Ithike ingelosi kukhona abantu abathi bona abakwazi, angeke bakwazi ukuyeka ugwayi, izinemfu, ngoba bona baphathwa ikhanda, abakwazi ukuthi bawuyeke ngoba babe sebephathwa ikhanda.
Ithike ingelosi uma ngabe ungumntwana kaNkulunkulu awukwazi ukuthi ungabulawa ikhanda, likubulalele ukuthi ugcina umthetho kaNkulunkulu.
Kodwa ukufa kumenywa nguwe…
Inkonzo yangeSabatha ekuseni mhlaka 04 May 2024: Mfundisikazi Nomcebo MaNxumalo Mpanza.
ISIHLABELELO 71
1 Nkosi yami ubungithanda
Zingakaqini izintaba,
Kwaphakade wangigcoba
Ngiwukuqala kwendlela yakho.
2 Ngingumsebenzi wakho wasendulo
Ingakaqini imimango,
Nemithombo yamanzi
Ingaka mpompozi ngamandla.
3 Nemithombo yemifula
Ingaka mpompozi ngamandla,
UJehova wangidala
Ngaphambi kwendlela yakhe.
1.Ngiyababingelela abangcwele, ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, Ngibonge ukunikezwa ithuba lokuba ngiguqe phambi kwabangcwele, hleze bayazi kakhulu kunami indaba kaNkulunkulu. Isihloko: “Usiko lwabakholwayo ukugcina umthetho kaJehova kuphela.”
2.Bantwana baseKuphakameni isifikile imini yeSabatha ebekade ifikile nakuleliviki eliphelile nakulonyaka ophelile nakozayo. Namuhla bantwana baseKuphakameni kuyiSabatha, kodwa iSabatha esikhumbula ngalo uMprofethi kaJehova okunguyena owasinikeza indlela yokudumisa uJehova.
3.Siyajabula ukuthi sekuye kwafika lolusuku lwesikhumbuzo, lufika sisaphelele, nabantwana bethu bakhona bayezwa, ukuba bazi abantwana bethu ukuthi uma sikhuluma ngoShembe sisuke sikhuluma ngabani.
4.Bayabona esithombeni ukuthi ngulona uShembe, nguyenake lona owakhuluma noJehova, owamukela imithetho yonke lena esiyigcinayo. Yavela ngaye ngoba ethobele ukulalela izwi likaJehova.
5.Kuye kube lukhunike bantwana baseKuphakameni ukuthi abantu bakhonze kodwa bengawazi ukuthi umsuka wenkolo yabo ukuthi ifike kanjani.
6.Isikhumbuzo senza ukuthi abantu bazi ukuthi ukuze kube khona ibandla lamaNazaretha laba khona ngobani. Uma isikhumbuzo singekho alisekho igama likaShembe.
7.Nokho yonke indawo bayasenza abangamaNazaretha, kodwa abanayo incazelo ephelele kubantwana abasakhula nabantu abangamubonanga uBabamkhulu.
8.Abasakuvezi ukuthi kuze kube khona amaNazaretha aba khona ngoBabamkhulu, bagcina nje ngokumbiza ngo ‘Bhombela’ kuphelele lapho bengachazi ukuthi uBhombela umnumzane wakuphi lona onguBhombela.
9.Laphake asimbizi uBabamkhulu ngalelogama, simbiza ngegama alisho yena ukuthi walithola ezulwini ukuthi kanti unguBabamkhulu lapha.
10.Ngithike bantwana baseKuphakameni isihloko sithi usiko lwabakholwayo ukugcina umthetho kaJehova. Asike sitholeke lapha ukuthi labo abasenokungabaza ngoShembe ukuthi angeke bathole yini ukuthi uShembe njengoba ekhuluma lapha ethi wadalwa nalelizulu lingakaba bikho bakubukeke ukuthi ikuphi okuphambanayo ezintweni ezikhulunywa nguShembe nezikhulunywa iBhayibheli.
