Bayothi, kodwa sasikhipha amadimoni, siprofetha ngegama lakho, senza imisebenzi emikhulu ngegama lakho, manje wenqabelani ukuba singene ezulwini?
Uthi-ke uJesu, ngoniphika ngithi anginazi ngoba nobe ningakwenzanga engathi kuMathewu 5:19 kwenzeni, OKUNGUKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU!
Isihlabelelo 130
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincindela ngokugcina.
2.Sitshele zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
3.Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo.
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
4.Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade.
Ngokugcina leli liwi
Zosinda zonke izizwe.
Ngaphambi kokuba ngiqale inkonzo ngifisa ukuba ngedlulise lesi simanga esesisehlele. Sithe uma sifika lapha enkonzweni, wathi uyagqoka umkhokheli, wathola ukuthi isikhwama ebesiphethe izingubo zenkonzo sisale ekhaya eNgqobizitha ngephutha.
Lokho bekusho ukuthi akasakwazi ukuba senkonzweni ngoba akakwazi ukusonta engagqokile ingubo yenkonzo, engumkhokheli nokwenza!
uSnakho ube esephuthuma eThekwini, eNgqobizitha beyolanda izingubo zenkonzo umkhokhele obeseyoze azigqoke emini.
Ube esethatha isihlalo esehlala emnyango ukuze ayizwe yonke inkonzo. Uthe esahleli emnyango, inkonzo isingenile, wabona lesi sikhwama sesiphambi kwakhe.
Uthe esathuswa ukuthi lesi sikhwama siqhamukaphi, wabona sekungena uNkosazana uHlaleleni esefike ethetha, ethi ukwenzeleni ukuthi aye enkonzweni engawufakile umNazaretha ngoba watshelwa ukuthi njalo uma sinohambo lwenkonzo aphume efake ingubo yenkonzo?
Wabe esethi uHlaleleni umkhokheli akokwenza into oyitsheliwe, engayesusi into ekhanda lakhe. Ngithe ngimbona nami umkhokheli wabe esesenkonzweni efake zona lezi zingubo zenkonzo ebesithi azolandwa eNgqobizitha. Sibe sesitshela uSnako ukuba abuye!
Njengoba sihlsale sisho, lengelosi iba noma mkuphi lapho sikhona, ngoba ikubheke konke okwenzeka kulenkonzo. Asimbonge uJehova ngokuthandwa ngalendlela!
##################################################
1.Enkonzweni edlule sichazile ukuthi lenyanga iqondene nokukhuluma ngoBabamkhulu, uMprofethi u-Isaya Shembe, ngoba wahamba emhlabeni mhla ka 2 May 1935.
2.AmaNazaretha namaKrestu akazi ukuthi ivangeli likaShembe lisukelaphi ngokomlando weBhayibheli.
3.Abanalwazi lokuthi uShembe uxhumana kanjani noYeshua, hhayi kuphela ngokwenkolo, kodwa nangokomlando.
4.KuNumeri 6 kulapho siqala khona ukuzwa uNkulunkulu ekhuluma ngomNazari. Nokho leligama elithi umNaziri kuyi Old Testamente liyadida, ngoba lisasho into eyodwa nomNazaretha njengoba kubhalwe kuyiZenzo 24:5.
5.Awukwazi ngesingisi uthi ‘Nazarite’ bese ngesizulu uthi umNazri. Ukuthi ‘Nazir’ ulimi lwesiHebheru ngesingisi oluthi ‘Nazarite’, ngesizulu bese sithi ‘umNazaretha’.
6.Ekuqaleni ubuNazaretha kwakuyisifungo esithathwa isikhashana, kungukuzila uma kukhona into ekuhluphile ocela ukuthi uNkulunkulu akwelekelele kuyo.
7.Ukuthatha isifungo sobuNazaretha kusho ukuthatha isifungo sobungcwele, isifungo sokuphila impilo yokuzahlukanisela ukuphila impilo yasezulwini uselapha emhlabeni.
