Uthi-ke umprofethi, kungumsebenzi walelibandla lamaNazaretha ukuba izizwe zivukele kulenkolo eyafika noShembe, okusho ukuthi ekuqondeni kwazo indaba kaNkulunkulu, kumele zilandele izimfundiso zikaShembe, ngoba kulesi sikhathi samanje akakho omunye uMprofethi kaJehova ngaphandle komprofethi-Isaya Shembe(Ukuthula kube kuye)!
Isihlabelelo 181.
1.Phakama kuphakama
Ngegama leNKosi
Zivuse zonke izizwe zakithi
Zisesebuthongweni
Ngegama leNKosi
Zivukele kuwe weKuphakama.
2.Sino’sizi
Ngesizwe sakithi
Siha’wukele Nkosi
Sizintandane
Asina Mkhululi
Ngaphandle kwakho
Onga’sikhulula
Eku’boshweni.
3.Usi’dele ngani
Nkosi kangaka
Buye’la kithi
Usi’thethelele.
Obaba bethu
Bona abasekho
Sithwe’le-ke thina
Izono zabo.
4.Shaya Nkosi’ uphozose
Wena sonile
Siya’vuma
Ebu’sweni bakho
Singa’baka bani
Uma’ silahlwa nguwe
Buye’la kithi
Nkosi yoxolo.
UKUZIPHATHA KWETHU AKUTHANDEKE EZULWINI.
1.Noma inkonzo yanamuhla ingabanga isaba khona oKhozini, ngephutha elenziwe yibo, kodwa ingqikithi yaleyo nkonzo ibichaza ukuthi sithwele izono zokhokho bethu, ngakho-ke kumele sicele kuJehova ukuba asithethelele izono zethu nezokhokho bethu!
2.Nalelihubo ekade silihuba lisasho leyonto ebesikhuluma ngayo oKhozini, ukuthi sithwele izono zethu kanye nezokhokho bethu.
3Ngakho-ke, njengabantwana bakwa-Israel, kumele sihlangane njengesizwe, sicele intethelelo yezono zethu nezokhokho bethu kuJehova!
4.Uthi-ke uShembe: “Phakama kuphakama ngegama leNosi, ufundise zonke izizwe zakithi ezingaqondi ukuthi siboshiwe, bese ngalobu buNazaretha nazo ziyazi indaba kaNkulunkulu!
5.Uma uShembe wabe ekhuluma ngobuPhakama esikhathini esiningi wayabe ekhuluma ngobuNazaretha, noma ngebandla lamaNazaretha, kuye ngokuthi ubekhuluma kusiphi isimo senkulumo (context). Kulelihubo-ke uShembe ukhuluma ngebandla lamaNazareta!
6.Uthi-ke uShembe akube libandla lamaNazaretha eliphumela obala ngokuvusa isizwe sakithi, ngoba sisebuthongweni, asiboni ukuthi kwenzekani kuso njenge sizwe!
7.Uthi-ke umprofethi, kungumsebenzi walelibandla lamaNazaretha ukuba izizwe zivukele kulenkolo eyafika noShembe, okusho ukuthi ekuqondeni kwazo indaba kaNkulunkulu, kumele zilandele izimfundiso zikaShembe, ngoba kulesi sikhathi samanje akakho omunye uMprofethi kaJehova ngaphandle komprofethi-Isaya Shembe(Ukuthula kube kuye)!
8.Uyaqhubeka evesini lesibili uthi: “Sinosizi ngesizwe sakithi, sihawukele Nkosi sizintandane, asinaye uMkhululi ngaphandle kwakho ongasikhulula EKUBOSHWENI.”
9.Abantu basemhlabeni ababoni ukuthi sonke SIBOSHIWE NGUJEHOVA ngenxa yezono zethu nezokhokho bethu. Ngezimfundiso zikaShembe, ngama Nazaretha kuphela anokuqonda ukuthi sixhumene kanjani nesizwe sakwa-Israel!
10.Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Usidele ngani Nkosi kangaka, buyela kithi usithethelele. Obaba bethu bona abasekho, sithwele-ke thina izono zabo.”
