UBaba iLanga uthi: “Kodwa nina eyenu iNkosi ayibonwa, nguNkulunkulu kuphela, ayikho enye! NGAKHO NILIBAMBISISE LELO LIZWI NOMA NINI, NOMA SINGASEKHO THINA EMHLABENI. NIKHUMBULE UKUTHI UBUNAZARETHA LOBU…..AKUSIKHO OKOMUNTU
Isihlabelelo 115
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
2.Abafile ngezwi lakho
Basinda ngani na
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basined ngezwi lakho.
3.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
4.Benabe kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayakulibona
Lelozwe elizayo.
Isihloko salentshumayelo sithi:
INCWADI YOMTHETHO AYINGASUKI EMLONYENI YETHU.
1.Lamazwi athi incwadi yomthetho ingasuki emlonyeni yenu, akhulunywa nguMose eluleka abantwana bakwa-Israel.
2.Namuhla sizogxila kulamazwi kaMose, ngoba konke uMose owakukhuluma kubantwana bakwa-Israel kuyasithinta nathi, ngoba ngaphandle kokuthi siyisizukulwana sika-Israel, sibuye sibe senkolweni kaJehova njengaso isizwe sakwa-Israel.
3.Ngike ngazinika isikhathi esiningi ngifunda inkulumo kaMose ekuzo zonke izahluko zencwadi okuthiwa uDutoronomi, ngathola ukuthi ingqikithi yayo yonke inkulumo kaMose iphathelene nokuhlubuka, kanye nokugcina umthetho kaNkulunkulu!
4.Lencwadi yomthetho othi uMose kumele ihlale isemlonyeni yethu, ngizwe omunye umKrestu ehlabelela ngayo.
5.Langithinta kakhulu leli culo, kodwa ngazibuza ukuthi ingabe lomhlabeleli uyazi yini ukuthi yini incwadi yomthetho?
6.Ngazibuza ukuthi ngokwakhe lencwadi yomthetho ihlala kanjani emlonyeni womuntu?
7.Lenkulumo iyisingathekiso, ukuthi incwadi yomthetho ayingasuki emlonyeni wakho, kusho ukuthi ngaso sonke isikhathi hlale ukhuluma ngokugcinwa komthetho kaJehova, ngoba umthetho kaJehova iyona nkolo yethu, ngaphandle komthetho kaJehova, ayikho inkolo esinayo!
8.Yebo kwezinye izinkolo, okungayiyo inkolo kaJehova, kunemfundiso yokuthi kumele uchithwe umthetho kaJehova!
9.Angazi-ke ukuthi uma bekhuluma ngomthetho kaJehova basuke bekhuluma ngani, ngoba enkolweni yobuKrestu kuyagcizelelwa ukuthi ‘asiphili ngaphansi komthetho’ bese kusala ukuthi baqedele bethi ‘kaJehova!’
10.Kodwa bayaphila ngaphansi komthetho wezwe, ngoba akekho umuntu ongathi akaphili ngaphansi komthetho wezwe, kuphela abaphili ngaphansi komthetho kaNkulunkulu!
11.Ngiyazi ukuthi ngokungazi amaKrestu amaningi esizwe esimnyama akayazi lento engikhuluma ngayo, ngoba abafundiswa lutho ngesimo senkolo yabo.
12. Kodwa bafundisiwe ukuthi uma beya enkonzweni bephathe iBhayibheli, yize bengafundswe lutho olutheni ngelikuqukethe!
13.Ngathunywa ukuba ngibuyisele abantu kuJehova uNkulunkulu wethu!
14.Ukuze lokho ngikwenze ngempumelelo, kumele ngikwazi ukwenza umuntu abone ukuthi noma ethi ukholiwe, kodwa ukholwe kwabanye onkulunkulu, iningi labo abayizitha zikaJehova!
15.Lokhu kumele ngikugcizelele esizweni sakithi, ngoba yisona esikhohliswe kakhulu.
16.Angithandi ukuthi ngibone umuntu ehlubuka uNkulunkulu, kodwa ebe engazi ukuthi isenzo sakhe siwukuhlubuka, asamukelekile ezulwini, siyisono!
17.Nathi besikholiwe ngokucabanga kwethu, ngoba sizalelwe ekukholweni, kodwa kuthe uma sekuthunyelwa ingelosi kaJehova kithi, kwakulapho sibona ukuthi besiphumputha, ukukholwa lokhu okubhekekile ezulwini kukude nathi!
