Lokho akujiki, ngoba bonke abaprofethi, kuhlanganisa uYeshua noShembe, basinike ithikithi elilodwa lokungena ezulwini, okungukuhamba ngokwezimiso zikaJehova!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sanamuhla sithi:“UNKULUNKULU KAMOSE NAMUHLA UNGUNKULUNKULU WETHU.”
2.Ekukhuleni kwami ngaze ngaba mdala ngingakholwa kahle ekutheni kukhona into ewubuthakathi.
3.Kuthe sengiyimantshi, ngabe sengiya enkantolo oBonjeni, kwaMhlabuyalingana.
4.Lapha oBonjeni ngajwayelana nenyanga enkulu nethwalisayo, uMali Gumede!
5.Kwathi sengejwayelene nalenyanga, ngase ngicela ukuba ingibonise ukuthi umuthi usebenza kanjani.
6.Kwakubalulekile ukuba nolwazi ngokusebenza komuthi ukuze ngingaziholi ngithetha icala ngento engingayazi!
7.Nempela lenyanga yangifundisa izinto eziningi, ezinye engingekwazi ngisho ukuzichaza lapha.
8.Emnyakeni elandelayo ngaba yimantshi eRegional Court eKimberly.
9.Kulenkantolo Kwaku yimi ngedwa umuntu omnyama, zonke ezinye izimantshi kungabamhlophe.
10.Kwaba necala labantu ababulele isalukazi ngoba bethi siyathakatha, enye imantshi yabe isingibuza ukuthi mina ngiyakholelwa yini ukuthi ikhona into ewukuthakathi?
11.Ngayiphendula ngathi: “Hhayi ukuthi ngiyakholelwa ekutheni kukhona ukuthakathi, kodwa ngiyazi!”
12.Lokho ngangikusho ngoba vele ngasengazi ukuthi ukuthakathi kukhona, futhi kuyasebenza.
13.Lezi zimantshi zabukana emehlweni, ngabona ukuthi zimangazwa umuntu oyimantshi yase Regional Court, kodwa okholelwa kule nkoloze!
14.Ngase ngiyazithulela. Kodwa sesihlangene ntambama, ngase ngiyayibuza lemantshi ukuthi iyakholelwa yini kuyi satasm?
15.Kwatholakala ukuthi lemantshi inolwazi olujulile ngale satasm engiyibuza ngayo.
16.Yasho ngelikhulu iqholo, yathi yebo iyazi ukuthi ikhona isatanism, yangichazela nokuthi isebenza kanjani.
17.Ngase ngithi kuyo: “Lento oyichazayo, usachaza ubuthakathi, nabathakathi bayasishiya isidumbu sabo senyama behambe beyimimoya beyobulala abantu.
18.Umehluko phakathi kobuthakathi nesatanism, ukuthi ukuthakathi butholakala kubantu abamnyama, kanti isatanism iwubuthakathi obutholakala kuyisizwe esimhlophe!”
19.Kwesinye isikhathi siyaye siphike into ekhona, sizifundise ukuthi ayikho, ngoba mhlawumbe sifundiswe ukuthi ukuvuma ukuthi lento ikhona kungukubonisa ukukholelwa ezeni.
20.Sasejwayele ukuthi uma siya ediphini sihlangane nezipoki, kodwa ungezwa abanye abantu bephika inkani bethi isipoki asikho!
21.Ngijwayele ukuzwa abantu abaningi, ikakhulukazi abamhlophe, bethi uNkulunkulu akekho, nezulu nesihogo yizinto ezingekho, befundise ukuthi ukukholwa ngobukhona bukaNkulunkulu kuyinkoloze!
22.Ngike ngizwe nabamnyama abayaye baphike ubukhona bukaNkulunkulu nemithetho yakhe, bethi sidlala abamhlophe ngoba befuna ukuqeda ngamasiko ethu!
23.Engiqonde ukukusho ukuthi zikhona izinto okuthi ngoba siyazikholwa, sicabange ukuthi zikhona, kanti azikho! Kodwa ezinye sifundiswe ukuthi azikho, kanti zikhona!