11.Leli vesi licacile, lisasho wona lomthandazo owawenziwa ngabantwana bakwa-Israel kuNehemiya 9 lapho kuthi khona:
12.“Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israel babuthana bazila ukudla benezindwangu zamasaka nothuli phezu kwabo.
13.Inzalo ka-Israel yayizahlukanisa nabezizwe bonke, yayimi IVUMA IZONO ZAYO NOKONA KWAWOYISE.”
14.Lomthandazo kaShembe usafana nalo wabantwana bakwa-Israel, nathi siyakhala, siyacela ukuba uJehova asithethelele kanye nokhokho bethu ngezono esizenzileyo.
15.Ekugcineni uShembe uthi: “Shaya Nkosi uphozose ngoba sonile, siyavuma ebusweni bakho. Singabaka bani uma silahlwa nguwe, buyela kithi Nkosi yoxolo.”
16.Nalelivesi ngelokushweleza kuNkulunkulu, sivuma izono zethu nezokhokho bethu. Sicela ukuthi noma uJehova esijezisa, kodwa angaqinisi isandla ngoba singabantwana bakhe!
17.Lesi sihlabelelo kumele usifunde novesi 31 womthandazo wesabatha, lapho uShembe ethi: “Ningabi njengo baba benu, oDingana noSenzangakhona, obaba bethu abazenza lukhuni izinhliziyo zabo.
18.UJehova waze wabajezisa kanjena, namuhla sesithwele izono zabo. Gcinanike iSabatha likaJehova.”
19.Lalelani izwi likaJehova, ukulalela izwi likaJehova kuhle ULILALELE, ULENZE, UNGALALELI NJE UNGENZI. GCINANIKE ISABATHA LIKAJEHOVA!”
20.Akwanele ukuthi ulalele ukuthi uJehova ufuna ukukhonzwa kanjani, kodwa ube ungamkhonzi njengokusho kwakhe. Yikho-ke uShembe ethi: “Ulilalele ulenze, ungalaleli nje ungenzi!”
21.Kuvesi 26 woMthandazo weSabatha uShembe uthi: “Ekusihawukeleni kukaJehova ekwedukeni kwethu emthethweni wakhe, wasibuyisela kuye ukuba sibuyele sibe ngabantwana bakhe, njengokuba singabantwana bakhe kakade.”
22.Lapha uShembe uyasichazela ukuthi isizathu sokuthi uJehova asithethelele ekwedukeni kwethu, kungenxa yokuthi vele singabantwana bakhe, njengoba siyinzalo ka-Israel!
23.Uma sithi akakho umprofethi kusukela kuYeshua owake wathunywa nguJehova ukuba abuyise isizwe samaZulu njengoba kwenza uJona eNinive, ngaphandle kwaShembe, sisho ngoba kunobufakazi balokho!
24.Noma uShembe wayengakaze aye esikoleni, kodwa wayehamba nomabhalane wakhe owayebhala konke akushumayelayo, ebhala nemithandazo, ethi uShembe ethandaza, yena ebe ekubhala phansi konke akushoyo.
25.Namuhla sifisa ukuveza omunye wemithandazo kaShembe, ngalomthandazo okubonisayo ukuthi uShembe wabe esikhathalele kangakanani lesi sizwe owayethunyelwe kuso.
26.Kulomthandazo owawumhla ka 1July 1929 eKuphakameni, uShembe wathandaza lomthandazo wokuvuma izono, lapho ethi:
27.“Nkosi simi phambi kwakho, akungabi isinengiso ukuhamba kwethu phambi kwakho. Akuthandeke ukuma kwethu phambi kwakho, izinhliziyo zethu zidabukile zinosizi olukhulu Nkosi ngosizi olusehleleyo ngenxa yezono zethu nomkethu, namadodana namadodakazi ethu. Siyavuma Nkosi entokozweni yokhokho bethu bakudala!
28.Siyavuma izono esizenzile ebusweni bakho, buyela kithi usithethelele. Asinakuphila ngaphandle kwakho.Usithethelele Nkosi!
29.Sikhumbule ngomsa wakho, sithi hawu, sonile thina! Obaba bethu wawuthokoza ngabo emandulo. Yiba nomusa ekunxuseni kwethu Nkosi Jehova, okhokho bethu wabe ubanike lomhlaba.
