Inhliziyo yakho uyibheke, uyihlolisise njalo ukuthi yikuphi ekuthandayo noma ngabe awusaziphuzi lezi zinkamba. Noma ngabe awusazenzi izinto owawuzenza ungakafiki la, uyibheke inhliziyo yakho ukuthi yikuphi ekutusayo, ekujabulelayo bese ukhathazeka uma inhliziyo yakho isajabulela izinto ezifanele ukujatshulelwa wumuntu ophila ngokwenyama, ngokwezinkanuko zenyama nje kuphela, kodwa engenalo ivuso lokugcina umthetho kaNkulunkulu enhliziyweni yakhe.
INKONZO YASEKUSENI MHLA KA 15 JUNE 2024: NCG, ENQOBIZITHA TEMPLE
NGU MFU. DR M. XAKAZA
ISIHLABELELO: 2. NGISIZE NGISIZENKOSI YAMI
1. Ngisize ngisize Nkosi yami,
Ngoluthando lobuntwana
Olungileyo.
Chorus: Amein, Amein, Nkosi yami
2. Ngincede ngincede Nkosi yami,
Ngincede ekufeni
Nkosi yami.
Chorus:
3. Ngazise ngazise izizwe zonke,
Ngoluthando lobuntwana
Olungafiyo.
Chorus:
4. Namabandla namabandla asezulwini
NgoJesu uMkhululi
Olungafiyo
Chorus:
MASIZALWENI NANGOMOYA KANKULUNKULU WETHU
1.Ngiphinde ngiyikhethe iNkosi yaseKuphakameni. BaNgcwele, ngiyaphinda ngiyabonga esihlalweni sasezulwini ngokunginika lo msebenzi obalulekile nolukhuni nonzima futhi.
2.Isihloko sale nkonzo sithi: “Masizalweni nangoMoya kaNkulunkulu wethu.”
3.BaNgcwele, singabantu abadalwe ngenyama nangegazi. Sizaliwe nje emhlabeni ngokwenyama, kodwa uNkulunkulu ubheke
3.BaNgcwele, singabantu abadalwe ngenyama nangegazi. Sizaliwe nje emhlabeni ngokwenyama, kodwa uNkulunkulu ubheke ukuthi noma sesizaliwe ngokwenyama siphinde futhi sizalwe nangokomoya.
4.Yingakho kuye kuhambe kuhambe, la kumaNazaretha, kube nosuku lombhaphathizo. Lokho kusuke kuwukuzalwa ngamanzi, kodwa kusuke kusabalulekile ukuthi umuntu nomuntu ongenile emanzini ombhaphathizo aphinde futhi azalwe nangomoya ukuze aphile nasemoyeni, angaphili enyameni kuphela.
5.Singagcini ngokuthi uma sibona inyama yakhe sithi simbonile, kodwa kube khona ukuthi nasemoyeni uyaphila impela.
6.Njengoba silapha baNgcwele siyibandla elisebucayini nakuba sinenhlanhla enkulu, kodwa bukhulu futhi ubucayi bokuba la kuleli bandla.
7.Uma ngisho lokhu ngichaza ukuthi kubucayi ukuba sendaweni eyi pilot project yasezulwini. Kubucayi ukuba sendaweni okubhekeke ukuthi kulendawo amaNazaretha kaNkulunkulu mawabe wumthombo wokuthi zonke izizwe ziphuze iqiniso lasezulwini.
8.Kuyinto elukhuni-ke leyo, akuyona into elula leyo nesingayithatha kancane, mhlambe sithi ‘hhayi, sizokwenza lokhu.’ Kuyinto elukhuni ngoba lokho okubhekwe ezulwini akufanele sehluleke ukukufeza sise la emhlabeni.
9.Siyibandla likaJehova, siyibandla likaNkulunkulu oPhilayo, akufanele sehluleke ukuthi sikufeze lokho. Ngamanye amazwi kufanele njalo sikhumbule izimfundiso zonke zabaprofethi kusukela kuMoshe kuze kuyofika kuYeshua, kuze kufike manje sesinoMprofethi osifice sesilapha empumalanga, uShembe uMqaliwendlela.
10.Sikhumbule konke abasifundise khona. UYeshua onguMesiya wasifundisa ukuthi thina singumuzi owakhe entabeni ongesitheke. Singukukhanya kwezwe, singusawoti wezwe.
11.Yizimfundiso lezo esinazo mayelana nokuthi kusho ukuthini ukuba sebandleni likaNkulunkulu. Kufanele uma abasezweni besibuka babone ukuthi nasi-ke isibani esikhanyisela bonke abantu.
12.Uma besibuka bathi: ‘Laba bantu bayadleka, bawusawoti ngempela. Uma kukhona bona siyethemba ukuthi kukhona ukukhanya.
13.Njengamanjena nje baNgcwele siyazi ukuthi sisesimweni sokuthi siphuma ku-Adam okwahamba kwahamba wawela esonweni. Ngalokho kuwela kwakhe esonweni u-Adam, sonke sabe sesitheleleka ukuthi siyozalwa sibe buthakathaka bokuthi nanini nanini singawela esonweni. Siyakwazi lokho; yindaba le esiyaziyo baNgcwele.
14.Asifani mhlambe thina no-Enoch wasendulo yena okwakuthiwa wabe elungile, fiuthi wabe ehamba noNkulunkulu, futhi akazange afe emhlabeni, akangcwatshwanga. Asifani-ke naye.
15.Asifani futhi noNowa. UNowa naye kuthiwa wayelungile. Uma kuthiwa umuntu ulungile, okuyilokhu baNgcwele okufanele sikukhulekele, sikucele kuNkulunkulu, sicele lokhu kulunga kwaKhe ukuba siphe khona, sibe nokulunga.
16.Ukulunga akusho umuntu ongenaso isono. Angaba nesono umuntu, kodwa uma ekufuna ukulunga uyokucela kuNkulunkulu ngoba ngeke akwenze noma akudale yena ngokuhlakanipha kwakhe.
