Manje ngiyaye ngibone abantu bezibulala ngoba bethi babalekela usizi, besho bengazi ukuthi yini usizi? Usazoke uhlale endaweni lapho ukudla kwakho kobe kuzilonda zomzimba wakho, amanzi akho kube zinyembezi zakho. Sisaya lapho ongenakubona muntu omaziyo impilo yakho yonke!
Akakhoke umuntu ononya njengosathane! Njengoba wazi ukuthi kunabantu abathola ukujabula ngokukuzwisa noma nhloboni yobuhlungu, basuke benenhlizyo kayise, okunguSathane!
Isihlabelelo 130
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincinde ngokugcina.
2.Sitshele zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
3.Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
4.Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade
Ngokugcina leli lizwi
Zosinda zonke izizwe.
1.Leli yisonto lokugcina enyangeni esikhumbula ngayo uBabamkhulu uMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
02.Ngiyafisa ukuthi ngedlulise lokhu kukhuluma kwengelosi kulabo abazithatha ngokuthi bakholiwe, nabafuna ukuya ezulwini.
3.Ku-Eksodusi 23:20-22 uJehova wakhuluma lamazwi kubantwana bakwa-Israel, wathi: “Bheka ngizothumela ingelosi ikwandulele ukuze ikuvikele ohambeni, futhi ikufinyelelise endaweni engiyilungisileyo. Ilalelisise, futhi uyithobele.
4.Ungayivukeli, ngokuba ayiyikuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo. Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, WENZA KONKE EKUTSHELA KHONA, NGIYAKUBAZONDA ABAKUZONDAYO, NGIBE YISITHA SEZITHA ZAKHO!” Amen!
5.KunamaNazaretha ayaye acabange ukuthi ngoba ingelosi yathunywa kithi, ekukhulumayo akuwathinti amanye amabandla, ikakhulukazi okungamaNazaretha.
6.Kanti akunjalo, yebo ingelosi yathunyelwa kithi, kodwa umyalezo wayo uthinta bonke abantu, kungakhathalekile ukuthi bangamaNazaretha noma bangamaKrestu, ngoba kusuke kungumyalezo ovela ezulwini, bonke abantu abafuna ukuya kulo!
7.Uma nje wazi futhi ukuhlonipha ukuthi le yingelosi kaJehova ethunywe ukuba izoqondisa ukukholwa kwetu, kumele uyilalele ekushoyo, ngoba igama likaJehova likuyo!
8.Ingelosi yasitshela ukuthi akwamukelekile ezulwini ukubiza uBabamkhulu ngo’Bhombela.’ Lokhu kukhuluma angiqali ukukusho!
9.Ithi ingelosi ukuthi uBabamkhulu ngu ‘Bhombela’ zibongo owaziqanjwa ngabantu, okwakungafanele abizwe ngazo sengathi uyinsizwa yomgangela, kanti uyisiThunywa sasezulwini.
10.Kulabo abangazi, kwakunesitimela esasibizwa ngokuthi uBhombela. UMprofethi wagibela lesi sitimela esuka eThekwini eya eNtabazwe.
11.Kuthe esendleleni kwafika izwi, lambuza ukuthi uyaphi ngoba uNkulunkulu umthume entabeni yaseNhlangakazi? Lase lithi ilizwi akehle kulesi sitimela, eye lapho uJehova emthume khona.
12.Kwathi esaqoqa impahla yakhe, elungela ukwehla, isitimela savele sama khona lapho, wabe esehla khona lapho okungesitobhi khona.
13.Izimbongike zase zimbongela zithi: “UBhombela isitimela esama lapho kungemunga kungemtholo khona.”
14.Besho ukuthi isitimela sama esikhaleni lapho kungasitobhi khona, ngoba izwi selithe uShembe akehle. Leligama elithi “UBhombela” lavela kanjalo-ke!
15.Mina ngizalwa ngamaNazaretha akhuliswa nguMprofethi, angikaze ngimuzwe umama noma uBaba ebiza uMprofethi ngo Bhombela. INkosi iLanga ayikaze ibize uBabamkhulu ngoBhombela, kanjalo neNyangayezulu.
