Izaga 1 verse 8-9: “Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko, ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho.
Intshumayelo kaMfundisi Sabelo Ntuli eNqobizitha mhlaka 04 November 2023 ngeSabatha ekuseni.
ISIHLABELELO 8
1 Ngayakhumbula izeluleko
Engalulekwa ngazo,
Kanti namhla sezikude
Nenhliziyo yami
2 Namhla sengishona obishini
Sengibamba izidindi,
Nazo seziyasiphuka
Angisaboni muntu.
3 Sengibheka enhla nasezansi
Angisaboni muntu
Bonke bayizitha kimi
Osizini lwami.
4 Ngibheke wena Baba
Ekukhaleni kwami,
Beka indlebe yakho
Ungangifulatheli.
5 Izinyembezi ziwukudla kimi
Okudliwa yimi,
Kepha ngimi phambi kwakho
Ngamkele ungigeze.
1.Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni ukungihola ngalengoma, akusiyona ingoma emnandi le engyiihlabelelayo, njalo uma ihlatshelelwa umuntu nomuntu uba nosizi, nami ngiba nosizi ngoba ingoma ikhuluma ngomuntu obenikiwe izeluleko kodwa akaze wazithatha.
2.Bantwana baseKuphakameni singabantu ababuya emhlanganweni omkhulu kaJehova, uma uguqa lapha kubantu abasuke bebuya ebungcweleni bomuhlangano, uye ungazi ukuthi yini ongabatshela yona ukuthi abayenze, ngoba laba bantu babuya kuJehova, ziphumile izeluleko, ziphumile izimfundiso umhlangano wonke sihlele phambi kwesihlalo sobukhosi.
3.Ngihlabelela le ngoma bantwana baseKuphakameni ngoba ngifikelwa umuzwa wokuthi ngikhulume ngenhlonipho, ngithi inhlonipho ingumphako ongaboli.
4.Ngisazokhuluma ngenhlonipho ngizodlula ezincwadini ezimbili, Exodus 20 verse 12, ngiphinde ngifunde Izaga 1 verse 8-9.
5.Bantwana baseKuphakameni uma sikhuluma ngenhlonipho sisuke sikhuluma ngento ewumphako ongaboli, okuthi njalo uma ngabe noma umuntu ephakathi kwabantu bese kuyabhekwa ukuthi lo muntu unayo yini inhlonipho, lo muntu uqhamuka kuliphi ikhaya.
6.Exodus 20 verse 12. “12 “Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.”
7.Umyalo lo osuke ubheke kumuntu, kumntwana njengoba singabantwana nje lapha ekukholweni, singabantwana nasemakhaya, singabantwana nakubazali bethu.
8.Umyalelo omkhulu lona ngoba uma singegxile kulendaba yenhlonipho, kungahamba kuhambe sibe abantu abazothi uma befika la, abantu badumale, bebone ukuthi noma laba bantu bekholiwe kodwa abahlophi.
9.Usho njalo omunye kimi, uma efika laphana, ngoba abantu babizwa izwi eliyisimangaliso bantwana bokukholwa, izwi likaBaba uMelusi. Uma befika phakathi kwethu bese beyasibheka, bese beyabuka ngisho izingane zakhona, bese beyabuka ngisho abantu abadala abakhona. Bese bethi kodwa anifani nina nezwi elisibizile.
10.Kuyasifanela bantwana bokukholwa ukuthi uma sibizwe izwi eliyisimangaliso, nathi uma umuntu uma efika kithina afice isimangaliso, ababaze ethi angikaze ngibabone abantu abakholwe kangaka, ngoba izwi elisibizile bantwana bokukholwa liyisimangaliso ngendlela eyisimangaliso!
11.Siyacelake nathi kuNkulunkulu waseKuphakameni lowo moya wezwi elasibizayo usembathe, singabi enye into sibe sibizwe elinye izwi.
12.Isho njalo enye insizwa, ithi ngangingelona iNazaretha mina, kodwa ngangibona abantwana bamaNazaretha ababenokuthula ngayo, ithi ngangibona behamba ngisho endleleni benokuthula.
13.Uthi mina ngangisesixakaxakeni esiningi ngikwezepolitki ngikhuluma izindaba kunjeyana, ngiphansi phezulu, uthi kodwa uma ngibona laba bantwana baseNazaretha ngangike ngishawe uvalo, ngithi baze banokuthula laba bantu ezinhliziyweni zabo, baze babukeka nje engathi zingelosi laba bantu.
14.Uxoxa leyo ndabake uthi mina angazanga ubuNazaretha ngaze ngashunyayezwa, uthi ngabona isimangaliso ngabona laba bantu, ngase ngethemba, Kwathi noma ngehlelwa zinkinga base bengithatha bethi asize kubona, ngase ngiza ngoba vele ngangikuhalela ukuthula ababenakho.
15.Uthi ngase ngiyafika laphake bantwana bokukholwa, uthi nami ngase ngiba iNazaretha, namhlanje ngiliNazaretha kumaNazaretha kaNkulunkulu. Kodwa into eyangithatha kakhulu, ukuthula engangikubona ezinsizweni zamaNazaretha, ukuthula engangikubona kubantwana bamanaNazaretha, ngase ngiyafisa nami ukuthi engathi nginganakho lokhu kuthula.
16.Ubudlelwane bethu phambi kwabantu siyashumayela ngakho, uma ubudlelwane bethu busoleka emehlweni abantu, abantu bazothi niyakholwa impela, kodwa yini anithandani ngani, niyakholwa impela kodwa izingane zenu azihloniphi.
17.Inhloniphoke iyahlupha ngoba kwesinye isikhathi, kwake kwenzeka imihlola kwelinye ithempeli, kwasuka umama wakhuza ingane yomunye iganga phambi kwezingane zodwa, hawu kwangena icala.
18.Eyi uyikhuzelani ingane yami wena, ukhuza ingane yami, kushuthi weyisa mina, awukwazi ukukhuza ingane yami? Yenzeka into engeke ngiyisho lapha esontweni, ngase ngibona ukuthi abameli abakhulu ezinganeni zethu yithi futhi uqobo okuye kuthi uma sezigangile bese sizimela.
19.Ngithike isihloko bantwana baseKuphakameni sanamhlanjena inhlonipho umphako ongaboli ngoba uma singenayo inhlonipho bantwana bokukholwa sizoba inhloboni yabantu, sizoba abantu abadala abanjani, sibe ibandla elinjani kusasa, sibe umphakathi onjani.
20.Ngoba isikhathi sanamhlanje, akasekho umuntu ofuna ukusolwa. Uma umuntu uke wamusola, uvele agijime, sekwaba khona imihlaba, uSathane owayakha, wayakhela abantu bakhe, imihlaba engo Facebook, imihlaba engo Instagram, leyo mihlaba, imihlaba leyo ngoba lapho akekho omdala akekho omncane.
21.Abantwana uma befika lapho baba ngamahlongandlebe ongawazi, umgcotshwa abamazi, umtomdala abamazi, bathuka noma ubani noma ikanjani, noma iyiphi inhlamba abafuna ukumthuka ngayo.
