Lapha uma sikhuluma ngobuNazaretha, asiqondisile kuyibandla lakwaShembe, kodwa siqondise kuyibandla likaYeshua elavuswa nguShembe!
UShembe wakubhala phansi ukuthi isisekelo salenkolo imithetho kaJehova owayiloba ngenceku yakhe uMose.
Uma ebizwa amagama abangcwele
Nelami likhona
Uma ebizwa amagama abangcwele
Nelami likhona.
1.Ngokucabanga kwami, kulesi sikhathi sanamuhla bekufanele onke amakholwa ahlangane, kungakhatheleki ukuthi ungumKrestu, ungumMoslems noma ungumNazaretha.
2.Ekuhlanganeni kwethu, bese sibheka ukuthi yini ngempela efunwa nguNkulunkulu kumuntu oyisikhonzi sikaNkululunkulu!
3.Bekumele luphele ulimi lokuthi ngingumKrestu, nginguMoslem noma ngingumNazaretha, okwenza sizithole sesiqophisana ngokuthi imuphi umprofethi omkhulu kunomunye. Kodwa okubalulekile kungukuthi bonke basimemela embusweni wezulu!
4.Lapha ngibala izinkolo ngokukholwa ezingaphansi kwaJehova. Kulula-ke ukubona lokho ngoba inkolo kaJehova iyinkolo enoNkulunkulu oyedwa futhi ENENQUBO YOKUKHOLWA EYODWA!
5.Ku Dutoronomi 10:12-13 uMose wakhuluma lamazwi okungamele nanini siwalibale: Uthi uMose: “Manje-ke Israel, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe, na?
6.Ngaphandle kokuba umesabe, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze, uJehova uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho; ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo lusuku ukube kube kuhle kuwe !”
7.Lo ngumgogodla wenkolo kaJehova uNkulunkulu wethu, uMdali wezulu nomhlaba!
8.Ku Dutoronomi 11:26-28 uMose uwubeka kahle umbandela womvuzo wokukholwa kwethu uma ethi: “Bheka ngibeka phambi kwenu namuhla isibusiso nesiqalekiso, isibusiso uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla.
9.Isiqalekiso uma ningayilaleli imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, kepha niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla, bese nilandela abanye onkulunkulu eningabaziyo.”
10.Lo umgomo esiwunikiwe thina esikholwa enkolweni kaJehova uNkulunkulu wethu!
11. IJudaism, amaKrestu, amaMoslems namaNazaretha, zinkolo noma zehlukene, kodwa ezisungulwe zaholwa ngabaprofethi bakaJehova!
12.Ngiyazi ukuthi inkolo yobuKrestu i-controversial ngezindlela eziningi, ngoba okuseqinisweni, ngokwabasunguli bayo, ayikho ngaphansi kwenkolo kaJehova, futhi ayinaye umprofethi kaJehova.
13.Kodwa abalandeli bayo kulesi esizweni esimnyama abakwazi lokho, ngakho-ke nayo ngokwabalandeli bayo siyifaka enkolweni kaJehova.
14.Ngalokhu kuhlangana kwethu, kuzokwenza siqonde ukuthi sonke singaphansi kwenkolo eyodwa, ngakho-ke asinasidingo sokugxeka omunye umprofethi noma isithunywa sikaJehova, ngoba nje engekho ngaphansi kwenkolo yami.
15.Kumele kuhlale ezingqondweni zethu ukuthi inkolo kaJehova ile eyafika noMose entabeni yaseSnayi, yaqhutshwa yizo zonke izithunywa zikaJehova ezaqhamuka emva kwakhe!
17.UJehova wasinika yonke inqubo okumele siyilandele uma sithi singaphansi kwalenkolo.
18.Le i-yardstick esizikala ngayo ukuthi sisahamba ngazo yini izimiso ezikuyinkolo kaJehova uNkulunkulu wethu!
19.Ngomunye unyaka iNkosi iNyangayezulu ishumayela, ithi: “Ngithole izincwadi engizithunyelwe ngama Moslems lapho bebegxeka khona uJesu, nami-ke bafuna ngihlanganyele kulokhu abakushoyo.