17.Ngikusho lokhu ngoba uNowa kwathi sekuthiwe ulungile, uyena olungile emhlabeni, bonke abantu babhujiswa wuZamcolo, yena ngenxa yokuthi elungile emhlabeni wonke ngaleyo nkathi…kwase kukhona iziqhwaga, umhlaba sewonakele, indalo kaNkulunkulu seyonakele, kodwa kwabe sekuthiwa nangu umuntu olungile. Kwaba nguyena owakha uMkhumbi wokuthi abantu abazongena kuwo bazophepha, kodwa bangamnaka abantu.
18.Ngiza kuleli phuzu-ke baNgcwele lokuthi kubalulekile ukuthi siyibheke indaba yokuthi uma sizalwa masizalwe-ke nangomoya, kodwa siyazi-ke ukuthi emva kukaZamcolo waphuma uNowa walima emasimini, kwavela ama grapes amahle kakhulu, wabe esenza iwayini, waphuza wadakwa, kodwa iZwi likaNkulunkulu lithi wayelungile.
19.Manjena-ke baNgcwele into ebalulekile kithina njengoba silapha kule ndlu kaNkulunkulu, sibuka la maqhawe asendulo ayemkhonza uNkulunkulu noma kunzima, ukuthi sizihlole thina, sibuke ukuthi: ‘ukuhamba kwami phambi kukaNkulunkulu kunjani, kulungile yini, kuyathandeka yini?’
20.’Ngabe imvelo yami yobuntu iyona yini enamandla ngaphezu kukamoya lo okufanele ungilawule ekuphileni kwami?’ Sonke siyazi ukuthi umuntu onoMoya, ozelwe ngoMoya kaNkulunkulu uba yisidalwa esisha.
21.Thina-ke ngoba asiwona amaKrestu ngeke sisho ukuthi uyoba yisidalwa esisha kuKrestu lowo muntu. Thina sazi kakhulu uShembe ngoba uyena ogcine efike kithi. Uyena ogcine esibuyisile emdleleni ebesiduke kuyo, wasibuyisela emthethweni kaNkulunkulu.
22.Ngakho-ke kufanele sibe izidalwa ezintsha kuShembe. UShembe uma esibuka athokoze ngath, uJehova uma ebuza kuShembe, ethi: ‘Shembe, ubuNazaretha bunjani emhlabeni, kuhamba kanjani emhlabeni?’ UShembe abe nombiko omuhle azowunika uJehova ngoba siyazi ukuthi yizikhulu zasezulwini lezi; zinikiwe imisebenzi ebalulekile.
23.Umsebenzi obalulekile ezulwini ukuthi kutholakale indlela yokuthi umuntu angapheleli ekufeni kwaphakade, umuntu angapheleli esigodini sosizi, umuntu angalahlwa.
24.Yingakho nje kubalulekile ukuthi bonke laba baprofethi sibuke ukuthi yini abasifundisa yona. BaNgcwele, ngiyafisa ukuthi sibone ukuthi yini ngempela ayikhuluma uYeshua, kungabi sengathi ngizikhulumela nje into engiyicabangayo. Kodwa uYeshua wathini, esho kubani, kwenze njani?
25.Ngicela ukuthi sibheke laphayana kuJohane 3:1-5: “Kwakukhona umuntu wakubaFarisi, nguNikodemu igama lakhe, isikhulu sabaJuda. Lowo-ke weza kuye ebusuku wathi kuye: ‘Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu, ngokuba akukho muntu ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo uma uNkulunkulu engenaye.”
26.UJesu waphendula wathi kuye: ‘Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe uma umuntu engazalwa ngokusha angewubone umbuso kaNkulunkulu.’ UNikodemu wathi kuye: ‘Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina azalwe na?’
27.Waphendula uJesu wathi: ‘Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe uma umuntu engazalwa ngamanzi nangomoya angengene embusweni kaNkulunkulu.’’
28.Ngiyayithanda le ngxoxo kaYeshua noNikodemu ngoba yila sifunda khona ukuthi kufanele senze njani ukuze sibone umbuso wezulu.
29.Ngiyazi ukuthi sike sisho sithi kufanele sigcine uMthetho kaNkulunkulu, futhi lokho kuyiqiniso elimsulwa ngoba bonke abaprofethi kusukela endulo babeyigcizelela indaba yokugcinwa koMthetho kaNkulunkulu.
30.Nangu uMprofethi uYeshua onguMesiya egcizelela naye futhi ukuthi angeke umuntu akwazi ukubona umbuso wezulu uma engazalwa ngokusha.
31.Nangu uNikodemu esedideka ukuthi ‘kungathi sengimdala nje ngiphinde ngingene futhi esisiwini ngizalwe kabusha? Kungenzeka kanjani lokho?’ Useyachaza uYeshua ukuthi umuntu makazalwe ngamanzi nangomoya.
32.Njalo uma sibona abantu abangena ebandleni, bebhaphathizwa, bengena emanzini kusuke kuwukuzalwa kwabo lokho, bezalwa ngamanzi, sijabule sihalalise ukuthi sebezelwe, kodwa kusuke kusafuneka ingxenye yesibili yokuzalwa ngomoya.
33.Ukuzalwa ngomoya baNgcwele kuwukuthi imvelo yomuntu leyo endala abekade enayo engakamkhethi uNkulunkulu onguJehova ukuthi akhonze Yena, ahambe ngemithetho yakhe, leyo mvelo kusuke kufuneka ukuba ife ngoba awukwazi ukuphila ezintweni ezimbili, uphile ngendlela endala uphinde uphile futhi emoyeni, awukwazi!
34.Uma wawufike la ungakabhaphathizwa kodwa wawufike ungumuntu wezinkamba, uthanda kakhulu ukucima ukoma ngezinkamba lezi ezingafuneki ezulwini, kufuneka ukuba kuphele kuthi nya lokho ima usuzelwe kabusha, kubonakale ukuthi uzelwe Kabili: ngamanzi nangomoya.
