Ingelosi yangitshela ukuthi sogcina sibuyele eJerusalema! Njengoba uJehova wethembisa, lelizwe logcina kulabo uJehova owabethembisa lona! Okwashiwo nguJehova akunakugudluzwa ngumuntu!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi: “Isizwe sikaNkulunkulu neZwe leSethembiso.”
2.KuDutoronomi 14:1-2, uJehova wakhuluma lamazwi ngoMose kubantwana bakwa-Israel, wathi: “NINGABANTU
BAKAJEHOVA UNKULUNKULU WENU, ANIYIKUZISIKA, ANIYI KUWAGUNDA AMAKHANDA ENU ngenxa yabafileyo.
3.NGOKUBA NINGABANTU ABANGCWELE KUJEHOVA, uJehova unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.” Amen!
4.Sesikuchaze kaningi ukuthi abantwana bakwa-Israel, okwakuyi sizwe samaHebheru, kwakungabantu abamnyama. Le akuyona inkolelo, kodwa ngumlando oliqiniso!
5.UNkulunkulu wakhipha abantwana bakwa-Israel eGibithe ebugqilini bukaFaro, okwathi besendleleni wenza isivumelwano nabo sokuthi sebeyisizwe sakhe esingcwele!
6.Ngakhoke uyobenzela noma yini abacela ukuba abenzele yona, bese bona bagcine yonke imithetho yakhe njengoba ibhaliwe emqulwini obizwa ngokuthi INCWADI YOMTHETHO.
7.KuDuteronomi 28:1-!4 uJehova wachaza zonke izinto oyobenzela zona uma behamba ngokwezimiso zakhe.
8.Kodwa kusukela kuvesi 15 kuya 68, uJehova wazibala zonke
iziqalekiso ezobehlela uma bemhlubuka, bengayigcini imithetho yakhe!
9.UJehova wahamba nalesi sizwe waze wayofika eKhenani, okwakuyi lizwe owayelethembise ukhokho wabo u-Abrahama
ukuthi uyolinika izizukulwane zakhe.
10.Sebefikile eKhenani, namuhla esibizwa ngokuthi iPalestine, kulapho abazithathela khona umuzi obizwa ngokuthi iJerusalema, esizweni samaJebusi, la iNkosi uSolomoni akha khona ithempeli likaJehova.
11.Sebefikile eKhenani, baba ngubukhosi obukhulu nobuqinile, buhamba ngokwezimiso zikaJehova njengoku fundiswa nguMose!
12.Kodwa emva kokubusa kwenkosi uSolomoni, lobu bukhosi
behlukana kabili, kwaba ngubukhosi bakwa-Israel okwakwakhiwa izizwe ezilishumi, bese kuba ubukhosi bakwaJuda okwakwakhiwa yizizwe ezimbili.
13.Isizwe sakwa-Israel yisona esaqala ukuhlubuka uJehova ngokungayigcini imithetho yakhe, wabe uJehova useyasuka
kubo!
14.Sesimhlubukile uJehova, lesi sizwe sanqotshwa yizizwe eziningi, okwaphetha ngokuthi ama-Assyrians asithumbe, awabe usabuya ubekhona umbuso wakwa-Israel.
15.Kodwa isizwe sakwaJuda, esanamathela kuJehova, umbuso waso waba khona iminyaka cishe engu 150 sewaphela owakwa-Israel.
16.Yikho-ke kulesi sikhathi singasakhulumi ngabantwana bakwa-Israel, kodwa sesikhuluma ngamaJuda.
17.NamaJuda, njengoba nawo ayengasahambi ngomthetho kaJehova, agcina ehlulwa yizizwe eziningi, kodwa wona noma kunjalo akaze ahlakazeka.
18.Isizwe esagcina ukuhlakaza isizwe samaJuda ngo 70 A.D. kwaba isizwe samaRoma.
19.Sekukaningi sasikhuluma ngalempi yamaJuda namaRoma
eyaba ngo 66 kuya ku 70 A.D, ngakho asizolokhu siyichaza.