20.Kodwa nina maNazaretha kumele nazi into eyodwa, ukuthi uJesu, uMahomed noShembe zithunywa ezahlukene ngobuzwe nangesikhathi ezithunywe ngazo emhlabeni, kodwa zonke zinevangeli elilodwa lokuthi asidumise uJehova ngokugcina imithetho yakhe OWAYILOBA NGENCEKU YAKHE UMOSE!
21.Noma lezi zithunywa zikaNkulunkulu zingehluka ngobuzwe nangesikhathi ezifike ngaso lapha emhlabeni, kodwa zonke ziyizithunywa zikaNKULUNKULU, zinomyalezo ekutheni uJehova kumele adunyiswe kanjani!”
22.Into eyenza sihlale siphikisana ngenkolo ukungazi ngomlando wethu nowenkolo yethu! Kodwa ngeshwa lokhu kungazi kwethu yinto eyahlelwa ngabezizwe ngobuqili!
23.Akenginike isibonelo engicabanga ukuthi sizoqondwa yiwo wonke umuntu ukuthi abezizwe basiluthe kanjani ngokusifundisa okungeyikho ngenkolo.
24.KuyiZenzo 24:5 kuthi: “Lendoda siyithole iluhlupho, iphehla udweshu kubaJuda kulo lonke izwe, INGUMHOLI WEHLELO LAMANAZARETHA.”
25.Umuntu ofunda ngokunakekela angazibuza ukuthi uPaul, lo okukhulunywa ngaye lapha, ungumholi kanjani webandla lamaNazaretha, ngoba kulo lonke iTestamente akukho lapho kuvela khona ukuthi kwake kwaba khona ibandla lamaNazaretha, ngingasaphathi okokuthi lelibandla laliholwa nguPaul!
26.Enkantolo ukwazi kanjalo ukwehlukanisa phakathi kwamanga neqiniso. Umuntu engawakha amanga abe yimbumba, kodwa bese esho into eyodwa enganakile, okothi uma usuyilandela, iveze lonke iqiniso elikubonisayo ukuthi ngilalele ilumbo lapha!
27.Injalo-ke indaba yokwakheka kweBhayibheli, ikakhulukazi iTestamente Elisha. Uma ufunda ngokunakekela, awukwazi ukungakutholi ubuqili okukulemibhalo okuthiwa ingcwele!
28.Kwenye ipost ngikhiphe incwadi eyabhalwa nguKing Leopard 11, ngo 1883, ebhalela abafundisi abamhlophe ukuthi ngenkathi beletha ivangeli kithi benze buphi buqili, ukuze ngabo izizwe ezimhlophe zinqobe izingqondo zethu.
29.Kodwa lobu buqili abuqalanga ngo 1883, ekuqaleni inkolo yethu bayiqeda ngama Creeds, babulawa abayilandelayo!
30.Kodwa kwathi uma amaRoma ebona ukuthi akasawubusi umhlaba, base bakha iTestamente labo eselinemibhalo yamaHebheru ehlakenezela ukuze ngayo sihlanganyele nabo ekuchitheni inkolo yethu!
31.Uyaye uthole-ke abanye bakithi sebechitha lonke iBhayibheli, bethi incwadi yabamhlophe engasithinti thina.
32.Okumele sikwazi ukuthi iTestament Elidala liqukethe yonke impilo yethu njengesizwe esimnyama!
33.Iqiniso ukuthi ibandla likaYeshua lalibizwa ngokuthi ngamaNazaretha, abezizwe, ngezizathu zabo, balifihla leli qiniso!
34.Ubuqiniso obungaphikiseki balokho, thina sakuthola emibhalweni ka Jerome naye owabe engumbhishobhi eRome, futhi okwakunguye owabe ehumusha izincwadi zesiHebheru ezisa kuyisi Latin.
35.Kulencwadi uJerome uthi: “Kufanele esikhathini samanje sike sibhekisise lamahlubuka azibiza ngokuthi ngamaNazaretha. Ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda, ayikho enye into!”
36.Le nkulumo nje iyodwa iyabonisa ukuthi amaRoma ayewazonda kanjani amaJuda!
37.Ucabanga ukuthi lamaJuda okukhulunywa ngawo lapha ilamaJuda njengamanje akwa-Israel?
38.Cha, kwakungayiwo lamaJuda! Lana ama Jewish Ashkenaz, okuyisizwe esimhlophe, okwathi uma sithatha inkolo kaJehova, iJudaism, amaKrestu angaba nankinga nawo, ngoba babene nkinga NAMAJUDA NJENGESIZWE!