35.Inhliziyo yakho uyibheke, uyihlolisise njalo ukuthi yikuphi ekuthandayo noma ngabe awusaziphuzi lezi zinkamba. Noma ngabe awusazenzi izinto owawuzenza ungakafiki la, uyibheke inhliziyo yakho ukuthi yikuphi ekutusayo, ekujabulelayo bese ukhathazeka uma inhliziyo yakho isajabulela izinto ezifanele ukujatshulelwa wumuntu ophila ngokwenyama, ngokwezinkanuko zenyama nje kuphela, kodwa engenalo ivuso lokugcina umthetho kaNkulunkulu enhliziyweni yakhe.
36.Kufuneka kusikhathaze lokho baNgcwele ngoba sinethuba sisaphila la emhlabeni. Sinethuba elihle lokuba nabaholi abasiholayo, besihola ngeqiniso, bengasedukisi.
37.Yithuba leli mina engicabanga ukuthi uma singalibukela phansi siyokhala ngelinye ilanga. Uke asho uBaba uNxamalala athi: “Bayokhala,” kodwa-ke thina siyokhala kakhulu uma thina sizothi sinethuba lokuthi sicele kuNkulunkulu ukuthi sizalwe nangomoya, kodwa singakwenzi lokho, si justifye, kuthi umuntu esesonweni kodwa esengenile ebandleni, esengenile emanzini kwathiwa useyilungu lebandla, kodwa kube khona isono asi justifyayo noma abe nezaba ngesono esithile ahlezi kuso.
38.Akuyona indawo le yokuthi uma sesikuyo, uma kwenzekile wawela esonweni, uhlale kuso, kulo udaka lolo. Akuyo indawo le yokwenza lokho!
39.Yindawo le yokuthi njalo uhlale wethukile, uhlale uphapheme engqondweni, uhlale uzibuza ukuthi: ‘ngasahamba ngakho nje uNkulunkulu afuna ukuba ngikwenze? Ngisayigcina nje imithetho yaKhe?’ Yindawo anjalo le.
40.Ngizokwenza isibonelo baNgcwele, ukuthi uMoshe, umprofethi wasendulo okunguye owanikwa uMthetho kaNkulunkulu, wayebhekene nenkinga.
41.Wayebhekene nenkinga yokuthi wayehola abantu ababekade beyizigqila, njengoba sazi ukuthi nanamhlanje abantu bayizigqila; isono siyabagqilaza, isono asifuni ukuphuma la enyameni nasengqondweni. Siyamkinatela umuntu isono, sibe nezimpande, kodwa kwakunjalo futhi nasendulo.
42.Kwathi kade begqilaziwe, bekhala, uNkulunkulu waze wabezwa ekukhaleni kwabo wabe esethumela lo mprofethi ukuthi akabakhiphe, wamnika amandla okwenza izimangaliso ukuze babone ukuthi uthunywe wuNkulunkulu oPhilayo.
43.Kodwa into ebuhlungu kakhulu baNgcwele, engifisa ukuthi ibe yisifundo kithi namhlanje ukuthi uNkulunkulu wabanika ithuba lika 40 years ukuthi kulo 40 years ‘nisehlane nizobe ninethuba lokuthi nithi seniphumile eGibhithe, iGibhithe liphume futhi kini.’
44.Kodwa akwenzekanga lokho baNgcwele; aliphumanga iGibhithe kubantu bakwaYisra’el. Lahlala iGibhithe ngaphakathi sebephumile bona, bengasagqilaziwe ngokwenyama, engasekho amaketanga ababophile, zingasekho izitshwebhu eziqhuma enyameni, kodwa iGibhithe langafuna ukuphuma kubo.
45.Besehlane, bekhonona ngokuthi badla imana, bethi ‘sesikhathele yilesi sinkwana,’ begxeka konke nenyama yezagwaca ababezithola ehlane, namanzi ayephuma edwaleni baphuze benele bonke, kodwa bekhala. Ngenxa yani na? Belokhu bebuza bethi: ‘Moshe, wasikhpha eGibhithe ukuba sizofela la ehlane?
46.Ayikho yini indawo yokungcwaba, enamangcwaba Amahle eGibhithe ukuze mhlambe sifele khona?’ Izinhliziyo zabo iGibhithe lalingaphumanga kuzo. Ngamanye amazwi babemelene nokuzalwa kabusha ukuze bethi beyongena ezweni uNkulunkulu ayebafaka kulo bangene sebengabantu abasha, sebenengqondo entsha, isiphumile islave mentality.
47.Namhlanje sibulawa yi slave mentality sokuthi noma umuntu esesiyekile isono waphuma kuso kodwa singaphumi sona enhliziyweni, umuntu afantasize ngalesi sono, abe ne fantasy nje. Umuntu abone izinto okungamele engabe uyazibona, kodwa izinto ezingamthokozisi uNkulunkulu, umuntu azizwe sengathi usekuzo lezi zinto.
48.Uya fantasiza, ufantasiza ngesono, kodwa kumele engabe siyaphuma isono kuye uma yena esephumile kuso. Kuyinto elikhuni-ke leyo. Kuwumsebenzi womuntu nomuntu ukuzihlola yena ukuthi ‘mina njengoba sengiphumile kulezi zono engangiphila kuzo ngingakabi wumntwana kaNkulunkulu, ngingakaboni ngisho nje nethempeli lamaNazaretha kaNkulunkulu, engabe zonke lezo zono sezaphuma yini kimi?
49.Beside ukuthi mina sengaphuma kuzo, ngavalelisa ngazishiya, kodwa zona ziphumile yini kimi?’ Kutholakale ukuthi mhlawumbe zona aziphumile kimi.
50.Esikhundleni sokuthi sifantasize ngomuzi ongcwele okuthiwa ukhanya ngaphezu kwenyanga nelanga lakulo mkhathi, kutholakale ukuthi asifantasizi ngento enhle kangako esingazange siyibone. Kutholakale ukuthi ezinhliziyweni zethu ayikho mhlambe le ngoma ethi: “Ngiyalithanda ngokulizwa.”
