Bengisho njalo bantwana baseKuphakameni, ukuthi uNkulunkulu wethu akagugi, izinto owayezenza emandulo usengazenza namanje, ngoba ngiye ngizwe kuthiwe umlando uyaziphinda.
Angazi noma abanye abantu baye bekucabange yini lokho ukuthi umlando uyaziphinda…
Intshumayelo kaMfundisi uKhathi ngeSabatha ekuseni ekhaya eNqobizitha mhlaka 09 December 2023.
ISIHLABELELO 57
1 Sifuna indlela
Yokuya ekhaya
KuJehova inkosi yethu
Umdali wezulu.
Chorus: Indlele eya ekhaya
Yendlu engozini.
2 Sifuneleni abathunyiweyo
Ukuhola abaningi,
Ukubayisa kumhlali neZion
Emzini wokuphumula.
Chorus:
3 Ibalimazile abaningi
Abayithandayo,
Ayanqikaza ayesaba amagwala
Athi kungcono ukufela emuva.
Chorus:
4 Qiniselani nina maqhawe
Ngayo leyondlela,
Ekupheleni kwalezonhlungu
Niyongena Ekuphakameni.
Chorus:
1.Ngiyabonga bantwana abangcwele, ngiyabonga ukungilekelela kulokhu kuhlabelela kwasezulwini okumangalisayo ongeke ukuthole ndawo.
2.Siyaphoxeka ngoba lokhu kuhlabelela usuyakuthola nase tarven kodwa kuyazwakala nasethaveni ukuthi akukhona lokhu. Ayibongwe iNkosi. Isihloko engizokhulumela phezu kwaso, sithi ukube abantu bebazi bebeyobuthana kanye nathi sikhonze oPhezukonke.
3.Bantwana baseKuphakameni angazi ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni singamubonga ngani, angeke sizikhohlwe izinto asenzele zona, izinto ezinkulu ezinye sasingazi ukuthi siyodlula kanjani kuzo kodwa sadlula.
4.Kuningi esesikukhulumile bangcwele, simbabaza uNkulunkulu ngezinto asenzele zona, kodwa into enkulu ukudlula zonke, uNkulunkulu ayibone umhlaba, indaba ye-covid19.
5.Singazikhohlwa zonke izinto bantwana baseKuphakameni kodwa leyo akufanele siyikhohlwe ngoba umhlaba wabona ukuthi uNkulunkulu ukhona kithi noma bengafuni ukukutshengisa lokho kodwa bayazi ekujuleni kwezinhliziyo zabo ukuthi uNkulunkulu wenzani kumaNazaretha kaNkulunkulu.
6.Sasinda sonke bantwnaa baseKuphakameni abantu bengcwatshwa ngapha nangapha kodwa sasinda sonke.
7.Uthi omunye uMfundisi kulezinsuku ekhuluma nami, uthi yeyi Mfundisi yake yasiphatha kabi i-covid19, yake yasesisebenzisa. Ngithi mina kanjani Mfundisi?
8.Uthi heyi ngangikubona wehla wenyuka kanti nami ngiyehla ngiyenyuka, sincwabile Mfundisi nge-Covid19. Ohhe, ngithi awu bandla akazi, akazi ngangehla ngenyuka ngenzani, ucabanga ukuthi ngangenza lento ayeyenza.
9.Ngase ngiyamutshela ngathi ayi cha Mfundisi angincwabanga mina ngaleso sikhathi angikaze ngize ngincwabe ngoba nginoNkulunkulu ophilayo.
10.Uthe uma ezwa ngikhuluma kanjalo, wayeseqala manje ukuthi ahoxise lamazwi akhe wawasekela ngamagama athile wathi, “ayi nathi bekwabantu ababili abathathu nje ebesibancwaba” kwase kuphela lokhu okuthi isisebenzisile i-Covid19 sincwaba, ufuna ukulinganisa uNkulunkulu wami nalona wakhe, ayibongwe iNkosi bangcwele.
11.Bantwana baseKuphakameni ngiyafisa ukusho ukuthi kuyinhlanhla futhi kumnandi ukulandela abantu abathunywe uNkulunkulu, akengisho bantwana baseKuphakameni ukuthi nasemlandweni wenkolo kaNkulunkulu, uNkulunkulu akaze aziholele yena ibandla kodwa uyaye athume abantu abazomuholela ibandla ebese ehamba phambi kwabo yena.
12.Ngike ngizibuze ukuthi umuntu osebandleni elingenaso isithunywa sikaNkulunkulu uthi ulandelani, ngoba uShembe uthi manje kulesisihlabelelo esiqeda ukusihlabelela, sifuneleni abathunyiweyo kubona abaningi ukubayisa ezulwini.
13.Manje umuntu ongenaye umuntu othunyiwe ebandleni akulo, uya kanjani ezulwini ngoba uNkulunkulu kusukela kuMose, uMose wahola ibandla lamaNazaretha eholwa uNkulunkulu kodwa kuwuMose obonakalayo bantwana abangcwele.
14.Anjani lamabandla namhlanje wona angafuni ukuba nezithunywa zikaNkulunkulu kodwa babe nabantu abangothixo, imuphi umlayezo ovela kumuntu onguthixo ngoba umlayezo uvela emntwini othunyiwe nguNkulunkulu. Inhlanhla yethu enkulu kakhulu ukuthi silandela izithunywa zikaNkulunkulu.
