Ku-Exedus 20:5 uNkulunkulu uthi: “Mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesi thathu nesesine SABANGI ZONDAYO, KEPHA NGIBENZELA UMUSA ABAYIZINKULWANE ABANGI THANDAYO, ABAGCINA IMIYALO YAMI.”
Isihlabelelo 130.
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincinda ngokugcina.
2.Sitshela izizwe zonke
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
3.Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo,
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
4.Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade,
Ngokugcina leli lizwi
Zosinda zonke izizwe.
1.Incwadi kaDutoronomi 5: 1-7: “UMose wabe esebiza wonke u-Israel, wathi kuye: “Yizwa Israel, izimiso nezehlulelo engizisho ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde bese uqikelela ukuzenza.
2.UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHerobe. UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nobaba, wasenza nathi, thina sonke esilapha, esisaphila nanamuhla.
3.UJehova wakhuluma nathi ubuso nobuso entabeni,esemlilweni.
4.Ngaleso sikhathi mina ngangimi phakathi kukaJehova nani ukuze nginazise izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukelanga entabeni.
5.Wathi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila. Ungabi ngabanye onkulunkulu ngaphandle kwami!” Amen!
6.Namuhla maningi amabandla akhonza uNkulunkulu ngezindebe zomlomo kuphela, uma beshumayela, behlabelela noma bethandaza babiza igama likaJehova, kodwa bangazihluphi ngokugcina umthetho kaJehova!
7.Enkonzweni edlule ngifunde incwadi ka-Isaya 43:10-11, lapho uJehova ethi: “Ningofakazi bami, nenceku yami engiyikhethile ukuba nazi, ningethembe, niqonde, ukuthi ngiNguye; ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemuva kwami akayikuba khona.
8.Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho uMsindisi!”
9.Emva kokufunda lencwadi ngibe sengicacisa ukuthi uma usuzwa umuntu ekutshela ngomunye unkulunkulu ngaphandle kwaJehova yedwa, lowo muntu usuke esemhlubukile uJehova.
10.Emva kwalokho ngibe sengiveza inhlamba uMvangeli uMdluli obeyibhekise kuJehova. Lomvangeli ungudriver woNyazi, okungumholi waseBuhleni osezichaze ngokuthi ungunkulunkulu, namanye amaNazaretha akuhalalisela lokho!
11.Kuyadinga-ke ukuthi umhlaba wazi ukuthi uma sithi lamaNazaretha oNyazi akahlanganise lutho noJehova, nokuthi aselilahlile ibandla likaShembe uBabamkhulu, sisuke singabahluleli!
12.Kodwa okwamanje angikhulumi ngalokho, kepha ngiqonde ukucacisa ngomlando wenkolo kaJehova sonke esiyaye sithi singaphansi kwayo.
13.Kuye uDutoronomi 5:24-26 kuthi: “Bheka, uJehova uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo.
14.Namuhla sibonile ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile! Pho siyakufelani na?
15.Lelikloba liyakusiqeda uma sibuye salizwa izwi likaJehova uNkulunkulu wethu, siyokufa, ngokuba ngubani kubantu owake wezwa izwi likaNkulunkulu ophilayo njengathi likhuluma livela emlilweni, waphila na?”
16.Uyaqhubeka-ke uJehova ebhekise kuMose, uthi: “Ngiwezwile amazwi alaba bantu abawakhulumile. Sengathi kungaba njalo enhliziweni yabo, bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalo yami, ukuze kube kuhle kubo nabantwana babo kuze kube phakade!”
17.KU Dutoronomi 6:9-14 uMose uthi: “Yazike-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu othembekile, ogcina isivumelwano somusa KWABAMTHANDAYO, ABAGCINA IMIYALO YAKHE KUZE KUBE SEZIZUKULWANENI EZIYIZINKULULWANE.
18.OPHINDISELAYO KWABAMZONDAYO, ABABHUBHISE; AKAYIKULIBALA KULOWO OMZONDAYO, UYAKUPHINDISELA KUYE!
19.Ngalokho-ke uyakugcina imiyalo, izimiso nezahlulelo engikuyala ngakho namuhla, ukuba ukwenze.
