Awukwazi ukuthi ungathi ungakholwa, bese kuthi ngoba usenkingeni, bese uzila ukudla, ugqoke amasaka uzithele ngomlotha, uphindaphinde ukuguqa ngamadolo uthandaza, bese ucabanga ukuthi ngalokho uNkulunkulu usezoza kuwe azokuxazulula inkinga yomuntu ongenandaba naye uma esekubuseni!
Umuntu umthandazo wakhe ophendulwa ngokuzila, umuntu ovele emkhonza uNkulunkulu, ngumuntu ogcina umthetho kaNkulunkulu!
Isihlabelelo 75
1.Nkosi nika izindlebe zethu
Ukulizwa izwi lakho
Sibambe singayeki
Imiyalo yakho.
Noma sibamba lingaphunyuka
Masingayeki.
2.Ngokuba ludondolo oluhle
Imiyalo yakho.
Lubanika ithemba
Abaluphetheyo
Sibambe singayeki
Singayeki ngethemba.
UJEHOVA UKHONZWA NGOKUGCINA IZIMISO ZAKHE.
1.Enkonzweni yaseKhozini sikhulume ngokuzila okwamukelekile kuJehova.
2.Kodwa ngenxa yesikhathi asizange sikuveze konke othi uJehova amakholwa kumele akwenze uma ezilile! Namanje ke sisazogxila kuye u-Isaya 58:1-14, okuyisahluko esisifundisa ngokuzila okuyikho.
3.Kulesi sahluko, uJehova ngomlomo ka-Isaya uMprofethi, wakhuluma wathi:
4.“Memeza ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami IZIPHAMBEKO ZABO, NENDLU KAJAKOBE IZONO ZAYO.
5.Nokho bayangifuna nsuku zonke, bayakuthokozela ukwazi izindlela zami, kungathi bayisizwe esenza ukulunga, ESINGAZISHIYANGA IZIMISO ZIKANKULUNKULU WASO.
6.Babuza kimi izahlulelo ezilungileyo, bayakuthokozela ukusondela kukaNkulunkulu.
7.Bathi SIKUZILELENI UKUDLA, NGOBA AWUBONI NA? SIZITHOBELENI NGOBA AWUSINAKI NA?
8.BHEKANI, NGOSUKU ENIZILA NGALO, NENZA ENIKUTHANDAYO, NICINDEZELE ZONKE IZISEBENZI ZENU.
9.BONANI-KE NIZILELA UKUPHIKISANA NOKULWA, NOKUSHAYA NGENQINDI YENKOHLAKALO.
11.NGABE UKUZILA LOKHU ENGIKUKHETHILEYO NA? NGABE USUKU LOKUBA UMUNTU ATHOBISE UMPHEFUMULO NA?
12.NGABE KUNGUKUBA AGEBISE IKHANDA LAKHE NJENGOMHLANGA, ALALE ENDAWENI EYISAKA NASEMLOTHENI NA?
13.NGABE YIKHO LOKHU YINI ENIKUBIZA NGOKUZILA, NOSUKU OLWAMUKELEKILEYO KUJEHOVA NA?
14.UKUZILA ENGIKUKHETHILEYO AKUKHONA YINI LOKHU: UKUTHUKULULA IZIBOPHO ZENKOHLAKALO, UKUKHUMULA IZITILOBHO EJOKENI, UKUKHULULA ABACINDEZELWEYO, NOKUPHULA WONKE AMAJOKA NA?
15.AKUSIKHONA YINI UKWABELANA NABALAMBILEYO ISINKWA SAKHO, UKUNGENISA ABAMPOFU NEMIHAMBIMA EKHAYA LAKHO, LAPHO UBONA OHAMBAZE UMEMBATHISE, NOKUNGAZIFIHLI EZIHLOTSHENI ZAKHO NA?
16.KHONA UKUKHANYA KWAKHO KUYAKUVELA NJENGOKUSA, NOKUPHILISWA KWAKHO KUYOVELA MASINYANE, UKULUNGA KWAKHO KUYOKUKWANDULELA, INKAZIMULO KAJEHOVA IBE NGASEMUVA KWAKHO.
17.KHONA UYOKUMEMEZA, KUSABELE UJEHOVA, UYAKUKHALA, BESE ETHI: “BHEKA NGILAPHA!”