10.(1 Samuweli 7 verse 1-4. “Abantu baseKiriyati Jeharimi bafika, bakhuphula umphongolo kaJehova, bawungenisa endlini ka-Abinadaba entabeni, bamngcwelisa u-Eleyazare indodana yakhe ukuba agcine umphongolo kaJehova.
11.(2) Kwathi kusukela osukwini umphongolo owahlala ngalo eKiriyati Jeharimi, kwaba yisikhathi eside, ngokuba saba yiminyaka engamashumi amabili; yonke indlu yakwa-Israyeli yakhalela uJehova.
12.USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka-Israyeli, wathi: “Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa.
13.Uyakunophula esandleni samaFilisti.” Abakwa-Israyeli base besusa oBali no-Ashitaroti, bamkhonza uJehova yedwa”
14.Nathike bantwana baseKuphakameni sawuthola umusa owehlela isizwe sikaNkulunkulu u-Israel, lapho ekhala ehlaselwa ngamaFilisti.
15.Lithike iBhayibheli bakhalela uJehova, abazange bakhalele omunye umuntu, bakhalela uJehova!
16.Uthike uMprofethi kaNkulunkulu uma ngabe niyafuna ukubuyela kuJehova, susani kini onkulunkulu babezizwe, susani o-Ashitaroti, susani yonke into engalungile phambi kwaNkulunkulu.
17.Nathi salithola lelizwi, sathi sihambile siphakathi nendawo, nathi asehlukile kulaba abasebehlushwa ngamaFilisit ngoba uJehova wabafulathela uma esebona ukuthi abasamkhonzi ngendlela yakhe, kodwa sebegcina imithetho yabezizwe, yonkulunkulu bokuhamba sebezakhele onkulunkulu.
18.Kodwa uma sebeyibona impi inkulu, sebenqotshwa, zabheka emumva izinhliziyo lapho abaqhamuka khona kuJehova, babe sebebhekisa kuye ukuthi abazwele. Uthi lona uma nifuna ukubuyela kuye lahlani labonkulunkulu benu.
19.Nathike lapha kwaba njalo, sathi uma sesinqotshwa impi yomsamu, sivelelwa izo zonke izinto ezingalungile, nokuhlupheka nokufa, nendlala nokufa, uJehova wasihawukela wakhipha ingelosi, wathi ayizositshela, ukuthi uma ngabe sifuna uJehova, asikhonze yena yedwa, asicele kuye yedwa, sibonge kuye yedwa.
20.Yasihlukanisela kahle yathi niyakuthi lapho senibakhumbula oyihlomkhulu bese nibabeka phambi kwakhe, bese nibakhalela kuJehova nibacelela intethelelo, nibaphe izibani, nibakhanyisele, nicele umusa kuJehova ukuthi ubahawukele. Sabe sesiyakufunda lokho.
21.Yathi ingelosi yekelani ukuhlaba izimbuzi nezinkomo, kodwa kudle kwesuthe nina, abantu manje abafune nkomo nambuzi, abasafune nalobotshwala, kodwa manje endaweni abakuyo, basosizini, bayakhala, basesililweni, badinga uJehova abathethelele izono zabo, badinga uNkulunkulu ukuba abenzele umusa, abageze ababuyisele ebuhleni ababenabo.
22.Saqala lapho bangcwele ukuthi sazi ukuthi uNkulunkulu ukhonzwa yedwa, sasingena lwazi ukuthi uNkulunkulu uyazonda uma ngabe umkhonza nabanye onkulunkulu.
23.Kodwa uthando lwakhe lwasikhumbula khona lapho, kwehliswa umuntu onjengathi wazovuselela amazwi oMprofethi kaNkulunkulu.
24.Uma ifika iNgelosi iyabuza ithi nikhalelani kangaka, iyabuza ingelosi ukuthi kwenzenjani, uma sibika ukuhlupheka, ithi nake namubikela yini uJehova, ithi uJehova usukile kini ngoba nishisa impepho nishisele oyihlomkhulu.