15.Usho njalo uYeshua emazwini akhe ebhayibhelini, uthi “Mina ngiyindlela neqiniso akekho oya kuBaba ngaphandle kwami” uchaza ukuthi yena ngaphambi kokuba ufikelele kuNkulunkulu, landela yena ngoba uthunyiwe yena.
16.Asikaze sinikwe onkulunkulu emabandleni ethu, kodwa the moment siba nonkulunkulu emabandleni ethu ilesi sikhathi sesiphuma endleleni ngoba izithunywa zikaNkulunkulu azikho.
17.Ibandla elingenazo izithunywa zikaNkulunkulu liyadavuza ngoba alenzi okulungile, akukho la okutholakala khona umlayezo.
18.Wafika thina umlayezo, wathi kunesifo esizayo esinzima, esidlula i-HIV, wawusuyafika futhi umlayezo ukuthi lesisifo lesi sizogwema kanjani ukuthi thina singasithinti lesi sifo, sabe sesenza njalo, kodwa ngempela sangathinteka thina, kodwa lokhu kwenzeka through izithunywa zikaNkulunkulu.
19.Khona into uNkulunkulu angenzela yona, kwamenyezelwa umnikelo la, kukhuluma zona izithunywa zikaNkulunkulu, zathi asinikele, sisinde ezikhukhuleni, sabe sesiyadideka, ngiyakhumbula ukuthi kwathiwa asicele ukuthi singamuki namanzi.
20.Sathi ayibo sizomuka namanzi, amanzi aqhamukaphi, sizomuka namanzi, kuthiwani manje, eyi ulimi lwasezulwini aluze lungazwakali kwesinye isikhathi.
21.Kodwa ngoba siyalalela izithunywa zikaNkulunkulu, sakwenza lokho, sayikhipha iminikelo, sahamba saya embengeni safike sacela sathi Nkosi sicela ukungamuki namanzi, noma singazi ayobe eqhamukephi, kodwa ngoba sasitsheliwe ukuthi asicele kanjalo, senza njalo, ngempela zafika izikhukhula asimukanga namanzi. Ayibongwe iNkosi enkulu yaseKuphakameni.
22.Ngalezo zikhukhula bantwana baseKuphakameni, ngathola ucingo oluvela ekhaya, ekhaya kusemaPhephethini. Kukhona odadewethu lapha ekhaya nomfwethu oyedwa, sibabili nje kuma abafana.
23.Umfwethu nayeke uyazizamela, uyaziphantela la eThekwini, bangifonela odadewethu ukuthi ayibo sinenkinga la usisi omdala, usecishe wafa, yini na?
24.Ekhaya indawo iyehlela kanje (elinganisa) noma ingesona isiwa kangako kodwa iyehlela, kukhona umuzi ongenhla kwasekhaya bese kuba khona indlela edabula phakathi kwasekhaya nalomuzi.
25.Udadewethu wayefikile nje ekhaya ephuma kwakhe, wayesethi nje akeze ekhaya engimulamayo, wahlala ekhaya kanti kuzofika lezizikhukhula esasicelile ukuthi singamuki namanzi.
26.Khumbulani bangcwele ukuthi izwi lathi uma sicela, asicele ukuthi sisinde thina kanye nani? Nezihlobo zethu.
27.Uthike udadewethu lo ongifonelayo angithi uyazi ukuthi uma kunetha, uyaye uphume uhlole ukuthi akukho la ekumile khona amanzi bese uyawavulela ukuthi edlule.
28.Udadewethu wenzanjaloke, wabona ukuthi lina kakhulu wase ephuma wase edeledela amanzi, ezama ukudedela amanzi ukuthi edlule eshone ezansi.
29.Ngenhlanhla kanti ingane yakhe iyamlandela ingane, kwasuka udaka phezulu izikhukhula zodaka, angingasho ukuthi amanzi lawaya, amanzi ahlangene nenhlabathi. Niyakhumbula ukuthi izikhukhula esike saba nazo, beku shift umhlaba kusuke lendawo le iye le. Kwenzeka njaloke.
30.Ngenxa yokuthi indawo iyehlela, kwasuka lezozikhukhula zodaka, zehla, zathatha udaka egcekeni zamuphosa ezansi zase ziyamugqiba wangabonakala.
31.Laba abasendlini bazwile kukhona into edumayo, ethi duuru, bangazi ukuthi yini, ingane yagijima yangena endlini yathi uma ulapha, ingane ayikwazi nakukhuluma, uma ulapha, kwathiwa uphi, babheka babheka, bathi bayabona kukhona la ekunyakaza khona inhlabathi ezansi.
32.Bathi bayabona ayi la kukhona la ekunyakaza khona inhlabathi lapha ezansi, bayafika bayaphenya, bayafica nangu uphansi kwenhlabathi, bamungulula lapho phansi kwenhlabathi bakhuphuka naye beza ekhaya, bamugeza bamugeza kodwa esesimeni sokuquleka.
33.Uma esevukile sebemubuza ukuthi kwenzekeni, kuze ufike lapha, webathandekayo, wayesezansi, zamuthatha zahamba naye zase ziyamugqiba.
34.Uthi mina angazanga ukuthi kwenzenjani, mina ngigcine ngilungisa la ukuthi amanzi edlule, kodwa emva kwalokho angazanga ukuthi kwenzenjani, nina ningithathephi? Lo muntu wayezoduka engazi ukuthi washonaphi.
