Deuteronomy 10 verse 12,“Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho”
Intshumayelo kaMfundisi Sabelo Ntuli eMabola, eMpumalanga ekuseni ngeSabatha mhlaka 09 September 2023.
ISIHLABELELO 53
1 Hambisani lezindaba
Ziye kuwo wonke umhlaba.
Chorus: Nihlaleleni nalezindaba
Ulambile wonke umhlaba
1.Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni, ngisukuma njengofakazi bantwana bokukholwa. Ubuholi sebusiphe amazwi ayisimangaliso. Sengisukuma nje ukufakaza.
Ingakho ngithi hambisani lezi zindaba ngoba leli lizwi bantwana baseKuphakameni lahlangana nathi bantwana bokukholwa sihambaze ezintabeni.
2.Lahlangana nathi lelizwi singabantu nathi esasinawo amathemba esasiwathembile, esasazi ukuthi uma ngabe kufika izimo ezithile ngokufundiswa kwethu ngabantu, sasazi ukuthi cha uye uthinte lapha, kodwa amabhathini asemhlabeni uwathinta, uwathinte kwesinye isikhathi bese kufika lapha la ungasazi khona ukuthi usuzokwenzanjani bese kufuneka uNkulunkulu!
3.Sahlangana kanjalo bantwana baseKuphakameni nalelilizwi leli, sahlangana kanjalo bantwana baseKuphakameni namaNazaretha kaNkulunkulu, sahlangana nawo sesikuthinte konke okwasemhlabeni ngokuyalelwa nangokwesiko nangokwazi kobuchwepheshe babantu.
4.Kodwa kwafika lapho bantwana baseKuphakameni esekufuneka khona uNkulunkulu, ngoba uma sekufuneka uNkulunkulu kusuke sekufuneka uhlangane namaNazaretha kaNkulunkulu ngoba uma ungakahlangani nawo, leli side likaNkulunkulu awuzukuliqonda kahle.
5.Sasuka la esisuka khona bantwana baseKuphakameni mhla sisuka lapha safundiswa indaba kaNkulunkulu ngoba mhla inkolo isisuswa kuthina bantwana bokukholwa, into yokuqala eyenziwa sadukiselwa ukukholwa.
6.Isihloko engizokhuluma phansi kwaso sithi ASIFUNENI INTANDO KANKULUNKULU.
7.Ngisuswa umthandazo omkhulu bantwana bokukholwa uma ngabe ngisho lesi sihloko ngoba kukhona lapha ethi uYeshua khona uma ethandaza ethi “Umbuso wakho awufike, intando yakho yenziwe emhlabeni njengasezulwini”
8.Lawo mazwi angithinta kakhulu bantwana baseKuphakameni uma ngifika kulowomthandazo, ngoba leli lentando mhla inkolo isifika kithi bantwana baseKuphakameni labe seliyakhishwa enkolweni kaNkulunkulu, kwase kusala izinto ezithandwa abantu, nezinto ezenza amabandla abe makhulu, amabandla aqoqa abantu izinkalo zonke, bengaqoqelwa yona intando kaBaba osezulwini, beqoqelwa intando yasemhlabeni!
9.KuMattew 7 verse 21-23:21 “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu” Ithike indodana lapha uYeshua, akusibo bonke abantu lapha emhlabeni abamemezayo abathi Nkosi Nkosi abayongena umbuso wezulu”
10.“Kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.” Uthi kuphela abantu abayongena umbuso wezulu ilabo bantu abenza intando kaBaba wethu osezulwini.
11.(22 “Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku:” Uthi kuyofika abaningi bevela emabandleni ahlukahlukene bethi mina ngiqhamuka ebandleni elithile, ngalolosuku bayofika bethi “Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho”
12.Bayofika bekhale emasangweni ezulu bethi Nkosi Nkosi asiprofethanga thina ngegama lakho, ngoba isakhishwa intando kaBaba osezulwini kwase kusala ukuprofethi.
13.Ithike iNdodana uYeshua bayofika bachome, bachome ngakho ukuprofetha bethi silapha njena asikufanele ngani thina ukungena kulombuso ngoba saprofethi ngegama lakho, ithini indodana?