8.Ngesingisi kuthiwa: “A Nazarite is one who is wholly dedicated or separated unto God.” UmNazaretha ngumuntu ozahlukanisele uJehova kuyo yonke impilo yakhe!
9.KuNumeri 6:5 kuthi: “Zonke izinsuku zesethembiso sakhe sobuNazaretha akuyikusondela nsingo ekhanda lakhe; uyoba NGCWELE ZIZE ZIPHELELE IZINSUKU AZEHLUKANISELA NGAZO UJEHOVA, UYAKUVUMELA UKUBA NESIHLUTHU.”
10.Umuntu uthatha impilo yobuNazaretha ngokuba agcine imithetho emithathu ngaphezu kweminye imithetho kaNkulunkulu ebhalwe kuyi Torah.
11.Leyo mithetho UKUNGAGUDI, UKUNGABUPHUZI UTSHWALA NOMA IWAYINI, UKUNGASITHINTI ISIDUMBU SOMUNTU OFILE.
12.Kodwa kwahamba kwahamba isifungo sobuNazaretha sagcina kungaseyiso esesikhashana, kodwa sekunabantu abathatha isifungo sobuNazaretha impilo yabo yonke.
13.Umuntu wokuqala eBhayibhelini owathatha isifungo sokuba ngumNazaretha impilo yakhe yonke, kwaba nguSamson.
14.KubaHluleli 13:4-5 kuthi: “Qaphela ukuthi UNGALIPHUZI IWAYINI NOPHUZO OLUNAMANDLA, FUTHI UNGADLI LUTHO OLUNGCOLILEYO, ngokuba uzakukhulelwa uzale indodana, AWUKULIPHUCA IKHANDA LAYO, ngokuba umfana UZAKUBA NGUMNAZARETHA KANKULUNKULU KWASEKUZALWENI, nguye oyakuqala ukukhulula u-Israel esandleni samaFilisti.”
15.Ubufakazi bokuthi ukushiya isihluthu kungubungcwele, kunguvumela ukuba uNkulunkulu ahlale kuwe, kubaHluleli 16:17 kuthi:
16.“USamsoni watshela uDelile yonke imfihlo yakhe, wathi: “Ikhanda lami alikaze ligundwe lokhu ngazalwa, ngokuba NGINGUMNAZARETHA KANKULUNKULU KWASEKUZALWENI. UMA NGIGUNDA AYOPHELA AMANDLA AMI, NGIBE NTEKENTEKE NGIFANE NABO BONKE ABANTU!”
17.UDelile esemgundile uSamson, wabiza amaFilisti ukuba ezombamba. KubaHluleli 16:20 kuthi: “UDelile wayesethi: “Amafilisti aphezu kwakho Samson!”
18.Lapho evuka ebuthongweni wathi ngizophuma njengemihla ngizikhulule, wayengazi ukuthi UJEHOVA USEMSHIYILE!” Amen!
19.Lenkulumo nje iyodwa isifundisa ukuthi ukuze uNkulunkulu ahlale kuwe, ube ngongcwele, kufanele uhlale ugcine isifungo sakho sobuNazaretha!
20.KuLuka 1:15-16, lapho ingelosi ikhuluma ngokuzalwa kukaJohane, ithi: “Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayikuliphuza iwayini nophuzo olunamandla, uzakugcwaliswa ngoMoya ongcwele esesesiswini sikanina.
21.Uyophendula abaningi bakwa-Israel eNkosini uNkulunkulu wabo. Uyohamba phambi kwayo enoMoya namandla ka-Eliya ukuphendula izinhlizyo zawoyise, babuyisane nabantwana abangalaleliyo”
22.KuSamuweli wokuqala isahluko 1:11 lapho uHana ecela umntwana kuNkulunkulu, kuthi: “Wenza isethembiso wathi: ‘Jehova wamabandla, impela uma ubheka uyakubona ukuhlupheka kweNcekukazi yakho.
