Ithike iNgelosi uma ichaza, uJehova inhloso yakhe enkulu uma ekhipha abaprofethi umhlaba wonke ukuthi abahambe bayoshumayela bayotshela abantu ukuthi babuyele kuJehova. Inhloso kwakuwukuqoqa lamakhiwane Amahle ukuba abuyele kuye.
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 13 April 2024 : UMfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza.
ISIHLABELELO 70
Ngowela ngijabhile
Emfuleni wase Huze,
Ngaphesheya kwawo he!
Ngoyamkela intokozo yami.
Chorus: Imana efihliweyo
Ngoyifumana khona.
Netshe legama lami.
Ngolifumana khona.
2 Ebengiyilindele
Phezu komfula waseHuze.
Kulapho izincwadi zophenywa
Zemisebenzi yethu.
Chorus:
3 Uma wenele injabulo
Hamba masinyane,
Uma wenele injabhiso
Woyifumana khona.
Chorus:
4 Bonke abakhulu nabancane
Bayakwabelwa ngalokho
Okulotshiweyo
Ezincwadini zabo.
Chorus:
5 Hhayi weNkosi yami
Ungayiphenyi eyami incwadi
Ngubani oyakuma
Ethenteni yakho Nkosi.
Chorus:
1.Makabongwe uJehova, ngiyabonga nami phambi kobuso beNkosi enkulu yaseKuphakameni uJehova owadala izulu nomhlaba. Ngibonga ukuthunywa uMelusi ukuthi namuhla nami ngibe ngokhonjiwe ukuthi ngiguqe phambi kwabantwana bakaNkulunkulu.
2.Isihloko kungabe uNkulunkulu uJehova wayehloseni ngamabandla onke angaphansi kwakhe. Sibuthene lapha namuhla, ziningi izindawo ebesingaya kuzona, lapho okujatshulwe khona, lapho okufudumele khona njengoba kubanda, lapho ekuphuzwa khona amatiye.
3.Kodwa asiyanga khona ngoba asikhethelwanga khona. Ukuzihlanganisa noNkulunkulu, akufani nokuzihlanganisa nomuntu ophelayo. UNkulunkulu bantwana baseKuphakameni uthando lwakhe alulingani nolamuntu.
4.Ake sifunde uJeremiya 24 sizwe inhloso kaJehova ngomuntu wakhe, ukuthi uNkulunkulu uhloseni ngathi. Evesini lokuqala size siphelele kweleshumi.
Jeremiya 24 verse 1-10
“Amaqoma amabili amakhiwane
5.(1) UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi, wabasusa eJerusalema, wabayisa eBabele.
6.(2) Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo.
7(3).Wayesethi uJehova kimi: “Ubonani, Jeremiya, na?” Ngathi: “Amakhiwane; amahle, ngamahle kakhulu, namabi ngamabi kakhulu, enganakudliwa ngobubi bawo.”
8(4).Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda, engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle.
9.(5) Ngiyakuwabhekisa amehlo ami kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli zwe, ngibakhe ngingabadilizi, ngibatshale ngingabasiphuli.
10(7). Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova; bayakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.
9.(8 )‘Kepha njengamakhiwane amabi engenakudliwa ngobubi bawo, impela kanjalo,’ usho kanje uJehova, ‘ngiyakwenza kuSedekiya inkosi yakwaJuda, nasezikhulwini zakhe, nakuyo insali yaseJerusalema, abasele kuleli zwe nabakhile ezweni laseGibithe.
10.(9) Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.
11(10). Ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.’
12.Bantwana baseKuphakameni konke okwalenkonzo enginikiwe kusukela lapha kulamazwi ukuthi uNkulunkulu inhloso yakhe ukuba sibuyele kuye.
13.Ngiyathemba ukuthi sonke siyezwa ukuthi isibonakaliso esehlela uJeremiya, wabona amakhiwane amahle, amahle ayinqalabutho. Kodwa waphinde wabona amabi, anganakudliwa ngobubi bawo.