35.Kodwa ngenxa yomnikelo owenziwa la kulendlu, waphila wasinda, wahamba waya ema clinic nasezibhedlela wabaright kodwa waxhugela wabona ukuthi ulimele, waba nezibazi ebusweni, waba nezibazi emlenzeni ngoba leyanto yaqhamuka yamushaya, ayibongwe iNkosi enkulu yaseKuphakameni.
36.Ngiyabuzake ukuthi abangenazo izithunywa zikaNkulunkulu bayithathaphi imilayezo enjalo, ezobaphephisa na? bayithathaphi?
37.Bantwana baseKuphakameni ngiyathanda ukuxwayisa abantu, ngiyathanda ukuxwayisa abantu ngalendaba esikuyo ngoba iyabonakala ukuthi abayiboni.
38.Kukhona isisho sesiZulu esithi ukungazi kufana nokungaboni, ngamanye amazwi uma ungazi uyafana nempumputhe.
39.UNkulunkulu wake wathuma uMose emthuma eGibhithe, ukuthi ayokhulula abantwana bakwa Israel, kodwa uMose uma ekwenza lokho kwase kuba khona omelana naye, wangafuna ukubadedela abantwana bakaNkulunkulu besekuthunjweni, ebathumbile.
40.Nakuba uMose wayengalwi naye, wakhuluma kahle naye wathi ngithunywa uNkulunkulu uthi angimulandele abantwana bakhe.
41.Ngenxa yokuthi lona uyinkosi, ngicabanga ukuthi wayebona ukuthi uyinkosi edlula uNkulunkulu, wayesenqaba nabo. Wathi ngeke kwenzeka lokho.
42.Abangcweleke, bayazi ukuthi uFaro waba nezinhlupheko azilethelwa uNkulunkulu, emlethelele ukuthi adedele abantwana bakhe laba ayebathumbile.
43.Ngiyafisa ukusho ukuthi lo Nkulunkulu owayethume uMose, uthe uShembe uyena lo othume yena, uShembe uthe uthunywe uNkulunkulu kaMose emhlabeni. Uze wabhala wathi, hambani ngemithetho elotshwe uMose, etshela amaNazaretha ukuthi awahambe ngemithetho noma ngezimiso ezilotshwe iNceku kaJehova uMose.
44.Wathi uma senza njalo siyokwehlelwa zibusiso, uNkulunkulu uyosizwa ezulwini uma sithandaza ayamukele imithandazo yethu.
45.Kodwa into engofuna ukuyisho la ukuthi kukhona isikhathi la uFaro owabadedela khona abantwana bakwa Israel ukuthi uMose ehambe nabo.
46.Kuthe esebadedele sekuyibanga ngempela sebelihambile ibanga, wase eyazisola wathi ngibadedeleleni kodwa, wayeseqoqa amabutho akhe ethi asibalandele, kwenzeka i-mistake, asibalande.
47.Kuthe uma befika lapha, lapho ababezowela khona bafika ulwandle lugubha amagagasi, bangazi ukuthi bazowela kanjani.
48.Wayesekhuluma uNkulunkulu nesithunywa sakhe ayesithumile ukuthi siyolanda laba bantu ekuthunjweni, wathi Mose phakamisa isandla sakho, phakamisa induku yakho uyibhekise olwandle. Ngenxa yokuthi uMose wayelalela wasiphakamisa isandla, wayiphakamisa induku lase lavuleka ulwandle bangena, wayesethi ngenani niwele.
49.Lithi ibhayibheli kwaba umhlabathi owomile, akuzange kube manzi nala behamba khona kwakomile, bawela, bawela, bathe uma sebengaphesheya, zangena izinqola zikaFaro, angena amakalishi egijima namahhashi. Bangena, wabalinda uNkulunkulu bangena bonke. Bathe sebephakathi bonke wayeselidedela ulwandle.
50.UShembe akagcinanga ngokusifundisa ukuthi silandele izimfundiso zikaMose kuphela kodwa uze wahlabelela, ngiyafisa ukusho ukuthi abantu abadelela uNkulunkulu nezithunywa zakhe, ukuthi lento eyenzeka lapha nakubona izokwenzeka.
51.Laba bantu abangqwage nabantwana bakaNkulunkulu uma bebuyiswa, luzoduma ulwandle.
Lwaduma ulwandle
Nangu uFaro
Lubomvu
Eshona Emfuleni.
Uzobuya nini weFaro.
Nempi yakhe,
Eza nempi enkulu.
Nezinqola zomlilo.
52.Lento isitshela ukuthi kusenguye lo Nkulunkulu owadumisa ulwandle zagqibeka zonke izitha zakhe, uzoyekelani namhlanje ukuzishaya izitha zakhe, noma lungasadumanga ulwandle kodwa ikhona into ezoduma.
53.Ikhona incwadi esho njalo noma singesazoyifunda, bangayivula abantu ngesikhathi sabo, Exodus 14 uma ungayifunda yonke ungathola ukuthi lwaduma kanjani ulwandle.
54.UNkulunkulu akagcinanga ngokushaya izitha zakhe, kuthe sebewelile sebengaphesheya, kwase kuvuka abanye khona kulelibandla likaNkulunkulu bavukela uMose, oKhona noDathane, bavukela uMose.