23.Ngikhumbule ungayikhohlwa incekukazi yakho, yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. NGIYOMNIKELA KUJEHOVA ZONKE IZINSUKU ZOKUHAMBA KWAKHE, AKAYIKUTHINTA NSINGO EKHANDA LAKHE.”
24.Nalelivesi liyasifundisa ukuthi ukuze umuntu ebe ngcwele, ahlale noNkulunkulu, kumele athathe isifungo sobuNazaretha, okungagundi, ukungaphuzi utshwala, nokungasithinti isidumbu somuntu ofile.
25.Ngakho ke akulona iqiniso ukuthi uma ungumnazaretha ungabuye uzigunde izinwele. Njengamanje akukho muntu othatha isifungo sobuNazaretha sesikhashana, saphela kuNumeri 6!
26.Kodwa ngoba amaNazaretha athatha isifungo esinganqamuki, ayasithinta isidumbu, kodwa bese umuntu eba ngongcolile aze ahlanjululwe.
27.Kuyi New Testament, ngezizathu lenkolo yamaRoma ezaziyo, kwafihlwa ukuthi uJohane noYeshua babengama Nazaretha, lesi sifungo sivela kuphela ku-Old Testament!
28.Lelivesi elikuMathewu 2:23 elithi: “Wafika wakha emzini othiwa iNazaretha ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi: ‘uyakubizwa ngokuthi umNazaretha,” inkulumo eyafakelwa ababhali beTestamente, kodwa ayikho ezincwdini zamaHebheru, yenzelwa ukuba kubukeke sengathi uJesu wayehlangene nobuKrestu!
29.Lapha sibonisa ukuthi kukhona ubufakazi bokuthi lobu buNazaretha bukaShembe kunguku qhubeka bobu Nazaretha obususelwa emthethweni kaMose, nobufundiswe ngabaprofethi kwaze kwafika kuYeshua.
30.Ekunqotshweni kwamaJuda ngamaRoma inkolo kaJehova abezizwe bayichitha, emva kwesikhathi basungula inkolo yabo ebizwa ngokuthi ubuKrestu; lenkolo kaMose kulesi sizwe ivuselelwe nguShembe, naye oseyilo iJuda!
31.Njengoba sesichazile, kwafihlwa kuyi New Testament ukuthi uYeshua wayengumNazaretha, nokuthi igama lebandla lakhe kwakuthiwa ngamaNazaretha.
32.Okokuqala ngathola ukuthi kuyiZenzo 24:5 kuthi uPaul wabe engumholi wamaNazaretha, lokhu kukhuluma kuvela kumaJuda.
33.Kwangimangaza ukuthi amaJuda ayesho kanjani ukuthi uPaul ungumholi webandla lamaNazaretha?
34.Ngase ngithola enye incwadi echaza kabanzi ukuthi ibalandeli bakaJesu babebizwa ngokuthi ngamaNazareens, okwathi engasekho, baqale babizwa ngokuthi ngamaJewish Christians, kodwa base beliqeda lelogama, sekuthiwa ngama Early Christians!
35.Ngithe ngisafunda lokho, ngase ngithola umbhalo kaJerome owabe cishe engu Cardinal enkolweni yamaRoma. Kulencwadi lomfundisi wabe ehlasela amaNazaretha.
36.Okumele sikwazi ukuthi amaNazaretha aqedwa ngama Creeds ngesikhathi sika Constantine eminyakeni yo 325 A.D.
37.UJerome wayekhona eminyakeni yo 500 A.D, kodwa nangaleso sikhathi yayisekhona imithonseyana yamaJuda angabalandeli bakaYeshua, ababizwa ngokuthi ngamaNazaretha.
38.Kulombhalo uJerome ubhale kanje: “Kufanele esikhathini samanje sike sibhekisise lamahlubuka azibiza ngokuthi ngama-Nazaretha.
39.Kuthiwa ngamahlubuka ngoba inkolo yobuKrestu yayisilichithile ibandla lamaNazaretha!