25.Nicele kubo nenikuphiwe nguye, nikubonge koyihlomkhulu, nigaya utshwala, nenze izinto uJehova angazifuni, nokuba uMprofethi engazifundisanga, wehla ukuzonitshela indaba kaNkulunkulu ukuthi emzini wamakholwa abugaywa utshwala, abuphuzwa utshwala, abuthintwa nangesandla.
26.Kodwa namhlanjena nenza amadili kodwa namhlanjena, nenza amadili amakhulu nihlabe izinkabi, nihlabelele oyihlomkhulu, yathi eningabazi ukuthi bakuphi, eningababoni, eningakuzwa nokukhala kwabo akufiki kini.
27.Ithike ingelosi, kusukela namuhla hlehlani nifunde incwadi uMprofethi aninikeza yona, wanishiyela izwi elisamemeza nanamuhla, elithi mesabeni uJehova nina nabantwana benu nigcine umthetho wakhe anilobela wona ngeNceku yakhe uMoses.
28.Wathi uShembe wanitshela wathi uJehova akanakuyamukela imithandazo yenu uma ngabe ningayigcini imithetho yakhe, futhi angeke anehlisele izibusiso.
29.Yathi namuhla niphuma niyangena nikhethe ukuhlupheka okungapheli ngoba seniyaphambuka senithi nakhona lapha ekukhonzeni akulungi lutho. Uthi kodwa anikaze nibike lutho kuJehova.
30.Yadlula ingelosi yasifundela isihlabelelo, yathi uShembe wanitshela wathi kuyakuthi uma senihluphekile nibe senimubiza uJehova, uyakuza anisindise uma ngabe nendlala izinhliziyo zenu emikhondweni yezimemezelo zezwi lakhe.
31.Wathi nanka amazwi uShembe anilobela wona wathi uma senihkuphekile nimbize uJehova, wathi animbizi uJehova, nimemeza oyihlomkhulu kodwa eningababoni, futhi eningabazi ukuthi baphi, anibazi ukuthi bagcinwephi, anifuni ngisho ukwazi ukuthi baphi. Kodwa okwenu nje ukuthi nihlabe izinkomo kudle nina, nigaye utshwala kuphuze nina.
32.Akekho umuntu ongakhululwa utshwala ezonweni zakhe, akekho umuntu ongakhululwa inkabi nezintondolo ezihlatshwayo ukuba ebese eba umuntu ongasonanga lutho, akusoze kwenzeka lokho.
33.Ingelosi yasho njalo, lase lelibandla laqala lapho ukuba lithi lingamaNazaretja kodwa bese lembeswa ngegama eliyincazelo kuwo wonke umuntu ukuthi singamaNazaretha kaNkulunkulu.
34.Uma ungumNazaretha kaNkulunkulu, nasekuhluphekeni kwakho ubiza uJehova, nasekudabukeni ukhalela uJehova, awunayo enye indawo ongahamba uyokhala kuyo.
35.Nasekujabuleni kwakho ujabula ngoJehova, wasilobela izihlabelelo zokubonga nezokujabula ukuba uma ngabe uJehova esesenzele okuhle noma esesiphilisile, wasinikeza izihlabelelo ezinhle, wasinika izihlabelelo zokulila kuJehova.
36.Wathi niyothi uma kunzima nihlabelele lezizihlabelelo, uJehova abe ese uyezwa ukuthi kukhona abakhalayo kukhona abambizayo.
37.Konke lokho sakufundiswa ile ngelosi, yikho sisho ukuthi ingelosi kaNkulunkulu ngoba yathi uma ifika yafakaza ngamazwi, akukhonto eyafika nayo kodwa yasihlehlisela emumva yasibeka lapho uMprofethi owayesibeke khona. Yasitshela ngamaphutha esase siwenzile.
38.Yathi uma ifika sasingenawo nalomuzi, yase iyachaza ithi konke lokho kubikeleni uJehova, sukani ekushiseni izimpepho, yathi ingelosi, noma niyishisa le mpepho yathi abantu abazi ukuthi abasakhulumi noyisemkhulu.
