Bonke abantu abaphika ubukhona bukaNkulunkulu, izulu nesihogo; abaphika ubuqiniso beBhayibheli, nabaphika ukuthi amaHebheru yithi, yinto leyo abayifake ezingqondweni zabo, abayikholwayo, kodwa abenza sengathi bayayazi!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: SIKHONZA UNKULUNKULU ONGUMDALI WEZULU NOMHLABA.
2.Emibhalweni yeBhayibheli abaprofethi bayasho ukuthi kuyofika isikhathi sokwahlulelwa nokubuya kukaJesu.
2.Kodwa thina asikushumayeli ukuthi lesi yisikhathi esingesihle ngoba yisikhathi sokulahlwa kwabaningi! Kuphela sishumayela ngokubuya kukaJesu ezolanda ibandla lakhe, kuba yilokho esikulangazelelayo!
3.Kodwa ngokwezimfundiso zikaYeshua, lesi yisikhathi sokwahlulelwa okunomphumela wokulahlwa kwalabo abangamkhonzi uNkulunkulu!
4. Angazi ke ukuthi yini engenza silangazelele usuku lokwahlulelwa!
5.Kuyisihlabelelo samaNazaretha number 28, uMprofethi wabhala kanje uma echaza lolusuku, wathi:
6.“Uyeza uyeza umhla wokuphela, uyakuma phambi kwakho noma ungathandi, amagquma nemimango ayolelezeka.
7.Hhayi abaphela amandla ekukholweni kwabo, bayogijima bekufuna ukukholwa kwabo!
8.Ngiyakukhalela wentombi nawe nsizwa, uyokuthola ngasiphi isikhathi ukukholwa kwakho?
9.Icilongo lokuqala selizwakele, umhlaba wonke wazamazama. Uyogijima uzifihlephi, nanti izwe selisongwa!
10.Wemhlaba uyozifihlaphi nazo zonke lezo zoni. Balekani zidindi uyeza uJehova!”
11.Mhlawumbe kuyadinga ukuthi sizwe ukuthi yena uJesu uthini ngalolusuku. KuMathewu 24:20-22 uYeshua uthi: “Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika noma ngesabatha.
12.Ngokuba kuyakuba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, futhi okungasoze kwabuya kwaba khona.
13.Ukuba lezo nsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, KODWA NGENXA YABAKHETHIWEYO ZIYAKUFINYEZWA.”
14.KwabaseThesalonika besibili, isahluko 2:8, uPaul uthi: “Kulaphoke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyokumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika.”
15. Kulezi zincwadi noJesu uthi lolusuku lokubuya kweNkosi lubi, mhlawumbe ubunzima balo bokwedlula ngenxa yabakhethiweyo!
16.Njengoba wena ujahe ukufika kwalolusuku, wazi kanjani ukuthi ungokhethiweyo?
17.UPaul uthi mhla uYeshua ebuya uyobabhubhisa labo ABANGANAMTHETHO! Ukuthi abanganamthetho kusho abangawugcini umthetho kaMose njengokusho kukaYeshua kuMathewu 5:19 nakuMathewu 7:21-23!
18.Umbuzo-ke uthi wena ojahe ukubuya kukaJesu, uyawugcina yini umthetho kaNkulunkulu njengokusho kukaJesu?
19.Kwesinye isikhathi kuba nevangeli emakholweni eliziphikisa ngokusobala izimfundiso zikaJesu nabapostoli.
20.Sikhuluma ngezimfundiso ezinjengalezi: “Asikho isono thina esiyolahlwa ngokusenza, ngoba uJesu wayengenke afele izono zethu bese sibuye silahlwe ngenxa yesono!”
21. Lentshumayelo iyagcizelelwa, ibe nesigqi impela, ize ingene kubantu abaningi!
22.Kodwa kuMathewu 13:41-43 uJesu uthi: “INdodana yomuntu iyokuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo NABENZA OKUBI, ZIBAPHONSE ESITHANDWENI SOMLILO, LAPHO KUYAKUBA KHONA UKUKHALA NOKUGEDLA AMAZINYO.