24.Ngo September 2006 sabona sekufika endlini iNkosazana eyathi igama layo inguHlaleleni.
25.Yabe isithi ingudadewethu, kodwa ngangaqonda ukuthi isho ukuthini, ngoba mina anginaye udadewethu.
26.Kodwa sobabili nomkhokheli sayejwayela kakhulu lenkosazana, yize singenalo ulwazi ukuthi iyisimo sini.
27.Kodwa kwathi kophela isonto kwasekucaca ukuthi akusiye umuntu wasemhlabeni lo, sihleli nengelosi lapha!
28.Okokuqala sasiyaye simbone esesendlini, singazi ukuthi ungene nini, kanjani.
29.Noma esehamba, wayevele enyamalale phambi kwethu, simbone engasekho!
30.Ekuqaleni wayengakhulumi lutho ngendaba yokukholwa, kodwa ngo 2007, wabe esethi: “Mina ngithunywe kuwe nguShembe uBaba iLanga, uthi angizokubheka ngoba kunabafundisi abafuna ukukubulala.”
31.Emva kwalokho wangichazela ngayo yonke impilo yami kusukela ngizalwa kuze kube yileso sikhathi.
32.Noma engashongo ukuthi uyingelosi, kodwa ngenkathi ethi nje: “Ngithunywe nguShembe uBaba iLanga,” kwagcwala kimi ukuthi ingelosi le, ngoba iNkosi iLanga yahamba emhlabeni ngo 1976.
33.Sathola ukuthi izandla zakhe zinamehlo, kodwa lamehlo aphenduke abe yi screen njenge cellphone!
34.IBhayibheli wayelazi ngendlela engakholakali, yonke imibhalo yeBhayibheli neyezihlabelelo zamaNazaretha ivele esandleni sakhe! Lezi zinto zenzeka phambi kwethu!
35.Namanje lomuntu usivakashela kabili noma kathathu ngesonto, sesihlale naye iminyaka engaphezu kwa 15!
36.Noma kunjalo, kunabantu abaningi abayaye bengiphikise bethi ayikho lento engiyishoyo, bese besho lokhu nalokhu engingekubala lapha!
37.Kodwa lapha angiqondile ukukhuluma ngesimo sengelosi esihlala nayo, ngoba lokho kukodwa akunasisiza ngalutho kangako.
38.Kodwa ngifisa ukuba sazi ngobunzima osefile ohlangana nabo ethuneni, njengokufundiswa yingelosi, kodwa thina abasemhlabeni esisuke singabazi!
39.Uma usufile uvama ukubangwa yimimoya ehlukahlukene, eminye ekusa ekubhujisweni, kuye ngokuthi usesemhlabeni ubuphila mpiloni. Ekufeni awuzikhetheli ukuthi kumele uyephi.
40.Kodwa uNkulunkulu usiza labo okuthe besese mhlabeni bamkhonza ngokugcina imithetho yakhe oyishiye kithi ngMose inceku yakhe!
41.Ngokwasezulwini-ke umuntu olikholwa ngohamba ngokwezimiso zikaJehova njengoba zashiwa kithi nguMose!
42.Lokho akujiki, ngoba bonke abaprofethi, kuhlanganisa uYeshua noShembe, basinike ithikithi elilodwa lokungena ezulwini, okungukuhamba ngokwezimiso zikaJehova!
43.Kodwa namuhla ngifisa ukuveza indima edlalwa ngabathakathi ukuthumba umoya wakho uma usufile!
44.Kuyenzeka ukuthi usufile abathakathi bakuthwebule, umoya wakho bawuthumbe uyohlala kubo, basebenze ngawo ukubulala umndeni wakho.
45.Ithi-ke ingelosi, ayikho into eqeda umndeni njengomuntu othwetshulwe wabe esesetshenziswa ukubulala umndeni wakhe, esikhundleni sokuba awuvikele!
