Uma uthi unguNkulunkulu, uSathane usuke ekwenza isiwula, ngoba ekugcineni uNkulunkulu uzoqeda ngawe uselapha emhlabeni!
Usukwelizayo-ke kunzima kakhulu, ngoba uJehova uzokufaka esithandweni somlilo ingunaphakade!
Isihlabelelo 28
1.Uyeza uyeza
Umhla wokuphela
Uyakuma phambi kwakho
Noma ungathandi
Amagquma nemimango
Ayolelezeka.
2.Hhayi abaphel’ mandla
Ekukholweni kwabo
Bayogijima bekufuna
Ukukholwa kwabo.
3.Ngiyakukhalela
Wentombi nawe nsizwa
Uyokuthola ngasiphi isikhathi
Ukukholwa kwakho.
4.Icilongo lokuqala
Selizwakele
Umhlaba wonke,
Wazamazama
Uyogijima uzifihlephi
Nanti izwe selisongwa.
5.We mhlaba uyozifihlaphi
Nazo zonke lezo zoni.
Balekani zidindi
Uyeza uJehova.
INDLALA YEZWI LIKANKULUNKULU IPHEZU KWETHU.
1.Incwadi ka Hezekeli 3:16-19: “Kwathi ekupheleni kwezinsuku eziyisikhombisa kwafika kimi izwi likaJehova, lathi: “Ndodana yomuntu, ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu yakwa-Israel, ngakho-ke uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona.
2.Uma ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese ungamxwayisi endleleni yakhe embi, ukuba umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho!
3.Kepha uma umxwayisile omubi, kepha akaze akuyeka ububi bakhe, nendlela yakhe embi, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakho.” Amen! Lencwadi sayinikwa yingelosi!
4.Ngesabatha eledlule ngithe lesi sekuyisikhathi kumaKrestu sokubuya kukaJesu, kodwa kumaNazaretha sekuyisikhathi sokubuya kukaShembe! Ithi-ke ingelosi, angazi noma abantu bayabona yini ukuthi umhlaba usuyasongwa!
5.Abanye abantu bayaye becabange ukuthi ukubuya kukaJesu kusho ukungena kwamakholwa ngomusa kaJesu ezulwini, yize behlale beklodela uJehova bethi abasaphili ngaphansi komthetho wakhe! Kodwa bacabange ukuthi ngokuhlale bebiza igama likaJesu, lokhu kuzokwenza bangene ezulwini!
6.Sichazile ukuthi ezulwini uJesu noShembe nguMoya owodwa, njengoJesu noMelkizedeck, kodwa okuthi uma usulapha emhlabeni uthathe izimo ezahlukene!
7.Abantu abaningi basazodumala kakhulu, njengoba bedumalile uma bethola ukuthi loJesu abahlale bembiza akusiye lomlungu abamgaxe ezindlini zamasonto, kodwa iNdodana kaNkulunkulu ngumuntu omnyama owayefana naye uMprofethi u-Isaya Shembe!
8.Ingelosi ike yakhuluma into esethusile noma ibingaqali ukukhuluma lokhu, ithi: “Kumele nihlale niqonda ukuthi impilo yenu incike ekusebenzeleni uNkulunkulu, ngoba baningi abantu abafuna nife.
9.Abanye sebezame kaningi ukunibulala, kodwa bayehluleka, ngoba uNkulunkulu uyenqaba nani, usafuna nihlale lapha emhlabeni ukuze nisabalalise izwi lakhe emhlabeni wonke!”
10.Iyaqhubeka ingelosi ithi: “UNkulunkulu usehlukumezeke kakhulu kulama bandla amaNazaretha asamhlubuka, usephumile phakathi kwabo usehlala yedwa njengentandane, kuwo usefana nomuntu olahliwe!
11.Usethi lomuntu wasezulwini: “Manje kuseyini kuphela uNkulunkulu osakwazi ukuhlala phakathi kwenu athole ukuphumula, ngoba yinina kuphela enisamesaba ngokugcina imithetho yakhe!” Nempela-ke kunjalo, kodwa ngisazokuchaza lokhu.
