Ngichaza ukuthike uma usumukele uNkulunkulu, emva kwalokho qoqa umndeni wakho uwazise kungakaveli lutho, kungakwenziwa madili, uwutshele ube nomhlangano nabo, ubatshele ukuthi sengikhethe uNkulunkulu, nginalo ilungelo lokuzikhethela noma iyiphi inhlangano engiyibonayo ukuthi izonisiza lapha emhlabeni.
Ubatshele ukuthi noma ngiphila, le nhlangano kaNkulunkulu ephethwe nguye, ngiyophila ngayo, futhi uma ngabe ngiwugcina umthetho kaNkulunkulu, ngiyofa emhlabeni kodwa ngivuke ezulwini…
Intshumayelo kaMfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza, mhlaka 07 October 2023 ekhaya eNqobizitha ekuseni ngeSabatha.
ISIHLABELELO 101.
1 Lukhozi olunamaphiko
Phakamisa iphiko lakho,
Singene sizifihle kuwe
Dwala labadala.
2 Nqaba yimbe asinayo
Ngaphandle kwakho,
Esingazifihla kuyo
Thina bampofana bakho.
3 Sikhukhukazi esihle
Simi phambi kwakho
Akuyiso iJerusalema kuphela
Owayithandayo.
1.Ngiyababingelela abangcwele, ngibabingelela ngiyikhetha iNkosi yaseKuphakameni, ngiyikhetha ngibonga ukuthi sengibuye nganikezwa ithuba lokuthi ngiphinde ngibuye kulendima esengiqalile kuqala umhlangano.
2.Isihloko sithi ukuzihlanganisa noJehova kungabe kusho ukuthini na? Bantwana baseKuphakameni obekade efunda umthandazo weSabatha ukuzihlanganisa noJehova kushoni.
3.Ngenye imini bantwana bokukholwa, iNkosazana yezulu ichaza ngokuzihlanganisa noJehova, ithi uma umuntu ephakama phakathi kwehamente likaJehova ethi uyayikhetha iNkosi enkulu yaseKuphakameni, okusuke kushiwo kuJehova onguYise wakho konke okukhona emhlabeni.
4.Uthike usuke ebhalisa, usuke esebhalisa ukuthi ibandla nomhlaba wonke awumazi ukuthi namuhla yena ukhethe uJehova.
5.Nguye futhi uNkosazana ogcizelele wasifundisa ukuthi lesi sisho esashiwo nguShembe ukuthi ukhumbule ukuthi namuhla wenze isifungo noJehova, ukuthi sisilalele lesi sisho emva kokuthi sesiyikhethile iNkosi, bese siyalalela ukuthi uShembe wathini kumuntu okhetha iNkosi, walandela emuva kwakhe wathini.
6.Ithike ingelosi, walandela wathi uze ukhumbule ukuthi namhla sewenze isivumelwano noJehova sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni komphefumulo wakho.
7.Ithike ingelosi uma umuntu kusuke usuku lokubhabhadiswa, usuke ese regist(wa) enhlanganweni kaJehova ukuthi useyilunga eliphelele, akasabambile itoho kodwa useyilunga eliphelele phambi kwaNkulunkulu.
8.Uthike kufanele ukuthi okhetha iNkosi awulalele umthandazo weSabatha, lapho uShembe esekhuluma khona ukuthi uze ukhumbule, lapho akhuluma khona ukuthi kufanele ukuthi umthande uNkulunkulu, ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho.
9.Okulandela lokho bantwana bokukholwa, uma umuntu esebhabhadisiwe, eseyilunga eliphelele, kulapho ofanele khona ukuthi umholi onikezwe amandla okuhola abantu ukuthi, abese eyazidlulisa iziyalo zokuthi, uze ukwazi ukuthi namuhla njengoba uthi uyayikhetha iNkosi ukhetha uJehova umdali wezulu nomhlaba onganakumfihlela lutho.