46.Abathakathi bayakwazi ukuthwebula umoya womuntu isidumbu sakhe singakangcwatshwa, nina ningcwabe isidumbu, kanti umoya womuntu uhambe wayogcinwa emzini womthakathi, useyisigqila sakhona!
47.Ithi-ke ingelosi, uma kuthwetshulwe umzali wakho, bese kuthakathwa ngaye, umndeni wakho uyoqedwa ngumzali wakho, ngoba usefana “NoMgijimi” walomthakathi!
48.Njengoba ingelosi ichaza, umoya womuntu ofile abathakathi bayakwazi ukuwenzisa noma yintoni ngemithi, ugcine uyisigqila sabo!
49.NguNkulunkulu kuphela okwazi ukukukhipha noma kuphi lapho usuthunjelwe khona! Kodwa uJehova unguNkulunkulu wabakhonzayo!
50.KuMathewu 7:21-23, uYeshua uthi noma ungakholwa kanjani ngokwasemhlabeni, ukhiphe amadimoni ngegama lakhe, kodwa uma ungawugcini umthetho kaNkulunkulu, ezulwini uYeshua akazihlanganisi nawe, uyakuxosha ethi ungumenzi wobubi!
51.Kodwa lapha asikhulumi ngokulahlwa ngenxa yokuthi sisesemhlabeni asihambanga ngokwezimiso zikaJehova, kodwa sichaza ukuthi ngaphandle kokulekelelwa nguJehova, abathakathi bayakwazi ukuthi ngisho ubungumfundisi, kodwa usufile bakwenze umkhovu wabo, ungakwazi ukwenza utho!
52.Uthi-ke lomuntu wasezulwini uma ufuna umndeni wakho ukuwukhipha kulaba bathakathi, okokuqala yiba ngokholiwe, ngoba awukwazi ukusiza umuntu ofile ngempumelelo ngokukholwa, wena ungakholiwe!
53.Usukholiwe, hamba uyobhajadiselwa umndeni wakini, uchaze ukuthi lo umbhabhadiso wokukhipha umndeni wakho esigodini sosizi, ubacelela intethelelo!
54.Usubhajadisiwe, ezulwini kokhishwa izingelosi zibafune abakini nomaphi lapho bekhona, zibageze zibangenise emzini oyingcwele.
55.Ngisho umuntu efuwe ngumthakathi, kodwa akakwazi umthakathi ukwenqaba naye uma sekufike abasezulwini bezomlanda!
56.Kwenye intshumayelo uShembe uthi: “Uma ngabe abantu bebazi, babezobuthana kanye nathi eKuphakameni; sikhalele abasekufeni, ngoba basosizini.
57.Sasizonxusa ukuba bagezwe, bathethelelwe izono zabo, bangene eMzini oyingcwele.
58.Namuhla yilowo nalowo akanxusele uyise nonina kuNkulunkulu ukuba bakhunjulwe ekudingisweni, babuyiselwe e-Eden elinguMoya wakhe, ethembeni elisha.”
59.Ekukholweni kwethu, kumele njalo sikhumbule izihlobo zethu ezisosizini ngezindlela ezahlukene, abasesigodini sosizi, sibakhiphe ngokubanikelela, asebeyimikhovu yabathakathi, nabo sibalande lapho!
60.Ekuqaleni ngithe uNkulunkulu kaMose usephakathi kwethu. Kulabo abakuthandayo ukukholwa, njengoba uShembe esho, ukukholwa kwangempela akulula!
61.Kodwa umvuzo wokukholwa unobuhle obunge qhathaniswe nalutho lalapha emhlabeni.
62.Ekufikeni kwengelosi phakathi kwethu sadonsa kanzima, sayekiswa zonke izinto esizejwayele ukuzenza, sazalwa kabusha!
63.Senqatshelwa ukuya emzini yabantu njengebandla, ngaphandle uma sothandaza. Senqatshelwa ukuthi noma sothandaza sifike sidle!
64.Yaqedwa imishado yasemakhaya, yathi ingelosi umshado awuphelele esontweni, nelobolo kwathiwa inkosazana ayilotsholwe ngo R16 000, kanti ongasaphelele kube ngu R15 000.