40.‘Ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda! Abasebenzisi i-Testament elisha kuphela, kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lama-Juda. Abayichithi imithetho yamaJuda nabaProfethi babo, kanye nemibhalo yabo.’
41.Enkolweni yobuKrestu kwakungavunyelwe ukusebenzisa iTestament Elidala, ichithiwe yonke imibhalo yabaprofethi, kuhlanganisa nekaMose!
42.“Basho zonke izinto lezi ezifundiswa emabandleni amaJuda, okwehlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMessiah.
43.Bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, kodwa uJesu yena uyindodana yakhe.
44.Balandela imithetho yonke namadili amaJuda, okufaka phakathi UKUSOKA NESABATHA.” Amen!
45.Kulencwadi kaJerome kunezinto ezintathu ezibonisayo ukuthi uJerome ukhuluma ngebandla likaYeshua.
46.Okokuqala uthi: “Basho zonke izinto lezi ezifundiswa emabandleni amaJuda, okwehlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMesaya”
47.Akiwo wonke amaJuda aba ngabalandeli bakaYeshua, owayaziwa ngokuthi nguMesaya, njengoba namanje kungayiwo wonke amaZulu angabalandeli bomprofethi uShembe; kanjalo, noma kwafika ingelosi yazohlala nathi, kodwa amaNazaretha amaningi akayemukeli lengelosi, athi yinto nje esuka kimi nomkhokheli!
48.Ngalenkulumo uJerome uyachaza ukuthi ukhuluma namaJuda angabalandeli bakaYeshua! Uthi uJerome: “Abasebenzisi i-Testament elisha kuphela, kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lama-Juda.”
49.Vele abalandeli bakaYeshua babesebenzisa iTestamente Elidala, neTestamente Elisha, njengoba nanamuhla kwenza amaNazaretha kaShembe!
50.Uyaqhubeka uJerome uthi: “Bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, kodwa uJesu yena uyindodana yakhe.
51.Inkolo kaMose eyayilandelwa nguYeshua ikholwa kuNkulunkulu oyedwa ogama lakhe nguJehova, ayinayo into ebizwa nge Trinity.
52.“Balandela imithetho yonke namadili amaJuda, okufaka phakathi UKUSOKA NESABATHA.”
53.Lokhu uJerome okubiza ngokuthi “amadili amaJuda” usho imikhosi kaJehova. Ukusoka neSabatha akusiyo umkhuba wamaJuda, kodwa umkhosi kaJehova!
54.Ngabuye ngathola incwadi ebhalwe iJuda uRav Sha’ul, ethi THE NAZAREEN: betrayed, betean, begotten.” Kulencwadi, kokunye uSha’ul uyachaza ukuthi emva kokubethelwa kukaYeshua, esewafa, laqedwa ngabezizwe igama lakhe emlandweni wenkolo, njengoba bagcina sebeqhamuka nomsindisi ongaziwa enkolweni kaMose, kodwa kubuKrestu obizwa ngoJesu!
55.Kuyikhasi 10 lo mbhali uthi: “Abantu abaningi sebeqala ukuqonda ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungama Nazaretha, hhayi leligama labezizwe, esebembiza ngalo.
56.Ngokutholakala kwama Dead Sea Scrolls, okuyimibhalo yamaHebheru emidala, eyaba khona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, SESINOLWAZI NGEBANDLA LAMANAZARETHA ELALIHOLWA NGUYESHUA”
57.Ekhasini 25 uSha’ul uthi: “Siyazi ukuthi ibandla lamaNazaretha lasungulwa nguMprofethi uJohane. Ngu Johane owafundisa uMesaya, okunguYeshua, wamcijela ukuba abe nguMpristi omkhulu! UYeshua wakuthatha kuJohane ukuphatha ibandla lamaNazaretha.
58.Okwathi ekugcineni lelibandla lamaNazaretha laholwa nguMpostol uSha’ul.”men!