14.Ngithike bantwana baseKuphakameni konke akusukele lapha, iyonanto uNkulunkulu ayifunayo, usho njalo uNkosazana, ingelosi yezulu uma ikhuluma ngalawamazwi.
15.Uthi “Kufanele abantu bazi ukuthi uNkulunkulu ufunani, nokuthi abantu bazazi ukuthi bona, bafunani” amazwi bantwana baseKuphakameni uJehova owakhuluma kuJeremiya, asifundisa ukuthi asikhethe khona manje,
16.Uma ngabe kusekhona abadidekile, kodwa thina asididekile njengoba amakhiwane amahle anjengenqalabutho, uyazibonala, uyazizwela nawe ukuthi uJehova utheni ngawo.
17.Amazwi amnandi bantwana baseKuphakameni, ashiwo uJehova, ilawa athi uyobuya kithi, abe nguNkulunkulu wethu, sibe ngabantu bakhe.
18.Uma kuwukuthi, ungayinaka indaba yase-NCG, yamaNazaretha kaNkulunkulu ungayiqonda kahle lento ekhulunywa lapha.
19.Njengoba bantwana baseKuphakameni kwaze kwaba khona lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, laba khona ngoba uJehova wayefuna amaqabunga amahle, lawa ayingqalabutho.
20.Uma uJehova esewatholile, uphinde uyakhuluma ngamabi, ubala nemisebenzi ayoyenza ngawo, nezehlo ayozehlisa.
19.Ithike ingelosi kaThixo, uma nibona abantu behlekisa ngevangeli likaJehova, behlekisa ngomsebenzi kaNkulunkulu, ningabalekeleli, kodwa khumbulani nina, ukuthi nikhethiwe naba ngamaqabunga Amahle, nabangamakhiwane Amahle ayinqalabutho uJehova alindele ukuthi abuse ngawo.
20.Ithike iNgelosi uma ichaza, uJehova inhloso yakhe enkulu uma ekhipha abaprofethi umhlaba wonke ukuthi abahambe bayoshumayela bayotshela abantu ukuthi babuyele kuJehova. Inhloso kwakuwukuqoqa lamakhiwane Amahle ukuba abuyele kuye.
21.Uma kukuthi wena othunyiweyo ukuthi hamba uyoqoqa kodwa ungaqoqi, noma uqoqile ungaqoqeli uJehova uziqoqele wena ngokwakho. Ngalawomazwi bantwana bokukholwa, siqoqelwe kuJehova, saba ngamakhiwane amahle, afanele ukuthi uJehova athokoze ngawo.
22.Noma singeke sonke saba njalo, kuyoba khona lapho omubi afika khona eyakhe kodwa hhayi sonke, uNkulunkulu unenhloso enhle ngalelibandla, kungakho bantwana baseKuphakameni akwazi ukuthi aqonde ngqo kumuntu amaziyo ukuthi uma eke wakhuluma kuyena, angeke akujikise lokho futhi angeke enqabe, futhi udumo lwakhe luyosabalala umhlaba wonke.
23.Ithike ingelosi yezulu, nalapho kwelakithi eNingizimu Africa uShembe wathunywa, wakhethwa naye emazwulini ukuba ehle, ehlele kulesisizwe esonile, esisona nanamuhla, ukuthi naye azoqoqa lokhu okuyoqoqeka, okuyoqoqeka kuyoqoqeka, okuyohlakazeka, kuyohlakazeka.
24.Uthike uma ulalela uShembe ukuthi uthini kulesisihlabelelo esikade sihlatshelelwa, uma uShembe ethi kulapho izincwadi eziyakuvulwa khona zemisebenzi yabo.
25.Akasho ukuthi kulapho okuyovulwa khona izincwadi ezishoyo ukuthi obabamkhulus sabahlabela izimbuzi ezingaki.
26.Ithike ingelosi iyadabuka uma amaNazaretha engayinaki inkulumo kaBabamkhulu kodwa akhethe ukudumisa oyisemkhulu, okwakuthunywe uShembe ukuthi alande bona abafake ebungcweleni.