10.Zonke izono zakho ozenzile ungakakholwa, ziyasulwa namuhla, kodwa isono ozoqala ukusenza manje, uJehova uyosibhala sibe icala ngoba ubusungenile ekukholweni, washo wena ngowakho umlomo ukuthi uyazinikela kuJehova.
11.Uma usuzinikele, kufanele ukuthi ufuna ukwazi ukuthi njengoba sewuzinikele ikuphi okulandelayo.
12.Bantwana baseKuphakameni ukuzihlanganisa noJehova akufani nokuzihlanganisa nama society. Umthetho kaNkulunkulu kufanele ukuthi uhambe phambi kwakho wena ungahambi phambi kwawo, kodwa umthetho kaNkulunkulu uhambe phambi kwakho.
13.Uma ngabe ungumnumzane uyikhethile iNkosi yaseKuphakameni, fika ekhaya uqoqe umndeni wakho uwutshele ukuthi kusukela namuhla wena uphumile emndenini, kodwa ungena emndenini wasezulwini, wena usukhetha uNkulunkulu onguMenzi wezulu nomhlaba.
14.Ebese ubethulela ukuthi ikuphi ongasezukukwenza phakathi kwekhaya lakho nasemndenini, ubethulele kungenzeke lutho, kungakabi khona simemo abakumema ngaso.
15.Ungalindi ukuthi uyomenywa emadilini angahambisani noNkulunkulu, ebese uqhamuka lapho uthi mina angisahlangani nalokho, cha kufanele ubatshele mhla uzihlanganisa noNkulunkulu, ebese ubatshela ukuthi angisesiyena owomuntu womndeni, kodwa sengiwumuntu kaNkulunkulu.
16.Lokhu angisenakukwenza, ningabe nisangifuna uma senenza lokhu, ningabe nisangifuna emadilini omhlaba, ningabe nisangibiza uma nenza amadili obabamkhulu, ngoba mina ngibenzela amadili ngoba ngibacelela kuJehova ukuthi uJehova owabadalayo akabathethelele, abageze amanxeba, abakhiphe ezimpini, abasuse ezibayeni, angavumi babe ngamadlozi kodwa abenze babe izingelosi zikaThixo.
17.Kuze kuthi noma sibabona ekulaleni kwethu sivelelwe ngokuhle noma besingasebenzi kodwa bese siyasebenza ngoba bazobe bengasiwona amadlozi, kodwa bazobe sebeyizingelosi.
18.Ngoba ngithe uma ngifika phambi kwaJehova ngabubona ubuhle, ngase ngiyakhumbula ukuthi lokhu buhle akufanele kugcine kimi.
19.Ngase ngikhumbula obaba bami ngakhumbula obabamkhulu abangayitholanga inhlanhla yokuthola lobubuhle bese lapha.
20.Ngase ngiyakhumbula emuva, ngalikhumbula imuva lami ukuthi la engisuka khona kumahliphihliphi, ngase ngiyakhala kuJehova ngathi Nkosi ngikwemukele, kodwa Nkosi ekhaya engiqhamuka kulo, kumahliphihliphi, ekhaya engiqhamuka kulo, abazali bami abayazi indaba kaNkulunkulu futhi abayamukeli.
21.Abazali bami abasekho emhlabeni, bahambe bengayazi le ndaba, ngizobacelela kuwe ukuthi Nkosi ubaqoqe uthi uma usubaqoqile ubageze, ubathethelele Nkosi ngalokhu kushiswa kwami ilanga ebese ubaqoqa, ngalokhu kugodola kwami, abantu befake izicathulo ngingazifaki, kubanda kunyathela isithwathwa.
22.Ngicela ukuthi Nkosi ebese ubahawukela ngami, ngami nkosi mina engazuza inhlanhla ebusweni bakho ngase ngiyakubona.
23.Ngiyacela ukuthi le Nhlanhla Nkosi inabe njengezintanga, inabele kubo, kuthiwe phumani esigodini sosizi ngoba namhlanjena ingane yenu imbonile uJehova, ikubonile ukukhanya, yaphakamisa izandla yathi namuhla mina Nkosi ngingowakho sengiphumile ebumnyameni.