12.Ekuqaleni ngifunde incwadi kaHezekeli 3:16-19. Kodwa ingelosi yabuye yasifundela incwadi kaHezekeli 2:4-7, lapho uJehova owakhuluma kanje kuHezekeli ngabantu bakwa-Israel:
13.“Laba bangabantu abanenkani nenhliziyo elikhuni, ngiyakuthuma kubo.” Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Noma ngabe bayalalela, noma abalaleli, ngoba bayindlu ehlubukayo, nokho bayokwazi ukuthi bekukhona umprofethi phakathi kwabo.
14.Wena ndodana yomuntu ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi nameva kuwe, uhleli nofezela, kodwa ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo!
15.Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela, noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki!” Amen!
16.Nokho kulesi sikhathi samanje kuthunywe umphristi, ngoba kulelibandla lamaNazaretha munye uMprofethi, iNkosi u-Isaya Shembe, uBabamkhulu kuphela!
17.Kodwa ngiyiso isithunywa sikaNkulunkulu, ngoba konke engikwenzayo ngithunywe yingelosi kaJehova ngokusobala, yona ethe ithunywe kithi nguShembe iNkosi iLanga!
18.Kumele sazi ukuthi noma uBabamkhulu wafa ngokwenyama, kodwa uMoya wakhe usalokhu uphakathi kwethu!
19.NgeSabatha eledlule ngiveze ukuthi uBabamkhulu wafika kanjani entombazaneni yomlungu ebithi ilinde ukubuya kukaJesu.
20.UBabamkhulu wafika kuyo wayitshela ukuthi nguye uJesu, nokuthi useze wabuye wahamba! Nakule ntombazane uBabamkhulu akafikanga ilele, kodwa yayibhekile!
21.Lentombazane yomlungu yaba namahloni ukuthunywa ngumuntu omnyama, yabe isithuma iNkosi uSiwela nomfundisi uNdaba ukuthi beze kuBaba iLanga lapha eKuphakameni bezodlulisa umyalezo woMprofethi!
Isihlabelelo 174.
1.Kuphakama uyidili
Lazo zonke izizwe
Ungumthombo wabomileyo
Bophuza banele.
Chorus: Woza ungisize
Ngingene eKuphakameni
Amasango engakavalwa
Ngingene eKuphakameni.
2.Izizwe zomhlaba
Bezilindele iNkosi
Manje seziyizwile
Ise Kuphaakameni.
Chorus.
3.Zavuma zathi yebo
Masiye eKuphakameni
Udumo siluzwile
Lwazo zonke iziwe.
Chorus.
4.Ungumthombo wabo bonke
Abomele izwi lakho
Bazophuza banele
Kuwe Kuphakama.
Chorus.
5.Mpompozela izinhliziyo zabo
Abomele izwi lakho
Impompozele wena Nkosi
Abomele izwi lakho.
Chorus.
22.Sesakusho ukuthi uShembe uBabamkhulu wahamba emhlabeni ngo May 1935, kodwa namanje ngoMoya usahamba phakathi kwethu, usithume ukuthi izwi likaJehova silishumayele ezizweni zonke!
23.Esikhathi esiphambili sakhuluma indaba yomfundisi uHlophe waseSwatini, ukuthi ngo1930 uBabamkhulu wafika kanjani eSwatini ehamba nabafana ababili ebabeke emahlombe akhe. Uthi-ke uHlophe, uBabamhlulu wehla emkhathini!
24.LoBaba wasezulwini wafike wathi kuye akayofunda esikoleni samaRoma, yena wasala wamelusela izinkomo.
25.UHlophe wagcina ethathwa ngamaRoma ukofunda kulesi sikole waze, iNazaretha, waze waqeda!
26.Kodwa okwathi esethi uyobhajadiswa, wafika uShembe wamenqabela ukubhajadiswa emaRomeni, wathi ‘wena ngenke ubhajadiswe lapha ngoba ungumfundisi wami.”
27.Uma uMfundisi uHlophe eyiqhuba lendaba uthi: “Ngithe sengise Piet Retief, wabuya loBaba wasezulwini kimi ebusuku, wangivusa, wathi angibuyele eSwatini, ngoba eSwatini ngizovakashelwa yinkosi. Kumele kuthi njalo ekuseni ngivuke ngishanele igceke ngilinde inkosi.
28.Ngathi angikwazi ukuvakashelwa yinkosi, ngoba ngingumntukazana, futhi anginayo imali yokubuyela eSwatini. Ngangicabanga ukuthi ngenkosi kushiwo uSobhuza!