23.Kepha abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise, onezindlebe akezwe!”
24. Manje-ke uma kungukuthi asikho isono esingenza silahlwe ngoba uJesu wafela izono zethu, ngabe siyamphikisa yini uJesu nabapostoli ukuthi uma senza isono sithola ukujeziswa?
25. Ngalemfundiso sithi noma ungadlwengula, ubulale, wenze noma yisiphi isono, ngenke ujeziswe ngoba uJesu wakufela izono zakho!
26.KumaHebheru 10:26-27 uPaul uthi: “Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesilwamukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yesono, kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovuthayo ozakungqongqisa amaphikankani!”
27. Lemfundiso ngokusobala igqugquzela abantu ukuba benze isono, ngoba sithi ngokufelwa nguJesu uNkulunkulu akasakwazi ukusijezisa. Pho sikholelwani uma abalungileyo nezoni sebefana ezulwini?
28.KuMathewu 5:19 uJesu uthi: “Ngakho-ke oweqa owode walemiyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa ngomncinyane embusweni wezulu!”
29.Ngokusobala, uma lemfundiso yokungabi nasono ifundiswa abantu, ngayo sichitha imithetho elishumi eyisisekelo sokukholwa kwethu!
30.Sekukaningi ngihlangana nezimfundiso zabantu abazazi ukuthi bahlakaniphile, bethi uNkulunkulu akekho, izulu nesihogo yinto leyo engekho!
31.Abanye ungabathola benza amahlaya ngoNkulunkulu nangeBhayibheli, abanye uNkulunkulu bemthuka, besho izinhlamba ezesabekato beziqondise kuNkulunkulu! Bese uyabona ukuthi kanti iSatanism yinto enje!
32. Ziyaqhubeka lezi zihlakaniphi zithi iBhayibheli alinamlando wethu, futhi alinankolo ngaphandle kokuthi lakhelwe ukususa abantu emasikweni abo!
33.Abanye bayakuphika nokuthi singamaHebheru, bathi nalamaqiniso avezwe ngumongameli uPutini yinto engekho, sisadlala nje abelungu!
34.Okokuqala izincwadi zeBhayibheli, ama scrolls aba khona ngesikhathi sikaMose owabe engumHebheru, engukhokho wethu.
35.IBhayibheli liyizincwadi eziningi ezabhalwa eminyakeni eminingi eyahlukene, zibhalwa yisizwe samaHebheru, kodwa ekugcineni zahlanganiswa ngabezizwe bazenza incwadi eyodwa emva kokuba eziningi sebezihlanekezele.
36. Ngakho kuliphutha ukukhuluma ngeBhayibheli njenge ncwadi eyodwa, ngoba ngisho ngesikhathi sikaYeshua lalingekho iBhayibheli, noConstantine akaze alibone iBhayibheli! IBhayibheli lihlanganise izincwadi ezahlukene eminyakeni yo 600 A.D.
37.Kuyayaye kuthi uma abanye abantu bengafuni ukwenza ucwaningo ngento, bese bethi ayikho, noma bethi ayinalo iqiniso. Ukuhlasela iBhayibheli kungukuhlasela incwadi kaNkulunkulu, kodwa efike yabhediswa izitha zikaJehova!
38.Siyakuvuma ukuthi abezizwe kuningi abakuhlanezekela ezincwadini zethu, kodwa ngalokho asikwazi ukuphika umsebenzi kaJehova uNkulunkului wethu!
39. AmaHebheru, okungokhokho bethu, babeyisizwe esihlala sibhala, baze baziwa ngokuthi ‘Ngabantu bencwadi/ People of the book!’
40. Ngakho-ke kungubuwula ukuthi ngokungazi kwethu, bese sichitha umsebenzi wokhokho bethu, sithi ubhalwe ngabezizwe! Njengokhokho bethu, ngalokho sisenza izaba zokuhlubuka uJehova, sibuyela emikhubeni yabezizwe eyisinengiso kuJehova!