55.Uthi wena engathi usungcwele kakhulu, usungcono nje, yindaba, yini ngawe wena, wase uba ngcwele kangaka nje wadlula bonke abantu. Njengoba kushiwo nje kulelibandla kushiwo kuBaba wethu, uBaba uMelusi.
56.Wena no-Aroni nangcono nje manje ngoba sikhona nathi, nathi singabaholi nathi, babesho njalo oDathane bathi singabaholi nathi nina nazenza izinto ezingcono nje kwenzenjani.
57.Eeeyi madoda, leyo ncwadi ngoba ngeke sisayivula ilapha ku Numeri 16, uma uzoyiqala ku verse 2 wehle uze uyofika ku verse 33, uzozwa ukuthi uNkulunkulu wenzani.
58.Aludumangake ulwandle lapha, kodwa kwaduma umhlaba, wathi uMose, intoni inkinga yenu, nifunani? Bathi singabaholi nathi, wathi uMose kusasa ngizonipruvela ukuthi ubani othunyiwe.
59.Wathi thathani zonke izimfanela zokukholwa, nibeke lapha emcengezini, nami ngizokwenza njalo, ngenxa yokuthi babeyibandla elilodwa, kuthiwa babebuthene phambi komnyango wetende lokuhlangana.
60.Kodwa uMose wacela wathi Nkosi ngiyacela ukuthi umnikelo wabo ungayemukeli, ukusho lokho ngegunya lokuthi uyazi ukuthi uthunyiwe yena. Bayibeka imnikelo yabo emcengezini, noMose wayibeka.
61.Wayesememeza uNkulunkulu esithunyweni sakhe, wangamemeza kubona, wamemeza esithunyweni sakhe, wathi Mose, ngisukela lapho nabantwana abakulandelayo, ngisukele lapho kukhona into engifuna ukuyenza manje kulabantu abeyisayo. Wathi khona into engfuna ukuyenza, suka kubo. Wayesesuka uMose bathi qekelele.
62.Haaa, wavuleka umhlaba, wadabuka phakathi bangena bashona phansi, bangena endaweni yabafile bengafile, abantu bacabanga ukuthi lowo Nkulunkulu sewaphela, uyena lo othume uShembe phakathi kwethu.
63.Mhlawumbe uzolinda ukuthi kuzokwenzeka lento eyenzeka lapha, kuzokwenzeka enye ezokumangaza njengoba udelela nje weyisa umsebenzi kaNkulunkulu.
64.Bengisho njalo bantwana baseKuphakameni, ukuthi uNkulunkulu wethu akagugi, izinto owayezenza emandulo usengazenza namanje, ngoba ngiye ngizwe kuthiwe umlando uyaziphinda.
65.Angazi noma abanye abantu baye bekucabange yini lokho ukuthi umlando uyaziphinda, ngendlela abantu abamudelela ngayo uNkulunkulu, abamazi nokuthi uyini.
66.Uma abantu bemuhlonipha uNkulunkulu bengasho kanjani ukuthi uphuza isiqatha, uma abantu bemuhlonipha uNkulunkulu bengazakhela kanjani unkulunkulu wabo ebandleni lakhe? Bangqwagha nabantwana bakaNkulunkulu?
67.Ngoba into ebuhlungu abantwana abalandela lezi zithixo abazi abanye, abazi ukuthi benzani, nabantwana bakwa Israel base beyijwayele imikhuba yaseGibhithe kodwa balandwa ngezwi likaNkulunkulu.
68.Namanje abantu bayalandwa ngezwi likaNkulunkulu, nazi izithunywa zikaNkulunkulu zithunywe ukwenza lowo msebenzi, ubani lo ophikisana naleyonto?
69.Asazike ukuthi abantu abanjalo bacabanga ukuthi kuyogcina bani, kodwa thina siyazi ukuthi kuyogcina uNkulunkulu. Sisemhlabeni omkhulu bantwana baseKuphakameni, sisemhlabeni osabekayo.
70.Asazi ukuthi kwenzenjani kodwa mina ngiyabonga ukuthi kuke kwasuka ingelosi ezulwini yazohlala nathi ngoba sekuyacaca ukuthi lokhu kwakwenziwa ukuthi uyabonakala umonakalo okhona emhlabeni.
71.Thina sesiphephile ngoba sinomuntu wasezulwini osi guid(dayo) ukuthi kufanele senze njani ukuze sibe ngabaphephile, kwaze kwanzima emhlabeni bantwana baseKuphakameni, kwaze kwanzima emhlabeni!
72.Siyamubonga uNkulunkulu ngokusilethela ingelosi ngoba siyazi ukuthi sizophepha manje kuzo zonke lezi zinto ezenzeka la emhlabeni. Ngizocela incwadi ka Thimothi wesibili isahluko sesithathu, siqale evesini lokuqala.
73..2 Timothy 3 verse 1-6. “Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akhe bewaphika; labo-ke wobagwema.
74.Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo”
75.Injalo indaba bantwana baseKuphakameni esibhekene nayo emhlabeni, ngiyithatha le ndaba njengesiprofethi ngoba kunjengoba ikhulunywa nje. Sesifikile isikhathi esinjalo, uma ubheka emhlabeni sekunjalo.