39.Yikho-ke uJerome ethi: “Ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda, ayikho enye into”
40.Uyaqhubeka uJerome uthi: “Abalisebenzisi iTestamente Elisha lodwa, kodwa baphinde basebenzise naleli elidala lamaJuda.
41.ABAYICHITHI IMITHETHO YAMAJUDA, NABAPROFETHI, NEMIBHALO YABO. Ngalokho, kwenza ukuthi babe ngabemukelekile kumaJuda njengoba bengehluke ngalutho kuwona.
42.Basho zonke izinto lezi ezifundiswa emabandleni abo amaJuda, okwehlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMessiah (uJesu Krest).
43.Bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa kodwa, uJesN yena uyindodana yakhe.
44.Balandela yonke imithetho yamaJuda, okufaka phakathi ukusoka, iSabatha, namanye amadili amaJuda.”
45.Kumele amaKrestu ekwazi ukuthi ngokwemfundiso yabasunguli bobuKrestu, kuyisono ukugcina isabatha, kuyisono ukusoka, kuyisono ukulandela noma yimuphi umthetho okuyi- Old Testamente, kanye nanoma yiziphi izimfundiso zabaprofethi, kuhlanganisa amaHubo neZaga!
46.Ngiyazi ukuthi amaKrestu amaningi amnyama akazazi lezi zinto, noma bebona ingagcinwa imithetho kaJehova emabandleni abo, abatshelwa amaqiniso okuthi kungani kwenziwe lokho.
47.Kuvele kuthiwe nje “asisaphili ngaphansi komthetho!” kodwa kungaqedelwa ukuthi asiphili ngaphansi kwamuphi umthetho?
48.Isizwe samaRoma sachitha imithetho kaJehova, kwase kuthi esikhundleni sayo, kulenkolo entsha sebethi akugcinwe amasiko esizwe samaRoma!
49.Nansi iCreed yamaRoma efakazela ukuthi kulenkolo silandela amasiko esizwe samaRoma. Le Creed ithi:
50.“Ngiyawemukela onke amasiko, imicimbi, imithetho, imikhosi yam aRoma; iminikelo, imithandazo, ukuzihlanza ngamanzi, ukungcweliswa umPriest omkhulu wamaRoma u-Pontificus Maximus.
51.Ngamukela nomkhosi weSabatha likankulunkulu oyilanga “Sol dei” noma Sun-day.
52.Ngalokho usuku lwangesonto olokukhonza uJesu iNkosi, njengoba bekade lwaziwa ngokuthi usuku lwenkosi uBhali, uma uBhali ekhonzwa ngalolusuku ngoba eyinkosi, kanjalo noJesu ukhonzwa ngalolusuku ngoba naye eyiNkosi.
53.Ngamafushane nje, siyayekwemukela konke okuwusikompilo lwamaRoma, nemigubho yabo, nemicimbi siyayekwemukela kulenkolo entsha yaseRoma ebizwa ngokuthi ubuKrestu.”
54.Ngithi angiziveze lezi zinto, ngoba amakholwa esizwe esimnyama akazazi, nabafundisi besizwe esimnyama, ngesizathu esingasazi, abakuvezi lokhu!
55.Kodwa ekugcineni bayithanda lenkolo, ngoba sebetshelwe izinto eziningi ezinhle ngayo, kanti abezizwe bathi lala lulaza!
56.Kuyaye kungihluphe kakhulu uma abantu bakithi bengaligcini isabatha, bese betshelwa zonke izinto ezingalona iqiniso!
57.Njengokuchithwa kwayo yonke inqubo yokukholwa kaJehova, iSabatha lachithwa kulenkolo entsha, indawo yalo yabe isithathwa uiSonto!
58.I-Creed echitha iSabatha ithi: “AmaKrestu kufanele ayeke ukwenza ubuJuda elokhu eba ngamavila ngosuku lweSabatha, kodwa kufanele basebenze ngalolo suku!
59.Kufanele baphumule ngosuku lweNkosi njengokwamaKrestu. Uma kungenzeka batholakale benza ubuJuda bengasebenzi ngesabatha, bazojeziswa ngokukaKrestu”. Amen!