39.Yathi eminye imisamu ikhungethwe izilwane ezabekwa khona, zethiwa ngoyisemkhulu, okuthi uma uqala ubiza igama lakhe, bese kuba ukuqala kwezinkinga lapho usulibizile, uvele wehlelwe imvula yosizi, ngoba akuzange ubabamkhulu wakho lo wena okhuluma naye.
40.Kodwa kuze indoda yokuhamba eyanikwa igama loyihlomkhulu ukuba ilwe nawe bukhoma, ilwe nawe ngegama likayihlomkhulu. Yasichazela konke lokhu ingelosi.
41.Ngike ngizwe abanye abafowethu, bekhuluma ngendaba yokuthi bona basuke bengakhonzi uma benza umsebenzi kodwa basuke bebakhumbula.
42.Kodwa uShembe wasinika indlela yokubakhumbula ukuba sibakhumbule kanjani, washo wathi siyakubanikelela elatini emzini kaNkulunkulu eKuphakameni.
43.Akazange asho ukuthi kuyogaywa utshwala emzini esihlala kuyo noma esizalwa kuyo, akashongo, akukho lapho ekubhalwa khona lokho.
44.Kodwa bese bathi basuke bebakhumbula, kodwa akusilona iqiniso, uma ngabe kwenziwe umsebenzi, ukhuluma nalomuntu oqondanisa naye.
45.Uma ngabe kungubaba wakho kukhulunywa naye, kuze kuthenyelezwe, abongelelwe ngezigigaba ezenzeka esaphila, kubongelelwe ngoba kukhulunywa naye, kucelwa kuye lokhu okucelwayo.
46.Noma kuthiwa uyabuyiswa, kukhulunywa naye, beseke bedlala ngabantu bethi basuke bebakhumbula, bakhuluma kanjani nabo ngoba uShembe wathi asibanikelele elatini emzini waseKuphakameni?
47.Ngaleso sikhathi umuzi waseKuphakameni kwakusewumuzi kaNkulunkulu ngesikhathi uShembe ekhuluma, kanjalo ibandla lalisabuthene khona, liselinye, lisaphethwe isandla esisodwa.
48.Ngithike bantwana baseKuphakameni nathi sayithola leyonhlanhla, noma abanye kungenzeka babekhona abathi bona abakwazi ukuthi basuke noma abahlebahlebayo noyisemkhulu kodwa abakwenzi lokho ngoba bengazi, kodwa bazimemela usizi, bazimemela ukuhlupheka kwaphakade.
49.Ngoba nabo lababobabamkhulu abasawafuni lamadili ngoba awabakhululi ekuboshweni kwabo, abakhululeki bona, kukhululeka abalapha nganeno ngoba bayadla baphinde baphuze nalobotshwala.
50.Ngithike bangcwele le ncwadi, ithike ingelosi uma inginikeza yona, ithi lencwadi iyisikhumbuzo ukuthi njengoba uMprofethi uSamuel, akhuluma nendllu ka-Israel athi uma ngabe senifuna ukubuyela kuJehova susani kini onkulunkulu babezizwe.
51.Nani njengoba kini nabuyela kuJehova, susani oyihlomkhulu, susani oyihlomkhulu ezibayeni nasemsamu, kodwa nibacelele ukungena ezulwini.
52.Ngaphandle koyihlomkhulu, sukani ezintweni uNkulunkulu angazifuni, sukani egwayini, sukani otshwaleni.
53.Ithike ingelosi kukhona abantu abathi bona abakwazi, angeke bakwazi ukuyeka ugwayi, izinemfu, ngoba bona baphathwa ikhanda, abakwazi ukuthi bawuyeke ngoba babe sebephathwa ikhanda.
54.Ithike ingelosi uma ngabe ungumntwana kaNkulunkulu awukwazi ukuthi ungabulawa ikhanda, likubulalele ukuthi ugcina umthetho kaNkulunkulu.
