Kuyikhasi 10 (Encwadini ka Rev Shaul ethi The Nazarene Betrayed, Beaten & Begotten) lo mbhali uthi: “Abantu abaningi sebeqala ukuqonda ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungama Nazaretha, hhayi leligama labezizwe, esebembiza ngalo.
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi: “NJENGESIZWE ASIBUYISE INKOLO YETHU.”
2.Kukhona isisho sesiNgisi esithi: THE ONLY PEOPLE WHO ARE MAD AT YOU FOR SPEAKING THE TRUTH ARE THOSE WHO ARE LIVING A LIE. KEEP SPEAKING THE TRUTH!
3.NgesiZulu kuthi: “Abantu abahlanyiswa ukukuzwa ukhuluma iqiniso, ilabo abaphila impilo yamanga! Qhubeka ukhulume iqiniso!”
4.Ngo 1992 ngamenywa kuyi-Interfaith Conference eyayisePitoli ukomela ibandla lamaNazaretha.
5.Kule ngqungquthela yezenkolo, kwakuyodingidwa ngesimo seNew South Afrika, ukuthi njengoba zonke izinkolo sezizoba semthethweni, iliphi iqhaza ezizolibamba ukushumayela ezikhungweni zikahulumeni.
6.Mina uShembe uBaba iNyangayezulu wayengithume ukuba leli bandla ngilikhiphe ngaphansi kwamanye amabandla, bese lizimela njengenkolo!
7.Nempela ibandla lamaNazaretha ngalibhalisa ngokuthi UBUNAZARETHA.
8.Mhla ka 4 kuJanuary 2010, ekuseni, sinomkhokheli umaNxumalo, sabona sekuguqe ingelosi phambi kwethu, yabe isibhekisa kimi ithi:
9.“Ngithunywa nguShembe uBaba iLanga kuwe, uthi makhele indlu kaJehova. Indlu kaJehova-ke libandla.
10.Kuleli bandla UYOFUNDISA BONKE ABANTU INDLELA EYIYO YOKUKHONZA UJEHOVA, UTHATHELE EBHAYIBHELINI NASEZI HLABELELWENI ZAMANAZARETHA.
11.KONKE OYOKUFUNDISA UYOKUTHATHELA EZIMFUNDISWENI ZOMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE EFUNDISA AMANAZARETHA!”
12.Yikho-ke kuleli bandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, ngaso sonke isikhathi sihlale sikhuluma NGOJEHOVA UNKULUNKULU WETHU, NGOBA LE INQUBO YOKUKHOLWA INGELOSI EYATHI USHEMBE UTHI ASIYILANDELE!
13.Sengiqalile ukushumayela, ngahlangana nenkulumo ekuyiZenzo 24:5, ethi uMpostoli uPaul wabe engumholi webandla lamaNazaretha!
14.Langidida leli vesi, ngoba okokuqala yimina umNazaretha;
okwesibili angikaze ngizwe ukuthi ibandla lamaNazaretha likhona eBhayibhelini ngaphandle kwaleli elasungulwa nguShembe.
15.Kodwa-ke uma uNkunkulu ekuthuma, nguyena oyaye akubonise indlela okumele uhambe ngayo!
16.Ngisamangele yileli vesi, ngabe sengithola incwadi echaza ngomlando wakwa-Israel ngesikhathi sombuso wakwaJuda.
17.Kulo mlando ngathola ukuthi ngesikhathi sikaYeshua kwakunama hlelo amathathu enkolweni kaJehova: abaFarisi, abaSadusi namaNazaretha.
18.Kulo mlando kwakuchazwa futhi ukuthi UYESHUA WAYENGUMHOLI WEBANDLA LAMANAZARETHA, nokwathi engasekho laholwa nguMpostoli uPaul.
19.Lencazelo yabe isiphendula umbuzo wami wokuthi kuvelaphi ukuthi uPaul wayengumholi webandla lamaNazaretha!
20.Emva kwalokho ngabuye ngathola incwadi, noma umbhalo kaJerome owayengumbhali enkolweni yabezizwe, nokunguye owayehumushela kusiLatini imibhalo yamaHebheru.
