Mina OWAMI UMSEBENZI UKUHLALE NGISHUMAYELA, NGIBUYISA ABANTU KUNKULUNKULU, NJENGOKWENZA KWABA PROFETHI BAKWA-ISRAEL, NANJENGOBA KULESI SIKHATHI LELIVANGELI KITHI LIVUSELELWE NGUMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE!
Isihlabelelo 160.
1.Lithi ilizwi lamagwala
Ayakwesaba eKuphakameni
Niya ngaphi webantu
Kuyaphela kusasa lokhu.
Chorus:Unjalo wena Kuphakama
Ukhanyisela zonk’ izizwe.
2.Ahleka usulu amagwala
Athi haha kuyaphela lokhu
Kusasa kuyaphela akusekho
Kuyaphela konke akusekho.
Chorus.
3.Qiniselani wemaqhawe
Ningesatshiswa ngamagwala
Ayakwesaba eKuphakameni
Athi he he he kuyaphela lokhu.
Chorus.
4.Khula wena Kuphakama
Zishone phansi zonke izizwe
Namhlanje sizwa bethi
Wozani eKuphakameni.
Chorus.
5.Wemuzi owakhiwe entabeni
Awunakusitheka wena
Ukhanyisela zonke izizwe
Eziphansi kwezulu.
Chorus.
UNKULUNKULU UMDALI WEZULU NABANYE ONKULUNKULU.
1.Ayikho into engihlukumeza njengokuzwa kunabantu abanevangeli elithi akekho uNkulunkulu, abanye bethathe izithixo zabo bethi yizona onkulunkulu babo.
2.Mina angigcini ngokukholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu sihlala naye!
3.Ngesonto eledlule sifunde izintshumayelo zomprofethikazi wase Amerika, uSister Celestial, lapho echaza ngobukhona bukaNkulunkulu, eveza nokuthi uJehova kumhlupha kanjani ukumhlubuka sikhonze abanye onkulunkulu!
4.USister Celestial ngokobuzwe ungowaseBotshwana, kodwa kuyacaca ukuthi wazalelwa noma wakhulela e-USA. Baveze izithombe zakhe esemncane ecula enkonzweni.
5.Igama lakhe lokuzalwa ngu-Esther, sengisikhohliwe isibongo sakhe. Ukuthi uSister Celestial ligama ozibiza ngalo.
6.Ngifunde okuningi ngamaCritics kaSister Celestial, kwathi ezinye izinhlamba zangiphathe kabi kakhulu! Kukhona abamnyama nabamhlophe abangafuni nakuyizwa indaba ngalomprofethikazi osemncane kakhulu!
7.Omunye umlungu ubethi uyakuvuma ukuthi u-Celestial iziprofetho zakhe ziliqiqiniso ngoba eziningi sezifezekile, wayesethi kodwa noma kunjalo uCelestial is a witch, okusho umuntu okwasamthakathi!
8.Uma uthi uyalalela ukuthi yini ngempela eyenza izitha zakhe zithi lomprofethikazi is a witch, awutholi, ngaphandle kokuthi bacasulwa ukuthi uhlale ekhuluma ngezono zabo!
9.Omunye umlungu ebaphikisa kulento abayishoyo, uthi: “If Celestial is a witch, why would this prophetess always expose the witches?
10.Omunye omnyama khona e-Amerika ucaphune incwadi kaMathewu 7:21-23, ethi wathi uJesu noma ungahlale uprofetha ubiza igama lakhe, kodwa uma uyi witch uyothi uma ufika phambi kwakhe akuxoshe ethi akakwazi!
11.Lokhu kukhuluma kwangimangaza, ngoba ubephendukezela ivesi engilazi kahle. UYeshua wathi UMA UNGAYENZI INTANDO KANKULUNKULU, OKUSHO UKUGCINA UMTHETHO WAKHE, noma ungahlale uthi Nkosi, Nkosi, uprofetha, wenza izimangaliso ngegama lakhe, uyothi uma ufika kuye akuxoshe, athi suka kimi menzi wobubi angikwazi!
12.Manje ngoba uCelestial uhlale ekhuluma ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu, lomuntu uyihlanganisa kuphi imfundiso kaSister Celestial ethi asehlukane nezono, nalenkulumo kaYeshua ethi asigcine umthetho kaNkulunkulu?