55.Kodwa ukufa kumenywa nguwe, ngoba ulokhu wahlafuna lesi sinemfu, ulokhu wasifaka emakhaleni uzonyanyeka endlini kaJehova.
56.Noma ubheme ugwayi, uwubheka uthi awukwazi ukuwuyeka, noma uphuza utshwala ubuphuzela ukuthi abuyekeki kodwa siyeza isikhathi lapho lobutshwala ozobuyeka ngoba angeke uhambe nabo.
57.Ubuphuza lapha njena awunakubuphuza phambili, ikhaya esiya kulo abangeni abangcolileyo kulo, abangeni abadakiwe, abangeni abantu ababhema insangu, abangeni abantu abadla izidakamizwa. Bathi abantu indala yabo, bathi nje angikwazi ukuthi ngiyeke.
58.Kushoke ingelosi ithi baningi abantu abathi sebefikile ekukhanyeni, kodwa izinto zobumnyama bazithukuse phansi komnazaretha.
59.Bantwana baseKuphakameni yakhuluma ingelosi yathi nize nithandaze ngezikhathi zonke, ukuthi lelibandla lingathunjwa ngomubi.
60.Wathi isikhali sokuqala omubi asijikikela phakathi kwebandla ukuba libe ngelakhe, ujikijela utshwala, ajikijele ugwayi, ajikijele ubungqingili, ajikijele ubungoma, ukuthi abantu basuke kuJehova, kodwa bekhonze yena.
61.Bese benqotshwa impi lena uJehova ade ebavikele kuyo, njengoba sizwa laphayana ukuthi bathi uma sebehlaseliwe, sebezonqotshwa, izinhliziyo zabo babe sebeyakhala bekhalela uJehova.
62.Lathi izwi uma ngabe niyafuna, lathi shiyani onkulunkulu babezizwe ngoba kwakwazeka ukuthi uNkulunkulu usho yena wathi unomhawu akafuni ukuba uma umkhonza bese ukhonza okunye.
63.Lapha kulelibandla asisibona abantu abakholelwa ezintweni okuthiwa zizwa ngabantu, asinayo indawo yokugcina izalukazi ezingazange zingene ezulwini ezinqatshelwe ukungena bese sizifumbatha siza nazo esontweni bese zizotshela thina ukuthi asenzeni ukuze silahlwe njengaso.
64.Ngoba akekho umuntu ongashiya ubukhazikhazi bezulu afune ukuzokwehlela kulomhlaba onezinkinga, uza kuwe nje uzokutshela, uzokonisa, ukufikela ngamaphupho ufuna ukuthi uzohlala naye uzothi uma ufa uye lapho yena akhona, esililweni akuso.
65.KuNkulunkulu kufanele uzazi izindlela zoMkhululi wakho, kusho umuntu wasezulwini uShembe, uthi masizazi izindlela zoMkhululi wethu.
66.Uma ngabe usuzazi izindlela zomkhululi wakho, uyakukwazi ngisho ukubona ngisho ephupheni ukuthi besekukhuluma omubi, akusiyena umuntu wasezulwini obekhuluma nami.
67.Njengoba ngishilo ngathi iNgelosi noma bangasho ukuthi injena injena bayithuke ngezinhlamba, kodwa sithi thina ingelosi ngoba yasibuyisela emazwini ayebhalwe nguMprofethi kaNkulunkulu futhi ingelosi ikhuluma ngoJehova owadala izulu nomhlaba, ikhuluma khona lokho uShembe owakukhuluma.
68.Akekho emhlabeni wonke umuntu owake washunyayezwa uSathane, wathi uSathane ngicela ukhonze uJehova, akekho emhlabeni, uSathane njalo uvama ukulwa noJehova, uvama ukulwisa leligama afune abantu ukuthi badumise yena.
69.Le ngelosi yafike yasikhipha emthethweni esase siyilandela, okwase kuyimthetho yabantu isigqitshiwe lena eyafika noMprofethi.