24.Kodwa Nkosi ngoba kufikile ukukhanya, wakufikisa kimi, ngithi Nkosi namhlanjena, akukhanye endlini kababa, akukhanye kulabo asebahamba.
25.Bakhiphe ezulwini lomndeni, ezulwini le ndlala, ezulwini lokoma, ezulwini lamakhaza ubafake ezulwini lakho, elikhazimulayo, elingenakulanjwa, ekungalanjwa khona, ekungagodolwa khona, ekungomiwa khona.
26.Ithike iNkosi yamakhosi likhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga, ebese ubafisela abazali bakho noyihlomkhulu ukuthi ngokugodola kwakho unyathelwa isithathwa, ngokushiswa kwakho ilanga, nokuya kwakho emgidini, ucela ukuthi baphume ezulwini lokuhlupheka, ezulwini losizi, lapho abayalelwa khona ngalelolanga behamba.
27.Lapho okwathiwa khona amakhehla ahleli kulelo zulu, awabathathe bamukelwa ngabo, kwathiwa uya koyihlomkhulu, labo yihlomkhulu osuke ungabazi ukuthi babhajwe kuluphi udaka, kodwa akekho onaka lokho, kuthiwa sesimusa koyisemkhulu.
28.Kodwa imihla yakho yonke yokuphila kwakho ubungasakhulumi noyihlomkhulu ngaphandle kokubacelela kuNkulunkulu ukuthi abasuse ezulwini losizi.
29.Lelizulu losizi alugcini ngokuba usizi kwabahleli kulo, lugcina behlisa usizi ezinganeni zalabo abagcinwe kulo, ngoba basuke sebelambile sebomile, bese bebuya ngesivinini bezophuca abantu imisebenzi benzela ukuthi kuzwakale ukuthi sekufanele kuhlatshwe.
30.Ngoba basabuya bazodla lapha emhlabeni, basabufuna kuwe utshwala ababekade bebuphuza, abakhathalele ngalutho ukuthi akukho abakushiyela khona, abanandaba nokuthi wena awusabuphuzi lobutshwala noma ngabe wake waphuza.
31.Uma ungakwenzi bese uphelelwa yiyo yonke into ngoba kukhalaza abantu abamukiswa ezulwini lomndeni, izulu lomndeni alinaye impofana, alunaye umfelokazi, alunamuntu ohluphekile, noma ngabe uhlupheke kangakanani, kodwa kufuneka inkomo kuwe, kufuneka imbuzi kuwe, kufuneka utshwala kuwe.
32.Kodwa izulu uShembe asithembise lona uma sihamba kahle, kuJehova awulambi, awomi, uma uyikholwa uhambela kuloku kukholwa, noma uhamba wemukelwa ngabasezulwini awumukelwa ngabantu abasosizini.
33.Ngithike bantwana baseKuphukameni, umuntu ozihlanganisa noJehova kufanele ngaso sonke isikhathi afune ukuthi sekufanele enzeni, sekufanele ukuthi kube yini.
34.Ngichaza ukuthike uma usumukele uNkulunkulu, emva kwalokho qoqa umndeni wakho uwazise kungakaveli lutho, kungakwenziwa madili, uwutshele ube nomhlangano nabo, ubatshele ukuthi sengikhethe uNkulunkulu, nginalo ilungelo lokuzikhethela noma iyiphi inhlangano engiyibonayo ukuthi izonisiza lapha emhlabeni.
35.Ubatshele ukuthi noma ngiphila, le nhlangano kaNkulunkulu ephethwe nguye, ngiyophila ngayo, futhi uma ngabe ngiwugcina umthetho kaNkulunkulu, ngiyofa emhlabeni kodwa ngivuke ezulwini, ngibe yimi, ngoba emhlabeni ngifa ngoba inyama yami izosithela, kodwa ngizoya ezulwini.