22.Noma besolwa abazali emakhaya bagijima baye khona beyoduduzwa khona, uma kuthiwa mtanami ake uwashe izitsha, ugijima aye ku Facebook, ethi my family nginenkinga lapha, bese bemududuza abanye lapha ku Febook, hawu bayabheda abazali bakho, bathi geza izitsha yini le abayisho kuwena.
23.Ileyo mhlaba leyo bantwana baseKuphakameni imihlaba eyingozi, uma singayeka izingane zicanase kuleyandawo, zobuya sezingabanye abantu.
24.Kuyabaluleka ukuthi uma ngabe uwumzali ulandele ngisho khona ku Facebook, kusagqokwa kanjalo yini, lapha ku Instagram kusagqokwa kanjalo yini, ngoba izokonakala indaba kaNkulunkulu, yonakale sikhona, sigqolozele, kukhulunywa imihla namazolo, kodwa engababikho umcheleli wesivande.
25.Abaholi bayakhuluma ukuthi asigqoke kanjena, siziphathe kanjena izingane, aziphatheke kanjena, kodwa uthole ukuthi uma bekhuluma kusala eThempelini, umzali akaphumi nakho aye ekhaya kwakhe, bese ethi eyi mtanami liphumile izwi awuthi ngibone kuhamba kanjani lana.
26.Incwadi yesibili esizoyifunda, Izaga 1 verse 8-9, sizoyifunda nje ngokushesha, ngoba bantwana baseKuphakameni nginovalo, sishunyayezwe kakhulu selulekwa kakhulu, kodwa le ndawana ithanda ukuba uhlupho, angazi kwenzeka kanjani.
27.USathane uyakhile lento ngendlela ayakhe ngayo, ukuthi isikhathi sanamhlanjena singakwazi ukuthi sithole abantwana abazithobayo.
29.Izaga 1 verse 8-9: “Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko, ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho.
30.Alikho izwi bantwana baseKuphakameni elingaphilisa umuntu ngaphandle kwalelo, ngoba noma ungaya kuliphi ibandla kodwa uma uhamba ungazange usithole iseluleko kahle, osuka naso ekhaya ukufundiseka.
31.Ufika laphana ufike ugibele abagcotshwa, ugibele kubantu abadala, bese kuthi endaweni yokuphila wena uzuze ukufa, kuthi abantu bephila ngapha wena uqoqe iziqalekiso ngoba awuzange waze wazihlupha ngendaba yokuthi konje njengoba ngingumntwana nje kufuneka ngihambe kanjani phambi kwabantu abadala.
32.Kufuneka ngihambe kanjani phambi kwabashumayeli, kufuneka ngihambe kanjani phambi kwabagcotshwa, kufuneka ngihambe kanjani phambi kwabantu asebekhulile.
33.Ngenxa yokuthi awusitholanga leso sisekelo saleyomfundisa, kuthi abantu bebutha izibusiso endlini kaNkulunkulu wena ubuthi iziqalekiso.
34.Ingozi enkulu bantwana bokukholwa, eyehlayo leyo yehlele abantu, yehlele abantwana bethu singamaNazaretha, yehlele thina uqobo. Siphila esikhathini esinzima bantwana bokukholwa, ezithi izingane zanamhlanje, uma zikhuluma zithi ngihlonipha umuntu ongihloniphayo, uma umuntu engangihloniphi nami angimuhloniphi.
35.Bese uxakeke ukuthi lokhu kukhuluma okunjena ngoba okwasesihogweni, kofanele abantu abadala bahloniphe izingane kuze zibahloniphe, ziyanqaba ukubahlonipha bengazihloniphanga zona, ithi ingane kufuneka kuqala lo muntu angihloniphe kuqala, mande nami ngimuhloniphe, anginakumhlonipha umuntu ongangihloniphiyo.
36.Ukukhuluma okunjani lokho, kukhona namhlanje, kukhulunywa kanjalo, ziyanqaba ukuhlonipha abantu abadala, zithi izingane ukuze zibahloniphe abaqale bona abantu abadala bezihloniphe kuqala izingane
.
37.Ukukhuluma okuyisimanga lokho bantwana bokukholwa ngoba asinayo into enjalo endlini kaNkulunkulu, endlini kaNkulunkulu sifundiswe ukuthi hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni.
38.Ngaphandle kwalowo myalo, usenkingeni ngoba umyalo wokuqala, isho njalo incwadi kaYeshua, zithi umyalo wokuqala lowo onesethembiso, zithi uma ngabe usukwenzile uzokhula, uma usukwenzile uzophila.
39.Kwake kwenzeka umhlola bantwana bokukholwa ezweni lakithi, kwasuka insizwa yayisisebenza isikhulile, yase ithatha umakoti wayoke ihamba iyozihlalela laphayana, yase ilikhohlwa lelizwi elithi yazisa uyihllo nonyoko ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni.
40.Kwase kuba mnandi yase isebenza nayo, nomakoti esesebenza, base bewakha lo mndeni, kwase kuba umndeni wabo, yayisikhohlakala indaba kamama ekhaya. Ngelinye ilanga indoda endala yayisijwiba amathambo isibuza le ndodana yayo ukuthi hawu ndodana ngoba ekhaya nonyoko silambile njena kanti yini ungasasiphoseli nempushana na?
41.Yaphendula ngolaka le nsizwa, yathi hawu baba usho ukuthini, nginomuzi manje nginomndeni, senginomndeni nami baba manje, manje angikwazi ukuthi ngibe nemindeni emibili, ngithi ngingapha ngiphinde ngibe ngapha, manje nami baba kufanele u understand baba senginomndeni manje. Kusho indodana.
42.Yathula le ndoda endala, yamangala kakhulu ukuthi hawu umtanami usenomndeni asewubala angingafaki mina phakathi kuwona. Yayisikhuluma inqaba le ndoda endala yathi ‘mtanami awunawo umuzi wena’, isho isithabathaba somuzi omkhulu endaweni yabelungu, ithi ‘mtanami angikaze ngikubusise mina ngikukhiphe ngikunike umuzi, uthi lento onayo lena umjondolo awunawo umuzi wena.’
43.Sonke sacabanga ukuthi le ndoda endala ikhulunyiswa intukuthulo nje ngoba vele umut’omdala uma ethukuthele ukhuluma noma yini.
44.Kanti usebhala incwadi, uyibhalela uNkulunkulu othe yazisa uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni. Sasithi ukukhuluma kwentukuthelo kanti incwadi ibhalwa umuntu omdala phambi kwendodana, uhambisa isimangalo ukuthi namhlanje nansi ingane, ngiyikhulisile ngondlile namhlanje ingane yami ingihlamukile!
45.Kwahamba izinsukwana ezimbili, kwahamba izinsukwana, kwahamba izinsukwana, yabuya le nsizwa izosho ukuthi eyi manje ngithe ngithi emsebenzini ngase ngiyamiswa.
46.Hawu wamiswa, umiselweni manje emsebenzini, hhayi ngimisiwe manje emsebenzini, angazi ukuthi yini, uthi yibhadi, usekhohliwe izwi likayise ethe mtanami wena awunawo umuzi.
47.Wabuya weza kuyise wathi baba, wathi eyi kuzolunga mtanami, wabuya kuyena lo yise, wathi kuzobuye kulunge mtanami.