29.Lomuntu wabe esengithinta kanzima emhlane, esethi: “Ngikuthinta kanje ukuze ungakukhohlwa engikutshele khona.”
30.Lapho angithinte khona kwaba buhlungu sengathi ngishiswa li-ayina; kwasala isibazi. (Nami ngasibona lesi sibazi emahlombe.)
31.Kwathi ngisahamba endleleni, kwavele kwaqhamuka isalukazi, sanginika u 5 shillings. Ngethuka ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ngiyinsizwa nginikwe imali isalukazi?
32.Kodwa yasheshe yabuya ingqondo ukuthi lemali ivela kuloBaba oyisimanga.
33.Ngabe sengibuyela ekhaya eSwatini, ngafika ngayixoxa lendaba yokubuyiswa yilomuntu onguBaba wasezulwini.
34.Kwase kuthi njalo ekuseni ngivuke ngishanele lonke igceke njengoba ngiyaliwe.
35.Ngobunye ubusuku, sekuhwelele, izulu likhemezela linezinkunku, ngabona isithunzi somuntu eduze komuzi wami. Ngathi uma ngisondela, ngathola ngempela ukuthi ngumuntu.
36.Ngambuza lomuntu ukuthi ungubani, futhi ufunani lapha ebusuku?
37.Wabe esethi kunomfana wakhe ohamba naye, omthume kulomuzi ukuba amcelele indawo yokulala. Kodwa lomfana asaze sambona.
38.Ekuseni ngaya kuye ngiyombuza ukuthi ungubani, futhi uze ehlwele nje uphumaphi? Ngabe sengithi lomuntu abamenzele itiye.
38.Kuthe amanzi esebila, kwatholakala ukuthi izinkambi azikho. Kwathi sisatatazela, lomuntu wavele wacaphuna emoyeni, wabuya no Five Roses usavaliwe, wathi: “Nazi izinkambi mnumzane uHlophe!”
39.Sisathuswe yilokho, sathola nokuthi ubisi alukho. Wavele futhi lomuntu wacaphuna emoyeni, wabuya ne Condensed milk ivaliwe, wathi: “Nalu ubisi mnumzane uHlophe.” Lento yenzeka nje abantwana abebenza itiye bakhona.
40.Abantwana baphuma babaleka, babiza wonke umndeni ukuba bezobona lomuntu onoyise, ukuthi akusiye umuntu!
41.Nomndeni wonke wagijima weza kulendlu engikuyo, nalomuntu wabona ukuthi abantu sebeyamxwaya.
42.Ngaso leso sikhathi lomuntu wajika, zaphela emehlweni ethu lezi zingubo ezimakiniki ebezembethe; babona esegqoke izingubo ezikhazimulayo, naye eseyinsizwa enhle encane, ekhazimulayo!
43.Baqala manje bonke abantu bahlehla, besaba kakhulu, babona ukuthi akusiye umuntu lo!
44.Kwatholakala ukuthi abasakwazi ukufika kimi engase ngivevezela ngihamba nalomuntu!
45.Kwase kuyacaca ukuthi lenkosi ebengilokhu ngiyilindele, nguye lomuntu. Ngabona ukuthi akusiye umuntu lo!
46.Wabe esesukuma lomuntu, ethi: “Hlophe, ngitshengise lonke igceke lakho, sengijahe ukuhamba, ngisaya eNingizimu, ngibuye ngiye eNyakatho.”
47.Ngahamba naye ngimtshengisa igceke, kwaba sengathi ngimbonisa igceke lakhe.
48.Kuthe uma abantu bembuka lomuntu, bathola ukuthi uhamba emoyeni, akathinti phansi!
49.Wavalelisa wahamba. Uthe engamamitha ako 300 kusuka kithi, wavele wanyamalala.
50.Emva kwesikhathi kwasengathi iyakhohlakala lendaba. Kuthe ngo 1960, kwafika uMbazini emzini wami ehamba edayisa obhayisikidi.
51.Ekuseni uMbazini wenza umthandazo wokuvuka, ngabona lesi sihlabelelo samaNazaretha esinoShembe uBabamkhulu.