20.Kuyothi uma nilalalela lezi zahlulelo,, nizigcine, nizenza, uJehova uNkulunkulu wakho uyakusigcina isivumelwano asenza nawe, nomusa afunga ngawo kokhokho bakho.
21.Uyakukuthanda, akubusise, akwandise, abusise nesithelo sesibeletho sakho, isithethelo somhlabathi wakho….. Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke.” Amen!
22.Omunye umuntu angase azibuze ukuthi siphi isidingo sokucaphuna izinkulumo zikaMose eziningi kangaka?
23.Iqiniso ukuthi ngaphandle kokwazi ukuthi uMose wayebafundisani abantwana bakwa-Israel ngomthetho kaJehova, ukukholwa kwakho kusebumnyameni!
24.Kusukela ngo 2010, ngikhuluma indaba kaNkulunkulu, ngithole ukuthi abanye abantu bayakuthanda ukukholwa, kodwa abanalo ulwazi olugcwele ngenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba!
25.Ngaphambili ngangingenalwazi ngokwakhiwa kweBhayibheli, ikakhulukazi iNew Testament. Ngalokho ngangiyaye ngibe nemibuzo, kodwa lemibuzo ngingaqondi ukuthi ngizoyiphendulelwa ngubani.
26.Kunezinto ezibalulekile okufanele uma ulikholwa uzazi ngomlando weBhayibheli, ukuze ukwazi ukulandela kahle inkolo yakho.
27.Okokuqala kumele wazi ukuthi inkolo kaJehova, esiyibiza ngenkolo kaMose, nenkolo ka Constantine, okuyinkolo yabezizwe, lezi zinkolo zehlukene, nokuthi inkolo kaMose yaqedwa yiyo inkolo yabezizwe!
28.Njengoba kade ngifunda, ngesikhathi sikaMose nesikaYeshua yayingekho inkolo ka Constantine!
29.Njengoba inkolo kaJehova nenkolo ka Constantine kuyizinkolo ezahlukene, kanjalo uYeshua noJesu ngabantu abehlukene! UYeshua kwakunguMesaya enkolweni kaMose, kanti uJesu wavela enkolweni ka Constantine!
30.Ukuthi-ke uJesu wavela kanjani, nini, lowomlando kumelwe uphenywe ngabalandeli bakhe!
31.Njengamanje inkolo kaMose, esibizwa ngeJudaism, iqhutshwa ngamaJuda amhlophe, la namuhla asempini namaPalestine.
32.Ukufakazela ukuthi inkolo yobuJuda ayihlangene nobuKrestu, ezinyangeni ezedlule kwa-Israel uchithiwe uJesu nenkolo yobuKrestu! Kodwa kulelizwe lawo maqiniso akavezwa obala!
33.Ungase uzibuzeke ukuthi uma ubuKrestu neJudasm kuyinkolo eyodwa, kwa-Israel ichithwe kanjani inkolo yobuKrestu?
34.Uma kukhulunywa ngamaJuda akwa-Israel, inhliziyo yami iba buhlungu iqaqambe, ngoba ngokulahla uNkulunkulu, sephucwe konke ngabezizwe, uJehova wasiyekela abezizwe ukuthi bathathe isibusiso sethu, sisale sincinda umlomo!
35.Namuhla kuthiwa amaJuda ilaba belungu asebethi bangabakwa-Israel, kodwa yonke lento ekhulunywayo iyilumbo! Asikuphiki ukuthi lama-Ashkenaz asenkolweni ka Mose, kodwa akasiyo inzalo kaJakopbe! Noma kunjalo, akakho umuntu wase-Afrika obonakala imhluphile nje lento! Sonke senelisiwe izifiso zabezizwe ukuba basenze sikhohlwe umlando wethu njengoba kubhaliwe kumaHubo 83:3-5.
36.Ngike ngahlangana kufacebook nomlungu waseMelika ophonsele inselelo noma ngubani othi lamaJuda akwa-Israel ayisizwa samaHebheru aphuma eGibhithe ehamba noJehova!