59.Ngo 1947 abafana ababeluse ngaseKhibert Qumran, bathola amaScrolls amaHebheru efihlwe emigedeni. Le mibhalo amaJuda ayeyifihlele izitha zale nkolo kaJehova, okwakungama Griki nama Roma, ngoba babeyishisa imibhalo yenkolo yamaHebheru, abangayishisile, beyihumusha ngokuyi hlanekezela ukuze ivumelane nenkolo yabo!
60.Kulama Scrolls kwatholakala ukuthi amaJuda uMesaya akhuluma ngaye igama lakhe ‘nguYeshua’, hhayi ‘uJesu’ nokuthi uYeshua wayehola ibandla lamaNazaretha, nelagcina seliholwa ngu Paul, hhayi leli elibizwa ngokuthi ubuKrestu!
61.Yikho-ke lombhali ethi ABANTU SEBENESIQINISEKO SOKUTHI NGUYESHUA OWABE EHOLA IBANDLA LAMANAZARETHA; leli KULESI SIZUKULWANE ELIVUSWE NGUMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE!
62.Uma sikhuluma ngobuNazaretha bukaShembe, kubalulekile ukuthi siveze ubufakazi obubambekayo ukuthi leli kuseyilelo bandla elaliholwa nguYeshua njengoba echaza uRav Sha’ul!
63.Kusukela ekwehlulweni kwamaJuda ngamaRoma ngo 70 A.D, yabe lenkolo kaJehova isiyaqedwa. Kodwa kuso isizwe samaJuda, njengoba sesinesiqiniseko sokuthi yithi amaJuda, ubuNazaretha bagcina sebuvuswa nguShembe uMprofethi!
64.Ngake ngasho ukuthi kuyamangalisa ukuthi uShembe walivusa kanjani iBandla likaYeshua, okulibandla lamaNazaretha, ngoba lifihliwe ku New Testament. Kufihlwe igama lalo, kwafihlwa ngisho ingqubo yalo yokukholwa!
65.Kodwa uShembe walazi igama lebandla likaYeshua ukuthi libandla lamaNazaretha, wazi ngisho ingqubo yalo yokukholwa, yize lingachazwe ndawo eBhayibhelini, futhi singenke sisho ukuthi kukhona izincwadi uShembe owazifunda ukuze abe nalolu lwazi!
66.Lokhu kukodwa kuyabonisa ukuthi uBabamkhulu wayevela ezulwini nokuthi kuse nguye uMpristi omkhulu woPheukonke ngokukaMelkizedech!
67.Ngike ngezwa omunye umuntu engikholwa ukuthi uliNazaretha, ethi uyajabula ukuthi manje ngikhuluma ngoShembe, hhayi ngeBhayibheli.
68.Ayikho into eyingozi njengokuthi ube isiwula, kodwa ube yilesi siwula esicabanga ukuthi siyazi, size siveze konke ubuwula baso!
69.Umuntu ohlakaniphile uyaqonda ukuthi lezi zintshumayelo ziyisifundo, ngaso amaNazaretha akwazi ukuba nolwazi ngenkolo yabo, lolulwazi ongenke futhi uluthole ndawo!
70.Lapha sifundisa ukuthi iBhayibheli kanye noJesu kuhlanganaphi noShembe, njengoba uShembe nasezihlabelelweni zakhe uyahlabelela nangoJesu!
71.Isisekelo sebandla lamaNazaretha imithetho kaMose ebhalwe eBhayibhelini, leli lomuntu othi angingakhulumi ngalo.
72.Ibandla lama Nazaretha liwuku qhubeka kwebandla likaYeshua, lo amanye amaNazaretha athi kwakungu mlungu, noma kwakuli Juda, leli uShembe owabe naye eyilo!
73.Uthi uShembe kuvesi 3 no 4 womthandazo wesabatha: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezi zukulwane, nigcine imithetho yakhe owanilobela yona uJehova ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.
74.Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe, akayiku yamukela imithandazo yenu; akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.”