36.Ubatshele uthi nalapho seniza sengithulile, ningalokothi nikhulume noBabamkhulu, mina indaba yabo ngiyilungise kudala, ngibacelela kuJehova ukuthi uJehova abakhiphe ezulwini losizi, abenze babe zingelosi zakhe.
37.Ngalokho abayohlangabeza mina, ilabo engathi uma ngicela kuJehova, uJehova wabathethelela, base beba zingelosi, ngiyakuhlangabezwa amaqhawe ezulu, afela inkolo, adela konke ngoJehova, afa, efela lokho, afika avuka phambili, aba zingelosi ezikhanyayo nezizongena emzini okhazimulayo.
38.Abantu abafela izwi le Nkosi, abakukhetha ukufa ukuthi kulungile ngife, ngifele iqiniso likaJehova kunokuba ngiphile, ngiphilele amanga, ngiphilele ubuhilikiqi phambi kwabantu, ngithi uma sengihamba bese ngiya ekulahlweni nengubo emhlophe njengeqhwa.
39.Bese ngifika ngisolakala ngixoshwe izingelosi emasangweni, zingiphike zithi azingazi, angikufanele ukungena lapha, ngoba kuyothi noma isimhlophe njengeqhwa, uyothi uma uthi uyafika kulawo masango ivele ingubo yakho ivithike, ibe zimvithi, iphenduke ibe isikhali, ibe nodaka ngoba uyaphikwa kulomuzi, ukuthi ayikho mhlophe le ngubo yakho, iyobe seyicacisa inhliziyo yakho ukuthi ungumuntu onjani.
40.Ubatshele konke lokho abakini, ukuze bangahlupheki, ukuze bangakubali, ubatshele ukuthi namhlanjena, ningangisikeli izithebe, angisenaso isithebe ezinkomeni ezihlatshwa emzini kababa, angisenaso isithebe, angifunwe kubalwa.
41.Noma ngabe Ukhona unfowethu oganwayo, uma nje eganwa ngendlela yosiko oluthi biza oyihlomkhulu, mina ngicela, noma ngiyinkosana, noma ngingumagcino, ingubo yami negama lami, ningayifaki lapho, uma nilifaka icala uJehova uyolwethwesa nina.
42.Ngoba lokho kusho ukuthi awusafuni ukuthi igama lakho limenyezwe kweminye imikhakha engaqondene noJehova, baphelile abantu izithebe bekholwa.
43.Ngithike bantwana baseKuphakameni kukhonake okunye, okokuthi, uthi usungasayanga, kodwa wonke umcimbi wenziwe ngemali yakho, ukhiphe imali ukhiphele umhlangano uNkulunkulu athe akawufuni.
44.Ngithike bantwana baseKuphakameni baningi abantu ababathe baya phambili bahlehle, badonswa izimali zabo abazishwathika laphaya uJehova engafuni khona, athi ngizobe ngingekho kodwa usenesihawu sokuthi awuphumelele loyamsebenzi.
45.Ngithike bantwana baseKuphakameni, kunjalo bangcwele abanye noma beyizwa indaba kaNkulunkulu, kodwa uma sebefika lapha athi ayi ngiyakuzwa kodwa angeke sikulandele konke, kufanele ukuthi, mina ngiyinkosana akukwazi ukuthi kungaba khona into ekhaya ngingaqhamuki.
46.Uqhamuka kanjani ngoba wena waphakamisa isandla, wathi kusukela manje ungumntwana kaNkulunkulu, umntwana kaNkulunkulu uqhamuka kanjani emadilini angaqondene noNkulunkulu?
47.Bese ngiza bantwana baseKuphakameni esigabeni sokufelwa, uma umuntu efelwe inoma imuphi umuntu, noma efelwe ngabazali bakhe, noma ngumfowabo, noma inkosikazi yakhe, noma umtanakhe noma ngumyeni wakhe.