18.Nami-ke lenhlanhla engiyiphiwe ukuba ngamukele ukukholwa kumuntu ovela ezulwini, lapho sonke sogcina khona, kumele ngiyedlulise kubo bonke abantu, kuyeke abangayemukeli kuphela!
19.Kuyisihlabelelo ekade sisihlabelela uBabamkhulu wakhuluma lamazwi: “Ngivukile ngezwi lakho, mina ebengifile. Ngivumele Nkosi ngibatshele abafile njengami.”
20.Baningi kakhulu abantu abafile ngezwi likaNkulunkulu, kodwa abangaboni ukuthi bafile.
21.AmaKrestu afile ngezwi likaNkulunkulu, namaNazaretha afile ngezwi likaNkulunkulu!
22.Njengoba nami ngazalwa ngingumNazaretha, ngaba inhlalisuthi, ngaba umshumayeli, ngaze ngaba ngumvangeli, ngangishumayela ngitshela abantu ngoShembe, kanti ngifile ngezwi eliyilo likaNkulunkulu!
23.Angizange ngibheke ukuthi uShembe uBabamkhulu wayegcizelelani ezintshumayelweni zakhe ngokukholwa!
24.Uyaqhubeka uBabamkhulu uthi: “Abafile ngezwi lakho basinda ngani na? Ngivumele Nkosi ngibatshele, basinde ngezwi lakho!”
25.Kusho ukuthini ukuthi kumele usinde ngezwi likaNkulunkulu?
26.Kusho ukuthi uma ufundiswa ngezwi likaNkulunkulu, okungukukholwa, kumele ukwamukele ukukholwa. Ngalokho-ke ususindile ngezwi likaNkulunkulu!
27.Uthi-ke uBabamkhulu: “Ngenhlanhla engiyiphiweyo ngalowo musa wakho, ngivumele Nkosi ngibatshele abangayiphiwanga!”
28.UBabamkhulu wayengumprofethi kaJehova, engafani nami. Mina angilutho, kodwa ezulwini uShembe uBabamkhulu, iLanga neNyangayezulu babone ukuthi ukuze lisimame lelibandla abalisebenzela kanjena besesemhlabeni, abathume mina nani ukuba silivuselele!
29.Inhlanhla esayiphiwa yileyo, ukuba sifundiswe yingelosi kaThixo ukuthi sibafundiseni abantu ngomthetho kaNkulunkulu!
30.Kunenkulumo eyakhulunywa yiNkosi iLanga esekhasini 82 lencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi: IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA.
31.UBaba iLanga uthi: “Kodwa nina eyenu iNkosi ayibonwa, nguNkulunkulu kuphela, ayikho enye! NGAKHO NILIBAMBISISE LELO LIZWI NOMA NINI, NOMA SINGASEKHO THINA EMHLABENI. NIKHUMBULE UKUTHI UBUNAZARETHA LOBU…..AKUSIKHO OKOMUNTU.”
32.Manje ezinye izinhlangothi zebandla lamaNazaretha azizihluphi ngokulandela izimfundiso zikaBabamkhulu nezika Baba iLanga.
33.Ngisho uBabamkhulu ethi kuyisinengiso kanjani kuJehova ubungoma nokuhlabela amadlozi ungumNazaretha, abanendaba nalokho!
34.Okukhulu kuzo indlela yokugqoka, ukuthi uBabamkhulu wathi abafake amabheshu nezidwaba. Bonke-ke bakholiwe uma kuza lapho, nabangawafakile amabheshu bayajeziswa ngalokho!
35.Kodwa ingelosi ifike yasifundisa ukuthi ukubhinca amabheshu nezidwaba akuyikho ukukholwa, ibheshu akusiyo ingubo yasezulwini, kodwa uMprofethi wafike KwaZulu wagcizelela ukuba amazulu abhince!
36.Ukubhinca kulusiko olungaphambani nomthetho kaNkulunkulu, lokho uShembe wakugqugquzela ukuze ubuNazaretha kwamukeleke esizweni sakwaZulu, njengoba kwamukeleka nje!
37.Uthi-ke lomuntu wasezulwini, ibandla lamaNazaretha selihlale KwaZulu iminyaka engaphezulu kwekhulu, kodwa kunokuba abantu bakwaZulu banamathele ezimfundisweni zoMprofethi zokunamathela emthethweni kaJehova, sebebuyele kulezo zinto uShembe owabakhipha kuzo, eziyisinengiso kuJehova!