21.Kulombhalo obizwa ngokuthi: “Jerome – Epiphanius…., uJerome uthi:
22.“Kufanele esikhathini samanje sike sibhekisise lamahlubuka azibiza ngokuthi ngama-Nazaretha. Ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda!
23.Abasebenzisi i-Testament elisha kuphela, kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lama-Juda. Abayichithi imithetho yamaJuda nabaProfethi babo, kanye nemibhalo yabo.
24.Basho zonke izinto lezi ezifundiswa emabandleni amaJuda, okwehlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMessiah.
25.Bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, kodwa uJesu yena uyindodana yakhe.
26.Balandela imithetho yonke namadili ymaJuda, okufaka phakathi UKUSOKA NESABATHA.” Amen!
27.Lo mbhalo kaJerome iwona okokuqala owanginika ubufakazi obungaphikiseki bokuthi ibandla likaYeshua igama lalo kwakungamaNazaretha.
28.Okwesibili, ukuthi enkolweni yabezizwe kuyicala ukulandela inkolo kaJehova!
29.AmaJuda ayenqatshelwa ukugcina umthetho kaJehova, okufaka phakathi ukugcina iSabatha!
30.Ngabuye ngathola incwadi ka Rav Sha’ul oliJuda elimhlophe, ethi: “THE NAZARENE, betrayed…beaten… begotten.”
31.Kulencwadi lo mbhali uthi uYeshua, onguMnazaretha, wakhashelwa ezitheni zakhe, WAPHINDE WAZALWA!
32.USha’ul uyachaza ukuthi emva kokubethelwa kukaYeshua, esewafa, laqedwa ngabezizwe igama lakhe emlandweni wenkolo, njengoba agcina sebeqhamuka nomsindisi ongaziwa enkolweni kaJehova!
33.Kuyikhasi 10 lo mbhali uthi: “Abantu abaningi sebeqala ukuqonda ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungama Nazaretha, hhayi leligama labezizwe, esebembiza ngalo.
34.Ngokutholakala kwama Dead Sea Scrolls, okuyimibhalo yamaHebheru emidala, eyaba khona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, SESINOLWAZI NGEBANDLA LAMANAZARETHA ELALIHOLWA NGUYESHUA”
35.Ekhasini 25 uSha’ul uthi: “Siyazi ukuthi ibandla lamaNazaretha lasungulwa nguMprofethi uJohane.
36.Ngu Johane owafundisa uMesaya, okunguYeshua, wamcijela ukuba abe nguMpristi omkhulu!
37.UYeshua wakuthatha kuJohane ukuphatha ibandla lamaNazaretha.
38.Okwathi ekugcineni lelibandla lamaNazaretha laholwa nguMpostol uSha’ul.”
39.Ngo 1947 abafana ababeluse ngaseKhibert Qumran bathola amaScrolls amaHebheru efihlwe emigedeni.
40.Le mibhalo amaJuda ayeyifihlele izitha zale nkolo kaJehova, okwakungama Griki nama Roma, ngoba babeyishisa imibhalo yenkolo yamaHebheru, abangayishisile, beyihumusha ngokuyi hlanekezela ukuze ivumelane nenkolo yabo!
41.Kulama Scrolls kwatholakala ukuthi amaJuda uMesaya akhuluma ngaye nguYeshua, nokuthi uYeshua wayehola ibandla lamaNazaretha, elagcina seliholwa nguPaul.
42.Yikho-ke lombhali ethi ABANTU SEBENESIQINISEKO SOKUTHI NGUYESHUA OWABE EHOLA IBANDLA LAMANAZARETHA, leli KULESI SIZUKULWANE ELIVUSWE NGUMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE!
43.Asazi ukuthi uMprofethi u-Isaya Shembe wawazi kanjani lamaNazaretha kaYeshua, ngoba ayefihliwe ngokweBhayibheli, kanti uShembe wayengafundanga!
44.Lokhu kungubufakazi bokuthi uShembe wayeyisithunywa sasezulwini, ethunywe nguJehova ukuzovusa leli bandla lasezulwini!
45.Kunakho konke, USHEMBE WAVUSA ISABATHA OKWASE KUBULAWE AMANAZARETHA AMANINGI AYENGABALANDELI BAKAYESHUA NGOBA AYEFICWE EKHONZA NGESABATHA!