51.Mhlambe ayikho leyo ngoma! Mhlambe asikulangazeleli ukuba kuleliya lizwe uShembe asimemela kulo! Kodwa kungani na? Kungenxa yokuthi uma singazalwanga ngomoya, sagcina nje ngokungena emanzini, kwamenyezwa ukuthi: ‘Shembe, nangu usibanibani,’
52.kodwa sangazaleka nangomoya, sangaqhubeka kwi process yokuthi ‘manje ake ngizalwe ngomoya, ake ngikukhiphe konke enhliziyweni yami okwakuyigugu ngingakafiki kule ndawo, kodwa kutholakale ukuthi kuhlezi, kutholakale ukuthi sesikule ndawo kodwa ngise selfish, ngisancishana nje; noma nginayo into omunye ehluphekile angikwazi ukumbonelela yingoba angizelwe ngomoya.
53.Ngoba umuntu ozelwe ngoMoya kaNkulunkulu uyababonelela abanye abantu, akazicabangeli yena yedwa; uyathokoza uma bonke abantu bethokoza, bejabula, bonke abantu bengahluphekile, bese kumthokozisa lokho ungumuntu ozelwe ngomoya.
54.Kutholakale ukuthi siyaziphakamisa, sibe abantu abaphakeme, abangathintwa ngenxa yokuthi asizelwe ngomoya.
55.UYeshua wayevela ezulwini, uShembe wayevela ezulwini, kodwa uShembe wayethobekile kakhulu. Wayethobeke kakhulu uYeshua. UMoshe wayethobekile kakhulu naye, kuze kuyashiwo kuthiwe emhlabeni ngaleyo mihla wayengekho umuntu owayethobeke njengaye.
56.Kuvela lokho uma sifunda iNcwadi kaNumeri lapho u-Aroni benoMaryam bemhleba khona uMoshe, behleba iNceku kaNkulunkulu, bethi ‘uNkulunkulu ubengakhuluma nje ngomuntu onje, umuntu othathe owesifazane wakwaKhushe, aganwe nguye?’ Babemhleba.
57.Bese lithi iBhayibheli-ke uMoshe wayengumuntu owayethobekile kakhulu; wayengabheki ukuthi lo muntu ubukeleka phansi, ngingamthatha lo muntu abe ngumkami nakuba abantu bembukela phansi ngezizathu ezinjengokuthi nje uyinzalo kaKhushe. Kwakukhona leyo nto-ke.
58.Kodwa uma sesizelwe ngomoya ngeke sibe nakho ukuphakama, ngeke sizizwe siphakeme phezu kwabanye abantu. Uma sizelwe ngomoya ngeke size sikuthole kunzima ukugcina uMthetho kaNkulunkulu, kodwa siyokulangazelela ukugcina uMthetho kaNkulunkulu. Ngeke sikubone kuwumthwalo, njengokungayidli ingulube nje.
59.Kufuneka kube yinto esiyilangazelelayo ukuthi ngoba kuzobe kuthokozisa uJehova, ngizokwenza ngokuthokoza lokho.
60.Singawugcini uMthetho, baNgcwele, ngoba sesibekwe ijoka entanyeni ukuthi kufanele siwugcine ngoba singamaNazaretha. Asithokoze, singabi nobuso obushwaqile ngoba niyoguga nibancane.
61.UbuNazaretha businika ithuba lokuthokozisa uNkulunkulu. Angazi ukuthi uma singaphucwa ithuba elinje, siyothi ukuphila kwethu kunamsebenzi muni? Siyothi kubaluleke ngani ukuphila kwethu?
62.Uma singazelwe ngomoya siyobonakala ngakho ukuthi singakwazi ukumbonga uNkulunkulu noma angenzani, noma angasenzelani. Ngiyafisa nje baNgcwele ukuthi lezi zinto asenzela zona uNkulunkulu sihlale simbonga ngazo njalo; noma sisemakhaya, noma sihamba endleleni, noma sisemisebenzini.
63.UNkulunkulu wasiphilisa kwi COVID-19. Masingakukhohlwa lokho, sihlale njalo simdumisa ngakho lokho ngoba wakwenza ngoba enothando, ngoba enomusa.
64.Uma sibukisisa kahle, kwesinye sezahluko zeNcwadi kaPetru, uthi uPetru akukuhle ukuba umuntu afike atakulwe esonweni, asuswe, ahlanzwe, abe muhle, ahlanzeke phambi kukaNkulunkulu, kodwa futhi abonakale esephindela, eseyongena futhi kuso, afane nenja ephindela emhlanzweni wayo, ifike idle lowo mhlanzo wayo. Uthi UPetru umuntu ophindela esonweni abesehlanzwe kuso ufana nale nja enje, inja eyenyanyisayo?
65.Ifike iwudle lo mhlanzo!! Siyazi baNgcwele ukuthi uSathane uyasihlobisa isono sibe sihle, sibe appetizing uma usibuka, kodwa spiritually simbi; ukubuyela kuso kufana nenja ehamba ibuyele emhlanzweni wayo, iphinde futhi iwudle!!
66.Kufana nengulube. Ingulube ungayigeza ibe clean, kodwa izohamba iluthungatha udaka ukuthi lungakuphi ukuze izibhixe kulo, ukuze ibhukude odakeni ngoba iba offended ingulube uma isi clean. Uma isifika ekungcoleni kway obese iyajabula, bese iyakhuluphala-ke, bese laba-ke abadla ingulube bewathola amanoni abawafunayo ngoba phela izobe isikhuluphaliswe yikho lokhu kutamasa odakeni.
67.BaNgcwele, uMoshe, lo esikhuluma ngaye, uma ufunda amaHebheru iSahluko 11, ubalwa njengelinye lamaqhawe okholo. Kukhona amaqhawe okholo abalwayo; maningi, kodwa ngizobheka uMoshe.
68.Ngimbhekiswa yini baNgvcwele? Ngimbhekiswa ukuthi wazalwa engumHebheru kodwa wakhuliswa esigodlweni sikaFaro, wakhuliswa khona.