76.Abantu bazithanda kakhulu bantwana abangcwele, bayithanda kakhulu imali, abantu bayithanda kakhulu imali okungangokuba baze bakhethe izindlela ezi-wrong zokuthola imali.
77.Sesinenkinga emhlabeni yokubulawa kwabantu kodwa bebulawela ukuthi kucebe abanye abantu, kuduke izingane ezincane ngenxa yokuthi kufanele kube khona abacebayo, itholakale sezishonile, sezikhishwe izicubu ezithile, ngenxa yokuthi abantu bathanda imali.
78.Singangabonga kanjani ukuthi uNkulunkulu kuthe kunjalo wayesehlela kithi wahlala nathi, abantu bangenza noma yini uma ezothola imali nje, angenza noma yini.
79.Abantu bayakwazi ukuthi akhiphe imali, akhiphele ukuthi kuphume umphefumulo womunye umuntu akhokhele omunye ukuthi hhayi ukhiphe umphefumulo womunye umuntu, ngenxa yokuthi lowo okhipha umphefumulo ufuna imali.
80.Umuntu uyakwazi ukuthi akhiphe umuthi, akhiphe umuthi azokhokhelwa ukuze athole imali, ngenxa yokuthi ufuna imali yena, akhiphe umuthi wokubulala umuntu ngoba ezothola imali yena.
81.Akhiphe imali umuntu eyikhiphela ukuthenga umzimba womuntu ngoba lo ohluphekile, ufuna imali yena akanendaba ukuthi uyithola kanjani, sekunjalo.
82.Abantu bayahlambalaza, yonke indawo, abantu uma bekhuluma bakhuluma noma yini, umtomdala akasaziwa, ukhuluma noma yini, ayisekho inhlonipho emhlabeni. Lithi ibhayibheli abantwana bayophelelwa inhlonipho, akunjalo yini maNazaretha.
83.Kuthiwa kuyoba khona abantwana abangabalaleli abazali, sisesikhathini esinzima, lapho khona umzali kufanele alalele umntwana ukuthi uthini, uma umzali engafuni ukulalela umntwana ukuthi uthini uzoboshwa.
84.Kukhona engiphatha kabi indaba la, ithi kukhona nabayoba nesimo sokusaba uNulunkulu kodwa bewaphika amandla akhe, ungathi abazenzisike labo.
85.Sinabo abantu abanjalo, nalena ethi kuvesi 6 “Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo” Akunjalo yini maNazaretha.
86.Ngoba yonke lemikhuba le ebhalwe la, yenziwa esontweni yenziwa amakholwa, mangaka amaKrestu, la abefundisi betholakala benukubeza izingane zamantombazane nezabafana.
87.Ayi sifikile isikhathi sencithakalo, kodwa mina ngibona siphephile thina uma sihlele kulendawo ngempela sizophepha bantwana baseKuphakameni.
88.Yabonakala kudala lento ukuthi kohamba kuhambe konakale, akulula bantwana baseKuphakameni ukusuka umuntu wasezulwini azohlala nabantu uma kukuhle, akulula neze bantwana abangcwele, kwakuchaza khona ukuthi konakele.
89.Sisesikhathini bantwana baseKuphakameni lapho abantu bengazazii ukuthi bangobani. La abantu bezikhohliwe ukuthi bazokwenzani emhlabeni.
90.Abantu abasafuni ukuba ngabantu, eyi maNazaretha izinto zishintshile. Kusuke i-character yesilwane yaya emntwini kwasuka eyomuntu yaya esilwanini. Akuseve kuphephile ukuhlala nebhubesi kunokuhlala nomuntu.
91.Ngiyancamela ukuhlangana nemfene ebusuku kunokuhlangana nomuntu ngoba ngiyasaba ukuthi umuntu uzongenzakalisa.
92.Abanye sebekhohlwe nawukuthi ubulili babo bumi kanjani, abanye sebeyanqaba abafuni ukuba ilento abadalwa beyiyo. Abafana abafuni ukuba abafana sebefuna ukuba amantombazane, amantombazane awasafuni ukuba amantombazane asefuna ukuba abafana.
93.Ogogo nomkhulu sebefuna ukuba basha izingane sezifuna ukuguga zibe ndala. Ogogo banamhlanje bafaka izigqebheke, bafaka amabhulukwe bayazimpintsha, bahamba beqalaza izingane bezicifela amehlo.
94.Nomkhulu banamhlanje bafuna izingane ezincane ezino 10 years, nanka amanyala nencithakalo, siyamubonga uNkulunkulu bantwana abangcwele.
95.Ungabona la ku social media, izilwane sezifuna ukuba ngabantu, izinja uke ubone inja igqokile ifake i-uniform ifake uthayi ihamba ngezinyawo zombili uxakeke ukuthi kwenzenjani emhlabeni.
96.Inja uke uyibone ishaya i-piano, ishaya umkhulungwane icula ngoba ifuna ukuba umuntu manje, sekusele kancane uhlangane nomuntu ethi moooo (ekhalisa okwenkomo) ubuze kwenzenjani, athi sengikhathele ukuba umuntu ngifuna ukuba inkomo manje.
97.Ngabe sikuphi ukube nje asikho kulelibandla, ngathi nathi sesabhodla njengenkomo, sesankonkotha, bayakhonkotha abantu bashaya umkhulungwane, benza zonke izinto ezenziwa zilwane, benza zonke izinto ezazingenziwa umuntu kudala. Ayi maNazaretha, ayi maNazarteha kulikhuni.