14.“Sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?” Bayofika baqhoshe ngemisebenzi bethi asiprofethanga ngegama lakho, sakhipha amadimoni, senza imisebenzi emikhulu yamandla negama lakho na, yini manje usuthi asisangeni lapha ezulwini lakho?”
15.(23 “Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi” uthi ngiyokhuluma ngiyofakaza kubona ngithi
16.(“Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’”
17.Uthi noma ningaprofethi noma ningenza imisebenzi yamandla noma ningenzani nenzeni, kodwa ngofika mina phakathi kwenu, nginichithe ngithi sukani phambi kwami nina benzi bokubi, nazo zonke lezi ziprofetho ebeniziprofetha, uthi uJesu ngezenu akuzona ezikaBaba.
18.(24“Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.”
19.Uthi ilowo nalowo oyozwa lamazwi lawa bese eyawenza, ukuthi uma ngithi mina abantu bangena ezulwini ngokwenza intando kaBaba osezulwini, uthi uYeshua bonke abantu abayothi uma bezwa lamazwi bese begijia beyofuna intando kaBaba osezulwini, uthi bayofaniswa nendoda ehlakaniphileyo.
20.5 “Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala.” Amein.
21.Uthike uYeshua umuntu owenza intando kaBaba osezulwini unjengomuntu owakha indlu yakhe edwaleni okuyothi noma kufika izivunguvungu ziyiphephetha indlu yakhe kodwa ayikuwa ngoba isekelwe idwala, idwala enkolweni kaJehova intando kaBaba osezulwini, idwala intando kaBaba osezulwini.
22.Bantwana baseKuphakameni abantu abayifuniki intando kaBaba osezulwini, bangamane bakhande ukukholwa okusha kunokuba bangenza intando kaBaba osezulwini, bangamane basungule ukukholwa okungekho benzela nje ukuthi singayidoja kanjani intando kaNkulunkulu, singayibalekela kanjani intando kaNkulunkulu.
23.Abantu bokukholwa basemhlabeni uma befuna ukubalekela intando kaNkulunkulu, baqhamuka nama-gospel awu thousand, ngawo lawoma-gospel inhloso yawo yinye ukuthi babalekele intando kaNkulunkulu.
24.Amanye amabandla athi asisaphili ngaphansi komthetho, sesiphila impilo kamayibuse, sesiyazikhuza lapha esontweni, umthetho siwukhiphile, umthetho kaJehova esontweni, kwase kusala imithetho yokuthi thina sidumisane sodwa, sithandane sodwa, sinakane sodwa kodwa intando kaNkulunkulu isikhishiwe esontweni, ikhona i-gospel enjalo ethi asisaphili ngaphansi komthetho, yini kube khona leyo gospel na, kubalekelwa indaba kaNkulunkulu phakathi endlini yamasonto!
25.Abanye sebene gospel ethi thina singabantu be spirituality, thina singonkulunkulu ngokwethu, singonkulunkulu nathi, bese bekhuluma izinto eziningi bethi hhayi uNkulunkulu siwumfanekiso wakhe, manje nathi
singonkulunkulu.
26.Bonke laba bantu bantwana baokukholwa basebenzisa lokhu kuhlakanipha ukubalekela indaba kaNkulunkulu kodwa indlela elula ukubalekela indaba kaNkulunkulu ukuthi bayibalekele sakukholwa.
27.Ngoba uma ngabe umuntu esekholiwe akabe esashumayezeka ngoba uthi hhayi sikholiwe nathi, angani nami ngiyakholwa, akasashumayezeki usegwinye ukukholwa, osekuvimbe ukuthi kungangeni emntwini.
28.Bonke laba o-spirituality, bonke laba ukuthi asisaphili phansi komthetho, izinto ezinjalo bantwana baseKuphakameni ezizochitha ukukholwa.
29.Bese bethi abanye hhayi asibuyele emasikweni ethu, thina singamaZulu thina, asibuyele emasikweni ethu akwaZulu ngoba singamaZulu abanye bethi siyizizwe ngezizwe, baqoqe amasiko bawafake endlini kaNkulunkulu.
30.Ngawo lamasiko abo babalekela ukukholwa hhayi ngoba befuna amasiko, baxosha ukukholwa endlini kaNkulunkulu bafuna ukufaka amasiko abo.