75.Lesi isisekelo sobuNazaretha esabhalwa nguShembe, nokumele wonke umuntu othi ungumNazaretha asazi, hhayi ngokusifunda njengesilandelo, kodwa ekwazi ukugcina konke okuthiwa akakugcine!
76.Ukukholwa kwethu kungukugcina umthetho kaJehova njengoba ubhaliwe nguMose eBhayibhelini. Uthi-ke uShembe uma singamkhonzi uJehova ngokugcina imithetho yakhe, ukukholwa kwethu uNkulunkulu akakwemukeli!
77.Lamazwi ayafana nala ashiwo nguYeshua kuMathewu 7:21-23, lapho ethi akusibo bonke abathi Nkosi, nkosi abayobona umbuso wezulu, kodwa abayobona umbuso wezulu yilabo abagcina umthetho kaNkulunkulu!
78.Bayothi, kodwa sasikhipha amadimoni, siprofetha ngegama lakho, senza imisebenzi emikhulu ngegama lakho, manje wenqabelani ukuba singene ezulwini?
79.Uthi-ke uJesu, ngoniphika ngithi anginazi ngoba nobe ningakwenzanga engathi kuMathewu 5:19 kwenzeni, OKUNGUKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU!
80.Uthi-ke uShembe, uma singamdumisi uNkulunkulu NGOKU GCINA IMITHETHO YAKHE, AKAYIKUYA MUKELA IMITHANDAZO YETHU, ANGENKE ASEHLISELE NEZIBUSISO!
81.Ngiyafisa namuhla ukuba ama Nazaretha nama Krestu bazi ukuthi imfundiso kaShembe uma uyilandela ngoku hamba emkhondweni yezimemezelo zezwi likaJehova, kwenzeka konke okucelile ku Jehova!
82.Ekuqaleni koku sifundisa ngoku kholwa okwamukelekile kuJehova, ingelosi yafike yahlala kuvesi 3-4 womthandazo wesabatha.
83.Yathi, ‘uShembe wanifundisa ukuthi uJehova udunyiswa ngokugcinwa kwemithetho yakhe, wanifundisa futhi ukuthi uma ningayigcini imithetho yakhe angenke ayilalela imithandazo yenu.
84.Manje njengoba lencwadi yeSabatha ifundwa izikhathi ezintathu njalo ngesabatha, niyifundelani uma ningakugcini enikufundiswa kuyo?’
85.Ingelosi yabuye yasifundisa uvesi 16 womthandazo wokulala, lapho uShembe ethi: “Ngezinsuku zonke zokuphila kwakho, uma ulala ubomkhonza uJehova uNkulunkulu wakho uThixo wakho.
86.Ngosuku lwenhlupheko umbize, UYAKUKULALELA, UYAKUZA AKUSINDISE UMA UYENDLALA NGEZI KHATHI ZONKE INHLIZIYO YAKHO EMIKHONDWENI YEZIMEMEZELO ZEZWI LAKHE.”
87.Ithike ingelosi kithi: “Yini enihluphile, ngoba uShembe wanifundisa ukuthi uma nigcina imithetho kaNkulunkulu, nenza konke enikufundisiwe, kothi lapho nisosizini, nibize uJehova, asabele, ngoba uJehova nguyena uBaba wenu?”
88.Njengoba niwugcina umthetho kaNkulunkulu, nesweleni? Niyazi yini ukuthi ngokugcina umthetho kaJehova senibuyele kuye, seninga bantwana bakhe njengoba esho uShembe ethi uJehova unguYise wabamkhonzayo?
89.Uma senihamba ngokwezimiso zikaJehova, uNkulunkulu uzonenzela konke enikucela kuye, ngoba ningaba ntwana bakhe abamthandayo, abalalela konke enelulekwa ukuba nikwenze!
90.Noma ekuqaleni sasingakukholwa okushiwo yingelosi, ngo 2019, ingelosi yasitshela ukuthi kunesifo esibi esizayo esizobulala abantu abaningi.
