Labo ABAFIHLA IQINISO ELITHIZE EMTHETHWENI KAJEHOVA AYILOBA NGENCEKU YAKHE UMOSE, NOMA BEKUSHINTSHE, NOMA BEKUZIBE, LABO BADLA UMLILO UQOBO, FUTHI UNKULUNKULU AKASOZE AKHULUME LUTHO NABO NGOSUKU LOKUVUSWA KWELIZAYO! (Mprofethi Isaiah Shembe)
Isihlabelelo 119.
1.Thina Siyamthanda lo
Onokusindisa
Isihlangu sethu nguJehova
Onokusindisa.
2.Thina Siyamthanda lo
Onokusindisa
Sophelela sonke kuJehova
Onokusindisa.
3.Wena uyamdinga lo
Onokusindisa
Kuphela kwakhe uJehova
Onokusindisa.
4.Alikho elinye igama
Esingasinda ngalo
Kuphela igama likaJehova
Esingasinda ngalo.
5.Asinazihlangu
Esinga vika ngazo
Kuphela igama likaJehova
Esingavika ngalo.
6.Asinazikhali
Esingalwa ngazo
Kupheligama likaJehova
Esingalwa ngalo.
UJEHOVA NGUYENA YEDWA UNKULUNKULU ONGUMDALI.
1.Incwadi ka-Isaya 43: 10-11: “Ningofakazi bami,” usho uJehova, nenceku yami engiyikhethile ukuba nazi, ningethembe, niqonde, ukuthi ngiNguye; ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemuva kwami akayikuba khona.
Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho uMsindisi!”Amen!
2.Ubufakazi obucacile ukuthi umuntu usembhlubukile uNkulunkulu kuyaye kube ukuphika uJehova, achithe nemithetho yakhe, ezakhele unkulunkulu wakhe nezulu lakhe, esingakaze sifundiswe ngalo kulenkolo kaMenzi wezulu nomhlabsa!
3.Ngiyafisa ukuba ngicacise ukuthi uNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba MUNYE, abababili, ababa thathu, MUNYE NJE KWAPHELA! Lapha sikhuluma ngoNkulunkulu ogama lakhe nguJehova, inkolo yakhe owayiletha kithi entabeni yaseSnayi ngoMose!
4.Noma imuphi umuntu okufundisa ukuthi khona omunye unkulunkulu, noma abanye onkulunkulu ngaphandle kwaJehova, ubokwazi ukuthi lowo muntu usemhlubukile uNkulunkulu, usekhonza abanye onkulunkulu ebandleni likaMenzi wezulu nomhlaba!
5.KuDutoronomi 4:2, uMose uthi: “Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyikunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngawo!”
6.KuDutoronomi 6:4-9, uMose uthi: “Yizwa Israel, uJehova uNkulunkulu wethu, uNkulunkulu MUNYE. Mthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho.
7.Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla mawahlale enhliziweni yakho, ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala, nalapho uvuka, uyakuwabophela abe luphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho.”
8.Uyaqhubeka uMose kuDutoronomi 6:13-15, uthi: “Mesabe uJehova uNkulunkulu wakho; umkhonze Yena, ufunge igama lakhe.
9.Aniyikulandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu abanizungezile, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho, ophakathi kwakho, unguNkunkulunkulu onomhawu, funa intukuthelo kaJehova uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikushabalalise ebusweni bomhlaba!”Amen!
10.UShembe kuvesi 13-14 womthandazo weSabatha uthi: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe anilobele yona uJehova ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.
11.Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe akayikuyamukela imithandazo yenu, akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine!”Amen!
12.Kulentshumayelo ngizochaza umehluko phakathi komuntu okhonza uJehova, kanye nomuntu okhonza onkulunkulu babezizwe, nomuntu OLWISA UKUKHONZWA KUKAJEHOVA NGOBA ESEKHONZA UNKULUNKULU OBIZWA NGONYAZI NGAPHANSI KWEBANDLA LIKAJEHOVA!
13.Ekuqaleni inkulumo yami izogxila kumuntu okhonza unkulunkului wabezizwe. Ngaphambili amaKrestu abefundiswe izinto eziningi ngoYeshua abambiza ngokuthi uJesu. Okokuqala uYeshua amaKrestu bekuthiwa uyiNdodana kaNkulunkulu EZELWE YODWA.
Lokhu bekuchazwa ngokuthi ezulwini asikho esinye isidalwa ngaphandle kwaJesu!