20.Okubalulekile ngokunqotshwa kwamaJuda kulempi, ukuthi amaJuda ahlakazeka umhlaba wonke njengama-Israel, abanye babalekela eWest Afrika, amanye anqamula uGwadule iSahara aze azofika lapha eMzansi ne-Afrika!
21.Inkinga yesizwe sakithi ukuthi noma umuntu ethi unguSomlando, kodwa akazihluphi ngokulandela wonke umnyombo ngesizwe sakubo. Iningi lethu ligcina ukuba nolwazi ngalesi sizwe kusukela ko 1600.
22.Akakho koSomlando bakithi ongakutshela ukuthi kusukela
ku 70 A.D. kuya ku 1500 sasikuphi lesi sizwe esagcinela eMzansi Afrika?
23.Mina angisiye uSomlando, kodwa kwathi uma ingelosi
ingichazela ukuthi amaZulu ayinzalo kaJuda, ngaqala ukwenza ucwaningo ngawo wonke umlando wesizwe sakithi kusukela
sisese North-east Africa eyaziwa ngele Middle East namuhla!
24.Ngabe sengithola imephu eyenziwe ko 1700 yase West Afrika eyayinezwe elibizwa ngokuthi iNegroland, izakhamuzi
zalo zikwi Kingdom of Judah, kanye neminye imindeni yesizwe sabantwana bakaJakobe.
25.Kwangidida ukuthi njengoba iKingdom of Judah yayise Middle East, manje sekwenzeka kanjani ukuba ibe se West Afrika? Kodwa ngithe uma lombuzo ngiwubuza ku Google,
impendulo yathi basuka ePalestine.
26.Ngase ngiba nesiqiniseko sokuthi ngenkathi amaJuda ebaleka emva kwempi ka 70 A.D., abanye bagcina ngokuzinza
eWest Afrika!
27.Okunye okwangidida ukuthi njengoba safundiswa ukuthi amaJuda kwakungabamhlophe, babizwa kanjani abamhlophe ngokuthi bangamaNegro, okusho umuntu omnyama?
28.Ngabuye ngathola izincwadi ezazibhalwe ngabamhlophe ababelapha eNatali, bechaza ukuthi amaZulu ngamaJuda, nokuthi eminyakeni yo 1850 amaZulu abamhlophe babewazi ngokuthi ngamaJuda, benobufakazi balokho!
29.Ngabuye futhi ngathola umlando waseTopiya, ukuthi inkosi uSolomoni wathandana neQueen yaseTopiya baze bathola umntwana owagcina eyinkosi eTopiya, nokuthi lolu libo lobukhosi bakwa-Israel eTopiya lwaze lwafika enkosini uHaile Selassie!
30.Njengoba sake sakuveza ngaphambili, iTopiya ilona lizwe kuphela e-Afrika elingakaze liphathwe ngabamhlophe ngoba
abasukanga emthethweni kaJehova njengoba ubhaliwe kuyiTorah kuze kube manje!
31.Kwenye yama-articles ngithole omunye umlungu ekhuluma kanje: “Lesi sithombe esilenga emasontweni okuthiwa ngesikaJesu, ngesikaCesare Borgia owabe eliNtaliyane elazalwa eminyakeni yo 1500, liyindodana kaPope Alexander 6.
32.Ukuze izigqila ezimnyama zihlale zicindezekile ngaphansi kweRome, uPope waqasha uLeonardo Da Vinci ukuba
adwebe isithombe sikaJesu omhlophe ukuze isizwe esimnyama sihlale sazi ukuthi uJesu kwakungumlungu!
33.Nangu uPope eguqe phambi kwesithombe sikaMaria unina kaJesu ongumuntu omnyama, noJesu ogoniwe yingane emnyama! (Lesi sithombe sibekiwe odongeni).
Lokhu kungubufakazi bokuthi uJesu akakaze abengumlungu!” Amen!
