Baba uMelusi
Amagama kaBaba uMelusi okuzalwa nguMthembeni Phineas Mpanza, wazalwa mhlaka 07 December 1952. Abazali bakhe ngo Velemu Mpanza Landiwe Dube (umaDube). Umama umaDube wakhuliswa nguMprofethi Isaiah Shembe, wayehlala kwaShembe.
Ngonyaka ka 2005 uBaba uMelusi washayelwa ucingo intombazane eyazibchaza ngokuthi inguNobesuthu. UNobesuthu wathi kunomakoti uBaba uMelusi owashadiswa naye eneminyaka eyisikhombisa, nowamchaza uNobesuthu lomakoti ngokuthi udadewabo. Lena uBaba uMelusi wayithatha njengenkulumo eyabe iyindida kakhulu.
UBaba uMelusi wabe eseyalela uNobesuthu ukuba akhulume nomfundisi wakhe wangalesosikhathi okwabe kunguMfundisi uButhelezi, amtshele lokhu ayemtshele khona. Umfundisi uButhelezi wabuyela kuBaba uMelusi ukuzomchazela ngowayekuzwile kuNobesuthu, owathi noma ingajwayelekile lento ayizwili kodwa ikhona. Waqhubeka uBaba uMelusi wathi uNobesuthu akakhulume nomnewabo wakhe uBaba uMelusi, lowo okwabe kungumfundisi uMpanza, naye owalwemukela udaba.
Kwahamba isikhathi uNobesuthu waya eBuhleni wahlanganisa umndeni wakwa Nxumalo nowakwaMpanza. Umkhokheli umaMpanza wayekhona, nomfundisi uMpanza owayengumnewabo kaBaba uMelusi, kanye nomfundisi uButhelezi babekhona kulomhlangano owawuseBuhleni.
UBaba uMelusi noMkhokheli umaNxumalo Mpanza bahlanganiswa ngoNtulikazi (July) eBuhleni, babekade bengakaze bahlangane. NgoMandulo (Septemba) kwafika iNgelosi uHlaleleni, ekufikeni kweNgelosi uHlaleleni yabe isiyanyamalala iNkosazana uNobesuthi kuze kube namuhla uNobesuthu akaphindange wabonakala. UBaba uMelusi wachanza ukuthi uNobesuthi wayengabonwa ngabantu bonke, wayebonwa ilabo afuna (yena uNobesuthu) ukuba bambone.
Ngonyaka ka 2006 uMkhokheli umaNxumalo Mpanza wayephuma emtholampilo kade engaphilile kahle emzimbeni. Wawa phansi waquleka. Ngenkathi ewile equlekile, nokuyinto engejwayelekile, wathi ebona kwase kunentombazane emi eduze kwakhe yamvusa. Yamthatha le ntombazane yamfaka etekisini waze wayofika la ehlala khona, yafike yamshiya khona yahamba.
Ngakusasa wayibona lenkosazana isifika ithi izombheka ukuthi ulale kanjani. Ngalolusuku yafika isimphathele izithelo. UMkhokheli wabe eseyibuza ukuthi njengoba imthanda kangaka, ingubani yona. Yaphendula ngokuthi ingingudadewabo kaMthembeni, uMthembeni nguBaba uMelusi.
Ngonyaka ka 2006 uNkosazana uHlaleleni wakhuma into eyisimanga kuBaba uMelusi waphimisela lamazwi “Njengoba ngilapha nje ngithunywe uShembe uBaba iLanga, kuwe. Uthe angizokubheka ngoba kukhona abantu abafuna ukukubulala esontweni”.
Kukhona esinye isikhathi noma isiwombe lapho kona impilo kaBaba uMelusi yayinzima kakhulu njengoba wayehlaselwa ngabefundisi nabavangeli. Kukhona isikhathi lapho kwakukhona abafana ababehlala ngaphakathi emzini webandla oseGoli lapho khona babefuna ukumshaya uBaba uMelusi, ngenhlanhla u-Anti kaBaba uMelusi okunguMaHlabisa walwa nabo wathatha uBaba uMelusi wamubeka edokodweni lakhe, bamufihla beno-Anti umaSangweni.