37.Njengoba sihlale sisho, la ngama-Ashkenaz Jews, iningi lawo angakholiwe, nangasiyo inzalo ka-Israel!
38.Uthi ke lomlungu, lezi zizwe ezikwa-Israel ezingama Zionists, ngama-Ashkenaz, abanye basuka eRussia, abanye ko-Ukraine, kodwa ama-Israel ayesezweni laseTopiya nakwezinye izindawo e-Afrika, njengamanje akekho kwa-Israel!
39.Ngabonga ukuthi ukhona umlungu oyedwa osakhuluma iqiniso njengoba linjalo!
40.Uma ulikholwa ungakhonzi uNkulunkulu ngezindebe zomlomo kuphela, bese kugcina lapho, kumele ulandele kahle izimfundiso zikaMose ngokugcinwa komthetho kaJehova uNkulunkulu wethu!
41.Bese ubheka ukuthi awuyenzi yini lento uMose ayeyala ngayo ama-Israel, ukuthi asimesabe uJehova, sigcine njalo yonke imiyalo yakhe, ukuze kube kuhle kithi nakubantwana bethu kuze kube phakade!
42.Njengoba uJehova ethi asigcine YONKE IMIYALO YAKHE, lokho kusho ukuthi uma umthetho kaJehova uthi, YENZA LOKHU KANJE, kumele wenze lokho othe uJehovanoma UNGAYENZI INTO ETHILE, kumele wenze lokho okutshelwayo!
43.Kungumthetho kaJehova ukuthi unganciphisi, futhi ungandisi kulokho uJehova othe kwenze, noma ungakwenzi!
44.Ukunciphisa, kanjalo nokwandisa kokushiwo nguJehova, kungukwephula umthetho kaJehova, kuyisono!
45.Zimbili izinto ezibalulekile nokumele uzazi ngomthetho kaJehova. Okokuqala ukuthi umthetho kaJehova uyindlela yokuphila komphefumulo, okuthi uma uwugcina ungene ezulwini.
Washo njalo uYeshua kuMathewu
5:19, wathi songena ezulwini ngokugcina umthetho kaJehova!
46.Ukugcwalisa kulokhu okwashiwo nguYeshua, uBabamkhulu uthi: “Umthetho kaJehova uyisihlengo somphefumulo bantabami; hhayi noma imuphi umthetho, kuphela lo inceku yakhe eninika wona.(ezisho yena).
47.Uyindlela yokuhamba uya lapho kungekho khona ubumnyama nenzondo, nendlala namakhaza, kuphela inkazimulo engenaku fiphala.” Amen!
48.Uyaqhubeka uShembe uthi:“ UNkulunkulu uJehova uveze iqiniso eliphelele NGEMITHETHO YAKHE EBHALWE PHANSI, wayifundisa nangaba profethi kanye naba Priest, ngakho labo abangavumelani NEMITHETHO KAMOSE, baya ekulahlweni!”Amen!
49.Okwesibili, umthetho kaJehova umi nguna phakade, awukwazi ukushintshwa noma uchithwe ngumuntu. Washo njalo uYeshua kuMathewu 5:17-18.
50.Ekuqaleni ngithe abasunguli benkolo yabezizwe bayichitha inkolo kaJehova ababeyibiza ngokuthi inkolo yamaJuda noma yamaHebheru.
51.Leliqiniso kumele onke amakholwa amnyama alazi, ngoba uma usuwuqonda umlando wenkolo yakho, usuyokwazi ukuqonda imfundiso-nkolo yabezizwe emelene nomthetho kaJehova!
52.Ngiyathanda ukuthi ngihlale ngiwaveza onke ama Creeds ayechitha inkolo kaMose, ukuze kuthi nalabo abebengawazi, manje bawazi! Lama Creeds afundeka kanje:
53.“Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho; ukudla isinkwa esingenamvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngamaHebheru.
54.Ngichitha nayo yonke iminikelo, imithandazo, ukuzingcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
55.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, nenkoloze, amahubo, nezaga, nokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.
56.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kulenkoloze yamaJuda.
57.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.
