Njengoba silapha bantwana baseKuphakameni, asinasigwili, akunasichaka lapha, sisendlini kaJehova sonke, sizokondliwa imiphefumulo ngezwi likaJehova.
Into nje esihluke ngayo komunye nomunye iqhaza lendima okumele uyidlale lapha endlini kaJehova, kumele sidlale izindima eziningi, ezingafani, ezahlukene.
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni kaMfundisi Dr Phana Mabaso eNqobizitha mhlaka 18 November 2023.
13. ISIHLABELELO
1 Amathalente neziphiwo
Makusetshenziswe nguwe Nkosi
Kungifune kungithole
Ebuningini besitha sakho
2 Ukunxanela komoya wakho
Makungifune kungithole,
Ebumpofwini bomoya wami
Mangithokoze namhla weNkosi.
3 Yizanini bantu nonke
Sondelani ngase mthonjeni,
Lowo mthombo ka Jakobe
Lapho kwasinda khona amaSamaria.
1.Ngiyaxolisa bantwana baseKuphakameni ukuba nginqamule, ngiyezwa khona ukuthi iyafika kulendawana ebengifisa ukuthi ifike kuyona.
2.Isihloko salentshumayelo yanamhlanje ekuseni ithi: “Indlu kaJehova esimenyelwe kuyona sonke.” Le ntshumayelo yanamhlanje ibheke kakhulu kuthina esesingamalunga ebandla lamaNazaretha kaNkulunkulu.
3.Ayibacwasi nabangasiwona, kodwa ibheke kuthina esesingaphakathi endlini kaJehova, kulendlu esiminyene kuyo sonke.
4.Isikhathi esiningike sike sishumayele sibhekise kubantu abangaphandle nabangaphakathi ebandleni, laba abangaphandle sisuke sifisa bengene ngaphakathi endlini kaJehova, bangene ebandleni likaJehova badumise kanye nathi,
5.Kwabangaphakathi njenganathi njengoba sigcwele lapha namhlanje, sisuke sibavuselela okhalweni, sibakhumbuza, siphinde sibagqugquzele ngokubaluleka kokuhlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zethu zokuphila komuntu ngamunye ngamunye.
6.Simenywe sonke ukuba sibe lapha endlini kaJehova ukuba sibe ihamente engcwele kaMdali wezulu nomhlaba. Le ntshumayelo bengicela ukuba ibe nesisisekelo sencwadi etholakala eBhayibhelini kwi New Testament ngokukaMathewu 20. Ngizofunda nje ngenzela ukuthi ngiphangise isikhathi.
7.Mathewu 20 verse 1-14. “Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe. Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu* ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.
8.“Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi lutho; Nakubo wathi: ‘Yanini nani esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo.’ Baya-ke.
9.“Waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenze njalo. Esephuma ngehora leshumi nanye wafumana abanye bemi, wathi kubo: ‘Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi lutho na?’
10.“Bathi kuye: ‘Ngokuba akakho osiqashileyo.’ “Wathi kubo: ‘Hambani nani, niye esivinini.’
11.“Kepha selishonile, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uzikhokhele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’
12.“Kuthe befika abehora leshumi nanye, kwaba yilowo nalowo wamukela udenariyu. Sekuza abokuqala, bathi bazakwamukela okukhulu; kepha nabo bamukela udenariyu* ngabanye. Kepha sebamukela bakhonona ngomninindlu, bathi: ‘Laba abokugcina basebenze ihora linye nje, ubalinganise nathi esithwalile ubunzima nesifudumezi semini.’
13.“Waphendula, wathi komunye wabo: ‘Mngane, angikoni; kanti asivumelananga ngodenariyu* na? Thatha okwakho, uhambe; kepha ngiyathanda ukunika lo wokugcina njengawe.
14.Bantwana baseKuphakameni sibuthene lapha ukuzodumisa uJehova ebungcweleni bakhe, sizobonga umusa wakhe awutshengisile ezimpilweni zethu kumuntu ngamunye.
15.Njalo ngaphambi kokuba uBaba uMelusi aqale inkonzo noma aqale intsumayelo yakhe yasemini, ngemva kwesihlabelelo esandulela inkonzo, uyaye athi asibonge.
16.Angazi bangaki kithi abaqondayo ukuthi usuke eqonde ukuthini uma ethi asibonge, kodwa uyaye esho njalo. Sisuke sibonga odumisekayo, odumiseka ngenxa yomusa wakhe kithi, kithi thina ngoba siyizoni.
17.Size lapha ukube sizocela intethelelo ezonweni zethu, esizenza sazi ukuthi senza izono noma esizenza singazi ukuthi senza isono, esizicosha njengothuli emgwaqeni uma sihamba. Umuntu ngamunye lapha phakathi kwethu uze ukucela ukuphila kuMdali wezulu nomhlaba.
18.Bantwana baseKuphakameni isihloko salenkonzo yanamhlanje ekuseni sithi indlu kaJehova esimenyelwe kuyo sonke.
19.Le ncwadi esiyifundile isibeka esimweni sokuba izisebenzi esivinini sonke njengoba sibuthene lapha ngaphakathi.
20.Uma ukhethe iNkosi yaseKuphakameni waba ingxenye yeHamente eyingcwele lapha ngaphakathi, ususesivinini, usuqashiwe ukuba usebenza esivinini.
21.Akukhathalekiileke ukuthi ufike nini esivinini njengoba incwadi sitholile. Uma nje kuthiwa sebenza esivinini, kumele usebenza ngaphandle kokubheka izinto eziningi ongahlangene nazo.