61.Uyaqhubeka uJerome uthi: “Basho zonke izinto ezifundiswa emabandleni amaJuda.”
62.Ukhumbule ukuthi uma besho “izinto ezifundiswa emabandleni amaJuda,” basho inqubo yenkolo kaJehova njengoba yayifundiswa nguMose nabaprofethi!
63.Kulencwadi kaJerome kunezinto eziwubufakazi okucacile ukuthi amaNazatha kaYeshua yiwo la afika avuswa nguShembe!
64.Okokuqala, asizibuze ukuthi uma uJerome ekhuluma ngebandla lamaNazaretha, ukhuluma ngaliphi ibandla, ngoba ngo 500 A.D lalingekho ibandla likaShembe, futhi akubhalwe ndawo eBhayibhelini ukuthi lake labakhona ibandla elinjalo?
65.Okwesibili, uJerome uyakuchaza ukuthi lamakholwa, noma babengabalandeli bakaYeshua, KODWA ABAZANGE BAYILAHLE IMITHETHO KANKULUNKULU.
66.Ngamanye amazwi abazange bayilandela lemfundiso ethi ngokufa kukaYeshua esiphamanweni sesithethelelwe izono, ngakho-ke asisekho ngaphansi komthetho kaNkulunkulu!
67.Nanku-ke umbuzo okufanele wonke umuntu omnyama azibuze wona, ukuthi uma ngabe abalandeli bakaYeshua, bengazange bawulahle umthetho kaJehova, sekwenzeka kanjani ukuthi bese sithi thina ASISAPHILI NGAPHANSI KOMTHETHO?
68.Kuyacaca ukuthi imfundiso ethiASISAPHILI NGAPHANSI KOMTHETHO ngeyenkolo yabezizwe, ngayo ababechitha inkolo kaJehova egcizelelwe nguYeshua ukuthi UMTHETHO KAJEHOVA UMI NGUNA PHAKADE!
69.Esikufunda eBhayibhelini ngo Yeshua kuya phikisana nesiku fundiswa emabandleni ethu ngezimfundiso zikaYeshua, noma ngoJesu, njengoba simbiza kanjalo!
70.UMose kuyiTestament elidala usinike yonke imithetho kaJehova okumele siphile ngayo.
71.Ukubonisa ukuthi uYeshua wayengaphansi kwenkolo kaMose, ngokukaMathewu 5:17-19 uYeshua uthi umthetho kaJehova umi ngunaphakade, ongawugcini abuye afundise abantu ukuthi mabangawugcini, angenke angene ezulwini!
72.Ekukholweni amaKrestu ahlukene kabili, kukhona amaKrestu akholwe ngempela, kodwa bese kusala ulwazi lwezinto ezithize abazenzayo, kodwa bengazi ukuthi ziphambene nomthetho kaNkulunkulu.
73.Bese kuba khona amaKrestu okuseqinisweni abangasiwo amakholwa, kodwa abasebenzisa inkolo ukulutha abantu! Ngeshwa, amakholwa alutheka kalula, uwathola esesanganiswa yinto engekho!
74.Lawo makholwa-mbumbulu-ke kuye kuthi uma uveza indlela eyiyo yokukhonza uJehova, bese uba yisitha esikhulu kubo!
75.Lokho kuvama ukwenzeka kubaphathi bamabandla, abanye abaceba ngokwenza izinto eziphambene nomthetho kaJehova!
76.Abakholiwe, kodwa bacebe ngokusebenzisa igama likaNkulunkulu ukulutha abantu!
77.Lesi simo njengamanje sesiyabusa kakhulu nakumaNazaretha!
78.UbuNazaretha njengenkolo akusenalo leliyavangeli elafika noMprofethi, sekusele nje igama lokuthi ngingumNazaretha!
79.Kodwa lamaNazaretha akazi lutho ngemfundiso yomprofethi ngobu Nazaretha njengoba uShembe wayeyithathela kuyizimfundiso zikaMose!
80.Isihloko salentshumayelo sithi: “Isisekelo sobuNazaretha zimfundiso zikaShembe ngoJehova.”
83.Lapha uma sikhuluma ngobuNazaretha, asiqondisile kuyibandla lakwaShembe, kodwa siqondise kuyibandla likaYeshua elavuswa nguShembe!
84.UShembe wakubhala phansi ukuthi isisekelo salenkolo imithetho kaJehova owayiloba ngenceku yakhe uMose.