48.Yahlupheka le nsizwa, yahlupheka lensizwa, ngake ngayibona ngelinye ilanga ihamba yehla yenyuka sekufike lolusizi lolu oluprofethwe uyise uma ebhala incwadi ebhalela uNkulunkulu ukuthi lona usengihlamukile, ngikhuliisile kodwa ngondlile, namhlanjena angisenamntwana, usenomndeni engingawazi mina, kuthi uma kubalwa i-list yalomndeni lingangeni igama lami.
49.Haaa bantwana baseKuphakameni ukungahloniphi kuyingozi, akuqali ukukuhlupha usuhambile kwelizayo, kuqala la emhlabeni, bese ungabinakho ukuthula empilweni yakho. Isho njalo enye yezincwadi zethu ithi ukuze ube nokuthula uma uhlonipha abazali bakho.
50.Yehla yenyuka lensizwa, ngathi ngibona yathi muntu wangakithi, lo muzi usuvaliwe laphayana, sengihlala ngobumnyama sekufanele ngithenge amakhandlela, usho umuzi wesithabathaba omkhulu umuzi phakathi kwemizi yabelungu.
51.Wacishwa ugesi, kwavalwa amanzi, waphuma wagcwala izigange manje lafika ibhange lawuthatha umuzi, uyibhalile uyise incwadi, wathi mtanami awunawo umuzi wena ngoba usunomndeni ongangibali mina kuwona.
52.Waphela umuzi bantwana bokukholwa, yaze yahamba leyonsizwa emhlabeni, ingazange yaze yaba nawo umuzi ngoba yanqaba ukulalela umyalo othi yazisa uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, ngoba umyalo lona bantwana bokukholwa onesethembiso.
53.Kuyasiphoqo bantwana bokukholwa uma silapha ukuthi sizithobe, isho njalo incwadi kaJobe, ithi zithobe phambi komtomdala, phezu kwempunga, ithi uzithobe nakumuntu omdala nakubagcotshwa.
54.Uzithobe kubobonke abantu ngoba iyona ndlela leyo elula yokuzuza isibusiso, singakangeni ekukholweni, indlela elula leyo yokutapha izibuso, ugijime eceleni kothunyiwe kunesibusiso bantwana bokukholwa. Ukugijima uzithoba phambi komtomdala kunesibusiso bantwana bokukholwa.
55.Yahamba le nsizwa emhlabeni ingazange yaba nawo umuzi ngoba uyise wayebhale incwadi wabhalela uNkulunkulu wathi ngondlile ngikhulisile, namhlanjena abantwana bami bangihlubukile.
56.Bantwana baseKuphakameni iyedlula lapho kumzali iyoshona kubagcotshwa bakaNkulunkulu, iyoshona kubantu uNkulunkulu abaphathise izwi lakhe, njengoba silapha nje ngikhuluma ngemihlaba emikhulu uSathane aseyengamele, ngikhuluma ngo Facebook, ngikhuluma ngazo zonke lezi zinto esezikhona.
57.Lowo mhlaba bantwana bokukholwa kukhonya noma iyiphi inkunzi lapho, akekho ukuthi mncane akekho ukuthi mdala, baye besuke abantu ngibone sebethuka nabaholi, bethuka kwasani eqhamuka phambi kwakhe, uma uthi uyangena lo muntu uyamulandela, hawu ingane encane lena.
58.Hawu umuntu ka 2000 lona, kodwa inhlamba abanayo ebheke kubaholi, uye ubuze ukuthi baphi abazali balomuntu.
59.Noma kuthiwa ke lo muntu ushumayela i-gospel ongahambisani nayo, kodwa isibindi sokumthuka nisithathaphi. Ngoba imvama ingane zikhuzwa kuthiwa hlonipha mina wena mtanami uma uhloniphe mina nje uqedile.
60.Ngithe sasisethempelini, yasuka ingane, angisho kwenzekani, yasuza ingane phambi kwabantu abadala, wasukuma omunye umama wathi yeyi ayenziwa lento phambi kwabantu abadala Wenzani?
61.Yathi uma isithela ingane kwasukuma unina wathi uyikhuza ukuthi injani, ubona ukuthi mina angikho uma ngikhuza awudeleli mina uma ukhuza le ngane yami, weyisa mina, le ngane yami yini uyikhuze, uma ibisuza kanti ibizoba nani. Kukhuluma umuntu sikhona ethempelini.
62.Ngathi ohho, lezingane azeyisi, zithunyiwe, njengoba izokwenza lento nje phambi kwabantu abadala nje ithunyiwe umzali ukuthi ayizokwenza lento, uma uthi uyayithinta kuvuka ummeli bese eyimela.
63.Sinenkinga enjalo njengoba siphila kulezinsuku esiphila kuzona, sine challenge yokuthi abantu abamazi umuntu ogcotshiwe, abamazi umholi, abazi lutho, bazazi bona kuphela.
ISIHLABELELO 8
1 Ngiyakhumbula izeluleko
Engalulekwa ngazo,
Kanti namhla sezikude
Nenhliziyo yami.
2 Namhla sengishona obishini
Sengibamba izidindi,
Nazo seziyasiphuka
Angisaboni muntu.
3 Sengibheka enhla nasezansi
Angisaboni muntu
Bonke bayizitha kimi
Osizini lwami.
64.2 Amakhosi 2 verse 23-24. “Wenyuka lapho, waya eBethele; esenyuka endleleni, kwaphuma abafana emzini bamkolodela” Yizo lezingane esikhuluma ngazo bantwana bokukholwa, wathi uma umgcotshwa kaNkulunkulu ephuma okhalweni ekhuphuka kwase kuphuma lezingane lezi engikhuluma ngazo.
65.Ezithunyiwe ukuthi hambani nina bantabami emhlabeni nibe yinto yonke eniyithandayo, nihloniphe mina nje kuphela ubaba wenu, nihlophiphe mina kuphela mama wenu uma nenze lokho nobe niqedile.
66.Kodwa inkinga lomzali usuke engayithandi, usuke ekhaphela ingane yakhe ngoba lapho athi ukhona kuzoqhamuka umlilo, bese ethi: ‘kwenzekani Mfundisi?
67.Bathi kuye: “Yenyuka wena mpandlana ndini! Yenyuka wena mpandlandini!” Kwakumemeza izingane lapho zimemeza uMprofethi kaNkulunkulu u-Elisha, zithi yeyi wena mpandlana, yenyuka lapho wena mpandlana entabeni, ngikhuluma ngezingane eziphuma lapha zithuke abantu abadala.
68.“Wabheka emva kwakhe, wababona, wabaqalekisa egameni likaJehova.” Wathi uma ebheka umt’omdala wazibona izingane ziqholosha zimedelela wayesekhipha izwi esebhala incwadi eyibhalela uNkulunkulu ngoba uNkulunkulu othe hlonipha umuntu omdala ukuze izinsuku zakho zande ezweni, wayesebhala incwadi.
69.“Kwase kuphuma ehlathini amabhere* amabili ezinsikazi,” Wathi uma ebhala le ncwadi uNkulunkulu wayesethinteka ngokushesha ezulwini, wayesegijima uNkulunkulu ehlathini ekhipha amabhele amabili ewathumela kulezingane.
