Ekuphumeni kwami ebandleni engangikulo, ngachazelwa kahle ukuthi ngithunywa ukuba ngishumayele ivangeli lokuthi abalemukelayo babone umbuso wezulu!
Kwathiwa ngolandela inqubo yokukholwa ngokufundisa abantu ukugcina umthetho kaJehova owawushiya kuMose, waqhutshwa ngabaprofethi, wagcina kithi ngokuvuselelwa nguShembe uMprofethi!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: “UJehova unguNkulunkulu wabamkhonzayo.”
2.Incwadi kaHezekeli 3:16-19: “Kwathi ekupheleni kwezinsuku eziyisikhombisa kwafika kimi izwi likaJehova, lathi: ‘Ndodana yomuntu ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu ka-Israel, ngakho-ke uyokuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona.
3.Uma ngithi komubi, uyokufa nokufa; bese ungamxwayisi endleleni yakhe embi, ukuba umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kodwa igazi lakhe ngolibiza esandleni sakho.
4.Kepha wena uma umxwayisile, kepha awaze wakuyeka ububi bakhe, nendlela yakhe embi, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakho.” Amen!
5.Namuhla ngiyafisa ukuchaza kafuphi isimo sokuthunywa nguNkulunkulu, noma ukuthunywa ngabanye onkulunkulu, njengothunywa lidlozi. UNkulunkulu unguMoya, kanjalo nedlozi lingumoya!
6.Yonke imimoya uma ikuthuma ayikuceli, kodwa iyakuphoqa ukuba wenze lokho ekuthuma khona! Uma wenqaba, ilwa nawe, mhlawumbe ikubulale!
7.Nedlozi uma likuthwasisa ubungoma, alikuceli, uma ukuphikisa lokho elikuthuma khona, lilwa nawe, likubulale nokukubulala!
8.Kanjalo noNkulunkulu uma ekuthuma, ungenzi njengokuthunywa kwakho, uyakujezisa kanzima!
9.KuLevi 20:27 uJehova uthi umuntu olikholwa akavunyelwe ukuba nomoya wedlozi, ngoba abukho ubudlelwane phakathi komoya wedlozi noMoya kaNkulunkulu, ngoba lemimoya inemithetho ephikisanayo.
10.Kuvamile-ke ukuba kube nombuzo wokuthi njengoba umuntu akazikhetheli ukuba ambathwe ngumoya wedlozi, uma ulikholwa, idlozi likuthwasisa, lokho ukuvimba kanjani?
11.Uma idlozi likuthwasisa, bese uliphikisa, liyakubulala! Lokho kusho ukuthi uma ufuna ukuphila, akukho ongakwenza ngaphandle kokwamukela okushiwo yidlozi!
12.Akesithe-ke uNkulunkulu ukuthuma ukuba ube ngumprofethi, nedlozi likuthuma ukuba ube yisangoma, kufanele wenze njani, ngoba awukwazi ukuba ngumprofethi nokuba yisangoma ngesikhathi esisodwa?
13.Ngokwemvelo uNkulunkulu onguJehova unguMdali, ungoPhezukonke, ungaphezu kwayo yonke imimoya; awukho-ke umoya ongamelana noNkulunkulu!
14.Idlozi lingambulala umuntu onokukholwa okungekho ngaphansi kwaJehova, kodwa uma uhamba ngokwezimiso zikaJehova, awukho omunye umoya ongamelana noJehova!
15.Mhla ingelosi ingazisa ukuthi ezulwini ngithunywa ukuvusa ibandla likaJehova njengoba laliqhutshwa uShembe uMqaliwendlela, kwadingeka ukuba ngiphume ebandleni engangikulo, bese ngenza lokho engikuyalelwa yingelosi ukukwenza!
16.Kwathi uma ngiqhuba njengokuyalwa yingelosi, umndeni walwa nami isimanga, babika ngembuzi emadlozini ukuthi sebeyangikhipha esibongweni sakwaMpanza, ngoba bethi ngendlela engihlubuke ngayo, ukuba khona kwami kulesi sibongo kuzobalethela amabhadi!