22.Mina nawe asihlanganiswe ilutho okuthinta omunye umuntu ukuthi uhola malini lapha esivinini, siqashwe sonke, mina nawe nje ukuthi sisebenze.
23.Okusihlanganisayo mina nawe ngomunye umuntu olapha esivinini ukuba senze isiqinisekiso sokuthi akaphazamiseki kokuqashelwe lapha esivinini ukuba akwenze, ilokho mina nawe esimele sikwenze.
24.Sonke njengiba silapha siqashiwe ukuba sisebenze esivinini, akukho mina nawe okusihlanganisile ukuthi omunye uzohola malini esivinini.
25.Zikhona izinduna ezibekiwe ukuqapha umsebenzi, okwami mina nawe ukuba senze isiqiniseko sokuthi indawo yomunye umuntu oqashiwe, okhona lapha esivinini, ikulungele ukuba enze umsebenzi wakhe awuqashelwe naye. Amein.
26.Isivinini bantwana baseKuphakameni sinomnikazi waso oqashe bonke abantu abasebenzi kuso isivinini. Sonke lapha esivinini asihlangene ngokuba sibe abangani, kepha sihlangene lapha ukuba senze esikuqashelwe, ukuba senze umsebenzi womnikazi wesivini.
27.Le ncwadi efundwe ngenhla, siyathola ukuthi abantu abaqashwe kuqala esivinini, bacabanga ukuthi bazotshela umqashi ukuthi abakhokhele kanjani abantu abaqashile, bafuna ukulawula umnikazi wesivini.
28.Ukuthi ufike kuqala la, ungene ngaphakathi kuqala esivinini kwathiwa Sebenza, akuchazi ukuthi wonke umuntu ofike emva kwakho useyakukweleta, enza umsebenzi owuqashelwe, uqhubeke ukuze izingane zakho zilale zidlile. Ngoba uzosebenza ukuze umphefumulo wakho wondleke lapha esivinini.
29.Kodwa ngaphambi kokuba bonke laba abantu abaqashiwe ukuba basebenze esivinini bonke bayatshelwa ukuba bazohola udanariyu, wonke umuntu okhona lapha uyazi ukuthi njengoba sisebenza nje imuphi umvuzo esizowuthola.
30.Bonke beza bazi ukuthi ngokusebenza esivinini umvuzo wabo ngamunye umuntu udanariyu, akukhathalekile ukuthi umuntu uqale nini ukusebenza, okubalulekile ukuthi bonke abantu baqale ukusebenza bazi kahle ukuthi bazohlomula udanariyu.
31.Cishe sonke njengoba silapha sizosebenza esivinini, siyazi ukuthi uma sisebenza njengoba sitshelwa ukuthi sisebenze, siyazi ukuthi sizohola ubungcwele, ukuthi singene ezulwini likaJehova.
32.Lokho akungasibalekeli, akungasididi, njengoba sisebenza lapha nje ukuba sisebenze esivinini siyazi ukuthi ekugcineni sizowuthola umvuzo, sibe ngcwele ukuze singene ezulwini likaJehova.
33.Thina abanye asingeni ndawo ukuthi abanye bethu baqale nini ukusebenza esivinini, umuntu ngamunye ozosebenza, unesivumelwano nomqashi wakhe, siqashwe uJehova sonke ukuba sisebenze lapha endlini yakhe engcwele.
34.Umuntu ngamunye phakathi kwethu umenyiwe ukuba azosebenza, futhi umuntu ngamunye phakathi kwethu, kumele engabe uyaqonda ukuthi uvumile ukuba uzosebenza, ngokukhetha iNkosi yaseKuphakameni wagqoka umnazaretha uvumile ukuthi uzosebenza esivinini, usayine contract.
35.Inqubo mgomo yalapha esivinini, ubuNazaretha, usikompilo lwalapha esivinini ubuNazaretha, kulabo abaqashiwe noma abazisebenzayo ukuba bondle imindeni yabo baphinde bakhipha okweshumi lapha endlini kaNkulunkulu, bayaqonda ukuthi emsebenzini unikwa uphinde usayine ukuthi uyawaqonda yini ama condition of service.
36.Noma iyiphi indawo la okuhlangene khona abantu besebenza, unikezwa into ekuthiwa ama conditions of service, ama conditions of service yini, inqubo mgomo okufanele uyilandele emsebenzini. Usikompilo okumele uliphile uma uphakathi emsebenzini, nanoma ungaphandle kwasemsebenzini, ama conditions of service.
37.Nabazisebenzayo uma beyazi kahle i-administration yabo iqondile, kumele nakhona abe khona ama conditions of service kubantu ababaqashile.
38.Njengoba silapha, umuntu ngamunye uvumile ukuba uzohola ubungcwele uma esebenze ngokulandela izimiso nemigomo ebekiwe umnini sivini.
39.Ngithe ama conditions of service ethu ubuNazaretha, usikompilo esiliphilayo lapha esivinini ubuNazaretha, those are conditions ethu sonke njengoba silapha esivinini.
40.Siyakwazi ukubona ukuthi hhayi omunye wethu useyaphambuka ngoba akasahambi ngenqubo mgomo yobuNazaretha.
41.Lapha esivinini umuntu onelungelo lokushaya umthetho, sokushintsha umthetho uma kunesidingo sokuba ushinsthwe, umnikazi wesivinini.