69.Wathi uma ekhuliswa lapho, kwahamba kwahamba wabe esebona ukuthi yena ungumHebheru njengalaba bantu ababegqilazwa.
70.Lithi iBhayibheli kumaHebheru, Chapter 11, uMoshe wabona ukuthi kusizani ukutamasa esonweni okwesikhashana? Umuntu ozelwe ngomoya akakuboni kubalulekile ukutamasa esonweni okwesikhashana kodwa ekugcineni alahlekelwe umphefumulo wakhe!
71.Waze washo uYeshua, wathi, ‘kumsiza ngani umuntu ukuthi azuze izwe lonke kodwa ekugcineni alahlekelwe ukuphila kwakhe? Kusizani lokho? Akusizi lutho!!
72.Ngizokhuluma kwenzele ukuthi ibandla esiyilo lazi ukuthi uNkulunkulu ubhekeni kithi. Uma kuthiwa usungumNazaretha, usukhethe iNkosi, kusuke sekufuneka ukuba ucabange indaba ka-Abraham okwathiwa akaphume ezweni lakubo nasezihlotsheni zakhe aye lapho uNkulunkulu ayezomkhombisa khona.
73.Angathi esephumile bese ethi: ‘Sengikhumbule e-Uri lamaKaledi manje. Ngangiphila, ngangidla inyama laphaya.’ Wahamba forever and ever; akabange esaphindela.
74.Into ayenza u-Abraham esekhulile, esebona ukuthi usekhulile, usefewe wunkosikazi wakhe uSara, wathumela inceku yakhe wathi: ‘Hamba uye ezweni lakithi engasuka kulo, ufike ufunele indodana yami unkosikazi khona.’
75.Akayanga yena ngenyama yakhe kwase kuthiwe akaphume ezihlotsheni zakhe, aphume nje. Kodwa baNgcwele, uma uyinkosana, ungakamthathi unkosikazi, noma ngabe usumthathile, uma usungumNazaretha asikukhulekele ukuzalwa ngoMoya kaNkulunkulu ukuze iphunga lesono lingasondeli nokusondela kithi, sihambele kude naso.
76.Kungathi sikhonza la endlini kaNkulunkulu kanti kukhona umathandana wakho wena ngale ngasekhaya. Kodwa akaziwa la, kodwa awuzange uguqe naye la uzokusho ukuthi ‘ngiyamthatha lo, uzoba wunkosikazi wami’
77.Kodwa uma sekufika usuku lweSabatha ungene ethempelini, ugqoke ingubo emhlophe njengabaNgcwele bonke nje. Ungene ethempelini nodaka lolo lwale ezweni la kufanele engabe usuphumile khona njengoba kwathiwa akaphume no-Abraham.
78.U-Abraham uyena owokuqala owabizwa ngomHebheru ngoba uyena owokuqala okuthiwa wawela umfula, ngoba igama elithi umHebheru lisho ‘owele umfula.’ Kodwa nathi masiwuweleni phela umfula baNgcwele, kubonakale ukuthi nathi sizalwa wuyise wokholo, uyise wezizwe eziningi.
79.Nathi masiwuwele umfula, kodwa singabe sisawuwela sibuyele ngale. Uma sesiwuwelile masibe ngapha nje, sihambe, siqhubeke nohambo kuze kuphele impilo esiyiphilayo emhlabeni. Lokho kuyomthokozisa uNkulunkulu ngoba yikhona esikubekelwe ukuba kubonakale ukuthi siyayenza intando kaNkulunkulu.
80.Kufuneka njengoba singamaNazaretha kaNkulunkulu nje abantu bonke emhlabeni babukele kithi, sibe yi yardstick yokukholwa, abantu babukele kithi ukuthi uma umuntu kuthiwa ukhonza uNkulunkulu wenza kanje nakanje njengalaba bantu.
81.Kodwa ngeke sikwazi ukukwenza lokho uma kuzothi sitsheliwe ukuthi kufanele uma ngiphila ngiphile impilo engcwele, kodwa kutholakale ukuthi ezweni unomathandana bakho mhlambe abazidlela nezingulube nje, abenza zonke izinto, uzingcolise ngomuntu onjalo kodwa futhi uphinde ungene la ethempelini likaNkulunkulu, uphinde futhi uhlabelele la, ukhonze lapha.
82.Lezo zinto baNgcwele kufanele zisishayise uvalo ngoba kufanele sizibuze ukuthi sizelwe yini ngempela kabusha ngomoya na. Ngiyakubona ukuzalwa ngamanzi, kuhle kuphelele, kodwa sizelwe yini ngomoya ngoba kukhona izinto okufuneka ukuthi uma usuzelwe ngomoya zixebuke kabuhlungu, mhlambe zisuke kabuhlungu kuwe izimpande.
83.Uma uxebula okumile kuwe kuxebuka nezimpande kube buhlungu!! Wena musa ukubesaba lobo buhlungu. Yazi ukuthi kuyindlela yokukholwa kwakho leyo ukuthi udlule ebuhlungwini obunjalo.
84.Uma usuka la usohambweni oluya eGoli awukwazi ukufika eGoli ungajikanga emajikeni anzima wonke umuntu ajika kuwona. Asikwazi-ke ukuba ne privilege baNhgcwele yokuthi kulawo majika anzima okujika khona wonke umuntu thina sicabange ukuthi ngeke sijike lapho.
85.Ufuna uqonde nje umgwaqo, kube mnandi konke nje? No, akufanele kube kanjalo. Yingakho nje kubalulekile ukuba ngithi isihloko sale nkonzo yanamhlanje sithi: “Masizalweni nangoMoya kaNkulunkulu wethu,” hhayi noma yimuphi unkulunkulu.
86.Kubalulekile baNgcwele ukuthi sibheke izimpawu zalaba bantu abazelwe ngoMoya kaNkulunkulu. Laba bantu bayahloniphana, bayathandana.