17.Babuye bathatha umnikelo bayonikela kuShembe iNkosi uThingo, bathi ngalo mnikelo bayangikhipha emndenini wakwaMpanza ukuze bengazithwali izono zami!
18.NamaNazaretha amaningi akhipha iziqalekiso ezesabekayo! Abaze bakwemukela ukuthi engikwenzyo ngithunywe nguye uShembe iNkosi iLanga!
19.Kepha kwakudingekile ukuthi kubonakale ngezenzo ukuthi angihambi ngedwa, kodwa ngihamba nabasezulwini, ngithunywe nguJehova!
20. Ekuphumeni kwami ebandleni engangikulo, ngachazelwa kahle ukuthi ngithunywa ukuba ngishumayele ivangeli lokuthi abalemukelayo babone umbuso wezulu!
21.Kwathiwa ngolandela inqubo yokukholwa ngokufundisa abantu ukugcina umthetho kaJehova owawushiya kuMose, waqhutshwa ngabaprofethi, wagcina kithi ngokuvuselelwa nguShembe uMprofethi!
22.Esikhundleni seziqalekiso, uJehova wangigona, ngavikelwa nguye kukho konke okubi okwakungase kungehlele kuze kube namuhla! UMoya oNgcwele wangembatha ngokuphelele!
23.Amabandla ngokwahlukana anemithetho eminingi azishayela wona, kodwa engahlangene nenqubo yokukholwa ebekwe nguNkulunkulu.
24.Abanye abazali bayaye balwe nabantwana babo uma bekholwa emabandleni abangezwani nenqubo yokukholwa kwawo! Uma uqhubeka, bakuqalekise, futhi uqalekiseke!
25.Kodwa uma okwenzayo uthunywe noma ubizwe nguJehova, asikho isiqalekiso esingakwehlela, ngisho esomzali wakho asihlali kuwe!
26.Uma usebandleni likaJehova ngokuhamba ngezimiso zakhe, futhi uJehova enelisiwe yindlela omkhonza ngayo, akukho siqalekiso esingakuyekisa ukwenza lokho uJehova othe abamkhonzayo abakwenze!
27.Kumina iziqalekiso engangizinikwa umndeni nebandla lami, zaphenduka zaba yisibusiso esibonwa noma ngubani!
28.UShembe uzolwa kanjani nomuntu othunywe nguJehova, futhi okufike yena uShembe kimi ukungithuma?
29.Uma uNkulunkulu ekuthuma, ngokwakhe uyazibonakalisa kuwe ukuthi ungowakhe, futhi uyakuhlabekela uma ebona uhlukumezeka!
30.Ngo 2008, ngiseseBuhleni, kwaba nabagcotshwa ababengizingela njengenyamazane, befuna ukuqeda ngami.
31.Kodwa ngelinye ilanga sabona sekufika ingelosi, yathi ithunywe nguShembe uBaba iLanga, uthi angibhale phansi bonke laba bagcotshwa abangihlukumezayo!
32.Sababhala phansi sinomkhokheli, baba ngu 11. Yahamba nephepha ingelosi. Emva kwesonto yabuya isijabula, yathi: “UBaba iLanga uthi angibakhiphe ebandleni bonke laba bagcotshwa abakuhlukumezayo! Sengiyobakhipha ke!”
33.Kwasidida lokhu kukhuluma, sangazi ukuthi ingelosi izobakhipha kanjani labagcotshwa? Kodwa kwenzeka isimanga, ngokushesha bonke bavukelwa libandla labakhipha phambi kwethu; ababethi kumele ngidutshulwe, kwaba yibo abaphuma enkonzweni sebeqhutshwa ngezibhamu!
34.Bonke baphuma ngabanye phambi kwami ngibabuka; abanye bathi bephuma babefa, abanye kwavuka amacala amadala baboshwa, bagwetshwa iminyaka ejele, abanye bagcina beyimiphuphe nje, kwaphela ngabo!