85.Kodwa uma ulandela inqubo yebandla lamaNazaretha ayengabalandeli bakaYeshua, iyefana nse nale esifike sayifundiswa nguShembe.
86.Abalandeli bakaYeshua babekholelwa kuYeshua ukuthi uyiNkosi, kodwa noma kunjalo, babengakulandeli ukuthi ngokubethelwa kukaYeshua, lokho sekusho ukuthi abachitha umthetho kaJehova owalethwa kithi nguMose!
87.Yikho-ke uJerome ethi: “Abasebenzisi iTestamente Elisha lodwa, kodwa baphinde basebenzise naleli elidala lamaJuda. ABAYICHITHI IMITHETHO YAMAJUDA, NABAPROFETHI, NEMIBHALO YABO.”
88.Kanjalo namaNazaretha kaShembe, njengamaNazaretha siyakholelwa ukuthi uYeshua uyiNkosi, wafela izono zethu!
89.Kodwa lokho uShembe akaze akuhumushe ngokuthi asisaphili ngaphansi komthetho kaJehova!
90.Wathi uma singakholwa ngokugcina umthetho kaJehova, ukukholwa kwethu lokho kukholwa kwethu akwamukelekile ezulwini.
91.Ngiyabuza-ke kumaKrestu ukuthi lemfundiso kaShembe kukhona yini lapho ishayisana khona nekaYeshua njengoba siyifunda ku New Testamente?
92.Amabandla obuKrestu, noma ehlale ephethe iBhayibheli, kodwa abakulandeli okubhalwe eBhayibhelini!
93.AmaKrestu anelungelo lokungiphikisa uma ngingakhulumi lona iqiniso!
94.Njengoba ngihlale ngisho, ngiyinzalo yobu Nazaretha, futhi cishe impilo yami yonke ngangihlale ngikulwela ubuNazaretha.
95.Kodwa ingelosi ifike yangenza inkolo ngayibheka ngelinye iso!
Ithi ingelosi kimi: “Uthi uBaba iLanga uyabonga kukho konke okwenzele uShembe namaNazaretha, kodwa manje usuthunywa ukuba uyoshumayela ivangeli ngezimfundiso zikaShembe ngoJehova! Izimfundiso zikaShembe zivuselela izimfundiso zikaYeshua!
96.Yathi konke lokhu uyokuthola eBhayibhelini nasezihlabelelweni zamaNazaretha!
97.Yaqhubeka ingelosi yathi uyothathela nasezintshumayelo zoMprofethi efundisa amaNazaretha ukuthi uJehova udunyiswa kanjani!
98.Ngathi uma ngisithatha isihlabelelo ngisifunda, ngathola ukuthi kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni igama likaJehova uShembe uliphindaphinde izikhathi ezingu 153!
99.Okuhle ukuthi kwasho yena uShembe ukuthi angingabe ngisalokhu ngishumayela ngoShembe, kodwa angishumayele ngokuthi uShembe wawuvuselela kanjani umthetho kaMose ngokukhonza uJehova!
101.Ngiyafisake ukuthi kusukela namuhla ivangeli lase NCG amaKrestu namaNazaretha aliqonde ukuthi LINGELOKUVUSELELA UKUKHONZWA KUKAJEHOVA njengoba kwakwenza abantwana bakwa-Israel kanye nangesikhathi sebandla lamaNazaretha lisaholwa nguBabamkhulu!
103.Ingelosi ifike yasifundisa ukuthi ekukholweni kwethu singagxili ekutheni ngingumNazaretha, noma ngingumKrestu, kodwa sigxile ekugcinweni kwemithetho kaMose njengoba uShembe wabhala kanjalo kuvesi 3 womthandazo wesabatha!
104.Siphila, noma sesifile ezulwini asehlulelwa ngokwebandla okulo, kodwa ngokuthi ubuyigcina yini imithetho kaJehova, njengoba nakuMathewu 7:21 kuya ku 23 uYeshua exwayisa ngalokho!
105.Lomuntu wasezulwini mhla esifundisa ngalezindaba zasezulwini, wahlabelela leli Chorus ekade silihlabelela, elithi: “Uma ebizwa amagama abangcwele elami likhona!” NoBabamkhulu kwakunamaculo aseWeseli owayewahlabelela ngisho esengumholi wamaNazaretha; amanye akhona kuzo lezi zihlabelelo zethu!