70.Ngiyafisa ukuqedela kuleyondinyana ukuthi yathi ingelosi seyisho ukuthi asibuyele kuJehova, ngaleso sikhathi sasingenawo lo muzi, izinto zazitsheka, kwakungalungi lutho.
71.Sasihamba siye ekhaya elikhulu lapho okwakufikwa khona kushiswe impepho kodwa kwakungakhulunywa noNkulunkulu kwakukhulunywa nabantu abangasekho, nabo futhi abanye abahamba bengenazo lezi zinto esasizicela.
72.Yathi uma ithi ingelosi buyelani kuNkulunkulu, sathi uma sivuma, bantwana baseKuphakameni, okokuqala uJehova asikhombisa ngakho ukuthi uyajabula ngokubuyela kwethu kuye, kwaba isipho salomuzi esikhonzela kuwo namhlanjena uNkulunkulu asiveza wasipha lo muzi.
73.Sibuyele nje kuJehova akuzange kuqede nezinyanga eziyisithupha sivumile ukuthi yebo Nkosi sibuyela kuwe namuhla, wasiveza lesi sipho wasinikeza lo muzi.
74.Bantwana baseKuphakameni lo muzi okwazi ukulayisha abantu, ulayishe nezimoto ongudeda ngendlala wegceke.
75.Sawuthola mhla sivuma ukubuyela kuJehova mhla sisuka ekushiseni impepho ekukhulumeni nabantu abake baphila kulomhlaba nabantu abakhalayo ingxenye yabo abakhalayo abacela ngabo ukuthi bacela ukuba bacelelwe intethelelo, bayakhala basesigodini sosizi.
76.Sasuswa, sathi uma siphakamisa isandla sithi yebo, siyavuma ukuthi sonile kodwa siyabuyela kuJehova. UNkulunkulu waqala kithi thina akhulume nathi, wasinikeza lo muzi.
77.Noma singenalutho olutheni ngaphakathi, kodwa sinento enkulu ngoNkulunkulu, lo muzi lona uwumusa kaJehova, lo muzi lona sawuthola uma sivuma ukusuka konkulunkulu babantu.
78.Ngithike bantwana baseKuphakameni abantu bazixwaye izalukazi, saxwayiswa kakhulu kabi ngezalukazi ezifika zizokhuluma izindaba.
79.Kodwa uboke uyibhekisise indaba ekhulunywa ilesisalukwazi ukuthi size siza kuwe sizokhuluma le ndaba sithi sithunywe ubani.
80.Abakholwayo bathi uma befika bafika uma ngabe sewona, uma ngabe sewungasaligcini kahle iSabatha, babe sebeyehla, abathi uma besuka kulomhlaba bangahlala ethuneni, bangaba izigqila zamathuna, badlula badlulela emzini oyingcwele.
81.Bahlatshangezwa izingelosi, zibasinela ngoba babekholiwe zaze zayongena nabo emzini oyingcwele, behla uma sebonile, afike kuwe alwe nawe, athi kwenziwa yini ukuthi ungaligcini ISabatha, uhlaleleni esonweni, uhlalelani ungathandazi.
82.Banjalo abakholwayo, bafika basho njalo, kodwa lezizalukazi ezifika nezinganekwane, ezifika zisitshele into, ngampela leyonto uma uyilalela uthi hawu ushilo ugogo.
83.Kanti uyakudonsa, kanti ufuna ukuthinta isandla sakho ukuze akudonsele lapho kulelo khulukuthu aboshelwe kulo yena.
84.Ngithike uma isalukazi sizoqondisa wena esifike kuye, sithi ukwenzelani lokho, umuntu okholwayo asikwenzi kuye lokhu.
85.Ngike ngibatshele abantu ngithi abathathe iminikelo, baye lapha bafike bacele kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi akasifake isitshwebhu siphume sihambe siye lapho okufanele siye khona, sisuke kumuntu okholwayo sizobonisa.