31.Hawu Mshumayeli ifunde lencwadi yamasiko sidlule kuyona, ilapha kuMathewu 15, ngedlula kuyona nje.
32.Ithi indodana uma ifika kubantu sebebalekile sebechithe ukukholwa ngamasiko abo, iyababuza ukuthi nenziwa yini nina ukuthi nichithe umthetho kaNkulunkulu ngenxa yamasiko enu na?Mathewu 15 verse 1-3.
33. Khona abaFarisi nababhali bafika kuJesu bevela eJerusalema, bathi: “Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abahlambi izandla nxa bedla isinkwa.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na?
34.Nani yini ukuthi neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yosiko lwenu na. kodwa namhlanjena leyonto isiningi kakhulu, abantu baphumile endabeni kaNkulunkulu, baphumile abantu bathi sibuyela emasikweni ethu, bathi ayibuyele emasisweni, sebekhohliwe ukuthi bangobani ngoba njalo uma babuyela emasisweni babuyela ekuhluphekeni.
35.Asizange thina sayisizwe esihamba sitwayiza namasiko lawa asizela nemali, nasichithele imali umholi asekhulume ngawo, thina sasiyisizwe sikaJehova, uma sibuyela emasisweni kufuneka sibuyele kuJehova!
36.Sasingazilwi thina izimpi, izimpi zethu amakhosi akithi oGideoni uma bebaningi, wayethi uJehova nibaningi kakhulu, nciphisa laba bantu ngoba impi Gideoni izoliwa yimi.
37.OJoshua babengayilwi impi, babethi uma beya empini uNkulunkulu ehlise amatshe ezulwini ashaye izitha zabo, lithi ibhayibheli laba baningi abantu empini kaJoshua abanqotshwa uJehova ebashaya ngamatshe, kunabantu abadliwa inkemba yamabutho.
38.Uma sibuyela emasikweni asibuyele kuJehova, zonke izimpi zethu zizokuba izimpi zikaJehova. Kodwa uma abantu bethi babuyela emasisweni, nakhu ukuhlaba amasiko ethu lawa, nakhu ubungoma amasiko ethu, batapa usizi bayeka uNkulunkulu, bayeka uJehova!
39.Ewu sengithinte indawana embi, ewu ngathanta indawana embi, kodwa bantwana bokukholwa ngingakafiki lapho, ngingakafiki lapho ngoba siba nenkinga, abantu uma sebebalekele ukukholwa, bagijima bayofunda ibhayibheli, beyofunda izincwadi ezithi asisaphili ngaphansi komthetho, bese bewubalekela umthetho.
40.Ngesikhathi bebalekela umthetho kanjalo, basuke befuna ukuphuma kuJehova ngoba uma bazi ukuthi uJehova wemithetho, uma bethi asisaphili ngaphansi komthetho, bayaphunyuka, indlela yokuphunyuka leyo.
41.Leyo gospel enjalo, ngisho indodana uYeshua ayizange yaba ne-gospel enjalo, i-gospel ekhandwe ukuhlakanipha kwabantu.
42.Ngoba awukwazi ukuthi uthi ulandela uYeshua, abezizwe abafike bamubiza ngoJesus, ngesiZulu uJesu, ebese uthi kodwa angiphili ngaphansi komthetho kodwa yena waze wahamba emhlabeni, ehamba nabantu ebafundisa umthetho, wathi anginishiyi nodwa. Mathewu 5 verse 17, ukuthi njengoba abantu sebenevangeli namhlanje elithi asisaphili ngaphansi komthetho, balithathephi.
43.Mathewu 5 verse 17-19: 17“Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa. 18 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke. Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu” Amein.
44.Umbuzo wami uthi lelivangeli elithi asisaphili ngaphansi komthetho liqhamu kephi, liqhamuke nobani?
45.Kanti lamavangeli akhona aqhamukaphi bantwana bokukholwa, hhayi asisaphili lapho phansi komthetho, sinesivumelwano esisha.
46.Abantu bahamba baye esikoleni bantwana bokukholwa, kuvulwe ama university, kuvulwe izikhungo zemfundo, kufundelwe ukuhlubuka uNkulunkulu. Athi uma esefundile umuntu bese enikwa isitifiketi, kuthiwe uyabona unesitifiketi, une-Diploma, le Diploma lena eyokuhlubuka uNkulunkulu!