87.Akubi bikho ukungqubuzana phakathi kwabo ngoba vele bazelwe uMoya oyedwa. Akubi bikho ukuhlebana phakathi kwabo. Akubi bikho ukuzondana kanye namagqubu angapheli. Uma kube khona ukugxobana amakhona, kukhona okhalayo, uyakuveza lokho, akubike, akugonyuluke ukuze kuphume enhliziyweni yakhe, kungabi yifindo.
88.Singathi sikhonza nje la ethempelini baNgcwele kube kukhona amafindo asezinhlizyweni!! Angazi ukuthi uNkulunkulu angahlala kanjani phakathi kwethu uma kukhona amafindo anjalo.
89.UbuNazaretha bangempela, boqobo, obafika noMprofethi uShembe, uMqaliwendlela, yibona esiyohamba ngabo uma ngempela sizelwe ngomoya.
90.Kodwa uma singazelwe ngomoya siyohamba ngobuNazaretha besimanjemanje obukhomba unkulunkulu ohamba ngezinyawo kuthiwe nangu uNkulunkulu
91.Uma singazelwe ngomoya siyothi sithi singamaNazaretha, sigqoke ingubo emhlophe, kodwa uma sesinezinkinga, sesihluphekile sigijime siyokuzwa kwabanamanga. Sithi sisho ukuthi banamanga kodwa sibe siya kubona, siyokuzwa kubo, kodwa sishilo ukuthi banamanga!
92.Uma sizelwe ngempela ngomoya ngeke sifune ukuya ezinyangeni eziyosikhothisa izinsizi zezilwane ezingahlambulukile ngoba sithji sifuna ukwelashwa.
93.Siyonamathela kuJehova, sinamathele kuNkulunkulu ophilayo, asiphilise ngomusa wakhe. Kakade nempilo yethu isesandleni sakhe. Uma sekufike isikhathi sokuhamba emhlabeni siyohamba emhlabeni. Alikho futhi iphutha lapho ngoba sisesandleni sikaNkulunkulu njengoba sesithe uNkulunkulu uyena esimkhonzayo!!
94.Kufanele sivume konke uNkulunkulu akushoyo ngezimpilo zethu. Uma sizelwe ngempela ngomoya, baNgcwele, ngeke size sikucabange nokukucabanga ukuhlabela abangasekho ngoba siyokhumbula e-Eksodusi iSahluko 22, ivesi lika 20.
95.Ngeke sihambe siyothwasa ngoba siyokhumbula uLevitikusi 20 vesi 27; ngeke sikuvume lokho. Uma kuthiwa: ‘Hhayi bo, idlozi lizokubulala,’ siyothi, ‘cha, selingamane lingibulale’ ngoba akufanele, baNgcwele sicabange ukuthi ukukholwa kwethu kufanele kube soft nje, kube mnandi nje.
96.Uma kudinga ukuthi ufe ngenxa yokukholwa kwakho, yifa!! Ayikho inkinga lapho ngoba uma usufika laphaya uyohlangatshezwa ngomgidi.
97.Yingakho sengaba wumuntu owuthandayo manje umgidi kanti kuqala ngangesaba, ngithi angikwazi nokugida. Uma esethi uBaba nje: “Umgidi wabantu bonke kusasa!” ngangivele ngishaywe wuvalo, ngingazi ukuthi ngiyogida ngenzenjani-ke mina.
98.Noma ngingakakwazi ukugida kahle baNgcwele, kodwa ngenkathi ngigida ngisuke nginombono wohambo lwami, ukuthi mhla ngihamba kuyoba mhlophe amaqele. Angazi-ke noma akhona yini amaqele ezulwini, kodwa la emhlabeni kunamaqele.
99.Ngike ngithi mina uma ngiwubambile uMthetho kaJehova, mhla ngihamba kuyoba mhlophe amaqele, mhla sengihlangatshezwa yiBandla elikhulu lasezulwini, lingihlangabeza ngomgidi, kusho izimbomu, kukhale izigubhu, kubande amathumbu, bese ngithi: ‘Hawu, ngiyabonga Nkosi ukuthi ungigcinile, wangizala ngoMoya waKho, wangigcina esandleni saKho ngaze ngafika la.’
100.Ngike ngicabange, baNgcwele, izwi elipholile likaShembe uMqaliwendlela esethi: “Hawu, mntanami, usunqobile emhlabeni.” Ngike ngicabange, ngithi yeka leyo nhlanhla!!! Bese ngizibuza ngithi yini-ke enkulu emhlabeni engaphezu kwalokho?
101.Yini ungaphumi umhlaba kithi uma thina sesiphumile emhlabeni, sesiphumile ezweni? Ingozi enkulu ukuthi kwathi uma sebeyongena eZweni leSethembiso abantwana bakwaYisra’el, kwangena abantu ababili kuphela!
102.Bonke laba abanye base bewile ehlane, bewa ngezizathu eziningi zokuthi babenenkinga yokungazaleki kabusha ukuze balungele ukuya kuleliya zwe.
103.Bawa ehlane, kwangena uJoshuwa noBethuweli. Babili abantu abangena besuka eGibhithe. Bonke laba abanye kwase kuyinzalo eyayizalwe ehlane.
104.Abaphuma bebhekile, bebuzwile ubugqila baseGibhithe, bonke bafela ehlane ngoba baba nezinkinga eziningi ezikhombisa ukuthi iGibhithe aliphumanga kubo. Nakubo bona bephumile, kodwa lona lisengaphakathi ezinhliziyweni.
105.UNkulunkulu ubuka inhliziyo. Sike simuzwe uBaba iLanga encwadini ka-Advocate Mnyandu egcizelela ukuthi aseluse izinhliziyo zethu, sibuke zona ukuthi zinjani phambi kukaNkulunkulu.
106.Njengoba bengikhuluma ngamakhosana nje, angikhulumi ngamakhosana wodwa kule ndaba yokuzalwa ngomoya. Namakhosazana, njengoba abanye sebezoya emanyuvesi nje, uma uzoya laphaya kuleya environment, iyi environment engcole kakhulu!!