46.Namanje amanye amakholwa asasho okuningi ngokugcinwa kweSabatha, abanye bethi ISABATHA NGELENKOLO YAKWASHEMBE, kodwa akunjalo, ngaphandle kokuba ngumthetho wesine kaNkulunkulu, ISABATHA NGOKUKA-EKSODUSI 31 LUWUPHAWU LWESIVUMELWANO PHAKATHI KWESIZWE SAKWA-ISRAEL NONKULUNKULU!
47.Ku-Eksodusi 35:2-3, uNkulunkulu uthi ngosuku lwesabatha ungabaswa umlilo ezindlini zethu!
48.Kodwa ngoba ukugcinwa kwesabatha kwakubalethela itwetwe abezizwe, baba neCreed ngayo abachitha ukugcinwa kwesabatha, efundeka kanje:
50.“Enkolweni entsha kufanele amakholwa ayeke ukwenza lenkolo ibe ubuJuda.
51.Awayeke lento yokuthi angasebenzi ngeSabatha, kuthiwe lusuku lokuphumula; KUFANELE KUSETSHENZWE NGALO!
52.Kunokuthi kugcinwe lemikhosi yamaJuda, AKUGCINWE USUKU LUKA BHALI, OKULUSUKU LOKUQALA ESONTWENI!
53.Noma ubani ozotholakala enza ubuJuda uzojeziswa ngokwenkolo entsha.”
54.Nempela umuntu oficwe egcina iSabatha ngokomthetho wenkolo yabezizwe wayebulawa!
55.UJEHOVA UTHE UMUNTU ONGALIGCINI ISABATHA AKABULAWE; ENKOLWENI YABEZIZWE KWANOMTHETHO OTHI UMA UFICWA UGCINA ISABATHA, KUMELE UBULAWE!
56.Ngokusobala, inkolo yabezizwe iyayichitha inkolo yethu, okuyinkolo kaJehova!
57.Noma besingayiwo amaHebheru, bekungaba ubuwula kithi ukuthi singathi siyisizwe esimnyama, silahliswe yizizwe ezimhlophe inkolo kaJehova, bese samukela inkolo echazwe yibo ukuthi iyinkolo kaBhali!
58.Noma ngokwaba mhlophe sayilahla inkolo kaJehova, KODWA USHEMBE UFIKE WAYIVUSA LENKOLO KAMENZI WEZULU NOMHLABA!
59.UKUVUSA INKOLO KAJEHOVA NJENGOBA YAYIHOLWA NGUMOSE, UMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE (ukuthula kube kuye) LOKHO WAKUBHALA PHANSI KUMTHANDAZO WESABATHA!
60.Kuvesi 3 no 4 woMthandazo weSabatha uShembe uthi: “MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE ANILOBELA YONA UJEHOVA NGENCEKU YAKHE UMOSE, UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI.
61.NGOKUBA UMA NINGAMDUMISI NGEMITHETHO YAKHE AKAYIKUYAMUKELA IMITHANDAZO YENU. AKASOZE ANEHLISELA IZIBUSISO UMA NINGAYILALELI IMITHETHO YAKHE NIYIGCINE!”
62.Sesikuvezile ukuthi abezizwe abakufihlanga ukuthi bayamzonda uNkulunkulu wamaHebheru, okunguJehova! Lokho bakufakazisa ngokuchitha yonke imithetho yakhe njengoba kuchazwa nakuma Creeds abo!
63.Umbuzo uthi njengoba abezizwe babemzonda kangaka uNkulunkulu wamaJuda, okunguJehova, uYeshua oliJuda oyiNdodana yakhe, futhi naye eliJuda, wamshiya nini uJehova ukuba ezoba ngumholi wenkolo elwa noJehova? Ngabe sikhuluma ngoYesua, lo owayezalwa nguMaria noJosefa, noma ngomunye uYeshua?
64.KuMathewu 10: 5-6 uYeshua wayala abafundi bakhe ukuba bangabashumayezi abezizwe! Njengoba emva kwaYeshua ayebulawa amaNazaretha, pho usehlanganaphi uYeshua nenkolo yabezizwe?