52.Ngthe uma ngibona kuso ifodo likaBabamkhulu, ngethuka kakhulu, ngase ngibuza kuMbazini ukuthi walithathaphi ifodo lalomuntu, ngoba mina ngiyazi ukuthi lomuntu akekho lapha emhlabeni!
53.Ngase ngimtshela konke engikwaziyo ngaloBaba wasezulwini.
54.UMbazini wabe esengitshela ukuthi lo ngumholi webandla lamaNazaretha, kodwa wahamba emhlabeni ngo 1935, manje ibandla seliholwa yindodana yakhe.
55.Ngabe sengithi: “Ngise kulendodana yakhe, ngifuna ukuyibona! Uma kuyiyo le owayefike kimi nayo, ngizoyazi, nayo izongazi, ngoba mhla engelusela izinkomo wayaye afike nayo.”
56.Ngenye inyanga uMbazini wehla nami waya eMziphathe lapho okwakunomhlangano khona, kukhona uBaba iLanga.
57.Kwathi ngise sangweni eMziphathe, ngezwa sekumemeza umuntu ethi: “UHlophe waseSwazini, iyamfuna iNkosi!’ samane saxakeka sinoMbazini ukuthi ngubani owazi uHlophe waseSwazini. Kodwa wathi uMbazini angiye!
58.Ngafica uBaba iLanga ehleli eduze komuntu ebeke ekhanda lakhe ingubo owayemthandazela ngayo.
59.Ingibona iNkosi iLanga, yasukuma yangihlangabeza, yabe isithi: “HLOPHE WAYA ESIKOLENI UKOFUNDA NJENGOBA SAKUTHUMA?” Ngathi: “Yebo Baba, ngaya!”
60.UBaba iLanga wabe esethatha iBhayibheli elabe liphezu kwetafula, esethi angivule incwadi yamaKhosi esibili isahluko sesibili, kuvesi 8-10.
61.‘Ngayivula ngayifunda, kuthi: “U-Eliya wathatha ingubo yakhe wayisonga, washaya amanzi ahlukana kabili, bawela bobabili emhlabathini owomileyo.
62.Kwathi sebewelile, u-Eliya wathi ku-Elisha: “Cela engiyokwenzela khona ngingakasuswa kuwe. Wathi u-Elisha: “Makuphindwe kabili uMoya wakho phezu kwami.”
63.Kepha wathi: “Ucele into elukhuni, nokho uma ungibona ngisuswa kuwe, kuyakuba njalo kuwe, kodwa uma ungangiboni akuyikuba njalo.”
64.Emva kokufunda lencwadi, iNkosi iLanga yabe isithi: “Unenhlanhla Hlophe, ngoba ubonile inkazimulo kaNkulunkulu!”
65.Lengubo obethandazela ngayo isiguli, wayisonga kahle, wabe eseyinika mina, esethi: “Kusukela manje usungu mshumayeli wase Kuphakameni! Uyosebenzisa lengubo ukuthandazela abantu ezweni lakini eSwatini.”
66.Ngaso leso sikhathi ngathathwa ngasiwa kobhajadiswa. Lomuzi okwathiwa angiwakhe, wafika uBaba iLanga wawuvusa, iMvelabusha temple!” Amen!
67.UHlophe wahamba emhlabeni mhla ka 29 June 1998 esengumfundisi kulelibandla, kwaba njengokusho kukaBaba wasezulwini ngo 1930 ukuthi uHlophe ungumfundisi wakhe!
68.Lendaba siyayiphinda ukuyikhuluma, ngoba sekunentombazane futhi yaseSwatini uBabamkhulu osefike kuyo.
69.Isike yayikhuluma indaba yayo, noma yakushiya okuningi. Nanamuhla ngizothatha okufushane ngoba nayo indaba yayo inde kakhulu.
70.Naku Zodwa Dlamini waseSwatini, uBabamkhulu waqala ukufika kuye ngo 2010, efika ngephupho, ethi akasho ebukhosini baseSwatini ukuthi abagcine isabatha.
70.Uthi uZodwa wayengamazi ukuthi ubani lobaba, ngoba naye wayengazisho. NoZodwa wagcina esewutshela umndeni wakhe ukuthi kunobaba ohlale efika kuye ethi akatshele ubukhosi baseSwatini bugcine iSabatha!
71.Uthi ke uZodwa wayengazi ukuthi yini iSabatha ngoba wayekhulele enkonzweni yaseKhatholika.