107.Inyuvesi iyi environment engcole kakhulu. Kufundwa zonke izinto obungazange uzifunde kusukela ukhula ebuncaneni bakho. Ufika ufunde zonke izinto laphaya. Uma ungumuntu ofuna ukufunda izinto ezenziwa ezweni, ziningi izinto ozifunda laphaya.
108.Kodwa uma sizothi siselapha ngaphakathi sizalwe kabusha, uyothi uma ufika laphaya ecampusini bese ufuna amanye amaNazaretha abaphila impilo engcwele njengawe ukuze kube yibo abangani bakho, ukuze kimi babe ne influence yokuthi njalo ngezikhathi zokuthandaza bakukhumbuze, njengezikhathi nje zokukhumbula uBabamkhulu nezinye ke.
109.Uma sekuyizikhathi zokuya ko 25, abangani abahle kanjalo bayokukhumbuza lokho. Uyothi ufika laphaya, uma ungenabo abangani abahle, bayoyikhipha le nto yobuNazaretha bathi: ‘Hey, faka nanka amabhulukwe wena; musa ukuzenza impatha la!’
110.Ngakho-ke baNgcwele kubalulekile ukuthi leyo nto siyigweme ngandlela zonke. Kukhona-ke lezi zono eziningi esezi approvwe nawuhulumeni wakuleli zwe nabanye ohulumeni abaphethwe uLucifer, abalawulwa yimithetho kaSathane.
111.Kwenziwa izono zamanje. Uthi ufika laphaya, kade sikwazi wena ukuthi uyinkosana nje uqondile, kodwa ufike laphaya uqale imikhuba yokuthandana namanye amadoda. ‘Hawu, kwenzenjani manje Nkosana?’
112.Siyakubona laphaya usuya relaxa izinwele, seziwubuyebuyebu ngenxa yokuthi usufuna ukuba muhle manje, usufuna ukubonwa amanye amadoda laphaya. Yimikhuba leyo okufanele siyikhuze kakhulu baNgcwele.
113.Awukwazi ukuzalwa ngomoya kodwa futhi uphindele odakeni olunjengalolo ngoba wudaka lolo. Kufanele sikuqaphelisise lokho. Noma sibakhulisa abantwana emakhaya, sibakhulise sibatshela ngale nto ize ingene, ize ibe yingxenye ye psyche yabo.
114.Bazi nje ukuthi isitabani, ungqingili akafuneki. Siyikhulume indaba yokuthi isangoma nje asifuneki. Noma nje uthinte inyama yaso, wena ungesona isangoma, ungayanga ukuyobhula, uma uke wathinta inyama yaso ngephutha kade uthi usinika imali etekisini, usungcolile!!
115.Hamba uyohlambuluka, usho ukuthi, ‘ngithinte inyama yesangoma ngephutha’ ngoba wena uzelwe kabusha. Usungowasezulwini wena. Awuseyena owalapha emhlabeni!!
116.UYeshua washo kanjalo esenza umthandazo wakhe wokugcina, wathi: “Baba, laba osungiphe bona noma besezweni kodwa abasibo abezwe. Ngicela ukuba bangabe besaphuma esandleni sakho.”
117.Kubalulekile ukuthi izinto ezinjengalezi, baNgcwele, sizibhekisise, sibuke ukuthi uMthethosisekelo wezwe lethu, laba abezizwe abangafuni ukuthi ucishwe, sibuke ukuthi yiziphi izono ozikhuthazayo, yiluphi udaka olukhuthazayo, ngoba lo Mthethosisekelo ukhuthaza udaka lokungcola!
118.Kufanele thina njengabantu abakhonza uNkulunkulu, abazelwe nangoMoya kaNkulunkulu, sikwazi ukuba nehlo elijulile lokushesha sibone ukuthi uma usukhuluma kanje nakanjeya lo Mthethosisekelo, ususifaka odakeni lwesono-ke thina njengabantu abakhonza uNkulunkulu.
119.Uma uNkulunkulu esizele mgoMoya waKhe nephunga lesono siyolizwa siseza laphaya kude, sizwe ukuthi kukhona isono-ke laphaya. Angazi ukuthi uma ungumNazaretha usangena etarven, noma ungaphuzi nje, kodwa khona nje ukungena etarven, usuke uyofunani etarven?
120.Wena uzothi. ‘hhayi, ngihamba nabangani bami, bayangena phela bona.’ Ziningi izinto baNgcwele okumele sizibhekisise. Noma singazondwa, kuthiwe sizenza ngcono, kuthiwe sesiyazitshela, kodwa uma ungase ungene etarven ngoba uthi wena uhamba nabangani bakho, uthi awuphuzi,manje le ngelosi ohamba nayo izongena etarven nayo?
121.Ayizungena etarven!! Uma kwenzeka kuba khona ingozi eyenzekayo uzosinda kanjani lapho ngoba phela le ngelosi ihamba nawe, iyona ekugadile, iyona ekubhekile.
122.Izinto ezinjalo baNgcwele ngiyafisa ukuthi zingasuki ezinhlizyweni zethu. Sibe ngabantu abazihlolayo, umuntu nomuntu azihlole ukuthi ukukholwa kwakhe kusathandeka yini kuNkulunkulu. ‘Ngisathandaza yini, ngilinde, noma mhalmbe sengike ngigcine icala nje?
123.Ngiyakwenza yini ukuthi ke ngilinde, ngithandaze? Ngingathandazeli izipho zasemhlabeni kuphela, kodwa ngithandazela ukuthi iNkosi ingiphe amandla okunqoba isono, ingizale kabusha ngoMoya waYo.
124.Singaceli izinto eziphathekayo zodwa, baNgcwele. Yebo sisemhlabeni, sisenyameni; siyazidinga izinto, kodwa makungabi yizo zodwa esizicelayo. Masiceleni nezingabonwa, izipho zikaMoya.
