Ithi-ke ingelosi, iphupho alisho lutho, kodwa okuyingozi ngumphumela wephupho. Kwesinye isikhathi kuyingozi ukuhamba ufuna incazelo yamaphupho, ngoba uzozakhela impilo elawulwa ngamaphupho, hayi ngumthetho kaNkulunkulu.
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabagcwele. Isihloko sanamuhla sithi; “Ingozi yokukhonza imimoya engcwele-mbumbulu.”
2.Incwadi Kwabase-Efesu 6:12-13: “Ngokuba asibhekene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabomoya bobubi emkhathini. Ngakho hlomani izikhali zonke zika Nkulunkulu, ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.”
3.Izizwe eziningi, ikakhulukazi izizwe zase Afrika, impilo yazo yonke yakheke phezu kokukhonza nokulawulwa yimimoya.
4.Kodwa umbuzo ngothi, njengoba sikholelwa kangaka emimoyeni siyayazi yini lemimoya esikholelwa kuyo?
5.Siyakwazi yini ukwahlukanisa uMoya weqiniso nomoya omubi, imimoya yezidalwa zethu nemimoya engukufa, kodwa eza kithi ngobuqili bokuthi iyimimoya yeqiniso?
6.Noma yimuphi umoya ukuze uhlale kuwe uyaye uthole imvume yakho. Yonke imimoya esinayo nesibusayo ivunyelwa yithi ukuba ihlale kithi.
7.Kodwa ngenkathi siyivumela sisuke singazi, futhi singaboni ukuthi lemimoya yamukelwe yithi, ngoba asiyazi, futhi asiyiboni, asikuzwa nekukhuluma kithi.
8.Ekufikeni kukaShembe kulelizwe wafica abantu abaningi beguliswa yimimoya eyayaziwa ngokuthi amandiki namandawu.
9.Ukuze lemimoya ingene kumuntu yayifike ingqongqoze noma ikhuleke kulowo muzi efika kuwo.
10.Ngenkathi umuntu ethi “ngena!” ebheke umuntu ozongena, kepha kungangeni muntu, kanti lomoya usungene kuye.
11.Yikho sakhula siyalwa ukuthi ungathi uma uzwa umuntu engqongqoza bese uthi,”ngena”, kodwa ungamboni, ngoba uyosho nasemoyeni omubi, bese ungena kuwe.
12.UShembe-ke wakhuluma ngalemimoya kwisiHlabelelo 23 lapho ethi: “Nkosi bengiluthuli kakade, ngathathwa emhlabeni ngafakwa ethembeni elihle elinguMoya wakho.
13.Anginikwanga ukhula lolu enginalo namuhla. Amandiki namandawu yikhona ukufa kwabezizwe.
14.Nkosi yandisa izibusiso ngegama lakho lodwa, kukhishwe konke ukungcola phakathi kwendlu yakho.
15.Njengokusho kwakho ngomlomo kaJesu, wathi uma ngikuthanda uyohlala phakathi kwami.
16.Namuhla ngiyakuthanda Nkosi, khipha konke ukufa kwami, okusemzimbeni wami, nokusemoyeni wami.” Amen!
17.Into ebalulekile emimoyeni LUPHAWU LWAKHO OLUCHAZA INKOLO NOMA INKOLELO YAKHO.
18.UShembe wathi amaNazaretha akobhala eminyango yezindlu zawo ukuthi; “DUMISANI UJEHOVA.”Lolu luphawu lokwazisa lemimoya ukuthi lomuzi ngowamakholwa, kuwo kudunyiswa uJehova.
19.Uthi-ke uShembe uma lomoya ufika kulomuzi, bese ubona loluphawu, awungeni, ngoba usuke usuwutshele ngophawu ukuthi kulomuzi kudunyiswa uNkulunkulu onguJehova.
20.Konke lokhu umoya usuke ukubone wakwazi ngophawu olubeke endlini yakho.