86.Abafunike abantu nalezizalukazi, bayahlehla, baningi ngibacela ngithi hamba uyokhuluma uShembe uyositalabha siyohamba asiyophinde size kuwe, ngoba wena kufanele ukuthi njalo uma utshelwa indaba, utshelwe indaba kaNkulunkulu, abafuni bayazigodla.
87.Ngithike bantwana baseKuphakameni kuleliSabatha sikhumbula umuntu wasezulwini, sikhumbula uMprofethi kaJehova, sikhumbula uMqali walobubuNazaretha.
88.Noma ubuNazaretha bungasiyona into yokuqala, buyinto endala, kodwa buyinto yokuqala lapha ezweni lakithi uma uShembe ehla, wehlela ukuzothi asibuyele kuJehova.
89.Sasitholile inhlanhla kuNkulunkulu wasinikeza uMprofethi okhuluma ulimi lwakithi ukuba asichazele konke, kodwa akuzange kusaba njalo.
90.Kwathi uma ngabe esehambile wonke amadodana oMprofethi, kwase kuyaqala sekuyashintsha, kwangabe kusaba into kaJehova, kodwa kwase kuba into yoBabamkhulu ngoba endlini kaJehova kufanele ukuthi kudunyiswe yena yedwa, akekho omuntu ofanele ukuthi azogedeza ethempelini agedezele inkosi yakhe azoyibongelela ethempelini likaJehova.
91.Lokho kuwukweyisa uNkulunkulu, lokho kuwukubukela phanso nokucekela phansi umsebenzi wamandla kaNkulunkulu ukuthi uma ungena endaweni kufanele ube ilabo bantu ongena kubo.
92.Akufanele ukuthi kube khona umuntu, noma ngabe engaba inkosi enyathela kunyakaze umhlaba, kodwa akanakuba uNkulunkulu.
93.Uma thina singabantwana bakaNkulunkulu, uma iNkosi ifika lapha sazi ukuthi nayo iwumntwana kaNkulunkulu, nayo izokhonza lo Jehova ngoba uma ingazile ukuzokhonza ifuna ukuzokhonzwa kanye noJehova, kufanele ukuthi ibe khona kanjani ebandleni likaNkulunkulu ngoba ibandla likaNkulunkulu likhonza uJehova?
94.Asinazoke thina izibongelelo zokuba kuthi endlini kaNkulunkulu uShembe esibhalele phansi ukuthi usuku lungelokudumisa yena yedwa, bese siphinda sidumisa umuntu, simdumisela ukuthi uyinkosi, uyinkosi yesizwe, sidumisa iNkosi yezulu nomhlaba!
95.Uma ngabe iNkosi ingena lapha siyithatha njengomuntu ozokhonza ozohlanganyena nathi, naye kufanele azikhumule izicathulo ngoba akekho ebukhosini bakhe nasebukhosini bakubo, uze endaweni lapho okudunyiswa khona uJehova.
96.Lapha ebandleni likaNkulunkulu, asingeke sayivumela lento okuthiwa inyosi ukuba izogedeza, igedeze ethempelini likaNkulunkulu, igedezele inkosi yayo, amakhosi amabili awabusi endaweni eyodwa.
97.Kufanele ukuthi asukume amaqhawe kaThixo amucele ngomoya wesonto ukuthi siyaxolisa, akukhulunywa lokho okukhulumayo kulelibandla.
98.Namhlanje kubongelelwa uJehova ngoba wadala izulu nomhlaba waphumula ngalolusuku, akekho omunye odunyiswayo.
99.Uma iNkosi ohamba nayo ingazile ukuzokhonza, ayihanjiswe iyogcinwa endlini yezivakashi, ihlale khona ilinde khona, uma sekuphume inkonzo, umholi wesonto uyoya khona ayoyihlonipha khona, hhayi futhi ayibongelele, uyoya afike ayibingelele ayihloniphe ngokokuhlonipha kwamakholwa, hhayi endaweni kaNkulunkulu.
100.Akekho ubayede lapha kulelibandla, ubayede munye, uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba kuphela. Akekho omunye esiyakumvumela ukuthi abe mkhulu kuJehova ngoba nakhu uyiNkosi yesizwe bese silahla uNkulunkulu bese simdumisa kanye noNkulunkulu.