30.Namhla Nkosi osewuwunikele izitha zethu, namhlanjena igama lethu liphenduke igama lokuphela, siyabulawa singenambuzeli. Amadodakazi ethu bawangcolisile singenambuzeli, omkethu basishiyile singenambuzeli!
31.Buyela kithi Nkosi yomusa nesihawu! Nanxa wawujabhile ngathi, thokoza ngathi namuhla, izulu nesibhakabhaka kusemandleni akho! Akukho okwehlula wena!
32.Siyavuma Nkosi Mabizwasabele, sabela kithi, sibuthe ekuchithekeni kwethu ngesihawuu sakho. Asisena sithunzi nakumadodana ethu, ngenxa yokutshingwa kwethu nguwe.
33.Baba Nkulunkulu siphambi kwakho kanye namakhosi ethu omkhathi, ngenxa yezono zethu, wasenza impango yezizwe zonke eziphansi kwezulu, sidinga abaqondisi bokuhlela phambi kwakho!
34.Siyavuma Nkosi izono zethu kanye nezokhokho bethu abonile ngazo ebusweni bakho. Siyavuma izono zethu nezokhokho bethu nezeNkosi yethu yakudala uSenzangakhona Nkosi, buya entukuthelweni yakho esiwele phezu kwethu, thina sizukulwano! Usichithile Nkosi njemanzi amabi angasafanele lutho.”
35.Kulomthandazo uShembe uyisho ngegama inkosi uSenzangakhona. Kusho ukuthi ukona kwesizwe kudala, kuqala kuSenzangakhona.
36. Uyaqhubeka uShembe uthi: “Namhla sinyathelwa ngezinyawo yizo zonke izizwe nezizwana, ukujabula kwakho ngathi sekuphelile! Sisebusweni bakho sihawukele Nkosi, buyisa isandla sakho sobunene. Nanamuhla abantwana bamaBhunu bacebile ngezwe lethu.
37.Izingalo zabafazi bethu esicamela kuzo ebusuku, kuze kuse zigcwele izinyembezi zokudabuka kwezinhliziyo zabo.
38.Sihawukele Nkosi ngomsa wakho omkhulu. Amadodakazi ethu ayizigqili phansi kwamaBhunu, izintombi zamaBhunu zichithela ezindlini; amadodakazi ethu abangabaphiphi balawo manyala onke!
39.Sinosizi ngokusichitha kwakho Nkulunkulu ezinyaweni zezitha zethu. Asinazinkuni namuhla sizithenga ngemali.
40.Asinamanzi nawokuhlamba izandla zethu, sihlamba ngezinyembezi zomkethu, nezamadodakazi ethu abasikhalela osizini esingenakubasiza ngalutho kulo.
41.Nkosi siyavuma Nkosi izono zethu nezamaKhosi ethu omkhathi, uMpande nezinduna zethu abazenza ebusweni bakho.
42.Babulala abantu bengabangcwabi, bebayeka bedliwe izinyoni zomkhathi. (Uma uShembe ekhuluma ngamakhosi omkhathi, usho amakhosi angasekho emhlabeni).Waze wabanikela ezitheni zabo Nkosi.
43.Siyavuma izono zeNkosi uMpande, ekumemeni kwakhe izizwe zibulale uDingane! Shaya Nkosi uphozise ngokuba silusapho lwakho.
44.Buyela kithi, nathi sibuyela kuwe manje. Sizihlanganise Nkosi zonke izizwe zakithi!
45.Emfundisweni yokuzwana neyoku thobelana nawe, emzini wakho odumileyo wasekuPhakameni
46.Siyavuma Nkosi izono zethu nezobaba bethu abonile ngazo ebusweni bakho. Siyavuma izono zethu nezeNkosi yethu uCetshwayo. Wachitha igazi elingenacala wabulala unina uNomatshali!
47.Lapho uMpande wamqalekisa khona, wathi awusoze walibusa, lobuswa abaMhlophe! Nempela kwabanjalo Nkosi!
48.Siyavuma Nkosi izono zethu nezeNkosi yethu uCetshwayo. Wachitha igazi elingenacala, wabulala iNkosi enkulu uMbuyazi.