21.Iningi labantu abahlabela abaphansi liyahlupheka kakhulu, ngoba bayaye benze imisebenzi ngethemba lokuthi lokhu kuhlaba kuzokwenza isimo sezinkinga zabo sibe ngcono; kodwa sivele sibhede kakhulu.
22.Ngesinye isikhathi sabuza kolomuntu waseZulwini ukuthi kwenziwa yini ukuthi kwesinye isikhathi uma abantu benza imisebenzi yabaphansi izinto zibhede kakhulu?
23.LeNkosazane yabe isithi; “Ziningi izizathu ezingadala lokho, kodwa isikhathi esiningi njalo abantu uma benza imisebenzi bayaye bacabange ukuthi basahlabela abaphansi, kanti akusenjalo, sebehlabela eminye nje imimoya emibi.
24.Lemimoya iyakwazi ukufika kuwe noma komunye umuntu izenze umkhulu wakho ongasekho, noma umzali wakho, bese ikufundisa uma uhlaba kanje, zonke izinkinga zakho zizoxazululeka!
25.Uma usuhlabile uthi uyalungisa, kuvele kubhede kakhulu, ngoba vele kusuke kungesiye lomuntu obuthi uyamhlabela, kodwa kungumoya omubi!
26.KwabaseKorinte besibili isahluko 11:14, kuthi: “Akumangalisi, ngokuba uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya.”
27.Ithi-ke leNkosazana, “Lomoya usuke usukutholile obukufuna kuwe, okunguyihlabela ukuze ithole inyama.
28.Kodwa ayikho inhlanhla ongayinikwa ngumoya omubi, ngoba ngokwemvelo yawo awunayo inhlanhla, kodwa into onayo ngamabhadi nokufa kuphela.”
29.Uyaqhubeka lomuntu wase Zulwini uthi; “Njengoba umuntu okhonza uJehova lemimoya imbona ngophawu oluthi DUMISANI UJEHOVA, nokholelwa ekuhlabeni imbona ngokufaka isiphandla nokuthi ekhaya lakhe kube nendlu yabadala.
30.Angeke umuntu afake isiphandla, akhe indlu yabadala engakholelwa ekuhlabeleni abaphansi, yonke into umuntu okholelwa kuyo uyibekela uphawu lwakhe.’
31.Ngenkathi lomoya ubona lomuntu efake isiphandla, imkhetha esixukwini sabantu, imlandele ize ifike ekhaya lakhe, ngoba into lomoya oyifunayo ukuhlatshelwa egameni lomndeni wakho.
32.Uma isiwubonile umuzi wakho, yafunda konke ngawe, isiyothatha isimo sikayihlomkhulu, bese ivela kuwe noma kumakhelwano wakho ngephupho noma ngesibonakaliso, imthuma kini ukuthi akwenziweni ukuze ninqobe inkinga enibhekene nayo.
33.Nizokukholwa okushiwo yilomakhelwane ngoba uchaza umuntu owaziwayo lapha ekhaya, kodwa osewashona.
34.Ukuthi benidlala imimoya, nobona ngokuthi kuthi senikwenze konke, kuvele kungenzeki lutho, kodwa nehlelwe amashwa amakhulu. Nokho lemimoya yona iyobe iyidlile inyama. ”
35.Omunye umsebenzi walemimoya ukuthwasisa abantu ubungoma obungekho. Bonke abantu ekhaya kuthiwe bayethwasa.
36.Umuntu uma ethwasa akatshelwa ngumthandazi ukuthi wena uyethwasa, kodwa lidlozi elimusa kwisangoma okumele simthwasise.
37.Kodwa izangoma eziningi namuhla zithwasiswa ngokubhulelwa ukuthi wena unobungoma kumele udle amagobongo, wenze lokhuya nalokhuya.
38.U-99% wabantu abathwasa kanjalo basuke bengangenwe umoya wobungoma, kodwa besetshenziswa yilemimoya.