14.Kodwa ngahlangana nempikiswana yelinye iMoslem, lithi lemfundiso yokuthi uJesu uyiNdodana “ezelwe yodwa kaNkulunkulu,” ingumkokoshelo, ngoba i-1st version yeTestament lesiGriki, lapho iNew Testament yahunyushwa isuselwa khona, ayinakho lokhu kukhuluma!
15.Nempela ngayifuna leversion, ngathola ukuthi ikhuluma nje ngoYeshua oyiNdodana kaNkulunkulu, njengoba ku-Old Testament kuchazwa zonke izingelosi!
16.Lesi sijobelelo sasenzelwa ukuba kuhambisane nenkolo yasebhabhiloni, ukuthi kukhona unkulunkulu uyise nonkulunkulu indodana! Kodwa angisavamile ukukuzwa lokhu kukhuluma kumaKrestu amaningi!
17.Bekunemfundiso ngikhula ethi uNkulunkulu wanikela ngoJesu oyiNdodana yakhe ukuthi ibulawe, ukuze ngokubulawa kwayo ibe ngumhlatshelo osusa izono zabantu!
18.Lokhu kukhuluma kuyimbudane exakile. Ungafike wone kuNkulunkulu, bese yena futhi enze umhlatshelo ukuze yena uNkulunkulu akuthethelele isono osenze kuye? Kanti yini isono?
19.Lokhu kufana nokuthi uma ngithi “Ungebi”, bese wena weba imbuzi yami, bese mina nginikela ngengane yami ukuba ibulawe ukuze wena ngingakujezisi ngokweba imbuzi yami!
20.Uma ngikuxolela ekwebeni, siphi Isidingo sokuba kubuye kube yimi futhi enginikela ngendodana yami?
Nginikela kubani? ngabe nginikela kimi, noma nginikela eseleni? Umuntu unikela kanjani kuye?
21.Lokhu kukhuluma angisakuzwa kugcizelelwa ngamaKrestu. Ngicabanga ukuthi amaKrestu amaningi aseyabona ukuthi lokhu kukhuluma kuyimfundiso eyinhlekisa kumuntu ocabangayo!
22.Okunye ukukhuluma kulenkolo yabezizwe ukuthi uJesu uyindlela neqiniso, akakho ongena ezulwini ngaphandle kwakhe. Kodwa lemfundiso uma ungayilandela, oyifundisayo akazizwa kwayena ukuthi uthini!
23.Ngokwalemfundiso kusho ukuthi ungena ezulwini ngokuhlale ubiza igama likaJesu, hhayi ngokuthi ugcine imiyalo kaJesu, njengokubhalwe eBhayibhelini!
24.Ukuthi uJesu uyindlela neqiniso isingathekiso, kodwa akuwakhi umqondo ukuthi lesi singathekiso sisho ukuthi ukuze ungene ezulwini kufanele uhlale umemeza igama likaJesu! Ubani ongehluleka ukuhlale ebiza igama likaJesu?
25.Okuseqinisweni, ngenxa yokuthi lemfundiso-nkolo yakhiwa, kuyaye kuhambe kuhambe bese ishayisana nezinye izimfundiso-nkolo zakulenkolo yabezizwe!
26.Awukwazi ukuthi uthi ngokubethelwa kukaJesu esiphambanweni asisenasono, bese wena futhi uthi umuntu akangeni ezulwini ngaphandle kwaJesu! Kusho ukuthi uma ungalibizi igama likaJesu, wenza isono esizokwenza ungangeni ezulwini.
27.Ingani uthe ngokubethelwa nje kukaJesu, sonke sesithethelelwe izono zethu?
28.Okuseqinisweni uYeshua UYINDLELA NEQINISO, AWUNGENI EZULWINI UMA UNGALANDELI IMIYALO YAKHE! (Bheka uMathewu 5:19).
29.Enye imfundiso yobuKrestu ithi uNkulunkulu uziqu zintathu! UNkulunkulu uYise, uNkulunkulu iNdodana noNkulunkulu uMoya oyingcwele!
30.AmaKrestu amaningi aseyazi ukuthi lemfundiso-nkolo ngeyaseBhabhiloni, ibekelwe ukuphikisa umthetho kaNkulunkulu othi uNkulunkulu MUNYE!
31.Kodwa inkinga ukuthi amaKrestu amaningi akakwazi ukwahlukanisa phakathi kwenkolo kaMose, engekaJehova, nenkolo ka Constantine, okuyinkolo yabanye onkulunkulu abalwa noJehova!