70. “Abadwengula abafana abangamashumi amane nambili kubo.” Kwafa 42 wamahlongandlebe adelela umgcotshwa kaNkulunkulu.
71.UNkulunkulu wathi uma ekhala lo mgcotshwa ekhipha isiqalekiso, uNkulunkulu wakhipha izilwane ehlathini zabadla zabaqeda abawu 42 ngesikhathi esisodwa.
72.Ayikho ingozi engehlela umntwana njengokuthi ehlelwe ingozi yokuthi angahloniphi, noma ngabe isesontweni, noma isesikoleni, noma ngabe isemgwaqeni, noma ngabe ikuphi lapho ahamba khona.
73.Yinye into bantwana bokukholwa elusa umuntu nenesibusiso esiphathekayo, inhlonipho bantwana bokukholwa, kuyahlonishwa, ayikho enye indlela ongaphila ngayo, ayikho indlela yokukholwa, wayesho njalo uBaba ongizalayo ethi ukukholwa kwenu angikuboni mina, ngiyanibona nihamba nisina emzini yabantu kodwa anikholwa ngoba anihloniphi.
74.Ewu sijabhe, sijabhe, ngoba bantwana bokukholwa, namhlanjena abazali sekufuneka babe namaqhinga okuphila nezingane zabo. Kodwa thina sakhula izingane ziba namaqhinga okuphila nabazali, ikakhulukazi mina ngoba ngangizalwa umuntu onolaka, kwakufuneka ngithole iqhinga lokuphila nobaba.
75.Ngoba ngangibona ukuthi le ndoda akuphileki nayo, abafwethu bayaphuma bayabaleka, bayahamba beye ezintabeni beyofuna umsebenzi, ngase ngihlala phansi mina ngathi ngingenze njani kuze ngiphile nalendoda emzini wayo.
76.Le ndoda ibukhuni, iso layo liyagijima, iqalaza yonke indawo ngokushesha, ulala unephutha uvuke unephutha, ngase ngibuka ukuthi oh nansi le ndoda ngizoyibamba la. Ngase ngithola iqhinga bantwana bokukholwa lokuphila nobaba.
77.Ngithike nabantwana banamhlanje kufanele benzenjalo, uyamazi umzali wakho, uma enolaka noma eshaya, uyazi kumele, hhayi uma ngifika kubaba ngizokwenza njani, uma ngifika kumama ngizokwenza njani, kodwa ukuphuma uyoba umhlambi kazelusile ngoba uthi uhlushwa abazali, uphuma nesiqalekiso.
78.Kukhona izingane eziphumayo ekhaya zithi abazali bayangihlupha, ngishusha abazali nje, asizwani, ikhona ingane engazwani nomuntu omdala, kanjani.
79.Sinikiwe bantwana bokukholwa izeluleko, abaholi basitshele konke sihlele phambi kwaJehova emhlanganweni, sekusele kithi ukuthi siphathe obhasikidi abangavuzi, sifike emakhaya, siqalaze la ko Instagram.
80.Lezingubo ezimfishane, ezinemiqhewu, abazifaki yini abantwana bethu ko Instagram, sigijime siye laphayana ko Facebook sibuke ukuthi kuhamba kanjani ngoba uzoba necala ngoba wawuthunyiwe ukuthi elusa wahlulwa ukwelusa endlini yakho.
81.Izwi liyawa lapha, kodwa lizowela phansi uma ngabe abazali, kuvuka izinsela noma ingena isibheda kuvuke izinsela noma ingane isdwengula abantu esontweni ibadwengula, ibashonisa lena, ibashonisa lena, avuke umuntu athi hhayi phela kuyasika, kuyasika yebo kuyasika kodwa awuhambe kahle umsebenzi kaNkulunkulu.
82.Ngake ngabuza, ngabuza enye insizwa igijima iza kimina, iyagijima, incane kakhulu, izotsheleka nje, ngitsheleke, ngitsheleke ihawu lakho. Hawu ngishaywe uvalo, ngithi ngibuza ukuthi kini uke utsheleke kubaba wakho ini, noma yini ekababa wakho oke uyistheleke kini. Hhayi hhayi.
83.Ngithuswa ukuthi lo mntwana omncane kangaka, aze angidumbe phambi kwabantu abangaka ezotsheleka ihawu, into eyenzekalayo ke leyo, bangangifakazela abafundisi.
84.Ukuthi isiphithiphithi esidalwa isiketi esibomvu emahawini ethu uma sekusinwa isimangaliso, yini edala lokho ubhasikidi awukho, izwi liyawa esontweni kodwa aliwi endlini, lisala khona esontweni, liwela esontweni alihambi liye endlini.
85.Bantwana baseKuphakameni sine challenge bantwana bokukholwa, kuyasiphoqa singamalunga ebandla, kuyasiphoqa singabanomzane bemizi, kuyasiphoqa singamakhosikazi emizi ukuthi asigijimeni sisekele ubuNazaretha, ngoba namahlongandlebe, uma abantwana sibafundisa ukuba ngamahlongandlebe.
86.Bazosala libe njani leli bandla kusasa, izobanjani imiphakathi yethu, izoba njani emphakathini, ingaziwa ukuthi umt’omdala unjani, umt’omncane unjani, umgcotshwa kuthiwani kuyena, akushiwo ini.
87.Bantwana baseKuphakameni indaba kaNkulunkulu ibucayi, iyadinga nokuthi ufundiswe kanjani ekhaya, silapha nje, siye sihambe phakathi komkhumbi wasezulwini, ungazi noma uzoshayisa ngapha, mhlawumbe uzoshayisa ngapha, uhambe nawe ungasazi usuvale amehlo, uthi Nkosi insika eyangilanda emazweni akithi ngicela ingisekele manjena.
88.Usuhamba nawe ngokuthi nkosi yami konje ngangenzenjani ekhaya uma sekunjena, nangu ubaba wami lapha, nangu umama wami lapha, Nkosi yami ngenzenjani, usuhamba ucophelela, usuhamba ucophelela bese liyabona izulu bese lehlisa amazolo omusa.
89.Ibucayi kakhulu le ndaba esikuyona bantwana baseKuphakameni, ayifani nezindaba zonke ezake zakhona ngoba izindaba zonke ebezikhona kwaba zindaba zakwaZulu, kwaba zindaba, kodwa le ndaba esikuyona kukhishwe ingelosi yakwa Israel ukuthi izogada umsebenzi kaNkulunkulu.
90.Sibhekene nenkanankana bantwana bokukholwa ngoba i-phase entsha yokukholwa lena, bekukholwa mhlawumbe kwalula, inkolo iqhamuka nge direction yakwaZulu, wonke umuntu ubeziwa, hawu ngake ngafika ekhaya, eyi ngazizwa.
91.Isho njalo enye insizwa lapha kumina esitimeleni, ithi ngifuna nje ukokholwa kwaShembe uma sengimdala, ngithi mina ngoba yini, uthi uma ungena kuyona, uzizwe usekhaya.
92.Awu, awu ngajabha, awu lo muntu sengithembe kangaka ngithi sothola iNazaretha, kodwa inkolo ibinjalo bantwana baseKuphakameni ekuqaleni.