47.Eyokuphuma lapha endlini yokukhonza, ugijime, uyotshela abantu uphikise indodana uYeshua uthi abasaphili phansi komthetho, kodwa indodana ize yahamba emhlabeni abantu bephila phansi komthetho, abantu baziphumela bona.
48.Bantwana baseKuphakameni amazwi endodana lawa, ithi osusa esisodwa isicashana kulomthetho afundise abantu kanjalo, uthi uyoba mncane embusweni wezulu. Yaphinda bantwana baseKuphakameni yathi uma ifika indodana yasikhomba emthethweni.
49.NgokukaJohane 5 vere 44-47, ngibuza lamavangeli akhona ukuthi athi asisaphili phansi komthetho, aqhamuke kanjani? Okokuqala ngithena uma ngabe thina sibuya emasisweni, kuthiwe zibuya emasisweni, kufanele uma sibuyela emasisweni sibuyele kuJehova ngoba thina singabantu, siyisizwe sikaJehova.
50.Useyikhulumile umholi wethu indaba enkulu wathi thina sasisizwe sikaJehova, sasithi uma sificwa ukuhlupheka sikhale kuJehova, namhlanje uma sificwa ukuhlupheka sikhala emgedeni, sikhala emashidini, sikhala ezimbuzini ezifile ngoba silahlekelwe umsoco.
51.NgokukaJohane 5 verse 44-47: “Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa” Bakhona namhlanje abantu abahamba ngezinyawo njengami kuthiwe bangoNkulunkulu, nabo bavume bathi nguNkulunkulu ngoba ngizalwa uNkulunkulu. Iyabuzake indodana ukuthi pho ningakholwa kanjani nina nisadumisana nodwa?
52.“ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na? “Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba; ukhona oyedwa onimangalelayo,”
53.Ningacabangi ukuthi mina Ndodana ngiyofike nginimangalele kuBaba, ukhona oyedwa onimangalelayo, ubani kanti lowo?
54.“UMose enithemba kuye. Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami. Kodwa uma ningakholwa yimibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?”
55.Pho uma ningakholwanga imibhalo kaMose, pho niyokholwa kanjani amazwi ami ngoba noma senginitshela ukuthi oweqa owodwa kulemithetho afundise abantu lokho, anifuni ukukulalela. Vele niyakukulalela kanjani ngoba anifunanga ukuzwa amazwi kaMose niyakuwezwa kanjani awami?
56.Sisenkingeni bantwana bokukholwa, niyabona ukuthi sisenkingeni, abantu uma bebalekela ukukholwa akaphumi umuntu ayohlala esigangeni laphana, uye akhande ukukholwa phezu kokukholwa, bese ekhanda ukukholwa. Wenzela ukuthi angabe esashumayeleka, uxosha abafundisi, uxosha abashumayeli, ukuthi ningezi kimi sengi-sorted sengiyakholwa!
57.Kodwa ukukholwa okuchitha ukukholwa, banjani abantu? Indodana le ebikhuluma, wathini uShembe ngoba mhlawumbe amaNazaretha engathi eyi sasinda, sasinda kuloMose, eyi sasinda, eyi lo Mose uyahlupha lo Mose, sasinda kusho amaNazaretha, ake sizwe asindile yini, uthini UShembe, umthandazo weSabatha 3&4.
58.Umthandazo weSabatha verse 3-4: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane” Wayesekhuluma uShembe lapha eMzansi Africa mhla ezovusa inkolo kaJehova wathi mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane.
59.“Nigcine imithetho yakhe anilobela yona ngenceku yakhe uMoses” Nani maNazaretha mkhonzeni uJehova ngokugcina imithetho yakhe anilobela uJehova ngeNceku yakhe uMoses, sisabuyela kuMose!
60.“Ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.” Ngoba uma ningakwenzi lokho bantabami, ukudumisa kwenu koyokwemukeleka kanjalo ngokuthi nidumise uJehova ngemithetho kaMose.
61.“Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe” kuyokwenzekani? “akayiku yamukela imithandazo yenu.”