32.Sikhule amaKrestu amaningi ethi uJesu nguNkulunkulu, noma uJesu noNkulunkulu bayalingana. Lempikiswana bayisusela encwadini kaJohane isahluko 1:1 lapho uJohane ethi: “Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu!”
33.Okokuqala lenkulumo isankondlo, it is poetic, okusho ukuthi iyisingathekiso; okwesibili lamazwi akashiwongo nguJesu, kwasho uJohane ongumlandeli wakhe, ethopha uJesu!
34.Okwesithathu lelivesi lihunyushwe lahlanekezelwa, ngesiHebheru akusho njalo! Ngathola ababehlaziya isiHebheru njengoba kubhaliwe kuyi Gospel of the Nazareens! Lelivesi lisho enye into okungayiyo le esihunyushwe kuNew Testament. Nalapho abezizwe babephoqa ukuthi uJesu nguNkulunkulu!
35.UYeshua akaze asho ukuthi unguNkulunkulu, noma ukuthi ulingana noNkulunkulu, kodwa uzichaze wagcizelela ukuthi UYISITHUNYWA SIKANKULUNKULU!
36.Kuso sonke isahluko 17 sikaJohane, uYeshua ukuchaze kahle ubudlelwane bakhe noNkulunkulu, ukuthi yena uyisiThunywa sikaNkulunkulu!
37.Ngaphambi kokuba sichaze kabanzi uJohane 17, kumele sikucacise ukuthi enkolweni kaMose, uYeshua owayenguMprofethi ngaphansi kwayo; uNkulunkulu akaze ebizwe ngokuthi “UYISE” NOMA “UBABA!” kodwa lamagama asetshenziswe ngabezizwe ukuchitha igama likaNkulunkulu wethu, elithi “uJehova!”
38.Ngakho izinkulumo eziningi zamaHebheru ezikuyi Testament Elisha zihunyushwe ngokuhlanekezelwa, ezinye kwavele kwafakwa into engekho ezincwadini zamaHebheru, ukuze lemibhalo ihambisane nenkolo yabezizwe entsha!
39.Nanka-ke amazwi kaYeshua atholakala kusuka kuJohane 17:2: “Ngokuba iNdodana uyiphe AMANDLA phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oYiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.”
40.UYeshua wazisholo Yena ukuthi “Amandla” uwaphiwe nguNkulunkulu! Ngakho-ke uJesu akalingani noNkuilunkulu!
41“Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba BAZI WENA WEDWA, Nkulunkulu oqinisileyo, NOMTHUMILEYO, uJesu Krestu!”
42.Sikufundiswe nguYeshua ukuthi thina makholwa kufanele sazi uNkulunkulu oyedwa, bese sibuye sazi OTHUNYWE NGUNKULUNKULU, okungu Yeshua ongu Mesaya!
43.Manje umuntu uyazibuza ukuthi sekuqhamukaphi ukuthi sekungu Yeshua uNkulunkulu, nalesi esithi uNkulunkulu Mthathu Emunye, ngoba ayikho into enjalo ngisho kuyiTestamente Elisha?
44.“Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwufezile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwufeze. Manje-ke ngikhazimulise WENA BABA ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, umhlaba ungakabi bikho.”
45.Uthini uYeshua? Uthi okokuqala akakhazimuliswe nguNkulunkulu. Okwesibili uthi waba khona ezulwini umhlaba ungakabi bikho! Ngabe lokho sekusho ukuthi uYeshua usenguNkulunkulu?
46.Cha, yonke imimoya yayikhona umhlaba ungakabi bikho. USathane namadimoni babekhona umhlaba ungakabi bikho; izingelosi zazikhona umhlaba ungakabi bikho, kodwa aziyena uNkulunkulu!
47.NoMelkizedek wayenganakuqala nakuphela kwezinsuku enguMpristi woPhezukonke. NoShembe uMprofethi unguMprofethi ngokuka Melkizedeck, njengaye uYeshua, uyisithunywa sasezulwini sikaNkulunkulu!
48.“Ngilibonisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasemhlabeni. Babe ngabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho; sebeyazi ukuthi KONKE ONGIPHE KHONA KUVELA KUWE!”
49.Lokhu kukhuluma akukhulunywa emabandleni amaningi, ngoba inhloso ukwakha isithombe sokuthi uJesu nguNkulunkulu, hhayi ISITHUNYWA SIKANKULUNKULU NJENGABO BONKE ABAPROFETHI!