93.Kodwa kuthe uma kufika izwi leZulu leli eliphakathi kwethu, kwase kuthiwa cha ke manjena, kwangabe kusakhishwa ingelosi yakwaZulu, Kwathi namaMpondo kwangakhishwa ingelosi yaseMampondweeni, kwalwandwa ingelosi yakwa Israel, eyi ziyabuyake la!
94.Ngoba nje siza singamaZulu entweni yakwa Israel, size singamaMpondo entweni yakwa Israel, size singamaXhosa entweni yakwa-Israel, bese zonke lezi zinto esiyizona bese zinga qualify kahle uma ukuthi zibe khona la endlini kaNkulunkulu.
95.Awu zaqhasha, zathukuthela izinsizwa uma kukhulunywa imvunulo yakwaZulu, zangazizwa kahle, zathi angisekho ekhaya manje, ngoba ayisekho into yakwaZulu manje, nanamhlanje amaNazaretha aseBuhleni ayasithuka athi yini sihlale ezihlalweni, ngoba kufuneka lamacansi, kufuneka lamacansi bantwana bokukholwa.
96.Ngixoxa ubunzima bento esibhekene nayo ukuthi ayifani nezinto esake sazibona ngezinto esake sazazi ngelinye ilanga, ayifani nezinto esake sazazi ngelinye ilanga, azifani nezinto esake sakuzona ngelinye ilanga, yintsha lento ivela ezulwini!
97.Kukhishwe izingelosi ezingazange, ekungashiwongo ukuthi ezakwa Zulu, ngoba manjena uma kuthinteka le mvunulo, sonke sithi awu madoda, ngisathi nami ngifuna ukubeka amambatha.
98.Yayisingidonsile enye insizwa khona lapha kulayini wenjobo, yathi ngifuna ukuzogcwalisa ulayini wethu wena, nami ngifuna ukuqinisa lo layini, awuqinile kahle, ngathi nami hhayi hhayi ngiyalithenga ibheshu. Ngenhlanhla angiyena umuntu webheshu vele kwasendulo, ngase ngizongena nje phela ngoba sengibona nami lilokhu likhona lingilandela.
99.Ngase ngithi awu ngiyalithenga ngyalithenga, lathi izwi hhayi akube u January kuphela, lathi izwi hhayi ayime le mvunulo, zathinteka izinsizwa zakwaZulu, zithintwa yini na, zehlulekile ukubona namhlanje ukuthi hhayi asisahambi manje ngokwakwaZulu sesingu Israel.
100.Sishintshe i-phase bantwana bakithi, ilikhuni kakhulu le phase esingene kuyona, zazingenziwa ukungakholwa njengoba zazithukuthela, zazenziwa ukuthi i-phase inzima bantwana bokukholwa.
101.Nanamhlanjena basakhala abantu, bakhala ngezihlalo, kukhona oke akhale impela aze athi nje inkinga yenu ukuthi nihlala ezihlalweni.
102.Hhayi ngoba engakholiwe, ushawa ukuthi manjena usafuna inkolo ize kule direction ebiqhamuke ngayo yakwaZulu, ize ngalamacansi, ize ngalelisidwaba, ize ngalelibheshu, ize nayo yonke lento lena ebikhona lena ebiyenziwa.
103.Akusekho bantwana bokukholwa lokho, ngoba inkolo manje isibuyele ngqo entabeni yaseSinaye lapho eyalethwa khona, sayophuza khona. hawu ikhona ingoma esho njalo, 83.
Isihlabelelo 83:5
5. Sisindisiwe thina
MaNazaretha sonke
Sophuza kulelotshe
Lasentabeni yaseSnayi.
104.Bengufuna lowo mugqa nje kuphela ukuthi sibuyele emuva bantwana bokukholwa, sibuyele emuva saweqa amabheshu, sazeqa izidwaba, sakweqa konke lokhu izinsoyi ezazifakwa emakhanda abantu, sajomba sabuyela etsheni bantwana baseKuphakameni lasentabeni yaseSinayi, sayoyilanda khona.
105.Bonke abantu abaqhamuke ngoZulu ithanda ukubasinda lento, bonke abantu abaqhamukile ngokuba amaMpondo iyabasinda lento, ayisindi bantwana baseKuphakameni ngoba ilikhuni, isindwa ukuthi ila esiqhamuka khona, sisindwa ukuqhamuka.
106.Baye bethi the point of departure. Ila oqhamuka khona, isisinda ngaleyondlela bantwana baseKuphakameni, kodwa ngiyathemba ngoba uNkunkulu wethu unomusa, uzolokhu esiqoqa, elokhu esincenga izinhliziyo zethu azithambise noma zilifuna lelibheshu azithobise ngomlilo wakhe wasezulwini, ziyiyeke indaba yebheshu.
107.Noma zisifuna lesiya sidwaba, azithobise, noma zifuna lamacansi zicephu leziyana, zithi ngifuna ukuhlala esiceshini azithobise uNkulunkulu, size sibe ngabasezulwini bantwana baseKuphakameni ngoba uma sisafuna amacansi ngeke size sibe ngabasezulwini, uma sisakukhalela.
108.Bayakhala kakhulu abantu, ethi umuntu ngabe ngiyeza, kodwa lento yokuhlala ezihlalweni iyangikhathaza, bese ngidabuka ngithi hhawu Nkosiyami samushiya isitimela sasetsheni laseSinayi, usegibele isitimela sakwaZulu. Manje uzosala KwaZulu sidlule thina siye ezulwini.
109.Bantwana baseKuphakameni bengikhuluma ngezeluleko phezu kwabantwana naphezu kwethu ngoba kubalulekile bantwana bokukholwa uma izeluleko seziwile phakathi kwethu siqiphinde nathi siqinise bantwana bokukholwa ngoba yonke lento uma ingawela lapha ethempelini isale khona, uma zifika ekhaya zibe ngamakhosi.
110.Ziyothi siyahlushwa esontweni, asicatshangelwa esontweni, kukhulunywa kanjena ngoba lapha esontweni abayikhulumi lento.
111.Ikhulunywa lapha esontweni nje bese izingane zithi, mina nje ekhaya abanankinga, noma ngingafaka isiketi esifishane, noma ngingafaka ibhulukwe abazali abanankinga, isonto nje elinenkinga, uthengisa ngesonto ezinganeni zakho ngoba likhuluma into ongayikhulumi wena.
112.Sinomsebenzi onzima bantwana bokukholwa, sinomsebenzi onzima, kufanele sihambe siyongena ezulwini sihudule izingane zethu ngenkani. Sikhule emakhaya anjalo bantwana bokukholwa, ukukholwa ekhaya akukaze kube i-choice ukuthi uzizwa kanjani kwakuwumthetho ukuthi ukholwe.
113.Uma ufika nje ubaba ungathandazanga ngo 6, wayefika abuze ukuthi Sabelo yini ungayanga emthandazweni, hhayi baba izinkomo, kusasa ngifuna ukukubona emthandazweni, uma kungenjalo ngikufaka induku, umthetho lowo!
114.Kwaze kwamila inhlansi, kwamila inhlansi sase sithanda lento, kodwa ayizange sangena ngokuthi sivele sathi nje siyayithanda, ifakwe abazali ngoba bayenze yaba umthetho wasekhaya ukuthi asikholwe layikhaya, kuyakholwa layikhaya.