Ngolunye uLwesihlanu ntambama uMfundisi uKhathi eBuhleni wathi uBaba uMelusi akafunde umthandazo wokulala kodwa kwasukuma uNtombela wathi akahlale phansi ngeke efunde umthandazo wokulala exoshiwe esontweni nokwabe kungelona iqiniso. Emva kwezigameko eziningi ezenzeka lapho eGoli u-Anti umaHlabisa no-Anti umaSangweni baphakamisa ukuthi kuncono ukuba uBaba uMelusi ahlele ekhaya ngoba laba bantu sebefuna umphefumulo wakhe.
UBaba uMelusi uthi yonke into ababeyihlela laba ababengamfuni ebandleni eBuhleni yayifika iNgelosi uHlaleleni imbikelo konke nayo yonke imihlangano ababanayo eyayibanjelwa ukwakha amasu okuthi balwe naye.
Ngenyanga kaMfumfu (October) onyakeni ka-2006 uMkhokheli umaNxumalo Mpanza wathathwa iNgelosi uHlaleleni wayongena naye emanzini, wangena endaweni engathi iwumfula kodwa waqhamukela kwelinye izwe. Kulelizwe aqhamukela kulo wahlala khona izinsuku eziyisikhombisa, wangena lapha ngenyama hhayi ngephupho noma ngesibonakaliso.
Kulelizwe owayekulo uMkhokheli akabonanga amaJuda kuphela, kepha wabona oShembe abathathu abaphila lapha emhlabeni, okungoMprofethi Isaiah Shembe, INkosi iLanga, kanye neNkosi iNyangayezulu.Kuningi uMkhokheli owakufundiswa ngesikhathi ekulelozwe.
Ngomhlaka 4 January 2010 uNkosazane uHlaleleni wafika ekuseni yaguqa phambi kuka Baba uMelusi yathi ithunywe nguBaba iLanga kuye, ukuba amakhele indlu kaJehova. Indlu kaJehova ke libandla. uNkosazane waqhubeka wathi kulelibandla uyofundisa abantu ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani, ekufundiseni kwakho uyolandela izimfundiso zeBhayibheli kanye nezihlabelelo zamaNazaretha. Ibhayibheli nezihlabelelo zamaNazaretha akuphambani.
Esephumile eBuhleni uNkosazana uHlaleleni wabe esetshela uBaba uMelusi ukuthi akasenguye uMvangeli ngengoba wayengumvangeli ebandleni laseBuhleni, Kodwa usenguMfundisi. UNkosazane uHlaleleni waqhubeka wathi kodwa uzoqale afake ijazi elimhlophe, akazuqala agcotshwe, uzohlonipha uBaba uThingo ngoba akakhishiwe ebuholini bakhe, uThingo lusengumholi wakhe. UBaba uMelusi uthi yathi iNgelosi, “Uthi uBaba iLanga ungakhathazeki ngoBaba uThingo, nguye uBaba iLanga ozomchazela konke.”
Ngomhlaka 13 NgoMasingana 2011, esephumile eBuhleni, uBaba uMelusi uthi yafika futhi iNgelosi yathi, “uthi uBaba angikutshele ukuthi uBaba uThingo akasazohlala emhlabeni isikhathi eside; emva kwakhe kuzovela oShembe abaningi aboze badlule koShembe abayisikhombisa. KulaboShembe kobakhona oShembe abangazange bakholwa lokhu bazalwa, ingasaphathwa eyokuthi bake bakhonjwa uJehova ukuba bebe abaholi, kodwa bayolihola leliBandla, bahalaselwe, kuthiwe uyingcwele. Lokhu kushiwo ngokwesibongo, hhayi ngokukaJehova”
Mhlaka 26 kuNdasa onyakeni ka 2011 yafika iNgelosi – uNkosazana uHlaleleni; yathi uBaba uMelusi akathungelwe ingubo ebomvu, okwathi uma isithungiwe yabe isihamba nayo. Kwathi ebusuku mhlaka 26 KuNdasa 2011, kuzosa kube liSabatha, yafika ingelosi isizomugcoba ngokusemthethweni ukuba ahole iBandla lamaNazaretha. Yabangenisa endlini benoMkhokheli abayifica isilungisiwe, noHlaleleni engasekho kulesi simo akamjwayele ekuso sokuba ngumuntu, esebonakala ukuthi akasiye umuntu, esekhazimula.