50.Kodwa kwa-Israel uYeshua waziwa ngokuthi unguMprofethi, kwathi lo osewakhiwe abezizwe wayeseba nguNkulunkulu!
51.“Ngokuba AMAZWI ONGIPHE WONA ngibaphile wona, bawamukela, bazi impela ukuthi ngivela kuwe, futhi BAKHOLWA UKUTHI NGITHUNYWE NGUWE!”
52.Lapha uYeshua uthi njengoba uNkulunkulu emthumile, ushumayelile, abakhethiweyo bakholwa ukuthi uYeshua UTHUNYWE NGUNKULUNKULU! Kodwa lolo lulimi alukho kumaKrestu amaningi, kuthiwa uJesu nguNkulunkulu!
53.Ngaso sonke isikhathi uNkulunkulu uma ekhuluma noYeshua, njengoba wayekhuluma nabanye abaprofethi, wayembiza NGENDODANA YOMUNTU, ngoba vele wayeyindodana kaDavide ngokwenyama!
54.Usho njalo uSha’ul kwabaseRome1:3-4 lapho ethi: “Mayelana neNdodana yakhe evela olibeni likaDavide NGOKWENYAMA, kodwa EBIZWE NGENDODANA KANKULUNKULU NGAMANDLA NGOKOMOYA WOBU NGCWELE NANGO KUVUKA KWABAFILEYO, uJesu Krestu iNkosi yethu!
55.Lencazelo ngenke uze uyizwe emabandleni, kodwa yachazwa ngumuntu owayephila ngesikhathi sikaYeshua!
56.Uthi-ke uSha’ul, uYeshua wazalwa ngokwenyama nguDavide, kodwa ngokuthi wayengcwele nangenxa yokuthi wavuka kwabafileyo, wabizwa ngokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu!
57.Lokhu kuchaza ukuthi akuzange kuthi uYeshua ezalwa wabe esaziwa ngokuthi uyiNdodana kaNkulukulu! Kodwa asazi-ke kuloJesu esamnikezwa ngabezizwe, ngoba kunezimfundiso ezimbili ngomuntu okuthiwa munye!
58.Kuyinkolo kaMose uYeshua uvela engumprofethi, kodwa enkolweni yabezizwe bese kuchazwa omunye nje umuntu osengunkulunkulu, noma oseyingxenye yesithathu kaNkulunkulu!
59.Kodwa angibasoli abantu abamnyama abakule nkolo, kulesi simo abazithola bekuso, ngoba bafundiswe kanjalo, kodwa inkinga ikumaNazaretha, ngoba wona AMHLUBUKILE UJEHOVA, lokho akakufihlile!
60.Kodwa okuhle ukuthi wathi ehamba emhlabeni uMprofethi wabe esebonile ukuthi amaNazaretha azohamba ahambe amhlubuke uJehova, ezakhela onkulunkulu babo! Nanka amazwi oMprofethi:
61.“Kuza isikhathi lapho abantu baseKuphakameni bayoyilahla khona indlela kaShembe.
62.Lapho bayobe sebenza imicabango yabo kunezwi esibayala ngalo thina boShembe.
63.Ngaleyo nkathi bayobe bengasali khathalele izwe laphakade, bayobe sebethembe amazulu amaningi, nangekho!
64.Ngalezo zinsuku bayodebesela ukugcina umthetho kaJehova, LO OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE.”
65.UShembe uthi wathunywa nguNkulunkulu UKUVUSELELA UMTHETHO KAJEHOVA, KODWA AMANYE AMANAZARETHA ATHI NGUYE USHEMBE UNKULUNKULU!
66.Uthi-ke uMprofethi: “Bayowu gxoba, bawuzibe, kuphase imithetho yabo nemithetho yezithixo zabo abayozibuyisa bazifake lapha.”
67.Phelelani kuJehova, ngoba uyabathanda abamthandayo, ubalungisele indawo phambi kwesihlalo sakhe sobukhosi.
68.Ubenzela ukungalambi nokungomi, abaphe umusa wakhe. Nabo bahlala bemdumisa ngezigubhu nokusina, behlabelela ngenjabulo.
69.Uthokozwayo wenama ngabo, ukwenama komsindisi kuhlala nabo phakade, abasenakho ukufa.