72.Indaba kaZodwa- ke ngiyiqala ngo 2020, lapho uBabamkhulu owafika kuye ekuseni ebhekile, naye uZodwa eselapha eSouth Afrika. Nakulendaba angibhalanga konke.
73.UZodwa Dlamini-ke uthi: “Ngo November ka 2020, ngathi nje ngibuya emsebenzini ngikhathele, ngabeka amabhuku laphaya ngase ngilala. Ngaphaphama ekuseni, ngabuye ngalala futhi.
74.Ngo 6 ekuseni ngezwa umuntu engithinta kabili ehlombe langakwesokudla, ngafikelwa ukudinwa ukuthi lomuntu ungivuselani ngilele.
75.Ngathi nje uma ngivula amehlo sengiphapheme, ngabona omunye ubaba emi lapha egumbini lami embethe isembatho eside esimnyama, kodwa isiphika saso sasimile, efake nesigqoko esimnyama.
76.Akhulume lobaba ethi yena unguShembe, ANGIYOFUNA AMANAZARETHA, wabe useyanyamalala khona lapho.
77.Ngethuka ngamemeza onogada ngibuza ukuthi bavume kanjani ukungenisa umuntu endlini yami bengangi tshelanga?
78.Kodwa okwathi uma bengena begijima endlini, bangathola muntu. Base bethi mhlawumbe kukhona ukuhlanya okungingenayo!
79.Angibange ngisachitha sikhathi, ngavele ngacela ukuthi bayongifunisa lamaNazaretha; ngaqonda eThembisa lapho engafikele khona.
80.Sifika eThembisa, ngabatshela ukuthi ngifuna amaNazaretha, okunga bantu bakaShembe. Base beyasho ke ukuthi yebo yithina labo, (Kwaku ngamaNazaretha aseBuhleni). Ngase ngibajoyina.
81.Sekuhlatshelelwa, kuthe nje uma bevula izihlabelelo zabo, ngapha ngemuva kwazo ngimbone lobaba engimbone endlini yami ekuseni, ngavele ngaphuma ngabaleka ngaso leso sikhathi!
82.Ngathi hhayi bo, kushuthi yinkonzo yezipoki lena, nangu lobaba! Imoto ngayishaya yandiza ngaze ngayongena endlini, sengesaba kakhulu!
83.Kuthe ebusuku sengilele futhi, wafika yena loBaba ukuzosho ukuthi uyabonga ngoba ngifikile kulama maNazaretha, kodwa wasethi kimi, asambe.
84.Sathatha uhambo, kwaba sengathi sisemkhathini manje, kwase kuthi phambili izindlela zase zehlukana zaba mbili. Lena enye iyi-gravel, lena enye iyitiyela.
85.Wabe esethi: “MaDlamini!” Ngathi, baba, wasethi “Nazi izindlela zimbili, ukhetha yiphi wena?” Bese ngiqala ngibika lokhu nalokhu ngithi mina ngisafunda, ngibeka nje izaba.
87.Ekugcineni ngagcina sengikhetha lena eyi-gravel, sahamba ke ngayo lendlela ewumgubane. Kuthe sisahamba nje sahlangana nesiduli esikhulu senhlabathi emhlophe.
88.Wabe esethi, “MaDlamini, lesi yisihogo sokuqala, lesi sihogo ngesalaba bantu obuye kubo wabuya usubaleka.
89.Laba yilaba bantu abalaziyo iqiniso engaliletha lapha emhlabeni, kodwa ke abalemukelanga, bembethe izingubo ezimhlophe nje! (Esho ibandla laseBuhleni).
90.Ngakho-ke leli bandla akulo ibandla engikuthume kulo. Lelibandla engikuthuma kulo alilikhulu kakhulu, kodwa likhonza uJehova kuphela.
91.Lifune-ke lelibandla ngoba kufanele ukuthi ekugcineni lifike esigodlweni eSwatini. (Esho lona lelibandla, iNCG).
92.Leli bandla obukulo, lapha ngaphakathi lifana nabantu abembethe isikhumba semvu kodwa ngaphakathi beyizimpisi!”