115.Kushuthike bantwana baseKuphakameni kwasisiza khona lokho, mhlawumbe nathi kungasisiza ezinganeni zethu, ukuthi kuze kumile inhlansi.
116.Ngilapha nje namhlanjena abazali bami abekho lapha, ngabashiya khona lapha, kodwa inhlansi yaze yakheka, yakhiwa ibona. Kuthe noma uNkulunkulu esengibiza ngobizo lolu esikulona namhlanje, ngabashiya la engabashiya khona ngoba inhlansi base beyikhwezelile ukuthi ukukholwa umthetho walayikhaya.
117.Noma ngikuliphi izwe ngangingakhohlwa ukuthi iSabatha liyacishelwa, noma ngikuphi ngangazi ukuthi ISabatha namhlanjena, angikwenzi lokhu, angikudli lokhu, angikudli lokhu, angikufundiswanga esontweni, ngakufundiswa ekhaya, ngisho ukuthi ikhaya bantwana baseKuphakameni alibambisane kahle nesonto, lingathengiswa isonto lithengiswe abazali ezinganeni.
118.Bantwana baseKuphakameni ngiyadlula lapho ngoba bengisakhuluma nabantwana abancane, sengiza kithi thina esibadala.
119.Kunendaba eyisimangaliso exoxwa indoda ekuthiwa uPhiliph Ngubane, uthi yayixoxwa uBabamkhulu, ikhona lapha encwadini Indaba kaShembe, uMquli wokuqala, ikhuluma ngezinsizwa ezimbili, ngizokhuluma indaba yesihe bantwana bokukholwa sengizohlala phansi, ikhuluma indaba yesihe.
120.Ngoba phezu kwayo yonke into oyiyo kuyadinga ube nesihe, uma umuntu engenaso isihe noma engamiswa phambi kwabantu noma eyinduna emsebenzini noma nje ebekwe enamandla, uyaye athathe yonke imithetho inkampani le emnikeze yona, ukuthi acathuliswe ngayo abantu ukuthi izinkampani zi-comply bese yena eyithatha leyo mthetho iba imithetho yokucindezela abantu.
121.Ngake ngayibona indoda enjalo, ngangikhonza nayo kwelinye ithempeli, yayingenayo inhliziyo yomusa, kwakufike izalukwazi esezindala esezingasakwazi ukuguqa ziqhaqhazela, zihlale phansi, athi lona “mmm anikwazi ukuhlala phansi nithule thina siguqile, asingezwa phela sodwa ubuhlungu, phakamisani izandla okungcono.”
122.Hawu, ayibo, ayi izalukazi ziyophakamisa izandla size siqhaqhazele isandla emoyeni, ijabuleke le ndoda ngoba iyabona ukuthi yaaa asisodwa la ekuguqeni.
123.Yebo, babekwenza abadala lokho, kodwa ngicabanga ukuthi uyaye ubuke ukuthi ungakanani lo muntu, bungakanani ubunzima abhekene nabo ekuphileni nje enyameni bese uthela umusa.
125.Hhayi uma ungenawo umusa nesihe, uthathe ngisho imithetho ubacindezele ngayo abantu. Ngixoxa indaba yesihe bantwana bokukholwa, ngoba uBabamkhulu uxoxa indaba eyisimangaliso kuleyandaba, ngithi u-page 209 indaba kaShembe Umquli wokuqala.
126.Uxoxa ngezinsizwa ezimbili ezazihamba zibheke ezulwini, ezaficana endleleni zihamba, yabuza lena enye, kwakungeyase Kuphakameni le nsizwa, enye kwakuyinsizwa nje eziqhamukela endaweni, kodwa ihamba neyaseKuphakameni.
127.Zathi uma zihamba lezinsizwa yathi ‘nami ngiya ezulwini, zafika izindlela bantwana bokukholwa ezehlukana khona, kuthiwa indlela enye yayiya esihogweni, enye indlela iya ejele, enye indlela iyokwenza ube umhambuma emhlabeni.
128.Ngenhlanhla zathi uma zifika emahlukanandlela lezinsizwa, zakhetha kahle, zakhetha kahle lezinsizwa, zayihamba le ndlela, zihamba ziyakhuluma lezinsizwa, zaze zafika bantwana baseKuphakameni, zifika laphana ephoyiseni le sango.
129.Uma zifika kulona ziyasho zithi hhayi size lapha sizongena lapha, hawu nize lapha na, nenze kanjani ukuthi nize lapha ngoba akukho muntu oza lapha, abantu basemhlabeni bathatha ezinye izindlela abezi la? Angithuse lawo magama bantwana baseKuphakameni.
130.Uma ethi uBabamkhulu lathi iphoyisa lesango, nenze kanjani ukuthi nize lapha, ngoba akuzi muntu la, abantu basemhlabeni abayikhethi le ndlela, kade sagcina ukubona umuntu eza la, ewu langithinta lelizwi, langihlala kabi bantwana bokukholwa.
131.Base beyabuzwa ukuthi nikulungele yini ukuza lapha, yase iyaqholosha lensizwa yaseKuphakameni, yathi yebo ngikulungiselele ukuza lapha, yathi ngikusebenzele, yathi umlilo bengiwucisha mina ngesikhathi ngoLwesihlanu, yathi akukho engingakwenzanga, bengishumayela, yathi no 23 wami ugcwele. Yathi akukho nje okungekho lapha, ngikwenze konke
.
132.Yayisithula le nsizwa eseceleni, yayisizithulela, oh, yangagcina lapha yayisibheka lo, yathi ‘angazike lo engihamba naye noma ukwenzile yini lokho.”
133.Hawu yethula le nsizwa engakholwayo, yazithulela yabuka insizwa yomNazaretha iqholosha, hhayi kwase kuthiwake ake sibheke igama lakho muntu wabantu ukuthi njengoba ulapha njena likhona yini encwadini yokuphila, lase liyabhekwa, lase liyatholakala igama lakhe libhaliwe encwadini yokuphila.
132.Kodwa kunenkinga yokuthi sikhona isono owasenzayo, akazange aphelele emthethweni kaJehova, sikhona isono esisodwa owasenzayo, kwase kuthiwa zifundele wena mtanomuntu, nayi incwadi zifundele wena, yase iyajabha le nsizwa.
133.Isho njalo, uBabamkhulu uze acaphune ingoma ka70 ethi lapho izincwadi ezavulwa khona wamukela injambiso lo muntu, wamukela ukuthi akazange aphelele emthethweni kaJehova, lo okade eqhosha ngawo yonke indlela.
134.Ethi ngikwenze konke, wathi akukho engingakwenzanga, wathi iSabatha wathi ngaligcina, wathi 23 wathi bengikhona, wathi ngikwenze konke, uma esefika lapha emasangweni ezulu akasaphelele kulento ebecabanga ukuthi uphelele kuyo, akasaphelele!
135.Bantwana baseKuphakameni sisazohamba indlela elikhuni efuna zonke izikhali siziphathe, zonke izikhali siziphathe, isho njalo incwadi ithi ngabe zonke izikhali niziphethe?
136.Yase yedlula, iphoyisa lase libiza uMehluleli, lagijima kwabizwa uMehluleli, kwathiwa nazi izinsizwa zilapha manje kunenkinga lapha ebonakalayo.