70.Uyaqhubeka uMprofethi uthi: “Umthetho kaJehova uyisihlengo somphefumulo bantabami; hhayi noma imuphi umthetho, kuphela lo inceku yakhe eninika wona.
71.Uyindlela yokuhamba eya lapho kungekho khona ubumnyama nenzondo, nendlala namakhaza, kuphela inkazimulo engenaku fiphala.
72.Uyaqhubeka uShembe uchaza uhambo lokufa, lapho ethi: “Nxa usuya kulelozwe, uyodlula emahlane nakumahlathi esabekayo, anezelelesi nabaphangi, nabahuhi abahuhayo, abandisa imibuso yabo yokulahlwa!
73.Kwabanye iyaphela iminyaka engamashumi amathathu behluleka ukuphuma kulamahlathi, ngoba balidelela izwi likathixo; namanje basese bumnyameni!
74.Uma usudlulile kulamahlathi, uyophumela kwankanankana, kwasikhova sikhala emini, ezintabeni zakwa Lambathwayo, kwamthi munye, kwasikhoma khoma!
75.Bantabami kuleyo ndawo lihlala licwathile, libalele, abaningi akudluleki esikhomakhomeni.
76.Leli lizwi elishunyayelwayo lapha ekuPhakameni, liyinkemba eyokusiza ekuphungeni abahlaseli bakho; futhi liyoba umphako kulamahlane osizi oyohamba kuwo!
77.Uyothi sewedlule kuleyo ndawo, uyofica isiziba, ngaphambili uyofica iparatomi. Uyobe sewuliwelile ihuze umfula omkhulu okhetha abaweli!
78.Nisize uma kuhambe umuntu, nimenzele imbali ukuba angabhajwa eparatomi.
79.Lenkonzo niyenze emva kwezinsuku eziyisikhombisa, ukuba beze abahlangabezi, bamfune uma edukile oyisihambi! Thandani izwe elizayo!
80.Abaningi baminziswa yilesi siziba abasuke bezihlamba kuso, siyimpilo yokuqala oyithola usunyukela ezintabeni zokwenama, kwamsindisi- uyinala kwabamkhonza ngeqiniso!
81.Maningi amazulu, ziningi nezihogo, KODWA NINA NINENHLANHLA YOKUYALELWA INDLELA YOKUYA EZULWINI LIKAJEHOVA NISELAPHA EMHLABENI!
82.LELIZULU UJEHOVA OKULO ALIFANI NAMANYE AMAZULU, LIYAKHANYA, amanye amazulu amnyama, ayavuza, anendlala, anayo yonke inhlobo yokuhlupheka!” Amen!
83.Empilweni yami angikaze ngihlangane nomprofethi okwazi ukuchaza uhambo lomuntu ekufeni, njengoba kwakwenza uMprofethi u-Isaya Shembe, (ukuthula kube kuye).
84.Abazali bethu bake bahlala nomuntu wasezulwini ngokweqiniso, owayekwazi ukukuchazela indlela ozoyihamba uma kufika isikhathi sokufa!
85.Uma sithi umuntu uyisiThunywa sikaNkulunkulu, noma ungumprofethi kaJehova, sisuke sisho into enjena-ke! Umuntu okwazi ukukuchazela yonke impilo ohlangana nayo ekufeni. Ngalokho uyabonisa ukuthi ngempela uvela ezulwini!
86.Kodwa namuhla lelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba seliqhwagwe unkulunkulu okuthiwa uNyazi, unkulunkulu ongazi lutho ngokukholwa, singasaphathi ngombuso wezulu, lo uBabamkhulu owayesifundisa ngawo!
87.Uma sibuyela ekukhonzeni uJehova njengoba safundiswa nguMprofethi, sesiyahlaselwa, sekuthukwa noJehova ebandleni lakhe!
88.Ekuqaleni ngithe kukhona umehluko phakathi kwamaKrestu nama Nazaretha, ngoba kumaKrestu into ebabusayo ukungazi ngoba balandela imfundiso-nkolo yabasunguli bobuKrestu!
89.Kodwa amaNazaretha ayazi, kodwa azichithile izimfundiso zikaJehova kanye nomprofethi wakhe! Bayamphikisa kukho konke okufundisile!
90.Ukufakazela lokhu, ngizoveza intshumayelo kaMvangeli uMdluli waseBuhleni, ngaphansi koNyazi, lapho ethe eshumayela enhlanganweni wavele wakhwela wadilika kuNkulunkulu, ethi simkhonzelani uJehova ngoba uNkulunkulu okumelwe akhonzwe uNyazi!