27.Ngithike bantwana baseKuphakameni, engathi uJehova engasithanda njalo njengoba wayesithandile, engathi uJehova engelususe uthando lwakho.
28.Wayesithandile ngokuthumela uMprofethi kithi, ezositshela ngolimi lakithi ukuthi uJehova ufunani, ezokusiqoqa, esiqoqela ekukhanyeni kwezulu.
29.Wabhala nezihlabelelo ngenhloso yokuthi singasuki kuJehova, wasilobela ukuthi siyothi uma sesiwela sijabhile Emfuleni waseHuze, kodwa futhi zisazophenywa izincwadi zemisebenzi yethu. Uthi hhayi Nkosi yami ungayiphenyi eyami incwadi, ngubani oyokuma etendeni yakhe Nkosi.
30.Konke lokho kuwubufakazi bokuthi uShembe wayethunyiwe nguNkulunkulu ongumdali wezulu nomhlaba, futhi kuwubufakazi bokuthi uShembe wafika emhlabeni.
31.Izihlabelelo asishiyela zona, wayenzela ukuthi zibe isikhumbuzo kithi, noma singasamuboni emehlweni ethu kodwa leziz zihlabelelo zibe isikhumbuzo ukuthi uShembe wathini kithi.
32.Kodwa namhlanjena asisafuni ukubheka lezizihlabelelo ezinomyalo omuhle ofakana ezulwini, sesiye sifuna ukuba sihube amahubo ezizwe, lezi zizwe uShembe athunywa ukuba eze kuzo ukuba zilahle izikhale, zithathe inkolo kaJehova.
33.Kodwa namuhla, asisakubuki okwabhalwa uMprofethi wethu kodwa sesisho amahubo empi Phakathi ebandleni, uShembe wehla ezulwini ngomusa kaJehova ezoqeda ngaye izimpi ezazidalwe uSathane.
34.Kodwa namhla sesibona amakholwa egiya eqephuza, egiya, egiya ukugiya uShembe owafika wakhipha obabamkhulu kuwo, wabanikeza umgidi, ukuba bagide, basine, basinele uJehova.
35.Uthi uJeremiya wabona, uyambuza uJehova ukuthi wabonani, uboneni, uthi ngibonile amaqoma agcwele amakhiwane Amahle anjengenqalabutha.
36.Uthi ngiphinde ngabona namabi kakhulu anakudliwa ngobubi bawo, siqaphele bangcwele ukuthi singabi ilawomakhiwane abonwe uJeremiya amabi anganakudliwa ngobubi bawo.
37.Ithi ingelosi yezulu kulelibandla, liyoba ngelikaJehova kuyoze kubhubhe umhlaba kungelikaJehova. Ngamanye amazwi akekho umuntu kulelibandla likaJehova oyobonakala egiya, enza lokho uShembe owayethunywe ukuba azokhipha abantu kukho.
38.Akekho umuntu lapha kulelibandla onelungelo lokukhuza izaga zezwe, akekho umuntu kulelibandla likaJehova, onelungelo lokubonaka egxoba itoyitoyi Phakathi ethempelini.
39.Sonke siphila emhlabeni, siyazi ukuthi kukhona amaqembu awamele izinto ezifanayo, uzikhethela wena olibonayo ukuthi leli limele into eyilo, nami futhi engiyiyona.
40.Kodwa lokho akusho ukuthi endlini kaJehova lapho esidumisa khona uJehova kufanele ukuthi udumise leloqembu, konke kunesikhathi sakhe. Kodwa ethempelini uJehova usuke elindele ukuthi kusinwe kusinelwe yena, uJehova usuke elindele ukudunyiswa nguwe.
41.Ngithike bantwana baseKuphakameni, ithike iNgelosi uma inika le ncwadi, uthike lamazwi awabe isexwayiso, kubantwana bakaNkulunkulu, uthi awasenakukhulunywa kwezinye izindawo, kukhulunywa kini nina enivumile ukuba ngabantwana bakaNkulunkulu.