38.Ithi-ke ingelosi, njengamanje lelivangeli alizile kumaZulu odwa, kodwa lize kubo bonke abantu, ngoba ingelosi ayinasimo sobuzwe, kodwa ivela ezulwini ukuzofundisa abantu basemhlabeni ngempilo yasezulwini!
39.Njengamanje lelivangeli lilethelwe abantu bezinhlanga zonke, njengoba esho uBababmkhulu ethi “Nanti iLizwi elomemo, limema bonke abantu, abansundu nabamhlophe.”
40.Ngakho-ke isikhathi samabheshu nezidwaba sesedlule, sekumele sigqokise kwabantu basezulwini, singayivezi imizimba yethu! Usho njalo lomuntu wasezulwini!
41.Lapha ePhilangezwi, kukho konke esikushumayelayo, siqale sibuke ukuthi uMose nabaprofethi bakwa-Israel bafundisani, uShembe uBabamkhulu neNkosi iLanga bafundiseni ngendlela eyiyo yokukhonza uJehova!
42.Akengikhulume into engingajwayele ukuyikhuluma. Ngisemncane, cishe ngangifunda uStandard 111 noma ngaphansi. Kwafika umuntu kimi, wangibonisa incwadi enkulu engaphezu kweBhayibheli, ibhalwe ukuthi IBHAYIBHELI LAMANAZARETHA.
43.Ngajabula kakhulu ngiboniswa iBhayibheli lamaNazaretha. Kodwa lomuntu wabe esethi: “Ungajabuli, ngoba leliBhayibheli lobhalwa nguwe!” Langihlupha kakhulu leliphupho impilo yami yonke!Kodwa ekugcineni kuzobusa iBhayibheli lamaNazaretha emhlabeni!
44.Ngo 1973, ngiqeda uMatric, ngephupho kwafika futhi umuntu kimi, kodwa angaze ngambona, ngezwa nje izwi.
45.Wathi lomuntu: “Uyafuna yini ukubona uBabamkhulu?” Ngathi yebo ngiyafuna. Wabe esethi angimlandele, wangena nami ehlathini.
46.Kulelihlathi ngafica kunezilwane eziningi ezibolile, zinuka kabi. Kodwa kunomuntu okakwe yilezi zilwane, engcolile, ondile sengathi kade wakugcina ukudla, efake izingubo ezidabukile, enosizi!
47.Uthi-ke lomuntu: “Nangu-ke uBabamkhulu.” Ngaphika mina, ngathi akukwazi ukuba nguBabamkhulu lo onje, uBabamkhulu wayengcwele, evela ezulwini!”
48.Uthi lomuntu: “Uqinisile, kodwa nguye uBabamkhulu lo. Zonke izono enizenzayo zifike zinamathele kuye zimenze ebe nje!”
49.Khona lapho ngaphaphama, ngakhala ngaze ngaba nesilokozane ngengangikubonile, ngathi hawu kanti ngokwenza zonke lezi zono, zifike zinamathele kuBabamkhulu, zimenze abe nje!” Naleliphupho langihlupha impilo yami yonke!
50.Ngo 1992 ngathi ngiyimantshi eMadadeni, ngabona sekufika ekhaya abavangeli abane, abashone sebengabefundisi, bathi bathunywe nguBaba iNyangayezulu ukungibiza ngize kuye. Ngahamba nabo.
51.SengiseBuhleni uBaba iNyangayezulu wangibizela ekamelweni lakhe lokulala nginomnewethu umfundisi uMpanza.
52.Wabe esebuza ukuthi izimpahla ezikulelikamelo zihleli kahle yini? Sathi thina azihleli kahle. Wabe esesihambisa amakamelo onke ebuza umbuzo owodwa.
53.Ekugcineni waya nathi elounge, wabe esethi: “Njengoba lendlu imafuhlululu inje, nebandla-ke limafuhlululu kanje. Nakhu-ke enginibizele khona: Ukuwa nokuvuka kwalelibandla lamaNazaretha, uNkulunkulu uyokubuza kini nobabili, sengiqedile-ke seningahamba!”
54.Njengalamaphupho esengiwachazile, lenkulumo kaBaba iNyangayezulu yangihlupha kakhulu, futhi yangidida ukuthi isho ukuthini. Sanquma nomnewethu ukungayitsheli muntu!