91.Uthi-ke uMdluli: “Uma uShembe ephulukisa abantu, abanye bemfica ezulwini, USUKE ELITSHAZISWE LUHLOBO LUNI LWESIQATHA LOJEHOVA WENU ENITHI UNGAPHEZU KUKASHEMBE?
92.Abantu abathi uShembe akasiye uNkulunkulu, abenze i-reseach yabo bahlukane nathi, futhi asinankinga nabo!
93.Thina ukholo lwethu luphelele, aludinge kuchitshiyelwa ngencwadi, uShembe uNkulunkulu!! nguye uJehova onguThixo wethu, akukho lutho olungalena kukaShembe, uyizinto zonke, zikhathi zonke!”
94.Okokuqala angicacise ukuthi uma umvangeli uMdluli ekhuluma ngo”Shembe” usho uNyazi, hhayi uBabamkhulu, noma muphi-ke nje uShembe owaba khona emva kwaBabamkhulu!
UNyazi kuphela oluzibize lona ngoNkulunkulu, njengoba umlandeli walo esethi loluNyazi selungapheu kukaJehova!
95.Kodwa manje uma sebehlubuka kulobu buNazaretha, sebeyaye becashe ngesibongo esithi “Shembe” ukuze kubukeke sengathi uma sichitha lembudane yobunkulunkulu boNyazi, sesibhekise kuShembe uBabamkhulu, noma kwabanye oShembe!
96.Ubunazaretha inkolo kaMenzi wezulu nomhlaba, wasifundisa lokho uShembe! Akusiyo inkolo yoNyazi!
Ngakho-ke asisoze sahlutshulwa ngumuntu ongazi lutho ngokukholwa ngoba engowakwaShembe, asiguli thina emakhanda!
97.Akakho uShembe owake wafundisa ukuthi uShembe nguNkulunkulu. Ngisho uBaba uThingo wakuphikisa sisenkonzweni ukuthi uShembe uNkulunkulu!
98.Kwenye ivideo lapho uThingo luhlaba lenkulumo yokuthi uShembe uNkulunkulu, nanka amazwi alo: “UShembe uyibekile imithetho yesonto iyaziwa…, senithi manje uShembe nguNkulunkulu?
99.Wathi uyakhuluma uBaba iNyangayezulu, waze wathi, “Ngiyaniyeka ngoba anivumi, esho ukuthi: “Cha, mina ngazi ukuthi uShembe akasiye uNkulunkulu, ngazi ukuthi uShembe uyisiThunywa sikaNkulunkulu!”
100.Kodwa namuhla indodana yoThingo, ebandleni loMprofethi, isiliqhwagile lelibandla, isiphikisa uyise, ithi sekuyiyo uNkulunkulu!
101.Okokuqala lelibandla akusilo elikaShembe, uMprofethi WAKUBHALA PHANSI UKUTHI LELI BANDLA NGELIKAMENZI WEZULU NOMHLABA, okungasiye uShembe!
102.NoBaba iLanga wakugcizelela lokho, KWABHALWA PHANSI ukuthi ngisho yena engasekho emhlabeni, KODWA SIHLALE SAZI, SIKHUMBUZANE UKUTHI INKOSI YALELIBANDLA AYIBONWA, NGUNKULUNKULU KUPHELA, wagcizelela wathi AYIKHO ENYE!!
103.Namhla sesitshelwa ngoMdluli ukuthi into ebhalwe phansi kulelibandla BONA ABAYITHATHI!
104.Kanti abasekho yini ngaphansi kobuNazaretha obufike noMprofethi?
105.Kukuyisisekelo salobu buNazaretha ukubhalwa phansi kwenqubo yokukholwa efundiswa ngabaprofethi kusukela ezimfundisweni zikaMose eziqhutshwa nguye uShembe!
106.Namuhla uma siqhuba umsebenzi kaNkulunkulu njengoku fundiswa nguBabamkhulu, sesizo hlaselwa ngamahlubuka aphonsa inkolo kaJehova ehlathini!!
107.Kusobala ukuthi loluNyazi nabalandeli balo abazi lutho ngoJehova uNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba, bacabanga ukuthi ubuNkulunkulu mhlawumbe kuyathwalelwa!