34.Lomlando besivele siwazi, kodwa sivinjelwa yisizwe sakithi ukuwuveza, kuthiwa asiveze lo ongamanga odukisa abantu bakithi!
35.Omunye futhi umlungu ekhuluma ngamaJuda akwa-Israel, lendaba uyibeke kanje: “Lelizwe lamaKhazar-Zionists u80% wawo akakholwe ndawo!
36. Kuze kube manje kusukela ekwakhiweni kwalelizwe, ngenke ungitshengise umJuda odabuka kumaMizrahi, noma
amaBeta Israel aseTopiya, okuyinzalo yesizwe esathenjiswa nguNkulunkulu!
37.Iningi lalaba bantu abaseJerusalema namhlanje bangama-Ashkenazi, badabuka ePoland, e-Ukraine, e-Belarus nase Russia. Lelizwe lathenjiswa lamaJuda-mbumbulu, elethenjiswa yi Britain okungasibo abanikazi balo.” Amen!
38.Nalapha besivele sazi ukuthi lamaJuda aseJerusalema angamaJuda-mbumbulu, kodwa abamnyama asebazenza belungu besenqabela ukukuveza lokho!
39.Kodwa uNkulunkulu kuyi-Sambulo 3:9 uthi: “Lalela-ke, ngiyakubakhipha eSinagogeni likaSathane labo abazishaya
amaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga!
40.Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile!” Amen!
41.Angazi ukuthi abantu abamnyama uma befunda lelivesi
bayaye bacabange ukuthi uNkulunbkulu wayebhekise kobani?
42.Njengokusho kukaSolwazi uRudolph R. Windsor nabanye, lelizwe lasePalestine elalibizwa nge Middle East lalinezizwe ezimnyama, azikaze zibe khona eMiddle East izizwe ezimhlophe!
43.Njengoba uJehova wayevele eshilo kuDutoronomi 28, emva kokunqotshwa ngamaRoma ngo 70 A.D., lesi sizwe sikaJehova sahlakazeka sagcwala umhlaba wonke sagcina ngokuba zigqila zazo zonke izizwe!
44.Kodwa ngo 476 A.D. iRoman Empire yawa, lelizwe lase liwela ezandleni zamaMongols, laphinda lawela kuma Mamelukes aseGibhithe, lagcina seliphethwe yi- Ottoman Empire, okungama-Arab ase-Anatolia. Ezinye izifundiswa zithi ama-Ottoman ayengama Turk.
45.Kusukela ngo 1517 kuya ku 1917 iPalestine yabe isibuswa ngumbuso wama-Ottoman.
46.Kodwa lombuso wahlaselwa wanqotshwa ngamaNgisi ngeMpi yokuQala yoMhlaba, kwase kuthi ngo 1923 iLeague of Nations yavumelana ngokuthi amaNgisi lelizwe akalibuse aphinde emukele ama- Ashkenazi Jews, nabo ababemhlophe, ukuba bahlale khona!
47.Ngo 1948, njengoba kwenzeka ngalonyaka nase-South Afrika ukuthi izwe lethu amaNgisi alinike amaBhunu, kanjalo ngawo lowo nyaka izwe lasePalestine amaNgisi alipha ama-Ashkenazi!
48.Kodwa kungimangalisile uma sengizwa umholi wamaJuda omhlophe uNetanyahu, esethi sebehlale ePalestine iminyaka engu 4000, ngalokhu echaza ukuthi yibo abayinzalo kaJakobe!
49.Kumele uNetanyahu achaze ukuthi kusukela nini kuya nini ama-Ashkenazi esePalestine?
50.Uma siphucwa izwe nobuzwe bethu ngezinye izizwe sibhekile, uyaye uthi uma uthi lento uyayiqondisa, uvukelwe yibo abantu bakithi, uvele udideke ukuthi kanti siyisizwe esinjani?
51.Njengoba sengike ngachaza, kuyaye kusize abanye kwabamhlophe abaze baphikise lomlando wokuthi lamaJuda asePalestine ayinzalo kaJakobe, kodwa thina sivele sivume konke!.