35.Ngaleli vangeli ngithunywe ukuba ngivuselele ukukholwa ngokufundisa abantu ukugcina umthetho kaJehova owawuletha kithi ngenceku yakhe uMose!
36.Noma sekuyaye kubonakale sengathi angisahlale ngikhuluma ngoShembe, kodwa kwasho yona iNkosi iLanga ukuthi njengamanje angivuselele ivangeli lokukhonza uJehova!
37.Uma sesazi kabanzi ukuthi uJehova kumele simkhonze kanjani, siyoqonda ukuthi uYeshua noShembe banguMoya owodwa owehlela emizimbeni ehlukene ngezikhathi ezahlukene, njengoMoya ka-Eliya owehlela kuJohane, noMoya kaMelkizedeck owehlela kuYeshua! (Bheka amaHebheru 7:20.)
38.Noma ngingakaze ngihlangane noNkulunkulu njengoMose noShembe uMprofethi, kodwa ukuhlala nengelosi kusinike ubufakazi obucacile ukuthi uNkulunkulu ukhona, nokuthi usasithanda njengoba wathanda okhokho bethu!
39.Ukusebenza kwaNkulunkulu kumuntu akufani nakwabanye onkulunkulu. Abanye onkulunkulu bakhonzwa ngokuthwalelwa okukwenza ukuba ube nakho konke okudingayo.
40.UNkulunkulu uma umkhonza uhlale ekuvikela kuzo zonke izifo nezingozi ezahlukene, ungaboni, kodwa lokhu akakwenzi ngomlingo njengoba kusuke kwenziwa ngabanye onkulunkulu!
41.Uma uJehova umkhonza ngeqiniso, uhlale eseduze kwakho kukho konke ubunzima ohlangana nabo, kungakhathaleki ukuthi kungakanani!
42.Ngo 2007 ngangihluphekile kakhulu, ngingenamali yokukhokha irent. Ngathi ngibona kwase kufika ingelosi.
43.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Ngiyabona ukuthi nihluphekile, aninamali yokukhokhela irent. Aniyiceli ngani imali kuBaba iLanga, uzoninika ngoba uyanithanda!
44.Yabe isithi ingelosi asinikele sicele imali kuShembe uBaba iLanga. Nempela sathatha uR20 sawubeka lapho sithandaza khona, ngase ngibika ukuthi ngihluphekile, angazi ukuthi irent ngizoyikhokhela ngani?”
45.Ekuseni ngakusasa ngithe ngiya emsebenzini, ngathola esikhwameni sami sekuno R2900 ongakaze usetshenziswe; sithe sisamangaliswe yilokho, sengisemsebenzini, kwangena endlini abantu ababeyisimo sezinyoni, bafika bashiya uR100, imali yahlangana uR3000!
46.Emva kwalokho yafika ingelosi, yabe isithi kithi: “UShembe ubenitshengise ukuthi uhlale eseduze kwenu ngoba uyanithanda, aninakuhlupheka ekhona. Kodwa ezulwini imali iyasetshenzelwa, ningacabangi ukuthi nizohlale nithola imali ngomlingo!”
47.Ngawo futhi unyaka ka 2007, sathi siphuma Empangeni, kwawa isikhwama semali e-Ultra City. Ngaze ngabona sengise ndlini ukuthi isikhwama ebesinemali nama card siwile.
48.Sathi lapho sesitatazela, sesishayela emaBank ukuvala ama card, kwangena ucingo lushawa yingelosi. Yathi: “Musani ukutatazela, isikhwama senu ngisitholile ngasibeka phezu kwesigxobo esangweni.” Sathi uma siya khona, nempela sasifica isikhwama!
49.Isifika kithi ingelosi, ithi: “Lesi sikhwama sithe uma siwa kini, sacoshwa ngumfana, wabaleka naso ukuze ningasitholi. Ngimsukele, ngambamba ngamephuca lesi sikhwama, ngathi akusiso esakhe!”
50.Njengoba sengishilo, ezulwini uNkulunkulu uyangenelela uma esebona umuntu wakhe esenkingeni enkulu
ongasenamandla okuphuma kuyo!
