuphembe njengoShembe nje. Bese kuthi labo abamlandelayo behluleke, bangabugcini ubuNazaretha!
105.Ekhasini 85 uShembe uBaba iLanga uthi: “Bengichaza ukuthi anisilo ibandla lomuntu, anisilo ibandla lami, anisilo ibandla lkabefundisi.
106.Aninamfundisi nina obonwayo, umfundisi wenu usezulwini. Mina angisiye umfundisi wenu, munye umfundisi wenu nguShembe kuphela!”
107.Ibandla likaJehova libandla elihamba ngokwezimiso zikaJehova! Kuleli bandla sihlala nengelosi esuke izosifundisa, ivuselela izimiso zikaJehova. NoBaba iLanga wathi asifundise ngezimiso zikaJehova!
108.Ingelosi alikho elinye ibandla engaba kulo lapha emhlabeni, ngoba wonke amabandla akawugcini umthetho kaJehova. Ilelibandla kuphela eligcina umthetho kaJehova! Yikho phakathi kwethu kunengelosi, siyefana nabantwana bakwa-Israel!
109.Ingelosi angenke ikwazi ukuya kwamanye amaNazaretha, ngoba wona anonkulunkulu obonwayo! Manje ingelosi izobe izokwenzani entweni enjalo!
110.UBaba iLanga uthi umfundisi waleli bandla nguShembe kuphela, esho uMqaliwendlela.
111.Mina yathi ingelosi nginguMelusi wezimvu zikaShembe, angilutho kulelibandla, nginguMelusi, kodwa umfundisi walo nguShembe kuphela!
Inkosi ibusiuse enikuzwile!