106.Ithi-ke ingelosi: “Nami njengoba ngilapha ngizosebenzela igama lami, ukuthi uma esebizwa amagama abangcwele nelami libe khona!”
107.Lokhu kukhuluma kwangifikisela usizi uma sekukhulunywa yingelosi, ingagcini ngokukhuluma, kodwa ihlabelele njengoba kuhlabelela amaKrestu!
108.Ithi-ke ingelosi: “Sonke ngokukholwa kwethu sifuna ukuthi uma sekubizwa amagama abangcwele ngosuku lokwahlulela, nelakho igama libe kulaba abahambe ngobungcwele besese mhlabeni!”
109.Lentshumayelo ingalokho-ke! Yikho ngithi umuntu nomuntu ake akhohlwe ukuthi ungumKrestu, ungumMoslem noma ungumNazaretha, kodwa ukukholwa kwakho akugxile ekutheni ekufeni kwakho, uma ebizwa amagama abangcwele, nelakho liyobizwa yini?
110.Kunomakoti ogane kwa Tsabendze, engicabanga ukuthi uliSwati, ogama lakhe nguThabile Myeni. Ungumculi, i-album yakhe ithi:” Ngiyaya nami eShilo.”
111.Angazi ukuthi lomakoti uwaqanjelwa ngubani lamaculo owaculayo, ngoba noma engumKrestu, kodwa umyalezo womculo wakhe wehluke kakhulu kulomculo engiyaye ngiwuzwe uculwa ngamaKrestu!
112.Lo ngumculo oyaye ungifikisele usizi, ngoba ukhuluma ngomlando wethu otholakala kuyiTestamente elidala, ukhuluma ngobukhulu bukaJehova uNkulunkulu wethu!
113.Ngaso sonke isikhathi, noma ngibhala izintshumayelo, ngilalela lomculo. AmaKrestu namaNazaretha akuthandayo ukukholwa awulalele lomculo, befunde ukuthi umyalezo wasezulwini uhamba kanjani!
114.Abanye abantu bayaye bethi silibandla elisindisiwe, sesingamaKrestu. Lokho nje kukodwa kuchaza ukungakwazi ukwehlukanisa phakathi kobungcwele nokusindiswa.
115.Angazi ukuthi ukusindiswa ngendlela yobuKrestu, ukwenze njani, kodwa ubungcwele kusho ukuhamba ngezimiso zikaJehova njengoba zibhalwe nguMose! AmaKrestu akahambi ngokwezimiso zikaJehova!
116.AmaKrestu noma esindisiwe akaligcini iSabatha, aphucula ikhanda, ayayidla ingulube, enza nokuningi okuphikisana nomthetho kaMose!
117.Kodwa amaKrestu, ikakhulu la athi asindisiwe, ayakuchitha ukuhlabela amadlozi, nokunye okuthinta imimoya yabantu abafile.
118.Noma lokho bekususela emthethweni kaMose, kodwa kukhona amaKrestu amnyama into abangayazi ukuthi kungani yonke imithetho kaMose ichithiwe kulenkolo, kodwa bese kuzogcinwa lo onqaba ukuhlabela amadlozi?
Kulencwadi ka King Leopard 11 abamhlophe bakubeke kwacaca ukuthi abamnyama abakhishwe ekuthembeleni emimoyeni yabafile, ngoba amandla okulwa nabo bazowathola kuyo!
120. Nanka amazwi ka King Leopard 11 atholakala kulencwadi eyayibhalelwe abafundisi abamhlophe, kodwa abakufundiswa okugcine sesikwenza. Ithi-ke lencwadi:
121.“KUFANELE NIBAHLUBULE ENKOLWENI YABO, FUTHI NIBENZE BADELELE ZONKE IZINKOLELO ZABO NGOKWASEMOYENI EZINGABENZA BAZUZE ISIBINDI SOKUBHEKANA NATHI.”
122.Noma amaKrestu abengakwazi lokho, kodwa ukugxeka kokuhlabela abaphansi enkolweni yobuKrestu kususelwa kulencwadi ka King Leopold 11, ethi asikhishwe ekukholweni kuyimimoya ngoba izoselekela ukulwa nabamhlophe.