51.Enyangeni edlule mhla ka 11 May 2024, savuka ngeSabatha saya enkonzweni yesabatha eseNgwelezane. Sithe siyafika, kanti uMkhokheli ushiye izingubo zenkonzo eThekwini. Kwafanele engangeni enkonzweni yasekuseni, wahlala emnyango!
52.Kuthe sisathume uSnako ukolanda izingubo, umkhokheli wabona isikhwama esinezingubo zenkonzo sesiphambi kwakhe. Kuthe lapho ethuka, wabona neNgelosi uHlaleleni isimi phambi kwakhe.
53.Ysabe isimthethisa ibuza ukuthi uhambeleni ukuya enkonzweni engagqokile. Yathi akagqoke engene enkonzweni.
54.Ngithe ngimbona uMkhokheli wayengena enkonzweni esembethe izingubo zenkonzo; kanti ingelosi isihambe yona yayolanda lezi zimpahla eThekwini!
55.Kunabantu-ke abacabanga ukuthi uJehova uNkulunkulu wethu ungamfanisa nalabo nkulunklu babo!
56.Ngifakaza ukuthi uma uNkulunkulu umkhonza ngeqiniso, uyaye uluzwe uthando lwakhe, uzwe ukuthi nginoBaba ongithandayo; athumele izingelosi zakhe kuwe ukuba zikubheke, akuvikele ezingozini, futhi angavumi ukuba uhlupheke!
57.Sesihlalile nengelosi kaNkulunkulu, sesiyaqonda nokuthi ngokuthandwa nguNkunkulu kusuke kushiwo into enjani. Mina uyangithanda uNkunkukulu! UNkulunkulu uyakulwela kunoma yimuphi umuntu okuhlukumezayo, kuthukuthele Yena, kuphindisele Yena!
58.Leli qiniso lifakazelwa incwadi ka-Eksodusi 23:20, lapho uJehova ethi: “Kepha uma ulalela nokulalela izwi lengelosi yami, wenze konke ekutshela khona, ngiyakubazonda abakuzondayo, ngibe yisitha sezitha zakho!”
59.UJehova usesibonise ngokusobala ukuthi uba yisitha sanoma yimuphi umuntu oba yisitha sethu! Sekukanin gi sibona uJehova esilwela nezitha zethu ngokusobala!
60.Uma uhluphekile, unosizi, kunyakaza zonke izingelosi, kufunwe ukuthi ungasizwa kanjani masinyane! Thina silubonile uthando lukaNkulunkulu, saluzwa!
61.Kodwa konke lokhu kukhuluma ngikukhulunyiswa yilaba bantu abangenwe ngumoya kaSathane, abathi uNkulunkulu akekho!
62.Kuyimfundisoze ukuthi kuthi ngoba into awuyazi, futhi awukholwa yiyo, bese ufundisa abantu ukuthi leyonto ayikho!
62.Ngiyazi ukuthi abezizwe basikhohlise ngezinto eziningi, kodwa uNkulunkulu onguJehova wehlela esizweni sakithi, nemiqulo yeBhayibheli yalotshwa ngokhokho bethu, abezizwea abazi lutho ngayo!
63.Akukwazi-ke ukuthi kuthi ngoba abezizwe kunezinto abazihlanezela, bese siphika umsebenzi wokhokho bethu!
64.Abantu abamnyama kumele beqonde ukuthi uJehova uNkulunkulu wethu wehlela esizweni sakithi sisaholwa nguMose, kwase kuthi zonke izehlakalo ezabehlela behamba noJehova, bazibhala phansi.
65.Kuliphutha-ke ukuthi kuzothi ngoba ngokuhamba kwesikhathi abezizwe bahlanakezela umlando wethu, bese siphika nomsebenzi ongaka wokubhala owenziwa ngokhokho bethu! Izincwadi zeBhayibheli zabhalwa ngokhokho bethu!
INkosi ibusise enikuzwile.
Lenkonzo iyatholakala ku Youtube nakufacebook othi Rev Mpanza NCG.