16.Umholi engangike ngizwe ebiza uBabamkhulu ngo ‘Bhombela”, uThingo, kodwa yathi ingelosi akufanele siyeke onke amagama akhe owawathola ezulwini bese simbiza ngegama lomgangela oliqanjwe ngabantu bomhlaba!
17.Igama likaShembe esalinikwa nguye, ukuthi UBABAMKHULU. Leligama lisesihlabelelweni samaNazaretha. Uma ufuna ukumthopha ungathi UTHUMEKILE, naleligama lisesihlabelelweni samaNazaretha!
18.Elinye igama uBabamkhulu owaziwa ngalo, elemukelekile ezulwini ukuthi UMQALIWENDLELA elichaza ukuthi ungumsunguli wobuNazaretha.
19.Okuyisimanga ukuthi noYeshua wayebizwa ngokuthi YINDLELA(The Way), abalandeli bakaYeshua baziwa ngokuthi ABANTU BENDLELA(People of the Way!)
20.Ithi-ke ingelosi, negama elithi UBABAMKHULU akulona igama esingalisebenzisa kakhulu ekushumayeleni, ikakhulukazi uma usukhuluma nezizwe ezingasiwo amaZulu, ngoba uma umlungu ebuza ukuthi kusho ukuthini ukuthi uBabamkhulu, uzothi kusho ukuthi GRANDFATHER, okuzogcina kungawakhi umqondo komunye umuntu ukuthi ugRANDFATHER uhlanganaphi noMprofethi, bese kufanele uxoxe indaba ende!
21.Kodwa uma ukhuluma NGOMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE, akukho muntu ozodideka ukuthi uShembe kwakunguMprofethi, igama lakhe kungu-Isaya! Njalo nengelosi uma ikhuluma ngoBabamkhulu ithi UMPROFETHI!
22.Namuhla-ke ngiyagcina ukukuchaza lokhu! Abangathandi ukukuyeka, ISIHLUNGO SIYOZIHLUNGA!
23.Ayikho into ebuhlungu njengokubona ingozi abantu abangayiboni, ikakhulukazi uma laba bantu ubathanda, noma besondele kuwe ngokomndeni.
24.Kuba nomuntu omthandayo, kodwa ubone ukuthi lengozi olengela kuyo akayiboni, futhi uyazi ukuthi noma ungamxwayisa ngayo, ngenke aze axwayiseke!
25.Abantu abaningi bakuhlakaniphele kakhulu ukulungiselela ikusasa labo, kodwa akukhathaleki bengabukeka behlakaniphe kangakanani, kuyaye kungabafikeli ukuthi lombuso abakuwo uyedlula, kunesikhathi lapho umuntu nomuntu uzokwahlulelwa ngempilo obeyiphila eselapha emhlabeni!
26.Angazi ukuthi livangeli elinjani elingeza abantu bazi ukuthi basahlalelwe usizi olunjani uma beze bafe bengazi hlanganisanga noNkulunkulu.
27.Ngelinye iLanga uBaba iLanga wathethisa umantshi uMthethwa, embuza ukuthi uvukelani eye emsebenzini engathandazanga? Uthi-ke uBaba: “Uyazi yini ukuthi uma ungathandazi awaziwa ezulwini, uyefana nje nesilwane?”
28.Isilwane asaziwa ezulwini, ukufa nokuphila kwaso akwaziwa, ngoba yisilwane. Kanjalo nomuntu ongamkhonzi uNkulunkulu akaziwa ezulwini. Ukuhlupheka nokubusa kwakho, ukuphila nokufa kwakho akwaziwa, ngoba ukuze waziwe ezulwini, uzethula wena kuNkulunkulu ngokubonisa uthando nethemba onalo ngaye!
29.Njengoba nawe unganasikhathi sokuninga ngoNkulunkulu, noNkulunkulu akazi lutho ngawe, kodwa umuntu owazi ngawe yilo obumsebenzela uselapha emhlabeni, okothi mhla kuphuma umphefumulo engabe esazihlupha ngawe, kungakhathaleki ukuthi ubhekene nakuphi ukuhlupheka!