55.Kusukela ngo 2006 onke lamaphupho nenkulumo kaBaba iNyangayezulu kwaphenduleka, kwase kuyacaca ekufikeni kwengelosi ukuthi kwakunqunywe kudala ukuba kuhambe kuhambe ngithunywe ukukhuluma indaba ebuyisela abantu bonke kuJehova!
56.Ayikho enye into eyayifundiswa uBabamkhulu ngaphandle kokutshela abantu ukuthi uJehova kumele simkhonze ngokugcina umthetho wakhe!
57.Kusukela sathunywa ukuba sibuyisele abantu kuJehova uNkulunkulu kaMose, uNkulunkulu kaShembe, akukho okunye esinitshele khona ngaphandle kokunitshela ukuthi asizazi izindlela zomkhululi wethu!
58.Ngiyathanda ukuba nginamathele kumaKrestu esizwe sakithi, ngoba amaKrestu amaningi akazi ukuthi abezizwe bawakhiphe kanjani ekukhonzeni uJehova!.
59.Uma ngikhuluma iphutha, amaKrestu angitshele angesabi, ngoba yonke into engiyikhulumayo ngiyaye nginike nomsuka wayo. Angiyikhulumi into esuka ekhanda lami!
60.Sengichazile ukuthi thina siyisizukulwane sabantwana bakwa-Israel.
61.Lokho ngakuchaza ukuthi okokuqala ngakutshelwa yingelosi, emva kokuba ingelosi isingazisile lokhu, ngase ngenza ucwaningo ngokwami, ngathola kulolucwaningo ukuthi ngempela siyinzalo ka-Israel.
62.Uma kukhona ongiphikisayo kulokhu, akaphumele obala achaze ukuthi ungiphikisa kukuphi?
63.Kodwa okukhulu kunakho konke, ngathola ukuthi inkolo yabezizwe ebizwa ngobuKrestu, konke lokhu ekukhulumayo akusilo iqiniso, kodwa okuliqiniso ukuthi INKOLO KAJEHOVA YAQEDWA YINKOLO YOBUKRESTU!
64.Kulabo abangakwazi lokho, iqiniso libhalwe phansi yizo izincwadi zobuKrestu ukuthi, okokuqala, inkolo yobuKrestu yasungulwa ngo Constantine owabe engumbusi eRome ngo 325 A.D.
65.Ngakho lokhu kokuthi yasungulwa njuYeshua owabethelwa eminyakeni yo 36 A.D, yilumbo, uYeshua akaze ahlangane nenkolo yobuKrestu!
66.Eseyisungulile lenkolo yobuKrestu uConstantine, kwaba nama Creeds, ngawo okwakuchithwa inkolo kaJehova, kodwa kulamaCreeds inkolo kaJehova ibizwa ngokuthi inkolo yamaJuda, noma inkolo yamaHebheru!
67.Kubalulekile ukuthi lama Creeds amakholwa awazi, nawo azifundele wona ngokwawo, ngoba awubufakazi obungaphikiseki ukuthi ubuKrestu bayichitha inkolo kaJehova!
68.I-Creed echitha inkolo kaJehova in general, ihamba kanje: .“Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yama wundlu eyenziwa ngamaHebheru.
69.Ngichitha iminikelo, imithandazo, ukulinda, ukuzingcwelisa KANYE NOKUDUMISA KWABO!
70.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, amahubo, nezaga, NOKUYA KWABO UKUYOKHONZA EMATHEMPELINI!
71.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane UKUTHI KUBE KHONA UKUBUYA KULENKOLOZE YAMAJUDA, NOMA UKUTHOLAKALA NGIDLA NAMAjUDA!
72.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo, kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.
73.Uma eke wabakhona otholakala enza lokho noma yimina uqobo, ngiyacela isiqalekiso sikaKhayini noma isifo sobulepheru buka Gehazi sivele sehlele kimi ngaleso sikhathi. Amen!”
74.Ngabe amaKrestu esizwe esimnyama ayayazi le Creed echitha inkolo kaJehova? Sonke siyazi ukuthi amaJuda akaze abe nenkolo ngaphandle kwenkolo kaJehova owayiletha kubantwana bakwa-Israel ngoMose entabeni yaseSnayi!
75.Lokho kusho ukuthi uma ngingathi ngifundisa ngenkolo kaJehova, kodwa ngingawavezi lamaqiniso okuthi inkolo kaJehova imi kanjani, nokuthi yaqedwa kanjani, ngabe ngiyanidida, ngoba nizolokhu nihlabelela ngoJehova, kanti animkhonzi nhlobo!