123.Kufana nomnikelo wekweshumi, kusetshenziswe umthetho kaMose, kodwa inhloso kungusikhiphisa intela ezosiza abamhlophe. Lencwadi iyakuchaza lokho!
124.Yikho-ke nasenkolweni yethu abezizwe balwela ukuthi singawugcini umthetho kaJehova, ngoba kubhaliwe kuDutoronomi 28 ukuthi uma silahla umthetho kaJehova, uJehova uzosuka kithi, bese kuphela ngathi!
125.Njengoba sasiyaliwe, ingelosi ifike yavusa umthetho kaNkulunkulu njengoba ubhalwe nguMose, wavuselelwa nguShembe!
126.Into yokuqala ingelosi eyalwa nayo umkhuba wokuthi amaNazaretha ehlabele amadlozi, nokuzihlanganisa nezangoma.
127.Kodwa mina ngangingenazo izintshumayelo eziqondile zikaBabamkhulu ezichitha lezi zinto.
128.Kodwa ngendlela engaqondakali, ngabona sekuvela izintshumayelo eziningi zoMprofethi ezibhalwe phansi.
129.Lezo zintshumayelo zase ziba ubufakazi bokuthi okuchithwa ingelosi, noMprofethi wayeku chithile!
130.Akengithathe lentshumayelo kaBabmkhulu yango 1927. Kulentshumayelo uBabamkhulu uthi:
131.“Ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi ngenxa yokweqiwa uthando lwabo, kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho.
132.Lokhu akukubi kuJehova, kodwa ningaweli ekubathandeni okwedlula uThixo, funa niduke nenze okuphambene nomyalo enginiyala ngawo, nenayalwa ngawo kuMathewu 10 verse 37.
133.Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi aniseyikuwakhonza amadlozi, nomthetho othi asisahlangani nabafowenu abenza okunjalo.”
134.“Ngaso leso sikhathi babuza oNkwanyana noMzeleku bathi “Nceku yeNkosi angeke sisabahlabela okhokho bethu na?”
135.Waphendula uMprofethi wathi, “cha, bantwana bakaNhliziyo, okwenu ukuba nibakhumbule elatini elikhulu emzini kaJehova eKuphakameni kunokuba nenze njengalabo abangenaye uThixo.”
136.Ngalemfundiso yoMprofethi yokuthi umNazaretha angawahlabeli amadlozi, yaba ubufakazi bokuthi ingelosi ivuselela izimfundiso zikaBabamkhulu!
137.Kanjalo, noMprofethi wayevuselela izimfundiso zikaMose. Ku-Eksodusi 22:20 kuthi: “Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo, engenzeli uJehova yedwa, uyobhujiswa!”
138.Kanti kumaHubo 106:28-29 kuthi: “Bazihlanganisa noBhali Piyori, BADLA OKUHLATSHELWE ABAFILEYO, (uNkulunkulu) bamchukuluza ngezenzo zabo, kwaqubuka ubhubhane phakathi kwabo.”
139.Umuntu ubenzela kanjani abafile umhlatshelo? Uma ubeka isilwane phambi kwakho, bese ukhuluma ubhekisa emimoyeni yabangasekho, usuke abafile usubenzela umhlatshelo!
140.Ingelosi ayigcinanga lapho, yalwa kakhulu namaNazaretha azihlanganisa nobungoma noma ngayiphi indlela.
141.Nalapho, noma ngangazi ukuthi lesi simo asamukelekile kulelibandla, kodwa ngangingazi ukuthi lokho ngizokucaphuna kuphi.
142.Kodwa ngabona sengithola incwadi eyayinentshumayelo yoMprofethi echaza ukuthi kungani singazihlanganisi nezangoma. Nansi intshumayelo yoMprofethi :
143.“Bantabami ayikho ingozi enkulu engase inehlele ukwedlula ingozi yokuba nivumele isangoma singene phakathi kwenu, uma nike nasingenisa bantabami niyobe nibu bulele ubuNazaretha, niyobe nimxoshile uNkulunkulu phakathi kwenu.
144.Uma isangoma sike sangena phakathi kwenu ngenkani, nibothatha amagugu kaNkulunkulu niphume nawo nisishiye sodwa, ngokuba uma nihlalile naso uJehova ehambela phakathi kwenu, impela niyakwehlelwa ngokubi.