13.Kungashona ilanga ngibala izinhlamba okuthukwa ngazo loMprofethikazi kaJehova! Omunye uthi yena ukholwa kuJesu, hhayi kulonkulunkulu kaCelestial okuyi-Old Testament!
14.Uyamphendula omunye uthi uyaqala ukuzwa ukuthi kanti iBhayibheli linoNkulunkulu ababili, kukhona uNkulunkulu oku-Old Testament noku New Testament!
15.KuMathewu 5:11-12, uYeshua uthi: “Nibusisiwe uma benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani nithokoze ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanendulelayo!’
16.Lenkulumo kaYeshua iyabonisa ukuthi kusukela emandulo umprofethi kaJehova uhlale ehlaselwa, azingelwe, uma kwenzeka abulawe!
17.Izinhlamba ebezibhekiswe kuSister Celestial zingithinte kakhulu, ngoba bezingikhumbuza izinhlamba engihlale ngithukwa ngazo ngamaNazaretha!
18.Amanye amaNazaretha ayaye asihambele ezinyangeni ezinkulu, amanye asithengele izinkabi, ngoba nje befuna ukuqeda ngalelizwi lezulu!
19.Mhla ingelosi izongigcoba ngoMarch 26 2011, yathi: “Uthi uBaba iLanga angikutshele ukuthi amaNazaretha azokosa, kodwa angenke akudle!”
20.Nempela-ke lokhu kwasungulwa lelibandla amaNazaretha ayangosa, kodwa angazi ukuthi azongidla kanjani, ngoba yathi iNkosi iLanga ngenke bekwazi ukungidla!
21.Emva kokusungulwa kwalelibandla, ingelosi yakhuma nami nginomkhokheli, yathi: “Kufanele nazi ukuthi kusukela namuhla anisena mama, anisena baba; anina mfowenu, nadadeweni, nabantwana anisenabo!
22.Ezulwini kukhishewe izingelosi eziyisikhombisa ukuzonibheka. Lezi zingelosi azifani, ezinye zinonya, umuntu zimbulala esacabanga nje ukwenza into embi kini!
23.Nisazoke nizithole nikhala, nikhalela umuntu ofe nimthanda, kanti lomuntu ubulawe yingelosi ngoba kukhona okubi obese ekwakhe enhliziweni yakhe ngani!”
24.Nathi azikho izinhlamba esingathukwanga ngazo! Ngiphuma ebandleni lami ngachaza ukuthi ngikhishwe nguShembe uBaba iLanga kulelibandla, wathi angisungule ibandla elizofundisa abantu ngendlela eyiyo yokukhonza uJehova!
25.Ngachaza ukuthi ingelosi ingifundise izinto eziningi, ezinye ebengithi ngiyazazi, kanti angizazi!
26.Kodwa noma kunjalo, ngathi ngizwa amanye amaNazaretha abe esethi: “Wena useseBuhleni wathi, manje usuthi, ukhuluma uziphikisa, ngakho alikho lelivangeli lakho!”
27.Kodwa ngisho kahle ukuthi kufike ingelosi yangifundisa kabusha izinto ebengithi ngiyazazi!
Kutholakale ukuthi abafuni ukuzwa lokhu engibatshela khona, ngoba inhloso yabo ukuthola iphutha kwengikufundisayo, ukuze lelivangeli lasezulwini lingemukeleki!
28.Umkhokheli wathathwa yingelosi yangena naye emfuleni omkhulu, wabona esesezweni ongalazi, owaba kulo izunsuku eziyisikhombisa!
29.Uthi kulelizwe wafike wathola izimpunga ezingamaJuda okuyizona ezafika zamfundisa ngobuNazaretha.
30.Wathi ebuya umkhokheli wabe esenevangeli elilwa nezangoma, ngoba esefike wachazelwa ilamaJuda ukuthi ubungoma buphambene kangakanani nomthetho kaNkulunkulu!
31.Kodwa ngathola sekunamaNazaretha athi umkhokheli isangoma, njengoba no Celestial ohlale esixwayisa ngamaCultist, sebethi nguye i-Witch.
32.Kwangixaka ukuthi umuntu ohlale elwa nezangoma enkonzweni, kubuye kubuye nguye kanjani isangoma?
33.Ngashadiswa eBuhleni nomkhokheli emva kokuba ngiziyele mina kuBaba uThingo ngayobika udaba lwami.