62.Uma ningamudumisi uJehova ngemithetho kaMose, akayikuyamukela imithandazo yenu, ithe indodana ongaligcini lelizwi uyakuba mncane embusweni wezulu okuchaza ukuthi akayikungena ezulwini, Uthike uShembe ongaligcini lelizwi likaMose akayikumukelwa imithandazo yakhe.
63.“Akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.” Uthi uShembe noma ningafuna izibusiso bantabami angeke nizithole uma nibalekela umthetho kaMose.
64.Ayi lo Mose usimele bantwana bokukholwa, Ingakho kuqhamuka ama Gospel awu thousands, o Spirituality, kuqhamuke ama gospel athi asisaphili phansi komthetho, kuqhamuka ama gospel okuthi hhayi lowethu unkulunkulu thina akakusizi uma umsamo wakho ungalunganga.
65.Bayazi ukuthi uma ngabe, amaNazaretha uma esho njalo ethi unkulunkulu akakusizi uma umsamo ungalunganga, asuke azi ukuthi asekususile kuNkulunkulu, vele ngeke usasizakala, akwakhela manje udobe ukuthi uhubhe utalagu lomsamu uze ufe. Ayazi ukuthi umsamo into engalungile.
66.Manje lo nkulunkulu wabo uzoba safe akuzoshiwo ukuthi uhlulekile ngoba bakunikeze ukuthi hubha utalagu ulufice, uma ungaluficanga utalagu, angeke uNkulunkulu akusize.
67.Athi uNkulunkulu lo esesimkhonza manje, lo akasakusizi uma ungazange wagijima waze wabamba utalagu waluletha lapha uma usufika notalagu kuyofuneka ukuthi akusize ngoba bathi uma umsamu wakho ungalungile, noma unganikela, noma ungenzani uma umsamo wakho ungalungile.
68.Yini yona umsamu, ungaqoqa imimoya yonke yezintaba uyoyifaka endlini uthi uyoyondla, izosutha kanjani, izosutha kanjani. Angikakafiki lapho ngiyababaza nje ngendlela.
69.Ngithike bantwana bokukholwa ngihamba nabantu abathi bakhonza indodana, ngihamba nabantu abangamaNazaretha, zonke lezi zindlela bantwana bokukholwa, zisikhomba emthethweni kaMose.
70.Indodana iyakhala, ithi ningangizwa kanjani uma ningamuzwanga uMose, isho njalo, ithi ningangizwa kanjani uma ningamuzwanga uMose, noMprofethi Isaiah Shembe usikhomba kuMose, uthi uma ningase nilahlekelane noMose imithandazo yenu ngeke yamukelwe.
71.Kuyacaca Njengamanje njengoba simi lapha singamaKrestu singamaNazaretha ukuze sitholele imiphefumulo yethu ukuphumula, kubiza ukuthi sihlangane noMose, eyi sihlangene nenkankankana!
72.Uyabona ukuhlangana noMose ikhona okwenza abantu bethi hhayi thina singonkulunkulu nathi ngoba uNkulunkulu wasidala ngomfanekiso wakhe, hhayi thina, thina unkulunkulu wethu ukhona lapha emhlabeni, hhayi bese kuthathwa inkulumo yeNkosi iLanga eyathi uNkulunkulu ohlala ezulwini ngeke abasize ngalutho abantu.
73.Bese kuthiwa lona uNkulunkulu ngoba yathi iNkosi iLanga uNkulunkulu ohlala ezulwini akabasizi ngalutho abantu, uBaba iLanga waqala wayichaza indaba wathi uShembe waba ilati likaNkulunkulu lokwehlela kubantu, ilati likaNkulunkulu lokwehlela kubantu!
74.Kodwa uma sebekuguqula ukukhuluma, bafuna ukwenza laba baholi babo bebe ngonkulunkulu, bese bebadukisa ngawo abantu bethi unkulunkulu ohlala ezulwini angeke abasize abantu, cha akunjalo, uShembe bantwana baseKuphakameni, ngikhuluma ngoBabamkhulu uMprofethi Isaiah Shembe wathi uma ehla ehlela entabeni, uShembe waba ilati likaNkulunkulu, uNkulunkulu ehlela kubantu.