42.Nina enivumile ukuba nidumise uJehova yedwa, nina enivumile ukubheka ukuthi uMprofethi wathini nokuthi uMprofethi wayezokwenzani lapha emhlabeni.
43.Ngampela bangcwele akusekho lapho ongathi uma ufika khona uthole kukhulunywa ngoBabamkhulu, sekungamaNazaretha kaNkulunkulu kuphela akhuluma indaba kaBabamkhulu.
44.Iwona wodwa asamazi ukuthi lento ebizwa ngobunazaretha yehla naye, nguyena owafika nayo, nguyena owathunywa nguJehova, nguyena owakhuluma noNkulunkulu entabeni
yomhlangano iNhlangakazi.
45.Nguye yedwa kulelizwe lakithi uMprofethi owakhuluma noNkulunkulu, wamukela iziyalo zikaNkulunkulu embona ngamehlo.
46.Noma esemukele, akazange athukuse nakunye, ubhalile esihlabelelweni wathi “Bandla elikhulu likaMenzi wezulu nomhlaba”
47.Leligama elisho njalo, libeka uShembe obala, uma ngisho uShembe ngisho uMprofethi Isaiah Shembe, lapha e-NCG uma sikhuluma nguShembe sisuke sikhuluma ngoBabamkhulu.
48.Sifisa ukuthi nabantwana bethu bazi, bakhule bekwazi lokho ukuthi uma sikhuluma nguShembe, sikhuluma ngoMprofethi kaNkulunkulu owahamba wayohlala emgedeni, wayolindela uJehova.
49.Ngithike bantwana baseKuphakameni usho njalo uthike iqoma lalinamakhiwane Amahle kakhulu anjengamakhiwane ayinqalabutho, elinye iqoma laliphethe amakhiwane amabi.
50.Abantu bayamuzwa ukuthi uJehova uyokwenzani, ukuthi uyokwenzani ekugcineni uma ngabe sivuma ukuba amakhiwane amabi.
51.Uthi-ke ngiyakubenza babe ingebhe nobubi emibusweni wonke womhlaba, babe ihlazo nesaga nesifenqo ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo. Ngiyakuthuma kubo inkemba nendlala nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.
52.Namhlanjena sinjani bantwana baseKuphakameni, namhla sinenkonzo yezicelo, ukuba sicele, sicele izinso, sicele amasosha omzimba, sicela ukuvikelwa empini yezikhukhula.
53.Uthini uJehova “Ngiyakubenza, babe ingebhe nobubi, emibusweni yonke yomhlaba, babe ihlazo nesaga, nesifenqo, nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyokubaxoshela kuzo.
54.Ngiyakuthuma kubo inkemba nendlala nesifo baze baphele ezweni engalinika bona nawoyihlo”
55.Ubani lapha endlini ongakuphikisa ukuthi lokho kukhona, indlala ikhona namhlanjena, ubani owayazi ukuthi kulelizwe lakithi kuyoke kube khona ukuphela kwemisebenzi ingaba khona.
55.Kwakulinywa kudliwa, umsebenzi wawuhlale ukhona, wawuphuma kwakho uhambe uyowufuna uwuthole. Ubani owayazi ukuthi lelizwi liyohamba lihambe liphelelwe amanzi.
56.Kodwa namhlanjena amanzi kukhona abantu njengoba sihlele lapha abangenawo amanzi, kulo lelizwe. Kodwa uJehova namhlanjena uthi ngiyakuthuma, uthi ngiyakubenza babe ingebhe nobubi embusweni yonke. Sindlani vele kuyo yonke imibuso yezizwe, ukhona yini onjengathi.
57.Le ngebhe iyo lena esizoyinikela ukuthi uNkulunkulu asihawukele thina njengoba sibuyele kuye.
58.Ngubani owayazi ukuthi kuyohamba kube khona isifo sezinso esiqeda abantu kangaka, ngubani yena owayazi ukuthi kuyohamba kuhambe kube khona isifo somdlavuza esesiqede abantu kangaka?
59.Ngubani yena owayazi ukuthi kuyhamba kuhabe kufike ingculaza njengoba isiqede abantu nje? Ubani umuntu owayesilindele lesi sifo, esafika sabulala izinsika zezwe?