98.Ingane yayingamunxaphela kanjani unina uma ekhuluma nayo noma uyise uma ekhukuma nayo. Ingane yayisho kanjani kumzali wayo ukuthi angiyenzi leyonto ongitshela yona.
99.Uyabona maNazaretha ngiye ngimubonge uNkulunkulu ngoba indlela engikhuliswe ngayo mina ngiyayithanda, ngiyayijabulela, and into enginothisile mina ngabantu abadala babenayo i-element yasezulwini ngendlela ababefundisa ngayo.
100.Wawungahlali esihlalweni umuntu omdala uma ehleli esihlaweni, ingane yayihlala phansi, thina nje isigqiki sikababa sasisihlonipha ngisho engekho, sihlale phansi, engekho ubaba, angisaphathike uma ekhona, wawungathi kufike uNkulunkulu, wesabe, ezithulele engashongo lutho.
101.Namhlanje sinezingane ezithi awu daddy yini uda
ddy, yeyi timer, mina umuntu ongangibiza nge tymer engabona kahle, angibizwa ngaleyonto.
102.Awu saze saphila esikhathini esinzima, izingane zigijima nabafana phakathi kwabantu abadala kuthuleke nje, abantu abadala babaleke bagcwale amahlathi bebalekela izingane.
103.Azinendaba lezi zingane, isizukulwane esinjani lesi, ukube abantu bebazi, bebezobuthana kanye nathi sikhonze oPhezukonke.
104.Lento omubi uyilethe ngenhloso yokuthi kube khona abantu abangezuku qualify ukungena ezulwini, kukhona abantu obonayo ukuthi uma bengafika ezulwini bengafike babuze ukuthi uNkulunkulu uhlaleleni esihlalweni ngoba batshelwe ukuthi kuyelinganwa bonke abantu bayefana.
105.Ngiyakhumbula kufike abanye abelungu la siselapha ezansi, bebuza ukuthi manje laba abagqoke izingubo ezibuhlazi, sasisenabavangeli, abanjani bona ngoba abanye bafake ezimhlophe, laba abafake ezibuhlaza abanjani, wachaza uBaba ukuthi ayi laba abagcotshwa.
106.Wabona kodwa abelungu banenkinga abayithandi lento yokuthi kukhona abantu abafake ezihlukile izingubo kunezabanye, siyohlala kanjani ezwulini ngoba ezulwini kunjalo.
107.Washo njalo uBaba wathi kune hierarchy, kuqala phezulu kuyehla kushona phansi, sizo qualify kanjani ukungena khona uma sisathi siyalingana thina, silingana uma kwenzenjani.
108.Ayi kulikhuni bantwana abangcwele, uNkulunkulu aze angasilibali asihole njalo, size sifike lapho okuyiwa khona, size sifike emzini wokuphumula, lezinsizi esibhekene nazo, sesidlulile kuzo.
109.Usho njalo uShembe esihlabelelweni engike ngisihlabelelo, uthi emva kwalezo zinhlungu siyongena eKuphakameni. Kuningi okonakele.
110.Ake ngidlule lapho bantwana abangcwele, kodwa ngibacele abantwana bethu ukuthi bayilandele kahle lento esikuyo ngoba babe nenhlanhla bona yokuyithola besebancane.
111.Ake beyilandele kahle ngoba uma bengayilandeli kahle bazoba izinto ezingenamsebenzi la nasezulwini.
112.Ibandla likaNkulunkulu maNazaretha, kusaqhubeka ukuthunjwa kwalo ngazo zonke izinto engiqeda kukhuluma ngazo, lithunjweke nangamasiko. Lithunjwe nangamasiko.
113.Uma singaphenya incwadi ka Marku 10, kukhona into ebuhlungu eyenzekayo emhlabeni, mhlawumbe kuyadinga sikucacise ukuthi umshado emhlabeni wa-introduswa ubani ngoba nomshado uNkulunkulu sewaphucwa, wanikezwa umsamu ngoba namhlanje kwenzeka izinto uNkulunkulu ongakaze azikhulume.
114.Sinenkinga yokuthi abantu abazi ukuthi umshado yini, uvelaphi. UNkulunkulu wanquma ukuthi kuyohlanganiswa abantu ababili uma kushadwa, owesilisa nowesifazane, abantu ababili, owesilisa nowesifane abaphilayo. Marku 10 verse 6-9.
115.“Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.”
116.Injalo indaba, lo mshado wa-introduswa uNkulunkulu ebandleni kubantwana bakhe, kodwa kuthe kusuke lomshado waqedwa ebandleni likaNkulunulu kwase kungena umshado wase msamu.
117.Uthe uNkulunkulu uma abantu sebehlanganisiwe ngokomshado, baba nyamanye, abasebabili, kodwa usemunye, eyi zafika ezikadalwane madoda, ayi zafika ongoma uyayona, izinto ezingafuni uNkulunkulu ephumelele kulokhu asekuqalile.
118.Zathi ayi, ungashada nomuntu engasekho, kwenziwani la, kuphikiswa uNkulunkulu, umbuzo ukuthi ushada kanjani nomuntu engekho.
119.Ngoba uma kushadwa kunezifungo ezithatha abantu ababili, lo ongekho yena uzofunga kanjani? Ngoba akasekho emhlabeni.