18.UMA USUSA IJOKA PHAKATHI KWENU, UKUKHOMBANA NGEMINWE, NOKUKHULUMA KABI, UNIKE OLAMBILEYO UKUDLA KWAKHO, USUTHISE OTHOTSHISIWEYO.
19.KHONA UKUKHANYA KWAKHO KUYOVELA EBUMNYAMENI, UKUHLWA KWAKHO KUFANE NEMINI.
20.UJEHOVA UYOKUHOLA NJALO, ANELISE OKUNTULAYO EZINDAWENI EZOMILEYO, AQINISE AMATHAMBO AKHO.
21.UYAKUBA NJENGENSIMU ENISELWEYO NANJENGO MTHOMBO WAMANZI, OMANZI AWO ENGASHI.
22.ABANYE PHAKATHI KWENU BAYOKWAKHA KABUSHA INCITHAKALO YEZAKHIWO ZASEMANDULO!
23.UYAKUVUSA IZISEKELO ZEZIZUKULWANE, UYOBIZWA NGOKUTHI UNGUMVUSELELI WEZINGANGE, NOMLUNGISI WEMIGWAQO UKUBA KUHLALE KUKHO.
24.UMA UZINQANDA EKUNGCOLISENI ISABATHA, UNGENZI UMSEBENZI WAKHO NGOSUKU LWAMI OLUNGCWELE!
25.ISABATHA ULUBIZE NGOKUTHI INTOKOZO, NOSUKU OLUNGCWELE LUKAJEHOVA NGOKUTHI LUHLONIPHEKILE, ULUHLONIPHE; UNGAHAMBI NGEZINDLELA ZAKHO, UNGENZI OKUTHANDWA NGUWE NOMA IMISEBENZI YAKHO.
26.KHONA UYAKUZIJABULISA KUJEHOVA, NGIYOKUKUKHWEZA EZINDAWENI EZIPHAKEMEYO ZOMHLABA, NGIKUPHE UKUBA UDLE IFA LIKAJAKOBE UYIHLO, NGOKUBA UMLOMO KAJEHOVA UKHULUMILE!”Amen!
27.Ngithe namuhla ekesijule ngalencazelo ngokuzila, okuyincazelo echazwa nguye uJehova ngomlomo ka Isaya uMprofethi.
28.Bonke abantu abakholiwe bayakwazi ukuzila, futhi bayazila. Kodwa ngencazelo yoMprofethi, kuyacaca ukuthi sonke asizili ngendlela ebhekwe nguJehova!
29.Lencwadi sayinikwa yingelosi, yangagcina ngokusinika incwadi, kodwa yasifundisa yajula ngalesi sifundo sokuzila.
30.Into yokuqala okumele uyazi ukuthi ukuzila kubekelwe abantu abakholwayo, akukwazi ukuthi ungathi ungazihluphi ngokukholwa, bese kuthi ngoba usenkingeni ethize, bese uyazila, ngoba ukuzila ukubiza uNkulunkulu ukuba akuxazululele inkinga yakho!
31.Awukwazi ukuthi ungathi ungakholwa, bese kuthi ngoba usenkingeni, bese uzila ukudla, ugqoke amasaka uzithele ngomlotha, uphindaphinde ukuguqa ngamadolo uthandaza, bese ucabanga ukuthi ngalokho uNkulunkulu usezoza kuwe azokuxazulula inkinga yomuntu ongenandaba naye uma esekubuseni!
32.Umuntu umthandazo wakhe ophendulwa ngokuzila, umuntu ovele emkhonza uNkulunkulu, ngumuntu ogcina umthetho kaNkulunkulu!
33.UShembe kuvesi 16 womthandazo wokulala uthi: “Ngezinsuku zonke zokuphila kwakho, uma ulala ubomkhonza uJehova uNkulunkulu wakho uThixo wakho.
34.Ngosuku lwenhlupheko umbize, UYAKUKULALELA, UYAKUZA AKUSINDISE UMA UYENDLALA NGEZIKHATHI ZONKE INHLIZIYO YAKHO EMKHONDWENI YEZIMEMEZELO ZEZWI LAKHE!”
35.Umkhonza kanjani uJehova ngesikhathi sokulala kwakho? Ngaphambi kokuba ulale, kumele uguqe uthandaze.
36.Uma uthandaza, into yokuqala ukuthi UYAMBONGE UJEHOVA UKUTHI UKUGCINILE, WAKUVIKELA KUZO ZONKE IZINGOZI EBEZINGAKWEHLELA IMINI YONKE, BESE FUTHI UCELA UKUTHI AKUVIKELE KUZO ZONKE IZINGOZI EZINGAKWEHLELA EKULALENI KWAKHO.