65.Eminyakeni yo 300 A.D., uConstentine washaya umthetho ochitha inkolo yamaHebheru ngamaCreeds. LamaCreeds, afundeka kanje:
66.“Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yama wundlu eyenziwa ngamaHebheru.
67.Ngichitha iminikelo, imithandazo, ukulinda, ukuzingcwelisa KANYE NOKUDUMISA KWABO!
68.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, amahubo, nezaga, NOKUYA KWABO UKUYOKHONZA EMATHEMPELINI!
69.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane UKUTHI KUBE KHONA UKUBUYA KULENKOLOZE YAMAJUDA, NOMA UKUTHOLAKALA NGIDLA NAMAjUDA!
70.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo, kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.
71.Uma eke wabakhona otholakala enza lokho noma yimina uqobo, ngiyacela isiqalekiso sikaKhayini noma isifo sobulepheru buka Gehazi sivele sehlele kimi ngaleso sikhathi.”
72.Lenkolo abezizwe abayibiza NGENKOLOZE, INKOLO KAJEHOVA EFIKE YAVUSWA NGUSHEMBE, osekunabathi asingawuvezi lomlando, ukuze isizwe esimnyama sihlale sibuswa yileli lumbo esilifunzwe yizitha zikaJehova!
73.Isiwula kuphela esingacabanga ukuthi laba bantu ayethi amaNtaliyane akungadliwa nabo, kwakungabamhlophe!
74.Abezizwe babeba ne sport lapho abamnyama babeqhathwa khona namabhubesi, amabhubesi ebabulale abadle kubukwa, kuhlekwe, ngoba ukubulala abamnyama ngaloluhlobo kubo kuyi sport!
75.Kodwa eminyakeni yo 500 A.D., abezizwe base behlanganisa incwadi, abathi INCWADI ENGCWELE!
76.Ngale ncwadi base befundisa ukuthi umthetho kaMose uyisivumelwane esidala, manje sesiphila kuyisivumelwano esisha esichitha isivumelwano esidala!
77.Ekuqaleni abagcina umthetho kaMose babebulawa, kodwa ukuze nathi sihlanganyele nabo ukuchitha umthetho kaJehova, base bethi lomthetho uqedwa yisiprofetho soMprofethi uJeremiya, bathi nguMprofethi kaJehova oqeda umthetho kaJehova!
78.Nathi-ke sanqekuzisa amakhanda, seseka ukuqedwa ngabezizwe ngobuqili umthetho kaNkulunkulu wethu!
79.Kunabantu-ke abamnyama abangafuni ukuba abantu bazi ukuthi abezizwe bayiqeda kanjani inkolo yethu esayemukela entabeni yaseSinayi, base besifunza eyabo!
80.Lo mlando wokuhlukunyezwa kwesizwe sakithi ngabamhlophe nokuqedwa komthetho kaNkulunkulu wethu, ubhalwe yibo abamhlophe phansi!
81.Njengamanje sesikhululekile, futhi sikhululeke ezweni lethu! Sekuyisikhathi sokuba sizikhothe amanxeba, bese sifuna ukuthi ukuze uNkulunkulu asikhaphele ezitheni zethu sasenzeni.
82.Kungagcini lapho, sibuye futhi sizibuze ukuthi yini esingayenza ukuze sibuyele ebuhleni esasinabo sisahamba noJehova uNkulunkulu wethu!
83.Njengoba nomlando uzisho, ayikho inkolo eke yacindezela ezinye izinkolo, kodwa ukuhlukumezeka kwezinkolo kwakwenziwa ngababusi bezwe!
84.NaseSouth Afrika, kube umbuso wabamhlophe owachitha zonke ezinye izinkolo, wasala nenkolo eyodwa, okungeyabo!
85.Namanje ukuvimba abezizwe ukusebenzisa umbuso ukuchitha inkolo kaJehova, ukuze silandele eyabo, osopolitiki kumele baqaphele ukuthi lesi senzo sobuqili esedlule kuso asiqhutshwa yini ngomshosha phansi noma sesikhululekile!
Inkosi ibusise lokho enikuzwile.
Le nkonzo iyatholakala ku YouTube othi Rev Mpanza NCG.