75.Hhayi bantwana basezulwini lamadoda nje, cha, sikhuluma ngoMprofethi Isaiah Shembe, singadidwa abantu bokukholwa, asikhulume iqiniso ngoba sizoya esihogweni.
76.Yaqala Indodana yasikhomba kuMose, uShembe wasikhomba kuMose, asivele siye kulo Mose sibone ukuthi sizotholani.
77.Ngoba inkinga ekhona bantwana bokukholwa edaleke manje, baye bethi uma ngabe behlulwa ukukholwa bese bekhanda ukukholwa, namhlanjena sizochitha lamakhosi enu bantwana bokukholwa akhandwa ngabantu.
78.INdodana isikuchithile ukuprofetha, yathi niyofika neziprofetho ezinkulu, yathi niyofika nemisebenzi emikhulu, yathi ngiyothi anginazi ngoba aniyenzanga intando kaBaba osezulwini. Ikhuluma indaba enkulu.
79.Deuteronomy 10 verse 12, ngiyifunda le ncwadi ngoba sesizwile ukuthi uNkulunkulu ukuthi usikhomba kuMose, sifuna sizwe ukuthi wathini uNkulunkulu mhla ehlangana noMose, ngoba uma ngase siyigeje lapho, ukuthi ngoba indodana isikhombe kuMose, noShembe wasikhomba kuMose, wathini uNkulunkulu mhla ehlangana noMose, wathi asiprofethe, noma wathi asenze izimangaliso, wathini uNkulunkulu mhla ehlangana noMose.
80.Deuteronomy 10 verse 12,“Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho”
81.Mhla uJehova ehlangana noMose washonjalo, wase ethi konke lokhu ukwenzelani? “Ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe, na?”
82.Konke lokhu ukwenzela ukuthi kube kuhle kuwe, hhayi ukuthi wenzela ukuthi uJehova mhlawumbe umenze mkhulu. Mkhulu uJehova mhla edala umuntu uJehova, mhla edala izulu nomhlaba, waba mkhulu ngaleso skhathi.
83.Uma wenza zonke lezi zinto umdumisa, umesaba, umthanda uhamba ngezindlela zakhe, lithi izwi ekugcineni wenza konke lokhu ukuba kube kuhle kuwe.
84.Kuqhamuka inkingake bantwana bokukholwa, ngithe kule gospel ekhona ethi sibuyela kobabamkhulu manje, sesibuyela kobabamkhulu manje, siyasuka kulezi zinto.
85.Bantwana bokukholwa ngizofunda izincwadi ezimbalwa ezisisusayo uma abantu sebefuna ukubuyela emadlozini, okokuqala ngizoqala ngifunde incwadi ethi ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi ningafuni ukuba ningcoliswe yibo. Ifunde Mshumayeli.
86.Levi 19 verse 31: “Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi” Uthi uNkulunkulu ezincwadini zakhe ezingcwele kumaLevi uthi ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi. “Ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”
87.Deuteronomy 18 verse 9-14: “Nxa usufike ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikufunda ukwenza izinengiso zalezo zizwe. Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova”
88.Ngoba bonke abantu abenza lezi zinto bayisinengiso kuJehova, njengoba silayindlini nje, ukhona yini umuntu othi mina ngifuna ukuba isinengiso kuJehova. Cha!
89. “Ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho. Mawuphelele kuJehova uNkulunkulu wakho.”
90.Izikronike 10 verse 13: “Wafa kanjalo-ke uSawule ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye, engabuzanga kuJehova; ngalokho-ke wambulala, wabuyisela umbuso kuDavide indodana kaJese.”
91.Wabuyisela umbuso kuDavide indodana kaJese ngoba wahamba wayobhula, kuyisono ukubhula, umuntu obhulayo uJehova uyamubulala, umuntu obhulayo uJehova uyamephuca konke abemunike khona akunikeze abanye abantu, isho njalo incwadi.
92.Ithi wamephuca ubukhosi ngoba kade eyobhula konedlozi, wathatha ubukhosi wabusa kwenye indlu, endlini kaJese, kubi ukubhula bantwana bokukholwa.