37.LEZI ZINTO EZIMBILI UNGAZIKHOHLWA EKUTHANDAZENI KWAKHO.
38.NASEKUSENI UBONGE UKUTHI UJEHOVA UKUVIKELE EKULALENI KWAKHO, BESE UCELA UKUBA AQHUBEKE NOKUKUVIKELE NANGALEMINI YAKHE!
39.Usungaqhubeka ke usho okunye, kodwa ungakhohlwa ukubonga, bese ucela futhi uNkulunkulu aqhubeke nokukuvikela.
40.Kodwa lokho kukodwa akwanele, uthi uShembe: UYOKUKULALELA, UYOKUZA AKUSINDISE UJEHOVA UMA UYENDLALA NGEZIKHATHI ZONKE INHLIZIYO YAKHO EMKHONDWENI YEZIMEMEZELO ZEZWI LAKHE!”
41.Kusho ukuthini lokho? Ukwendlala inhliziyo yakho emkhondweni yezimemezelo zezwi likaNkulunkulu kusho ukugcina umthetho kaNkulunkulu!
42.Noma njalo ekulaleni nasekuvukeni kwakho uyaye uthandaze, lokho kukodwa akusho lutho, uJehova okufunayo ukuba ugcine umthetho wakhe!
43.Umprofethi u-Isaya waseBhayibhelini usichazela into okumele singayenzi nokufanele siyenze uma silinda, sikhala kuJehova ukuba amukele umthandazo wethu kulokho okusihluphile.
44.Uthi-ke uJehova kuMprofethi u-Isaya: “Memeza ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami IZIPHAMBEKO ZABO, NENDLU KAJAKOBE IZONO ZAYO.
45.Nokho bayangifuna nsuku zonke, bayakuthokozela ukwazi izindlela zami, kungathi bayisizwe esenza ukulunga, ESINGAZISHIYANGA IZIMISO ZIKANKULUNKULU WASO.
46.Babuza kimi izahlulelo ezilungileyo, bayakuthokozela ukusondela kukaNkulunkulu.
47.Bathi SIKUZILELENI UKUDLA, NGOBA AWUBONI NA? SIZITHOBELENI NGOBA AWUSINAKI NA?
47.Okokuqala uthi uJehova: “Memeza ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami IZIPHAMBEKO ZABO, NENDLU KAJAKOBE IZONO ZAYO.
48.Uthi uJehova uMprofethi u-Isaya abantu bakwa-Israel akabatshele “IZIPHAMBEKO ZABO, NENDLU KAJAKOBE IZONO ZAYO.”
49.Ayikho into ezondwa ngabantu njengokuba tshela izono zabo. Uma utshela abantu izono zabo bayaye bethi uyagxeka, noma uyabehlulela!
50.Kodwa uma uthunywa nguJehova ukuphendula abantu bakholwe ngokugcina umthetho wakhe, into yokuqala okumele uyenze ukuba ubatshele izono zabo!
51.Angazi ukuthi ungasiyeka kanjani isono uma ungatshelwanga ukuthi lokhu okwenzayo kuyisono!
52.Ukukholwa kuJehova UKUGCINA IMITHETHO YAKHE, UKUTHANDA UJEHOVA UKUHAMBA NGEZINDLELA ZAKHE.
53.MANJE UNGAWUGCINA KANJANI UMTHETHO ONGAWAZI, UNGAHAMBA KANJANI NGENDLELA ONGAYAZI?
54.Uyaqhubeka uJehova uthi: “Nokho bayangifuna nsuku zonke, bayakuthokozela ukwazi izindlela zami, kungathi bayisizwe esenza ukulunga, ESINGAZISHIYANGA IZIMISO ZIKANKULUNKULU WASO.
55.Babuza kimi izahlulelo ezilungileyo, bayakuthokozela ukusondela kukaNkulunkulu.”
56.Uthi-ke uJehova, yize laba bantu bengahambi ngezindlela zakhe, kodwa bafuna ukwazi izindlela zakhe!
57.Yize bengawugcini umthetho kaJehova uNkulunkulu wabo, bafuna ukuba uNkulunkulu asondele kubo uma sebehluphekile, baziphathe njengabantu abahamba emkhondweni wezimemezelo zezwi likaJehova!
