SEKUKANINGI NGISHO KUSUKELA KUDALA Yithina Isizwe saKwa-Israyeli, Yithina Inzalo kaJakobe
Umholi weBandla lamaNazaretha ka Nkulunkulu, u-Rev Mpanza(uBaba uMelusi) usezwakalise ukweseka uMengameli wase-Russia osanda kutshela umhlaba wonke ukuthi uJesu ngumuntu omnyama.
UMengameli u-Vladimir Putin ubike ukuthi uvule inqolobane egcina umlando-mafawesizwe sase-Russia, lapho athola ukuthi imibhalo yakudala egcinwe kuleyanqolobane ikhomba ukuthi uJesu kanye nabobonke iBhayibheli elikhuluma ngabo ngabantu abamnyama.
Lesi simemezelo sika Putin simhlabe umxhwele uBaba uMelusi, njengoba sekuyiminyaka esemkhankasweni wokwengula abamnyama ulwembu emehlweni ukuze bazibone ukuthi bangobani.
Ethula inkulumo yakhe ebilungiselwe isithangami sabezindaba, uBaba uMelusi, uthe leli yithuba eliyingqayizivele lokuqondisa umlando wabantu abamnyama. “Njengebandla lama Nazaretha siyakuqonda,futhi seseka uMengameli uPutin mayelana nezimfundiso ‘ngo Jesu omnyama’, nokuth ilokhu kungaba usizo ezizweni zonke uma zingakwemukela. “Sikholwa ukuthi uma yonke imibuso kanyenohulumeniemhlabeniwonkebengasebemukelelezizimfundiso, kungabanoxolo, ukubambisanakanyenempumeleloumhlabawonke,” kusho uBabauMelusi. Uqhube wathi ubona u Putin enganameseki emva kwalesi simemezelo esishaqisayo ngalokhu akutholile, ikakhulukazi njengoba umhlaba wonke kwakungamele wazi ukuthi iBhayibheli likhuluma ngabantu abamnyama, ngaphandle kwabantu abambalwa ababengama-Roma nama-Greek, abatholakala kwiThestamende eliSha. “Abanye balabo,uLuka owabhala incwadi yeZenzo, uPhilemon, uCornelius, uPilato kanye nababusi u-Augustus noTiberius.
Amahebheru
“Wonke amaHebheru akwa-Israel okukhulunywa ngawo eBhayibhelini, kanye nalabo ababehlala empumalanga yentshonalanga-Afrika,abantu abamnyama
“Abezizwe babehlose ukuthi singaqondi ngisho nokuthi siyinzalokaShem. Asizalwa uHam noma uJaphet,”kusho uBaba uMelusi.
UkufakazelekanokwesekauMengameliuPutin “Namhlanjengifakazelekile. Sekuphele iminyaka engaphezu kweshumi ngishumayela umyalezo kaYahua (uNkulunkulu), nginxenxa abantu ukuba babuyele kuloNkulunkulu wamaHebheruaka-Israel – uThixowokhokhobethu, uMenzi weziNto zoNke, owukuphela kukaNkulunkulu ophilayo.
“Thina nzalo kaJakobe kumele sivuselele ubuhlobo bethu noNkulunkulu, ngokuvuselela isiVumelwano sasentabeni iSinayi, silandele lokho okufundiswa yiTorah.”
Ubalule uDutheronomi 28, wathi le ncwadi iveza ngokucacile ukuthi,“singabantwana baNkulunkulu onaMandla onke, oWazikonke, oPhezukonke – abaNtubeNcwadi”. Uthe isizathu sokuthi kuboniswe abelungu eBhayibhelini ukuthi abamnyama bangatholi ukuthi ngempela bangobani. “Ngoba umasikuthola lokhu singavuselela ubuhlobo noNkulunkulu uYahua, uMenzi wezulu nomhlaba. Besesivukela abacindezeli bethu abazimisele ngokuthi sihlale singaphansi kwabo, izihlupheki nezilahlwanaboya.”
UBaba uMelusi unxuse wonke umuntu okwelengabadi nalaboabasemazweni angaphandle ukubabeseke futhi bavuselelwe yinkulumo kaMengameli uPutin. Bazithole ukuthi bangobani, babuyelekuYahua, ababizwa ngegamalakhe. Uthe ulwazi luyisikhali esinamandla esingathela othulini izizwe eziyizikhondla khondla, ikakhulukazi uma umzabalazo wokuzikhulula kwabamnyama uholwangu Yehua uqobo lwakhe. “Le nkulumo kaMengameli uPutin ingaletha uguquko, njengoba umhlaba wonke usempini yokunqoba umbuso kaLusifa onengcindezelo.”
Ama Nazaretha kaNkulunkulu athinteka kanjani kulokhu kukhanyiseleka, ahlobana kanjani nabaNtubeNcwadi? UBaba uMelusi uchaze ngokuthi amaNazaretha alandela izimfundiso zoMphrofethi u-Isaiah Shembe (ukuthulakubekuye). Futhi emva kokwenza uphenyo olunzulu, iBandla lithole ukuthi amalungu alo ayinzalo yabaNtu beNcwadi, okusho ukuthi inkolo yabo yileyo kaMose. “UShembe ungumphrofethi obalulekile kakhulu ohlwini olude lwabaphrofethi bakwa-Israel nakwaJuda. Njengobanazi, uShembe wayemnyama. Futhi waphumela obala, wathi yena ungowasendlini kaJuda,” kusho uBaba uMelusi.
Ufakaze ngovesi 3 wesiHlabelelo 74, seziHlabelelo zamaNazaretha. Ucaphune uShembe,pbuh, kanje:Imbangi yokusa yomndeni kaJuda ibasindisile abaningi. Wozanininisindiswe. UShembe wayekuvezile ukuthi thina Bantu siyinzalo yabantu iBhayibheli elikhulumangabo, labo abachazwa uMengameli uPutin, emvakokubona imifanekiso yabo, nokufunda ngabo. “Siyinzalo yalabo bantu bakwa Juda ababhuqwabhuqwa amaRoma ngesikhali ngo-70 A.D, ngesikhathi kucekelwaphansi iJerusalem, njenge siphrofetho sikaYeshua. “Singama Nazaretha kaNkulunkulu sizoqhubeka nokusabalalisa izwilaKhe, nokubonisa abaNtu ukuthisingabakwa-Israel.SizoqhubekanokuphikaukuthiuYeshua (osebizwangoJesu) ungumlungu, kuzekubebonkeabantubayalivumaleliqiniso. Uvalengo kuzwakalisa ukubonga kakhulu kuMengameli uPutin ngalolulwazi aluvezile.