58.Uma eke wabakhona otholakala enza lokho noma yimina uqobo, ngiyacela isiqalekiso sikaKhayini noma isifo sobulepheru buka Gehazi sivele sehlele kimi ngaleso sikhathi.
59.Noma nhloboni yesijezizo sokwephula umthetho ngiyasemukela njengesingifanele. Kanjalo futhi mangingamukeleki nase zweni elizayo lika moya, nomoya wami ulahlelwe kuSathane nombuso wakhe.” Amen!
60.Le Creed yenza uqonde ukuthi lemfundiso-nkolo ethi kukhona ISIVUMELWANO ESIDALA NESIVUMELWANO ESISHA esiqeda isivumelwano esidala, ubuqili lobo, okuliqiniso ukuthi abezizwe bafuna wena ukwamukele njengenkolo ukuchitha inkolo kaJehova, okuyinkolo yakho, njengoba namanje amaKrestu ebalekelela abezizwe ukuchitha inkolo kaJehova!
61.Ukuze ukuqedwa kwenkolo kaMose kubukeke kungukuqhubeka kwenkolo kaJehova, kwakhiwa imfundiso-nkolo ethi NGOKUBETHELWA KWAJESU ESIPHAMBANWENI, IZONO ZETHU ZATHETHELELWA! NGAKHO-KE ASISEKHO ISIDINGO SOKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU!
62.Akesibheke lenkulumo ethi uYeshua wafela izono zethu ukuthi ichazwe kanjani eBhayibhelini.
63.KuMathewu 26:27-28, kuthi: “Wayesethatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami eliyisivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.”
64.Nansi-ke inkinga ngalelivesi: Okokuqala lelivesi lisezincwadini uLuka noMark kuphela, okuzincwadi ezisuselwe kuMathewu, kodwa alikho encwadini kaJehone! Okwesibili lelivesi alikho encwadini yamaHebheru ebizwa ngokuthi THE GOSPEL OF THE NAZAREENS, incwadi kaMathewu ehunyushwe isuselwa kuyo.
65.Okwesithathu inkolo yobuJuda obabungaphansi kwaYeshua, namuhla esekuyiJudasm, akunayo imfundiso-nkolo ethi asisekho ngaphansi komthetho ngoba umthetho waqedwa ukubethelwa kuka Yeshua esiphambanweni. Uma lemfundiso-nkolo ingekho kuJudaism, okuyinkolo eyaqhutshwa ngabaPostoli, pho yavela nobani?
66.Nanamuhla amaJuda asayigcina yonke imithetho kaJehova, kuhlanganisa nokugcina iSabatha!
67.Njengamavesi amaningi ayejotshelelwa enkolweni yobuKrestu, nalelivesi lajotshelelwa ukuze ngalo kuchithwe umthetho kaNkulunkulu!
68.Onke-ke amakholwa afuna iqiniso ngokubuyela enkolweni kaJehova, kumele avule amehlo, bengathi bebecabanga ukuthi bakholiwe, ekufeni kwabo uYeshua afike athi: “Suka kimi menzi wobubi, angikwazi!”
69.Kujwayelekile ukuzwa amanye amaKrestu ngokushumayela nangokucula begxeka igazi lezimbuzi noma lezinkomo, bethi alikwazi ukwesusa isono ngaphandle kwegazi likaJesu! Leyo ingozi yokushumayela ngento ovele wayifunzwa, kodwa ongazizwa ukuthi uthini!
70.Kanti isono awusenzi yini kuNkulunkulu? Uma kunjalo, sekunguwe kanjani osubekela uJehova ukuthi kumele akuthethelele ngani ezonweni zakho kuYe?
71.Manje kuma kanjani ukuthi bese kuba yithi esigxeka uNkulunkulu ngendlela yokuthethelela izono ngegazi lezimbuzi?
72.Amakholwa akayofunda incwadi kaLevi 4:13-15, azoqonda ukuthi ukugeza noma ukususa isono ngegazi lesilwano kungumthetho kaNkulunkulu, ongakwazi ukugxekwa ngumuntu naye ofuna ukuthethelelwa izono!