58.Ngamanye amazwi, bamhlubukile uJehova, kodwa futhi bafuna ukuthi noma uJehova bemhlubukile, kodwa yena akaqhubeke nokubasiza ezinhluphekweni zabo!
59.Mhlawumbe ngoba abantu abaningi bafundiswe ukuthi ukukholwa ukuchitha imithetho kaNkulunkulu.
60.Kuyadingeka ukuthi bonke abantu bakuqondisise ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani, ngoba izizimbili izindlela yokukhonza uJehova, kodwa inye!
61.Ku Dutoronomi 10:12-13 uMose wakhuluma lamazwi: “Manje-ke Israel, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe na?
62.Ufuna ukuba umesabe, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho; ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo lusuku ukuba kube kuhle kuwe!”
63.Bayabuza-ke abantu, bathi: “SIKUZILELENI UKUDLA, NGOBA AWUBONI NA? SIZITHOBELENI NGOBA AWUSINAKI NA?”
64.Lenkulumo ngeyokusola uNkulunkulu, bathi noma bezilile ngokungadli, kodwa uJehova akaboni ukuthi bazilile, noma bezila ngokuzithoba, uNkulunkulu akababoni, ngoba akabaphenduli ekuzileni kwabo!
65.Kulokhu kusola kwabo, uJehova useyabaphendula-ke. Lempendulo kaNkulunkulu kumele sonke siyilalele ngoba sonke sisaqhuba lento eyayenziwa ngabantwana bakwa-Israel. UNkulunkulu uyabaphendula-ke uthi:
66.“UKUZILA ENGIKUKHETHILEYO AKUKHONA YINI LOKHU, UKUTHUKULULA IZIBOPHO ZENKOHLAKALO NA?
67.Awukwazi ukuthi uthi ungumuntu okhohlakele, bese ucabanga ukuthi uzothi ngoba kothi ngoba izinkinga sezibheke kuwe, bese ugijimela ukuzila ngethemba lokuthi uNkulunkulu usezoxazulula izinkinga zakho! Unkulunkulu unguyise wabamkhonzayo!
68.Uyaqhubeka uJehova uthi: UKUKHUMULA IZITILOBHO EJOKENI, UKUKHULULA ABACINDEZELWEYO, NOKUPHULA WONKE AMAJOKA NA?
69.Lapha uJehova usekusho konke. Awukwazi ukuthi uthi ucindezela abantu, ungafuni ukukhulula abacindazelweyo, bese ubheka ukuthi kuzothi ngoba wena usenkingeni, bese ubheka ukuthi uNkunkulunkulu uzogijima ukuzokusiza!
70.“AKUSIKHONA YINI UKWABELANA NABALAMBILEYO ISINKWA SAKHO, UKUNGENISA ABAMPOFU NEMIHAMBIMA EKHAYA LAKHO, LAPHO UBONA OHAMBAZE UMEMBATHISE, NOKUNGAZIFIHLI EZIHLOTSHENI ZAKHO NA?”
71.UNkulunkulu usekusho konke ukuthi umuntu ofuna ukusizwa ekuhluphekeni kwakhe, kumele kube ngumuntu onjani, kumele kube ngumuntu onakekela abantu abahluphekileyo!
72.Kulesi sifundo, ingelosi yasibuza ukuthi uma uJehova engase esinike uR40 million singenzani ngawo? Sase sibala lokhu nalokhu.
73.Ithi-ke ingelosi, njalo uma uNkulunkulu ekunika into, noma imali enkulu, ubobuza, uthi “UNKULUNKULU UFUNA NGIMENZELENI NGALEMALI”, ungasho ukuthi “UNKULUNKULU UFUNA NGIZENZELENI NGALEMALI?”
74.Uthi -ke lomuntu wasezulwini:”Akekho umuntu ohlupheka njengoNkulunkulu, ngoba wonke umuntu ohluphekile uyaye akhale kuJehova, abheke uJehova ukuthi amkhiphe enkingeni okuyo, kakhulukazi enkingeni yemali.
75.Ithi-ke ingelosi: “Manje ezulwini uNkulunkulu akahlale esebenzisa umlingo ukusiza abantu. Usebenza ngomuntu ukusiza omunye umuntu.
76.Ngakho uma uthola imali, uzibuze ukuthi ngalemali ngizomsiza kanjani uNkulunkulu.