34.UBaba uThingo wathi alulungiswe ngabafundisi. Sebelulungisile, ngahlanganiswa ngaze ngashada ngise Buhleni. Umshado wami waba mkhulu, uphethwe ngumfundisi nenkosi yakwaDube. Kukhona nabanye abafundisi!
35.Kodwa kuthe uma sengiphumile eBuhleni, ngaqala ngathukwa ngalomaNxumalo, kwathiwa ngithathe umfazi womuntu!
36.Lapha ngibonisa ukuthi uma uba yisisebenzi sikaNkulunkulu uba yisitha esikhulu sabantu abangafuni ukusuka esonweni, njalo behlale befuna into ongathukeka ngayo ukuze lelizwi lezulu lingamukeleki kubantu!
37.Abantu bayamzonda uNkulunkulu, bayazizonda nezithunywa eziletha izwi lakhe kubantu!
38.Ezinye izinto engenziwa zona ngisese bandleni lami kuyaye kuthi uma ngizicabanga ngishawe uvalo, ngingaze ngazi ukuthi ngasinda kanjani kulamankentshane ayefuna impilo yami!
39.Njengoba ngike ngisho, ngiseBuhleni kwakunabafundisi nabanye abagcotshwa ababengizonda indlela eyisimanga!
40.Kepha ngangingakaze nangolulodwa usuku ngiphambane nabo! Kodwa ukuba khona kwami ebandleni kwakuhlale kubagulisa, ngingazi kodwa ukuthi kanjani!
41. Ngaso sonke isikhathi behlale bengakhela uzungu ukuze bathole isizathu sokungixosha enkonzweni!
42.Ngelinye isabatha ngathi ngiyaphuma enkonzweni ngafica imoto yami isikakwe ngbafana njengemoto yesigabengu, kuthiwa angibanjwe ngingaze ngibaleke!
43.Ngathathwa njengesi boshwa ngayohlaliswa enkantolo yasehlathini, kusukela kuphuma isabatha kwaze kwaba ngu 10 ebusuku ngithethiswa icala engingalazi!
44.Njengoba ngangingu meluleki wezomthetho ebandleni, ngabekwa amacala amabili, elokuqala kwathiwa ngigwazelwe ngama Nazaretha ase Kuphakameni ngo R3000, yikho bekwazile ukuya entabeni yaseNhlangakazi!
46.Kwangagcina lapho, elesibili kwathiwa ngibonakale ngigwazela amajaji, yikho evume ukuba abaseKuphakameni beye eNhlangakazi!
47.Omabili lamacala ngendlela ayelilumbo nombhedo ngayo, ngangingazi nokuthi ngizowaphika ngithini!
48.Okokuqala mina ngangiyisitha sokuqala ebandleni laseKuphakameni,bengakufihlile lokho, ngoba ngingumeluleki webandla kumacala esasinawo nalelibandla! Angazi-ke ukuthi usigwazela kanjani isitha sakho?
49.Okwesibili ngangingesiye ngisho ummeli, ngingawazi kwalawo majaji, ngingazi nokuthi ijaji ligwazelwa kanjani.
50.Kodwa kwathi kusathethwa lamacala, abanye bamemeza bathi anginikwe isigwebo sokuba ngibulawe!
51.Ngaphuma kulenkantolo yasehlathini sengiphekezelwa ngamanye amalunga ebandla ayebona ukuthi uma engishiya ngedwa ngizobulawa! Lokho kwenziwa ngisenkonzweni!
52.Isehlakalo sesibili esasisaqhubeka kulesi sigwebo sokuthi kumele ngibulawe, ngangisemhlanganweni eZimbankomo.
53.Ngathi ngiphuma enkonzweni yasemini, ngithi ngiyonikela kuBaba uThingo, kwavele kwaqhamuka amaphoyisa amabili esonto ayesethengwe yilaba befundisi.
54.Bavele bangigxavuna ezixukwini zabantu, bengivimba ukuyonikela kuBaba uThingo! Ngathi ngiyaphikelela, bazama ukungishaya phambi kwaBaba!
55.Kwaginyima uNkosazana u-Aunti umaHlabisa wafike walwa nalama phoyisa, wathi benza mhlola muni phambi kwaBaba ukuba bashaye umvangeli?
56.Wangithatha u-Ant Mahlabisa ezixukwini zamakholwa, wayongifihla edokodweni lakhe lapho ehlala khona no-Anti uMasangweni.