101.Sesisho ukuthi ungumfowabo kaJehova noma uyini phambi kwaJehova, ukukholwa okungaqondile kunjalo, ukungazazi izindlela zoMkhululi wakho kuyingozi.
102.Uma ngabe uzazi izindlela zoMkhululi wakho ngeke uze ukuvume lokho endaweni kaNkulunkulu, kodwa uma ungazazi izindlela zoMkhululi wakho, kuyongena nomani ufike uyibongelele, kuyakungena nani, nani ifike ibongelelwe ngosuku lukaNkulunkulu. Kubongwa uJehova kuphela lapha!
103.Uma ikhona inyosi eyoba khona iyobongelela uJehova ngokudala kwakhe izulu nomhlaba, iyobongelela uJehova ngokuthuma kwakhe uShembe, uyobongelela uJehova ukuthi wabachitha ngengalo enamandla.
104.Uyobonga uNkulunkulu, abonge inkululeko, abonge inkululeko yakhe eyedwa emzini wakhe, uyakukeneza akhulume, akhulume ngento amenzele yona uJehova.
105.Noma ngabe ebenganamntwana uyakuktsheza ngalokho ambongelele athi wena wanginikeza umntwana ngingasenaye, bonke odokotela bahlulekile, wena ungudokotela ongafani nabanye odokotela. Ilokho esikulindele lapha.
106.Asikulindele ukuthi kuyoke kuqhamuke umuntu afike lapha angene nesihlalo, bese kuthiwa yena akangazikhumuli izicathulo, akangazikhumuli ngoba kwenzenjani?
107.Uzofunani lapho ekukhulunyulwa khona izicathulo, uzofunani la ekukhunyulwa khona izicathulo, uzeleni ngosuku lweSabatha? Uza ngoba uyabazi abantu bakhona ukuthi abazazi izindlela zoMkhululi wabo!
108.Kodwa thina ngoba siyazazi izindlela zoMkhululi wethu asinakukuvuma, ngisho umengameli wezwe asinakuvuma ukuba abongelelwe, ukuba abe ngumengameli ngalolanga nasendaweni kaNkulunkulu.
109.Uma engena usuke ezokhonza naye, uyakufika akhonze kanye nathi, uma engafuni ukukhonza, uyakuthathwa ayogcinwa endlini ethile ukuthi uma sesiqedile thina ukudumisa uJehova bese eyobingelelwa ngabafanele hhayi ukuthi azodunyiswa endaweni kaNkulunkulu.
110.Uthike uShembe masizazi izindlela zomkhululi wethu. Ngithike bantwana baseKuphakameni siyibandla elinjalo.
111.Uma kukhona nawe obubambelele kukho, uthi usabambelele, suka kukho, thatha lamazwi uzwe ukuthi ababehlaselwe ama filisti bacabanga bani uma sebebona ukuthi impi iyabanqoba, ubani abamncabanga.
112.Kodwa uzoyithola i-answer ukuthi bacabanga uJehova ngoba babe sebeyazi ukuthi uJehova nguye yedwa onamandla wokubakhulula kulempi. Babe sebebuyela kuye ngezwi loMprofethi uSamuweli owabatshela ukuthi uma senibuyela kuye njengoba senikhala nibhekisa kuye, susani onkulunkulu babezizwe kini, nidumise uJehova yena yedwa.
113.Lithike iBhayibheli ngempela benza njalo abantwana bakwa Israel babasusa onkulunkulu abayize base bedumisa uJehova yedwa.
114.Njengoba nathi senza kanjalo, lafika kanjalo izwi, laba khona kanjalo lelibandla ukuthi kwafuneka nathi ukuthi sibe ngabantu abadumisa uJehova yedwa ekuhluphekeni nasekubuseni, ekuphileni nasekufeni. Siyibandla singumsebenzi wezandla zakhe.
INkosi ibusise enikuzwile.