48.Lesi sisho esithi ngiyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho, asisetshenziswe namhlazana umuntu efelwe, abaphathi abayobe bephethe ivangeli noma izwi le nduduzo, bangakushiyi ukuthi lona wathi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakhe.
49.Ingakhoke kulelibandla singazili ngoba ukuzila, yathi ingelosi kuwukudumisa ukufa ukuthi ungaze ukugqokele ngisho uniform, ukudumise ukuthi kwenzekahle kwakuthathela umtanakho, kwenzekahle kwakuthathela umkakho, kwenzekahle kwakuthathela umyeni wakho.
50.Wathike bantwana baseKuphakameni umuntu akazile ngenhliziyo, umuntu akadlulise isonto ekufihlwa ngalo umkakhe, emva kwezinsuku eziyisikhombisa ezabekwa uMprofethi owafika nalendaba uShembe, kufanele ukuthi iyiqaphele indaba yokuthi emuva kwezinsuku eziyisikhombisa ungabuyela ethempelini likaJehova.
51.Kodwa ngeke ubuyele nenzilo, ingelosi yasenqabela thina maNazaretha kaNkulunkulu ukuthi siyothi uma sifelwe siphinde sithathe ingubo kaNkulunkulu siyihlanganise nenzilo.
52.Yathi inzila uma ngabe oyembethe eseyikhumula konke lokho akade ekugqoka ngesikhathi ezilile, uyashiswa, uyowushisa kanjani umNazaretha, nakhona ihlanganiswa kanjani ingubo yokukholwa nengubo yesililo, ingubo yesililo esho ukuthi umuntu usemnyama, uyifaka kanjani ingubo yokukholwa phezu kwenzilo?
53.Wathi akukho mfelokazi nomuntu nje ozilele bani oyobonakala ehleli emasangweni, wathi umuntu akahlale kwakhe kuze kube inhliziyo yakhe isililo siyehla, ebese eya kumhlambululi, amhlumbulule abuyele ayogcina isifungo sakhe asenza phambi kwaJehova sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube phakade.
54.Inzilo ikuphoqa ukuthi uhlale unyaka noma iminyaka emibili uma ngabe abasemzini bengakugezi noma neshumi leminyaka lingaphela ngoba ayivumelekile ukuthi uzisuse wena kufanele kufike labo ababekwembesa, awuzembatheli bathi uyambeswa.
56.Ngithike bantwana baseKuphakameni lesi sikhathi usalindile, ithike ingelosi sephukile isifungo somuntu owafunga phambi kaJehova, uboshelwe ukudumisa ukufa, kuthiwa akakudumise iminyaka angabe esaya kuNkulunkulu.
57.Uthi ukududuzeka kwakhe kukuphi, yonke indawo lapho ahambe khopna uyaxwaya, noma engena ematekisini kubukiswa ngaye, kuthiwe ngabe akahlalanga lapha, akakwazi ngisho ukudlula phakathi kwezinkomo uzobulala izinkomo, ifakwelani inzilo uma izobulala izinkomo, ifakelwani into ebulala izinkomo?
58.Yathike ingelosi lapha thina maNazaretha kaNkulunkulu asinakukudumisa ukufa, siyodumisa uJehova, kuyoze kube phakade asinakudumisa ukufa ngoba size sikugqokele i-uniform sikubabaze.
59.Ngalokhoke bantwana baseKuphakameni siye sifike sihlambuluke kumhlambuluki, uma umuntu eshiywe inkosikazi uyahlambuluka emva kwezinsuku eziyisikhombisa, ahlanjululwe ngumhlambululi, ebese eyangena endlini yesonto, kanjalo nomama.
60.Bese kuthi uma kuphela unyaka, ngaleso sikhathi lesi abaye bathi abantu bsebeyomlanda, sebeyombuyisa, ebese kwenziwa inkonzo yakhe ongasekho.