108.Umbuzo-ke uthi lomvangeli ukhuluma ngamuphi uShembe, ngoba bonke oShembe bakuphikile, futhi basikhuza ukuthi sithi uShembe uNkulunkulu, ngoba akasiye!
109.Nanka amazwi oThingo: “Lokhu kokuthi uShembe uNkulunkulu akusilo iqiniso, ngiyafisa ukuthi niyiyeke lento! Yikho sizondwa kangaka nje, bazonishaya abantu ngoba NISEPHUTHENI NGEMPELA!”
110.Ubani-ke osephikisa uThingo, osethi asikho ephutheni ngokubiza uShembe ngoNkulunkulu?
111.Ngiyaqala empilweni yami ukuzwa ikholwa lithuka uNkulunkulu lithi UPHUZE ISIQATHA! Lolulimi ungaluthola kuphela kumaSatanists, okuyiwona ahlale ethuka uNkulunkulu!
112.Lokhu nje kukodwa kuyabonisa ukuthi lelibandla eseliqhwagwe uNyazi selimhlubukile uMdali wezulu nomhlaba, njengokusho kwaBabamkhulu ukuthi kohambe kuhambe amaNazaretha amhlubuke uNkulunkulu!
113.Manje uma sikhuluma okufundiswe yibo bonke oShembe ukuthi USHEMBE AKASIYE UNKULUNKULU, sesiya hlaselwa? Angazi noma laba bantu baphile kahle yini emakhanda!
114.Ungangithukelani ngokubuyisa umthetho esiwufundiswe nguShembe kulo lelibandla, bese uthi wena olihlubuka kuShembe, nguwe uShembe, ngoba ucasha ngesibongo sakwa Shembe ekuhlubukeni kwakho?
115.Umbuzo wami uthi kufanele sikholwe kubani? Ngabe kufanele sikholwe kuMdluli noNyazi lwakhe, noma sikholwe ngesikufundiswe nguShembe ukuthi uNkulunkulu kaShembe nguJehova?
116.Kuyintshumayelo yakhe, uBabamkhulu uthi: “Nina bokukholwa yamukelani INCWADI YEMITHETHO njengoba injalo, NINGAYINCIPHISI, FUTHI NINGAYANDISI!”
117.Umvangeli uMdluli noNyazi lwakhe bathi: “Thina ukholo lwethu luphelele, ALUDINGE KUSHICILELWA NGENCWADI!”
118.Ngizoveza izintshumayelo zikaBabamkhulu, ukuze bonke abantu bazi ukuthi lembudane esiyitshelwa nguMvangeli uMdluli noNyazi lwakhe, ukuthi uJehova uyathukwa ngoba unkulunkulu sekuwu Nyazi, yinto ephambene kakhulu nobuNazaretha!
119.Lenkulumo kaMdluli iziphikisa ngokusobala izimfundiso zoMprofethi. Lapha uMprofethi uthi:
120.“UNkulunkulu uJehova uveze iqiniso eliphelele NGEMITHETHO YAKHE EBHALWE PHANSI, wayifundisa nangaba profethi kanye naba Priest, ngakho labo abangavumelani NEMITHETHO KAMOSE, baya ekulahlweni!”
121.Kodwa uMdluli-ke uthi ukukholwa kwethu asingakuthatheli encwadini! Uphikisa uMprofethi!
122.UBabamkhulu, ongumprofethi kaJehova, uyaqhubeka uthi: “Ngesikhathi kuthiwa kunina landelani lokho uJehova akuvezile, bathi: “CHA, silandela lokho esafica obaba bekulandela!” Kuyilapho noYise babo babengaqondi lutho!”
123.”Kunjalo ukuphika ubukhona buka Thixo, uyojeza uthanda noma ungathandi, akukhalelwa muntu esigodini sosizi!
124.Nani bemindeni yabo akukho eniyobenzela khona uma sebendlulile emhlabeni, kuphela ngumlilo ubusuku nemini, aninandlela yokubakhulula ngaphandle kokubacelela intethelelo enkosini ngeminikelo, nangemithandazo!
125.Labo ABAFIHLA IQINISO ELITHIZE EMTHETHWENI KAJEHOVA AYILOBA NGENCEKU YAKHE UMOSE, NOMA BEKUSHINTSHE, NOMA BEKUZIBE, LABO BADLA UMLILO UQOBO, FUTHI UNKULUNKULU AKASOZE AKHULUME LUTHO NABO NGOSUKU LOKUVUSWA KWELIZAYO!