42.Okwami nawe lapha esivinini ukuba sisebenze ukuze sihole ekugcineni kosuku, akusikho ukushaya imithetho akusikho ukuyishisntha, kodwa ukuyithatha njengoba injalo, sisebenze, sisebenzele lokhu esikuqashelwe inzuzo ekupheleni kosuku.
43.Siyazi sonke ukumema umuntu kuchaza ukuthi akeze ukuzohlanganyela nawe kosuke ukwenza, njengoba silapha nje simenyiwe sonke ukuba size lapha esivinini sizosebenza.
44.Isikhathi esiningi simema abantu uma kunesimo esihle noma kukhona esifisa ukuba kudingidwe ukuze kulunge okuthile, sisuke simema abantu uma kunezimo ezikanjalo, kodwa uma kunesifo asibamemi abantu, bayazizela ngoba bezwa isililo siqhuma phezulu kulomuzi okusuke kunesifo kuwo, abantu bayazizela uma kunesifo, akumenywana.
45.Thina njengoba silapha simenyiwe ukuba sizodumisa uJehova, simenyiwe ukuba sizophakamisa udumo sibonge nomusa kuJehobva kithi, uJehova unomusa kithi, uJehova usayisthanda, cishe asikuboni lokho.
46.Uma uqalaza ubheka la ohlala khona, bangaki abantu abalala
bengadlile, bangaki abantu abagulayo ngokwenyama nangokomphefumulo.
47.Wena ucindezele kuyiphi inkinobho, le okwenza ucabange ukuthi vele uziphilela ngokwakho, awumdingi uJehova ukuba abuse impilo yakho.
48.Bantwana baseKuphakameni size entweni engcwele, size entweni enhle kaJehova, simenyiwe ukuba sizoba ingxenye yeHamente engcwele kaJehova, libambe leligama ukuba sizoba iHamente engcwele kaJehova.
49.Uma umenyiweke, la osuke umenywe khona, ugqoka ngendlela laba abakumemile abachaze ngayo ngesikhathi bethumela isimemo ukuthi gqoka ngayo.
50.Uma laba bekumemile, bethi kugqokwa okumhlophe ngombala, kugqokwa okumhlophe ngombala, uma bethi kugqokwa iminazaretha emhlophe, gqoka umnazaretha omhlophe, ungagqoki umnazaretha owomunye umbala, gqoka lowo omhlophe okuthiwa gqoka wona, utshelwe ilona okumemile ukuthi kugqokwa kanjani.
51.Nangampela uma ungafuni ukona umoya wokumemile, gqoka njengoba esuke ekutshelile, kodwa uma uwusikhwili phambana, wenza okuphambene nesimemo.
52.Njengoba silapha bantwana bokukholwa simenywe izwi lezulu, lisimemile ukuba sizodumisa odumisekayo uMdali wezulu nomhlaba, awumenyiswe umuntu ombonayo ngamehlo enyama phambi kwakho.
53.Kepha umenye izwi lezulu lathi wozohlanganyela nabangcwele abakhethiweyo, abenza iHamente eyingcwele kaJehova ngosuku lweSabatha.
54.Kunencwadi eyaye ingithokozise kakhulu uma ngicabanga ukuthi ngiyingxenye yeHamente engcwele kaJehova.
55.Le ncwadi iyincwadi yamaHubo 27 verse 4. Le ncwadi ngizoyofunda nje ngoba ngizokwenzela isikhathi. Amahubo 27 verse 4.
56.“Kunye engikucela kuJehova, ngiyakufuna khona, ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami, ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe”
57.Le ncwadi inikeza umphefumulo wami ukuthula okukhulu nokujabula nokuthokoza ukuthi ngizithole ngibalwa nabantu abakhethekileyo, nabantu okuthiwa iHamente elingcwele likaJehova, nami ngiphakathi lapho.
58.Iphunga le Hamente elingcwele, lingcwele phambi kaJehova, noma ngiza mina nobubi bami nezono zami kodwa uma ngiphakathi kwehamente eyingcwele kaJehova, nginukakahle njengehamente kaJehova nami.
59.Ngesikhathi lisimema izwi lezulu, lisitshelile ukuthi sigqoke iminazaretha emhlophe, lisimemile lasitshela ukuthi singagqoki izicathulo endaweni engcwele, lapho khona sikhonza uJehova.
60.Izwi lezulu lisinike ubuNazaretha ukuba bube usiko Mpilo lalapha esimenywe khona. simenyiwe ukuba sihlanganyele endlini kaJehova ngalolusuku lweSabatha, simenyiwe ukuba sibe iHamente eyingcwele kaJehova.
61.Emakhaya ethu lapho sihlala khona, baye basimeme omakhelwane bethu noma izinhlaka nezikhungo ezikhona ekuhlaleni, ziyasimema ukuba sihlanganyele nazo ukuzodingida okuthile.
62.Uma simenywa lapho ekuhlaleni esihlala khona siyasihlonipha isimemo, senza njengoba siceliwe ukuba senze kusimemo.
63.Nansike indaba enkulu bantwana baseKuphakameni, uma umenyiwe wenza njengoba kuceliwe, ucelwe umnikazi womcimbi, awenzi njengoba wena ufisa, wena simenywa, kepha wenza njengokucela kukammemi okumemileyo.
64.Kungenzeka kuqondane bantwana baseKuphakameni okwnenza emzini wakho nosuke umenyelwe ukuba uzokwenza lapha endlini engcwele kaNkulunkulu.
65.Uma usufikile lapho omenywe khona, uyakukhohlwa okwakwenu lapho ophuma khona kepha wenza okwalapha osuke umenyelwe khona endlini kaNkulunkulu.