65.Zaphela izibizo, nakho konke okwenziwa emshadweni yabashadayo. Ingelosi yavuselela yonke imithetho yabandla njengoba yayifundiswa nguMprofethi!
66.Eziningi zalezi zinto sasingaboni ukuthi sizozenza kanjani, ngoba sihlala nabantu abangakwemukeli okuthiwa asikwenze. Kodwa sagcina senza lokhu esikufundiswa yingelosi!
67.Kodwa lokho kulalela, senze, kube nomvuzo oyisimanga! Ngo 2019 ingelosi yasazisa ukuthi kuza isifo esibi esizobulala abantu abaningi.
68.Yabe isithi: “Ngoba nina ningabantwana bakaNkulunkulu, uma nicela ukuvikeleka kulesi sifo, uJehova uzonilalela, anisindise!”
69.Ingelosi yabe isithi asifake imichilo yamasaka okhalweni. Yathi lemichilo imele uphawu olwanikwa abantwana bakwa-Israel ukubavikela mhla ingelosi izobhubhisa amazibulo emindeni yaseGibhithe.
70.Njalo ngesabatha sayifaka lemichilo yamasaka, sacela kuNkulunkulu ukuthi sonke kanye nemindeni yethu singabulawa yilesi sifo.
71.Safika isifo, sabulala dokotela, sabulala nesi, sabulala mfundisi, sabulala wonke umuntu!
72.Emazweni amaNdiya bathatha izithixo zabo baziphihliza phansi, ngoba zingakwazi ukubavikela kulesi sifo!
73.E-Italy kwakunesicebi esinayo yonke into, kodwa kwafa wonke umndeni wakhe, wasala yedwa. Wavele wagibela esitezi sakhe, waziphonsa phansi, wafa!
74.Kodwa ingelosi yayilokhu ishilo ukuthi fakani imichilo yamasaka, nikhale kuJehova ukuthi anisindise kanye nemindeni yenu!
75.ICovid 19 yaqala yaze yaphela kungekho nelilodwa Ilunga lase NCG elake lafa, noma owake walila ngokuthi sekukhona ilunga lomndeni eselibulawe i-Covid 19!
76.Njengoba ingelosi yabe isitshelile, sesinobufakazi bokuthi loNkulunkulu owayehamba nabantwana bakwa-Israel, manje usephakathi kwethu!
77.Lengelosi uJehova owathi ayihambe nabantwana bakwa-Israel ku-Exodusi 23 from verse 20, namuhla iphakathi kwethu, siyibona ngamehlo!
78.Ukuhlala nengelosi kusenze sazi izinto eziningi abantu abangazazi ngamandla kaJehova uNkulunkulu wethu!
79.Manje sesiyazi ukuthi ngokuhamba ngezimiso zikaJehova, siba ngabantwana bakhe, esenzele konke esikucelayo!
80.Ingelosi isifundise ukuthi asikucele ngokukunikelela ukuthi singafi sisebancane, size siguge; ekufeni singaguli kakhulu, futhi ekufeni kwethu singadluli ethuneni, sivele siqonde ezulwini!
81.Besilibandla elifa kakhulu, njalo ngonyaka kufe noma abantu abathathu, kufe nabagcotshwa!
82.Yabe isithi ingelosi asilivale lelithuna, kungaphinde kwenzeke ukuthi Ilunga lalelibandla life, ikakhulukazi ngomhlangano.
83.Lokhu saqala senza iminikelo sicela lokho, sekuphele iminyaka emithathu egcwele singakaze singcwabe kulelibandla!
84.Manje sekuyacaca ukuthi yonke lento esiyifundiswe yingelosi iyenzeka, uNkulunkulu usephakathi kwethu!
Namuhla sesiyazi ukuthi uma abantu behamba ngezimiso zikaJehova, yena uba nguYise wabo, abenzele konke abakucelayo!
INkosi ibusise izwi layo.
Lentshumayelo iyatholakala ku Youtube nakufacebook othi Rev Mpanza NCG.