93.Hawu manjena nazi izinto zingididile, kwake kwafika enye insizwa, bakhona abantu base Amsterdam lapha, kwake kwaphenduka insizwa esontweni lamaNazaretha, yangena ebuNazaretheni, ase eza amaNazaretha lawa amanye angethina, aseyeluleka ethi wena njengoba usungene lapha eNazaretha njena sekufuneka manje ugijime uyobikela amadlozi akini, uthi uma usuwabikele, usuwalanda emahlathini usuwangenisa lapha ekhaya, usuwenzela yonke into, usuwapha ukudla bese kuba njani.
94.Yagijima le nsizwa endala eyayisikhulile, ithi ingena ebuNazaretheni kanti ingena enkingeni ilande ukufa. Ngoba uma nike naphendula inkolo nayenza into yokudlala uNkulunkulu uyakubulala.
95.Bayiyalela le nsizwa yangena esontweni amaNazaretha athi hamba uyolanda amadlozi uwangenise, bantwana baseKuphakameni yaphuma indoda endala, yafike yamemeza nina basekuthini, nina basekuthini sengakhe umuzi, sengiyakholwa, wozani.
96.Bantwana baseKuphakameni kwasukuma zonke izitha zomndeni wakubo, kwasuka bonke abathakathi bakubo, kwasuka zonke izidakwa zakubo, bakhuphuka ngoba ukhona osevelile emndenini wathi yena uzokondla lemimoya elahlwe ezulwini.
97.Bathi uma beyifaka bantwana baseKuphakameni lemimoya beyifaka ngendumezulu, bayifaka ngezinkabi, beyifaka ngezinkomo, bathi bewenzile lo msebenzi, kwaphela isonto, kwathi ngesonto elizayo wayengcwatshwa lobaba.
98.Ingani? Ingoba uma uya emathuneni ulanda zonke izitha zomndeni wakini, abantu abafa bevele bephila ngegazi labantu, uyabalanda wena, uzobafaka ekhaya lakho, uma ubafaka ekhaya lakho, uzobazi ngani ababekuthanda wena nomndeni wakini nababengakuthandi na?
99.Ngoba phela uma ngabe kukhona into ekuthiwa izulu lomndeni, kusuke kuyisiganga leso sezidakwa zakini, sabathakathi bakini, seziphingi zakini, nihlangene lapha ngokomndeni, anihlangene ngokuthandana.
100.Uma wena uhamba laba bantu uyobasavuna ngenethi njengomuntu edoba ofishi olwandle ubafaka endlini yakho, laba ababekuzonda wena nomndeni wakini, benzenjani, bakuthande kanjani.
101.Laba abahamba bezidakwa zotshwala, bezofuna utshwala layikhaya, ngoba sebewumoya abasakwazi ukuphuza ngokwabo, ucabanga ukuthi utshwala bazobuphuza kubani, akuzukuvuka yini izingane zalayikhaya zonke sezizidakwa”
102.Abahambela emajele, beyizigebengu, bazongena layikhaya, uzobona layikhaya izingane sezigijima, sezihamba ziboshwa, uthi izingane ziyaboshwa, kwenzakalani manje?
103.Kanti wena ulande iziboshwa zakini ebezilahliwe, zisemanxiweni, wazifaka egcekeni wathi wena ufuna zizoboshwa la kwakho, zizoboshelwa izingane zakho.
104.Bantwana baseKuphakameni, sisenkingeni, sisenkingeni ngoba uyaye ethi umuntu ngiphuphile, ngiphuphe ubaba efika ethi uhleli ngaphandle.
105.Yasho njalo inkosikazi yakithi kaMthethwa, yathi kunesalukwazi ngisiphuphe sihleli lapha phansi koMkhiwane, sithi sicela ukungeniswa, besikhala sinosizi, sathi sicela ukungeniswa, ngiphuphile sifike kumina, ngisibonile la ebesihleli khona, wagijima waya kumthandazi wasilanda. Ihhee ngiphuphile, funda Deuteronomy 13.
106.Dueteronomy 13 verse 1-3: “Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi, noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso, isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe besesenzeka, athi: ‘Masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo”
107.Bese ekululeka ethi ngoba sengikhulume into yenzeka usuyangibona manje ukuthi ngimkhulu, manjenake asiqale manje sihlabele abanye onkulunkulu, asihlabele amadlozi manje, uthi uNkulunkulu uyokwenzenjani?