93.Siqhubeke nohambo nalobaba size sifike komunye umhlabathi wesibili. Bese ethi, “Lesi yisihogo sesibili, njengoba nifundile nje MaDlamini, kumele ukuthathe lokhu uyobatshela laba ofikele kubo, ukuthi lesi sizukulwane sesibili ama-2000, akukho abangakwazi laba!
94.Ayikho into abangayiphonseli inselelo, abalaleli, ngisho kwabona ke abazali babo uqobo, kubo nje kuhle konke, abakhathazwa ukuziphatha kwalaba bantwana. Nokho-ke MaDlamini angikulethelanga lokho la.
95.Wabe esengitshela ukuthi yena akasiye uNkulunkulu, kodwa uyisithunywa sikaNkulunkulu. Wabe esethi angivule igoogle lapho echaza khona ukuthi akasiye uNkulunkulu.
96.Ngayivula igoogle ngisahamba naye, ngase ngimbona umuntu eshumayela ethi akasiye uNkulunkulu, kwatholakala ukuthi angazi lutho ngalomuntu.
97.(Lo owayeshumayela kanjalo kwakuyiNkosi uThingo. AmaNazaretha aseBuhleni angithuka ashiya angalazi mhla ngiveza leyo video kufacebook, kodwa manje isizovezwa nguMqaliwendlela!)
98.Uthi-ke uZodwa: “Njengoba lelibandla laseBuhleni ngaqala ngalo ukubona ibandla lamaNazaretha, ngase ngiqala ngisonta khona.
99.Ngabhajadiswa eBuhleni ngoJune 2021. Ngaqala ukuya emaSabatheni, kodwa ngathola ukuthi izinkulumo ezishunyayelwa khona ziyashayisana nalokhu mina engatshelwa khona ukuthi kuleli bandla kudunyiswa uJehova!
100.Ngalandela ke, kodwa ngo June2023, uma ngivuka ngithi ngiya ethempelini zivele izinyawo zivuvuke, ngagcina ngihlala phansi.
101.Kuthe ngisahlezi phansi nje ngase ngingena ku Facebook, ngahlangana nentshumayelo yase NCG, ngathi nansi lento engatshelwa yona kwasekuqaleni kwaloluhambo lwami lapho kwathiwa khona “Funa lamaNazaretha akhonza uJehova.”
102.Ngagcina sengiwumuntu ongasayi kangako ethempelini, kodwa sengilandela izintshumayelo zalelibandla laseNCG ku-Facebook.
103.Kugcine ke cishe ngoNovember sekufika izwi lithi, “Hamba uyobafuna laba bantu, bese uhlanganyele nabo.” Ngagcina lamaNazaretha aseNCG ngiwathola eSwatini.” Amen!
104.Kulentshumayelo ngichaza izinto ezimbili, eyokuqala ukuthi uMprofethi u-Isaya Shembe unguMprofethi kaJehova ofana naye uJesu!
105.Ngike ngabona omunye umuntu ebeke iBhayibheli phambi kwakhe, ethi yiyo lencwadi edukisa abantu, asisawagcini nje amasiko ethu ngenxa yalencwadi!
106.Ngase ngizibuza ukuthi njengoba abazali bami babengazi lutho ngeBhayibheli, kodwa yonke inkolo bayithatha kuShembe, kufanele ngithini-ke mina ngalenkulumo yalomuntu?
107.UNkulunkulu wafika kuBabamkhulu eneminyaka engu 12, engazi lutho ngokukholwa, futhi engakaze asibone isikole ngoba wakhulela epulazini lomlungu, engakaze alibone ngisho iBhayibheli.
108.Kodwa uNkulunkulu wamfundisa ukukholwa njengoba wayefundisa uMose! Omunye umlungu wathi: “Shembe was converted by no man, but by God! UShembe akaphendulwanga muntu ngokukholwa, kodwa waphendulwa nguNkulunkulu!”
109.Wathi uShembe eqala ebona iBhayibheli, uNkulunkulu wabe esemfundise konke! IBhayibheli laba yincwadi ofakazisa ngayo okufundiswe nguJehova!
110.Sengihlale nengelosi iminyaka edlulile eshumini, iBhayibheli layo lisesandleni sayo. Konke ekufundisayo kuphuma esandleni sayo!
111.Manje ke mina ngingaliphakamisa kanjani iBhayibheli, bese ngithi liyincwadi engumkhohlisi, ngoba mina iBhayibheli ngilinikwe ezulwini, kwathiwa ngongena ezulwini uma ngilandela izimfundiso zalo?