30.Noma ngokwabantu bengacabanga ukuthi ukholiwe, kodwa uma ngokukaNkulunkulu ungakholiwe, usahlalelwe usizi lokulahlwa!
31.Ngelinye ilanga sasibuka ifilm eyayibonisa ukuthi abantu abalahliwe baya kanjani esihogweni. Khona lapho kwabe sekuqhamuka ingelosi, yabe isithi: “Ngakungcono ukuba lento eniyibonayo ayakhiwe, lesi isihogo ngempela.”
32.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Awazi ukuthi ngiyaye ngifise kanjani ukuthi abantu basemhlabeni uNkulunkulu engake ababonise ukuthi kwenzekani kumuntu ofe engamkhonzi uNkulunkulu, ngoba mhlawumbe uma bengalazi iqiniso bengesaba ukwenza izono!”
33.Uma usuyazi indaba yasezulwini awube saba nayo into yalapha emhlabeni ekujabulisayo, ngoba kuyakheka engqondweni yakho ukuthi awusiye owakulelizwe, ngakho-ke yonke impilo yakho ilungiselele izwe elizayo!
34.Ngiyafisa ukuba labo abathanda iqiniso bazi ukuthi ayikho into esinayo kulomhlaba nakwelizayo uma singamkhonzi uNkulunkulu. Konke kuyize leze!
35.UBabamkhulu wayevela ezulwini, uNkulunkulu ekhuluma naye njengoba wayekhuluma noMose. Ngakho-ke kubalulekile ukuba sikunake konke esikufundiswa nguye ngokubaluleka kokukholwa!
36.Lokhu engikukhulumayo angikususi ekhanda, kodwa ingelosi isichazele izinto eziningi ngoShembe uBabamkhulu.
37.Emlandweni wokukholwa akekho uMprofethi okwathi engafundile, kodwa konke okufundisayo kuqoshwe ngaso leso sikhathi phansi!
38.Zonke izintshumayelo zikaBabamkhulu siyazi ukuthi zinobufakazi obusuka ngqo kuye, zaziphuma emlonyeni wakhe, zibhalwe ngaleso sikhathi ekhuluma, wayenomabhalane owayebhala ngaso lesi sikhathi konke akukhulumayo!
39.Namuhla nginqume ukuthi ekuvaleni lelisonto loMprofethi kesikhumbuzane ngezintshumayelo zakhe esahamba namaNazaretha, nowayaye ethi ekhuluma zibe zibhalwa phansi.
40.Njengoba nihlale nizwa ukuthi ivangeli lalapha ekhaya lingokukhonza uJehova, kungenxa yokuthi sithunywe ukuba sivuse ivangeli loMprofethi, ukuze konke owakukhuluma sikwedlulisele kini!
41.Kwezinye zezintshumayelo zakhe, uBabamkhulu uthi: “Kuza isikhathi lapho abantu base Kuphakameni bayoyilahla indlela kaShembe. Lapho bayobe sebenza imicabango yabo kunezwi esibayala ngalo thina boShembe.
42.Ngaleyo nkathi bayobe bengasali khathalele izwe laphakade, bayobe sebethembe amazulu amaningi, nangekho.
43.Ngalezo zinsuku bayodebesela ukugcina umthetho kaJehova, LO OKUTHIWE ANGIWU VUSELELE!
44.Bayowugxoba, bawuzibe, kuphase imithetho yabo nemithetho yezithixo zabo abayozibuyisa bazifake la eKuphakameni.”
45.Uyaqhubeka uShembe uthi: “Ngesikhathi kuthiwa kunina landelani lokho uJehova akuvezile, bathi: “CHA, silandela lokho esafica obaba bekulandela.” Kuyilapho noYise babo babengaqondi lutho.
46.Ningabi njengo khokho benu abazenza lukhuni izinhliziyo zabo kuyimanje sithwele izono zabo.” Amen!
47.Nempela kwabanjalo, amaNazaretha amaningi aseyilahlile indlela kaShembe, bayawugxoba umthetho kaJehova, balandela imithetho yabo neyezithixo zabo!
48.Sebezakhele onkulunkulu babo namazulu abo abawabiza ngamazulu omndeni!