76.KuDutoronomi10:12-13: uMose uthi: “Manje-ke Israel, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe, UHAMBE NGEZINDLELA ZAKHE ZONKE, UMTHANDE, UMKHONZE UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO NGAYO YONKE INHLIZIYO YAKHO, NANGAWO WONKE UMPHEFUMULO WAKHO.
77.UGCINE IMIYALO KAJEHOVA NEZIMISO ZAKHE ENGAKUYALA NGAKHO NGALOLO SUKU UKUBA KUBE KUHLE KUWE NA?”
78.Ngabe lemfundiso kaMose yamukelekile enkolweni yobuKrestu? Cha, inkolo ethi akugcinwe umthetho kaJehova ayamukelekile ebuKrestwini! Akesizwe uYeshua ukuthi uyeseka kanjani imfundiso kaMose! KuMathewu 5:17-19 uYeshua uthi:
79.“Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaprofethi. Angizelanga ukuzochitha, kodwa ngize ukuzogcwalisa.
80.Ngokuba ngiqinisile ngithi kini kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwadlula nalinye igama, nasicashana sinye SEMITHETHO, kuze kufezeke konke.
81.Ngakhoke oweqa owodwa kulemiyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa ngomncinyane embusweni wezulu.
82.Kepha oyigcinayo, ayifundise uyothiwa mkhulu embusweni wezulu!”
83.Ngabe ukhona umuntu ongumKrestu ongezwa ukuthi uYeshua uthi UMTHETHO KANKULUNKULU UMI NGUNA PHAKADE?
84.KuMathewu 15:7-9 uYeshua uthi: “Bazenzisi, u-Isaya waprofetha kahle ngani, lapho ethi: “Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bengikhonza ngeze, befundisa izifundiso zabantu.”
85.Abantu namuhla abathi bangamakholwa, kodwa bebhuqa uNkulunkulu, yithina maKrestu, ngoba sithi asiphili ngaphansi komthetho kaJehova, kodwa sithi uma sihlabelela, sikhuluma noma sithandaza, sibize igama likaJehova!
86.Ningamphikisa kanjani umuntu onguNkulunkulu kini, eniyaye nize nisho nithi ungumsunguli wobuKrestu, uJesu Krestu?
87.Angithandi ukugxila kumaNazaretha, ngoba wona amhlubukile uJehova kanye noBabamkhulu. Kodwa iningi lamaKrestu abayazi inkolo yabo, ngakho-ke zonke lezi zinto esizivezayo abazazi!
88.Uma ngempela nikhuluma ngoYeshua osebizwa ngoJesu, nilukhulumelani ulimi olumbaxambili, nithi ngoJesu anisawugcini umthetho kaJehova, kodwa yena ebe ethi umthetho uhleli nguna phakade, ongawugcini umthetho, abuye afundise abantu ukuthi abangawugcini, ngenke angene ezulwini?
89.Ngokusobala inkolo yobuKrestu ikude kabi enkolweni ka Mose! Akusho mina, kusho bona! I-Creed echitha isabatha likaJehova bese ibeka iSonto likaBhali ifundeka kanje:
90.“Ngiyawemukela onke amasiko, imicimbi, imithetho, imikhosi esizwe samaRoma; iminikelo, imithandazo, ukuzihlanza ngamanzi, ukungcwelisa umpristi omkhulu wamaRoma uPontificus Maximus.
91.Ngamukela nomkhosi weSabatha likankulunkulu oyilanga”Sol del” noma Sunday.
92.Ngalokho usuku lwangeSonto elokukhonza uJesu iNkosi, njengoba bekukade lwaziwa ngokuthi usuku lwenkosi uBhali, uma uBhali ekhonzwa ngalolusuku ngoba eyinkosi, kanjalo noJesu ukhonzwa ngalolusuku ngoba naye eyinkosi.
93.Siyamukeleka yonke imigubho yamaKrestu kanye nokudla neziphuzo zesizwe samaRoma.
94.Ngamafushane nje, konke okulusikompilo lwamaRoma, nemigubho yabo, nemicimbi, siyayemukela kulenkolo entsha yaseRoma ebizwa ngokuthi i- Christianity.”Amen
95.Ngabe amaKrestu ayawazi lama Creeds?
Ngabe amaKrestu aseyabona ukuthi lezi zizathu zokuchitha iSabatha akuzona lezi ahlale etshela abantu ngazo-?