49.Siyavuma izono zethu nezinduna zethu, oSihayo, bachitha igazi elingenacala babulala omkabo. Namhla Nkosi izinhliziyo zethu zigqoke ingubo yezinyembezi!
50.Siyavuma Nkosi izono zethu esizenzileyo ebusweni bakho. Buyela kithi usithethelele. Asinakuphila ngaphandle kwakho. Wasidala Nkosi yethu, sikhumbule ngomsa wakho!
51.Siyavuma ebusweni bakho, sithi hhawu, sonile thina! Singumhlambi wezwi lakho. 52.Wasidala ngezwi lakho, siboshiwe ngezinhliziyo zethu!
53.Sikhulule Mkhululi wethu, usikhumbule Nkosi Jehova. Usikhumbule ungasitshingi. Azijabhe izitha zethu! Azingathokozi ngathi!” Amen!
54.Lomthandazo kaShembe uyefana nalowo owawuthandazwa ngabantwana bakwa-Israel kanye nalowo owawuthandazwa ngabantu baseNinive benenkosi yabo.
55.UShembe akagcinanga lapho, mhla ka 16 December amabhunu abulala izinkulungwane ngezinkulungwane zamaZulu empini yaseNcome.
56.Ngendlela kobuningi babantu ababulawa ngalolo suku, umfula iNcome yaphenduka yonke yagcwala igazi.
57.Abantu abakwazanga ukufihla izidumbu, esikhundleni salokho izidumbu zabantu zadliwa ngamanqe, zimpisi nezinja!
58.Kodwa ngaphambi kwalokho amabhunu enza isethembiso kuNkulunkulu ukuthi uma bewanqobile amaZulu, bomakhela isikhumbuzo(iMonument), bemdumise njalo ngonyaka kanye nenzalo yabo.
59.Namanje leso sikhumbuzo sisekhona, njalo ngonyaka amabhunu aya kuleMonument beyobonga uNkunkulu ukuthi wawanika amandla okunqoba amaZulu.
60.Kodwa amaZulu namakhosi awo lomthandazo wamaBhunu awuwa khathazanga.
61.Kuze kube namuhla uDecember 16 kubantu abamnyama liholide lokungcebeleka, abacabangi ukuthi ngalolusuku kunezi nkulungwane zabantu bakubo ezingena thuna, ngoba ekufeni kwabo izidumbu zabo zadliwa ngamanqe nayizinja!
62.Kodwa akubanga njalo kuShembe ngalolusuku. Wafundise amaNazaretha ukuthi akafake amasaka, azihuqe ngomlotha ebusweni bekhale kuNkulunkulu, abakhumbule kuleso sehlo esehlela isizwe sakithi. Waqamba isihlabelela 12 esithi:
62.“UJehova usishiyile
Singabadingi nabasweli
Haleluya silileleni
63.Nina mabandla asezulwini.
64.Asinantu esandleni
Siza impela Nkosi yoxolo
Haleluya sileleni
Nina mabandla asezulwini.
65.Asinababa asinamama
Asinamfowethu wokusembesa
Haleluya silileleni
Nina mabandla asezulwini.
66.Hhawu Jehova usishiyile impela
Ebuntandaneni obungaka
Haleluya sileleni
Nina mabandla asezulwini.
67.Siyaludinga ucezwana lwesinkwa
Lokuphumuza umphefumulo yethu
Haleluya silileleni
Nina mabandla asezulwini.
68.Usihlazile ngani impela
Usikhumbule Nkulunkulu wethu
Haleluya silelileni
Nina mabandla asezulwini.”
69.Ngenxa yokuthi inkolo abantu abakuyo ingeyezitha zethu, abafundiswa lutho ngalento. AmaBhunu asungula ibandla okuyi Dutch Reform Church, okuyibandla lamaBhunu.
70.Angenke ukholwe ukuthi kulelisonto kunabantu abamnyama abakulo, abanye abangabafundisi balo! Laba bantu bafundile, kodwa ababoni ukuthi ngabo amaBhunu aqinisa isifungo sabo!