145.Ngokuba uJehova uyakuloba ukuba nimhlubukile ngalolo suku nangenisa isitha sakhe phakathi kwendlu yake eyingcwele nadla naso, naphuza naso.
146.Khona umoya wobuNgoma uyakunehlela nonke nabantwana benu, noma nithandazelwa ukuba usuke lomoya kini nabantwana benu, khona aniyikusinda, ngokuba niyobe senimxoshile uJehova osindisayo namukela umoya wesangoma ukuba ubuse endlini ka Jehova!
147.Ngalolo suku uyakuphela umthetho kaJehova phakathi kwenu, kubuse umthetho kaSathane ofike nesangoma enisingenise endlini kaJehova ukuba nixoshe uJehova ngaso, ngokuba uJehova akahlali lapha kubusa khona isangoma.”
149.Ngale ntshumayelo uShembe wayegcwalisa okushiwo nguJehova ngeSangoma!
150.Ku Levi 20:27 uJehova uthi: “Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe!”
151.Ngakho-ke kumele sonke esithi singaphansi kwenkolo kaJehova, singabuki ukuthi ngingum Krestu noma ngingumNazaretha, kodwa sonke sihambe ngokwezimiso zika Jehova uNkulunkulu wethu, ukuze sihlale singaba ngcwele bakhe!
152.Abanye ke abantu bayaye bethi ngenke bawashiye amasiko abo, kodwa uBabamkhulu uthi: “Ngesikhathi kuthiwa kunina landelani lokho uJehova akuvezile, bathi: “CHA, silandela lokho esafica obaba bekulandela!” Kuyilapho noYise babo babengaqondi lutho!”
153.Njengoba ingelosi ibisho, konke esikwenzayo akube nomphumela wokuthi ekugcineni siwubone umbuso wezulu! Uthi ke uBabamkhulu:
154.“Umthetho kaJehova uyisihlengo somphefumulo bantabami; hhayi noma imuphi umthetho, kuphela lo inceku yakhe eninika wona.”
155.Uyaqhubeka uMprofethi uthi: “Umthetho kaJehova uyindlela yokuhamba eya lapho kungekho khona ubumnyama nenzondo, nendlala namakhaza, kuphela inkazimulo engenaku fiphala.
156.Phelelani kuJehova, ngoba uyabathanda abamthandayo, ubalungisele indawo phambi kwesihlalo sakhe sobukhosi!
157.Ubenzela ukungalambi nokungomi, abaphe umusa wakhe. Nabo bahlala bemdumisa ngezigubhu nokusina, behlabelela ngenjabulo!” Amen!
158.Angazi noma bakhona yini abangafuni ukuba ngezinsuku zabo zokugcina bawubone umuzi ongcwele, lo uYeshua noShembe abasithembisa wona!
159.Nalomakoti wamaKrestu, uThabile Myeni, kuyiculo lakhe elithi “Ngomnyaka wenkosi u-Uziya, namanye amaningi, lendaba kaJehova uNkulunkulu wethu uyibeka ngifikelwe yizinyembezi, ngoba angikaze ngimuzwe umKrestu edumisa uJehova ngendlela lomakoti owenza ngayo!
160.Mhlawumbe into engenza ngifikelwe usizi uma lomakoti ehlabelela kanje, ukuthi isikhathi esiningi ingelosi esihlala nayo ihlale ikhuluma ngokudumisa loNkulunkulu lomakoti ohlabelela ngaye!
156.Uqhubeke njalo mntanami ulitshale ivangeli lokudumisa uJehova kumaKrestu onke!
1.Usizi nalo lumi lodwa
Izinhlungu nazo zimi zodwa,
Nabo ububele bumi bodwa
Enqamlezweni.
2.Inkosi yehla ezulwini
Yaba ngumuntu ebantwini
Yenzela thina bonindini
Enqamlezweni.
3.Ukholo lwethu lumaphi
Ithemba lethu lumaphi
Uthando lwethu lumaphi
Enqamlezweni.
4.Ingozi ingaphela yonke
Icala lohlawulwa lonke
Izono zixolelwa zonke
Enqamlezweni.
5.Sibona ingelosi phansi
Igqolozele futhi ezansi
Ibona isimangaleso nasi
Emnqamlezweni.
INkosi ibusise izwi layo!