112.Kuyishwa ukuthi kube nomuntu oyaye evele ku Tick Tock ukuzofundisa ngento ebusa ingqondo yakhe, kodwa engazi lutho ngayo! Kumina iBhayibheli alisiye umkhohlisi, angikholwa, kodwa ngiyakwazi lokho!
113.Kunabantu abakuthandayo ukukholwa, kodwa abangazi ukuthi ukukholwa kweqiniso bazokutholaphi!
114.Ngakho-ke lezi zimfundiso zikaBabamkhulu ngomthetho kaMose owachithwa enkolweni yobuKrestu, uma siziqhuba ngokuyikho, ngazo ungaba nesiqiniseko ukuthi uyowubona umbuso wezulu, ngoba uzobona ukuthi uBabamkhulu wayevela ezulwini!
115.Kodwa ngaso sonke isikhathi uma ukhuluma indaba kaNkulunkulu uhlale unezitha eziningi ezihlale zilwela ukuthi kungakhulunywa ngezono zabo!
116.Ayikho into ongayenza ngomuntu obuswa ngumoya omubi, ngoba uhlale efuna kungakhulunywa ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu!
117.Ngalezi zintshumayelo ngiqonde ukuthi labo abasenonembeza baziyeke izono zabo babuyele uJehova iNkosi yethu!
118.Anginaso isikhathi salabo abangithukayo, ngoba ngithunywe nguJehova ukuba ngivuselele ivangeli loMprofethi, uBabamkhulu!
119.Ingelosi ikhulume kabanzi ngokuthi uJehova usexoshiwe ebandleni likaJehova eliseBuhleni.
120.Lelibandla seliphendule umholi walo kwaba nguye uNkulunkulu phezu kukaJehova!
121.Kodwa iNkosi iLanga ekhasini 81 lencwadi kaMnyandu uBaba iLanga uthi: “Kodwa lobu buNazaretha akusikho okwenu, akusikhona futhi okukaShembe lo obonwayo, okukaNkulunkulu, okukaShembe osezulwini, okukaShembe owakuqalayo lokhu kuhamba! Esho uBabamkhulu.
122.Nina eyenu iNkosi ayibonwa, ngNkulunkulu kuphela, ayikho enye. Ngakho ke nilibambisise lelo lizwi noma nini, noma singasekho thina emhlabeni, nikhumbule ukuthi ubuNazaretha lobu akusikho okomuntu!”
123.Manje-ke kuzothi abantu behlambalaza uNkulunkulu phambi kwethu, bese sithuliswa ukuthi baningi, mina angisoze ngakwenza lokho!
124.Isono sokuqala esibi kunazo zonke esenze uNkulunkulu wabaleka eBuhleni, ukuvumela izangoma nongqingili ukuba zibuse emzini kaNkulunkulu!
125.Nanka amazwi akhulunywa nguBabamkhulu ngokuzihlanganisa nesangoma ungumNazaretha: Uthi-ke uShembe:
126.“Bantabami uma nike nangenisa iSangoma nalabo abanemimoya engcolileyo kulobu buNazaretha, nibokwazi ukuthi kusukela ngalelo langa lobu buNazaretha sebufile, abusekho!
127.Ngokuba isitha sokuqala sika Nkulunkulu yiSangoma; ngokuba kuye kuthi nxa uJehova eshaya umthetho ngomlomo woMprofethi, bese no Sathane ashaye umthetho ophambene noka Jehova ngomlomo weZangoma, neyabo bonke abakhothama emimoyeni enqatshiwe ngu Jehova!”
128.Mhla nangenisa isangoma emzini kaJehova, uyophela umthetho ka Jehova phakathi kwenu, kubuse umthetho ka Sathane ofike ne Sangoma enisingenise endlini ka Jehova, ukuba ngaso nixoshe uJehova, ngokuba uJehova akahlali lapha kubusa khona iSangoma!” Amen!
129.Namanje-ke eBuhleni usuwaphela umthetho kaJehova! Ekhasini lokuqala lesihlabelelo samaNazaretha iNkosi iLanga yabhala kanje:
130.Lezi zihlabelelo zimiselwe ukusebenza uma kuyinkonzo engcwele, nemigidi, nemikhosi kaNkulunkulu!”Amen!