49.Ngakho-ke kumele abantu bazi ukuthi uma sichitha imikhuba eminingi eyenziwa ngama Nazaretha, kungenxa yokuthi sithunywe ukuzovuselela ivangeli loMprofethi!
50.Lokhu uShembe owasifundisa khona kunjengoba kunjalo nase Bhayibhelini! Uthi uJehova singayihlabeli imimoya yabantu asebafa, noma ngabe ngubababa wakho, ngoba uma esefile ukumhlabela sekungukumkhonza, usengomunye unkulunkulu!
51.Lemfundiso eseBhayibhelini uShembe ufike wayigcizelela. Kodwa akaze afundise ukuthi abafile bangamadimoni njengoba kushiwo njalo kwamanye amabandla!
52.Uyaqhubeka uBabamkhulu uthi: “Abantu abangakholwa balindelwe ukujeziswa okubuhlungu, umuntu ongakholwa uzitshela ukuthi njengoba yena emphika uThixo, ngeke ajeze, kepha akunjalo, lomuntu ufana nokuthi uma kuduma izulu lishaya umbani, bese yena uyacimeza, evala amadlebe, ngokuzitshela ukuthi ngeke limenze lutho, okungamanga aluhlaza, ngoba lizomshaya kunjalo!
53.Kunjalo ukuphika ubukhona buka Thixo, uyojeza uthanda noma ungathandi, akukhalelwa muntu esigodini sosizi; nani bemindeni yabo akukho eniyobenzela khona uma sebendlulile emhlabeni, kuphela ngumlilo ubusuku nemini, aninandlela yokuba khulula ngaphandle kokuba celela intethelelo enkosini ngeminikelo, nangemi thandazo. Nani niyoze nidlule emhlabeni nikwenza lokho!”
54.Thina sifundiswe nguShembe ukuthi abangasekho emhlabeni sibakhumbula ngokubanikelela. UShembe wayengakhulumi into oyicabangayo, kodwa wayezwa ngoNkulunkulu! Umnikelo udlula kuNkulunkulu, uze ufike komnikelele! Kodwa ukuvele uhlabe inkomo noma imbuzi, lokho kungabikwanga kuNkulunkulu, usuke usuhlabela abanye onkulunkulu, usuwenza isono!
55.Kodwa kukho konke esikwenzayo, sibheke omubi osihlasela ngezindlela eziningi. Ngike ngezwa omunye umuntu ku Tick Tock ethi umuntu osefile akanawo amandla kunomuntu ophilayo ngoba umthakathi uyakwazi ukuthwebula umuntu osefile athakathe ngaye.
56.Uyaqhubeka lomuntu uthi umuntu ofile akanasabelo kumuntu ophilayo. Angazi ukuthi usho ukuthini uma ethi umuntu ofile akanasabelo kumuntu ophilayo.
57.Uma echaza ukuthi umuntu ofile ayikho into emhlanganisa nophilayo, noma engumndeni wakhe, usifundisa into esuka ekhanda lakhe, kodwa ongayazi!
58.Ube esebala izinto eziningi, ethi umuntu ofile akakwazi ukuvikela umuntu ovelelwa izinto ezimbi elapha emhlabeni, futhi umuntu ofile akakwazi ukuhlasela umuntu ophilayo, ngisho wabulawa nguye! Akulona iqiniso lelo! Baningi kabi abantu abasemajele ngokubulala umuntu bese ofile ebahlasela beboshiwe, beze kithi bezovuma izono, bethi asibalekele kulempi abayilwa nomuntu osewafa! Uthi-ke lomuntu uma kukhona omphikisayo akupro(ve) lokho!
59.Ngaphambili ngike ngasho ukuthi kunabantu abafike bakholwe yinto ethize, bese bethatha izinto abazikholwayo bezophikisa ngazo abantu abaziyo! Bavule isikole sokudukisa abantu!
60.Lomuntu akazi lutho ngalento okhuluma ngayo, kodwa usevula isikole ukufundisa ngokungazi kwakhe, uvula isikole sokudukisa!
61.Ngiyavuma ukuthi isikhathi esiningi umuntu ofile uyaye engaba nawo amandla okuzivikela kubathakathi abamthwebulayo.