77.Ithi-ke ingelosi imali oyitholayo, akuthi nawe ikusiza, kodwa ube udala imisebenzi lapho kuzosizakala khona abanye abantu.
78.Ayikho into ebaluleke njengokuthi uma uthola imali udale imisebenzi, kusizakale ngayo abantu abaningi.
79.Uma usiza abantu, noma izintandane, noma ngabafelokazi ngemali oyitholile, usuke unikela kuJehova!
80.Ngalokho uJehova uyolokhu ekupha imali, ngoba ngayo uyamsiza ngokuthi wakhe imisebenzi okuzosebenza khona abanye abantu bakhe!
81.Uthi-ke uJehova uma wenze njalo, KHONA UKUKHANYA KWAKHO KUYAKUVELA NJENGOKUSA, NOKUPHILISWA KWAKHO KUYOVELA MASINYANE, UKULUNGA KWAKHO KUYOKUKWANDULELA, INKAZIMULO KAJEHOVA IBE NGASEMUVA KWAKHO.
82.KHONA UYOKUMEMEZA, KUSABELE UJEHOVA, UYAKUKHALA, BESE ETHI: “BHEKA NGILAPHA!”
83.Isimangaliso sokukhuluma lesi; ungacabanga ukuthi lento ngenke yenzeke, kanti ingenzeka ngempela uma umkhonza uJehova ngenhliziyo yakho yonke, nangomphefumulo wakho wonke, wenza konke oyalwe ukuthi ukwenze!
84.Uyothi uma umemeza, kusabele uJehova, athi, ngilapha mntanami, ngingakusiza ngani? Ake ukwenze lokho, bese ubona ukuthi lokho ngenke yini kwenzeke!
85.Njengoba sike sichaze, uma uthi ungumNazaretha, kodwa ungahambi ngezimiso zikaJehova, ungagcini lapho, kodwa ufundisa abantu ukuthi abangawugcini umthetho kaNkulunkulu,
86.Uyosenza usenze isono, ucabange ukuthi uNkulunkulu akaboni, kodwa ngelinye ilanga ulaka lukaJehova loyokwehlela, ubhujiswe emhlabeni, uze ubhujiswe nasezulwini!
87.Nizwile enkonzweni ebisoKhozini ukuthi uNkulunkulu wamenzenjani umshumayeli ongagcinanga ngokwehlelwa yisono, kodwa owazigabisa kuNkulunkulu ngesono, ithi ingelosi uNkulunkulu wamphihliza waba udaka, kwaphela ngaye emhlabeni kwaphela ngaye nasezulwini!
88.Ngaso sonke isikhathi nikhumbule ukuthi lelibandla lasunguleka kanjani. Noma ningasibona simi siphambi kwenu, kodwa anohlala nikhumbula ukuthi ingelosi yathini mhla isungula lelibandla.
89.Ithi ingelosi, uthi uBababa iLanga, MAKHELE IBANDLA LIKAJEHOVA. Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi lelibandla ngeleNkosi iLanga, kodwa ilakhele ukuthi kulo sudunyiswe uJehova.
90.Ngiyafisa ukuthi kengicaphune enye intshumayelo yeNkosi iLanga etholakala ekhasini 215 lencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi “Izinshumayelo zeNkosi iLanga” Uthi-ke uBaba iLanga”
91.”Iphunga lesono linamandla kunamaphunga onke akhona maNaretha.
92.Uma umuntu esengenwe isono, sangena saze samqeda, wangasivuma isono sakhe, iphunga lakhona liyesabeka!
93.Ubuso bakhe buye bunuke, nesandla sakhe sinuke nonyawo lwakhe lunuke! Noma ekhuluma, ethi ukhuluma into enhle, kuyanuka, ngoba kuphuma enhliziyweni enesono, enecala!
94.”UMfundisi osemdala nje wakhulelisa intombazane. Yase imbikela intombazane ukuthi ikhulelwe.
95.UMfundisi usethi: ‘Hawu, abantu bazothini uma kuvela lesi sono sami?’ Inkolo yethu-ke thina bantu basemhlabeni ukuthi ‘abantu bazothini’.
96.Asisho uma sonile ukuthi: ‘UNkulunkulu uzothini?’ Siye simbuyisele eceleni uNkulunkulu, sicabange abantu basemhlabeni!
97.Sonke njengoba silapha sesaba ukuthi abantu bazothini kulesi sono sami. Akusiyo indlela yasezulwini leyo.