108.“Masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo sibakhonze,’ siqoqe laba onkulunkulu sibakhonze lapha sibakhele izindlu.
109. “Awuyikulalela amazwi alowo mprofethi” uthi noma lowo Mprofethi esekhulume into yenzeka, uthi uma ngabe esephambana noNkulunkulu wakho awuyikulalela amazwi alowo Mprofethi.
110.“Noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyamthanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na?”
111.Hha, usuzwileke ngoba bazofika bethi ngiphuphile, yagijima le nkosikazi yasezweni lakithi KwaMthethwa yathi ngiphuphe isalukwazi sihlele phansi komkhiwane, yase ilanda omunye umama laphana oyiNazaretha sangoma naye ngoba yeyi kuyadlalwa ngendaba kaShembe.
112.Yamuqoqa, wafike wagijima, uthi ngampela yazi uthe uma efika waya kuwona lo mkhiwane engabona logogo ehleli kuwona, wafike wasithatha isalukwazi esihluphekayo, wasifaka ekhaya, akuphelanga isonto ingane yakhe kwathiwa isulile emsebenzini.
113.kwasuka indodana yakhe endala ebeyithembekile ivusa ikhaya yagoqa utshwala kuze kube namhlanje angisakwazi ukuyibona uma ngihlangana nayo, untanga yethu kodwa sekungathi ikhehla.
114.Uthe umholi ekhuluma lapha wathi ngisho uvaselina awusahlali ebusweni, mina lonto ngiyazi ngamehlo, ukuthi ngisho engaxubha nge colgate enhloboni, amazinyo akhe asehlale ebomvu ngoba usethathe isalukwazi sokuhlupheka esimazinyo abomvu, wathatha isalukwazi esigqoka amanikiniki esihleli ngaphandle wasifaka ekhaya wathi kulesisalukwazi namhlanje thina singabakho.
115.Lesi salukwazike namhlanje sibashaye ngokuhlupheka okungeke kusagezwa muntu ngoba basifake ngezimbuzi, basifake ngamadili basikhonza, basikhothamela, namhlanje uma zithanda ukubabulala siyababulala.
116.Izingane azibugoxi utshwala kuloya muzi zibuya ngokuzolala, sekwachitheka nezintombi ezathi zigane khona, zathi ziyabuya zizobheka amasoka zafica amazinyo e-yellow zabaleka izintombi, bathatha isalukwazi simanikiniki basifaka ekhaya.
117.Bantwana baseKuphakameni singayenza leyo ngozi usekhulumile uMfundisikazi phakathi kwethu wathi ungayenzi ingozi yokuhamba uqoqa imimoya elahliwe wena uhambe uyakhele ikhaya ngoba ayikho into eza nayo, iza nokuhlupheka.
118.Uma ethi angigqokile, angembethe uma umfaka endlini lo muntu ongembethe, uzomumbathisa kanjani wena ngoba awunazo izingubo zokumbathisa umoya wena unezingubo zenyama. Usho njalo uShembe uthi uzakudinga lowo mphefumulo.
119.Bantwana bokukholwa ngikhuluma lezindaba, bantwana baseKuphakameni sisendabeni enkulu lapha, sekukuningi engisengakhuluma ngakho, kodwa ngizwe engathi ngingabamba lapha nalaphana bantwana bokukholwa.
120.Lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu liyibandla elakhiwe uShembe, elakhela uShembe ukuqondisa, ukwakha ubudlelwane phakathi kwabantu noNkulunkulu.
121.Ngizoyiphinda futhi. Lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu lakhiwe uShembe elakhela uJehova ukuzoqondisa noma ukuzolungisa ubudlelwane phakathi komuntu noNkulunkulu.
122.Ngaphandle kokuthi uhlangane nalelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu elisebenza ngezihlabelelo zikaShembe nebhayibheli, ubudlelwane bakho noNkulunkulu uzoba senkingeni, uzophushelwa amaphupho, uzobhulelwa, zonke lezi zinto ezingasho lutho uma usulahle intando kaBaba osezulwini. Usho njalo umuntu wasezulwini. Bantwana baseKuphakameni ngicela ukwehlela ngezansi.
INkosi ibusise enikuzwile.