126.Labo bangabathengisa ngeqiniso ekukholweni, bayoba ngabancinyane embusweni weZulu!” Amen!
127.Lokhu ngazalwa angikaze ngimuzwe umuntu ethuka uNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba, ethi UJEHOVA UPHUZE ISIQATHA! Mhlawumbe amaSatanists engakwenza lokho!
128.Ngabe lomvangeli woNyazi uqale wayophuza utshwala yini ngaphambi kokuhlambalaza uNkulunkulu kanje?
129.Ngalenhlamba bekuhlaselwa uJehova ngoba kuthukuthelelwe i-NCG, ngoba ilelibandla kuphela elinevangeli lokuthi asibuyele kuJehova njengokwezimfundiso zika Babamkhulu! Manje-ke ngokubuyisa imfundiso yoMprofethi ngokukhonza uJehova, uMdluli usehlasela uJehova ngqo!
130. Yini yona uMdluli, yini yona uNyazi, ukuthi kungathukwa UJEHOVA kuthiwe UPHUZE ISIQATHA! Uma uNyazi belikuphikisa lokhu okukhulunywa umvangeli walo likhona, luthule kanjani umgcotshwa ethuka uNkulunkulu enkonzwen? LoMdluli ndini sekuthi ngoba ungumlandeli woNyazi, usekhwelezela uJehova, uthi uJehova akangadunyiswa njengoNyazi? Yini yona uNyazi ukukhwelezela uJehova ngokukhonzwa kwalo?
131.Njengoba washo uMprofethi, sekuvumbuka onke amahlubuka kulobu buNazaretha azocekela phansi umsebenzi kaNkulunkulu uMprofethi owawuhluphekela kanje ukuwubuyisa emhlabeni!
132.Lomvangeli ongenwa umoya weSatanism, akakuqonde ukuthi sikufundiswe nguShembe ukuthi asikhonze UJEHOVA YEDWA, futhi asisoze sazihlanganisa nalomoya weSatanism usubusa amanye amaNazaretha nomholi wawo!
133.NguShembe osinike izihlabelelo zama Nazaretha neBhayibheli, okuzincwadi esithathela kuzo imithetho nenqubo yokukholwa okuvela ezulwini!
134.UNyazi alusiye uNkulunkulu, futhi alusiye noMprofethi! Uma ungathi uNyazi uMprofethi, ngabe uthuka abaprofethi bakaJehova!
135.Okuse qinisweni uNyazi alusiye umNazaretha, alwazi lutho ngobu Nazaretha, lwavele lwahlaliswa nje esihlalweni sobuholi bebandla lungazi lutho ngokukholwa!
136.Okokuqala lokho kufakazelwa ukuthi luzogcwalisa izangoma emzini kaNkulunkulu, phezu kokuthi kungumthetho esawufundiswa nguMprofethi ukuthi akukho ubudlelwane phakathi kwethu nezangoma. Kodwa namuhla izangoma yizona ezibusa emzini kaNkulunkulu, ezinye zingabagcotshwa, ziyabhabhadisa!
137.Okwesibili ubufakazi bokuthi uNyazi alwazi lutho ngalento oluyiholayo, libonakala ngokuphikisa uyise, luchitha umthetho kaNkulunkulu ngenkani!
138.UThingo lufike lukhuze amaNazaretha ngokuthi kuphambene nobuNazaretha ukubiza uShembe ngoJehova, bese lona lufike luphikise uyise phambi kwamaNazaretha, luthi yilo uNkulunkulu!
139.Uma uNyazi beyikhona into eliyaziyo ngokukholwa, umholi onjani ebandleni likaJehova ongasukuma ezikhombe yena athi unguNkulunkulu ngoba noyise wayenguNkulunkulu, kodwa kunguyise owalwa nalokhu kukhuluma phambi kwethu?
140.Uma uMdluli naloluNyazi besibuka, bacabanga ukuthi thina sesiphambene lapha emakhanda; loMdlulindini usethuka uJehova, ngoba ecabanga ukuthi thina singalandela umuntu sithi uNkulunkulu? Siyagula yini lapha emakhanda?
141.UMdluli noNyazi baphonsela uJehova inselelo, ukuthi akukho muntu ozothi uJehova mkhulu kunalo? Kusobala ukuthi lelibandla selingene shi enkolweni yeSatanism!
142.Kodwa sesizoke sibone uNyazi selubhekana noJehova, uMdali wezulu nomhlaba!
INkosi ibusise enikuzwile!