60.Kodwake uthike uJehova ngiyothuma indlala nesifo baze baphele, ukhuluma ngaleliqoma ebeliphethe amakhiwane amabi, abengeke adleke ngobubi bawo. Usekhulumile laphayana kulawa amahle, ayinqalabutho ukuthi obuyela kuwo. Useshilo ukuthi ngabantwana bakhe abazakugcina bebuyele kuye, yena abe uNkulunkulu wabo.
61.Ngalawomazwi bantwana baseKuphakameni, ithike ingelosi ngiyamukhalela umuntu ongaboni ukuthi kulesi sikhathi samanje uNkulunkulu useseduze ukuthi awubhubhise umhlaba, babhubhe abaphikisana naye.
62.Uthi njengoba uShembe anincenga, nami ngiyanincenga, uthi noma ningahlupheka kangakanani kodwa nizazi nina ukuthi ni-rich kabi nina ngoba ningabantwana bakaNkulunkulu.
63.Uthi noma ngabe kungafika ntoni, noma kungafika ukufa kini kunithathe, kodwa ninendawo enilungiselelwe yona uma nenzile kahle ngalendlela uShembe anifundiswa ngayo ukuthi uJehova udunyiswa kanjani.
64.Uthi ningakukhathaleli, ningabi ngamakholwa akholelwa ekukhithezeleni kwabantu, kholelwani kumakholwa enibonana kahle nawo ukuthi ningabantwana bakaNkulunkulu, futhi niyawugcina umthetho kaNkulunkulu, futhi niyamesaba uNkulunkulu.
65.UNkulunkulu muhle ngoba uthi uma ngabe sewuzisola, uyakubuya kuwe, uye ubone nawe noma uyingane ekhaya, wonile kuyihlo, noma ungonanga lutho ubaba wakho ebona engathi wonile.
66.Kodwa ubonakale ukuthi ushayekile, kodwa uma ubaba ebona ukuthi umtanami noma ebengonile, kodwa sengisabathe ngiyadlula ngiyamubuka ngiyamubona umtanami ukuthi inhliziyo yakhe inempokophelo yokuthi abuye abe ngumtanami.
67.UBaba uyovula izandla athi buya mtanami ngoba uyabona ukuthi usumbonile ukuthi yini into angayithandi, bese ethi buyake manje ngoba usuyazi ngeke usakwenza lokhu, ubuyele kuye uma ngabe uzisola, kodwa hhayi abangazisoli.
68.Ngithike bantwana baseKuphakameni, uJehova usho njalo, kodwa iNgelosi ifaka lamazwi ithi uma ibeka isithi kunjengomuntu umntwana unjalo, uJehova unjalo akanakumlahla uma ngabe nizisola.
69.Uthi njengoba asho uShembe athi uJehova akanakuyidela inhliziyo edabukileyo kodwa ebheke kuyo.
70.Ngithike bantwana baseKuphakameni sisekulindeni, sizocela konke esasikucelile, nangezikhathi zokuwa kwabantu bewa ngapha nangapha, sacela.
71.Nanamuhla sizocela, sizoncenga kuJehova ukuthi asikhumbule asiphe izinso, asiphe amasosha omzimba, uJehova asibusise, asenze sikhule kahle, sikhule singaphazanyiswa izifo ezichithiwe, kodwa ke zichithelwe abona, zichithelwe isizwe esonile.
72.Uthena akanakusilahlela ukuthi siyincosana, uthike niyibandla elikhulu kabi ngoba nikwazile ukuthi niphile phansi kwesimo esibuhlungu sokulahlwa umndeni, ngoba yonke imindeni uma uthi usukhetha uJehova ithi ulahla oyihlomkhulu, ulahla thina noyihlo, ungazi ukuthi umlahla uma kunjani uma ukhetha uJehova.
73.Ngithike bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu akabe nathi, sibe ilawa makhiwane abonakala emahle eyinqalabutho.
74.INkosi ibusise enikuzwile.