57.Njengoba ngihlale ngisho, mina lokhu ngazalwa angikaze ngishawe umuntu, nabazali bami babengakaze bangishaye, nasesikoleni akakho uthisha owake wangishaya, ngaphandle uma kushawa iklasi lonke, ngoba ngokwemvelo ngithobile, futhi ngihlakaniphile nasesikoleni.
58.Imoto yami yalala ibhekwe ngenye inhlalisuthi, ngoba kwasekunqunywe ukuba ishiswe!
59.O-Anti bangeluleka ukuthi angibuyele ekhaya ngingabe ngisenza emhlanganweni, ngoba sekuyacaca ukuthi laba bantu bafuna impilo yami!
60.Ukuthi lesi simo sasisibi kangakanani, ngelinye isabatha ngabizwa nguye uBaba uThingo, wangibuza wathi: “Laba befundisi bafunani kuwe?” Ngavele ngakhala, ngase ngithi angazi, ngoba vele ngangingazi!
61.Emva kwalezi zehlakalo, kwagcina ngokufika kithi ingelosi ihamba ngezinyawo, sekubonakele ezulwini ukuthi akakho umuntu wasemhlabeni ongangivikela kulolulaka lwalaba bagcotshwa!
62.Ingelosi yathi ithunywe nguShembe uBaba iLanga, uthi ayizongibheka, ingivikele kulaba bagcotshwa abangihlukumezayo!
63.Ngendlela engajabula ngayo ukuzwa ingelosi ikhuluma kanje, angikwazi nokukuchaza! Yikho kuvele kuthi angihlanye uma ngizwa umuntu ephika ubukhona kukaNkulunkulu!
64.Ithi-ke ingelosi kimi: “Uthi uBaba: “Mtshele lomfana ukuthi angakhathazeki kuyo yonke lento abayenza kuye, ngoba abazondi yena, kodwa bazonda mina, bacasulwa ukuhlale bemuzwa ekhuluma ngami, abasangithandi laba bantu!”
65.Ekufikeni kwengelosi yayenza izimanga, ngoba yabe ingazisa ngawo wonke amaceba laba bagcotshwa abawakhayo ngami, bengazi ukuthi kunomuntu ohleli nabo elalele konke abakushoyo! Kodwa bese ithi: “Ungakhathazeki, bazongibekaphi mina?”
66.Okhozini ngichazile ukuthi ingelosi yabaxosha kanjani ebandleni bonke laba bagcotshwa ababelwa nami! Namanje uma kuba khona umuntu olwa nathi, kuba yiyo lengelosi ebhekana naye!
67.Ngiveza lomlando ukuze umhlaba wazi ukuthi uma uthunywa nguNkulunkulu udlula ebunzimeni obungakanani!
68.Kodwa ukubonisa ukuthi ngangise ngozini engakanani ngiseseBuhleni, kuthe sengiphumile, ngabona khona lapha ekhaya sengivakashelwa ngumfundisi wamaKrestu engangingamazi.
69.Wafike wathi uzongitshela ukuthi angibheke, ngoba kulelibandla engisuka kulo kunetulo lokuba ngibulawe!
70.Uthi-ke lomfundisi kade enza ucwaningo eBuhleni ngebandla lamaNazaretha, wabe esethola umfundisi uNdelu obheke umuzi waseBuhleni.
71.Uthi wabe esebuza ukuthi bakuvumelani ukuphuma kwami eBuhleni, ngoba ngokwakhe balahlekelwa ngokuhamba kwami?
72.Uthi ke lomfundisi, umfundisi uNdelu wabe esemvulela isifuba, esethi njengabafundisi, ekuhambeni kweNkosi iNyangayezulu emhlabeni, baya kuThingo, balutshela ukuthi lingalokothi lingisondeze eduze kwalo, lingixwaye impela, ngoba uBaba iNyangayezulu wayengithanda kakhulu ngoba ngingumshana wakhe. Bathi-ke abefundisi: “INyangayezulu lomfana yamgibelisa phezu kwethu!”
73.Uthi-ke uNdelu, kwale ngisho abefundisi bemqhamukela noma ngandlelani, kwatholakala ukuthi lomvangeli uthandwa libandla lonke, kwase kunqunywa ukuthi akavele abulawe!
74.Uthi-ke lomfundisi wamaKrestu: “Umfundisi uNdelu uthi kuthe kusafunwa ukuthi uzobulawa kanjani, asazi ukuthi wezwa ngobani, ngoba wavele waphuma ebandleni.