120.Bese bethi ayi uzakusinelwa indodana yakhe endala, awu, kuye kubanjelwane futhi khona emshadweni, umshado onjani lo okuthiwa awungibambele ngoba angisekho.
121.Imuphi uNkulunkulu owasho lonto ukuthi akubanjelwane emshadweni, ingane ibambele uyise. Yonke lemikhuba le idalwe izangoma, lezi uNkulunkulu ashilo ukuthi azilungile.
122.Kanti yini eyenza ukuthi kuthiwa azingangeni ebandleni likaNkulunkulu ingoba zazenza wona lomonakalo lo. Uma uMfundisi eshadisa ezifungweni zabashadayo kukhona isifungo esithi njengoba sihlanganiswa namhlanje sesiyohlukaniswa ukufa, kodwa emsamu ukufa kuyabahlanganisa abantu, beshadiswe!
123.UNkululnkulu uthe abantu uma beshada, bayoba njamanye, uba nyamanye kanjani nomuntu ofileyo ngoba yena akaseyona inyama kodwa uyi spirit. Amakholwa ahlakaniphile nje, awayizwe kahle lento.
124.Awu, wasisiza uNkulunkulu ngesithunywa sakhe madoda, kushadwa kanjalo nakulona lelibandla elikhulu kangaka kulelibandla lamaNazaretha kushadwa kanjalo, ngaphandle kwalelibandla likaNkulunkulu.
125.Animubonanga lo obeshada nesidumbu, nebhokisi eceleni ehamba esina, isidumbu sizokhukuma sithini uma sekufungwa, siye sithini.
126.Esikhundleni sokulila yena uyagiya, uthi hhayi usuku lomshado bese lunqunyiwe akusase kuqhutshekwa kodwa futhi ikholwa.
127.Izingane ezikhulayo zibuka umkhuba omuhle ngoba azazi, azazi izingane, nabadala bakhona abafana nezingane abangazi ukuthi kwenzakalani ababona yonke into iyinhle. Konke lokhu imikhuba yezangoma, imikhuba yezangoma!
128.Lapha bantwana baseKuphakameni, zenzenje izangoma, abantu ukuthi izangoma ziphume kanjani noma yini eyenza ukuthi singamukeleki ebandleni likaNkulunkulu.
129.Okokuqala encwadini kaLevi 19 verse 31 uthi uNkulunkulu ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningafuni ukuba nincoliswe yibo.
130.Ngicelake incwadi kaMathewu 6 verse 24. Iyonake ezosichazela ukuthi laba bantu why bengafaneleki ukuba sendaweni encwee kaNkulunkulu. Mathew 6 verse 24. “Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona”
131.Nayike imikhuba yalabantu, bakhonza amakhosi amabili ngesikhathi esiyisodwa, uma bezofika la endaweni kaNkulunkulu, vele banamakhosi.
132.Mhlawumbe abantu abakaze bayinake lento ukuthi izangoma zimdelela kanjani uNkulunkulu, izangoma zinamakhosi azo ezithi makhulu, izangoma zinamakhosi azo ezithi makhulu zize ziwathakazele amakhosi azo zithi makhulu.
133.Manje umbuzo uthi zizokwenzani sineNkosi esithi inkulu nathi ngoba thina iNkosi enkulu yethu uNkulunkulu, uJehova. Manje ayaphi amanye amakhosi, uthi uYeshua amakhosi amabili awabuselani.
134.Manje uyaphi namakhosi akhe kwenye inkosi ngoba lamakhosi awaphili ngomthetho owodwa, lamakhosi awadlelani, pho lamakhosi ayaphi la.
135.Okokuqala nje, laba bantu, la abenza khona imisebenzi yamakhosi abo amakhosi abo ahlonishwa ngendlela ekuhlonishwa ngayo uNkulunkulu uma ehlonishwa ngabangcwele.
136.Lamakhosi abo akhunyulelwa izicathulo uma kungenwa kulezigodlo zawo, lamakhosi abo ayaguqelwa, akumiwa ngezinyawo uma kungenwa kulamakhosi abo.
137.Lamakhosi abo ashiselwa impepho njengoba kwakwenziwa ethempelini likaNkulunkulu, lamakhosi abo ayahlatshelwa abongwe kuthiwe asebenzile.
138.Akuve kuyihlazo ukuthi umntwana kaNkulunkulu asuke endaweni kaNkulunkulu, ahambe ayokhulumula izicathulo ayongena e-alter lamadlozi ayohlonipha amanye amakhosi, aguqe ngamadolo ekhasa esuke ngasemnyango aze ayofika lapha emsamu esgodlweni. Eguqela amakhosi ekuthiwa makhulu, udelela uNkulunkulu naye.
139.Ingakho singavunyelwe ukuyobhula ngoba siyohlonipha amakhosi amanye ngaphezu kwaNkulunulu, bese kuthiwa laba bantu balungile bebe bedelela uNkulunkulu.
140.UNkulunkulu oshiselwa impepho ethempelini, uNkulunkulu ohlatshelwayo kubongwe kuye yonke imisebenzi ayenzile, njengoba sizokwenza nje namhlanje sibonge ukuthi uNkulunkulu usiphilisile kusukela unyaka uqala kuze kube manje.