73.Awukwazi ukukholwa ukuthi uJehova nguNkulunkulu wakho, uhlabelele ngaye, ushumayele ngaye, uthembe yena ezinhluphekweni zakho; khona lapho futhi utholakale wena usugxeka imithetho eshawe nguJehova! Zidlala abezizwe ngenkolo yethu!
74.Ku-Exedus 20:5 uNkulunkulu uthi: “Mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesi thathu nesesine SABANGI ZONDAYO, KEPHA NGIBENZELA UMUSA ABAYIZINKULWANE ABANGI THANDAYO, ABAGCINA IMIYALO YAMI.”
75.Uma ugcina imiyalo kaNkulunkulu, uJehova uthi uyamthanda, kodwa uma wephula imiyalo yakhe, uthi uJehova uyisitha sakhe! Ngakho-ke awukwazi ukuhlekisa ngomthetho kaNkulunkulu!
76.Ngalokhu kuphawula angilwi namaKrestu, kodwa ngiyabaxwayisa ukuthi bengathathi zonke izinto abazifundiswa isizwe esimhlophe, sona ngoba sona sisuke siqonde ukusebenzisa wena ukuqeda ngenkolo yakho! Thatha izimfundiso zikaYeshua, bese ubuka ukuthi wenza njengoba uYeshua efundisile yini?
77.Ngaso sonke isikhathi kumele wazi ukuthi into yokuqala abamhlophe abayenza, ukuchitha inkolo yethu ngama Creeds. Yonke inkolo yabezizwe ilwela ukuqeda inkolo yethu ukuze uJehova engabuyeli ukuzosikhulula kubo!
78.Ku-Eksodusi 22:20 kuthi: “Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelwa, engenzeli uJehova yena yedwa, uyobhujiswa.”
79.Angikholwa ukuthi ukhona umKrestu owaziyo ukuthi uJehova wenzelwa kanjani umhlatshelo, ngoba leso senzo sichithiwe enkolweni yobuKrestu!
80.Kwa-Israel uJehova waye nzelwa umhlatshelo, nase bandleni lama Nazaretha uJehova uyenzelwa umhlatshelo.
81.Inkomo okuyaye kuthi ngomhlangano ithengwe bese ihlatshwa kuthiwa umnikelo wempepho, umhlatshelo kaJehova lowo.
82.Nathi lapha ePhilangezwi, njalo ngomhlangano sasiba nenkomo esiyihlabayo engumnikelo kuJehova obizwa ngokuthi impepho.
83.Kodwa asisayihlabi inkomo, ngezizathu engobuye ngizichaze ngelinye ilanga!
84.Lapha ngizama ukuchaza ukuthi ukukholwa kwethu sonke kusukela ekuletheni kukaJehova inkolo yakhe kithi ngoMose entabeni yaseSnayi!
85.Ngakho-ke noma singamaKrestu, noma singamaNazaretha, asenze into eyodwa eyamukelekile ezulwini, ukudumisa nokugcina umthetho kaJehova njengoba uJehova wawushiya kuMose, wagcizelelwa nguYeshua!
86.Ngiyafisa ukubuye ngibakhumbuze abantu ukuthi ezulwini ngithunywe ukuba ngibuyise inkolo kaJehova njengoba yayifundiswa nguMose nabo bonke abaprofethi bakwa-Israel, okuthe uma abezizwe beyiqeda, eMzansi Afrika yavuselelwa nguMprofethi u-Isaya Shembe(ukuthula kube kuye).
87.Nginikiwe imandate nama terms of reference ngokufanele ngikukhulume kubantu, nengelosi ihlale iseduze kwethu ukusingicija ekushumayeleni!
89.Akukho-ke okuyinkinga kimi ngokuthi kumele ngifundiseni, kanjani; ngoba lelivangeli liqhutshwa iNkosi iLanga emoyeni, noma ningamboni nina! Ngifundisiwe ukuthi umuntu uma efuna ukubona umbuso wezulu, akaziphathe kanjani eselapha emhlabeni!