61.Uyaphinda futhi naye ahlambuluke futhi, mhlazane kucelelwa lona ukuthi uNkulunkulu akamemukele ahambe kahle, ingalesisikhathi sekuthathwa izimpahla zakhe ebezigqoka sezizophiwa abantu, bese nazo zihlanjululwa naye ahlambululwe, ehlambulukela loyo osuke ehambile.
62.Ilokho kuphela bantwana baseKuphakameni, ukuhlambuluka ngesilwane noma imbuzi kwakungekubi kithi, kodwa kwabe sekukuba isimemezelo esesisondeza labo ababengakholwa kahle, babengena kukho lokho bagcine bengasakhulumi noNkulunkulu kwase kuvela ukuthi akuvalwe konke, sihlanjululwe uJehova.
63.Ngoba nalaba abafundiswe ukuthi ubothi uma usuyithengile imbuzi ebese uthandazwa kuNkulunkulu, uthi Nkosi ngicela ukuthi ungihlambulule, usihlambulule, sashiywa umama noma sashiywa ubaba nganawu umphefumulo walesisilwane negazi layo, sizocela Nkosi ukuthi usigeze usihlambulule, cha, babesebekhulekela koyisemkhulu.
64.Ngoba bakubona kungena ukukhuluma noNkulunkulu, bekukhohlwe ukuthi obabamkhulu babekhuluma noyisemkhulu ngoba babengamazi uNkulunkulu, kodwa yena useyamazi uNkulunkulu.
65.Nabo babesizakala, besizwa nguye uNkulunkulu ebahawukela ngoba uyabona ukuthi abamazi, kodwa bese bathi basizwe ngoyisemkhulu.
66.Ngithe bantwana bokukholwa, ukuzinikela kuNkulunkulu kuyinto enjalo, awukholwa ngeSabatha, noma iluphi usuku uma usuzihlanganise noNkulunkulu, nokukhuluma kwakho kuyashintsha ngoba usuzihlanganise nomuntu ongcwele.
67.Nasemsebenzini osebenza kuwo, awaziwe ngokukhuluma ngoNkulunkulu, ungaziwa ngezindaba eziqhathayo, kodwa waziwe ngokuthi lapho ukhona ukhulume ngoNkulunkulu, basinde abantu ngawe.
68.Ngithike bantwana baseKuphakameni, okunye bantwana baseKuphakameni, inhlalo uNkulunkulu asivumele ukuba sihlalisane ngayo thina esingabantwana bakhe, nasendlini yakho ube ikholwa, noma ungubaba, ungaba ubaba phezu komthetho kaJehova, noma ungumama ungaba umama phezu komthetho kaJehova.
69.Abanye abantu bantwana baseKuphakameni, isho njalo ingelosi ithi bakhona ababoshiwe, amanye amakhosikazi agcwele odakeni nawo, aboshiwe, ngoba uthi uma ubaba ebuyela esifungweni sakhe senkolo bese kulwa inkosikazi.
70.Ithi inkosikazi awukwazi ukuthi unganginiki igema lami ngoba nomasibanibani ulitholile elakhe, ufuna igema ngomhlangano kaNkulunkulu, ufuna igema phambi kwaJehova. Agcine ubaba esengene ekoneni ngoba ethi ucima umlilo oshisayo.
71.Ithike ingelosi leyo nkosikazi ngeke ikhule, iyokwephucwa iminyaka yayo, isuse kubantwana bayo, isuswe phambi komyeni wayo, ngoba yonisa umuntu ekukholweni kwakhe. Akakwenzanga ubaba ngoba ekwenza kodwa ubebhula umlilo esefile ukusha.
72.Ngalawomazwike bantwana baseKuphakameni, amanye amakhosikazi akholwa lapho abayeni abashiye emuva, nakho lokho inkosikazi iboguqa isho sengiqoke ukuthi ngiyokholwa lapha.
73.Akufuneki uthi ngiyacela, uNkulunkulu akalingani nayihlo, akalingani nanyoko, akalingani nayihlo, akalingani nanyoko, akalingani namyeni wakho, awukwazi ukuthi uthi uyacela.