141.Kodwa izangona azenzi kanjalo, zihamba ziye emakhosini azo, zifike zenze njalo, pho zizokwenzani ebandleni likaNkulunkulu ngoba zinamakhosi azo.
142.Lithi ibhayibheli angeke ukwazi ukwazi ukukhonza amakhosi amabili, phakathi kwalawomakhosi ikhona iNkosi oyidelelayo, ikhona iNkosi oyidelelayo.
143.Awu sangihlupha isikhathi bangcwele, ngicela ukusheshisa, ngicela ukusheshisa, ukugijima. Asibuyele kuJehova bantwana abangcwele, asibuyele kuNkulunkulu wethu owasidalayo owazi konke ngathi.
144.Ngicela ke sibheke incwadi ka Jeremiya 6 sizwe ukuthi uma sibuyela kuJehova sibuyela kanjani, uma sibuyela kuJehova ikhona indlela esibuyela ngayo asivele sibuyele nje, kodwa khona indlela esibuyela ngayo, uvesi 16 nje kuphela. Jeremia 6 verse 16.
145.“16 Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’”
146.Nansoke indlela yokubuyela kuJehova, iyo le, imani ezindleleni nibone, nibuze imikhondo yasendulo, ukuthi iphi indlela enhla nihambe ngayo, ayibongwe iNkosi.
147.Ngiye ngizweke amanye amakholwa uma ekhuluma ngalencwadi ethi uNkulunkulu kulesikhathi samanje, uNkulunkulu ukhuluma ngokuthi asibuyele ezindleleni zoShaka noDingane noSenzangakhona.
148.Ngibe sengiyadideka kodwa nami ngididwa ukuthi sengihlakaniphile, ngididwa ukuthi ngihlakaniphiswe ukuthi ngikulelibandla likaNkulunkulu.
149.Lana ungafika uyisidomu nje udidizela kodwa ufike uhlakaniphe uma ufika khona ngoba ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, uma uhamba ngeziluleko zababi uyatheleleka nawe ube mubi, nansike indaba bantwana abangcwele.
150.Nansike indaba bantwana abangcwele, ithi incwadi njengamanje, uma sifuna uNkulunkulu asime ezindleleni sibuze indlela enhle yasendulo ukuthi kwakuhanjwa kanjani emandulo.
151.Uthini uShembe, lo obuthe thina la, kulelizwe lase Mzansi Africa, uthi, ningabi njengobaba benu oDingane noSenzangakhona, bona abazenza likhuni izinhliziyo zabo, usesikhiphileke uShembe lapho kulezondlela zalabobantu, usesikhiphile automatically, usesikhiphile, uthi ningabi njengabo, ningahambi njengalabo.
152.Wangagcina lapho wathi hambani ngendlela kaMose, kusho uShembe, akashongo yini uShembe kanjalo, ukuthi izindlela zasendulo engikhuluma ngazo, ekufanele ukuthi nime nibuze, ukuthi uMose wathini.
153.Wathini uNkulunkulu kuMose, hambani ngaleyondlela, waze wathi uma nihamba ngalezo ndlela, uNkulunkulu uzonilalela, uNkulunkulu uzonibusisa. Obani laba abathi bona abayifuni indlela kaMose ngoba kwasho uMprofethi wethu kanjalo.
154.Kuwo wonke amaNazaretha uma engavula, ayayazi lento engikhuluma ngayo ukuthi ibhaliwe phansi kwasho uShembe wathi nina maNazaretha ala e-South Africa nizohamba ngendlela kaMose, hhayi yoshaka noDingane noSenzangakhona ngoba yayingekho right.
155.Uthini uvesio 31 lapha umthandazo weSabatha ngicela ningifundele bangcwele ngoba ngizodideka, uShembe lo okhuluma la, uShembe uMprofethi wethu. U-31 ngicabanga ukuthi kwezindala u-21.
156.“Ningabi njengo khokho benu, oDingane noSenzangakhona, okhokho bethu abazenza lukhuni izinhliziyo zabo. UJehova waze waba jezisa kanje, namhla sesithwele izono zabo. Gcinanike iSabatha lika Jehova.”
157.Asingabi njengabo ngoba bazenza likhuni izinhliziyo zabo, ngoba namuhla sesithwele izono zabo, singenza kanjani njengabantu abenza kanjalo. Mfundisi emthandazweni weSabatha bese ngibuyela ngezansi.
“Ayikhumbule indlu kaSenzangakhona noDingane echithekileyo ayibuthe ekuchithekeni kwayo.” Amein.
158.Ayikhumbule indlu kaSenzangakhona noDingane echithekileyo ayibuthe ekuchithekeni kwayo, singalandela kanjani izindlela zendlu echithekile, ngoba lendlu uShembe wayezoyibutha ekuchithekeni kwayo.
159.Ingakho uShembe ethi asilandele uMose ngoba indlela kaMose ayichithekanga, kodwa uzovusa indlu echithekile ngendaba kaMose.
160.Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni, awu sengathi uNkulunkulu engasikhumbula, asiphe ukukholwa kwangampela, asiphe ukufika kule level yokuthi uma ngabe uNkulunkulu nezingelosi nezikhulu zezulu bese ziyahlabelela zithi:
Isihlabelelo 130
4 Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle,
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
5 Niyothokoza ngokubogwa
Nibongwa nguSimakade,
Ngokugcina leli lizwi
Zosinda zonke izizwe.
Inkosi ibusise enikuzwile.