41.Abanye-ke namanje basakuphika ukuthi amaHebheru yithina. Mina ukuthi yithina amaHebheru ngakutshelwa yingelosi. Yathi: “Wena uyinzalo kaJuda!”
42.Emva kwalokho kukhuluma ngasukuma ngenza ucwaningo olunzulu ngokwami, olwagcina lungiholela eqinisweni elingaphikiseki ukuthi yithina amaHebheru, nokuthi uYeshua owayezalwa ngamaHebheru, naye wayengumuntu omnyama!
43.Okokuqala ngalandela umzila wamaJuda ukuthi baphelelaphi emva kokunqotshwa ngamaRoma ngo 70 A.D?
44.Ngathola ukuthi amanye abalekela eWest Afrika, abe esebizwa ngama’Negro’, amanye awela uGwadule aze azofika eMzansi Afrika, lawa abezizwe bawabiza ngama ‘Bantu!’
45.EWest Afrika kunezwe elalibizwa ngokuthi iNEGROLAND elalihlala labantwana bakwa-Israel, kulo okunendawo ebizwa ngokuthi ‘i-Kingdom of Judah.’
46.Manje sesinayo ngisho iDNA, okuyi scientific proof ukuthi yithi inzalo kaJakobe! Kodwa namanje kusenabantu abamnyama abakuphikayo ukuthi amaHebhreru yithina!
47.Ngithe isihloko salenkonzo sithi ‘Thina sikhonza uNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba!’
48.Ngibona kufanele njengamakholwa silwe naleli vangeli leSatanism elithi akekho uNkulunkulu!
49. Kodwa kumele siveze ubufakazi obubambekayo ngobukhona bukaNkulunkulu, nokuthi loNkulunkulu wethu akanakulinganiswa nankulunkulu emhlabeni nasezulwini!
50.Kunomehluko phakathi kokukholwa ubukhona bento nokwazi ubukhona bento.
51.Uma ukholwa ukuthi into ikhona ubukhona baleyonto kwakheka engqondweni yakho, kanti ukwazi ubukhona bento, kwakheka ekuboneni leyonto ngamehlo akho!
52.Ngingakholwa ukuthi isipoki asikho, ngoba ingqondo yami ingitshela lokho, kodwa uma isipoki sengisibona ngamehlo ami,
sengiyazi ukuthi isipoki sikhona!
53.Ngingakholwa noma ngingekholwe ukuthi likhona izwe okuthiwa yi-Amerika, kodwa uma nginomuntu wase-Amerika ohlale engivakashele, angixoxele nge-Amerika, ngiba nolwazi lobukhona be-Amerika.
54.Bonke abantu abaphika ubukhona bukaNkulunkulu, izulu nesihogo; abaphika ubuqiniso beBhayibheli, nabaphika ukuthi amaHebheru yithi, yinto leyo abayifake ezingqondweni zabo, abayikholwayo, kodwa abenza sengathi bayayazi!
55.Sesikusho kaningi ukuthi thina sesihlale nengelosi kusukela ngo 2006 kuze kube namuhla! Lengelosi isivakashela kabili noma kathathu ngesonto.
56.Ukuthi akusiye umuntu lo, kodwa ngumoya(spirit), sabona ngoba sivele simbone eselapho sikhona, kungakhathaleki ukuthi sikuphi, nokuthi kusikhathi sini!
57.Akugcinanga ngokwazi ukuthi lomuntu ungumoya, kodwa sazi ukuthi unguMoya ongcwele!
67.Sabona ngokuthi esehleli nathi, wavula isikole sokuthi asifundise ngeBhayibheli, asifundise ngezimfundiso zikaShembe uBabamkhulu ngokudumisa uJehova njengoba kubhalwe ezihlabelweni zamaNazaretha!