137.Yathi uma ifika futhi nakuMehluleli lensizwa, yaphinda yasho amagama afanayo, yathi ngikwenze konke, yathi ngikugcinile, yathi iSabatha, yathi incwadi yami igcwele, yathi konke kuphelele.
138.Uthi-ke uBabamkhulu, le nsizwa ukuthi kungena ngalokho ezulwini ngoba ibala nokuthi uma ngishumayela, abantu babejabula kakhulu, noma ngenzani, kwakujatshulwa, uthi uBabamkhulu wayecabanga ukuthi kungenwa ngalokho ezulwini.
139.Hawu kanti kungenwa ngani ezulwini, ngoba ibala konke nathi esikubalayo, iyalibala leliSabatha, iyawubala lo 23, iyakubala konke bantwana bokukholwa, kodwa ikhona indawana le yesihe, ngoba njalo uma iqeda ukubala okwayo, ibe isijika ibuke lo ehamba naye, ithi angazike lo, angazike lo engihamba naye noma ukwenzile yini lokho.
140.Eyi bantwana baseKuphakameni ikhona ingoma ukuba nginezwi, ngabe ngithi inhliziyo iyangedusa, ngiyancipha ebusweni bakho, ikhona ingoma kaShembe uma esho njalo (96).
141.Bantwana baseKuphakameni wase uMehluleli esahambile, zase ziyabhunga lezinsizwa, yase ihlakanipha le engakholwayo enethalente elilodwa. Oh kwase kuthiwa akubhekwe amathalente manje ukuthi njengoba nje umthethoke usukwehlulile, wena vele ngoba awuzange uzame nokuzama.
142.Ake kubhekwe amathalente manje, yini enhle enayenzayo manjena, ake kubukwe manje ukuthi nike nenzani nje enhle, kwase kuyabhekwa, kwatholakala nkosi yami le nsizwa yomNazaretha imawo amathalente kodwa awu 9 ishoda ngelilodwa ukuthi angene ezulwini.
143.Kwase kuthiwake akangeni umuntu lapha onamathalente angaphansi kwayishumi, yase iyacela ukuthi ngingebuyela emuva mhlawumbe ngiyocinga elinye, kwathiwa cha, awusakwazi ukubuyela emumva.
144.Isho njalo ingoma kaShembe, ithi uma sekuvaliwe, nanxa uthanda noma ungathandi, uma amasango esevaliwe, awusenakungena.
145.Yase iyakhala le nsizwa isidabukisa, kwase kubhekwa kulena eyodwa le nsizwa engakholwayo kwathiwa hhawu lilodwa ithalente layo, linye ithalente enalo qhwi, qhwi, qhwi, kwase kuyahanjwa, kuthiwa ake kuyozwakala ukuthi uma abantu benjengani kwenziwa njani ngabo.
146.Kwathiwa khethanike indlela eningase nihambe ngayo kulendlela lezi zibaliwe, nifuna ukuboshwa ngandlelani, noma niyoba imihambima emhlabeni, kwathiwa salani nithathe isinqumo.
147.Yase ihlakanipha le engakholwayo, yayisithi hhayi uyazi ukuthini mfwethu kunokuba sonke singangeni ezulwini, mfwethu sase usungena wena, ngizothatha lelithalente lami ngikunike lona. Ngizothi uma sengikunike lona lelithalente lami bese mina ngiyanyamalala angizukukwazike ukuthi ngashonaphi.
148.Yathi lena hawu, le nsizwa yomNazaretha manje sekuphelile ukuqhosha manje, yase ibuza kuyenzeka yini lokho, yathi le nsizwa engakholwayo, cha mtanomuntu angazi, kodwa wothula wena kuzokhuluma mina.
149.Hhhaa bantwana baseKuphakameni indaba yesihe ihamba ibanga elide kakhulu ngoba ukukholwa kuyinhlanganisela yezinto eziningi.
150.Kwesinye isikhathi siyabamba siqinise nganhlanye, bese sikhohlwa elinye icele, sithi sibambe elilodwa bese sikhohlwa elinye. Sengathi uNkulunkulu engasipha ukuhlakanipha wonke amacala enkolo siwabone, sicoshe ngapha, ucoshe ngapha, ucoshe yonke indawo.
151.Uma kuthiwa iba nesihe, nawe uqhamuke kutholakale ukuthi cha ubenaso isihe, awu wase eyabuya lona esebuya kuMehluleli, esethike hhayike sekuzozwakalake manjena ukuthi uthini, nenzenjani manje, nikhetha yiphi indlela.
152.Yayisikhuluma lensizwa engakholwayo, yathi cha, sesikhulumile, mina ngizohamba mina ngiye lapha okuyiwa khona, kodwa lo ngicela angene ezulwini ngizothatha leli lami ithalente lokugcina, ngimunike lona, mina kulungile, sengizohamba ngiye lapha engingazi khona.
153.Hawu, wase ethuka uMehluleli, wathi cha lokhu kukhuluma kuyaqala ukufika la, akukaze kwenzeka, lokhu kukhuluma kuyaqala ukufika la.
154.Bantwana baseKuphakameni ngicela ukuyifunda njengoba ibhaliwe la ngoba indawana ebucayi le. Page 213, ngicela ukuyifunda phansi ngoba kukhulunywa indaba enkulu la, kukhulunywa indaba ebuhlungu ukuthi yathi le nsizwa uma ngabe isilivulile ithalente layo, isiphanile ngethalente layo leli, kwase kwenzekani ezulwini.
155.Kwase kwenzeka umhlola bantwana bokukholwa, kwase kunyakaza izulu, ngizofunda u-20 no-21, amavesi, ku 213.
156.Wathi uma ngabe lona esenikele ngethalente lakhe, kwase kwenzeka umhlola bantwana bokukholwa, nasike isimanga esenzeka uma uya ku page 213 verse 20 kuthi emveni kwalokho isinikele ngethalente.
157.“Emveni kwalokho bezwa izulu liduma, nomhlaba uzamazama, imibani iphambana phezulu ezulwini ngoba uThixo omkhulu waphakama ukuzobona ngawakhe amehlo isimanga salamadoda”
158.Isihe sanyakazisa ngisho uNkulunkulu, uThixo omkhulu waseKuphakameni, wanyakaza, ezulwini, usho njalo uMprofethi, uthi emveni kwalokho bezwa izulu liduma, kakhulu nomhlaba uzamazama, imibani iphambana phezulu ezulwini ngoba uThixo omkhulu waphakama ukuzibonela isimanga salamadoda.
159.Eyi bantwana baseKuphakameni isimangaliso leso, isihe, isihe esazamazamisa izulu, kwanyakaza uThixo omkhulu wathi uzobona umusa, kodwa kade ihamba ibala le ndoda, hayi ngikwenzile ukuthi, ngikwenzile ukuthi, akaze kunyakaze lutho, kodwa mhla kungena isihe kwanyakaza izulu!
160.Ngiyaqhubeka bnatwana bokukholwa. “Kwathi lapho ebabheka, lo onethalento elilodwa, wacwebezela kuNkulunkulu” Lo onethalente elilodwa, ithi lapha ku
214, wacwebezela emehlweni kaNkulunkulu enethalente elilodwa kunalo onayishumi, kodwa isihe kwaba izinkulungwana zamathalente wakufanele ngenxa yesihe ukuthi angene ezulwini.