75.Uthi-ke uNdelu, kodwa namanje akakaphephi, ngoba sekunqunywe ukuthi eyobulawa khona lapho osonta khona.
76.Sekuvunyalwane ngabanye bantu base mjondolo ukuba bamhlasele, bamdubule esenkonzweni, kube sengathi udutshulwe esenkonzweni ngoba evule ithempeli, wazobangisa abantu endaweni yabo!
77.Uthi-ke lomfundisi wamaKrestu: “Ngithe noma ngingakwazi, ngabona ukuthi ngabe ngenza isono uma ngingakufuni ukuze ngikutshele ngalelitulo lokukubulalaelakhiwayo!”
78.Ngabe sengiyaqondake ukuthi kungani bekuthi noma uBaba uThingo ngimbikela ngalokhu kuhlukumezeka engikuthola esontweni, engathathi sinyathelo! Watshelwa ngami ehlala esihlalweni ukuthi ngiyingozi kuye!
79.Saphoqeleka ukuba sisuke kuleli thempeli sofuna ukusonta kwenye indawo!
80.Lesi simo sihlale singikhumbuza umthandazo kaMqaliwendlela noveza ukuthi izitha zikaJehova zihlale zilwa nezithunywa zakhe! Uthi ke uBabamkhulu:
81.“Ungayivumeli inhliziyo yami ibe namahloni ngawe Thixo wobaba bethu. Ngokuba ngilizwile uthuli LWEZITHA ZAKHO, NEZILIMI ZABO ZIYAHEHEZA OKUBI NGAMI ngezikhathi zonke. Ukuze baze bahlazeke abathemba kuwe ngami!
82.Ngenxa yezilimi zabo abaheheza okubi ngami, bathuntubezile izindlebe ebezibukhali ukulalela izwi lakho ngami.
83.Uyazi-ke Nkosi ukuthi inhlebo iyemukeleka kwaba buthakathaka ezinhlizweni zabo. Amanga anesikhundla kubo abawezwayo, abanezilimi ezimbi ngeNceku yakho.
84.Uyazi-ke Nkosi, ngalendlala kwasebuntwaneni bami izwi lakho ezizweni ngezizwe. Nkosi bayingcosana abemukelwa wukusindiswa kwakho, okushunyayelwa yimina ezindlebeni zabo.
85.Amanga abo angangethonsi lejalamu, lona elithi lilincane lixegise isisu sonke somuntu. Nkosi abakhuluma okubi ngami bayamukeleka ezinkulungwaneni.
86.Izilimi zabo azichilizwe, amanga abo abe njengegwebu lensipho ephelela ezandleni, kodwa mina ngiyokuthandaza njalo.
87.Noma ngazi ukuthi indlela eza kuwe iyasinda. ngiyakuyicambalalisa inhliziyo yami emikhondweni yezimemezelo zakho.Amen!
88.Lenkulumo isuswa zinhlamba engizizwe zibhekiswe kuSister Celestial, ehlaselwa ngabantu abathi bangamaKrestu, bezibhekise kumuntu engazi kahle ukuthi uyisithunywa sikaJehova.
89.Ingelosi iyaye isitshele ukuthi abantu abamthandi uNkulunkulu! Manje ngethukile uma sengizwa nalomprofethikazi ethi UNkulunkulu uthi abantu abamthandi!
90.LoNkulunkulu esihamba naye kusenguye loNkulunkulu owayehamba nabantwana bakwa-Israel, kusenguye loNkunkulu owaye hamba noMqaliwendlela! Usezi bonakalise kaningi kithi ukuthi uNkulunkulu uyasithanda, singabantwana bakhe!
91.Njengoba nonke nazi, mhla ka 11 ngenyanga edlule sisuke lapha eThekwini sayosonta eNgweleane, kanti umkhokheli useshiye endlini izembatho zakhe zenkonzo!
92.Uthe ethi uyagqoka ngenkonzo yasekuseni, kwatholakala ukuthi akanamNazaretha, akanafotini, nesiphika asikho!
93.Kwasho ukuthi akasakwazi ukungena enkonzweni engagqokile, ngakho ke kumele ahlale emnyango!
94.Umuntu ophethe ibandla uhlala kanjani emnyango ngesikhathi senkonzo; kanjalo futhi, umgcotshwa uzongena kanjani enkonzweni engafake ngisho umNazaretha?