131.Kodwa kumaNazaretha aseBuhleni akusenjalo, uthola amakhosana esina ngamavesti emgwaqeni sengathi kusececeni; eminye iminazaretha iseyaba luhlaza, isiyenziwa izitayela ezinhlobonhlobo ezinamagama aqanjwe ngamaNazaretha, kuhlekiswa ngengubo yasezulwini! Uthole kudanswa nasemathempelini ngenguba kaJehova!
Kuningi ke ukuhlambalaza uJehova osekubusa kuleliya bandla!
132.Mina-ke uJehova ungithume ukuba nginitshele ngezinto eziyisinengiso kukJehova, bakwamukele abafundisekayo, bancimfe bahambe okubacasulayo, kodwa mina angizukwesaba ukwenza lokho engikuthunywe ezulwini ukuba ngikwenze!
133.Kodwa ngesikhathi senibhujiswa, igazi lesono senu angenke libuzwe esandleni sami, ngoba akukho enginifihlele khona!
134.Ithi-ke lentombazane yaseSwatini, uMprofethi wahamba nayo kwaba sengathi basemkhathini, bafika kwenye indawo, wabe esethi uMprofethi,’lesi isihogo sokuqala salama Nazaretha okade ukuwo.’
135.Laba yilaba bantu abalaziyo iqiniso engaliletha lapha emhlabeni, kodwa ke abalemukelanga.
136.Leli bandla obukulo, lifana nabantu abembethe isikhumba semvu kodwa ngaphakathi bayizimpisi!”
137.Kusihlabelelo 10 uMprofethi uthi: “Umuzi wamaNazaretha, lapho siya khona ukhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga. Umkhokheli wakhona munye kuphela, nguJehova inkosi enamandla”
138.Kodwa namuhla uMprofethi usezosazisa ukuthi kunesihogo sokuqala, okuyisihogo samaNazaretha aseBuhleni. Lokhu kukhuluma akuveli kimi, kodwa kusho uBabamkhulu!
139.Ithi-ke lentombazane uMprofethi ube eseyibonisa isihogo sesibili, othe isihogo sabantwana abazalwe ngama 2000. Nawe uma ubuka izinto ezenzeka manje, akumangalisi ukuthi laba bantwana banesihogo sabo!
140.Kusobala ukuthi ibandla laseBuhleni kanye nomholi walo limele ukuhlikiza wonke umsebenzi kaBabamkhulu, lihlikiza lobu bungcwele uShembe owakuletha phakathi kwamaNazaretha!
141.Njengoba uBabamkhulu esezotshela lentombazane yaseSwatini ukuthi yena akasiye uNkulunkulu, waze wayikhiphela ivideo kaBaba uThingo, ngayikhuluma kabanzi leyonto, kodwa ngathola izinhlamba zilakanyana eziphuma kumaNazaretha aseBuhleni, ngaze ngahlaselwa nayizinyanga, engingazi ukuthi inyanga yazini ngalelibandla likaJehova!
142.Kodwa ngenke ngithule ngibona umsebenzi kaNkulunkulu ucekelwa phansi! Ngithunywe ezulwini ukuthi ngibuyise abantu emthethweni kaJehova owawuletha kithi ngenceku yakhe uMose. Uma senza njalo, ukudumisa kwethu kokwamukeleka kuThixo wemikhosi!
140.Kubalulekile ukuthi lelivangeli lasezulwini ngiliqondise, ukuze bonke abantu emhlabeni bathole iqiniso eliyilo ngobuNazaretha!
141.Namhla lithi ilizwi, labo abangenisa izangoma emzini kaNkulunkulu, bebiza abaholi babo ngonkulunkulu, isikhathi sokuba uJehova ababhubhise asisekude, kuzophela ukuhlakanipha nokuklolodela uJehova!
142.Uma uthi unguNkulunkulu, uSathane usuke ekwenza isiwula, ngoba ekugcineni uNkulunkulu uzoqeda ngawe uselapha emhlabeni!
143.Usukwelizayo-ke kunzima kakhulu, ngoba uJehova uzokufaka esithandweni somlilo ingunaphakade!
144.Yonke imibuso ephonsela uNkulunkulu inselelo, izobhubha kabuhlungu!
INkosi ibusise izwi layo!