66.Ingakho kungacwaswa, kodwa asibandlululi muntu uma silapha, asicwasi muntu uma silapha ngoba sonke siyefana, simenyiwe sinosiko Mpilo.
67.Isikhathi esiningi okwenza kwakho akujwayele ukuba kuqondane ncamashi nosuke umenyelwe khona lapha endlini kaJehova.
68.Uma ukwenu wenza ngendlela yakwenu, kodwa lapha endlini kaJehova akwenziwa ngendlela yasemakwethu la, iyodwa indlela okwenziwa ngayo, kwenziwa ngendlela yobuNazaretha, hhayi yalapho esizalwa khona, hhayi yasemakhaya koMa, hhayi yasemakhaya elikhulu kodwa kwenziwa ngendlela kaJehova, ngenqubo yobuNazaretha.
69.Osimemile ulindele ukuba sibe munene, sihlanzeke enyameni nasemuphefumulweni, sikulungele ukuba sendaweni engcwele, endlini kaJehova, osimemileyo leyo.
70.Njengoba simenywe lapha endlini kaJehova, kukhona abathunyiwe, abathunywe osimemile ukuba basiphe ukudla komphefumulo.
71.Kulendlu kaJehova esikuyo njengamanje kuthunywe uBaba uMelusi ukuba aseluse ngezwi likaJehova, sigcine nathi sesitshela abanye ngezwi likaJehova esilifundisa lapha ekhaya.
72.Bantwana baseKuphakameni sisendaweni kaJehova njengoba silapha isihlabelelo 153 uBabamkhulu uthi nanti izwi lomemo. Angeke isiphunyuke bntwana baseKuphakameni into enhle kangaka uykuba simenyelwe endlini kaJehova yinhle, asingavumi ukuba isiphunyukwe.
73.Ngoba imithetho yosimemile sesiyayazi cishe sonke noma abaningi bethu bayayazi, kumele sikhalimane lapho khona singenzi kahle noma siphambana nenqubomgomo yokumenywa, siphambana nesimemo.
74.Njengoba silapha nje siyazi ukuthi singobaba bemizi, singomama bemizi, singamakhosana kwethu noma emndenini yakithi, siyindlalifa, njalo njalo.
75.Isihlabelelo 130 “sithi sibuthene lapho ebusweni bakho Nkosi, sincinda izembe lakho, silincinde ngokugcina” njengoba sibuthene lapha nje, sitsheliwe ukuthi sibuthanele ukuzokwenzani.
76.Kodwa ubundlalifa bakwethu asingangeni nabo lapha endlini kaJehova, asenze okuthiwa asikwenze uma silapha ngaphakathi endlini kaJehova.
77.Njengoba silapha sonke siyalingana phambi kwaJehova, futhi kumele sifane phambi kosimemile, ivesi lesine kulesisihlabelelo engisishilo sika 130, lithi “Sanibona makholwa, nina zitsha ezinhle zokuphatha lelizwi zisinde zonke izizwe” libambe lelo.
78.Ivesi lesine lithi “Sanibona makholwa, nina zitsha ezinhle zokuphatha lelizwi, zisinde zonke izizwe”
79.Njengoba silapha nje siyizitsha ezinhle phambi kukaJehova, ngakhoke uma ngithi siyalingana futhi siyefana, lokho ngikusho kwi context noma esimeni sokuba amakholwa, ngikusho kwi context noma esimeni sokuba izitsha ezinhle eziphatha izwi likaJehova.
80.Ingakho ngithi siyefana ngoba siyizitsha ezinhle zokuphatha izwi likaJehova, izwi elingcwele.
81.Njengoba silapha bantwana baseKuphakameni, asinasigwili, akunasichaka lapha, sisendlini kaJehova sonke, sizokondliwa imiphefumulo ngezwi likaJehova.
82.Into nje esihluke ngayo komunye nomunye iqhaza lendima okumele uyidlale lapha endlini kaJehova, kumele sidlale izindima eziningi, ezingafani, ezahlukene.
83.Ngesikhathi ngiqala le nkonzo, ngicele uMfundisi wakithi wangapha e South Coast, uMfundisi uKhathi ukuba angelekelele, angiqalele isihlabelelo.
84.Isihlabelelo futhi esikhuluma ngayo le context engikhuluma ngayo yokuba simenyiwe sisendlini kaJehova sinamakhono amaningi ahlukene, okumele siwasebenzise ngendlela efanele endlini kaJehova.
85.Siyefana yebo, siyefana ngoba siyizitsha ezinhle eziphatha igama likaJehova, singamakholwa, kodwa sihlukile indima neqhaza lethu okufanele silibambe endlini kaJehova sesingaphakathi kuyo manje.
86.Kepha endlini kaJehova silalela izwi labaholi ebese senza njengoba siceliwe, ake uzibuze wena ngamunye ukuthi wenza njengoba izwi labaholi lisho yini noma wenza njengokwezifiso zakho.
87.Sekukaningi abaholi bethu, abaholi bebandla lakithi lamaNazaretha kaNkulunkulu bethi lelibandla likhula nge quality, sikhula ngokukhethelekileyo, asikhuli nge quantity, ngobunigi boquqaba, sikhula ngokuba abakhethiweyo, ngabakhethelekile, ngabakhethekile, sikhula with quality as opposed to quantity.