90.Okuyisimanga ukuthi amanye amaNazaretha asefuna kube yiwona anqumela mina ukuthi ngishumayeleni, ngiyekeni, kube sengathi ngithunywe yiwo!
91.Kulabo mhlawumbe abangazi, izwi lathi uthi uBaba iLanga angimakhele ibandla likaJehova, kulo engizo fundisa indlela eyiyo yokukhonza uJehova, ngisusele ezimfundisweni zeBhayibheli nezika Babamkhulu efundisa ama Nazaretha ukuthi uJehova kumele akhonzwe kanjani.
92.Ingelosi yalethwa kithi okokuqala ukuzosibheka, ngoba sinezitha eziningi, ikakhulukazi zamaNazaretha, okwesibili ukuthi kube yiyo uqobo eqala ngokufundisa thina ukuthi yini okumele siyifundise abantu!
93.Ingelosi iyona esibonisa ukuthi kumele siliqhube kanjani izwi leNkosi, bese thina sisho lokho ebesikufundiswa yiyo!
94.Angiphinde futhi ngicacise ukuthi ngithunywe nguShembe uBaba iLanga, iNkosi yamaNazaretha, le namuhla engizwa kuthiwa ibisihlaselwa ngumfundisi uGcwensa waseBuhleni, eyihlambalaza enkonzweni yesabatha!
95.Kusobala ukuthi laba bagcotshwa uNyazi lubanika inkonzo ukuze bahlasele noma ngubani elimbona engaba isiphazamiso ebunkulunkulwini balo! Sebekwazi ukuthuka ngisho uJehova imbala, ngoba bebona ukuthi ubangisa uNyazi ekubeni nguNkulunkulu!
96.Kusukela lasungulwa lelibandla laseNCG ngo 2010, ayikho inhlamba namanga amaNazaretha angawashongo ngami ngethemba lokuthi lamanga azokwenza abantu balibalekele iqiniso engibatshela lona ngenkonzo yoMdali wezulu nomhlaba!
97.Lesi simo engibhekane naso kusukela ngo 2010, singikhumbuza umthandazo woMprofethi, lapho ethi: “Ungayivumeli inhliziyo yami ibe namahloni ngawe, Thixo wobaba bethu.
98.Ngokuba ngilizwile uthuli lwezitha zakho, nezilimi zabo ziyaheheza okubi ngami ngezikhathi zonke, ukuze bahlazeke abathemba kuwe ngami!
99.Ngenxa yezilimi zabo abaheheza okubi ngami, bathuntubezile izindlebe ebezibukhali ukulalela izwi lakho ngami.
100.Uyazi-ke Nkosi ukuthi inhlebo iyemukeleka kwababuthakathaka ezinhlizweni zabo; amanga anesikhundla kubo abawezwayo, abanezilimi ezimbi ngeNceku yakho.
101.Uyazi-ke Nkosi, ngalendlala kwasebuntwaneni bami izwi lakho ezizweni ngezizwe.
102.Nkosi bayi ngcosana abe mukelwa wuku sindiswa kwakho, oku shunyayelwa yimina ezindlebeni zabo.
103.Amanga abo angange thonsi lejalamu, lona elithi lilincane lixegise isisu sonke somuntu; Nkosi abakhuluma okubi ngami baya mukeleka ezinkulungwaneni.
104.Izilimi zabo azichilizwe; amanga abo abe njengegwebu lensipho ephelela ezandleni.
105.Kodwa mina ngiyokuthandaza njalo, noma ngazi ukuthi indlela eza kuwe iyasinda.
106.Ngiyakuyicambalalisa inhliziyo yami emikhondweni yezimemezelo zakho.” Amen!
107.Mina ngithunywe ezulwini ukuba ngibuyisele ibandla likaMenzi wezulu nomhlaba esimweni uBabamkhulu owalishiya likuso!
108.Ama Nazaretha kuzofanele akwejwayele ukuthi kusukela manje ngizokukhuluma lokho engithunywe ezulwini ukuba ngikukhulume! Ukuthi amanye ama Nazaretha akwamukela kanjani engiku khulumayo, kodwa akukho muntu ozongivimba ukuba ngiqondise ibandla likaJehova njengokuthunywa kwami!