52.Izizwe ezimhlophe zisiluthe ngezinto ezisobala, nathi sakwemukela lobu buwula esenziwa khona!
53.Yinto esifakazelwe ngisho iDNA ukuthi isizwe samaHebheru esifunda ngaso eBhayibhelini, ngokhokho bethu, okungama Negro, amaBantu, amaLemba, nezinye ezikhona lapha e-Afrika!
54.Kodwa isizwe esimnyama sinamathele kulelilumbo elakhiwe ngabamhlophe!
55.Noma sebetshelwa ukuthi loJesu esamakhelwa isizwe esimhlophe akekho, kodwa kwachithwa umprofethi wethu, basakhela isithixo sabo, lomlando oqondile uvele uphikiswe ngabantu bakithi!
56.Njengoba iSouth Afrika imangalele lamaJuda-mbumbulu aseqhwage iJerusalema, kunabantu abamnyama abavuna ukubulawa kwamaPalestiniana yilamaJuda, yize umhlaba wonke, ngaphandle kweDA, uhalalisela iSouth Afrika ngalesi senzo!
57.Kusenabantu abamnyama abasaphikelela ukuthi lamaJuda-mbumbulu aqalekiswa nguNkulunkulu, kuyiSambulo 3.9, kuseyiyo inzalo kaJakobe, bayaziphika bona!
58.UNkulunkulu usebuye wakhuluma futhi kuMprofethikazi wase USA, uCelestial, washo khona lokho owakusho ngoJohane ku-Isambulo.
59.Mhla ka 8 January 2024 uJehova ufikile kulomprofethikazi, wamchazela ngobuqili balamaJuda-mbumbulu! Uthi-ke
uJehova: “IMelika chithe imali yayo nengcebo yayo isekela isizwe esinamanga ngokuthi sithi singu-Israe!
60.Lesi sizwe samanga esikhona njengamanje ezweni lakwa-Israel siphange i-USA, baluthathe kalula uthando lwayo, kodwa neMelika iyazi ukuthi bayisixuku sabaqambimanga, bathathe
ubuzwe bamanga! NeMelika banisiyingxenye yalamanga!
61.Uthi-ke uJehova: “Kusukela ngo1948 kuqanjwa lamanga, iMelika yayazi ukuthi kuqanjwa amanga lapha!
62.Uthi-ke uNkulunkulu: “Uma uchitha imali yakho usekela lesi sizwe samanga, useseka kulawo manga, nawe usukanye naso, uyobhujiswa kanye naso! Nganixwayisa kuyiSambulo 3:9 ngalesi sizwe esithi singamaJuda singesiwo!
63.AmaHubo 83, lihubo lika-Asafa, lichaza konke abezizwe abakwenza ukuqeda ngalesi sizwe sikaJehova!” Amen!
64.Kuyishwa-ke ukuthi phakathi kwethu kube nabantu abamnyama abasola iSouth Afrika ngokuthi imangalele lamaJuda-mbumbulu ngokubhubhisa amaPalestine!
65.Kuyezwakala kwabamhlophe ngoba vele nabo bangabacindezeli bethu!
66.Kuzogcina kunempi yomhlaba ezosuswa yilesi senzo salamaJuda-mbumbulu!
67.UJehova useshilo ukuthi elakwa-Israel namadlela- ndawonye alo, okuyiMelika namanye ama-European Countries, bazonqotshwa kulempi!
68.Leli lizwe uJehova uyolibuyisela kulabo owafunga ngabo emandulo ukuthi kohamba kuhambe libuyele kubo njengesethembiso sakhe!
69.Ingelosi yangitshela ukuthi sogcina sibuyele eJerusalema! Njengoba uJehova wethembisa, lelizwe logcina kulabo uJehova owabethembisa lona! Okwashiwo nguJehova akunakugudluzwa ngumuntu!
INkosi ibusise izwi layo.
Le ntshumayelo iyatholakala ku Youtube nofacebook othi
Rev Mpanza NCG.