91. Yathi ngakho-ke asicele kuJehova ukuba lesi sifo singasibulali thina nemindeni yethu.
92.Yathi asikhiphe umnikelo sicele uphawu uJehova owalunika abantwana bakwa-Israel mhla ingelosi ibhubhisa amazibulo aseGibhithe.
93.Loluphawu kwa-Israel kwaba ligazi lewundlu elaba seminyango yezindlu zabo! Ingelosi yabona ngaleligazi ukuthi ngabantwana bakaJehova laba, ngakho-ke abavikeleke ekubhujisweni!
94.Ithi-ke ingelosi: “Nizofaka umchilo wamasaka ezinkalweni zenu njalo ngesabatha, ukuze ngawo nikhumbuze uJehova ukuthi ningabantwana bakhe abazilile!
95.Nempela senza njengoba sifundisiwe yingelosi. Emva kwalokho yaqala ukubulala abantu iCovid 19 kusukela ngawo u 2019, kodwa yaze yaphela ngo 2022 kungakaze kufe noyedwa umuntu ebandleni lethu, nemindeni yethu yasinda! Saqala manje sabona ukuthi kanti ingelosi iqinisile!
96.Yilobu bufakazi obaba sobala ukuthi loNkulunkulu wethu akafani nabanye onkulunkulu, unguSomandla, ngoba ngesikhathi seCovid 19 bacasha bonke abaprofethi-mbumbulu kanye nonkulunkulu-mbumbulu!
97.Akakho owabe esaphumela obala ethi mina ngingumprofethi, ngegama leNkosi ngiyayiqeda leCovid 19, noma mina ngingunkulunkulu, ngiyayiqeda le Covid 19! They all hibernated!
98.Kodwa ingelosi kithi yathi, UMA NICELA UKUBA UJEHOVA ANIVIKELE KULESI SIFO, UZONIVIKELA! SACELA, NEMPELA SAVIKELEKA SONKE NJENGOBA SICELILE!
99.Akwagcina lapho, ithi-ke ingelosi, abantu bayaye bebe nemishuwarensi yasemhlabeni, bengalucabangi usuku lokufa!
100.Nina ngoba senifundisiwe ngendaba kaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyanithanda, yibani nemishuwarensi yemiphefumulo yenu.
101.Umuntu nomuntu akabe nomnikelo owubiza ngokuthi ngumshuwarensi womphefumulo wami. Lomnikelo uzoba zigaba ezintathu.
102.Owokuqala umnikelo, ngawo ucela ingelosi ezokubheka ukuba ungafi usemncane, nicele ukukhula kuze kufike isikhathi uNkulunkulu akuthatha ngaso.
103.Umnikelo wesibili ngocela ukuthi uma sekufika isikhathi sokufa, ungafi usugule isikhathi eside kakhulu, futhi isifo singakuniki izinhlungu ezinga bekezeleki!
104.Owesithathu ngowokuthi uma uphuma umphefumulo wakho ungayi ethuneni nesidumbu, kodwa uthi ufa umphefumulo wakho uqonde ezulwini.
105.Asinabo ubufakazi balena emibili yokugcina, kodwa kusukela ngo 2021 senze leminikelo, akukaze kuphinde kube nomuntu ofayo ebandleni lethu. Naseba dala esasicabanga ukuthi bengafa noma nini, kodwa basaphila, ngoba nabo ngokwabo bahlale bezicelela ukuphila!
106.Ngaphambi kwalokho, njalo ngonyaka sasiba nabantu ababili noma abathathu abafayo, futhi kufa abagcotshwa njalo ngomhlangano.
107.Kodwa kusukela ngo 2021, manje u2024, asikaze sifelwe yilunga lebandla. Mhlawumbe ababili asebeke bafa kwakungabantu ebabesanda kukhetha iNkosi nami ebengingakabazi!
108.Njengamanje asisenaluvalo lokufa, novalo lwanoma yini nje embi engasehlela, ngoba sesinobu fakazi obusobala bokuthi sihleli noNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyasithanda!