109.UBaba iLanga mhla engithuma wangixwayisa ngokuthi ama Nazaretha azongihlasela ngazo zonke izindlela abangaba nazo! Kodwa wabe esethi ngingesabi lutho, ngoba nguyena ohamba phambi kwami ngaso sonke isikhathi!
110.Kusukela manje NGIZOBHEKANA NANOMA IMUPHI UMUNTU OHLAMBALAZA LELIBANDLA LIKAmENZI WEZULU NOMHLABA NANGAYIPHI INDLELA, KUNGAKHATHALEKILE UKUTHI UKULUPHI UHLANGOTHI, NOMA NGABE UNGUMHOLI WEBANDLA!
111.Lelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba alinakuqedwa ngumuntu! UBabamkhulu waprofetha ngezitha ezoqhamuka zifune ukuchitha lelibandla. Kusihlabelelo 55, uthi:
1.Izimpi zifikile
Izwe lakithi selifile
Hlabani umkhosi
Omkhulu.
Chorus:Khulumani kahle makholwa
Izwe lakithi selifile.
2.Umkhosi wencithakalo
Sewuphumile
Uze ukusichitha
eNKosini yezulu,
Uphume nelizwi
Lokonakalisa.
3.Uphuma nenkemba
Ufuna ukweyisa
Lenkonzo kaThixo
Ize iphele.
Hlomani mabutho
Sekuzwakele.
4.Sengiyibonile ingelosi
Yasezulwini.
Sekuzwakele ukulwa ezulwini
Qinani amandla maqhawe ezulu.
112.Lezi zimpi eziphumele ukuqeda inkonzo kaThixo yilezi eziseBuhleni, lapho khona sekukhonzwa uNyazi, kubuwe kuthukwe uJehova ngabagcotshwa ingcaca enkonzweni!
113.Uthi-ke uMdluli: “Uma uShembe ephulukisa abantu, abanye bemfica ezulwini, USUKE ELITSHAZISWE LUHLOBO LUNI LWESIQATHA LOJEHOVA WENU ENITHI UNGAPHEZU KUKASHEMBE?
114.Abantu abathi uShembe akasiye uNkulunkulu, abenze i-reseach yabo bahlukane nathi, futhi asinankinga nabo!
115.Thina ukholo lwethu luphelele, aludinge kuchitshiyelwa ngencwadi, uShembe uNkulunkulu! Nguye uJehova onguThixo wethu, akukho lutho olungalena kukaShembe, uyizinto zonke, zikhathi zonke!” Amen!
116.Ngesikhathi ingelosi iphawula ngalenhlamba umvangeli uMdluli oyibhekise kuJehova, ithi: “Oh! manje sebephumele obala ukubonisa umhlaba ukuthi bangumbutho kaSathane olwa noJehova ebandleni lakhe!”
117.UBabamkhulu akagcinanga ngalesi sihlabelelo ukuprofetha ukuthi kuza isikhathi lapho amaNazaretha azokulahla esakufundiswa nguShembe bese bezakhela onkulunkulu babo. Kulentshumayelo uthi:
118.“Kuza isikhathi lapho abantu baseKuphakameni bayoyilahla khona indlela kaShembe.
119.Lapho bayobe sebenza imicabango yabo kunezwi esibayala ngalo thina boShembe.
120.Ngaleyo nkathi bayobe bengasali khathalele izwe laphakade, bayobe sebethembe amazulu amaningi, nangekho!
121.Ngalezo zinsuku bayodebesela ukugcina umthetho kaJehova, LO OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE.
122.Bayowu gxoba, bawuzibe, kuphase imithetho yabo nemithetho yezithixo zabo abayozibuyisa bazifake lapha.” Amen!
123.Emlandweni wenkolo kaJehova akukaze kwenzeke ukuthi kusuke umholi webandla eme phambi kwebandla athi NGUYENA UNKULUNKULU! Angagcini lapho, abuye agqugquzele ibandla ukuba LIGXOBA GXOBE YONKE IMITHETHO KAJEHOVA, njengoba kwenzeka eBuhleni!