88.Engabe sisuke siqonda yini ukuthi baqonde ukuthini abaholi bethu uma besho njalo, engabe umuntu ngamunye ozibiza ngelunga lamaNazaretha kaNkulunkulu uyabaqinisekisa yini abaholi, ukuthi lapha endlini kaJehova, njengoba sibuthene lapha nje, siyi quality hhayi quantity.
89.Abaholi bahlezi besho beshumayela, bayazigqaja ngathi esesilapha endlini kaJehova, bathi sikhula nge quality, awuke uzibuze umbuzo wena nje ngamunyeke uhlezi esihlalweni sakho lapho ukuthi ngingabafakazela abaholi ukuthi we are quality. Uzozibuza wena uziphendule wena.
90.Cishe abaningi bethu balapha ngoba bezwa izintshumayelo zabaholi bethu emsakazweni, nako Facebook, njalo njalo. Uma ulalela abaholi bethu beshumayela, noma ikuphi la osuke ushumayela khona, uke ulangazelele ukuba ube yingxenye yabantu abaholwa abaholi abakhuluma indaba kaNkulunkulu abayibeka icace ithi bha!
91.Bantwana bokukholwa, engabe thina esingaphakathi endlini kaJehova esimenyelwe kuyo, siyabalekelela yini abaholi ukuba lendlu kaJehova okwathiwa abayakhe, ihlale isesimeni sokudumisa uJehova ngaso sonke isikhathi.
92.Umuntu ngamunye ake azibuze aziphendule ukuthi yena, engabe akasiyo yini ingxenye yabantu abenza okubi ngaphakathi endlini kaJehova, abafuna lendlu kaJehova ibhidlike.
93.Sonke njengoba silapha asinakho ukungabaza ukuthi isitha esikhulu sendlu kaJehova uSathane namadlelandawonye akhe.
94.Asizikhukhumezi yini uma silapha endlini kaJehova ukuthi kubukwe thina, asiphikisi yini izimfundiso zalapho esimenyelwe khona, asikwenzi yini thina okufunwa yithi, okufunwa inyama yethu uma silapha endlini kaJehova?
95.Ingabe thina lapha endlini kaJehova, ayikho yini indima esiyidlalayo esiza uSathane noma omubi ukuba abhidlize indlu kaJehova.
96.Awuzibuze nje ukuthi njengoba ngilapha kwabangcwele, angeke yini ngelinye ilanga, iHamente eyingcwele kaJehova kuthiwe yabhidlike noma ngosuku oluthile iHamente kaJehova yayingekho esimeni esihle kumnikazi wayo ngoba wena wenza okuthize kwiHamente eyingcwele kaJehova.
97.Ngokwenza kwethu esikwenzayo lapha ebandleni, bangaki abantu esibaxoshayo lapha endlini kaJehova, izwi lezulu liyabamema abantu ukuba beze endlini kaJehova, ngokungenzi kwethu lapho okumele khona senze okuthize, bangaki abantu esibaxoshayo ebandleni lapho okumele khona senze okuthize singenzi lutho.
98.Lapho okumele singenzi lutho senze kodwa uma sithi siyenza senze okuphambene nokumele engabe siyakwenza, abaholi baselusile lapha endlini kaJehova.
99.Mina nawe ngabe asenzi yini ukuba kungahleleki endlini kaJehova kwabamenyiweyo kuyo. Mina nawe senza ukuthi abantu abamenyiwe bayifice kuyiHamente eyingcwele ngampela yini le esimenyelwe kuyo ukuba sibe ingxenye yayo.
100.Ingabe mina nawe asenzi yini ukuba impilo ibe likhuni kumuntu omenywe lapha kulendlu kaJehova njengoba silapha simenyiwe nje simenywe izwi lezulu ukuba sizoba iHamente eyingcwele.
101.Ukuba khona kwakho nokwenza kwakho akuyenzi yini impilo yomuntu obekwe njengawe ibenzima uma elapha endlini kaJehova.
102.Ukuba khona kwakho akwenzi yini ukuthi umuntu uma ekubona ebikelwe ukuthi awu nangoke lowo muntu, indlela owenza ngayo, indlela okhuluma ngayo, indlela esenza ngayo uma siphakathi lapha endlini kaJehova.
103.Lokhu ngike ngasho ngathi ngikubhekise kakhulukazi kuthina esesingaphakathi endlini kaJehova, esathi siyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, sesingaphakathi esivinini, sawuthola umsebenzi, kwathiwa asisebenze.
104.Asimjikeli yini umqashi wethu, ukuba kube yithi esiphethe manje esivinini, siphathe ngentando yethu.
105.Abaholi bayashumayela, bamema abantu ukuba bahlanganyele endlini kaJehova, ngabe mina nawe asenzi yini abantu bangakwazi ukuhlala lapha endlini kaJehova, sebeba memileke abaholi.
106.Nami ngiwomunye wabantu abamenywa izwi labaholi ngokulalela izwi lezulu lishunyayelwa oKhozini FM, ngesikhathi ngilizwa, ngahalela, ngalangezelela ukuthi ngiyoba ingxenye yabantu abahlazi belalela lelizwi njalo uma kwamaSabatha, ngazithola sengilapha phakathi kwabantwana bokukholwa.
107.Kungabe iqhaza olibambayo lenza ukuthi indlu kaJehova kube indlu kaJehova yini noma yenza ukuba abantu baqhele uma kukhona wena.
108.Abaholi abagcini ngokusimema abanye bethu baze bagcotshwa, bagcotshelwa ezikhundleni ngaphakathi endlini kaJehova, laba abagcotshiwe kubalwa nami.