95.Kithi basemhlabeni bese kumi ingqondo! Kodwa uthe ethi umkhokheli uyahlala phansi, wabona isikhwama sezingubo zenkonzo sesi phambi kwakhe.
96.Khona lapho wabona ingelosi isimi phambi kwakhe, yathi akagqoke angene enkonzwenii!
97.Nami ngethukile uma ngibona umkhokheli esengena enkonzweni esegqoke ephelele, ngoba uSnako wabe esephuthumile eThekwini ukolanda izembatho zenkonzo!
98.Ingelosi yavele yaqhamuka, isithi: “Awukwazi ukuhlala phandle ungumholi webandla!” Kwahamba yona ngomoya yaya eThekwini yayomlandela izembatho umkhokheli. Uma sithi thina sihamba noNkulunkulu, sisuke sisho into enje!
99.Lesi senzo senzeke phambi kwethu sonke, asizange sabonwa yimi nomkhokheli kuphela! Makabongwe uJehova uNkulunkulu waseKuphakameni!
100.Besikhuluma ngesihloko esithi uJehova uNkulunkulu wethu akafani nabanye onkulunkulu esibuye sibakhonze.
101.Indlela yokukhonza uJehova iqondile, ifana nomthethosisekelo wezwe, yonke ibhalwe phansi!
102.Njengoba ngimi phambi kwenu, ngingumpristi kaJehova, lesi isikhundla engasinikwa ezulwini. Kwafika ingelosi mhla ka 26 March 2011 ukungigcoba nginomkhokheli.
103.Angikwazi-ke ukuzinika esinye isikhundla, bese ngithi ngingumprofethi! Sobabili nomkhokheli singabafundisi bakaShembe iNkosi iLanga, ingelosi yasitshela kanjalo!
104.Kodwa ukusebenza kwethu akufani ngcamashi, ngoba nginikwe umsebenzi okumele nginamathele kuwo, kanjalo nomkhokheli unomsebenzi okufanele ahlale ewenza!
105.Mina OWAMI UMSEBENZI UKUHLALE NGISHUMAYRELA, NGIBUYISA ABANTU KUNKULUNKULU, NJENGOKWENZA KWABA PROFETHI BAKWA-ISRAEL, NANJENGOBA KULESI SIKHATHI LELIVANGELI KITHI LIVUSELELWE NGUMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE!
106.NJENGOMPRISTI KAJEHOVA, UMA UBIKA NOMA YINI KIMI, BESE NGITHI “INKOSI IKUBUSISE”, NOMA YIMUPHI UMBIKO WAKHO KIMI UHANJISWA YINGELOSI ENKOSINI ILANGA! MINA AKUKHO UKUTHANDAZELA ENGIKWENZAYO NGAPHANDLE KOKUKUNIKA ISIBUSISO, NGOBA UMSEBENI WAMI UKUSHUMAYELA!
107.Umkhokheli, ONGUMFUNDISIKAZI, UMSEBENZI WAKHE UKUPHILISA ABANTU NGENDLELA OYINIKWA YINGELOSI!
108.Yonke inhlobo yokuphilisa inikwe yena! Ingelosi izifikela yona kuye ithi akenze lokhu nalokhu kumuntu ogulayo, noma ohluphekile. KODWA AKAHLOLI!
109.Ingelosi yangiyala ukuthi ngingalokothi ngikhulekele, noma ngiguqele laba bafana bakwaShembe abathi bangamakhosi, ngoba lobu bukhosi babo abaziwa ezulwini, kuphela khona lapha emhlabeni. Bangamakhosi abekwe ngabalandeli babo, hhayi nguNkulunkulu!
110.Ithi-ke ingelosi, kuyicala emsebenzini kaNkulunkulu ukuzinika isikhundla ongasinikwanga uNkulunkulu.
111.Kodwa okubi kakhulu ukuthi uma usunalesi sikhundla ozinike sona, bese ngaso usebenzela ukususa amakholwa kuNkulunkulu!
112.Ithi-ke ingelosi kimi: “Angabi bikho into yabo oyifisayo, kodwa ubheke lokho okunikwa yiNkosi iLanga, ngoba yonke into abanayo izophela!
113.Emthethweni elishumi kumthetho wokuqala uJehova uthi: UNGABI NABANYE ONKULUNKULU NGAPHANDLE KWAMI.’
114.Lomthetho uhlanganisa imithetho eminingi yokudumisa uJehova! Igama elithi ABANYE ONKULUNKULU, lisho yonke into engasiye uNkulunkulu, okusho INTO, noma UMUNTU!