96.ISabatha lachithwa ngoba kulusuku lwenkolo yamaJuda, okuyinkolo kaJehova, kwase kubekwa usuku lokukhonza uBhali! Akusho mina, kusho iCreed yenkolo yobuKrestu!
97.Ngabe amaKrestu abekwazi ukuthi enkolweni yobuKrestu kumele ulandele amasiko esizwe samaRoma?
98.Uma ubungakwazi, kwazi-ke namuhla ngoba kusho yona iCreed yenkolo yobuKrestu!
99.Angisho ukuthi amaKrestu akayeke ukuba ngamaKrestu, kodwa okufanele bekwazi ukuthi inkolo yobuKrestu yayichitha inkolo kaJehova, abalandeli bayo babulawa kabuhlungu!
100.Ngakho-ke uma sibuyisa inkolo kaJehova asikwazi ukungakuvezi lokho!
101.Njengoba ngichazile kwasekuqaleni, lapha angikhulumi ngenkolo yakwaShembe, ngoba ngakhishwa lapho, kodwa ngikhuluma ngenkolo kaJehova, umholi wayo okwakunguMose! Sonke siyaye sithi singabalandeli benkolo kaJehova!
102.Ngenxa yokuthi siyakhethelwa izincwadi okumele sizifunde, amaKrestu amaningi akaboni ukuthi inkolo yabo iyisitha senkolo kaJehova, ngoba bavele bakhohliswe, bese belandela konke ngobuqili babezizwe, abatshela khona ukuthi abangawugcini umthetho kaJehova!
103.Kuyangithokozisa ukuthi uShembe akashongo ukuthi angifundise ngenkolo yakwaShembe, njengokusho kwabantu, ngoba bekuzoba nenkulu impikiswana ngalenkolo, kodwa uShembe uthe ANGIFUNDISE BONKE ABANTU NGENKOLO KAJEHOVA NJENGOBA YAYIFUNDISWA NGUBABAMKHULU EYISUSELA EZIMFUNDISWENI ZIKAMOSE!
104.Akakho-ke umuntu osile ongalwa nenkolo noma nomthetho kaJehova, ngoba sonke okokuqala sikholwa kuJehova!
105.Ku-Isaya 43:10-11 uJehova uthi:“Ningofakazi bami, kusho uJehova, nenceku yami engiyikhethileyo, ukuze nazi, futhi ningikholwe, niqonde ukuthi Mina nginguye!
106.Akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami, futhi akekho oyokwenziwa ngasemva kwami. Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akekho uMsindisi!”
107.Lencwadi ibopha amaKrestu ngoJesu, kulabo abayaye bethi uJesu unguNkulunkulu, ibuye ibophe amaNazaretha, kulabo abathi uShembe nguNkulunkulu!
108.KuJohane 12:47-49 uYeshua uthi: “Uma umuntu ezwa amazwi ami, kodwa engawalondolozi, angimehluleli mina, ngokuba angizanga ukuba ngahlulele umhlaba, kepha ukuba ngiwusindise.
109.Lowo ongalayo, angawamukeli amazwi ami, unomehlulelayo. Izwi englikhulumayo yilo eliyakumehlulela NGOHLA WOKUPHELA!
110.NGOKUBA ANGIKHULUMANGA NGOKWAMI, KODWA UBABA ONGITHUMILEYO NGUYE ONGINIKE UMYALO WOKUTHI NGITHINI, FUTHI NGIKHULUMENI!” Amen!
110.UYeshua uzichazile ukuthi yena uyisiThunywa sikaNkulunkulu, ngakho-ke uma ethi asigcine umthetho kaNkulunkulu, bese singawugcini, siyothola ukulahlwa ekupheleni kwezinsuku uma singahambi ngokomthetho kaNkulunkulu!
111.Ezintshumayelweni zakhe uShembe uthi: “Labo abaphika inkolo kaJehova, yilabo uNkulunkulu abaqalekisile, ababoni lutho emehlweni, baphika imibhalo ngendaba yokuqagela!
112.Uma benani bathi bayakholwa, kanti banamanga, uJehova ukwazi kahle konke abakwenzayo, ngeke basinde!
107.Iningi labo uzobabona ngokwenza izinto ezinqatshiwe emthethweni, bedle okuyisinengiso kuNkulunkulu ngokuphika imibhalo, nembala bazi lokho nje!” Amen!
Ngaso sonke isikhathi INCWADI YOMTHETHO KAJEHOVA AYIBE SEMLONYENI YETHU!
iNkosi ibusise izwi layo!