109.Angigcotshelwanga ukuba ngibukwe, asigcotshelwanga ukuba sibukwe, sizithwale, siphakame, noma siziphakamise, sigcotshelwe ukuba sendlini kaJehova, ukuba sizokwenza intando kaJehova, hhayi intando yethu, akukwazi ukuba kwenzeka intando yethu endlini kaJehova, sibuthakathaka thina ngokokudaleka.
110.Thina esigcotshiwe, sigcotshelwe ukuba siqinisekise ukuba iHamente kaJehova ihlala ingcwele, sigcotshelwe lokho thina esigcotshiweyo ukuba iHamente kaJehova ihlale ingcwele ebungcweleni bukaJehova.
111.Abaholi bathi bafisa ukuba i-admnistration yebandla, ibe sesimeni esihle, konke kwenzeke ngokuhleleka, kungabe senza konke ngokuhlekela yini ebandleni.
112.Ngike ngalalela inkulumo kaBaba uMelusi owayenza ngo 2007 lapho khona eshumayela eBuhleni, ethi konke kubukeka kuhamba kahle ngokudumisa uJehova kubuNazaretha, that was 2007, kodwa wabe esethi inkinga enkulu ekulelibandla, yi administration.
113.Thinake maNazaretha, sithini ngeyethu i-admnistration, iyabajabulisa abaholi, uma kungathiwa akaphawule kwinkulumo yakhe uBaba uMelusi owayisho ngo 2007 esengaphesheya komfula, engayisho yini noma esengapha.
114.Kukhona yini thina esikwenzayo lapha endlini kaJehova ukuba i-administration kube ile abaholi abaziqhenyayo ngayo.
115.Uma sikhuluma ngokuhlekela, siqonde ukuthi konke esikwenzayo, akube ne pattern elandelekayo, futhi esikwenzayo singabuye sikuphinde nanoma inini, nanoma kangaka uma kumele sikuphinde, futhi uma sesikuphinda kusinike umphumela ofanayo nowasekuqaleni, ibambe, ibambe leyo.
116.Uma sikhuluma ngokuhleleka, siqonde ukuthi konke esikwenzayo, akube ne pattern elandelekayo, futhi esikwenzayo singabuye sikuphinde nanoma inini uma kumele sikuphinde, uma sesikuphinda kusinikeze umphumela ofanayo ngaso sonke isikhathi, nasekuqaleni, nanoma inini uma sesikwenza, into ehlelekileyo leyo.
117.Into ehlelekile isinika umphumela ofanayo ngaso sonke isikhathi, uyazi ukuthi uma wenza lokhu kuzokwenza lokhu, uyazi ukuthi i-step esithize, ngaphambi kokuba wenza okuthize, kufanele uqale ngokuthize.
118.Ngaphambi kokuthi u-conclude, kufanele kube khona i-introduction ne-body yendaba yakho before ufike kwi conclusion.
119.Into ehlelekile yenza isbone uma sesiphambuka kulayini sesenza okungeyikho, into ehlelekile uyakwazi ukuyikala ubuzinga bayo, you benchmark it or you can scale it into ehlelekile.
120.Bantwana baseKuphakameni abashumayeli bethu bayazi yini ukuthi bangaki abantu abakhethe iNkosi ngeviki eledlule, ngenyanga edlule, ezinyangeni ezintathu ezedlule, njalo njalo.
121.UMshumayeli ngamunye ngamunye akazibuze ukuthi unayo yini leyo information, abavangeli bakithi bayazi yini ukuthi sinamathempeli amangaki lapha ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu, mangaka amathempeli esinawo, aphi, mangaka esesike sawahambela singabavangeli.
122.Thina befundisi, siyabalekela yini abaholi ekwenzeni umsebenzini kaJehova ezingeni lobufundisi, sibalekelela ngkwenzani, lokhu okungenziwe amakhosana, okungenizwa abashumayeli, okungenziwa abavangeli, uma sigcotshelwa ubufundisi, ikuphi esikwenzayo ukulekela abaholi ukuba endlini kaJehova, kube yindlu kaJehova ngokufisa kukaJehova.
123.Abakhokheli, bayakwenza yini okulindelwe kubo, bangaki, futhi bangobani abantu abangomama, abake basivakashela ebandleni lethu kulonyaka, bayakwazi yini abakhokheli lokho, baphi labo bantu.
124.Kwabake basivakashela, bangaki abakhethe iNkosi yaseKuphakameni ukuba ihole izimpilo zabo, baphi manje laba abakhethe iNkosi enyangeni ezintathu, ngonyaka odlule, in 6 months ophelile.
125.Thina Sisonke singabagcotshwa, thina esigcotshiweyo, ikuphi esesikwenzile ukusiza abaholi nebandla lonke nje okungenziwanga abgcotshiwe.
126.Ngiqonde ukuthi umehluko pahakathi kwethu thina esigcotshiwe, ekusebenzeni kwethu, ikuphi esikwenzile noma esikwenzayo okungenziwanga ngabagcotshiwe.
127.Ngicela ukuba sikhumbule ukuthi asigcotshwanga ngoba sithandwa kuncono kunabanye, asigcotshwanga ngoba sihlakaniphile, asigcotshwanga ngoba sinemali noma sikhala kakhulu noma sikhala kancane kunabanye.
128.Kodwa sagcotshwa ngoba uJehova ethanda ibandla lakhe, ethanda iHamente lakhe eyingcwele, ethanda nina njengoba nilapha nje, wase egcoba abathize Phakathi kwethu ukuba iHamente lakhe ihlezi ingcwele.