72.Lapha siveza umthandazo kaShembe owawuthandaza ngomhla ka 16 December, ekhumbule ukubhujiswa kwesizwe sakithi sibhujiswa ngamaBhunu. Uthi ke uMprofethi:
“73.Usuku olubi namhlanjena
Ntombi yesiqhingi saKwaZulu
Inkomo yadinga umsengi ngalolu suku
Amagula ezinsizwa aphenduka umlaza
74.Izinja zemizi zaphuma emizini
Zema emagqumeni zabheka phezulu
Zakhala isililo
Ngoba abanikazi bazo babengasekho.
75.Ngalolo suku amalawu ezinsizwa
Nawaba numzane aphenduka abamnyama kusemini
Imithango yamacansi awendlalelwa izinsizwa
Nawendlalelwa abanumzane
Awa emgibeni akhuluma ngezwi
76.Njengomuntu athi sesiyokwe ndlalwa ngubani?
Iqhele elihle labalobokazi bakithi
Laphenduka labamnyama.
77.Abazali bezinsizwa baba nesibibithwane
Onke amakhosikazi amadala
Izinyembezi zampompoza emehlweni awo,
78.Omunye wabuza komunye wathi
Wemabani kwenzenjani?
Naye lowo obuzwayo engazi
Ebuza ekhala ukuthi kwenzenjani.
79.Kwezwakala ilizwi elikhulu
Embusweni wezulu
LIMEMEZA IZINYONI ZOMKHATHI
LITHI “PHUMANI NIYODLA INYAMA
YABA NGALALELI IZWI LIKAJEHOVA!”
80.KuDutoronomi 28: 15 no 26 uJehova uthi: “Kuyakuthi uma ungalaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zyokwehlela:
81.Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwezinyoni zonke zezulu nokwezilwane zomhlaba, akuyaku bakho ozihebezayo!”
82.uyaqhubeka uShembe uthi: “Lamemeza izimpisi zomhlaba
Lathi phumani niyokudla okucebileyo
Kwendlu kaDingana.”
83.Amakhehla amahle nezinsizwa ezinhle zalala zacamela sengathi zizovuka ngaleyo mini.
84.Amakhehla amahle nabanumzane
Aba ngukudla kwezimpisi
Izinkomo zema ezinkundleni
Zabhonga zidinga umsengi.
85.Ngoba abasengi bazo babengasekho, sebeqedwe usiko lwenkemba yasehlane.
86.Izalukazi ezindala ezinokwazi,
Ivuso legazi labafileyo
Langena ezinhlizweni zabo,
Zamemeza abaphathi
87.Zithi adedeleni bantwana bethu
Aziyikusengwa muntu
Abasekho abasengi bazo!
88.Zathi nxa seziwa tholile amankonyane, izinkomo aziyekanga ukubhonga, nezinkabi zabheka phakathi komuzi.
89.Wo! Nakho kuthina ngoba sonile,
igazi lethu loba phezu kwethu!
Ngempindiselo yezono zethu
Ngokuba sonile kuJehova!
90.Ukusina okuhle kwentombi yaKwaZulu, kwanqamuka.
Nokubetha ugubhu kwaphela
Kwaba yisinyokotho ngalolo lusuku.
90.Umfula wagcwala amakhehla Amahle, nezinsizwa zaba ukudla kwezimpisi! Shwele Nkosi ngokuba sonile. Amen.”
91.Ngalentshumayelo sibonisa ukuthi akuyikho lokhu abantu abacabanga ukuthi bayakwazi ngoShembe.
92.Nokuthi kungathi uma bebona lenzalo yakwaShembe esibizwa ngonkulunkulu, yize ingazi lutho ngokukholwa, bese becabanga ukuthi babona uShembe, lo esikhuluma ngaye!
93.UShembe ngumprofethi kaJehova osafana nabaprofethi esiyaye sifunde ngabo eBhayibhelini!
94.Uthi-ke uShembe: “Phakama Kuphakama ngegama lenkosi, zivuse zonke izizwe, ngoba zisebuthongweni!”
95.Kwesinye isihlabelelo uthi: “Thabani thabani bufikile ubuNazarethaa, izizwe zosinda,ebezihlakazekile.”
96.Noma kungakavezwa konke abantu okumele bekwazi ngalelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, kodwa kuningi abantu asebekuqonda okade befihlelwe khona.