125.Engabe iminikelo yethu sisayibeka yini ngezinhliziyo ezithandazayo, ngezinhliziyo ezithobekileyo noma sesajwayela ukuthi kuyanikelwa nje. Akufanele izinto ezinjengalezi, baNgcwele, sizejwayele.
126.Kufanele konke esikwenzayo sikwenze siqaphile, sivule amehlo, sazi ukuthi la siphambi kukaBaba wethu osezulwini esicela kuye futhi uyasipha uma sicela.
127.Angazi noma uma sifuna ngempela ukuba abantu abazelwe ngomoya, sidlinze ngoMthetho kaNkulunkulu…isiZulu engisithandayo-ke sithi ‘sininge.’ Sengagcina sengiliqonda kahle leli gama . Ngangilazi; ngalifunda sengilapha kule ndlu Nkulunkulu.
128.BaNgcwele, uma singakwazi ukubuka abaholi bethu, sizobalalela nje ukuthi bathini kodwa singababuki, angikholwa ukuthi kukhona esingakufunda ukuze sibe abantu abazelwe ngomoya ngempela.
129.Uma ubuka isimo ayiso uBaba uMelusi, ubuke isimo ayiso uMfundisikazi, uMkhokheli oMkhulu, sengathi besingathi uma sibabuka bese sikhulekela ukuba nathi iNkosi isidale kabusha, sifane nalaba baholi, nathi sibe nezinhliziyo ezinjengezalaba abaholi.
130.Ngoba ngike ngithi uma ngibuka mina ngithi yi standard esiphezulu lesi, ngizibuze ukuthi ubani oyofika laphaya? Ngoba singabantu; sithi sisathi sikhonza uNkulunkulu sibuye sikhohlwe manje, kubuye kuvuke inyama ogqokweni manje.
131.Sibuye sithembise ukushaya umuntu manje mhlambe singekho isidingo, singene enyameni, kodwa singabuki abaholi bethu ukuthi baphila impilo enjani.
132.Ngendlela abathobeke ngayo kuNkulunkulu abaholi bethu, angazi ukuthi ubani ongafika ezingeni labo abakulo. Angazi ukuthi ubani ongafika kuleliya zinga.
133.BaNgcwele, njalo uma silapha kule ndawo sengathi singalokhu sikhumbula njalo ukuthi uNkulunkulu wasilanda sikuphi, futhi sihale simbonga njalo ngalokho.
134.Simbonge uNkulunkulu ngokusilanda sesedukile. Wonke umuntu la ofike mhlambe esemdala nje ebuNazaretheni ambonge uNkulunkulu. Abazalelwa kubo bazalelwa efeni elikhulu; nabo bangabuthathi kalula.
135.Noma uzalwe khona la kodwa hlala ubonga uthi ‘Nkosi, ngibonga ukuthi ngazalelwa la’ ngoba awulwazi usizi lwasezweni, lwabantu abaphila ezweni.
136.Luningi usizi olulaphaya ezweni, kodwa wena uma uzalelwe la bonga lokho ukuthi uzalelwe la; ungafisa ukuthi sengathi nawe engabe wazalwa ezweni ngoba ezweni akumnandi. Abantu bakhona backhanda i-facade engekho nje, kube sengathi yonke into imnandi.
137.Ayikho into emnandi kuleya mpilo yasezweni. Bathi abantu kade bethandana manje, kade kukuhle, kusasa umuntu athole iSMS enamagama awu 2 kuphela athi: ‘It’s over!’ Mabili la magama; awamathathu!
138.Uyabona uma esakuthanda uthi: ‘I love you.’ Mathathu, kodwa ayancipha uma sekuphela, sekuphela ubumnandi basezweni, kanti uNkulunkulu akasithumeli iSMS enjalo baNgcwele, usithanda njalo. Ngajabula kakhulu ukufika endaweni la nginesiqiniseko sokuthi ngithandwa wuNkulunkulu ophilayo.
139.Yingakho njalo umkhuleko wami kuwukuthi ngizalwe njalo ngomoya, bese lonke ibandla likaNkulunkulu ophilayo lizalwe ngoMoya waKhe kwenzele ukuthi uma silapha kule ndlu uShembe ahlale phakathi kwethu, izingelosi zihlale phakathi kwethu, kungabi bikho amaphunga angaqondakali.
140.Kungabi bikho umuntu ofihle isono njengo Akhani (Joshuwa 7). U-Akhani kwathi uma kuhlaselwa iJerikho, lizungezwa (ngoba lavele lazungezwa nje), ngithi mhlambe kwakuwunyaka ka 1400 B.C. U-Akhani kwakushiwo kahle ukuthi uma selinqotshiwe iJerikho angabi bikho umuntu oyothatha utho lwakulowo muzi ngoba konke okwalaphaya kwakungcolile.
141.Kodwa u-Akhani kukhona akuthatha ngoba ebona ukuthi wayengeke akuyeke. Wakufihla wabe esehlala phakathi kwabantu, kodwa abantu bathola ubunzima ngenxa yokuhlala nomuntu owenze isono phakathi kwabo. Kwaze kwasebenza i-Urim neThummim ukuze kubonakale ukuthi nangu lo muntu owenze le nto!!
142.Singazenzi-ke izinto ezinjalo baNgcwele; masibeni nje nokwethembeka kuNkulunkulu ngoba naye uthembekile kithi.
143.Uma ubona ukuthi kukhona isono esikwehlulayo, mhlambe unenzondo ngoba kukhona abantu obazondayo nakuba ungazi ukuthi benzeni ngempela kuwe ngenxa yamagqubu, zendlale kuShembe ubike uthi: ‘Nkosi, nansi into ingihlupha, izokwenza ukuthi igama lami licishwe encwadini yabaNgcwele, ngoba ungabhalwa emhlabeni ukuthi usebandleni lase NCG, kodwa okukhulu kakhulu ukuthi igama lakho likhona yini encwadini yalabo abayongena emzini ongcwele na?
144.BaNgcwele, kuyisifiso sami ukuthi sihlale sinesifiso, sifantasiza ngobuhle basezulwini.
INkosi ibusise esesikuzwile.