109.Kodwa konke kuqala ngokuthi SIKHOLWE NGOKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU, ilokho kuphela okuba ubufakazi bokuthi siyamthanda uNkulunkulu!
110.Enye incwadi yesabatha ebalulekile uvesi 21, lapho uShembe ethi: “Khumbula-ke ukuthi namuhla wenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi UYOHLALA ENDLINI KAJEHOVA KUZE KUBE SEKUPHELENI KWEZINSUKU ZAKHO!”
111.Njengo vesi 3-4 womthandazo wesabatha, akakho umNazaretha oke azihluphe ngokufuna ukuthi lisifundisani lelivesi?
112.Le imfundiso ethi uma uba ngumNazaretha usuke usuthathe iusifungo sokuphila impilo yobungcwele uze ufe!
113.Yikho thina singabuphuzi utshwala newayini, singasithinti isidumbu, futhi singazigundi izinwele zethu, ngoba ngokukhetha iNkosi sisuke sithatha isifungo sokuthi sesophila impilo yobungcwele size sife!
114.Ingelosi yake yasifundela incwadi kaSamueli wokuqala isahluko 7:3-4 lapho kuthi: “USamueli wathi kuyo yonke indlu yakwa-Israeli:
115.‘Uma ubuyela kuJehova ngenhliziyo yenu yonke, SUSANI PHAKATHI KWENU ONKULUNKULU BABEZIZWE NO-ASHITHAROTI, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nikhonze Yena yedwa; uzonihlenga esandleni samaFilisti.”
116.Abantu bakwa-Israel basusa oBhali no-Ashitharoti, bakhonza uJehova kuphela.
117.Ithi-ke ingelosi: “Nani uma ningabuyela kuJehova nehlukane nokuhlabela amadlozi, ningazihlanganisi nezangoma, nehlukane nokuba nonkulunkulu enizakhela bona, nikhonze Yena yedwa, uJehova uzoba ngakini, bese enivikela kuzo zonke izinto ezimbi enicela ukuba anivikele kuzo!
118.UShembe wayengakhulumi iphutha uma ethi: “Ngezinsuku zonke zokuphila kwakho, uma ulala ubomkhonza uJehova uNkulunkulu wakho uThixo wakho.
119.Ngosuku lwenhlupheko umbize, UYAKUKU LALELA, UYAKUZA AKUSINDISE UMA UYENDLALA NGEZIKHATHI ZONKE INHLIZIYO YAKHO EMIKHONDWENI YEZIMEMEZELO ZEZWI LAKHE.”
120.Thina-ke lapha eNCG sesinobufakazi bokuthi uma uJehova umkhonza ngenhliziyo yakho yonke, Yena yedwa, ungamxubi nalutho, uhamba ngokwezi memezelo zezwi lakhe, uyohlale ekuvikela kukho konke okubi!
121.Singawakhohlwa amazwi kaJehova owawasho ngomlomo ka-Isaya uMprofethi lapho ethi: “Khona ukukhanya kwakho kovela njengokusa, NOKUPHILISWA KWAKHO kuyakuvela masinyane,… inkazimulo kaJehova ibe ngasemuva kwakho.
122.Khona uyakumemeza, kusabele uJehova, uyakukhala, bese ethi: ‘Bheka ngilapha!”
123.Ukhona yini phakathi kwethu ongafisi ukuthi uma ememeza kusabele uJehova? Kulula ukuthi senze uJehova abe isiphephelo sempilo yethu, asihambe ngomkhondo yezimemezelo zezwi lakhe!
Isihlabelelo 75
1.Nkosi nika izindlebe zethu
Ukulizwa izwi lakho
Sibambe singayeki
Noma sibamba liphunyuka
Masingayeki.
2.Ngokuba ludondolo oluhle
Imiyalo yakho.
Lubanika ithemba
Abaluphetheyo.
Sibamba singayeki
Singayeki ngethemba.
INkosi ibusise izwi layo.