74.Kufanele uthi sengibone uNkulunkulu lapha, ngoba uma ucela ulindele imvume kuye, uma ethi angifuni kufanele umlalele ngoba kusho wena wathi uyacela.
75.Sengikhethe ukuzihlanganisa noNkulunkulu, nawu umthetho engiwuthole lapha, ngalezi zinsuku akufuneki lokhu nalokhu, munikeze, uma ngabe umnikezile mhlawumbe uNkulunkulu enze ukuthi amesabe, abenaye ukhona umuntu othi noma engakhonzi kodwa akugcinele umthetho wasesontweni, athi akungabaswa ngoba umasibanibani uzongangadli, asisukubasa ngeSabatha asiphumuleni.
76.Semihlangano ayigcine engasonti, ayigcine adlule abasesontweni ngoba yafike inkosikazi yamutshela yamunikeza iphepha ukuthi kwenziwa kanje kulenkolo.
77.Ukuze kungaxatshwana, ungamutsheli usumutshela umnqanda, kodwa mutshele usukhetha iNkosi umbhalele konke phansi umnike, njengoba wenzile emndenini.
78.Yena uzokukhulumela emndenini, athi umkami akakwazi ukuya lapho ngoba ngeSabatha akayi lapho ekubaswe khona, akakwazi ukuthi eze lapho ngoba akazihlanganisi namadili akanje, kuzoza mina.
79.Uma esho njalo, uNkulunkulu uzomdonsa, amudonsele ukuthi uyawugcina umthetho, kogcina kwehla uthando lwehlela kuye.
80.Ngithike bantwana baseKuphakameni, sisemhlanganweni, kufanele ukuthi sikufeze uJehova asithume khona, uma ngabe ubekwe phambi kwabantu, uJehova usuke elindele ukuthi ubeluleke abantu ngemithetho enikwa wena, ebese uyisakaza kubantu, bawuthathe abantu abawuthathayo, bawunqabe abawenqabayo.
81.Kodwa wena njengesisebenzi sikaNkulunkulu kufanele ukuthi yonke imbewu uJehova akunike yona uyitshale lapho uJehova athena itshale khona.
82.Umsebenzi omkhulu wabo bonke abantu abagcotshelwe ukuhola abantu, umsebenzi wabo ukufundisa abantu njengoba abantu bebuthene, kufanele ukuthi abantu bezwe umholi wabo ukuthi uthini ngoba kusukela sonke lesi sikhathi kade belalele abafundisi nabavangeli nabashumayeli nabakhokheli.
83.Uma sebesemhlanganweni ake bezwe umuntu owumholi ukuthi yena uthini phambi kwabo, lokhu okukhulunywa emathempelini, ngabe kuyikho yini, kuthathwe lapha yini noma uMshumayeli uzakhele umthetho wase ewuletha kithi.
84.Abantu abangasuki emazweni ngamazwe bayafika kuseme bona laba bashumayeli abakade bebashumayezile, kuseme bona labavangeli, kuseme bona labafundisi, kanti umholi yena uthunyweni, kanti umholi yena uthunywe umnikelo kuphela yini?
85.Uthunywelwe ukuthi athi nje iNkosi ikubusise kubantu abanikelayo akoleke iminikelo, kodwa angasho lutho, uthi ngisho uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba wakhuluma kuMose esenguNkulunkulu, baqhamukaphi labo nkulunkulu abangasho lutho kodwa abasho ezimbengeni, abangasho lutho kubantu.
86.Ngithike bantwana baseKuphakameni, singakuhawukeli okuyosenza ukuthi uJehova asilahle, singakuhawukeli noma sebebusa.
87.Noma abantu begijima njengombani wezulu benza konke abakuthandayo, bethi bayabusa bona, singawuhawukeli umbuso wasemhlabeni, sihawukele umbuso wezulu.
INkosi ibusise enikuzwile.