124.Lesi senzo sagcina ukwenziwa ngama khosi ase Bhabhilone, oNebukedinezari no Belshazari, ababevele bekhonza izithixo!
125.Noma kwa-Israel abantu babemhlubuka uJehova ngokungawu gcini umthetho wakhe, kodwa angikaze ngizwe ukuthi khona ikholwa elake lama phambi kwamakholwa, lathuka uNkulunkulu ngendlela umvangeli uMduli othuke ngayo uJehova! Angazi ukuthi lesi siqalekiso siyosuswa kanjani kulelibandla laseBuhleni!
126.Uma uqhathanisa umyalezo osesihlabelweni 55, nento eyenzeka ebandleni lamaNazaretha aseBuhleni, uyabona ukuthi lesi sihlabelelo siyisiprofetho, futhi esesifezekile eBuhleni, lapho ibandla likaJehova uNyazi selulithathe ngohheshe!
127.Ekuqaleni ngangiba nokudideka ukuthi umuntu ongumNazaretha ulithuka kanjani ikholwa lisemgidini lisinela uJehova, engasoli lutho ngokuthi lomgidi uphambene nomgidi esawufundiswa nguShembe!
128.Kodwa inkulumo kaMdluli ikucacisile ukuthi lezi zinhlamba esihlale sithukwa ngazo uma sisina azisuswa ukugida nje kukodwa, kodwa isichitho esikhulu ukusinela uJehova esikhundleni sokuba sisinele unkulunkulu waseBuhleni, uNyazi!
129.Noma uNyazi lungalandelwa zigidi zabantu, lulandelwe ngamakhosi nosopolitiki, kodwa khona umbhalo osubhalwe odongeni othi: MEME, MEME Tekel, UfaSIL!
130. UNyazi kufanele lwazi ukuthi aluyilutho ezulwini! Alusoze lwamelana noJehova, kanjalo, alulutho nakuyiNkosi iLanga, kodwa akusekude ukuba likwazi lokho!
131.NGITHUNYWE EZULWINI YINKOSI ILANGA UKUBA NGIBUYISELE IBANDLA LIKAJEHOVA ESIMWENI ELALIYISO KUSEKHONA UBABAMKHULU!
132.Ukuthi ukuluphi uhlangothi, uyangemukela noma qha, okusalayo ukuthi mina ngizokwenza lokho engikuthunyiwe, futhi akukho lutho oluzongenza utho, ngoba ngenza engikuthunyiwe ukuba ngikwenze!
133.Ekugcineni kuzocaca ukuthi ubani othunywe nguNkulunkulu, nokuthi ngubani oyisithunywa sikaSathane, esiza nencithakalo ezosichitha eNkosini yezulu! Kuzozisho ukuthi ubani othunywe ukuzokweyisa lenkonzo kaThixo ize iphele!
134.UNyazi sekumele lwazi ukuthi njengoba seluphumele ngabaholi balo lahlasela uJehova, seliphosele iNkosi iLanga inselelo, soke sibone ukuthi lobu bunkulunkulu balo buzogcinaphi!
135.Angazi noma uNyazi luyayazi yini iNkosi iLanga, mhlawumbe lucabanga ukuthi iNkosi iLanga insangu, iyabhenywa!
136.Ithi iNkosi iLanga: KODWA NINA EYENU INKOSI AYIBONWA, NGUNKULUNKULU KUPHELA, AYIKHO ENYE! NGAKHO-KE NILIBAMBISISE LELO LIZWI, NOMA NINI, NOMA SINGASEKHO THINA EMHLABENI, NIKHUMBULE UKUTHI UBUNAZARETHA LOBU …AKUSIKHO OKOMUNTU!
137.Namuhla kulobu buNazaretha sekuqhamuka umuntu ongakaze akholwe kwasekuzalweni kwakhe, usethi usengu Nkulunkulu kulo lelibandla likaJehova!
138.UNyazi aluyoba nguNkulunkulu ebandleni elisungulwe yilo, lingaqhwagi ibandla likaJehova elilifice vele linezigidi zabalandeli!
INkosi ibusise izwi layo!