98.Indlela yasezulwini ngethi ‘Nkosi uthini ngalesi sono sami? Ngingageza ngani?’ Isho njalo ingoma yenu ithi: ‘Lowo mfula uphi wona engingageza kuwo, kuzosuka isisila ngibe muhle ngiphelele!’
99.Lapha ngininika isithombe salomuntu owathi uma esesezulwini wacabanga emhlabeni, wangasho ukuthi okwenzeka emhlabeni akusahlangene nami, kodwa wathuma ingelosi ukuba izovusa ngathi lelibandla owahamba emhlabeni elisebenzela kanzima!
100.Nani niyabona ukuthi emhlabeni kunendlala yezwi likaNkulunkulu! Ku-Amose 8:11-14 uthi uJehova ngomlomo woMprofethi u-Amose:
101.“Niyabona-ke, ziyeza izinsuku lapho ngothumela indlala ezweni, hhayi indlala yesinkwa, hhayi eyokomela amanzi, kodwa indlala yokuzwa amazwi kaJehova!
102.Abantu bayodiyazela kusuka olwandle kuya olwandle, behla benyuka kusuka enyakatho kuya empumalanga, bazulazule befuna izwi likaJehova, kodwa abayikulifumana!
103.Ngalolo lusuka izintombi ezinhle nezinsizwa ziyakuquleka ngenxa yokoma.
104.Labo abafunga ngezithixo zaseSamariya, bathi “ngokuphila konkulunkulu kwaDani, nokuthi “Ngokuphila kwa Bherisheba, bayokuwa bengaphinde bavuke!”
105.Ngaphambili sake sachaza ukuthi lenkulumo iyabhinqa, uNkulunkulu ubhinqa abantu abamhlubukile! abenza noma yini eyisinengiso kuJehova.
106.Uthi kuza isikhathi lapho emhlabeni wonke abantu bayomhlubuka uNkulunkulu, bengayilandeli yakhe!
Izintombi nezinsizwa zomhlubuka uJehova zenze noma yini eyisinengiso kuJehova.
107.Lento eyakhulunywa nguJehova isiyenzeka manje umhlaba wonke, kodwa ngokubona kwami, ikakhulukazi lapha eSouth Afrika!
108.Sonke siyazibonela ukuthi lapha eSouth Afrika ngabe ukhuluma ilumbo uma uthi likhona izwi likaNkulunkulu! ESouth Afrika akusalokothwa kube nombuzo wokuthi lento ngabe isamukelelekile ezulwini! Nevangeli leSatanism sekubusa lona kulelizwe lakithi!
109.Lelivangeli esilishumayelayo ngoJehova, liyisitha esikhulu, hhayi kuphela kubantu abangakholiwe, kodwa liyisitha kubafundisi bezinkonzo zonke, bahlale belwela ukuthi liqedwe!
110.Uthi-ke uJehova bobe bekhonza bedumisa onkulunkulu abazakhele bona, oDani noBherisheba! Namanje ngisho ebandleni likaMenzi wezulu nomhlaba, akusadunyiswa uJehova, abantu sebeno Bherisheba babo!
111.Kodwa ekugcineni uthi uJehova: “Bayokuwa bengabe besavuka!
112.Uthi-ke uBabamkhulu kithina esisabambele ezwini likaJehova: “Sibuthene lapha ebusweni bakho Nkosi, ukuzoncinda izwi lakho. Sitshela zonke izizwe umkhondo wezwi lakho, ngoba ufunwa ngabalithandayo. Bavule izinhliziyo zabo!
113.Lingene lingathiwa ezinhliziweni zabo, balithande baligcine lelo lizwi lakho
114.Sanibona makholwa, nina zitsha ezinhle zokuphatha leli lizwi ukuze zisinde zonke izizwe!
115.Uma niliphatha kahle izwi likaNkulunkulu, singaliphathi ngezandla ezinodaka, siyobongwa nguSimakade ngokugcina leli lizwi, zonke izizwe esezililahlile. Ngathi zonke izizwe kusuka elwandle kuya elwandle zosinda!
Isihlabelelo 130.
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincinda ngokugcina.
2.Sitshela zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
3.Lingenwe lingathiwa
Ezinhliziweni zabo
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
4.Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimsakade
Ngokugcina leli lizwi
Zisinde zonke izizwe!
INkosi ibusise izwi layo!