62.Kodwa hhayi ukuthi noma imuphi umuntu ofile engathwetshulwa ngumthakathi athwebuleke!
63.Baningi abantu abayaye bathakathwe ngabantu bathakatheke, kodwa hhayi ukuthi noma yimuphi umuntu ungathi uma umthakatha athakatheke. Mina nje ngenke ungithakathe kalula, noma sengifile ngenke ukwazi ukungenza umkhovu wakho, ngoba ngihamba nabantu basezulwini!
64.Kanjalo, baningi abantu abavikelwa ngabafile ekuthakathweni ngabanye abantu, kuya ngokuthi umoya wofile usesimweni esinjani. Akungathi ngoba yena engakwazi lokho, bese ethi akukho!
65.Ngabantu abacabanga kanje okufanele baqondiswe, ngoba banevangeli eliyinkohliso. In spiritual space one plus one is not always two!
66.Kulezi zinto ozibalayo othi abafile beyehluleka ukuzenza, okusho ukuthi sizothi noNkulunkulu akekho, ngoba naye siyaye simcele ukuba asenzele izinto eziningi, kodwa zingenzeki!
67.Kusho ukuthi kulomuntu into ekhona imimoya yabathakathi, ngoba bona benza into yenzeke, kodwa noNkulunkulu uvama ukungabalekeli abafile! NakuNkulunkulu siyazicela izinto zingenzeki njengokufisa kwethu!##
68.Abantu abaningi bayaye bebukeke bekholiwe, abanye bengabafundisi abakhulu, kanti abaziwa ezulwini! Yibo laba ke okuthi uma sebefile abathakathi bekwazi ukubathatha beyobenza imikhovu yabo!
69.Kodwa uNkulunkulu unamandla okusindisa umuntu ofile nakophilayo. Noma umuntu esefile esethunjwe ngabathakathi, uNkulunkulu angamlanda nomaphi lapho ekhona!
70.Ingelosi isichazele kakhulu ukuthi umuntu ofile singamvikela kanjani kubathakathi thina zihlobo ezikholiwe ngokumnikelela, sicele kwabasezulwini ukuba bamlande, nempela bamlande!
Kodwa ezulwini umuntu okholiwe ngumuntu ogcina umthetho kaNkulunkulu!
71.Abantu bayaye becabange ukuthi bayesatshiswa nje uma kuthiwa kukhona ukufakwa esihogweni somlilo ngenxa yezono zakho. Nibona ukuthi uJesu wayengakhulumi iqiniso uma ethi abangalungile bayayiswa esihogweni; noShembe wabe esesabisa uma ethi uma singamkhonzi uJehova siyolahlwa esigodini sosii?
72.Mina ngike ngimbone umuntu efa emini phambi kwabantu, ebusuku abonakale ephuma ethuneni apoke. Uma umuntu engafakwa emlilweni ekufeni, usuke usuphumaphi umlilo kuye ngenkathi umoya wakhe usuzula emhlabeni.?
73.Mina ngakithi ngiyasazi isalukazi esasithakatha ngendlela eyisimanga. Kwathi sesigulela ukufa, asaze safa, sabola siphila saze sacela ukudutshulwa umphefumulo ungaphumi. Sathi sesibulele abantu abangu 99, manje ezulwini kuthiwa asbahlanganise babe ngu 100.
74.Ebusuku sasiyaye sivuthe umlilo, abantu baphume babalekae! Ekuseni sibabale bonke abantu esesababulala. Ngikhuluma ngesalukazi engisaziyo, sasekhaya!
75.Lokho nje kukodwa kufakaza ukuthi uma umuntu ebenza izinto ezimbi, uyajeziswa ekufeni kwakhe, futhi ikhona into eyisihogo! Uma singekho isihogo, kuyaye kwenziwe yini ukuthi abanye abantu kuthi sebefile bese bevutha umlilo, usuke usuphumaphi lomlilo kubo?
76.Baningi abantu ekufeni abazovutha imini nobusuku. Nicabanga ukuthi uBabamkhulu uyanikhohlisa uma ethi: AKUKHALELWA MUNTU ESIHOGWENI SOMLILO, AKAKHO OKHALELA OMUNYE ESIHOGWENI SOMLILO.