161.Iyaqhubeka batwana bokukholwa, 21. “UNkulunkulu wathi selokhu ngadala izulu nomhlaba, angikaze ngikubone ukukholwa okunjena, lapho umuntu ngosuku lwakhe lokugcina engasakwazi ukwenza lutho, athathe anakho akunike omunye umuntu angamazi, futhi bengezona ngisho izihlobo, umuntu nje ahlangane naye endleleni bahambisana.
162.Mtanami ngena ekuthokozeni kweNkosi, wethembekile kokuncinyana ngizokupha okukhulu”
163.Eish bantwana baseKuphakameni, sine challenge, sesikwenze konke, sine challenge ukuthi kuhlalani la enhliziyweni yami, kuhlalani enhliziyweni yami, yinye into eyenza umuntu abe nodumo ezulwini, inye into eyenza umuntu abe nodumo emhlabeni isihe, ngesihe lo waba nodumo ezulwini, waba nodumo emhlabeni.
164.Asifunde incwadi Izaga 3 verse 1-5 ngokushesha nje sengizokwehlela ngezansi sigijime nayo, asigijimeni nje njengabafana basesitimeleni, Izaga 3 verse 1-5, ngifuna ukuzwa ukuthi udumo, uthi uMprofethi udumo, umuntu owaba nesihe, wanikela nganakho kowayengenakho futhi engamazi, wathi akangene ezulwini.
165.Uthi uMprofethi izulu lazamazama, nemibani yaphambana, kwasuka uNkulunkulu iNkosi yezulu iNkosi yezulu, yazobheka lo muntu, wathi selokhu ngadala izulu nomhlaba angikaze ngikubone ukukholwa okungaka.
166.Izaga 3 verse 1-5 “1 Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami, ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.
167.Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho, ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu. Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.”
168.Le nsizwa yathola udumo emehlweni kaNkulunkulu nesihe, ithike le ncwadi yethu bopha lesisihe naleliqiniso entanyeni yakho nasezibhebheni zenhliziyo yakho ukuze uthole udumo kuNkulunkulu nakubantu.
169.Kwenzekani kulensizwa, yathi ingafaka isihe kwazamazama izulu, kwaphambana imibani, wehla uNkulunkulu wathi selokhu ngadala izulu nomhlaba, angikaze ngikubone ukukholwa okungaka.
170.Sinjani isihe kuwe? Sinjani kimi? Nginaso yini sona isihe, angicindezeli yini abancinyane, angibacindezeli yini, ngihlale phezu kwabo impela ngithi cha, injani inhliziyo yakho, uyabadabukela yini abantu!
171.Oh bantwana baseKuphakameni sibhekene nenkanankana ngoba siya ezulwini. Ngithi asikucoshe konke, asikucoshe konke bantwana bokukholwa.
172.Inzondo namagqubu nakho konke asikulahle ngoba akuyi la esiya khona, sizolahlwa. Mfundisi awuvule incwadi yokugcina Exodus 14 verse 13-17, sesizohlala phansi. Kungakubi ngingasamudumisanga lo Nkulunkulu wethu oyisimangaliso bese ngihlala phansi ngoba wathi ngifuna ukudunyiswa, ngifuna ukubatshazwa ngaso sonke isikhathi.
173.Bantwana baseKuphakameni ngithi ngiyadlula lapho kwisihe nesihawu, ngithi nami ngisazozihlola ukuthi nginaso yini isihe, ngiyabadabukela yini abantu, ngizoba naso yini isihe, njengoba kade kuwumhlangano nje ngisuka emhlanganweni, benginjani emgidini, benginjani esontweni, bengihleli kanjani emhlanganweni.
174.Bengingadli yini mina oloti kusukela ekuseni kuze kushone ilanga edokodweni eliseceleni kwami kube kukhona ongadlile, ngiyazibuza lokho enhliziyweni, nomunye akazibuze, benginjani emgidini uma kusinwa, bengenzenjani, bengishaya isigubhu, ngishayela bani ngingamushayeli ubani, kufuneka ngizifune kukho konke lokho bantwana bokukholwa.
175.Uma kungena bani bengimshayela ihlombe kangaka uma kungena bani, zonke lezo zinto bantwana baseKuphakameni siye phambi kwaNkulunkulu sibahle sithandana ngoba ukuthandana kuwumthetho, akukhona ukuthi i-choice ukuthi ngizwa kuthi angikuthande, ngizwa kuthiwa ngingakuthandi, kuwumthetho ngoba uthena uShembe uma ningathandani ningabakabani.
176.Funda Mfundisi sengizokwehlela ngezansi angimubabaze lo Nkulunkulu.
177.Exodus 14 verse 13-17. “UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla” Uyabathembisa uNkulunkulu lapha uthi yeyi nina thulani nibone ukusindisa kwami namhlanje enginonenze khona.
178.“Ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.”
179.Ngoba zazigijima izinqola, lithi ibhayibheli zaziwu 600 izinqola ezaziza emva kwabo, kodwa lo Nkulunkulu wethu bantwana bokukholwa esihlangene ngaye layindlini, ukhuluma isimanga, uthi laba bantu abanilandela ngezinqola enibabonayo namuhlanje aniseyikophinde nibanone.
180.“UJehova uzakunilwela, nothula nina. UJehova wayesethi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe. Phakamisa wena induku yakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, ulwahlukanise; abantwana bakwa-Israyeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo.”
181.Ushilo uNkulunkulu, uthi uNkulunkulu laba bantwana baseGibhithe abanihubhayo namhlanje ngeke niphinde nibabone.
182.“Bheka, mina ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe” Ngoba ngizongena ezinhliziyweni zabo bonke ngizenze zibe likhuni, bangene lapha, ngibenze iziphukuphuku bangene lapha olwandle bazame ukunilandela.
183.“Babalandele; ngizakudunyiswa ngoFaro nangempi yakhe yonke, ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe”
Isihlabelelo.
Lwaduma ulwandle
Olubomvu
Nangu Faro eshona Emfuleni.
Uzophuma nini weFaro
Nempi yezinqola zomlilo!
184.Uthi ngiyokwenziwani? Ngiyodunyiswa ngobani? “Ngizakudunyiswa ngoFaro nangempi yakhe yonke, ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe!”
185.UShembe wase efika ekwenza lokho, wayesethi: “Laduma ulwandle!” Ngoba ubeshilo uNkulunkulu exoxa noMose, kuhambe izizukulwane bantwana bokukholwa kwaze kwafika uShembe wayesethi uShembe, wayeshilo uNkulunkulu ukuthi uyodunyiswa ngokunqoba kwakhe impi kaFaro.
186.Wayesethike ‘lwaduma ulwandle, lwaduma ulwandle, nangu uFaro eza nempi yakhe nezinqola zakhe zomlilo’, kwase kufezeka iphupho, noma kufezeka isiprofetho mhla uJehova esho ethi “Ngiyakudunyiswa ngalempi kaFaro, ngiyakudunyiswa ngalezinqola zikaFaro, ngiyodunyiswa ngalamahhashi kaFaro!”
Inkosi ibusise enikuzwile