68.Okunye esathola ngakho ukuthi yingelosi, sathola ukuthi iBhayibheli ulazi lonke, futhi iBhayibheli nezihlabelelo zamaNazaretha, konke lokhu ukufunda esandleni sakhe!
69. Akakho umuntu iBhayibheli nezihlabelelo okusesandleni sakhe kube sengathi ukufunda kuCellphone! Into enjalo ayenzeki!
70.Kodwa okwasicacela kakhulu ukuthi yingelosi kaJehova le, kwaba ukuthi kusukela yafika ngo 2006 kuze kube namuhla, ngaso sonke isikhathi isifundisa indlela eyiyo neyamukelekile yokudumisa uJehova!
71. Manje uma ngizwa umuntu ephika ubukhona bukaNkulunkulu, nobuqiniso beBhayibheli, kuvele kuthi angizisakaze phansi, ngoba uphikisa umuntu owaziyo, ngento yena oyikholwayo! Uvula isikole sokungazi ukuze adukise abantu. Unesitifiketi sokungazi!
72.Zonke izintshumayelo zami azakhekile ekuhlakanipheni kwami kwemvelo, noma ngokuthi ngenza ucwaningo kakhulu.
73.Kodwa yonke into engisuke nginifundisa yona ayisuki engqondweni yami, kumbe ekwazini kwami iBhayibheli, kodwa ivela ezulwini!
74.UNkulunkulu wathuma kimi uthisha wasezulwini, ukuze konke engikufundisayo, okwamukele angene embusweni wezulu! Ngithunywe ukuzoqhuba ivangeli lomprofethi u-Isaya Shembe ngombuso wezulu!
75.Ingelosi ayigcinanga ngokusifundisa ukukholwa okuyikho kuphela, kodwa isibonise ngezindlela eziningi ukuthi loNkulunkulu efike naye unguMdali wezulu nomhlaba, unguSomandla!
76.Ngo 2019 ingelosi yafika yasazisa ukuthi kunesifo esibi esizobulala abantu abaningi. Ngakho-ke asicele kuJehova ukuba asivikele kuso!
77.Yabe isithi asinikele sicele kuJehova ukuba asinike uphawu owalunika abantwana bakwa-Israel olwenza ukuba basinde mhla ingelosi izobhubhisa amazibulo aseGibhithe.
78.Yathi njalo ngeSabatha asibophe ezinkalweni zethu imichilo yamasaka, ngawo sikhumbuze uJehova ngesicelo sethu sokusindiswa nemindeni yethu kulesi sifo!
79.Sesikwenzile lokho, yaze yaphela ngo 2022 iCOVID-19 lingekho ilunga lebandla nelemindeni yethu elabulawa iCOVID-19!
80.Akugcinanga lapho, njalo ngonyaka sasifelwa ngabantu ababili noma abathathu, ikakhulukazi abagcotshwa!
81.Yafike yathi ingelosi asilivale lelithuna lokufa, futhi sicele kuJehova ukuba singafi sisebancane kuze kufike isikhathi lapho uNkulunkulu usithatha yena.
82.Kusukela ngo 2021 saqala sanikela umnikelo wokucela ukuphila, kuze kube manje ngo 2024, asikaze sibe nelunga lebandla elifayo!
83. Ukufa kwe Covid 19 kwakubulala yonke inhlobo yomuntu kungakhathali ukuthi ungudokotela noma ungumfundisi, kumbe ungumprofethi! Ezinye izinkolo zagcina sezibulala onkulunkulu bazo ngoba beqedwa iCovid 19 bebuka, bengakwazi ukuyiqeda!
84.Kodwa kithi ingelosi yafika yathi asime isibindi ngoba uJehova uyamukele imithandazo neminikelo yethu, ngakho-ke ngenke sife! Nempela sonke sasinda njengokusho kwengelosi!
INkosi ibusise izwi layo!
Lenkonzo iyatholakala ku Youtube nofacebook othi: Rev. Mpanza NCG.