129.Kodwa sigcotshwe ngoba uJehova uthanda iHamente yakhe eyingcwele, engabe ukugcotshwa kwethu kuyalisiza yini ibandla likaJehova, uma kulisiza kulisiza kanjani.
130.Uma ungagcotshiwe, uyilunga nje, ukuba yilunga lakho, kuyalisiza yini ibandla. Kuyalisiza yini ihamente elingcwele likaJehova noma kuyalibulala, noma kuyalibhidlika, usungaphakathi manje endlini kaJehova.
131.Ikuphi okumele sikwenze ukuya phambili kusuke manje, ikuphi okumele sikwenze kuya phambili ukuze indlu kaJehova esimenyelwe kuyo, ihlale ikulungele ukwamukela isizukulwane, ngesizukulwane esizayo, esizomenyelwa kuyo lendlu kaJehova.
132.Indlu kaJehova njengoba iqale ngesizukulwane sethu ayingagcini ngathi, asingathi uma sisithela kulomhlaba, kuthiwa kwakunebandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, kwakunaboli balo, kwakuBaba uMelusi noMfundisikazi uSomaqiniso, kwakunabashumayeli kunabavangeli, kunabefundisi, kunabakhokheli kodwa alisekho.
133.Asakheni i-foundation kusuke manje kuya phambili, ezokwenza ukuba lendlu kaJehova esimenyelwe kuyo thina sonke ikulungele ukuba ihlale to stand the test of time, iqhubeke iphile, ibe sesimeni sokuba indlu kaJehova.
134.Okumele sikwenzeke ukuya phambili ilokhu okulandela, futhi kumele kube umphako wethu sonke, abagcotshiwe nabangagcotshiwe, kumele sigquqguzele ngokusebenza kwamathempeli.
135.Alikho idolobha lapha eKZN okumele lingabinalo ithempeli lamaNazaretha kaNkulunkulu. Umshumayeli ngamunye, akaqonde ukuthi imuphi umsebenzi womshumayeli ebandleni, kulindeleke ukuthi enzeni uMshumayeli uma elapha ebandleni.
136.UMvangeli ngamunye akawuqonde umsebenzi wakhe awaze, ukuthi njengoba ngiwuMvangeli nje, ikuphi okumele ngikwenze, ikuphi okulindeleke kimi njengoMvangeli.
137.Abefundisi, asisebenze bafundisi bakaBaba, asisebenze senze indlu kaJehova ibe indlu kaJehova, sibalekelele abaholi kukhona konke.
138.Thina befundisi awukho umsebenzi ekuthiwa ngeke siwenze, senza umsebenzi wamakhosana, senze umsebenzi wenhlalisuthi, senze umsebenzi wabashumayeli, senze umsebenzi wabavangeli, senze umsebenzi wobufundisi.
139.Uma sihlangene singabefundisi uBaba uMelusi uyaye ethi singama leftenants wakhe, ngabe siyiwona ngampela yini noma siyiwona on paper, abakhokheli abasebenzi benze umsebenzi wobukhokheli, asibumbane senze umsebenzi kaNkulunkulu ngomndlandla.
140.Asingakwenzi nje kube engathi senzela umuntu thizeni, senzela uNkulunkulu la, asibe nomndlandla uma sisebenza umsebenzi kaNkulunkulu.
141.Asingenzi izinto ukuba sibukwe, kodwa asenze okumele kwenziwe ukuze umsebenzi kaNkulunkulu uqhubeke uye phambili.
142.Awukho umsebenzi endlini kaNkulunkulu okumele ume ngoba usibanibani engekho, akumele kube njalo, uma kunomsebenzi kaNkulunkulu okumele wenziwe, kuthiwe uzokwenziwa usibanibani kodwa akekho, asiyona indlu kaNkulunkulu leyo.
143.Indlu kaNkulunkulu akumele uma kumele kube nomsebenzi owenziwayo kuthiwe eyi asikwazi ukuwenza ngoba usibanibani akekho, akumele kube njalo bantwana baseKuphakameni, akumele sithembele kuma individuals sibaningi kangaka endlini kaJehova.
144.Bangaki phakathi kwethu singabagcotshwa nje abayikhokhile imali yobulungu ewu R120 eyamenyenzelwa uBaba uMelusi ngo 2021, sengikhulumake ngathike thina esigcostshiweke nje.
145.Bagcitshwa endlini kaJehova, kwathiwa imali yobulunga, umuntu uma eyilungu lalelibandla u R120, bangaki asebeyikhokhile le mali, ngonyaka, hhayi ngenyanga.
146.Sifuna ukukhunjuzwa ubani ukuba sikhokhe uma kukuthi asikhokhile, sesikhohliwe, uma umele sikhumbuzane ubani okumele asikhumbuze, onejoka nomthwalo wokuba asikhumbuze, ubani lowo.
147.Kumele sibe isibonele, siyikhokhe sonke imali yobulungu, akumele kuphele lo nyaka ka 2023 abagcitshwa bengayikhiphile imali okwathiwa asikhiphe yokuba Ilunga lalelibandla, u R120.
148.Bangaki Phakathi kwethu thina bagcotshwa asebekhokhile o-R100 ngenyanga obhekene nesidingo sokusebenza kwebandla. Bayasitshengisa abaholi bethu indlela okufanele siyithathe, uma uMfundisikazi engashongo ukuthi asiqoqeni, siqoqele okuthize, siyazihlalela nje, kube engathi akwenzekanga lutho.