Wabatshela ukuthi kukhona uBaba iLanga endlini, kodwa abakwazanga ukumbona, noma babembona uHlaleleni ekhuluma naye. INgelosi yafunda iBhayibheli, yakhuluma kabanzi isusa udaba lukaMama kaMelusi uLandiwe mhla ethengwa nguMprofethi; yabala zonke izinto asezenzile elwela uShembe ekukhuleni kwakhe.
Yaqhubeka iNgelosi yabe isithi: “Lengubo ebomvu uyembeswa uBaba iLanga, ubonga ubuqhawe bakho bokulwela ubuNazaretha. Lengubo isiyivumelwano phakathi kwakho noShembe sokuthi njengoba ugcotshwa nje uzoba nguMfundisi kaShembe. Njengoba ethe uBaba makhele iBandla likaJehova, uzofana noPetro owaba isisekelo seBandla likaKrestu; wena uyisisekelo seBandla likaShembe”
Yaqhubeka ingelosi yathi “Uthi uBaba angikutshele ukuthi kusukela manje akekho umholi wamaNazaretha wena ozoba ngaphansi kwakhe ngoba phambi kwakho kuhamba uBaba iLanga. Usuyofundisa amanazaraetha ngoShembe woMoya Ongcwele njengamaKrestu efundisa ngoYeshua onguMessiya.”
UBaba uMelusi waqala mhlaka 26 kuNdasa ngonyaka ka 2011 ukungena esontweni ngezambatho zokugcotshwa. Babenqume ukuthi iBandla lizomemukela mhlaka 3 kuMbasa 2011, kodwa uHlaleleni wabe esethi akube mhlaka 27 kuNdasa2011, ngesonto.
Uthi-ke uHlaleleni, kuBaba uMelusi “Mhlaka 3 kuMbasa kuzobe kunomcimbi ongemuhle eZulwini. Nempela wemukelwa yiBandla mhlaka 27 kuNdasa 2011. Ngomhlaka 28 kuNdasa 2011 kwahamba uBaba uThingo emhlabeni. Ntambama wafika uHlaleleni, wathi, “Yilomcimbike ebengikhuluma ngawo ebengithi umcimbi ongemuhle. Wabe esethi uHlaleleni, “kuthiwe kumele ugcotshwe ngalenyanga ukuze ubuholi baleliBandla busale kuwe. Mina-ke sengiwuqedile owami umsebenzi ebengiwuthunyiwe, igama lakho selibhaliwe eZulwini ukuthi ungumholi weBandla lamaNazaretha. AmaBandla asemhlabeni-ke asengazibekela abaholi bawo. ”Amagama kaBaba uMelusi okuzalwa nguMthembeni Phineas Mpanza, wazalwa mhlaka 07 December 1952. Abazali bakhe ngo Velemu Mpanza Landiwe Dube (umaDube). Umama umaDube wakhuliswa nguMprofethi Isaiah Shembe, wayehlala kwaShembe. Ngonyaka ka 2005 uBaba uMelusi washayelwa ucingo intombazane eyazibchaza ngokuthi inguNobesuthu. UNobesuthu wathi kunomakoti uBaba uMelusi owashadiswa naye eneminyaka eyisikhombisa, nowamchaza uNobesuthu lomakoti ngokuthi udadewabo. Lena uBaba uMelusi wayithatha njengenkulumo eyabe iyindida kakhulu.
UBaba uMelusi wabe eseyalela uNobesuthu ukuba akhulume nomfundisi wakhe wangalesosikhathi okwabe kunguMfundisi uButhelezi, amtshele lokhu ayemtshele khona. Umfundisi uButhelezi wabuyela kuBaba uMelusi ukuzomchazela ngowayekuzwile kuNobesuthu, owathi noma ingajwayelekile lento ayizwili kodwa ikhona. Waqhubeka uBaba uMelusi wathi uNobesuthu akakhulume nomnewabo wakhe uBaba uMelusi, lowo okwabe kungumfundisi uMpanza, naye owalwemukela udaba.