115.Uma USUKHONZA, UBIZA UMUNTU NGONKULUNKULU. Lowo muntu ‘usengomunye uNkulunkulu!’
116.Nomuntu osewafa, uma yonke impilo yakho usuyibeke kuye, umhlabela, ucela kuye izinhlanhla, ubika kuye usizi lwakho, lowo moya walowo muntu kuJehova usungomunye unkulunkulu!
117.Kanjalo, uma usunento oyikhonzile, noma ngumuthi, noma isilwane, okungaba inyoka, noma imfene, leyonto uma usuyenze yaba lithemba lakho, isingomunye unkulunkulu!
119.Ithi-ke ingelosi: “Nina ninenhlanhla ngoba uNkulunkulu waninika uShembe ukuthi konke nikubike kuye.
120.UNkulunkulu uyiNkosi, uhlala ezulwini, kodwa unezithunywa zakhe emhlabeni ukwenza konke obekufanele kwenziwe nguYe, n jengoba nalapha emhlabeni inkosi iyasetshenzelwa!
Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Njengamanje uNkulunkulu uthume uShembe ukuba anenzele konke enikudingayo egameni likaJehova! Ngakho-ke ukubiza uShembe noma uthandaza akusilo iphutha, kanjalo nokubiza uJesu, ngoba lezi zithunywa zasezulwini!
121.Lapha uma sikhuluma ngoShembe, sikhuluma ngoMqaliwendlela, ngoba ukuthi ‘SHEMBE’ ligama lakhe!
122.Umthetho wesibili uthi: UNGAZENZELI NGISHO IZITHOMBE EZIBAZIWEYO, EZINGUMFANEKISO WOKUSEZULWINI, NOKUSEMHLABENI, NOKUSEMANZINI.
123.Lokhu kusho ukuthi awunakukhonza noma yilanga, noma zinkanyezi, noma yinyanga, noma yinike nje esemkhathini. Akuvumelekile ukuthi ubaze noma yini nje ebese uyikhonza uthi ingunkulunkulu wakho!
124.Uyaqhubeka uNkulunkulu uthi: “MINA JEHOVA UNKULUNKULU WAKHO NGINGUNKULUNKULU ONOMHAWU, NGIHAMBELA UBUBI BAWOYISE KUBANTWANA KUSO ISIZUKULWANE SESIYHATHU NESESINE SABANGIZONDAYO.”
125.Ayikho into embi ezulwini njengokuhlubuka uJehova! uJehova uzisholo yena ukuthi umuntu omhlubukayo UYISITHA SAKHE, NGAKHO-KE UJEZISA ISIZUKULWANE SESITHATHU NESESINE SEZITHA ZAKHE!
127.Angazi ke ukuthi isizukulwane kuNkulunkulu sithatha iminyaka emingaki? Kodwa ngiyaye ngizwe uShembe ethi NANAMUHLA SISATHWELE IZONO ZOKHOKHO BETHU!
128.Lokho kuchaza ukuthi nanamuhla sisathwele izono zokhokho bethu abazenza besakwa-Israel!
129.Uthi-ke uJehova: “Kepha ngibenzela umusa ABANGITHANDAYO, ABAGCINA UMYALO WAMI!”
129.Njengoba ngike ngasho nasenkonzweni yasoKhozini, uma uhamba ngokwezimiso zikaJehova, uNkulunkulu uhlale eseduze kwakho, ube ngumntwana wakhe ngokuphelele! Uthi-ke uShembe, UNKULUNKULU UNGUYISE WABAMKHONZAYO!
ASIMTHANDE UJEHOVA UNKULUNKULU WETHU NGENHLIZIYO YETHU YONKE, NGOMOYA WETHU WONKE, NANGENGQONDO YETHU YONKE!
UNkulunkulu uthandwa kanjani? UJehova uNkulunkulu wethu siyaye simthande ngokuhamba emkhondweni wezimemezelo zezwi lakhe!
Isihlabelelo 30
1.Ngiyanimema bafowethu
Nani bodadewethu.
Chorus. Wozani namuhlanjena
Nangu uMphumuzi
2.Ngiyanimema nani bobaba
Phangisani nisukume.
Chorus.
3.Ngiyanimema nani bakhatheleyo
Yimithwalo yezono.
Chorus.
INkosi ib usise lokho enikuzwile!