77.AKUKHO UKUPHUMULA ESIHOGWENI SOMLILO, BAHLELI KULELO LUSIZI ESIHOGWENI SOMLILO, BAHLELI BEKHALA ABASENAKUKHULULWA. UKUDLA KWAKHONA USIZI LODWA, AMANZI AKHONA IZINYEMBEZI?”
78.Manje ngiyaye ngibone abantu bezibulala ngoba bethi babalekela usizi, besho bengazi ukuthi yini usizi? Usazoke uhlale endaweni lapho ukudla kwakho kobe kuzilonda zomzimba wakho, amanzi akho kube zinyembezi zakho. Sisaya lapho ongenakubona muntu omaziyo impilo yakho yonke!
79.Akakhoke umuntu ononya njengosathane! Njengoba wazi ukuthi kunabantu abathola ukujabula ngokukuzwisa noma nhloboni yobuhlungu, basuke benenhlizyo kayise, okunguSathane!
80.Abantu bayaye becabange ukuthi siyabahlupha uma sithi ababuyele kuJehova! Zonke lezi zinto enizenzayo eziyisinengiso kuNkulunkulu, ngelinye ilanga zizoba usizi nezinyembezi!
81.Kukhona izintombi okuzothi uma sezifa ziyothengelwa iziketi, ngoba zinamabhulukwe kuphela! Ezinye izidumbu zisazophalwa izinzipho nemilomo, ngoba bengenakusingcwaba isidumbu esipende umlomo, sinezinzipho ezifana nezikaSathane! Kodwa akusasizi lutho, uyoqhamuka esihogweni eyilento obephila ngayo!
82.Uthi-ke uShembe: “Abantu abangakholwa balindelwe ukujeziswa okubuhlungu! Kunjalo ukuphika ubukhona buka Thixo, uyojeza uthanda noma ungathandi, akukhalelwa muntu esigodini sosizi!
83.Nani bemindeni yabo akukho eniyobenzela khona uma sebendlulile emhlabeni, kuphela ngumlilo ubusuku nemini!
84.Iningi labantu lithi liyakholwa, kodwa bayizaphula mthetho; usizi lukhulu kubo, noma kukuphi lapho bekhona. noma behlabelela sibabona behlabelela bejabhile, amashwa abongamele.
85.Lokhu kudalwa ukungakholwa yimibiko ka Nkulunkulu nakuba profethi, bavuma izimfundiso zabantu nje, baphika izimfundiso zezithunywa zaseZulwini!
86.Uma ungababuza ukuthi lendoda noma umama lona abamlandelayo ubatshelani ngo Jehova, noma ngomhla wokuphela, ngeke bakuphendule, BAGUQULA IMITHETHO KANKULUNKULU NGAMASIKO ABANTU ANGASIZI NGALUTHO, KUPHELA ALETHA UKUHLUPHEKA EMHLBENI NOKUBHUBHA ESIHOGWENI KWELIZAYO!
87.Lesi simo uBabamkhulu okhuluma ngaso sikumaNazaretha. Sebenendoda engazi lutho ngokukholwa abayibiza ngoNkulunkulu! Uma uthi uyabakhuza, bavele balwe nawe!
88.Uthi-ke uShembe: “Labo abangakholwa umcebo wabo ngeke ubasize ngalutho. Kuphela bazibasela umlilo omkhulu abazobhukuda kuwo, futhi omkhulu ohlula lona okwangena kuwo o Daniel no Mishach no Abednigo, lapho bakhishwa khona yingelosi ka Nkulunkulu!”
89.Uyaqhubeka uBabamkhulu uthi: “Nivumelani omubi anizuze ngokwahlukana okungaka Na? Nithanda ukulandela labo nkulunkulu abanidukisile ngamabomu?
90.Aniboni yini ukuthi balahlekile, baphika uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba, kanye nesithunywa sakhe bayasiphika, baphika nemibhalo eqinisileyo, bafuna nifane nabo, ningakholwa , njengoba bona sebehlulekile?
91.Labo bangabathengisa ngeqiniso ekukholweni, bayoba ngabancinyane embusweni weZulu.