149.Kanti usuke esinikeza indlela okumele sithathele kuyona siqhubekele phambili, silindile ukuthi sonke isikhathi uma kumele senze into kube abaholi bethu yini abasitshelayo, ngoba bayasitshela bese siyahlala, uma nje bengasikhumbuzanga, siyahlala singakwenzi.
150.Bangaki phakathi kwethu thina kubagcotshokwake nje okwathiwa kumele sikhiphe o-R100 njalo ngenyanga kuze sihlangabezane nezidingo zokusebenza kwendlu kaNkulunkulu, njengoba thina lapha endlini kaNkulunkulu nje kuningi okwenzakalayo.
151.Nampa ophephela abakhona, kuhamba ugesi, sidumise injini. Kuningi okwenzakalayo, baningi abantu abondliwa lapha endlini kaNkulunkulu.
152.Kodwa sesihlula ukukhipha o-R100 bokwenza isidingo okumele zenze indlu kaNkulunkulu kube indlu kaNkulunkulu, asibeni isibonelo bantwana bokukholwa.
153.Bangaki lapha phakathi kwethu njengoba silapha nje, ababona ithempeli leli esikulona ababona ukuthi itende ngaphandle lincolile, bangaki ababona lokho, uma sebebonile, benzani uma sebekubonile.
154.Kufanele kube uBaba uMelusi noMfundisikazi abahamba beyoqasha abantu ba-clean itende ngaphandle? Kumele kube ubani? Siyalisiza yini ibandla bantwana baseKuphakameni noma thina singogombela kwesethu, sifuna kube iHamente eyingcwele kuze thina nemindeni yethu sisizakale, kodwa into yendlu kaJehova asinendaba nayo.
156.Silikhathalele yini bantwana baseKuphakameni ibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, siyikhathalele yini indlu kaNkulunkulu, zibuze nje ngamunye ngamunye, uziphendule namunye ngamunye futhi.
157.Umuntu ohlubula abantu abangabizwanga nguye lapha ebandleni, ulwa nabaholi, uvukela abaholi, uvukela ihamente eyingcwele, kumele abekwe icala, umuntu nje ohlukumeza abantu, ohlubuka abantu endlini kaJehova, uvikela abaholi, ulwa ne-vision, nokuthunywa kwabaholi, bathunyiwe abaholi.
158.Asingakuvumelike ukuba uSathane asisebenzise ukuhlubula abantu abangezanga kithi kodwa abamenywe uJehova.
159.Sengiya ngasemaphethelweni, asiqapheleni lokhu bantwana bokukholwa, abashumayeli, akungabi ibona abafuna ukutshela abavangeli ukuthi abavangeli benzeni.
160.Amakhosana akungabi iwona amakhosana atshela abagcotshwa, ukuthi abagcotshwa kumele benzeni, abavangeli akungabi ibona abafuna ukulawula abafundisi, ukuthi abafundisi benzeni, bangenzi yini.
161.Abantu abangomama abazokhonza, akungabi ibona abalawula abakhokheli ukuthi abakhokheli kufanele benze ini bengayenzi ini.
162.Uma ukukhona esifuna ukukuphakamisa ngaphakathi endlini kaJehova, sinenzinhlaka, ngoba lezi zinhlaka zimiselwe khona ukuthi uma kukhona okuhle noma okungekuhle okwenzakalayo, sikwazi ukuthi sikudlulise ngenhlonipho emukelekile, nelindelekile endlini kaJehova.
163.Uma kukhona okumele kulunge siyinhlalisuthi noma singamakhosana sikulungisa ku 23, noma sikulungise through umphathi.
164.Uma sisemathempelini, sinabashumayeli, sinabakhokheli, sinabefundisi, asikuthule lapho ngendlela enenhlonipho, nenesizotha.
165.Uma sizimisele ngokulungisa administration yebandla, wonke umuntu akangene ngaphansi kwethempeli eliseduze kwalapho ahlala ngakhona, ungeza eNqobizitha uzodumisa khona.
166.Kodwa imininingwane yakho ukuthi uwusibanibani Uhlala kuphi, obani ohlala nabo, ayigcinwe ithempelini lakho ukuze uma kukhona izinhlelo esifuna ukuzenza njengebandla. Sizenze ngamathempeli.
167.Abantu abasha abasanda kukhetha iNkosi, kumele sibenzele i-induction, akungabi nje ukuthi hhayi sesimfakile ngaphandle endlini yebandla, uyenza ukuthi kumele kuguqwe uma kuculwa lesisihlabelelo, uyazi ukuthi kufanele asukume, uyazi kufanele sisho u-Amein, sisho uyingcwele.
168.Akusiyona induction leyo, ukufunda ngomlilo lokho, sifunda ngomlilo, siyasha, abantu abasha abafikayo, abakhethe iNkosi, ngoba belizwile izwi lezulu lishumayela koFacebook, asibenzele i-induction bafike bazizwe bemukelekile ngaphakathi endlini kaJehova.
169.Singakhohlwa, ngithe isihloko sentshumayelo yanamhlanje, sithi indlu kaJehova esimenyelwe kuyo thina sonke. Sonke silapha endlini kaJehova esimenyelwe kuyo. Asenze esimenyelwe khona ukuba sikwenze.
170.Ukuze indlu kaJehova kuhlale kuyindlu kaJehova, hhayi ukuba kucashe khona abantu abayizigilamkhulu, abantu abafuna ukuba kwenziwe izinto eziphambene nomthetho kaJehova, abazogila imikhuba endlini kaJehova.
INkosi ibusise izwi layo.