39.Bathi bengaphothula lobu bungoma-mbumbulu abanye begule kakhulu, abaningi bagcine ngokufa, kodwa bengakwazi ukubhula.
40.Nokho lemimoya isuke isingenile kulomuzi, isiyohlale ihlatshelwa njalo lapha, isibizwa ngokuthi ingabadala.
41.Lemimoya iyakwazi ukungena ebandleni imenze umuntu abe ngumthandazi engesiye. Emabandleni lemimoya ingena ngezindlela eziningi.
42.Kwesinye isikhathi ungalokhu uphupha uJesu ekutshela lokhu nalokhuya, mhlawumbe ubungakholiwe, kodwa uze ukholwe.
43.Usukholiwe, ebese loJesu ethi usekunika isipho sokuba ngumthandazi; usungumthandazi uyotholakala wenza zonke izinto eziphambene nokukholwa, kodwa uzenza egameni lika Jesu. Kanti wembethwe nguJesu-mbumbulu!
44.UBaba iLanga wasiyala kakhulu ngemimoya efike izenze uShembe, wathi uma umoya usufuna ukukunqoba ngempela uqhamuka kuwe ngamaphupho usunguShembe.
45.Kodwa loShembe akufundise ukwenza zonke izinto eziphambene nokukholwa.
46.Kwesinye isikhathi ungabona uShembe kumbe amaNazaretha eza kuwe ekutshela lokhu nalokhuya, kanti akusiye uShembe, ngumoya omubi, kukhona lapho okuqondise khona.
47.Kothi lapho usungumNazaretha, lomoya ushintshe manje, ukufundise izinto eziphambene nokukholwa, nawe uzenze ngegunya lokuthi uzenziswa nguShembe, kanti wembethwe nguShembe-mbumbulu!
48.Kukhona amabandla akholelwa kakhulu ekulindeni, ikakhulukazi ekulindeleni uMoya ongcwele. Aze aye entabeni ethi ayolindela loMoya.
49.Ayikho into eyingozi njengokulindela umoya. UJesu waya entabeni ukolinda izinsuku ezingamashumi amane, kodwa akahlangananga noNkulunkulu, wahlangana noSathane.
50.Uma uJesu kwathi elindile kwafika uSathane wamlinga ngayo yonke inhlobo yokulingwa, thina uma solinda kungenzeka kanjani ukuthi ekulindeni kwethu singalingwa?
51.NoShembe waya entabeni yaseNhlangakazi ebizwe nguJehova, kodwa ekuqaleni akafikanga uJehova, kodwa kwafika imimoya eminingi ithi yiyo ebize uShembe entabeni yaseNhlangakazi.
52.Uthi-ke uBaba iLanga: “Ukuba uShembe wake wayemukela lemimoya, wayezobuya esenomoya onamandla amakhulu isimanga, kodwa uShembe esenomoya obhongayo!
53.Uma omubi ezosilinga asimboni, siyaye sicabange ukuthi sehlelwa uMoya ongcwele, kanti semukele imimoya yezilwane.
54.Yiyo lemimoya kwesinye isikhathi engena amanye amakholwa, atholakale asefundisa abantu ukudla utshani nezinyoka.
55.Ungabona kufika uyihlomkhulu ethi hamba uyokholwa ebandleni lamaNazaretha. Nempela ushiye konke uyokholwa.
56.Kothi usungumNazaretha bese loyihlomkhulu ethi ukunika isipho sokuthandaza.
57.Imimoya eminingi ingena kubantu ngokuthi bangabathandazi!
58. Kodwa ngokweBhayibheli akekho umuntu owake wathunywa nguNkulunkulu ukuba abe ngumthandazi, uNkulunkulu uthuma umProfethi ukuba azoshumayela izwi laKhe, bese kuthi ekushumayeleni asindise nabantu!
59.Lomthandazi uyatholakala usenza yonke into ephambene nezimiso zika Jehova, eselawulwa yilo yisemkhulu ongafundisi lutho ngokukholwa, kodwa ofundisa ukuthi kukhonzwe yena.