92.UNkulunkulu uJehovah uveze iqiniso eliphelele ngemithetho yakhe ebhalwe phansi, wayifundisa nangaba profethi kanye naba Priest, ngakho labo abangavumelani nemithetho ka Mose, baya ekulahlweni!
93.Nina abakholwayo ngeqiniso lemithetho kaJehova uNkulunkulu wenu, ningabi ngabangani nabangakholwa, ningasondelani nalabo abenza inkolo yenu inhlekisa nomdlalo! Yesabani uJehova kanye nezithunywa zakhe zonke uma ningamakholwa eqiniso.” NjengalamaNazaretha aseBuhleni enza inkolo kaJehova inhlekisa, esithi uma sibakhuza balwe nathi!
94. “Ningabavumeli banithuke, banisabise nize nifune ukushintsha iqiniso lika Thixo nilenze umdlalo, nani nenze abaprofethi abaqambi manga!
95.Kepha qikelelani ningagudluki kokubhalwe phansi, nilimele iqiniso enalamukelayo livela eNkosini, nibagade labo abaphikisa imithetho kaJehova ngamaphupho abo, bayingozi ekuguquleni imithetho kaThixo!
96.Angithi uSathane usebabonile ukuthi bayayiziba imibhalo bakhetha amaphupho, ngakho uzobadukisa kakhulu, noNkulunkulu ubayekile ngenxa yokungaqondi kwabo imibhalo!
97.Ninjenge zimvu phakathi kwezimpisi, ngakho hlakaniphani njengezinyoka nibe mnene njengamajuba! Kepha ningalungi kuze kweqe, ngoba nizosuke nivumele abahlubuki babuse enkolweni ka Jehova; kumele nikunqabe okunqatshiwe, emthethweni kaJehova, nikuchithe impela ningavumi!”
98.Njengoba sifundisiwre nguMprofethi nayingelosi, singakuvumi ukuthi izangoma nongqingili bengene phakathi kwethu; singakuvumi ukuhlabela amadlozi, ngoba uShembe usenqabele ukwenza lokho!
99.Uthi-ke uBabamkhulu: “Ningakhohlwa uma senibabonisile, kepha bona beqhubeke benze inhlekisa inkolo ka Jehova, khumbulani umthetho othi “iso ngeso’ Uma benishaya ngempama baphenduleni ngezinqindi ezilishumi, kepha ningakhohlwa yizixwayiso ezafundiswa ngu YESHUA ngaphambi kokuphindisela.
100.Kuhle ukufela inkolo, ngoba labo abanjalo ababe besalinda ndawo, baqonda ngqo eparadise, uNkulunkulu ubalungiselele indawo ngakwesokunene sakhe!
101.Labo abaphika inkolo kaJehova yilabo uNkulunkulu abaqalekisile, ababoni lutho emehlweni, baphika imibhalo ngendaba yokuqagela, Uma benani bathi bayakholwa, kanti banamanga, uJehova ukwazi kahle konke abakwenzayo, ngeke basinde!
102.Iningi labo uzobabona ngokwenza izinto ezinqatshiwe emthethweni, bedle okuyisinengiso, ngokuphika imibhalo, nembala bazi lokho nje! “Amen!
103.Ngalentshumalo kaBabamkhulu sibonisa abantu ukuthi lezi zintshumayelo zaseNCG, ingelosi ayizisuseli phansi, kodwa izovuselela izintshumayelo zikaBabamkhulu njengoba zinjalo!
104.Bonke abantu abafuna ekupheleni kwezinsuku zabo bavele baye ezulwini, abazilandele lezi zimfundiso zikaShembe, akukhathaleki ukuthi ungumNazaretha noma ungumKresto, kumbe ungumMoslem. Leli ilizwi lezulu!!!
Isihlabelelo 75
1.Nkosi nika izindlebe zethu
Ukuliwa izwi lakho
Sibambe singayeki
Imiyalo yakho
Noma sibamba liphunyuka
Masingayeki.
2.Ngokuba ludodondolo oluhle
Imiyalo yakho
Lubanika ithemba
Abaluphetheyo
Sibambe singayeki
Singayeki ngethemba.
INkosi ibusise izwi layo!