97.Isizwe sakithi besingazi ukuthi yisona esiyinzalo ka-Israel, okungama Hebheru. Lokhu bekwaziwa ngama politicians, nawo ambalwa!
98.Kodwa ngalobu buNazaretha abantu abaningi sebeyazi ukuthi yibona abayisizwe sakwa-Israel, yibo abangabantwana bakwaJehova!
99.Isizwe esimnyama besingazi ukuthi lenkolo abakuyo akusiyo inkolo abayinikwa nguJehova, kodwa inkolo kaJehova yaqedwa ngabezizwe. Ngalenkolo abezizwe babefuna ukuqeda ngathi!
100.Isizwe esimnyama besingazi ukuthi uMsindisi wethu igama lakhe nguYeshua. Abezizwe balishintsha leligama ukuze noma sithandaza singalibizi, kodwa sibize igama lesithixo sabo!
101.Isizwe sakithi besingazi ukuthi ibandla likaYeshua libandla lamaNazaretha, nokuthi leligama lachithwa ukuze kuchume leli esilinikwe ngabezizwe!
102.UShembe wavusa ibandla likaYeshua elalikhona emandulo uma ethi leli ibandla lamaNazaretha!
103.Isizwe sakithi besingazi ukuthi akaze abekhona uMsindisi ogama lakhe nguJesu, kodwa leli gama lisuselwa emagameni ezithixo zabezizwe!
104.Lapha sibonisa ukuthi uShembe kwakungumuntu ovela ezulwini. Kuyikhasi 82 lencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA, uBaba iLanga uthi:
105.“UShembe lo owaphemba lobu buNazaretha wayengesiye umuntu, wayevela ezulwini, kodwa wayengaqali ukufika lapha emhlabeni.
106.Wayefike ayiphembe lento esibuthene ngayo, ayishiye,acabange ukuthi izosala ilunga.
107.Bese emuva kwakhe kuvele abantu abanjengami nje, abaye bathi bangabaholi, bengenawo umoya kaShembe, bese beyiphambukisa lento, sebeyi phendula ngobu thakathaka babo!”
108.UShembe wayevela ezulwini, ezovusa ibandla likaJehova elaqedwa yizizwe ezimhlophe.
109.Omunye umlungu oyimissionary, uMrs Wells, uthi ngomunye unyaka eThekwini kwaba nomhlangano wazo zonke izimishini, lapha okwakuzobhungwa ngokuthi engaqedwa kanjani uShembe, ngoba uma eyekwa uzokona umsebenzi wabo!
110.Uthi-ke lomlungu: “Ngathi uma ngibuza ukuthi kodwa bayamazi yini uShembe, uSuperintendant of Missions wathi:
111.“Angimazi uShembe, futhi angifune kumazi, kodwa into engiyifunayo ukuthi ngiqede ngaye ebusweni bomhlaba!”
112.Nempela ekufeni komprofethi kwafundiswa bonke abantu abamnyama ukuthi uShembe wakhungela amaphiko emzimbeni wakhe wazama ukundiza, kodwa wawa phansi, wafa!
113.Lelilumbo kwashunyayelwa ngalo kuwo wonke amabandla ezimishini ukuthi uShembe wazama ukundiza, wazibophela ngamaqubu enyoni, wathi uyandiza, wawa, wafa!
114.Nempela, esikhundleni sokuthi isizwe esimnyama sazi ukuthi uShembe wabe engumprofethi kaJehova, sonke sazi ukuthi uShembe wabe engumkhohlisi, owazama ukundiza aye ezulwini, kodwa wawa phansi, wafa!
115.Lento abezizwe abayenza kuShembe, bayenza nakuYeshua. Ekufeni kwakhe baqeda ngaye, base bakha umuntu wabo abathi nguJesu, sebethi nguye uMsindisi, leligama likaYeshua baliqeda.
116.Ukuba akufikanga uShembe wavusa ubuNazaretha bukaYeshua, ngabe asazi lutho ngoYeshua!
117.Lelivangeli likaShembe lithi kumele sizihlole, sibuke ukuthi sisahamba ngayo yini indlela kaJehova, bese sibuyela kuye!
iNkosi ibusise izwi layo!