60.Kanti akusiye uyihlomkhulu, ngumoya omubi ozenza uyihlomkhulu, ofuna ukusebenza ngawe usesontweni ukuze ngawe ususe abantu kuNkulunkulu!
61.Ingelosi yasifundisa ngobuqili obuningi obenziwa yimimoya uma ifuna ukuhlupha abantu.
62.Kwaba kholelwa emadlozini ifike izenze idlozi, kodwa iqhamuke nezinto ezingekho emasikweni, kanti yandisa amasiko ukuze ikwazi ukusebenzisa abantu ukuba bayihlabele.
63.Kwaba ngamakholwa iqhamuka isinguJesu noma isinguShembe, isitshela abantu ukuthi baneziphiwo zokuthathandaza, kanti ifuna ukusebenza ngabo egameni likaJesu noma likaShembe.
64.Kubantu abaningi lemimoya iqhamuka isibatshela ukuthi banenhlanhla yokuzalwa bembethe, kanti ifuna nje ukuhlatshelwa.
65.Ukukhonzwa nokuhlatshelwa lemimoya ikufuna ngezindlela eziningi, kwesinye isikhathi lemimoya ingaqhamukisa yonke inhlobo yamaphupho, noma ikubulale bese ikubonisa izulu elingekho, nesihogo esingekho.
66.Usubonisiwe konke lokhu, bese ikuthumela ebandleni elithile ukuba abantu uyobafundisa ngalelizulu nalesi sihogo-mumbulu; kanti omubi usebenzisa wena ukususa abantu emthethweni kaNkulunkulu.
67.Ithi-ke ingelosi, iphupho alisho lutho, kodwa okuyingozi ngumphumela wephupho. Kwesinye isikhathi kuyingozi ukuhamba ufuna incazelo yamaphupho, ngoba uzozakhela impilo elawulwa ngamaphupho, hayi ngumthetho kaNkulunkulu.
68.Uma uphupha iphupho ongalazi, thatha umnikelo uyolibika kuNkulunkulu. Ufike uthi; “Nkosi ngiphuphe iphupho elinje, kodwa angilazi ukuthi leliphupho lisho ukuthini.
69.Uma kuliphupho elibi, ngalomnikelo ngicela ukuba wena Nkosi unginqobele lona. Uma kuliphupho elihle, ngalomnikelo ngicela ukuba ulichumise.”
70.Nempela uma kuliphupho elinobuqili, lomoya omubi uyobaleka, ngoba usuyabona ukuthi usuwucebile kuNkulunkulu.
71.Kodwa uma kuliphupho elihle, kothi lokho okuphuphile kuchume njengoba ukuphuphile, uJehova akuchumise njengesicelo sakho!
72.Ithi-ke ingelosi, uma wenza njalo, uyoyivimba yonke imimoya emibi eza kuwe ngamaphupho.
73.Njengoba lithi ilizwi asihlole imimoya, sihlole nabaprofethi-mbumbulu, kodwa angeke ukwazi ukwehlukanisa umoya omubi noMoya ongcwele uma vele ungakholiwe, ngoba umoya angeke uwuqonde ngokwesimo ovela kuwe uyiso, ngoba umoya uthatha noma yisiphi isimo.
74.Umoya ungawehlukanisa ngemfundiso ephambene nomthetho kaNkulunkulu, ukuthi ngumoya omubi lo!
75.Umoya omubi awusoze wakufundisa ukugcina umthetho kaNkulunkulu. Kodwa ngenke ukwazi lokho uma vele nawe ungakholiwe!
76.Ngakho ngaso sonke isikhathi qikelela ukufunda ukwehlukanisa imimoya ngokwemiyalezo ekunika yona, hayi ngesimo evela kuwe iyiso.
INkosi ibusise izwi layo.
Lentshumayelo iyatholakala kuYoutube nakufacebook othi Rev Mpanza NCG